Skip to content

isiZulu Grade 8 Paper 1 November 2018 Question Paper

Question paperisiZuluGrade 820186 pages

Grade 8 isiZulu Paper 1 question paper from the November Exam 2018, 6 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Loading document…

Loading document…

November Exam 2018

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com Ikhasi lo-1 kwa6 SASTRI COLLEGE ISIKHUNGO SEZILIMI - ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA UKUHLOLWA KOKUPHELA KONYAKA —- 2018 IBANGA LESISHIYAGALOMBILI - (GRADE 8) IPHEPHA LOKUQALA (P1) UMHLELI: N.Z. ZONDI ISIKHATHI: IHORA ELI-1 UMCUBUNGULI: N. E. BHENGU AMAMAKIE: 40 IMIYALELO KUBAFUND! 1. 2. af Leli phepha linamakhasi ayi-6 Lehlukaniswe iziqephu ezi-3 * Isiqephu A: Isivivinyo sokugondisisa (20) * Isiqephu B: Ukufingga : (5) * Isiqephu C: Uhielo nokusetshenziswa kolimi (15) Fundisisa yonke imiyalelo ngaphambi kokuthi uphendule imibuzo. Phendula YONKE imibuzo. SHIYA umuggqa emva kombuzo ngamunye. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhaliwe emibuzweni. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. Imiklomelo isiyonke ingama-40 Phega ikhasi
Downloaded from hlayiso.com Ikhasi le-2 kwa-6 ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 Fundisisa le ndatshana bese uphendula imibuzo ezolandela: | Phansi Ngokushiswa Kwesikhumba BONISWA MOHALE Kukhuzwa umkhuba oyingozi wabesifazane wokuzishisa isikhumba ngokhilimu namakhemikhali okukhanyisa isikhumba. Lo mkhuba obuwande kosaziwayo bodwa kuthiwa usungenele nakwabesifazane abajwayelekile abangeneme ngebala labo elimnyama. Ukuxazulula le nkinga ungoti wezokuzicwala uNkk. Futhi Mkhize unomkhankaso obizwa ngokuthi Ngimnyama Ngimuhle Anti Bleaching Campaign, ozogala ngoNovemba eBotanic Gardens eThekwini. UNkk. Mkhize onesikole sokuzicwala, Ubuhle Beauty Academy, uthi abesifazane kabanelisekile ngebala labo slimnyama, bafuna ukuba mhlophe njengabelungu. Abantu besifazane abaningi batholakala sebenenkinga yesikhumba ngenxa yokuthi basebenzisa okhilimu bokukhanyisa isiknumba abatholakala ngisho emgwadeni. Okhilimu nemijovo yokukhanyisa isiknumba banekhemikhali eyingozi i-quinine, uhulumeni athola ukuthi ayikulungele ukusetshenziswa ngabantu, wase eyikhipha yonke imikhigizo enayo. Ngebhadi le mikhiqizo ibuyile futhi nabantu bayayithenga. Uma abantu besebenzisa okhilimu bokukhanyisa isiknumba baba nenkinga uma sekumele babayeke, basala benamashubaba, abanye bayavuvukala uma beke bashiswa yilanga. Abanye bagcina sebenesikhumba esibonakala imithambo eluhlaza engaphansi ngoba sekuvela isikhumba esingaphansi okungamele sivele. Uma sekwenzeka lokho umuntu usheshe alizwele ilanga, abe nezinduna uma isikhumba singcoliswa okuthile. Okusabisa kakhulu ukuthi ukusebenzisa !e mikhigizo ekhanyisa isikhumba kwenza umuntu abe namathuba amaningi okuba nomdlavuza (iknensa) yesikhumba. UMasipala weTheku uxhase lo mkhankaso ngendawo yokwenza umcimbi okungenwa kuwo mahhala. inhloso ukwexwayisa abantu besifazane nabesilisa ngobungozi bokukhanyisa isikhumba. Nakuba lo mkhuba wande kakhulu kwabesifazane, bakhona nabesilisa abawukhonzile lo mkhuba. Asibambe ighaza sonke , sisho ngazwi linye sithi; Phansi ngokushiswa kwesikhumbal Phega ikhasi
Downloaded from hlayiso.com Ikhasi le-3 kwa-6 Imibuzo 4.1.1 Ubani umbhali walesi sigephu? (1) 4.1.2 Yisiphi isizathu esenza abantu bafune ukushintsha ibala lesikhumba sabo? (2) 1.1.3 Nikeza igama lomkhankaso ogalwe ngenhloso yokuxazulula inkinga yokukhanyiswa kwesikhumba. (1) 1.1.4 Ubani ogale lo mkhankaso owubhale ngenhla? (1) 1.1.5 Bhala lesi sifinyezi ngokugcwele: Nkk. (1) 1.1.6 Shono ukuthi lo musho olandelayo uqukethe sifenggo sini: Bafuna ukuba mhiophe njengabelungu. (1) 1.1.7 Nikeza izinkinga zibe mbili ezidaiwa ukusetshenziswa kwezinto ezikhanyisa isikhumba. (2) 1.1.8 Kuyingozi ngani ukuthenga imikhigizo edayisa emgwaqeni? (2) 1.1.9 Shono ukuthi Iqiniso noma Amanga. Abantu besifazane kuphela abashintsha ibala lesikhumba sabo. Sekela impendulo yakho ngokucaphuna esigeshini. (2) 1.1.10 Ungameluleka uthini umuntu osebenzisa okhilimu noma imijovo ekhanyisa isiknumba? (2) {15} 1.2 Bukisisa isikhangiso esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela: Phega ikhasi
Downloaded from. hlayiso.com Ikhasi le-4 kwa-6 a ( Cs a ae | / ‘APE u i] NGUMGEMA AAR GE od | te ERT) AoE UPHILILE! 7 Ngakho-ke udinga iModul8 enamandlla nekhuthaza amasosha oemzimba wakho. Yakhiwe ngamakhambi anamandla asiza umzimba wakho uzelaphe. ngokushesha. ' - _Ukuba nempilo engcono sekusezandleni zakho ngeModuls. Phenya ikhasi
Downloaded from hlayiso.com Ikhast le-5 kwa-6 4.2.1 Bhala igama lomkhiqizo okhangiswayo. (4) 1.2.2 Nikeza izinkinga ezimbili osiza kuzo lo mkhigizo okhangiswayo. (2) 1.2.3 lyiphi inombolo ongayishayela uma ufuna ulwazi ngalo mkhigizo? (1) 4.2.4 Utholakala kuphi lo mkhiqizo? Shono indawo eyodwa. (1) [5] AMAMAKI ESIQEPHU A: [30] ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2 Funda isiqeshana ngezansi bese usifingqa ngamagama asukela kwayi-10 kuya kwangama-20. Ukubekezela kuzala impumelelo. Lokhu yinto okufanele wonke umuntu ophilayo abe nayo, kungakhathaleki ukuthi mdala noma mncane kangakanani. UThandanani Sithole, umfana waseMlazi wayefunda esikoleni iMenzi High School. Wayengaphiwe emsebenzini wesikole kangangokuba alikho ibanga ayengaliphindi. Abanye abafundi base bembiza ngenduna yabafundi ngenxa yokuthi wayesekhulile ngokweminyaka. Esefunda ibanga leshuminambili, wasebenza ngokuzikhandla okukhulu. Kwamangala bonke abantu ngisho nothisha imbala ngenkathi sekuphuma imiphumela kaMatikuletsheni. Kwatholakala ukuthi uThandanani uphumelele kahle wedlula abafundi ababaziwa ngokuthi bahlakaniphile. [5] AMAMAKI ESIQEPHU B: [5] Phega ikhasi
Downloaded from hlayiso.com Ikhasi le-6 kwa-6 ISIQEPHU C: IZIMISO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 3 3.1 Funda isiqeshana esingezansi bese usho ukuthi amagama abhalwe ngokugqamile azingcezu zini zenkulumo: Kuzobe kukhona ongoti besikhumba abazokhuluma namadoda nabesifazane ngoba yize kudume ukuthi ngabesifazane abathanda ukukhanyisa ibala kodwa akhona namadoda awukhonzile lo mkhuba. (3) 3.2 Bhala ubunye bala magama alandelayo: 3.2.1 Izifundiswa ; (1) 3.2.2 Imithambo : (1) 3.3 Bhala lo musho olandelayo ube senkathini yamanje eqhubekayo: Abafundi babhala umsebenzi wabo. (1) 3.4 Shono ukuthi la mabizo alandelayo aluhlobo luni: 3.4.1 Umfundi (1) 3.4.2 Amakhemikhali (1) 3.5 Faka isivumelwano esifanele ukuze lo musho uzwakale kahle: Abaniu besifazane ___ sebenzisa imithi enamakhemikhali. (1) 19] UMBUZO 4 4.1 Nikeza amagama aphikisana nalawa alandelayo: 4.1.1 Inono (1) 4.1.2 Inyanga (1) 4.2 Sebenzisa igama “inyanga” liveze imiqondo emibili engafani emishweni ozakhele yona ukhombise ukuthi uyayigonda incazelo yalo. (4) [6] AMAMAKI ESEWONKE: [40] AMAMAKI ESIQEPHU C: [15]

Study this subject