You're offline
Skip to content
Memorandum

IsiZulu FAL P2 May June 2016 Memo_hlayiso.com_.pdf

Subject: Isizulu FalGrade 12201614 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com GRAAD 12 SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) IPHEPHA LESIBILI (P2) 2016 IMEMORANDAMU AMAMAKI: 70 Le memorandamu inamakhasi ayi-14. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 2 DBE/2016 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU A: INOVELI UMBUZO 1: KUSINDA KWEHLELA ENDODENI – SJ Mchunu ISIQESHANA A 1.1 UNtombi.√ (1) 1.2 UMacingwane. √ (1) 1.3 • Ucasulwa omama abathanda ukwazi ukuthi uganwa nini. √ • Uphinde acasulwe kakhulu umama othanda ukumkhombisa intombi ethandwa nguye ukuthi imgane. √ (2) 1.4 Ukuyicela ukuba bashade√√/abe umkakhe√√/ukuyitshela ukuthi uzothumela abakhongi.√√ (2) 1.5 Ukuzithulela/B√ (1) 1.6 UManyoba uqonde ukuthi uNtombi muhle√√/ubukeka kahle√√/isikhumba sakhe asinawo amabala nezinduna√√/uphatheke kahle.√√ (2) 1.7 Kodwa nami angilalanga ubuhlungu zingititinya izinsizwa. √√/ Ngake ngavika (2) kwavuthuka izandla, bela abafokazi.√√/ Izinsizwa zaseMvoti zisho ukungiqeda ngenduku. √√ 1.8 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo. • Epulazini likaGeorge wayengaholi, wayefuna ukusebenza endaweni lapho ayezohola khona imali.√/ • Wayehala uma ebona izinsizwa zangakubo ezisebenza eGoli sezizinhle. √/ • Wayefuna ukuphila impilo engcono. √/ • Wayefuna ukulobola ingoduso yakhe. √/ • Wayefuna ukuqala umndeni wakhe. √ (2) 1.9 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: • Abantu sebesebenza emadolobheni amakhulu. √/ • Sekukhona izithuthi zokuhamba ezinhlobonhlobo njengamabhasi, izitimela, amatekisi nokunye. √/ • Izinsizwa ezisebenzayo sezigqoka imiswenko yesimanjemanje. √/ • Abantu abasaloboli ngezinkomo kuphela. √/ • Izindawo ahlala kuzo amadodana kaManyoba. √/ • Umdlalo weLotto. √/ • Ubugebengu. √/ • Imfundo.√ (3) (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 3 DBE/2016 SCE – Imemorandamu 1.10 1.10.1 UMaNdlovu: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Unothando lomndeni wakhe. √/ • Uyakholwa. √/ • Unomoya ophansi/ulungile. √/ • Uqotho. √ (2) 1.10.2 UNtombela: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Akathembekile, waganwa engamtshelanga unkosikazi wokuqala. √/ • Unezimfihlo. √/ • Akawucabangelanga umndeni wakhe ngesikhathi esasebenza. √/ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) KANYE ISIQESHANA B 1.11 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • UFanyana wayeyobuza kumama wakwamakhelwane ukuthi umama wakhe akashongo yini ukuthi uyaphi. √/ • Umama wakwamakhelwane wamthethisela ukuthi inkosikazi yakhe yayibiza umamezala wayo ngomthakathi futhi ibuye imncishe ukudla. √/ • Umama wakwamakhelwane wayebuza nokuthi kungani kungafikanga inkosikazi kaFanyana ukuzobuza ngomamezala wayo esikhundleni sokuba kufike yena uFanyana. √/ • Umama wakwamakhelwane wajikijela uFanyana ngeketela elinamanzi abilayo. √/ • Ukuhlukunyezwa kukaMaNdlovu umka Fanyana. (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 1.12 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • UManyoba wawina iLotto bagcina sebephila kahle nomkakhe./√ • UManyoba wabela abazukulu imali./√ • Amadodana akhe akawabelanga ifa lakhe./√ • Wathi amadodana akhe angaphinde ambize ngobaba. √ (2) 1.13 OKUKODWA kwalokhu: • Bathola usizo lwendawo yokufihla ikhanda, abangalala esiteshini sesitimela. √√/ • UMfundisi wabapha imali agcina edlale ngayo ilotho uManyoba. √√/ • Ababange besaduka nezwe njengokuhlela kwabo. √√/ • Babezogcina behlupheka, baduke nezwe, bangatholakali. √√/ • Babengagcina belinyazwe izigebengu. √√ (Nokunye okunembayo) (2) 1.14 Amaphuzu AMATHATHU alandelayo: • Unkosikazi kaMduduzi wayengahambisani nokuthi abazali behlukaniswe. √/ • Wayekhululekile ukubathatha abazali ukuze bangahlupheki. √/ Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 4 DBE/2016 SCE – Imemorandamu • Wayezobaphatha kahle ngoba wayebathanda futhi ebahlonipha.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (3) 1.15 Umbono • UManyoba wakwazi ukuziphatha kahle. Wayegoduka njalo futhi ewondla umndeni wakhe. √/ • Akazange aganwe njengoba kwenza uNtombela. √ (2) 1.16 1.16.1 Ungunogada efemini/C√ 1.16.2 Indodakazi kaManyoba/A√ 1.16.3 Indodakazi kaFanyana/D√ 1.16.4 Unkosikazi kaNtombela/B√ (4) [35] UMBUZO 2: UMSHADO – N Zulu ISIQESHANA C 2.1 Efemini.√ (1) 2.2 Izidakamizwa. √ (1) 2.3 Wayethunywe nguTholakele ukuzolanda imali ayeyibolekele ukubheyilela uZenze. √√ (2) 2.4 'Ungaze uyoshada nomuntu ungamazi ukuthi usebenzaphi?'√√ (2) 2.5 • Kwakungukubalekela ukungenwa nguBhatomu emveni kokushonelwa umkhwenyana wakhe. √√/ • Wayefuna indawo azokwazi ukwenza yonke imikhuba yakhe njengezidakamizwa nokunye. √√ (2) 2.6 Impendulo ayiqukathe elinye lala maphuzu alandelayo: • UTholakele ungumfelokazi.√√/ • Akanasimilo, unemikhuba asolwa ngayo. √√/ • UBhekani akazi lutho ngemvelaphi kaTholakele. √√/ • Akafundile kanti uBhekani unguthisha. √√/ • Mdala kunoBhekani. √√ (2) 2.7 Usenkingeni enkulu/B√ (1) 2.8 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • ULindiwe wayefundile enguthisha.√/ • Wayemphathela izipho uma evakashele uBhekani.√/ • Wayehlonipha.√/ • Wayemazi kangcono kunoTholakele ngokwempilo ayeyiphila.√/ • Wagcina esekhulelwe ingane kaBhekani.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 5 DBE/2016 SCE – Imemorandamu 2.9 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: • Ukwanda kwezidakamizwa. √/ • Abelungu sebekwazi ukuya ezindaweni zabantu ngokukhululeka. √/ • Ukwanda kwemijondolo. √/ • Ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo. √/ • ULindiwe ukwazi ukuzovakasha kubo kamfana athandana naye. √/ • ULindiwe wathi uzoyolala nomama kaBhekani. √ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (3) 2.10 2.10.1 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo ngomlingiswa ngamunye: Ubaba kaBhekani • Unolaka. √/ • Uthanda ukuhlonishwa/ukulalelwa. √/ • Into angayithandi uvama ukuyiveza ngesihluku.√ (2) 2.10.2 USifiso • Uyathanda ukuxwayisa uBhekani/ unezeluleko.√ • Unesineke futhi umkhonzile umngani wakhe.√ • Uthanda izindaba zabantu.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) KANYE ISIQESHANA D 2.11 • Isisusa sodweshu phakathi kukaBhekani nomama wakhe ukuthi umama wakhe usola ukuthi uTholakele udla izidakamizwa lezi esezize zamgulisa. √√/ • Ukuthi umama akafuni uBheki ashade noTholakele ngoba engumfelokazi. √√ (2) 2.12 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: • Ubaba kaTholakele wabuza ukuthi umakoti walotsholwa kubani. √/ • Umakoti nabangani bakhe baboshwa ngosuku lomshado. √/ • UBhekani akazange esashada noTholakele. √/ • ULindiwe wamduduza uBhekani wagoduka naye. √/ • Umbhali uveza ukuthi ubugebengu ababuyiseli.√ (3) 2.13 Imibono iyokwehlukana. Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Wayeyohlaselwa noma abulawe nguBhatomu. √/ • Wayeyoxabana nezihlobo nabangani bakhe. √/ • Wayengeke akuthole ukuphumula ehlushwa ngamaphupho kayise. √/ • Wayezokwenziwa isilima nguPamella ngokuthandana noTholakele. √/ • UTholakele wayengamfaka ebugebengwini agcine eboshwa. √ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 6 DBE/2016 SCE – Imemorandamu 2.14 OKUBILI kokulandelayo: • Walahlekelwa yimali eningi elungiselela umshado ongabanga yimpumelelo. √/ • Waba nezitha eziningi okubandakanya noBhatomu. √/ • Wazithola exabana nonina. √/ • Wabhekana nolaka lwabaphansi. √/ • Wacishe walahlekelwa uLindiwe owayemthanda ngeqiniso. √/ • Wacishe walahlekelwa nayithuba lokuzikhulisela ingane yakhe. √ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 2.15 Yiqiniso. Impendulo EYODWA kulezi ezilandelayo: • UTholakele kwakufanele ahlale lapho ayeganele khona aze akhumule inzilo ngaphambi kokuthi aqhubeke nempilo yakhe. Wagcina eboshwa engasashadanga. √√/ • UBhekani kwakufanele alobole kubo kaTholakele. Wagcina engasashadanga walahlekelwa yimali yakhe. √√/ • UBhekani wayengafuni ukulalela uyise, wagcina eseshelwa izimpahla zakhe.√√ NOMA Umbono. Impendulo EYODWA kulezi ezilandelayo: • UTholakele wakwazi ukuqhubeka nempilo emva kokushona kukamyeni wakhe ngaphandle kokungenwa nguBhatomu.√√/ • Wacishe waba nenhlanhla yokuthola umshado wesibili.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 2.16 2.16.1 Imijondolo/B√ 2.16.2 Iphupho ngolaka lukayise/D√ 2.16.3 Izidakamizwa/A√ 2.16.4 Uqashise uTholakele/C√ (4) [35] AMAMAKI ESIQEPHU A: 35 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 7 DBE/2016 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU B: UMDLALO UMBUZO 3: ABABULALI BENYATHI – RM Mngadi ISIQESHANA E 3.1 Umhlangano wokuletha intuthuko emphakathini. √ (1) 3.2 Ukuqinisekisa ezokuphepha komphakathi.√/ Ukuqapha isimo.√/ Ukuze uDlamini angaphazamisi.√ (1) 3.3 Wathi wamsikaza ngenduku, uMbandlwa wazingqubuza yena odongeni. √√ (2) 3.4 • Akasabhandishile ekhanda./ Akasawathwele amawashingi.√ • Usekwazi ukuhamba ibanga elide. √ (2) 3.5 Kanti ezikoleni zaseThekwini nanelusa yini? √ (1) 3.6 Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Amaphoyisa ayemxwayisile uDlamini ukuthi angaphinde aphazamise imihlangano yekhansela. √√/ • Iveni yabonakala iyongena emagcekeni akwaDlamini. √√/ • Amaphoyisa ayebathembisile ukuthi azofika azoqapha isimo uma kunomhlangano. √√ (2) 3.7 Onoxolo√/C√ (1) 3.8 Iyangicasula√√/Iyangithukuthelisa√√/Iyangidina√√/ iyangicika.√√ (2) 3.9 Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo: • UDlamini wayesusa amaphepha ezaziso zemihlangano yekhansela. √√/ • UDlamini walimaza uMbandlwa wesabisa nabanye ababethamele umhlangano. √√/ • Waqamba amanga enkantolo mayelana nokulimala kukaMbandlwa. √√ (2) 3.10 ELILODWA lala maphuzu alandelayo: • Inkosi yayinxusa abantu bayo ukuthi bakhohlwe osekwedlule ngoba ngeke besakwazi ukukushintsha. √√/ • Abantu kumele babuyisane/baxolelane. √√/ • Inkosi ibonga amakhosikazi ngokusiza ekudaleni uxolo. √√ (2) 3.11 Amaphuzu NGAMABILI kwalandelayo ngomlingiswa ngamunye: UMbandlwa • Ugqugquzela ukuthi uDuma angayihloniphi inkosi./√ • UMbandlwa usenamagqubu ngokwakwenzeka ezikhathini zakudala.√/ • Akafuni ukuthi uDuma athathe izeluleko zabanye abantu ngaphandle kwezakhe. √ (2) UDlamini • Unolaka√/ • Uhlohla inkosi ukuthi ingamemukeli uDuma ngisho esexolisa. √/ • Unomoya wokubhebhethekisa udlame. √ (2) KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 8 DBE/2016 SCE – Imemorandamu ISIQESHANA F 3.12 • UMbandlwa ukhuluma ngendelelo/kabi nonogada wenkosi.√ • UMbandlwa uxosha unogada emzini kaMaShezi. √ (2) 3.13 Inkosi yavukwa yisifo senhliziyo yaphathwa yisinxe, yaphuthunyiswa esibhedlela. √√ (2) 3.14 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: • UDuma nenkosi bayaxolelana. √/ • Abantu benkosi bayalwamukela uxolo. √/ • UDuma uyazehlisa ucela uxolo enkosini nasemphakathini. √/ • Kuba khona ukusebenzisana phakathi kukaDuma nenkosi. √/ • Inkosi imnikeza ihhovisi endaweni yayo. √/ • UmaShezi wabuyela emzini wakhe.√/ • Kwaba nokuhloniphana phakathi kwenkosi noDuma. √ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (3) 3.15 Imibono iyokwehluka. Amanye amaphuzu AMABILI kungaba yilawa: Isenzo esihle • UMaShezi wayesabela impilo yakhe. √ • Kwakungasekho ukubambisana nokuhloniphana nomyeni wakhe. √ NOMA Isenzo esinesihle • Wayephula izifungo zakhe zomshado. √ • Wayekhombisa ukungambekezeleli nokungamhloniphi umyeni wakhe. √ (2) 3.16 Iqiniso. Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Umphakathi uhlukana phakathi uthathe uhlangothi lomholi othile. √√/ • Kuba khona ukuchitheka kwegazi. √√/ • Kulimale abantu abangenacala. √√/ • Abaholi baba yisibonelo esibi emphakathini nasentsheni. √√/ • Imindeni iyachitheka. √√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 3.17 3.17.1 Impohlo/D √ 3.17.2 Ummeli wenkosi/C √ 3.17.3 Inkosikazi kaDlamini/B √ 3.17.4 Igama lesikole/A √ [35] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 9 DBE/2016 SCE – Imemorandamu UMBUZO 4: ISIKO NELUNGELO – N Zulu ISIQESHANA G 4.1 Owayengumngani omkhulu kaThenjiwe. √ (1) 4.2 Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Wayethi mncane kunaye. √/ • Wathi akasenalo uthando lomunye umuntu. √/ • Wayengakholelwa kuleli siko lokungenwa. √ (Nokunye okunembayo okungashiwo umfundi.) (1) 4.3 Wayefuna ukuyovalelisa ngoba wayengazange alithole ithuba lokwenza lokho. √√ (2) 4.4 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Yindlela aziphatha ngayo ngesikhathi bemtshela ngesiko lokungenwa. √/ • Wacishe wabulala indodana yakhe. √/ • Amahloni ayenawo ngokubandakanya umndeni wakubo kwaMondise ezindabeni zasemzini kwaZungu. √ (1) 4.5 Abahlola leliya bathi ukuba ngake ngaliphuza kanye, ingqakala yayiyobheka ezulwini. √√ (2) 4.6 Yindaba ethi wayewuthathephi uThenjiwe ushevu ayefuna ukubulala ngawo uDumisani ukuze agweme ukuba amngene. √√ (2) 4.7 Umshado omkhulu/D. √ (1) 4.8 Okukodwa kwalokhu: Kwaba nomthelela√√/kwelekelela√√/kwasiza√√/yikhona okwenza ngishitshe isinqumo sami. √√ (2) 4.9 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Wawuthi uhleli kabuhlungu ejele. √/ • Wayemncenga ukuthi akavume ukungenwa nguDumisani. √/ • Wayemtshela ukuthi abasemzini wakhe bathi uyophuma ejele mhla uThenjiwe wavuma ukugana uDumisani. √/ • Wayecela uxolo kuDumisani. √ (2) 4.10 Amaphuzu AMABILI ngomlingiswa ngamunye yilawa: uMondise: • Uvumelana nabasemzini ngendaba yokungenwa kukaThenjiwe. √/ • Waqhatha uNondumiso nomyeni wakhe ngokumxosha ekhaya. √/ • Wayefuna ukuphindisela uThenjiwe emzini ngenkani ebe azi kahle ukuthi unenkinga. √ (2) uMaMbatha: • Waqhatha uThenjiwe nesiko. √/ • Waqhatha uThenjiwe noDumisani. √/ • Waqhatha uNondumiso noZungu. √/ • Waqhatha uSipho noThenjiwe. √ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 10 DBE/2016 SCE – Imemorandamu 4.11 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • UThenjiwe akazange esabahlonipha. √/ • UThenjiwe waduba waya kubo engacelanga. √/ • Kwagcina kulimala uDumisani egwazwa nguSipho. √/ • UThenjiwe wacishe wabulala uDumisani ngokumdlisa ushevu. √ (2) KANYE ISIQESHANA H 4.12 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: • UDumisani wayefuna ukukhuluma noThenjiwe ngenkani. √/ • Wazama ukumbamba ngesandla. √/ • UThenjiwe washaya uDumisani ngetshe ekhanda. √/ • UDumisani wakhahlela uThenjiwe esiswini. √/ • USipho wagwaza uDumisani engalweni. √ (3) 4.13 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: • UThenjiwe wagcina evumile ukungenwa nguDumisani. √/ • Bagcina sebethandana sebekuthokozela ukuba ndawonye. √/ • Imindeni yagcina isizwana. √/ • USipho washonela ejele. √/ • UDumisani nomndeni wakhe bamxolela ngokuphelele uThenjiwe. √ (3) 4.14 Imibono iyokwehluka. Amaphuzu AMABILI kwalandelayo ezigabeni zombili. Lisabalulekile: • Kubalulekile ukugcina amasiko. √/ • Kwenza owesifazane oshonelwe abhekwe njengengane yasekhaya. √/ • Kwenza izingane zingabi yizintandane zibe zinomndeni. √ NOMA Alisabalulekile: • Sekunezifo eziningi ezithathelanayo. √/ • Abesifazane banamuhla sebeyakwazi ukuzimela. √/ • Intando yeningi inikeza abesifazane ilungelo lokuzikhethela. √/ • Sekwaba khona nezinkinga zamafa. √ (Nokunye okunembayo okungashiwo umfundi.) (2) 4.15 Iqiniso. Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Wayezicabangela yena yedwa engayicabangeli indodakazi yakhe. √√/ • Wayesaba ihlazo lokubuya kwendodakazi emendweni okwakuzomehlisa isithunzi emphakathini. √√/ • Wayengasakwazi ukubuyisela ilobolo kwaZungu. √√/ • Wayecasha ngesiko. √√ (2) 4.16 Wayesenenzondo ngoDumisani. √ (1) 4.17 4.17.1 Washona ngodlame/B √ 4.17.2 Indodakazi kaZungu/A √ 4.17.3 Umakoti wakwaManzini/D √ 4.17.4 Washonela ejele/C √ (4) [35] AMAMAKI ESIQEPHU B: 35 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 11 DBE/2016 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU C: IZINDABA EZIMFISHANE IZINYEMBEZI ZOTHANDO – DBZ Ntuli (Umhleli) UMBUZO 5 5.1 'UMUNWE' – S Zimema ISIQESHANA I 5.1.1 Wayesebenza lapho kwamukelwa khona iziguli.√/ umabhalane. √ (1) 5.1.2 Esibhedlela eGreys. √ (1) 5.1.3 Okubili kwalokhu: • Yingoba wayekholwa ngukuthi abahlengikazi baphephile.√/ • Bazi kangcono ngezifo.√/ • Bayazinakekela.√ (2) 5.1.4 uThandi√/A√ (1) 5.1.5 Waqaphelisa umaka okhanyayo emunweni walo mlisa lapho kuhlala khona indandatho ayeyikhumulile. √√ (2) 5.1.6 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: • Isibhedlela sase-Edendale. √/ • Isibhedlela i-Greys. √/ • Wathi lo mlisa uzomkhiphela ku-Church Street endaweni ephambili yokudlela. √/ • Babonana enkantini yasesibhedlela. √ (Nokunye okunembayo.) (3) 5.1.7 Ezamanje zivele zikuthi njo emehlweni kuze kube nguwena okhophozayo. √√ (2) 5.1.8 Kwamveza njengomuntu ongeqotho futhi onamanga. √√ (2) 5.1.9 Imibono iyokwehluka. Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Kumehlisa isithunzi owesilisa. √√/ • Amasoka asebulawa izifo ezehlukahlukene. √√/ • Amasoka athelela abantu abangenacala ngezifo ezingalapheki.√√ (2) 5.1.10 Umbono. Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Abanye abantu besilisa bayazihlonipha bona kanye namakhosikazi abo.√√/ • Basekhona abantu besilisa abaqotho nabanothando lweqiniso.√√/ • Abanezindandatho zomshado bahlezi bezifakile emnweni.√√ (2) KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 12 DBE/2016 SCE – Imemorandamu 5.2 'ILOBOLO' – S Zimema ISIQESHANA J 5.2.1 Ezine/4 √ (1) 5.2.2 OKUBILI kwalokhu: • Usuku lomshado.√/ • Ukuthi bahlangane bengakashadi.√/ • Ilobolo.√/ • Umkakhe/ umakoti.√ (2) 5.2.3 Kwakwenziwa ukuthi umukhwe wakhe wayenesandla esiqine kakhulu,√ engafuni ukuthi ingane yakhe ihlangane nomkhwenyana wayo kungakayiwa esontweni. √ (2) 5.2.4 Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Waze wafunga wathi buyochitheka bugayiwe uma bengatholakala bendawonye laba bobabili. √√/ • Kwancwajana yomshado ayisho lutho lapha kuyena, yinto asengayihliphiza kalula nje lena. √√/ • Kwaleyo madlana aseyikhokhile angabuyiselwa yona kungabi ndaba zalutho nje. √√ (2) 5.2.5 UMandlenkosi wenqaba ukungcwaba unkosikazi wakhe emveni kokuba eshone umukhwe wakhe engakamniki ilungelo lokuhlala naye. √√ (2) 5.2.6 NguMandlenkosi.√ Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Nguyena esimthola ekuqaleni kwendaba enenkinga yokushonelwa yingoduso yakhe.√/ • Izinkinga ezenzeka endabeni zithinta yena ngqo.√/ • Utholakala indaba iqala ize iyophela.√ (2) 5.2.7 OKUKODWA kwalokhu: • Usixoxela ngabanye abalingiswa nezigameko ezithinta bona. √√/ • Konke okwenzekayo endabeni akumthinti yena.√√/ • Uyethula ngohlangothi lomuntu wesithathu.√√/ • Kutholakala izivumelwano zomuntu wesithathu√√ (2) 5.2.8 Ukusifundisa ukuba sibahloniphe abantu ngoba asazi ukuthi ikusasa lisiphatheleni.√√ (2) 5.2.9 Izimpendulo ziyokwehlukana: Akusizi. UMandlenkosi wazithola ehlukumezeka ngokwenqatshelwa umukhwe wakhe ukuba ahlale nonkosikazi wakhe ngoba kungakashadwa esontweni. √√ NOMA Kuyasiza. Ingoduso kaMandlenkosi yaphepha ekuthwalweni izimbangi zesoka layo. √√ (2) [35] AMAMAKI ESIQEPHU C: 35 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 13 DBE/2016 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU D: IZINKONDLO AMAHLOKOHLOKO/IZINKWAZI ZOTHUKELA – EJ Mhlanga no JJ Thwala UMBUZO 6 6.1 UNOZIDUMO – LMMS Madondo 6.1.1 Ubulili besifazane. √ (1) 6.1.2 OKUBILI kwalokhu: • Mntanomuntu√/ • Nkosazana√/ • Mntanomfazi√/ • Ngane yabantu√ (2) 6.1.3 Yayisuka kwelakubo eMelika,√ iya kwelenkolo koSadamu.√ (2) 6.1.4 Abantwana babantu abazocoboshiswa. √ (1) 6.1.5 I-ephiki√ ngoba ikhuluma ngokuhlabana kweqhawekazi elinguNozidumo.√ (2) 6.1.6 B/√ Ukukhipha impi.√ (1) 6.1.7 OKUKODWA kwalokhu: • Impi ayikhethanga bulili√√/ • Impi yabulala wonke umuntu.√√ (2) 6.1.8 Umbuzombumbulu.√√ (2) 6.1.9 Iqiniso. Izindimbane ezilele kobandayo? √√ (2) 6.1.10 • Umoya wokutusa/wokuncoma kanye nokugxeka. √ • Imbongi itusa/incoma izenzo zobuqhawe bukaNozidumo esuka eMelika eyohlasela kwamanye amazwe./ √ • Incoma/itusa isibindi sakhe njengomuntu wesifazane./ √ • Iphetha ngokugxeka ukubulawa kwabantu abaningi. √ (Nokunye okunembayo.) (3) KANYE 6.2 INHLANSI YAKHO THULI – SB Mlambo 6.2.1 UNontando √ (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 14 DBE/2016 SCE – Imemorandamu 6.2.2 OKUBILI kwalokhu: • Imbongi yasondela√/ • Yamangala√/ • Yankema √ (2) 6.2.3 OKUBILI kwalokhu: • Ingedla√/ • Iwisa√/ • Isijula√ (2) 6.2.4 Ukuthwayiza. √ (1) 6.2.5 • Ngisathwayiza ngizibona ngiyintandan' ezweni Ngishiywe nguNontando dengwane√ • Imvumelwanosiqalo √ (2) 6.2.6 A√√ /Lwakhula uthando.√√ (2) 6.2.7 Ukunyamezela kwangiphika. Ukubekezela kwanyamalala.√√ (2) 6.2.8 Indikimba yothando.√ Inkondlo yonke ikhuluma ngothando imbongi eyayinalo ngoThuli.√ (2) 6.2.9 Ukugcizelela isifiso sembongi sokuba uthando lwayo noThuli lungaphelI. √√/Ukugcizelela ukuthi lungaphazamiseki.√√ (2) 6.2.10 Yebo. OKUKODWA kwalokhu: • Nganqoba ngingeqhawe. √√/ • Ngayithumb' eyakho inhliziyo. √√ (2) AMAMAKI ESIQEPHU D: 35 AMAMAKI ESEWONKE: 70 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Verified matching documents

The question paper, memo or addendum that belongs with this document.

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 12 Isizulu Fal

Explore more published documents in this catalogue.

View all
Grade 12 · Isizulu Fal · 2016 · NSC June Exam · Memorandum · Paper 2 · isizulu | Hlayiso | Hlayiso