Skip to content

isiZulu FAL Grade 12 P1 NSC November 2016 Question Paper

Question paperisiZulu FALGrade 12201614 pages

Grade 12 isiZulu FAL Paper 1 question paper from the NSC November Exam 2016, 14 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) IPHEPHA LOKUQALA (P1) NOVEMBA 2016 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2 Leli phepha linamakhasi ayi-14. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 2 DBE/Novemba 2016 NSC IMIYALELO KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30) ISIQEPHU B: Ukufingqa (10) ISIQEPHU C: Uhlelo nokusetshenziswa kolimi (40) 2. Fundisisa YONKE imiyalelo ngaphambi kokuba uphendule imibuzo. 3. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha. 4. Qala isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA bese udweba umugqa emva kwaleso siqephu. 5. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhalwe emibuzweni. 6. Shiya umugqa emva kombuzo ngamunye. 7. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. 8. Ungahlukanisa isikhathi obhala ngaso ngokwalezi ziqephu: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-30 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-40 9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 3 DBE/Novemba 2016 NSC ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 1.1 Fundisisa lesi siqephu esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO A (Ofundwayo) UMNCINTISWANO/UMQHUDELWANO WAMA-IDOLS ENINGIZIMU AFRIKA 1 Ama-Idols umncintiswano okhonjiswa kumabonakude eNingizimu Afrika. Lo mncintiswano wasuselwa ohlelweni iBritish Pop Idols. Ngenkathi uqala ngonyaka wezi-2002 wawukhonjiswa eziteshini zeM-Net kuphela. Kusukela ngonyaka wezi-2012 kwaqala isiteshi soMzansi Magic, wakhonjiswa kuzona zombili iziteshi. 5 2 Kulo mncintiswano kusuke kubhekwa ithalente lomculo kubantu abasha baseNingizimu Afrika. Kuyiwa eziFundazweni zonke kwenziwe ama-auditions. Ngesikhathi sama-auditions kukhona abaphatha izinsimbi zomculo ('musical instruments'), kodwa amajaji abheka ithalente lokucula kuphela. Abanye basuke bengakwazi ukucula 10 bezochitha isikhathi bese kuvaleka amathuba alabo abanethalente. Abaphumelele kuma-auditions badlulela/baya esigabeni esilandelayo eSun City lapho bezohlangana nabavela/nababuya kwezinye iziFundazwe. Abanye bashiya imisebenzi nemfundo belandela ithuba lokuba abaculi. 15 3 Abangenele umncintiswano bakhethwa ngamajaji isibalo sabo siyehla size sifike kwabayi-12. Emva kwalokho iyashintsha indlela abazokhethwa ngayo ngoba basuke sebevotelwa abalandeli babo. Njalo ngesonto kuphuma oyedwa othole amavoti amancane kunabanye. Ku-Season 1 (njengoba kubizwa kanjalo), kwawina uHeinz 20 Winckler. Ababethula uhlelo kwakunguCandy Litchfield noMatthew Stewardson, kanti amajaji kwakungoRandall Abrahams, Dave Thompson, Marcus Brewster noPenny Lebyane. 4 I-Season 2 yaqala ngenyanga kaJuni kuya kweka-Okthoba onyakeni wezi-2003. Kwaphumelela u-Anke Pietrangeli, owayethandwa kakhulu 25 ababukeli balo mncintiswano. Abalandeli bakhe bamqamba igama lesidlaliso ('nickname') elithi 'The Kimberley Diamond'. Kwakuqala ngqa kuwo wonke amazwe analo mncintiswano ukuthi kube nabesilisa abadlulela esigabeni sabayi-12. 5 Ukuthandwa kwalo mncintiswano kwenza isibalo sabawulandelayo 30 sikhule kakhulu. Ngonyaka wezi-2005 kwaqala u-Season 3 eGold Reef City. Owaphumelela kwaba intokazi uKarin Kortie ngamavoti angamaphesenti angama-62,5. Ukuze awine kwakufanele acule iculo azikhethele lona, elikhethwe ngamajaji kanye nelisha aziqambele lona. Ngonyaka wezi-2006 awubanga khona umncintiswano ohlelweni 35 lakwa-M-Net waze wabuya ngonyaka olandelayo, kwawina uJody Williams. Amajaji amthanda kakhulu ngekhono lakhe lokucula amaculo o-Celine Dion noLuther Vandross okungabaculi abasezingeni eliphezulu. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 4 DBE/Novemba 2016 NSC 6 Ngonyaka wezi-2009, kwaqala u-Season 5. Ngalo nyaka abangenele 40 bavunyelwa ukusebenzisa izinsimbi zomculo. Amajaji awakujabulelanga lokho ngoba ayengabezwa uma becula. Kule Season kwawina uSasha Lee Davids. Emva kwezinsuku ezine ewinile, kwatholakala ukuthi kukhona amavoti angabalwanga ngenxa yezinkinga kwezobuchwepheshe. Kwenziwa uphenyo ('investigation') kwabalwa 45 kabusha. Imiphumela yaveza ukuthi uJason obencintisana noSasha nguye obenamavoti amaningi. UM-Net noFremantle Media abangabaphathi bohlelo bavumelana ngokuthi babanike imiklomelo elinganayo. 7 Ngonyaka wezi-2010 kwaqala iSeason 6. Yahamba kahle 50 kwaphumelela u-Elvis Blue. Uhhafu wemali ayiwina wayinika uLloyd Cele ayesele naye kulo mncintiswano. Ngonyaka olandelayo wezi-2011, kwaqala i-Season 7 eyawinwa uDave Van Vuuren waseGauteng. 8 Ukwanda kwezinhlelo kumabonakude kwasiza abalandeli abaningi. Ngonyaka wezi-2012 lo mncintiswano wavezwa kuMzansi Magic 55 nakuM-Net ngesikhathi esisodwa. Ababengenele banyusa amasokisi ngoba abalandeli basebekhetha lowo onethalente elidlulele kunabanye. Abanye abalandeli babengasabheki ithalente lomculo kodwa babevotela ovela esiFundazweni sabo. Ngomhla zi-2 ku-Okthoba 2012, uKhaya Mthethwa wamenyezelwa ukuthi nguyena owine iSeason 8. 60 Kwaqopheka umlando kulo mncintiswano wokuthi abe ngowokuqala oMnyama ukuwina. IsiFundazwe saKwaZulu-Natal sajabula ngoba uvela kusona. Emva kukaKhaya kwalandela uMusa Sekwane waseMpumalanga owawina i-Season 9. 9 Lo mncintiswano wawinwa ngabesilisa iminyaka ilandelana. Ngonyaka 65 wezi-2014 kwawina uVincent Bones owayenomlando owathinta izinhliziyo zabalandeli. I-Season 11 yaduma kakhulu nesibalo sabavotayo safika ezigidini ezingaphezu kweziyisi-5 ngoba kwakukhona ijaji elaliyintandokazi uSomizi Mhlongo. Abantu babethanda amahlaya namatemu ayewasebenzisa kwabangenele umncintiswano. 70 Wayesebenza nejaji uRandall Abrahams owayesedonse isikhathi eside. Kwawina uKarabo Mogane ku-Season 11. 10 Imincintiswano yama-Idols iyasiza kakhulu ukuvuselela ithalente lomculo. Isiza nemindeni nabangani ngoba bahlala ndawonye bachithe isizungu. Enye imali etholakala ngokuvota isiza amakhaya abadala 75 kanye nawezintandane. Kungabe unalo ithalente lokucula? Phuthuma ungenele iSeason elandelayo! [Icashunywe kuhttps://en wikipedia.org/wiki/Idols-SouthAfrica] 1.1.1 Waqala nini umncintiswano wama-Idols eNingizimu Afrika? (1) 1.1.2 Obani abakhetha labo abazoqhubeka nomncintiswano ukuya eSun City? (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 5 DBE/Novemba 2016 NSC 1.1.3 Ubani owokuqala wesifazane owawina umncintiswano wama- Idols? (1) 1.1.4 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikiwe. Ijaji eselidonse isikhathi eside kunamanye kule mincintiswano: A USomizi B U-Unathi C URandall D UPenny (1) 1.1.5 Chaza izindlela EZIMBILI abakhethwa ngazo abaqhubeka nomncintiswano. (2) 1.1.6 Fingqa ngephuzu ELILODWA isigameko esenzeka ngonyaka wezi-2009. (2) 1.1.7 Tomula umusho osendabeni ositshela ukuthi u-Elvis Blue unobuntu. (2) 1.1.8 Kungani uSeason 8 wayengafani namaSeasons ayengaphambili? (2) 1.1.9 Chaza lezi zimo zokukhuluma ezibhalwe ngokugqamile njengoba zisetshenzisiwe endabeni: (a) Ababengenele banyusa amasokisi. (2) (b) Ijaji elaliyintandokazi uSomizi Mhlongo. (2) 1.1.10 Qhathanisa ubuhle nobubi balo mncintiswano kulabo abasuke bewungenele. (2) 1.1.11 Umncintiswano wama-Idols unamuphi umthelela emiphakathini? Bhala amaphuzu AMABILI. (2) 1.1.12 Ngabe IQINISO noma UMBONO ukuthi abanye abangenela lo mncintiswano abangakwazi ukucula basuke befuna ukuvela kumabonakude. Sekela impendulo yakho. (2) 1.1.13 Okuhle nge-Idols SA ukuthi ayicwasi ngokwebala nangokobulili. Sekela lesi sitatimende. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 6 DBE/Novemba 2016 NSC 1.2 Bukisisa lesi sithombe bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO B (Obukwayo) UHulumeni usiza abafundi abahlala ezindaweni ezikude nezikole ngezinto zokuhamba. Lokhu kuyabasiza ukuze bafike ezikoleni ngesikhathi esifanele. [Isithombe sicashunwe kuSolezwe-2016] 1.2.1 Bhala OKUBILI okusesithombeni esingenhla uHulumeni asiza ngakho abafundi ukuze bafike ezikoleni. (2) 1.2.2 Kunamuphi umphumela ukusizwa kwabafundi abasesithombeni ngezinto zokuhamba? (2) 1.2.3 Phawula ngokuhle okwenziwa yilaba bafundi abagibele amabhayisikili ukuzivikela. (2) AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 7 DBE/Novemba 2016 NSC ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2 Fundisisa lesi siqeshana esingezansi esikhuluma ngenkinga yokushoda kwamanzi bese usifingqa ngamaphuzu ayi-7. IMIYALELO 1. Bhala amaphuzu ayi-7 ngemisho ephelele, amagama akho angeqi/angadluli kwangama-60. 2. Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-7. 3. Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye. 4. Bhala ngamagama akho. 5. Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile, bhala inani lamagama owasebenzisile. UMBHALO C (Ofundwayo) IZINKINGA EZIDALWA UKUSHODA KWAMANZI ENINGIZIMU AFRIKA Izwe laseNingizimu Afrika libhekene nenkinga yokushoda kwamanzi. Lokhu kudalwa ukungani kwemvula ezweni lonke. Ekugcineni kuba nemiphumela emibi kubantu, ezilwaneni nasezitshalweni. Ukuguquka kwesimo sezulu kunomthelela kulokhu kushoda kwamanzi. Konke okusemhlabeni kudinga amanzi ukuze impilo iqhubeke. Ingxenye enkulu yomzimba womuntu yakhiwe ngamanzi. Ukungawatholi amanzi anele kwenza umuntu ancishelwe ('dehydrated') amanzi emzimbeni. Lokhu kudala izifo kanye nokufa. Uma imvula ingani, imithombo yamanzi ('reservoir') efana namadamu nemifula iyoma bese kuba nesomiso. Amazinga aphezulu okushisa amunca amanzi asemhlabathini. Konke okutshaliwe okungusizo kuyafa noma kungamili kahle. Ukufa kwezitshalo kunomthelela wokuphela kwendalo kanti impilo incike kokutshaliwe. Isizukulwane singagcina singazazi ezinye zezihlahla zendabuko. Izilwane zidinga ukuphuza amanzi ukuze ziphile. Izinhlanzi nezingwenya zisebenzisa amanzi njengamakhaya azo. Ukuphela kwamanzi asetshenziswa izilwane kwenza isibalo sazo sinciphe. Izilwane ezikhiqiza ubisi nenyama nazo ziyathinteka bese kuba nomthelela omubi kubantu. Izinkampani ezinkulu nezincane ziyawasebenzisa amanzi. Kukhona amabhizinisi angavalwa uma amanzi engekho abantu baphelelwe imisebenzi. Izibhedlela zona zithinteka kakhulu ngoba amanzi ahambisana nezempilo. Ukudla, iziphuzo nokunye kuyakhuphuka ngenxa yokuthi imali eningi isetshenziselwa izindlela zokuthola amanzi. Izithuthi nemidlalo esebenzisa amanzi iyaphazamiseka uma eshoda. Abagwedli, abatshuzi, abadobi nababhukudi baphelelwa umdlandla, isimo sempilo yabo siyashintsha. Imincintiswano yasemanzini ingamiswa ngoba yenziwa khona kuphela. Lokhu kwehlisa izinga labantu abasafisa ukungenela le midlalo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 8 DBE/Novemba 2016 NSC UHulumeni waseNingizimu Afrika unezinhlelo azenzayo ukubhekana nesimo sokushoda kwamanzi. Ezindaweni ezahlukene amanzi ayavalwa ngezikhathi ezithile, kunesikalo esibekelwe abantu ukuthi bawasebenzise kangakanani nokunye. Asiwonge amanzi ukuze siphile impilo iqhubeke! [Umbhalo wokuziqambela] AMAMAKI ESIQEPHU B: 10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 9 DBE/Novemba 2016 NSC ISIQEPHU C: UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 3 Bukisisa lesi sikhangisi bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO D (Ofundwayo nobukwayo) QHAKAZA JEWELLERY SHOP UBUHLE BENDODA YIMALI YAYO. Ufuna ukushada noma ukwenza isithembiso somshado? Ufuna ukukhombisa ukuthi uyindoda enamandla? Ufuna ukufeza amaphupho owesifazane ngamadayimane? NANSI IMPENDULO: Phuthuma eQhakaza, esitolo sobucwebe esizokunika uhlobo lwezindandatho ezinamadayimane: ∞ Acwebezela njengenkanyezi. ∞ Angaphucuki. ∞ Aqine ngqi. ∞ Akuxhopha ukude. ∞ Avuselela uthando. ∞ Akunika isithunzi nokuhlonishwa. Phuthuma manje ungezwa ngendaba! eKapa - 289 Laza Road, Kenilworth (021 937 6578) eGoli - 10 Busa Street, Rivonia (011 456 3991) eThekwini - 99 Cato Road, Berea (031 332 8465) qhksjew@yahoo.com Ozofika kuqala eQhakaza uzoba sethubeni lokuthola lo ► mgexo kanye nebhangela likanokusho. [Umbhalo wokuziqambela] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 10 DBE/Novemba 2016 NSC 3.1 Kungani igama elithi; 'Qhakaza' livele kaningi kulesi sikhangisi esingenhla? (1) 3.2 Anjani amadayimane aseQhakaza Jewellery Shop? Bhala OKUBILI. (2) 3.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe. Lo musho olandelayo uqukethe hlobo luni lolimi? Amadayimane avuselela uthando. A Ulimi olukhohlisayo. B Ulimi oluphoqayo. C Ulimi olunamaqiniso. D Ulimi oluncengayo. (1) 3.4 Yiliphi isu elisetshenziswe abakwaQhakaza Jewellery Shop ukuze umthengi afike kuqala kunabanye? (2) 3.5 Tomula umusho ongenza umuntu wesilisa azizwe enjengesicebi. (2) 3.6 Ngokucabanga kwakho indandatho enamadayimane iwafeza ngempela yini amaphupho abesifazane? Sekela impendulo yakho. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 11 DBE/Novemba 2016 NSC UMBUZO 4 Bukisisa le khathuni bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO E (Ofundwayo nobukwayo) ISITHOMBE-1 ISITHOMBE-2 ULucy uchazela uCele ngezinhlobo zokudla UCele uyakuqala ukudla okumnandi abanazo erestorenti yaseThatha ukuze a-ode nokuningi kangaka. Ushaye wavala. akuthandayo. ISITHOMBE-3 ISITHOMBE-4 UCele uyaxolisa, uchazela imenenja Isimo sibi! ULucy udiniwe, utshela imenenja ukuthi usenezinsuku ezintathu ukuthi uCele akanalo ngisho isenti lokukhokha. engadli, uhamba efuna umsebenzi. Imenenja yamzwela yamqasha ukuthi asebenze khona la eThatha. [Izithombe zicashunwe www.google.co] 4.1 Yimuphi umsebenzi owenziwa uLucy? (1) 4.2 Imenenja yamsiza kanjani uCele enkingeni yokungabi nemali yokukhokhela ukudla? (2) 4.3 Yini eyenza ukuthi uLucy akhulume nemenenja esithombeni sesi-3? (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 12 DBE/Novemba 2016 NSC 4.4 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikiwe. Ukushaya uvale kuchaza ukuthi: A Ukudla ulambile. B Ukudla uqede. C Ukudla usheshise. D Ukudla mahhala. (1) 4.5 Buka esithombeni-3, bese ubhala OKUBILI okukhombisa ukuthi uCele ukhathazekile. (2) 4.6 Isenzo semenenja siyiveza njengomuntu onjani? (2) [10] UMBUZO 5 5.1 Fundisisa lesi siqeshana bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO F (Ofundwayo) PHUMULA UKUZE UTHOLE AMANDLA AMASHA Abantu abaningi bayasebenza zonke izinsuku, kusukela ilanga liphuma lize liyoshona. Bavuka baye emsebenzini kanti abanye benza imisebenzi yasekhaya. Abantu basebenza amahora amaningi, baphumule amancane. Kubalulekile ukuphumula. Lokhu kubanika isikhathi sokuthatha ikhefu ukuze bathole umdlandla wokuqhubekela phambili. UDokotela Hlubi wathi, 'Mina ngilala isikhathi esanele, angiyibulali impilo yami ngokusebenza amahora amaningi.' Ukulala isikhathi esincane, kwenza impilo yakho ibe mfishane. Kwehla nezinga lokucabanga izinto ezinhle nezakhayo. Abanye baze baphuze iziphuzo namaphilisi abenza bahlale bephapheme. Lezi zinto zigcina ziyilimaza impilo yabo. Phumula isikhathi esanele khona uzothola nethuba lokwenza izinto ezinkulu, ezibahlulayo abanye abantu. Usungamisa nomsila wakho kulokho okwenzile. Ungakwazi nokuvula neminyango mimbe evalekile. [Umbhalo wokuziqambela] 5.1.1 Bhala umusho olandelayo ukhombe ukuphika. Abantu basebenza amahora amaningi. (1) 5.1.2 Gcwalisa ngezivumelwano ezifanele kule misho olandelayo: (a) Isikhathi … yashesha ukuphela uma uhleli ekhaya. (1) (b) Abantu bahlalelwe umsebenzi … khulu emsebenzini. (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 13 DBE/Novemba 2016 NSC 5.1.3 Khetha isihlanganiso kulezi ozinikiwe kubakaki bese uhlanganisa le misho elandelayo ibe umusho owodwa ozwakalayo: (kodwa, ukuze, nakuba) Udokotela ulala isikhathi esanele. Udokotela uphila isikhathi eside. (2) 5.1.4 Guqula igama elikubakaki emshweni olandelayo likhombe isandiso sesimo. Abantu basebenza (ubuhlungu) ngamaholidi. (1) 5.1.5 Tomula isabizwana soqobo kulo musho olandelayo: Isikhathi sona siyadingeka ukuze uphumule. (1) 5.1.6 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikiwe. Igama elibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo lisebenze njenge: Ungakwazi nokuvula neminyango mimbe evalekile. A Isiphawulo B Isibaluli C Ongumnini D Inani (1) 5.1.7 Bhala le nkulumo elandelayo ibe yinkulumo-mbiko: UDokotela Hlubi wathi, 'Mina ngilala isikhathi esanele.' (2) 5.1.8 Sebenzisa igama ilanga emshweni ozakhele wona ukuze kuvele umqondo ohlukile kulo osesiqeshini. (2) 5.1.9 Lo musho olandelayo uqukethe isifengqo. Shono ukuthi luhlobo luni lwesifengqo lesi: Usungamisa nomsila wakho kulokho okwenzile. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 14 DBE/Novemba 2016 NSC 5.2 Bukisisa lesi sithombe bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO G (Ofundwayo nobukwayo) Ha!ha!ha! Sakubamba! Sizwile ukuthi uyimpimpi yothisha. Khipha i-eseyi kaLady Boss manje! Hheyi wena Lwazi! Woza la! Ongathi usungikhohliwe Hawu Nkosi ukuthi ngingubani? yami! Kazi Iphi i-eseyi engithe bangibone kanjani? ngibhalele yona? (ekhulumela Ufuna kube njani, ngaphakathi) ngifeyile? [www.googlecartoons.com] 5.2.1 Isithombe sikaLady Boss nabangane bakhe sibaveza ukuthi bangabafundi abanjani? Bhala amaphuzu AMABILI. (2) 5.2.2 Inkulumo kaLwazi isho ukuthi ubefuna ukwenzani? (1) 5.2.3 Umuntu onjani obizwa ngempimpi? (2) 5.2.4 Bhala OKUKODWA okwenziwa abafundi abahlukumeza abanye esikoleni ngaphandle kokubabhalisa umsebenzi wabo wesikole. (1) [20] AMAMAKI ESIQEPHU C: 40 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu FAL

View all