Skip to content

isiZulu FAL Grade 12 Paper 1 NSC June 2016 Question Paper

Question paperisiZulu FALGrade 12201613 pages

Grade 12 isiZulu FAL Paper 1 question paper from the NSC June Exam 2016, 13 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) IPHEPHA LOKUQALA (P1) 2016 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2 Leli phepha linamakhasi ayi-13. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 2 DBE/2016 SCE IMIYALELO KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30) ISIQEPHU B: Ukufingqa (10) ISIQEPHU C: Uhlelo nokusetshenziswa kolimi (40) 2. Fundisisa YONKE imiyalelo ngaphambi kokuba uphendule imibuzo. 3. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha. 4. Qala isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA bese udweba umugqa emva kwaleso siqephu. 5. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhalwe emibuzweni. 6. Shiya umugqa emva kombuzo ngamunye. 7. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. 8. Ungahlukanisa isikhathi obhala ngaso ngokwalezi ziqephu: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-30 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-40 9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 3 DBE/2016 SCE ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 1.1 Fundisisa lesi siqephu esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO A (Ofundwayo) UKUKHULISA INGANE UMSEBENZI WOMPHAKATHI 1 Endaweni yaKwaZulu-Natali kunendawo okuthiwa yiLungisa Indlela Village (LIV). Umsunguli (founder) wale ndawo uMnu. Tich Smith. U-Tich ngesikhathi ekhuluma nomphakathi wasesigodini (village) sase- Cottonlands, esingaphandle kwase-Verulam, abantu babengayiboni le nto ayishoyo ukuthi izophumelela. Wabatshela ukuthi ufuna ukwakha 5 ikhaya elizoshintsha impilo yezingane ezihluphekayo ibe ngcono. 2 Izingane ezihlala kule ndawo yilezo ezihlukunyeziwe ngezindlela ezahlukene kanye nezinganakiwe (neglected). I-LIV inika lezi zingane umama, ikhaya nomphakathi. Lezi yizinto ezidingwa yiyo yonke ingane esakhula. Kukhona izingane ezingalazi elinye ikhaya ngaphandle kwaleli 10 abalakhelwa uMnu. Smith. UMnu. Smith wayengumdlali wekhilikithi, edlalela iqembu lesizwe saseNingizimu-Afrika. Namhlanje ungubaba wezingane ezingaphezulu kwama-200, ungusomabhizinisi nomeluleki. Inhloso (aim) yakhe ukubuyisela nokuvuselela 'UBUNTU' emphakathini. Lokhu akwenzayo uthi kwamfikela ngesikhathi esesikhungweni salabo 15 abanenkinga yokuphuza kakhulu kanye nokugembula (AA Rehabilitation Centre). Ukuya kothola usizo kulesi sikhungo kwamenza wabona ngoba wayengasenamali futhi engasenasithunzi (dignity). Ukungasebenzi kwamenza ukuthi abuke impilo ngenye indlela. Kuqala uthi wayengoMhlophe odelelayo nongazikhathazi ngokuthi abanye abantu 20 baphila kanjani ngoba yena wayekhomba ngophakathi. UNkosikazi wakhe u-Joan wamesekela ukufeza iphupho lakhe. 3 U-Smith wakhuluma ngesu/ngecebo (idea) lakhe kuHulumeni kanye nakubaholi bamabhizinisi. Ngokubambisana nonkosikazi wathenga le ndawo engaphandle kwase-Verulam. Le ndawo wayikhetha emva 25 kokwenza ucwaningo (research) ngezindawo ezinezingane eziningi ezidinga ukusizwa. Isigodi sase-Cottonlands kwaba yiso asikhetha ukuba asize izingane zakhona kanye nalezo ezihlala eMawoti. Kuhlala izingane zezinhlanga (races) ezahlukene kuleli khaya. Lezi zingane zifana nomndeni owodwa, ziyezwana. Kukhona umama oyedwa 30 ozigadile nozinakekela njengezingane zakhe. Lapha e-LIV kunezindlu ezinkulu eziyi-8, izindawo zokudlala imidlalo ehlukene, isonto, ihholo kanye nendawo yokweluleka izingane ezihlukumezekile. Emuva kwalezi zakhiwo kukhona umtholampilo osiza umphakathi owanikelwa inkampani yakwa-Cipla obizwa ngokuthi; 'The Cipla Owethu Clinic'. 35 Odokotela bengqondo noSonhlalakahle bafika kanye ngesonto kule ndawo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 4 DBE/2016 SCE 4 Intatheli yephephandaba u-Vivian Attwood okunguyena owabhala le ndaba ephephandabeni, akawuvali umlomo ngemisebenzi emihle ka- Smith. Uthando nozwelo alubona ku-Smith ngenkathi evakashele kule 40 ndawo, uthi lwamshiya ezibuza ukuthi yini angayenzela ezinye izingane ezifana nalezi. U-Smith uma ekhuluma ngezingane ezihlala kule ndawo uvele acwebe izinyembezi. Uthi usuke ekhaliswa izimo lezi zingane ezidlule kuzo, ukuzinikela kwazo ngethuba ezilinikwayo nenhlonipho. Ubonga nabanye abantu abazinikelayo ngokufaka isandla ukuba 45 ikusasa lezingane zase-LIV liqhakaze. Lolu sizo luvela nakwamanye amazwe angaphandle kwaseNingizimu-Afrika. U-Vivian uthi impilo, injabulo nothando kubhalwe ebusweni bezingane zase-LIV. 5 Zikhona izikhathi eziba nzima kule ndawo. U-Smith uyakwazi ukuxazulula izinkinga ngokuthi asebenze kanzima ukuthola usizo kulabo 50 abanesandla esiphayo. Ungena ephuma kosomabhizinisi, ecela lokhu nalokhuya okuzosiza ukuthi impilo iqhubeke kahle e-LIV. Unobudlelwane obuhle noHulumeni. UDokotela Zweli Mkhize nonkosikazi wakhe uMay balekelela kakhulu ekuthuthukiseni le ndawo. Ngaphandle kosizo lwangaphandle, la e-LIV kunamaprojekthi enziwayo 55 asiza ukungenisa imali. Benza imikhiqizo (products) yempilo bayidayisele/bayithengisele abakwa-Dischem, badayisa amaqanda ezitolo zase-Food Lovers Market futhi badayisela inkampani yezitolo zakwa-Woolworths izimbali. Izingane nazo zifaka isandla kakhulu kula maprojekthi ngoba ziyazi ukuthi ukugcina indawo enjengale, kudinga 60 imali enkulu futhi nazo ziyazuza. 6 Ukuthola ithuba lesibili empilweni akuyona into encane nevamisile/ejwayelekile. Kufanele ulisebenzise ngendlela efanele ngoba akusibona bonke abantu abanenhlanhla yokulithola. Ezinye zalezi zingane sezifunda amabanga aphezulu. UMnu. Smith uthi isifiso sakhe 65 esikhulu ukuthi izwe laseNingizimu-Afrika libe isibonelo esihle kwamanye amazwe ngokuphatha kahle izingane. Ufisa zonke izakhamuzi zalapha zisebenze ngokubambisana ukulekelela uHulumeni ngokuvala izikhala ezikhona emiphakathini ehluphekile/eswele. Izingane ezihlala kule ndawo ziqeqesheke kahle ngokubaluleka kokusiza abanye 70 abantu. Ziyazi ukuthi izandla ziyagezana. 7 Ukukhulisa ingane ukwakha isizwe esinempumelelo! [Icashunywe ku-Sunday Tribune 2015 yase iyahunyushwa] 1.1.1 Isiphi isigodi okukhulunywa ngaso kule ndaba engenhla? (1) 1.1.2 UMnu. Smith wabatshelani abantu bakulesi sigodi? (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 5 DBE/2016 SCE 1.1.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe: Intatheli u-Vivian Attwood usebenzela iphephandaba I … A Sunday World. B Sunday Times. C Sunday Sun. D Sunday Tribune. (1) 1.1.4 Ibizwa ngani indawo yabantu abanenkinga yokuphuza kakhulu utshwala? (1) 1.1.5 Bhala izakhiwo EZIMBILI ezitholakala eLungisa Indlela Village. (2) 1.1.6 Ezinjani izingane ezinelungelo lokuhlala eLungisa Indlela Village ngokwale ndaba? (2) 1.1.7 Nikeza okufanayo phakathi kwesigodi sase-Cottonlands nesaseMawoti ngokocwaningo luka-Smith. (2) 1.1.8 Chaza ukuthi izingane ezazihlala eLungisa Indlela Village zazizithola kanjani izeluleko zengqondo. Bhala iphuzu ELILODWA. (2) 1.1.9 Chaza lezi zimo zokukhuluma ezibhalwe ngokugqamile njengoba zisetshenzisiwe endabeni: (a) U-Tich Smith wayekhomba ngophakathi. (2) (b) Ubonga nabanye abantu abazinikelayo ngokufaka isandla. (2) 1.1.10 Isu lika-Smith lokucela usizo kwabanye abantu laba namthelela muni ekuthuthukiseni iLungisa Indlela Village? Bhala OKUBILI. (2) 1.1.11 Nikeza isizathu ESISODWA esenza ukuthi abazali balahle izingane zabo. (2) 1.1.12 Ngabe IQINISO noma UMBONO ukuthi ukuhlupheka kukaSmith kwaletha injabulo kwabanye abantu? Sekela impendulo yakho. (2) 1.1.13 U-Joan ungunkosikazi othembekile. Sekela lesi sitatimende. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 6 DBE/2016 SCE 1.2 Bukisisa le khathuni bese uphendula imibuzo ezolandela: UMBHALO B (Obukwayo) We mkhulu! Khululeka Juli, Angiliboni awasakhishwa igama amagama lomzukulu abafundi. wakho la! Ngiyazi ikhona Kuvele ekaSihle, phela izinombolo wathi wonke kuphela. amaphepha Kodwa uthi ayengamanzi uphasile? nje. [Isithombe sicashunwe kuSolezwe 2013] 1.2.1 Yini ebonakala esithombeni ekhombisa ukuthi uJuli uyakwazi ukufunda? (1) 1.2.2 Bhala OKUKODWA okwenziwa umkhulu esithombeni. (1) 1.2.3 Ucabanga ukuthi yini eyenza ukuthi uJuli avule amehlo kakhulu? Sekela impendulo yakho. (2) 1.2.4 Uthini umbono wakho ngokungakhishwa kwamagama abafundi bebanga le-12 ephephandabeni? (2) AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 7 DBE/2016 SCE ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2 Fundisisa lesi siqeshana esingezansi esikhuluma ngamaphutha enziwa ngabantu ngemali bese usifingqa ngamaphuzu ayi-7. IMIYALELO 1. Bhala amaphuzu ayi-7 ngemisho ephelele. Amagama akho angeqi/ angadluli kwangama-60. 2. Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-7. 3. Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye. 4. Bhala ngamagama akho. 5. Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile bhala inani lamagama owasebenzisile. UMBHALO C (Ofundwayo) AMAPHUTHA ENZIWA ABANTU NGEMALI Uyakwazi yini ukugcina imali? Lona umbuzo okufanele wonke umuntu azibuze wona ngoba imali ibalulekile kakhulu. Ukwenza ibhajethi kuyasiza ngoba uyakwazi ukubona ukuthi unemali engakanani ongayisebenzisa. Kungabe sonke siyakwazi ukunamathela ebhajethini esiyenzile? Abaluleki bezezimali baveza ukuthi abantu abakwazi ukuhlela indlela yokusebenzisa imali. Kukhona abantu abenza izikweletu ezingaphezu kwemali abayiholayo noma abanayo. Iningi labantu ligcina selinegama elibi, kuvaleke namathuba okuthola usizo lwemali emabhange nakwezinye izindawo ezibolekisa ngemali. Ukuzifaka ezikweletini ezingenaso isidingo kuyingozi. Kukhona abantu abahlela ukwenza imicimbi ngemali abangenayo kodwa abasazoyiboleka. Le mali abayibolekayo iba nenzalo (interest) eningi okwenza kube nzima ukuyikhokha. Kuhle ukulinda ungazifaki ezindlekweni (expenses) ezingenasidingo. Kunabantu abanezinhliziyo ezingaphandle, abafuna ukuba nayo yonke into abayibona kwabanye. Bathenga izinto abangazidingi ngenxa yomona wokuthi abafuni ukudlulwa ngabanye. Lokhu kuyingozi ngoba awulazi iphakethe lalowo muntu ozifanisa naye. Izindleko/izidingo zethu ziyakhuphuka zonke izinsuku. Kubalulekile ukubeka imali ukuze ikusize ukubhekana nesimo sokukhula kwezindleko zakho. Abantu uma bebona imali abanayo iseningi bayisebenzisa yonke kungabi namali abayongayo/ abayibekayo. Ukucabangela ikusasa nokulandela uhlelo lokonga imali kuyasiza ukubhekana nesikhathi esinzima. Wonke umuntu uyakuthanda ukuzimela abe nebhizinisi lakhe. Ibhizinisi lidinga ulwazi. Ukuzibambela kwezezimali ebhizinisini nokungaqashi umuntu onolwazi kungenza ukuthi inzuzo yakho ingakhuli. Osomabhizinisi kufanele nabo bafane nabasebenzi babo bazifake ohlelweni lomholo. Lokhu kuzobasiza ukubona imali engenayo nephumayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 8 DBE/2016 SCE Ucwaningo luveza ukuthi abantu abaphila ngezikweletu bangama-80%. Umuntu onganaki ukukhokha izikweletu zakhe uyazibulala ngoba ugcina esekhokha inzalo efakiwe. Ukungabheki izipesheli uma uthenga kuqeda imali. Asiqiniseke ukuthi senza izinto ezibalulekile kuqala ngemali. [Umbhalo wokuziqambela] AMAMAKI ESIQEPHU B: 10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 9 DBE/2016 SCE ISIQEPHU C: UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 3 Bukisisa lesi sikhangisi bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO D (Ofundwayo nobukwayo) TETEMUKA NJENGESIKHULU! UHuntshu Classic Car yimoto ehamba phambili emhlabeni wonke. Idlisa ngani le moto?  Ithwala abantu abaningi.  Inetafula lokudlela.  Inesiqandisi esineziphuzo eziphambili.  Inomabonakude.  Inezihlalo ezintofontofo.  Iyazipakela. Sikulindele kwa: JIKA MOTORS 56 Blackberry Road Sandton 2000 Ucingo: 011 626 4444 www.huntshu.co.za noma admin@uhuntshu.com Imithetho nemibandela: Idayiselwa abanezinkampani zokuhlela imicimbi kuphela. [Umbhalo wokuziqambela] 3.1 Yini ekhangiswayo kulesi sikhangisi esingenhla? (1) 3.2 Bhala OKUBILI kokubhalwe esikhangisweni okungakuheha ukuba uthenge le moto. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 10 DBE/2016 SCE 3.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe: Lo musho olandelayo uqukethe hlobo luni lolimi? Yimoto ehamba phambili emhlabeni wonke. A Ulimi oluncengayo. B Ulimi olucwasayo. C Ulimi olukhohlisayo. D Ulimi oluphoqayo. (1) 3.4 Tomula umusho ositshela ukuthi le moto ayidayiselwa wonke umuntu/noma ngubani. (2) 3.5 Zinamthelela muni izithombe kulesi sikhangisi? (2) 3.6 Uyavumelana yini nombono wokuthi umuntu ogibela le moto afaniswe nesikhulu? (2) [10] UMBUZO 4 Bukisisa le khathuni bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO E (Ofundwayo nobukwayo) (Amaphoyisa avimbe uJack noBhiza emva kokulunywa indlebe/kokutshelwa ukuthi bayodiliva izidakamizwa emakhasimendeni abo.) Wathi Thatha imali nyaka! ebhuthini, usiyeke Siyaqhum' sihambe, sijahile. isibhamu! (esho ngokuhleba) Wazithela Jack! Ngasho ngathi ukuhlakanipha kuyaphela! Hawu! Usungumfundisi manje? Uzolala ubaliwe namhlanje, uyezwa! [Isithombe sicashunwe ku-www.crime.co.za] 4.1 Yimuphi umsebenzi owenziwa uJack noBhiza? (1) 4.2 Bhala inkulumo ekhombisa ukusabisa kule khathuni engenhla. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 11 DBE/2016 SCE 4.3 Yisho izinto EZIMBILI ezaziphethwe uJack noBhiza emotweni yabo. (2) 4.4 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikiwe: Ukulala ubaliwe kusho: A Ukudutshulwa B Ukushaywa C Ukukhokha D Ukuboshwa (1) 4.5 Nikeza isizathu ESISODWA esenza ukuthi amaphoyisa ahlome uma evimba abantu abaphula imithetho. (2) 4.6 Ngokucabanga kwakho yini eyenza uJack agqoke njengomfundisi noBhiza agqokise okwejaji? (2) [10] UMBUZO 5 5.1 Fundisisa lesi siqeshana bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO F (Ofundwayo) Kwamane kwavela obala ukuthi uNtombi ubonile ukuthi yimina engintshontshe i-iPad yakhe. Uvalo lwaludlala ngami ngenkathi ngibizwa ehhovisi. Izandla zaziqhaqhazela ongathi ngiphethwe yisifo sedumbe. Ngathi uma ngingena ehhovisi likathishomkhulu ngajuluka ngamanzi te ngibona umndeni kaNtombi uphelele wonke. Ngaphika ngema ngentaba uma bengibuza nge-iPad entshontshwe esikhwameni sikaNtombi. Kwabizwa umfana otholakale eyiphethe, washo ukuthi uyidayiselwe yimina. Kwathiwa sizoboshwa sobabili nalo mfana oyithengile. Ngakhala, ngacela uxolo kodwa kwafana nokuthi ngithela amanzi emhlane wedada. Sancenga abazali nothishomkhulu ukuthi basijezise bona. Ngenhlanhla basixolela ngoba sasiqala ukuphula umthetho wesikole. Isijeziso enganikwa sona sangifundisa isifundo sokuthi ngingaphinde ngintshontshe. Lesisenzo sasizokwenza ngihlale ejele kuze kuphele unyaka wezi2018. [Umbhalo wokuziqambela] 5.1.1 Bhala isikhuliso segama elidwetshelwe kulo musho olandelayo. Ngaphika ngema ngentaba. (1) 5.1.2 Khipha igama elisebenze ukukhomba ubumnini/ongumnini kulo musho olandelayo: Kwamane kwavela obala ukuthi uNtombi ubonile ukuthi yimina engintshontshe i-iPad yakhe. (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 12 DBE/2016 SCE 5.1.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikiwe: Ukuthela amanzi emhlane wedada kusho: A Ukukhuluma iqiniso. B Ukukhuluma into engeke ikusize. C Ukukhuluma amanga. D Ukukhuluma into enobufakazi. (1) 5.1.4 Bhala lo musho olandelayo ube ubunye/sebunyeni. Ngenhlanhla basixolela ngoba sasiqala ukuphula umthetho wesikole. (2) 5.1.5 Tomula isabizwana sokubala kulo musho olandelayo: Umndeni kaNtombi uphelele wonke namhlanje. (1) 5.1.6 Guqula isenzo esidwetshelwe sibe impambosi yokwenzela kulo musho olandelayo: Ngakhala, ngacela uxolo. (2) 5.1.7 Guqula lo musho olandelayo ukhombise ukuphika/ukulandula: Kubi ukuntshontsha. (2) 5.1.8 Sebenzisa igama idumbe emshweni ozakhele wona ukuze kuvele incazelo ehlukile kunale esesiqeshini. (2) 5.1.9 Phinda ubhale lo musho olandelayo ulungise amaphutha: Lesisenzo sasizokwenza ngihlale ejele kuze kuphele unyaka wezi2018. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 13 DBE/2016 SCE 5.2 Bukisisa lesi sithombe bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO G (Ofundwayo nobukwayo) (Indawo yase-Brook isifanele ukuvotela ikhansela elisha elizophatha iminyaka emi-5 ezayo. U-Maggie Val beno-Piet Raw bazokhankasa (campaign) ukuze abantu baphume ngobuningi ukuyobavotela). Isikhathi sokushintsha Niyibonile imisebenzi kule ndawo yami! Ngivoteleni yethu! Sidinga futhi! Ngizoqhubeka ikhansela nokunakhela izindlu, lowesifazane imitholampilo, manje! imfundo yamahhala Ngicela nokuvula amathuba ningivotele emisebenzi. ukuze intuthuko niyibone ngamehlo! Nx! Yini eyenziwe yile ndoda? Angeke mina ngidlale ngevoti lami! [www.googlecartoons.com] 5.2.1 Yimuphi umuzwa ovuswa yilawa mazwi alandelayo? 'Nx! Yini eyenziwe yile ndoda?' (1) 5.2.2 Tomula igama elikhombisa ukuncenga enkulumeni ka-Maggie? (1) 5.2.3 Bhala OKUBILI u-Piet akuthembisa umphakathi. (2) 5.2.4 Ukwenzenjani ukudlala ngevoti? (2) [20] AMAMAKI ESIQEPHU C: 40 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu FAL

View all