Skip to content

isiZulu FAL Grade 12 March Test 2016 Question Paper

Question paperisiZulu FALGrade 1220166 pages

Grade 12 isiZulu FAL question paper from the March Test 2016, 6 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
DEPARTMENT OF BASIC EDUCATION GREENBURY SECONDARY SCHOOL ISIVIVINYO SIKAMASHI 2016 ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) UMHLOLI: S.B. MDUNGE UMCUBUNGULI: P.N. LUTHULI ISIKHATHI: IHORA ELILODWA (1) AMAMAKI: 40 Ne S ti [o3/ze 16 IMIYALELO KWABAHLOLWAYO e LELI PHEPHA LIHLUKANISWE IZIQEPHU EZINTATHU ISIQEPHU A: UKUFUNDA NOKUQONDISISA ISIQEPHU B: UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI ISIQEPHU C: IMIBHALO YOBUCIKO e¢ FUNDISISA IMIGOMO YALELI PHEPHA NGAPHAMBI KOKUPHENDULA IMIBUZO e PHENDULA YONKE IMIBUZO NGOLIMI OHLOLWA NGALO e¢ HLELA IZIMPENDULO ZAKHO NJENGOBA ZIHLELWE EMIBUZWENI e HLELA ISIKHATHI SAKHO UKUZE UQEDE e BHALA NGOBUNONO OBUKHULU NANGOKUCACILE
ISIQEPHU A UMBUZO 1 Funda lesi sigeshana bese uphendula imibuzo ezolandela: Baqinisile abathi ayiluthezi olumanzi abanye bathi yimpande yesono. Impela umuntu owadala imali wakuletha ukuhlupheka. Imali yenza umuntu othi uyamazi aphunduke isilwane ugobo lwaso.Buka ngisho ngabe ningabangani abayizithupha ziya ogwayini Hho! Kwangena imali niba yinkukhu nempaka. Imali iyathandeka, iyahehana, uma unayo iningi usuke uphakathi komhlane nembeleko. Usuke ucanasa, ukhomba ngophakathi. Ngitshele ke ubani ongathandi ukukhomba ngophakathi kube kukhona abanye beshaya inja ngekhanda. Abantu abahlala bethungatha nalapho kukhona khona imalianingi abantu . Baningi abantu chithi saka nezwe lonke. Bafunani? Bafuna umcebo. Bafuna inkindlane yemali. Bafuna imali ezala ngeminithi. Kwala noma beqwashiswa kuthiwe bangalokothi ukuzama umcebo wesikhathi esincane kodwa kuba nhlanga zimuka nomoya. Wena sokuqala okhiphe leso sexwayiso uba yisitha sokuqala nesokugcina. Bakuhleka usulu wena osabafundekela ngokuthi abaye ezindaweni ezisemthethweni lapho kongiwa khona imali, babona kahle ukuthi wena awunacompuyutha. Phela baqhosha ngokuthi bona bachofoza ikhompuyutha babone babone imali yabo ngamehlo ibenzela inzalo. Elempofana livunywa muva, kothi uma izinto sezingahambi kahle, lowo okade exwayiswa uyombona ngokuthalalisa. Lapho esegxeka abantu abadle imali yakhe ongathi babemkhombe ngesibhamu kanti nguye obe nguthathekile wangafuna ukukhuzwa. Ayikho imali etholakala kalula uma kungesiwona umncintiswano. Ezinye izingane ezisafundisikole zidela ubunsizwa nobuntombi bazo Kanye nokujabula ukuba zibizwa ngezingane ngenxa yemali. Zithola, zitholise abantwana ngenxa njalo yokufuna imali yesondlo sikahulumeni ukuthi zithenge imfashini zilungise namakhanda. Ezinye izingane zincama ukuthandana nabantu abadala ngenxa njalo yokuthanida imali. Ezinye zingane zabafana zikhetha ukudayisa izidakamizwa ukuze zithole imali. Angisaluphathi udaba oludia lubi kulezi zinsuku Iwezingane ezihlezi zisezinkundleni zokuxhumana lapho zitshelwa khona ukuthi uma ziba ngamalungu asebenzela uSathane zilindeleke ukuba ziphuze igazi lezinye izingane ukuze zibenemali eningi. Kuthiwa ngisho izingozi eziningi ezimbandakanya izingane zesikole zidalwa yilezi zingane esezingenwe imisebenzi yakwaSathane. Ngakho belu ukuthanda imali.
Bantu bakithi xwayani izimpisi ezigqoke isikhumba semvu. Selokhu kwathi nhlo bakhutshwa yitshe elilodwa. Okhuthuzwe namuhla akafuni ukufunda kokhuthuzwe izolo. Kukhalwa isililo esisodwa njalo. wes oaenanes Yisiphi isaga esisetshenziswe ekuqaleni esihambelana nemali? (1) Yini e Xabanisa abangani ngokwalesi siqephui? (1) Yingani umbhali esebenzise isisho esithi inkukhu nempaka uma echaza ukuxabana kwabangani? (1) Usuke unjani uma uphakathi komhlane nembeleko? (1) Ngokwalesi siqephu abantu bayifunelani imali? (1) Yikuphi umbhali walesi siqephu afuna ukusexwayisa ngakho? (1) Ngokucabanga kwakho yini ndaba umuntu osecwilile bese ethi imali idliwe yibhanoyi(2) Ungamyala uthini umuntu mayelana namabhanoyi. (1) Yiliphi elinye igama ongalisebenzisa esikhundleni saleli elithi imali? (1) (10)
ISIQEPHU B Umbuzo 2 2.1 Bukisisa lesi sithombe bese usihumusha ngokuphendula imibuzo. 1.Ngabe kukuphi lapha kwenzeka khona lesi sigameko? (1) 2, Laba bantu abakhomba ngezibbhamu ngabe bafunani ngokubona kwakho (1) 3. Gewalisa lesi saga ngegama elishaya emhlolweni------------------impande yesono (1) 4. Babizwa ngokuthiwa yini laba bantu obabona esithombeni bephethe izibhamu? (1) 5, Ungathi yisiphi isikhathi sosuku bese unikeza isizathu sempendulo yakho. (1) (5) 2.2 Qondanisa isisho esihambisana nemali Kanye nencazelo. Incazelo Isisho a. Imali yamaphepha Ukumba eqolo Ukuhola imali eningi Imali yezikhova Ukukhuthuzwa imali Inkinobho engenambbo Ukubamba imali Or [as | 9 [8 [es b c d. Imali eyisiliva e Ukubiza kakhulu Ukubanjwa inkunzi (5)
Umbuzo 3 Funda lesi sigatshana bese uphendula imibuzo . Ngeke uphumelele uma ungasebenzi esikoleni. Ivila phela lidla ubuvila balo. Sukuma uma ufuna ukuphumelela. Zimisele kuzo zonke izifundo ngokulinganayo. Yakha uhlelo oluhle lokufunda. Izifundo ezivame ukunikeza izinkinga njengeMathematics, i-Life Science, i-Physical Science’ njalonjalo kumele zithole isikhthi esikhulu. 3.1 Shono ukuthi mgondo muni oqukethwe yigama elithi: ungasebenzi emshweni elitholaka esigeshini. (1) 3.2 Tomula igama eliyisabizwana esigabeni bese usho ukuthi siluhlobo luni lwaso (2) 3.3 Tomula igama ecichazayo esiqeshini bese usho ukuthi lichaza kanjani. (2) 3.4 Bhala lesi senzo’lidla bese udwebela isivumelwano uphinde usho ukuthi sivumelana nani(2) 3.5 Tomula isabizwana sokubala esiqeshini bese usho ukuthi siluhlobo luni (2) 3.6 Nikeza igama elisho okufanayo nelithi: inkinga (1) (10) ISIQEPHU C Umbuzo 4: Imibhalo Yobuciko 4.1 Bhala imigomo noma izimpawu zibe-2 zokubhalwa kwendaba emfishane (2) 4.2 Indaba emfishane ebhaleke kahle kumele ibe nesiphetho esinjani? (1) 4.3 Nikeza okubili okutholakala ngaphansi kwesizinda. (2) 4.4 Nikeza izinhlobo ezi-3 zabalingiswa ababalulekile. (3) 4.5 Indaba ebhaleke kahle kumele iphele kuliphi ibanga? (1) 4.6 Yini indikimba? (1) (10) ISAMBA SAMAMAKI ESEWONKE: [40] GREENBURY SECONDARY SCHOOL «= lodleerf ed Lal DEPARTMENT OF LANGUAGES 41806 F SR PANDAY R Leth

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu FAL

View all