You're offline
Skip to content
Question paper

IsiZulu HL P3 Nov 2025 MG

Subject: Isizulu HlGrade 1220259 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 12121212 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESITHATHU (P3) LWEZI 2025 UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA AMAMAKI: 100 Lo mhlahlandlela unamakhasi ayisi-9. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 2 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMBUZO 1 OKULINDELEKILE MAYELANA NEZIHLOKO ZEZINDABA (ISIQEPHU A) 1.1 Ohlolwayo makaveze ukuthi kwakwenzekani ngesikhathi kuphenya izulu. Makuvele ukuthi kwaxazululeka izinkinga owayebhekene nazo. Isb. Aqaqeka amafindo, ukulunga kwezinto/kwenkinga, isimo sezulu, njl. [50] 1.2 Ohlolwayo makachaze izinto ezibeka impilo yabantu engcupheni. Isb. Imikhiqizo engahloliwe iyaphasiswa ukuba isetshenziswe, njl. [50] 1.3 Ohlolwayo makaveze ukuthi uyasiqonda lesi sihloko ngokuninga ukuthi ukuze umuntu abe sezingeni eliphezulu empilweni usuke esebenze kanzima. Isb. Kuvame ukushiwo kumuntu okhuthazwayo ukuthi angasoli uma enikwa umsebenzi omningi. Kungaba ngumfundi osesikoleni, osebenzayo nogqugquzelwa ukuba asebenze kuze kube sekugcineni ukuze aphumelele, njl. [50] 1.4 Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isihloko. Angabhala ngamathuba amahle atholwa yizingane zezigwili adala ukuthi ziphumelele. Isb. Ukufunda ezikoleni ezibizayo ezinezinsizakufunda eziphambili, njl. Angabhala ngezinselelo ezibhekana nezingane zezigwili ezenza zehluleke ukuzimela uma sezikhulile. Isb. Ukuhluleka ukwenza izinto ngoba zijwayele ukwenzelwa njengokuya emtatsheni yolwazi, njl. [50] 1.5 Ohlolwayo makaveze ukuthi kungani likhinyabezeka ikusasa labafundi abakhethelwa izifundo okumele bazenze. Isb. Ovumelanayo: Ukungaphumeleli kwabafundi ngenxa yokungakuqondi okufundiswayo, njl. Ophikisayo: Ukuphumelela kwabafundi yize bekhethelwe izifundo okumele bazenze, njl. [50] 1.6 Ohlolwayo makabukisise kahle isithombe bese enika indaba yakhe isihloko esihambisana nesithombe. Makungachazwa isithombe. Isb. sesihloko: Qhude manikiniki zindala zombili/Umncintiswano wezikole/Mhla ngiklonyeliswa ngendondo, njl. [50] 1.7 Ohlolwayo makabukisise kahle isithombe bese enika indaba yakhe isihloko esihambisana nesithombe. Makungachazwa isithombe. Isb. sesihloko: Imisebenzi yomuntu iyohlala imlandela/Isithunzi somuntu singuye uqobo,njl. [50] 1.8 Ohlolwayo makabukisise kahle isithombe bese enika indaba yakhe isihloko esihambisana nesithombe. Makungachazwa isithombe. Isb. sesihloko: Masifunde ukucabanga sisabalale/Abantu abaphumelelayo abasebenzisa ingqondo ngokujulile, njl. [50] AMAMAKI ESIQEPHU A: 50 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 3 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU A: INDABA UMBUZO 1 QAPHELA: • Ngaso sonke isikhathi sebenzisa irubhrikhi uma umaka umbhalo wokuziqambela (Iphepha lesi-3, ISIQEPHU A). • Amamaki ukusuka ku: 0–50 ahlukaniswe ngokwamazinga amahlanu ngokwezinkomba. • Okubonwa ngakho: okuqukethwe nolimi, inkomba ngayinye kumazinga amahlanu ihlukaniswe izingxenye ezimbili kuye ngokwabiwa kwamamaki. Kunengxenye engenhla kanye nengezansi. • Isakhiwo sona asithinteki ekuhlukaniseni ngokwezingxenye. Ayikho ingxenye engenhla noma engezansi. AMARUBHRIKHI OKUHLOLA I-ESEYI ULIMI LWASEKHAYA [AMAMAKI ANGAMA-50] Okungabonwa ngakho Okungavamile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akwanelisi OKUQUKETHWE KANYE 28–30 22–24 16–18 10–12 4–6 NAMALUNGISELELO -Impendulo enembayo -Impendulo yakheke kahle -Impendulo eyenelisayo -Impendulo ikhombisa -Impendulo enhlanhlathayo Ingxenye engenhla ngaphezu kobekulindelekile impela -Imibono inakho ukungahlangani -Imibono edidayo (Izimpendulo kanye -Imibono ekhaliphile, -Imibono eshaya ukulandelana nokushaya -Imibono engacacile nenganembi nemibono) echukuluza ingqondo kanye emhlolweni nehlabahlosile emhlolweni nekungeyona -Akuzwakali Ukuhlela imibono uyihlelela nekhombisa ukuvuthwa enokuvuthwa komqondo -Ihleleke ngokusendimeni eyokuzisungulela kunokuphindaphinda amalungiselelo komqondo -Ihleleke kahle kakhulu kanye nokulandelana -Kukhona okukhombisa -Akukho ukuhlela kanye Ukuqonda inhloso, -Ihleleke ngobunyoninco kanye nokulandelana (nokuxhumana) ukuhlela okuncane nokulandelana izethameli kanye nesimo kanye nokulandelana (nokuxhumana) kubandakanya isingeniso, nokulandelana (nokuxhumana) kubandakanya kubandakanya isingeniso, umzimba kanye nesiphetho AMAMAKI ANGAMA-30 isingeniso, umzimba kanye umzimba kanye nesiphetho nesiphetho 25–27 19–21 13–15 7–9 0–3 -Impendulo yinhle kakhulu -Impendulo yakheke kahle -Impendulo eyenelisayo -Impendulo engashayi -Ayikho imizamo kepha intula izimpawu -Imibono ehambisanayo kodwa intula ukucacisa emhlolweni ekhombisa ukuphendula ze-eseyi enembayo nendaba nehlabahlosile -Imibono iyalandelana -Imibono ithanda ukuba ngesihloko Ingxenye engezansi -Imibono ekhombisa -Ihleleke kahle kakhulu ngokusendimeni futhi nhlakanhlaka futhi -Akuhambisani nesihloko ukuvuthwa komqondo kanye kanye nokulandelana iyamukeleka iyadida futhi akufanelene nokukhalipha (nokuxhumana) -Kukhona okukhomba -Ukuhlela kanye -Akuqondene nesihloko -Ikhombisa ikhono lokuhlela kubandakanya isingeniso, ukuhlela kanye nokulandelana akukho futhi kuphithene kanye nokulandelana umzimba kanye nesiphetho nokulandelana (nokuxhumana) kubandakanya (nokuxhumana) isingeniso, umzimba kanye kubandakanya isingeniso, nesiphetho umzimba kanye nesiphetho Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 4 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela wokumaka AMARUBHRIKHI OKUHLOLA I-ESEYI ULIMI LWASEKHAYA [AMAMAKI ANGAMA-50] (ayaqhubeka) Okungabonwa ngakho Okungavamile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akwanelisi ULIMI, ISITAYELA & 14–15 11–12 8–9 5–6 0–3 UKULUNGISA AMAPHUTHA -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ulimi aluqondakali ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama -Ithoni, irejista, isitayela Ithoni, irejista, isitayela, kuhambisana kahle kuhambisana kahle kuhambisana kahle kuhambisana kanye nolwazimagama Ingxenye engenhla ulwazimagama kakhulu nenhloso, nenhloso, izethameli kanye nenhloso, izethameli ngokungagculisi aluhambisani nenhloso, kuyahambisana izethameli kanye nesimo nesimo kanye nesimo nenhloso, izethameli izethameli kanye nesimo nenhloso/umthelela kanye -Ulimi lukhombisa -Ulimi lufanelekile kanye -Ukusetshenziswa kolimi kanye nesimo -Ulwazimagama luncane nesimo, ukuzethemba, nokusetshenziswa ukudlulisa umqondo -Ukusetshenziswa kolimi kakhulu okwenza kube ukukhethwa kwamagama, luyancomeka kakhulu kwethoni ngendlela kusendimeni ukudlulisa umqondo lukhuni ukuqonda ukusetshenziswa kolimi, -Ithoni ekhomba ukuheha efanelekile -Ithoni ifanelekile akugculisi izimpawu zokuloba, uhlelo, kanye namasu obuciko -Kukhombisa ukungabi -Kusetshenziswe amasu -Ithoni nephimbo isipelingi obunembayo namaphutha ohlelweni obuciko ukukhulisa akugculisi -Akunamaphutha sanhlobo kanye nesipelingi okuqukethwe -Kusetshenziswe amasu AMAMAKI AYI-15 ohlelweni kanye nesipelingi -Ibumbeke kahle kakhulu obuciko ngokungagculisi -Ikhombise ikhono ukukhulisa okuqukethwe eliphezulu lokubumba 13 10 7 4 -Ulimi lukhombisa -Ulimi luyahambisana futhi -Ukusetshenziswa kolimi -Ukusetshenziswa kolimi ukuzethemba, lufanelekile okusendimeni okunamaphutha luyancomeka kakhulu -Ithoni iyahambisana futhi nokungahlangani -Imisho enhlobonhlobo -Akunamaphutha ohlelweni ifanelekile okumbalwa imbalwa noma ayikho Ingxenye kanye nesipelingi -Kunamaphutha ambalwa -Ithoni ifanelekile kanye -Ulwazimagama -Ikhombise ikhono ohlelo kanye nesipelingi nokusetshenziswa olunomkhawulo engezansi eliphezulu lokubumba -Ibumbeke kahle kwamasu obuciko okunomkhawulo ISAKHIWO 5 4 3 2 0–1 -Ukuthuthuka kwesihloko -Ukuthuthuka nokugeleza -Ukuthuthuka kwendaba -Amaphuzu ambalwa -Amaphuzu awatholakali Izimpawu zethekisthi, okunembayo kwendaba okusendimeni azwakalayo -Imisho kanye nezigaba ukuthuthuka kwezigaba kanye -Ukucacisa okunembayo -Ukucacisa okuhle, -Imisho, izigaba -Imisho kanye nezigaba kunamaphutha nokwakhiwa kwemisho -Imisho, izigaba kwakheke -Imisho, izigaba kwakheke kahle kunamaphutha -I-eseyi ayinamqondo kahle kakhulu kuyalandelana futhi -I-eseyi isenawo -I-eseyi isenawo AMAMAKI AYISI-5 kuxubile umqondo umqondo noma inamaphutha Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 5 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela wokumaka Amakhodi angasetshenziswa uma kumakwa AMAKHODI AMAMAKI SP – (dwebela)-isipelingi esingamukelekile. Q = 30 PH – uphawu lokubhala olungemukelekile. L = 15 L – (dwebela)- ulimi olungemukelekile. SK = 05 // – khombisa isigaba esisha. 50 NK – inkathi engemukelekile. AP – i-aphostilofi engemukelekile. GL – amagama awalandelani ngokufanele. R – irejista. KM – akwenzi mqondo. ISIV. – isivumelwano esingahambisani. AK – akudingekile. ^ – kunegama noma uphawu olungekho. GN – igama elingcono. NQ – nqamula amagama ngendlela efanelekile ekugcineni komugqa. PND- ukuphindaphinda amagama. – ukuhlanganisa amagama / – hlukanisa amagama  - ulimi oluhle } KM - isigaba esingenzi mqondo OKULINDELEKILE MAYELANA NESAKHIWO SEMIBHALO (ISIQEPHU A) • Isingeniso: Siyaheha, sinamandla, siyisigaba esisodwa, singenisa indikimba, sinobude obukhombisa ukuthi indaba iyethulwa noma iyangeniswa. • Umzimba: (i) Izigaba zinemiqondo ezwakalayo nenikezelanayo. (ii) Zihleleke kahle: Isigaba siqala ngomusho oyinhloko bese siba nemisho esekelayo. Masibe nomqondo ophelele. (iii) Umbhalo nombhalo uhambelana nenkathi okumele ubhalwe ngayo. • Isiphetho: (i) Siyisigaba esisodwa. (ii) Makuvele ukuthi umbhalo usuyagoqwa noma uyasongwa. (iii) Selungavela uvo lombhali ngalokho abhala ngakho okungaba ukuxwayisa/ukweluleka/ukuxolisa/ukuncoma. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 6 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU B: IMIBHALO EMIDE EDLULISA IMIYALEZO INCWADI YAKOMKHULUI/INKULUMO-MPENDULWANO/I-ATHIKHILI YEPHEPHANDABA/I-IMEYILI/INKULUMO ENGALUNGISELELWE/ UMBIKO ONGABEKELWE MGOMO IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBHALO OMUDE ODLULISA UMYALEZO ULIMI LWASEKHAYA [AMAMAKI ANGAMA-25] Okungabonwa ngakho Okungavamile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akwanelisi OKUQUKETHWE, 13–15 10–12 7–9 4–6 0–3 AMALUNGISELELO & -Impendulo enembayo -Impendulo enhle -Impendulo esendimeni -Impendulo esezingeni -Impendulo ikhombisa NEFOMATHI ngaphezu kakhulu ekhombisa ekhombisa ulwazi eliyisisekelo ekhombisa ukungabi nalo ulwazi kobekulindelekile ulwazi lwezimpawu lwezimpawu zohlobo ulwazi lwezimpawu lwezimpawu zohlobo Impendulo kanye nemibono -Amasu akhaliphile zohlobo lombhalo lombhalo zohlobo lombhalo lombhalo Ukuhlela imibono ukuze kanye nokuvuthwa -Inamathele esihlokweni -Inamathele esihlokweni -Ukunamathela -Umqondo kube namalungiselelo komqondo -Kunamaphushana – inamaphutha kuyabonakala kodwa uyanhlanhlatha Inhloso, izethameli, -Ulwazi olubanzi -Ukulandelana asendimeni kunamaphutha kunamaphutha izakhiwo nezimiso kanye lwezimpawu zohlobo kokuqukethwe -Ukulandelana amaningana amakhulu nesimo lombhalo nemibono, kuchazwe kwemibono -Ukulandelana -Imibono ayilandelani -Umbhalo unamathele kahle futhi kusekela okuqukethwe kwamaphuzu sanhlobo esihlokweni isihloko kufanelekile okuqukethwe kubuye -Ukuchaza okumbalwa AMAMAKI AYI-15 -Amasu akhombisa -Ifomathi efanele -Ukuchaza okumbalwa kungabonakali okusekela isihloko ukuthelelana kanye enamaphushana kusekela isihloko -Ukuchaza okumbalwa -Akasebenzisanga nokulandelana -Ifomathi efanelekile kusekela isihloko nhlobo imithetho -Acacisa ngokusobala kodwa kunamaphutha -Usebenzise yefomathi kanye nokusekela ambalwa ngokunganele imithetho isihloko yefomathi -Ifomathi efanelekile -Kukhona okumbalwa necacile okubalulekile ULIMI, ISITAYELA KANYE 9–10 7–8 5–6 3–4 0–2 NOKULUNGISA -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela AMAPHUTHA ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama kanye nolwazimagama kuhambisana kahle kuhambisana kahle kuyahambisana kunokungahambisani akuhambisani nenhloso, Ithoni, irejista, isitayela, kakhulu nenhloso, nenhloso, izethameli nenhloso, izethameli nenhloso, izethameli izethameli kanye nesimo inhloso/umthelela, izethameli kanye nesimo kanye nesimo kanye nesimo kanye nesimo -Kugcwele amaphutha izethameli kanye nesimo -Uhlelo lufanelekile futhi -Uhlelo lufanelekile futhi -Kunamaphutha -Uhlelo olungafanelekile futhi kuyadida Ukusetshenziswa kolimi lwakheke kahle kakhulu lwakheke kahle ambalwa olunamaphutha -Ulwazimagama kanye nezimiso -Akunamaphutha -Ulwazimagama oluhle -Ulwazimagama amaningi aluhambisani nenhloso Ukukhethwa kwamagama sanhlobo -Kunamaphushana olusendimeni -Ulwazimagama -Umqondo Izimpawu zokuloba kanye -Amaphutha olunganele uyanhlanhlatha kakhulu nesipelingi awawuphazamisi -Umqondo umqondo awusalandeleki kahle AMAMAKI AYI-10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 7 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU B: IMIBHALO EMIDE EDLULISA IMIYALEZO UMBUZO 2 Amamaki azocazwa ngale ndlela: OKUQUKETHWE, AMALUNGISELELO NESAKHIWO (15) ULIMI, ISITAYELA, UKUHLELA (10) OKULINDELEKILE 2.1 INCWADI YAKOMKHULU/YASEMTHETHWENI/YOMSEBENZI • Iba namakheli amabili. • Ikheli lobhalayo lihambisane nosuku, (06 Zibandlela 2025/06 Disemba 2025/06-12-2025.) • Ikheli lesibili lobhalelwayo liqala ngesikhundla sobhalelwayo (Menenja/Mphathi, njl.) Alubhalwa usuku. • Obhalelwayo makabingelelwe sakukhuluma. Isb. Mnumzane/ Nkosazana/Nkosikazi /Khansela, njl. • Mayibe nesihloko: Isibonelo: Incwadi Yokucela Ukuxhaswa Ngomfundaze/INCWADI YOKUCELA UKUXHASWA NGOMFUNDAZE,njl • Isingeniso: Obhalayo makazethule anikeze isizathu sokubhalwa kwencwadi. • Umzimba: Makazwakalise izizathu ezenza akufanele ukuxhaswa ngomfundaze. • Isiphetho: Makuvele ukuthi uzokuthokozela ukuba ngomunye wabathola lolu xhaso/lo mfundaze. • Makavalelise akhombise ukuzithoba. Isibonelo: Yimina ozithobayo uThabani Sangela QAPHELA: Makubhalwe igama nesibongo. [25] 2.2 INKULUMO-MPENDULWANO • Isibonelo sesihloko: Inkulumo-mpendulwano phakathi komzali kanye nothisha. • Isethulo: Inkulumo-mpendulwano phakathi kobani, mayelana nani, usuku, indawo nesikhathi. Isb. (UNkz. Cele onguthisha wekilasi uxoxa noNkk. Jele ongumzali mayelana nemiphumela kaNtombi yaphakathi nonyaka njengoba kubhekwa imiphumela yabafundi esikoleni ngoLwesithathu ntambama). • Makabhale okushiwo yisikhulumi njengoba kunjalo, uveze imibono yaso ngqo. Isibonelo: uNkz. Cele uNkk. Jele • Makasebenzise umugqa omusha ukukhombisa isikhulumi esisha. • Angasebenzisi abacaphuni enkulumeni yezikhulumi. • Mayingabi khona inkulumo efakwa kubakaki echaza imizwa yesikhulumi. • Kubalulekile ukuba asebenzise izimpawu zokuloba ngendlela efanele. Inkulumo-mpendulwano mayibe nesingeniso, umzimba kanye nesiphetho (Kubonakale ukukhula kwayo). Makaqikelela ukusheshe angene engqikithini yenkulumo-mpendulwano. QAPHELA: Imizwa yezikhulumi mayivele enkulumeni yazo ukuze kugwenywe ukusetshenziswa kwenkulumo ekubakaki. [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 8 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 2.3 I-ATHIKHILI YEPHEPHANDABA Isibonelo: • Isihloko okubhalwa ngaphansi kwaso: Isibonelo: Maye ngezinkundla zokuxhumana! • Igama lobhalile lingaba sekuqaleni noma ekugcineni kwe-athikhili. • Isibonelo: Ibhalwe nguBhekile Madondo. • Ayibe nesakhiwo (isingeniso, umzimba, nesiphetho). • Isigaba sokuqala- Isingeniso: Makuvele ukuthi uyasethula isihloko sakhe. • Isigaba sesibili- Umzimba: Makenabe ngesihloko kuvele amaqiniso, aluleke anike izibonelo lapho kudingeka khona. • Isigaba sesithathu- Isiphetho: Makaxwayise/makaluleke/makaqwashise, anike nezincomo ngesihloko. [25] 2.4 I-IMEYILI Ohlolwayo makaveze la maphuzu alandelayo: • Ikheli elilodwa lobhalelwayo, isb. Iya ku: mbongeni.magagula@dha.gov.za • Ikheli elilodwa lobhalayo, isb. Ivela ku: sne01@ymail.com • Cc: madlophe.7@yahoo.com • Bcc: siyahlomulak@yahoo.com • Isihloko: Ingqikithi yesihloko/asiqonde ngqo. Isb. Ukukhononda Ngempatho Engeyinhle, njl. Obhalelwayo makabingelelwe ngokwesikhundla ... Nsumpa/Mphathi/Mnumzane/Nkosazane/Nkosikazi • Isigaba sokuqala, angaqalisa kanje: Ngithi …(Makahlale engqikithini.) • Isigaba sesibili, makenabe ngengqikithi ye-imeyili (ukukhononda) • Isigaba sesithathu, makasonge ngokuveza afisa kwenzeke • Isigaba sesine, makaphethe i-imeyili (Ngiyethemba ukuthi … Ohlolwayo makasebenzise ulimi/irejista efanele. • Isiphetho: Makavalelise akhombise ukuhlonipha lo ambhalelayo. Isibonelo: Yimina ozithobayo uSne Mseleku [25] 2.5 INKULUMO ENGALUNGISELELWE • Isihloko: Inkulumo yethulwa ngubani, uhlobo lomcimbi, usuku, indawo nesikhathi. • Isingeniso: Ukubonga ithuba, ukubingelela ngokwezikhundla. • Umzimba: Ukunamathela engqikithini. Isb. Ukwamukela abadlali abasha. • Ukusho ukuthi yini elindeleke kubo njengabadlali njengokubanika izeluleko ezakhayo. • Ukubafisela isikhathi esihle sokudlalela leli qembu/ Ukugqugquzela. • Isiphetho: Makaphinde abonge ithuba kumphathi wohlelo nezethameli. [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 9 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 2.6 UMBIKO ONGABEKELWE MGOMO • Isingeniso: • Isihloko: Umbiko Omayelana Nomncintiswano Wonobuhle Noswenka Esikoleni • Uya ku: Uthisha ophethe isigungu sabafundi • Usuku: 10 Lwezi 2025 • Isikhathi: 10 ekuseni • Indawo: Mehlomakhulu Secondary • Umzimba: o Abafundi ababengenele umncintiswano. o Imininingwane yokwenzeka ngesikhathi somcimbi. o Abaphumelela nemiklomelo. Ohlolwayo angaveza la maphuzu alandelayo: Isibonelo: onobuhle noswenka baqale bangena ngomfaniswano wezikole zabo, badansa/basina ngemvunulo yesintu, babukisa ngengqephu kanokusho, baphendula imibuzo, bathembisa abazokwenza uma bephumelela, imiphumela, njl. • Isiphetho: o Makabhale uvo lwakhe. • Qaphela makasebenzise: o Inkathi edlule. o Ulimi olujwayelekile nolufanelekile/ irejista efanele. o Umuntu wesithathu. [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 50 AMAMAKI ESEWONKE: 100 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 12 Isizulu Hl

Explore more published documents in this catalogue.

View all
IsiZulu HL P3 Nov 2025 MG | Hlayiso