Skip to content

isiZulu FAL Grade 12 Paper 1 NSC June 2015 Question Paper

Question paperisiZulu FALGrade 12201514 pages

Grade 12 isiZulu FAL Paper 1 question paper from the NSC June Exam 2015, 14 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2015

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) IPHEPHA LOKUQALA (P1) 2015 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: amahora ama-2 Leli phepha linamakhasi ayi-14. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 2 DBE/2015 SCE IMIYALELO KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30) ISIQEPHU B: Ukufingqa (10) ISIQEPHU C: Uhlelo nokusetshenziswa kolimi (40) 2. Fundisisa YONKE imiyalelo ngaphambi kokuba uphendule imibuzo. 3. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha. 4. Qala isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA bese udweba umugqa emva kwaleso siqephu. 5. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhalwe embuzweni. 6. Shiya umugqa emva kombuzo ngamunye. 7. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. 8. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. 9. Ungahlukanisa isikhathi obhala ngaso ngokwalezi ziqephu: ISIQEPHU A: imizuzu engama-50 ISIQEPHU B: imizuzu engama-30 ISIQEPHU C: imizuzu engama-40 10. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 3 DBE/2015 SCE ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 1.1 Fundisisa lesi siqephu esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. INTUTHUKO ENDAWENI YASESALUTHI ISaluthi indawo edume umhlaba wonke. Le ndawo itholakala ezweni lase Ningizimu Afrika esifundazweni saseMpumalanga. Kule ndawo kwakukhona owesifazane igama lakhe kunguNontombi. UNontombi wadlala indima enkulu ekuthuthukeni kwale ndawo yasemakhaya ize yaziwe umhlaba wonke. Le ndawo yayinabantu abaningi abahluphekayo kanti nemisebenzi yabe ingekho. Ngelinye ilanga kwafika abaphathi benkampani yakwaMayibuye Constructions bezocela enkosini yendawo ukwakha ihhotela. Inkosi yaseSaluthi yabona kuyisu elihle leli nelizosiza ukuvula amathuba emisebenzi kubantu bayo. Yabanika indawo, bathokoza kakhulu. Inkosi yabiza imbizo/umhlangano wabantu bendawo ukubachazela ngesicelo sabakwaMayibuye Constructions. Abantu bavumela phezulu kwazise kwa- kuzotholakala amathuba emisebenzi, abantu bakwazi ukuxosha ikati eziko. Lokhu kwakuzoletha intuthuko endaweni yaseSaluthi futhi yayizothola nokwaziwa. Kwenziwa onke amalungiselelo afanele okwakha ihhotela. Ngosuku lomcimbi wokukhonjwa kwendawo yokwakha ihhotela inkosi yayihambela phezulu ngenxa yenjabulo. Umphathi wakwaMayibuye Constructions waxhawula inkosi. Wabe usuqala umsebenzi wokwakha ihhotela. Abantu bafika ngobuningi babo ukuzofuna imisebenzi eyehlukene. Baningi abaqashwa ikakhulukazi abesilisa ukuze basize ekwakheni ihhotela. Abanye babenikwa amatoho. Emva kokuphela komsebenzi wokwakhiwa kwehhotela kwabe sekuqashwa abesifazane abaningi ababezosebenza ukulihlanza/ ukuliklina ngaphambi kokuba liqale ukusebenza. Emva kwalokho abantu baqeqeshwa izinyanga ezintathu ukuze bathole amakhono amaningi ababezowasebenzisa ehhotela. Waqala umsebenzi, abanye bathola imisebenzi yokuba izimenenja, ukwamukela izivakashi, ukukhangisa ihhotela, ukupheka neminye eminingi. Kwaba buhlungu kubantu abangaqashwanga. Kwaqashwa kakhulu abantu abasebasha. Isizathu salokhu ukuthi abantu abasha bayakwazi ukumelana nokusebenza amahora amaningi kanti bayakwazi nokukhuluma ulimi lwesiNgisi. UNontombi waphatheka kabi ngoba abantu abadala abanikwanga ithuba lokusebenza ehhotela kanti yibona abayinsika yale ndawo. Banolwazi oluningi lomlando olungaba usizo ezivakashini. Wabakhuthaza abantu abadala ukuthi baqhubeke nokwenza imisebenzi yezandla abazoyidayisela izivakashi. Lokhu kwakukhombisa ukuthi unozwela futhi uyimvu. Umphathi wehhotela wazithenga ezinye zalezi zinto wazisebenzisela ukuhlobisa ihhotela. Inkosi yahlonishwa ngokunikwa ithuba lokuthi iqambe igama lehhotela. Nebala yaliqamba ngokuthi; yiZavela Hotel. Leli gama kwakuyizibongo zenkosi eyaziqanjwa umkhulu wayo uMehlwenyoka. UNontombi wayesebenza njengomuntu owamukela izivakashi abuye akhangise/alimakethe ihhotela kwamanye amazwe. Wavula i-website ukuze ihhotela laziwe umhlaba wonke. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 4 DBE/2015 SCE Ukusebenza kuka Nontombi njengomamukeli wezivakashi ehhotela kwamenza ukuba abe sethubeni elihle elamenza wakwazi ukuxhumana nabantu bemikhakha eyehlukene. Leli thuba walisebenzisa ukusiza abantu baseSaluthi ukuba bavule amabhizinisi abo amancane. Abantu abadala baseSaluthi wabasiza ngokuthi bagcine sebenenkampani yabo eyabe ibizwa ngokuthi iSinamuva. Yathuthuka le nkampani idayisa izinto ababezenza ngezandla. Nayo le nkampani yagcina isiqasha abantu ababezosebenza kuyona. Imisebenzi yabo yaheha izivakashi ezikude neziseduze. Kwavuleka namanye amathuba emisebenzi ahambisana nezokuvakasha. Amakhono abantu ehlukene athuthuka ngokushesha. Izivakashi zazijatshuliswa ngomculo wesiNtu, ukusina kanye nokuxoxelwa ngomlando wendawo. Abanye bagcina sebeqopha umculo wabo owawudlalwa emisakazweni nakumabonakude. Intuthuko yaqhubekela phambili kwaze kwakhona abesifazane abavula izindawo zokupheka ukudla kwesiNtu. Izivakashi zazikujabulela kakhulu ukuyodla kulezi zindawo, zazizitika ngezibiliboco. Ngezikhathi zamaholidi indawo yaseSaluthi kwakuba yindawo evakashelwa kakhulu ngoba yayinakho konke okudingwa izivakashi. Osomabhizinisi babebambela imihlangano eZavela Hotel, abanye babelisebenzisela imishado, nokugubha izinsuku zokuzalwa. UHulumeni walisebenzisa naye ukubamba imihlangango yezikhulu zeMinyango eyehlukene. Yathuthuka kanjalo-ke indawo yaseSaluthi. Ubuhle bayo babubuye bufakazelwe nayizintaba nemifula kanye nabantu bakhona abanobuntu nothando. Oke wavakashela khona akawuvali umlomo. Sekungathi iphupho ukuthi abantu base-Saluthi bake bahlupheka. [Own source] 1.1.1 ISaluthi itholakala kusiphi isifundazwe? (1) 1.1.2 Yini eyenza inkosi ivumele abaphathi benkampani yakwaMayibuye Constructions ukuthi bakhe ihhotela eSaluthi? (1) 1.1.3 Tomula igama elisendabeni elisho ukujabula. (1) 1.1.4 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe: Abantu abaqashwa ehhotela baqeqeshwa ... A Iminyaka emithathu. B Izinyanga ezintathu. C Amasonto amathathu. D Izinsuku ezintathu. (1) 1.1.5 Gcwalisa isikhala ngegama elifanele kulo musho olandelayo. Inkosi yaseSaluthi yayingu ... kaMehlwenyoka. (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 5 DBE/2015 SCE 1.1.6 Inkosi yayiyibizelani imbizo? (1) 1.1.7 Bhala izinto EZIMBILI zokuhlobisa ocabanga ukuthi zazenziwa ngezandla yinkampani iSinamuva. (2) 1.1.8 Ukuxhawula kukhombisa ziphi izinto EZIMBILI ngokushiwo yindaba? (2) 1.1.9 Kungani kwaqashwa kakhulu abantu abasebasha? Bhala amaphuzu AMABILI. (2) 1.1.10 Chaza lezi zimo zokukhuluma ezibhalwe ngokugqamile njengoba zisetshenzisiwe endabeni: (a) UNontombi uyimvu. (2) (b) Abantu bakwazi ukuxosha ikati eziko. (2) (c) Oke wavakasha khona akawuvali umlomo. (2) 1.1.11 Ukusebenza kukaNontombi njengomamukeli wezivakashi ehhotela kwaba namthelela muni kubantu baseSaluthi? (2) 1.1.12 Ngabe IQINISO noma UMBONO ukuthi ukuthuthuka kwendawo yaseSaluthi kwaletha impilo engcono kubantu bakhona? Sekela impendulo yakho ngamaphuzu AMABILI. (2) 1.1.13 Ngokucabanga kwakho yisiphi isizathu esenza inkampani iSinamuva iqanjwe ngaleli gama? (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 6 DBE/2015 SCE 1.2 Bukisisa le khathuni bese uphendula imibuzo elandeyo: [Isithombe sicashunwe kuSolezwe-2013] 1.2.1 Yiluphi uhlelo athanda ukulubuka ugogo? (1) 1.2.2 Zithini izindaba ezishisayo zalolu suku? (1) 1.2.3 Tomula amagama akhombisa ukubabaza enkulumeni kagogo. (2) 1.2.4 Le ntombazane esesithombeni ayithembekile. Sekela lesi sitatimende. (2) AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 7 DBE/2015 SCE ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2 Fundisisa lesi siqeshana esingezansi esikhuluma ngezimo lapho umuntu ebonga bese usifingqa ngamaphuzu ayi-7. IMIYALELO 1. Bhala amaphuzu ayi-7 ngemisho ephelele. Amagama akho angeqi/angadluli kwangama-60. 2. Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-7. 3. Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye. 4. Bhala ngamagama akho. 5. Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile bhala inani lamagama owasebenzisile. UKUBONGA Ukubonga yinto esemqoka empilweni yomuntu. Singakubuka njengento encane kanti kuhamba ibanga elide. Ukubonga akukhethi iminyaka, isikhundla, isimo somnotho, imfundo nobuzwe. Abantu babonga ngezindlela ezingafani. Kukhona abasebenzisa amazwi athile njengokuthi 'iNkosi ikubusise' noma bathi 'kwande lapho uthathe khona'. Abanye bathenga izipho zokubonga. Isipho sokuba nomzali sikhulu kunazo zonke. Kufanele ngaso sonke isikhathi sibonge abazali bethu ngokusiletha emhlabeni, ukusithanda, ukusikhulisa nokusinakekela. Kukhona abantu abahlale benathi ngezikhathi ezimnandi noma ezibuhlungu. Labo bantu bayadinga ukubongwa besaphila. Uyakhuthazeka umuntu uma ebongwa. Ukubonga akwenziwa ngoba uphiwa okuthile kuphela. Umuntu uyabonga uma enconywa ngalokho akwenzayo/akwenzile, anakho kanye nendlela abukeka ngayo. Kujwayelekile ukuthi abashayeli bezimoto namabhasi basizane emgwaqweni. Umshayeli osiziwe kumele abonge ngokusebenzisa uphawu olujwayelekile lokuphakamisa isandla noma ukukhanyisa izibani. Ukumenywa emcimbini kuyinto ejabulisayo, uzizwa ubalulekile ngokuba yingxenye yalowo mcimbi. Umuntu uma ekumemile ubobonga ngoba basuke bebaningi abangamenyiwe kodwa wakhetha wena. Abanye basuke bacabange ukuthi usuke umsiza loyo okumemile ngokuya emcimbini bese bengabongi. Lowo owenze umcimbi naye kufanele ababonge abantu ngokumhambela kwabo. Umcimbi angeke ube yimpumelelo uma abantu bengekho. Ababhali bezincwadi nabo bayabonga. Lokhu siyakubona ezincwadini zabo ezinamakhasi lapho bebonga khona abantu ngempumelelo yabo. Basuke bebonga bonke ababambe iqhaza emsebenzini wabo, njengemindeni, ozakwabo, othisha nabashicileli. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 8 DBE/2015 SCE Okubalulekile kunakho konke, ukubonga uMdali ngesipho sempilo. Kumele simbonge ngazo zonke izikhathi. Kuhle ukuzifundisa ukubonga ngoba akubizi mali. Lokhu kuyokwenza ukuthi abantu bakuhloniphe. Ukubonga kwandisa ubuntu, kufundisa nesizukulwane esisha indlela enhle yokuphila. [Own source] AMAMAKI ESIQEPHU B: 10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 9 DBE/2015 SCE ISIQEPHU C: UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 3 Bukisisa lesi sikhangisi bese uphendula imibuzo ezolandela. SABELA ZIYAKUBIZA IZINTABA ZOKHAHLAMBA! THOLA UMOYA ONEMPILO NGAPHANSI KWEZINTABA ZOKHAHLAMBA. Angeke uphinde ulale kwenye indawo uma uke walala eMajuba Guesthouse! eMajuba Guesthouse uthola: Umuzi omkhulu one-Wi-Fi Amakamelo okulala anezindlu zangasese Ikamelo elikhulu lokuphumula eline-DStv Indawo yokuzivocavoca Indawo yokubhukuda Isidlo sasekuseni esehla esiphundu Bhukha manje: www.maguho.com 032 352 9782 noma uzifikele mathupha 17 Sitron Avenue Sunny Ridge Drakensberg 3200 Kunesaphulelo samaphesenti angama-30 uma ubhukhela izinsuku eziyi-7. [Own source] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 10 DBE/2015 SCE 3.1 Kungani amagama athi: 'Majuba Guesthouse' ebhalwe ngefonti enkulu? (1) 3.2 Yini etholakala eMajuba Guesthouse? Bhala OKUBILI. (2) 3.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe: Lo musho olandelayo uqukethe hlobo luni lwesifengqo: Sabela ziyakubiza izintaba zoKhahlamba. A Ukwenza sasilwane. B Ukwenza samuntu. C Isifaniso. D Isingathekiso. (1) 3.4 Tomula umusho onolimi olukhohlisayo kulesi sikhangisi esingenhla. (2) 3.5 Kusho ukuthini ukuthi isidlo sehla esiphundu? (2) 3.6 Ngokubona kwakho ngabe kungumqondo omuhle ukuba neGuesthouse endaweni ekude nedolobha? Sekela impendulo yakho ngamaphuzu AMABILI. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 11 DBE/2015 SCE UMBUZO 4 Bukisisa le khathuni bese uphendula imibuzo ezolandela. We Tiza! Usuzwile Kahle MaMgobhozi ukuthi kunenyoka evele ukuxoxa iqhamuke kulo mgwaqo inganekwane emini, igwinye izimoto? sizomila izimpondo! Hawu Kuthiwa sebephelile Inyoka pho! amanga kulo abantu! mama ... [Isithombe sicashunwe kuSolezwe-2014] 4.1 Hlobo luni lwemoto lolu olugitshelwe yilaba bantu? (1) 4.2 Iyiphi le ndaba exoxwa nguMaMgobhozi? (2) 4.3 Bhala lo musho olandelayo ulungise amaphutha. Hawu amanga kulo mama ... (2) 4.4 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe: Indaba emilisa izimpondo yindaba ... A Emnandi. B Engakholakali. C Ethusayo. D Eyiqiniso. (1) 4.5 Bhala izinto EZIMBILI ezingenzeka njengoba umshayeli eshayela ebheke emuva. (2) 4.6 Phawula ngesimo esikhonjiswa ubuso babagibeli abasesithombeni esingenhla. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 12 DBE/2015 SCE UMBUZO 5 5.1 Fundisisa lesi siqeshana bese uphendula imibuzo ezolandela. USipho uthi namhlanje uzoxoxela izivakashi nge-Big Five. 'Ziningi izinhlobo zezilwane ezihlala ehlathini. Kulezi zilwane kukhona ezibizwa ngokuthi i-Big Five. Lezo; yindlovu, ubhejane, inyathi, ibhubesi kanye nengwe. Ibhubesi laziwa ngokuthi yilona eliyinkosi yehlathi. Zikhona nezinye ezinkulu njengendlulamithi, idube njalo njalo, kodwa ibhubesi yilona eliyingozi kakhulu kunezinye. Liyakwazi ukuzingela. Mina ngithanda ingwe ngoba yinhle ngenxa yamabala ayo. Kuze kube khona isaga esithi ingwe idla ngamabala. Isikhumba sayo sisetshenziselwa ukwenza imvunulo yamakhosi. Inejubane, ayigijimi ishiya isithunzi! Kukhona abantu abathanda indlovu ngoba yinkulu futhi inamandla. Okubalulekile ngayo ukuthi ayikhohlwa kanti ubhejane uzingelwa kakhulu ngenxa yophondo lwawo. Inyathi yona yinkomo yehlathi enesisindo esikhulu nolaka.' [Own source] 5.1.1 Bhala isifinyezo segama elibhalwe ngokugqamile esiqeshini. (1) 5.1.2 Bhala igama elisebenze ukukhomba indawo kulo musho olandelayo: Ziningi izinhlobo zezilwane ezihlala ehlathini. (1) 5.1.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe: Ingwe idla ngamabala. Lesi saga sichaza ukuthi: A Umuntu othanda imibala emihle. B Umuntu othanda ukuzingela. C Umuntu othanda ukubukwa. D Umuntu ozakhela udumo ngezenzo zakhe ezinhle. (1) 5.1.4 Khetha isihlanganiso esifanele kubakaki bese uhlanganisa le misho elandelayo ibe umusho owodwa. (mhlawumbe, uma, ngoba, ukuze) Abantu bayalesaba ibhubesi. Ibhubesi liyingozi kakhulu. (2) 5.1.5 Nciphisa igama elibhalwe ngokugqamile emshweni ongezansi. Ubhejane uzingelwa kakhulu ngenxa yophondo lwawo. (1) 5.1.6 Bhala lo musho olandelayo uqale ngegama elibhalwe ngokugqamile. Abantu abaningi bathanda indlovu. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 13 DBE/2015 SCE 5.1.7 Guqula le nkulumombiko ibe yinkulumo ngqo: USipho uthi namhlanje uzoxoxela izivakashi nge-Big Five. (2) 5.1.8 Sebenzisa igama isithunzi emshweni ozakhele wona ukuze kuvele incazelo ehlukile kunale esesiqeshini. (2) 5.1.9 Hlobo luni lwesifengqo oluqukethwe umusho olandelayo: Ibhubesi yinkosi yehlathi. (2) 5.2 Bukisisa lesi sithombe bese uphendula imibuzo elandelayo. [www.googlepictures.com] 'Ngiyakuthanda Betty sithandwa sami! Anginandaba ukuthi umndeni wakho awungifuni ngoba nakhu ngingowolunye uhlanga ('race'). Ngizokujabulisa impilo yakho yonke size sehlukaniswe ukufa. Sizoba nabantwana abahle! Ngizothandaza ukuze umndeni wakho ugcine ukwamukela ukuthi usunguNkosikazi Ndlovu.' Kwasho uThabani ngelanga lomshado wakhe noBetty. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 14 DBE/2015 SCE 5.2.1 La mazwi alandelayo avusa muphi umuzwa? 'Ngiyakuthanda Betty sithandwa sami!' (1) 5.2.2 Hlobo luni lokucwasa olwenziwa umndeni kaBetty kuThabani? (1) 5.2.3 Bhala OKUBILI okufiswa uThabani emshadweni wabo. (2) 5.2.4 Ngabe IQINISO noma UMBONO ukuthi abantu abashadile bahlala baze behlukaniswe ukufa. (2) [20] AMAMAKI ESIQEPHU C: 40 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu FAL

View all