Skip to content
Question paper

Isizulu Fal Grade 12 P3 NSC November 2025 QP (isiZulu)

Grade 12 Isizulu Fal Paper 3 question paper from the NSC November Exam 2025 (isiZulu), 8 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Subject: Isizulu FalGrade 1220258 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Confidential NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) IPHEPHA LESITHATHU (P3) LWEZI 2025 AMAMAKI: 100 ISIKHATHI: Amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi ayi-8. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 2 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential IMIYALELO KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Indaba (50) ISIQEPHU B: Imibhalo emide edlulisa imiyalezo (30) ISIQEPHU C: Imibhalo emifishane edlulisa imiyalezo (20) 2. Phendula umbuzo OWODWA esiqeshini NGASINYE. 3. Bhala ngolimi ohlolwa ngalo. 4. Qala umbuzo NGAMUNYE ekhasini ELISHA. 5. Hlela umsebenzi wakho ngamaphuzu (uhlaka) noma ngebalazwe (mind map), ulungise amaphutha bese uyawufundisisa. Uhlelo/uhlaka MALWANDULELE umbhalo ngamunye. 6. Ukuhlela makukhonjiswe ngokubhala igama elithi uhlelo/uhlaka bese kuyethulwa. Kuyancomeka ukuba kudwetshwe umugqa phezu kwemisebenzi yonke yokuhlela. 7. Uyelulekwa ukuba usebenzise isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo: ISIQEPHU A: Amaminithi angama-80 ISIQEPHU B: Amaminithi angama-40 ISIQEPHU C: Amaminithi angama-30 8. Bhala izinombolo zezimpendulo ngendlela ezihlelwe ngayo kuleli phepha lemibuzo. 9. Nikeza impendulo NGAYINYE isihloko esifanele. 10. UNGAZIBALI izihloko lapho usubala inani lamagama omsebenzi wakho. 11. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 3 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential ISIQEPHU A: INDABA 2025 UMBUZO 1 Khetha isihloko ESISODWA kwezilandelayo ubhale ngaso indaba ibe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240. QAPHELA: Bhala uhlaka lwendaba yakho lube sekhasini lwalo lodwa. 1.1 Ngiyazisola ngokungalaleli ngenkathi bengikhuza. [50] 1.2 Izindlela zokuvimba ukukhulelwa kwezingane ezincane. [50] 1.3 Ukungabi bikho kwamathuba emisebenzi kudala izinkinga eziningi emiphakathini. [50] 1.4 Imibono ehlukene ngabantu abenza imali ezinkundleni zokuxhumana. [50] 1.5 Kungabe umuntu okhuluma iqiniso uyathandeka? [50] Khetha isithombe ESISODWA kulezi ezilandelayo bese ubhala indaba. Bhala inombolo yombuzo (1.6, 1.7 NOMA 1.8) bese uyinika isihloko indaba yakho. QAPHELA: Indaba yakho mayihambisane nesithombe/nokwenzeka esithombeni. 1.6 [Sicashunwe ku-www.googleweather.com] [50] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 4 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 1.7 [Sicashunwe ku-www.google.com] [50] 1.8 [Sicashunwe ku-www.google.com] [50] AMAMAKI ESIQEPHU A: 50 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 5 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential ISIQEPHU B: IMIBHALO EMIDE EDLULISA IMIYALEZO UMBUZO 2 Khetha isihloko ESISODWA kwezilandelayo ubhale ngaso kube ngamagama angama-80 kuya kwayi-100. 2.1 INCWADI YAKOMKHULU/ESEMTHETHWENI Ubugebengu bokubulawa nokungenelwa kwabantu asebekhulile emakhaya abo buyanda. Bhalela uMphathisiteshi samaphoyisa ucele usizo lokulwa nalobu bugebengu. [30] 2.2 UMLANDO NGOMUFI Funda lesi saziso senkonzo yomngcwabo esilandelayo bese ubhala umlando ngomufi. Inkonzo yomngcwabo ka-Onela Msweni 16 Ephreli 1963 12 Okthoba 2025 Bhala umlando ngomufi usebenzise imininingwane oyinikeziwe. [30] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 6 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 2.3 INDATSHANA/I-ATHIKHILI YEPHEPHANDABA Bhala indatshana/i-athikhili yephephandaba ngesihloko esithi: Makuvulwe amabhizinisi amancane emiphakathini ukusiza intsha. [30] 2.4 I-INTHAVYU Ungumethuli wezinhlelo zikaqedisizungu emsakazweni; 'Injabulo FM.' Namhlanje kuvakashe umlingisi kamabonakude odumile. Bhala i-inthavyu ephakathi kwakho nalo mlingisi. [30] AMAMAKI ESIQEPHU B: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 7 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential ISIQEPHU C: IMIBHALO EMIFISHANE EDLULISA IMIYALEZO UMBUZO 3 Khetha isihloko ESISODWA ubhale ngaso kube ngamagama angama-60 kuya kwangama-80. 3.1 IFLAYA Umfowenu uvule indawo yokusiza abafundi abadinga ulwazi olwengeziwe ngezifundo zeziBalo nezeSayensi. Bhala iflaya ezoheha abafundi abenza lezi zifundo. [20] 3.2 UMYALEZO OMFISHANE (SMS) Ugogo wakho ubegubha usuku lwakhe lokuqeda iminyaka engama-75 ngesonto eledlule. Ngezizathu ezithile wena awuphumelelanga kulo mcimbi. Bhala umyalezo omfishane ozowuthumela kugogo wakho. [20] 3.3 INKOMBANDLELA Ulaliswe esibhedlela. Isihlobo sakho sifuna ukuzokubona kodwa manje asiyazi indlela eya khona. Bhala inkombandlela esuka esitobhini samabhasi ize iyofika esibhedlela ulandele imicibisholo njengoba injalo. Sebenzisa umdwebo osekhasini elilandelayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 8 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential Isibhedlela Ihholo lasedolobheni Isinema Umtapo Wolwazi Ihhotela Irestorenti Iposi Ibhange uMuseum iTheatre Ipaki iSupermarket Isitobhi sebhasi [Sicashunwe ku-googlemaps] [20] AMAMAKI ESIQEPHU C: 20 AMAMAKI ESEWONKE: 100 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

Revise the topics in this paper, then practise them question by question.

More papers and memos for this grade and subject.

More from Grade 12 Isizulu Fal

View all