Skip to content

isiZulu Grade 8 Paper 1 June 2018 Question Paper

Question paperisiZuluGrade 820186 pages

Grade 8 isiZulu Paper 1 question paper from the June 2018, 6 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Loading document…

Loading document…

June 2018

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com Ikhasi lo-1 kwa-6 AE QUAM 20m yaine MONTEAr SASTRI COLLEGE ISIKHUNGO SEZILIMI - ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA UKUHLOLWA KWAPHAKATHI NONYAKA — 2018 IBANGA LESISHIYAGALOMBILI - (GRADE 8) IPHEPHA LOKUQALA (P 1) UMHLELI: N.Z. ZONDI ISIKHATHI: 1 IHORA UMCUBUNGULI: N.E. BHENGU IMIKLOMELO: 40 IMIYALELO KUBAFUNDI 1. Leli phepha lehlukaniswe iziqephu eziMBILI: © ISIQEPHU A: Isifundo Sokuqondisisa [20] © ISIQEPHU B: Izimiso Nokusetshenziswa Kolimi [20] 2. Linamakhasi ayisi- 3. Fundisisa yonke imiyalelo ngaphambi kokuthi uphendule imibuzo. 4. Phendula YONKE imibuzo. 5. Isiqephu ngasinye masiqalwe ekhasini ELISHA bese udweba umugga emva kwaleso siqephu. 6. SHIYA umugga emva kombuzo ngamunye. 7. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhaliwe emibuzweni. 8. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. 9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. Phega ikhasi
Downloaded from hlayiso.com Ikhasi le-2 kwa-6 ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 Fundisisa le ndatshana bese uphendula imibuzo ezolandela: AZONIKWA ITHUBA LOKUZIVEZA AMACIKO Mthobisi Sithole Ukufihlakala kwamakhono amaciko aseMzinyathi, kusukumise phansi igembu elingomakadebona kumasikandi, Izingane Zoma, laqhamuka nohlelo lokuqhakambisa lobu buciko ngokuba amaciko anikezwe ithuba lokuziveza. Lokhu kuzokwenzeka eNquthu Stadium mhlaka 27 May 2018 emcimbini obizwa ngaMaciko oMzinyathi Multi-Disciplinary Festival. Leli qembu elidume iNingizimu Afrika yonke, lithi likwenza lokhu ngenxa yokubona abanye abantu begcina sebegxila ezintweni ezibaholela ophathe ekubeni bephiwe ubuciko bokuziphilisa okubalwa ukucula, ukuthunga, ukubaza nokunye. Izingane Zoma zisungule i-foundation yokuqhakambisa ezobuciko ngaphansi kwesifunda uMzinyathi nokuyingxenye yokubuyisela emphakathini. Isikhulu sale nkampani, uMnu. Thulani Ngcobo uthi njengoba leli qembu selokhu layibamba kusukela ngo-1993, babone kukuhle ukuba banikeze amanye amaciko ithuba lokuziveza, kugqugquzelwe nentsha yaseMzinyathi ukuba ikusebenzise ekuphiwe. Eminyakeni edlule feli qembu liqale ngokusungula umkhankaso okwakuhloswe ngawo ukulekelela imindeni eswele ngokuba libe namakhonsathi omculo ezindaweni ezahlukene, lapho okwakungangenwa ngamali, kodwa umphakathi wawucelwa ukuba unikele ngonakho okubalwa kukho izimpahla zokuggoka, ukudla nezincwadi ezingasasebenzi bese konke kudluliselwa kuleyo mindeni eswele. Ngalolu suku kuzobe kumenywe amaciko aghamuka eMzinyathi ukuba azokhangisa ngemisebenzi yawo eyahlukene okubalwa imisebenzi yezandla efana nemvunulo yesintu, okubaziweyo nokunye okukhombisa ukunotha kwezobuciko kulesi sifunda. Phega ikhasi
Downloaded from hlayiso.com Ikhasi le-3 kwa-6 Kuzobe kushiyelana inkundla abaculi bakamasikandi okukhona kubo nabasebasha abaghamuka khona eMzinyathi. Umphakathi uzobe ungena mahhala njengoba kungahloswe kwenza nzuzo kulo mcimbi kodwa kuzobe kuvulelwa amaciko ithuba lokuzibonakalisa.Umcimbi uxhaswe wuMnyango wezobuCiko namaSiko kwaZulu-Natali, oholwa uNkk. Bongi Sithole- Moloi. Kuzonandisa Izingane Zoma, Amakhosi, Thokozani Langa, Khuzani, Amageza Amahie,Ali Mgube, Mfezemnyama noDlubheke. [Icashunwe ephephandabeni ILanga May 20, 2018] 1.1 Ubani umbhali walesi siqephu? (1) 1.2 Isiphi isizathu esenze kwasungulwa uhlelo lokuqhakambisa amasiko eMzinyathi? (2) 1.3 Bhala igama elibhalwe ngokugqamile esigabeni sesi-2 ngesiZulu esigondile. (1) 1.4 Ngenjani imindeni ebiyelekelelwa ngosizo lweZingane Zoma? {1) 1.5 Bala kube kubili imindeni ebiyelekelelwa ngakho. (2) 1.6 Yimuphi umnyango kaHulumeni oxhase fo mcimbi okukhulunywa ngawo esiqeshini? (1) 17 Bhala lezi zifinyezi ezisetshenziswe esiqeshini ngokugcwele: 17.1 Mnu. (1) 1.7.2 Nkk. (1) 1.8 Nikeza amagama abe MATHATHU alabo abazonandisa emcimbini. (3) 1.9 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe kubakaki: 19.1 Iciko umuntu owenza into (kabi, kahle, budedengu) (1) 1.9.2 Ukughakambisa kusho (ukufihla, ukubulala, ukuveza obala) {1) [15] Phega ikhasi
lchasi le-4 kwra-6 UMBUZO 2 Bukisisa lesi sikhangiso bese uphedula imibuzo ezolandela. Sms igama elithi "LANGAAIRTIME” ku 49028. Kuzowina abantu.. abayishumi njalo: ngeviki kanti abawinile bazokwaziswa ngomyalezo kumakhalekhukhwini. 2.1 Nikeza igama lephephandaba okuthathwe kulo lesi sikhangiso. (2) 2.2 lyiphi inombolo okuthunyelwa kuyo umyalezo ukuze uwine? (1) 2.3 Caphuna igama eliyisihlanganiso kilesi sikhangiso. (1) 2.4 Nikeza amagama ezinkampani zezingcingo zibe mbili eziyingxenye yomncintiswano. (2) [5] AMAMAKI ESIQEPHU A: [20] ' Phega ikhasi=
Downloaded from hlayiso.com tkhasi le-5 kwa-6 ISIQEPHU B ISIQEPHU B: IZIMISO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 2 2.1 Funda isiqeshana esingezansi bese utomula amagama angamabizo abe yisithupha (6): Kwenzeka lokhu nje amadoda awezwa lutho ngenxa yokuba buqamama. Uthe uSizwe esesebenza umuzi wokugcina, kwasuka esikhulu isililo emizini ayesedlule kuyo. Kwakukhala amaxhegu, izingane namakhosikazi. Zezwa izinsizwa ezindala. Zathi gubhu emazolweni zaqonda ngqo lapho umsindo wawuqhamuka ngakhona. (6) 2.2 Nikeza izikhuliso zala magama adwetshelwe kule misho elandelayo: 2.2.1 Sizogibela ibhasi lokugcina. {1) 2.2.2 Isitolo sikababa sishile. (2) 2.3 Bhala izinciphiso zala magama adwetshelwe kule misho elandelayo: 2.2.3. USizwe ungigxobe ngonyawo Iwakhe. (4) 2.2.4 Ngisayothenga isikhwama engizophatha ngaso. (1) [10] UMBUZO 3 3.1 Shono ukuthi le misho elandelayo iluhlobo luni: 3.1.1 Ngifuna ukuthenga isinkwa kodwa imali anginayo. (1) 3.1.2. Uzohamba nini ukuya edolobheni? (1) 3.1.3 Hawul Baze baphumelela kahle abantwana bethul (1) 3.2 Sebenzisa igama ‘ilanga’ emishweni emibili ozakhele yona iveze incazelo engafani, ukhombise uyayazi incazelo yalo. (2) Phega ikhasi
Downloaded from hlayiso.com ikhasi fe-6 kwa-6 3.4 Qondanisa UHLU A noHLU B, ukhethe impendulo kuHLU B enomgendo ophikisana naleyo ekuHLU A. UHLU A UHLU B ] 3.4.1 Isalukazi A. Isiphetho 3.4.2 Umakoti B. Inkonyane 3.4.3 Isiqalo C. Indodana ‘| 3.4.4 indodakazi D. Ikhehla | 3.4.5 Inkomazi E. Umkhwenyana | F. Inkunzi (5) AMAMAKI ESIQEPHU B= [20] AMAMAKI ESEWONKE= [40]

Study this subject