Skip to content

isiZulu HL Grade 8 NSC Prelim 2018 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 820186 pages

Grade 8 isiZulu HL question paper from the NSC Prelim Exam 2018, 6 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Tkhasi lo-1 kwa-5 SASTRI COLLEGE ISUKHUNGO SEZILIMI - ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA UKUHLOLWA KUKAMANDULO — 2018 IBANGA LESISHIYAGALOMBILI - (GRADE 8) UMHLELI: N.Z. ZONDI : ISIKHATHI: THORA ELI-1 UMCUBUNGTLE: N. E. BHENGU IMIKLOMELO: 40 IMIYALELO KUBAFUNDI 1. Leli phepha linamakhasi ayi-5 2. Leblukaniswe iziqephu ezi-2. * Isiqephu A: Isivivinyo sokuqondisisa (20) * Isiqephu B: Ubielo nokusetshenziswa kolimi (20) 3. Fundisisa yonke imiyalelo ngaphambi kokuthi uphendule imibuzo. 4. Phendula YONKE imibuzo. 5. SHIVA umugga emva kombuzo ngamunye. 6. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhaliwe emibuzweni. 7. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. 8. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. 9. Imiklomelo isiyonke ingama-40 Phenya ikhasi/...
Ikhasi le-2 kowa-5 ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 Fundisisa le ndatshana bese uphendula imibuzo ezolandela: ABANGANI ABANGALUNGILE BENGANE YAKHO Wonke umzali ufisa ukuthi izingane zakhe zikhule zikwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi. Lokho kuyazisiza izingane ukuba zikhule zinesimilo esamukelekile emphakathini. Kunezimpawu umzali angabona ngazo uma ingane isinabangani abangalungile. Indlela yokugqoka, ukusebenzisa ulimi olungajwayelekile ukusetshenziswa ekhaya kanye nokuzithathela izinqumo ngokwayo ingabonisananga namuntu emndenini. Umzali kumele ahlate phansi nengane yakhe ayifundise imithetho yalapha ekhaya kanye nendlela okufanele igcinwe ngayo. Yize izingane zinalo ilungelo lokuzikhethela abantu ezifisa ukuchitha isikhathi nabo kodwa akuvumelekile ukuthi ziziphathe noma ikanjani. Kungumsebenzi womzali ukuthi ayicele ingane yakhe ukuba ingachithi isikhathi nabangani abangalungile. Ukuchitha isikhathi nalolu hlobo lwabangani kungahlukumeza abanye abantu, abazali nayo ingane uqobo okungagcina kuphoqa umzali ukuba angenelele. Abazali abaningi bahlale bematasatasa bengenaso isikhathi sokuhlala phansi nezingane zabo. Umzali makangabagxeki abangani bengane yakhe kodwa angayixwayisa ingane ngobubi bokuhamba nabangani abenza okungalungile. Lokho kungayenza ingane ibayeke ngokwayo labo bangani. Ukukhuthaza ingane nokukholelwa kuyo kungayenza ukuba ikwazi ukukhetha abangani abaqotho. Ngakho-ke, ukuchitha isikhathi esanele nengane kungalekelela ekwakheni ubudlelwane obuhle. Makube nohlelo olwaziwayo oluzolandelwa ingane nomndeni ekwenzeni izinto ukuze kuncishiswe isikhathi sabangani. Kudingeka ukuthi umzaii acele usizo kwabanye abantu bomndeni njengomalume, obabekazi noma kwabangaphandle okungaba omakhelwane nomfundisi webandla akhonza kulo. Ukuhluleka kwabo kungasho ukuthi sekudingeka izeluleko zabawufundele umsebenzi njengothisha, osonhialakahle nabeluleki bezengqondo. Alikho icala uma umzali ebaxosha abangani bengane yakhe uma esola ukuthi ubudlelwane babo obokududana ngezinto ezimbi. Kuyoba kuhle ukuthi umzali lowo angagcini ngokubaxosha abangani kodwa aphinde azise abazali ngalokho akusolayo ukuze kubanjiswane ekukhuliseni izingane ngendlela efanele. Umzali makabazi abangani bengane yakhe kanye nalapho behlala khona ngoba lokho kuyoba olukhulu usizo ngelinye ilanga. Lokho kungamsiza uma ingane yakhe ivele inyamalale ingashongo ukuthi iyaphi noma sekushona ilanga ingaqhamuki. Phenya ikhasi/...
Ikhasi le-3 kwa-5 Izinga lobugebengu obenzeka emiphakathini selidlondlobele kakhulu esikhathini samanje. Umzali makayikhuthaze zisuka nje ingane ukuba isho ukuthi iya kuphi, izobuya nini futhi iyokwenzani ukuze kugwemeke izinkinga ezingavela ekuhambeni kwesikhathi. Ngaphandle kwesizathu sokuphepha kwengane, ukwazi ukuthi uhambo Iwengane lumayelana nani kungasiza umzali ekutheni anqume ukuthi angayivumela norna angayivumell ingane yakhe ukuthi ihambe. isaga esithi libunjwa liseva siqwashisa ngokuthi isimilo somuntu silolongwa esemncane engakangeni obishini. Kuba nzima ukulungisa isimilo esesiphumile esandleni. Akukho okutheni okungashiwo umzali enganeni esivele ikhohliswe abangani. Lezi zinyathelo ezingenhla kumele abazali baziqikelele zisuka amadaka ngoba amanzi achithekile awanakubuthwa. imibuzo 1.1 Kusiza ngani ukwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi? (2) 1.2 Nikeza izimpawu zibe MBILI umzali angabona ngazo uma ingane yakhe isinabangani abangalungile. (2) 1.3 Ungamchaza ngokuthi onjani umngani ongalungile? (2) 1.4 Ake unikeze izibonelo zezinto ezimbili ezenziwa abangani abangalungile. (2) 15 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikezwe kubakaki: 1.5.1 Ukuba matasatasa kusho (ukuhlala phansi, ukukhathazeka, ukusebenza). (1) 1.5.2 Ukugxeka ( ukukhufuma kahle, ukukhuluma kabi, ukushaya izandla). (1) 1.5.3 Ukwelekelela kusho (ukusiza, ukweluleka, ukubaleka). (1) 1.6 Chaza lezi zimo zokukhuluma njengoba zisetshenzisiwe endabeni: 1.6.1 Ukungena obishini. (2) 1.6.2 Amanzi achithekile awanakubuthwa. (2) 17 Kumsiza kanjani umzali ukwazi abangani bengane yakhe nalapho behlala khona? (2) 1.8 Shono ukuthi la'mazwi ayiginiso noma amanga: Ukuba nohlelo olulandelwa ingane lokwenza izinto emndenini kuyasinciphisa isikhathi sabangani. Sekela impendulo yakho. (3) AMAMAK] ESIQEPHU A: [20] Phenya ikhasi/...
ikhasi le-4 kwa-5 ISIQEPHU B: IZIMISO NOKUSETSHENZISWA KOLIM! UMBUZO 2 2.1 Funda lesi sigatshana bese usho ukuthi amagama abhalwe ngokuggamile azingcezu zini zenkulumo: Kunezimpawu umzali angabona ngazo uma ingane isinabangani abangalungile. Indlela yokuggoka, ukusebenzisa ulimi olungajwayelekile ukusetshenziswa ekhaya kanye nokuzithathela izinqumo ngokwayo ingabonisananga namuntu emndenini. Umzali kumele ahlale phansi nengane yakhe ayifundise imithetho yalapha ekhaya kanye nendlela okufanele igcinwe ngayo. [5] 2.2 Shono ukuthi le misho elandelayo iluhlobo luni: 2.2.1 Ngifuna ukuthenga isinkwa kodwa imali anginayo. (1) 2.2.2 Uzohamba nini ukuya edolobheni? (2) 2.2.3. Hawu! Baze baphumelela kahle abantwana bethu! (1) 2.2.4 Bafundi, khiphani amabhuku nibhale umsebenzi. (1) 2.2.5 Abazali kumele bafundise izingane zabo inhlonipho. (1) [10] UMBUZO 3 3.1 Bhala imisho elandelayo ibe senkathini oyinikeziwe kubakaki: 3.1.1 Abafundi babhala isivivinyo. (Ezofika) (1) 3.1.2 Umama upheka ukudla okumnandi, (Eyadlula) (1) 3.1.3. Umfundisi ushumayela kahle enkanzweni. (Esanda kudiula) (1) 3.2 Shono ukuthi la mabizo alandelayo aluhlobo tuni: 3.2.1 Iculo (1) 3.2.2 Ikhethini (4) Phenya ikhasi/...
Ikhasi le-5 kwa-5 3.3 Sebenzisa igama ‘ilanga’ emishweni emibili ozakhele yona iveze incazelo engafani, ukhombise uyayazi incazelo yalo. (2} 3.4 Nikeza amagama anomqondo ophikisana nalawa adwetshelwe abuye agqanyiswa: 3.4.1 Kumnandi ukusheshe ulale. (1) 3.4.2 Ukusutha kwenza ungabi namandla. (1) 3.4.3 Simbone okokuqala egijima nabangani bakhe. (1) [10] AMAMAKI ESIQEPHU B= [20] AMAMAKI ESEWONKE= [40]

Study this subject