You're offline
Skip to content
Question paper

IsiZulu HL P2 Nov 2025

Subject: Isizulu HlGrade 12202538 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Confidential NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) LWEZI 2025 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi angama-38. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhla lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emuva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli/Ubuciko bomlomo (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B: Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C: Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe ngezansi. ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE – Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE – UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO). • Phendula KUPHELA umbuzo wenoveli/ubuciko bomlomo kanye nomdlalo owufundile. • Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukwelekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO • Impendulo yombuzo omude ezinkondlweni mayibe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240. • Izimpendulo zemibuzo emide enovelini/ebucikweni bomlomo kanye nasemdlalweni mazibe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390. • Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa ngamamaki anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi bangathemelezi kodwa baphendule okubuziwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 2025 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential OKUQUKETHWE Leli khasi liyolekelela abahlolwayo ukuba bakhethe imibuzo abazoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. 'Musani!' Umbuzo omude 10 6 2. 'We Sinximfi Ndini!' Umbuzo omfushane 10 7 3. 'Impi' Umbuzo omfushane 10 9 4. 'Izingxabo Zomnyezane' Umbuzo omfushane 10 10 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo. 5. 'Nginawe' Umbuzo omfushane 10 11 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Phendula umbuzo OWODWA ESIQESHINI B kanye nowodwa ESIQESHINI C. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO INOVELI: Phendula umbuzo OWODWA kule noveli emiselwe. 6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 13 7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 13 8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 16 9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 16 10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 19 11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 19 12. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omude 25 22 13. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omfushane 25 22 NOMA UBUCIKO BOMLOMO: Phendula umbuzo OWODWA kulobu buciko bomlomo obumiselwe. 14. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omude 25 24 15. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omfushane 25 26 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA kule midlalo emiselwe. 16. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 30 17. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 30 18. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 33 19. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 33 20. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omude 25 36 21. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omfushane 25 36 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE ESIQESHINI B kanye NASESIQESHINI C. Akuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo. Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha sebenzisa lolu hla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo okulindeleke uyiphendule. ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA YEMIBUZO LEMIBUZO EPHENDULIWE A: IZINKONDLO (Ezimiselwe) 1–4 2 A: INKONDLO (Engamiselwe) 5 1 B: INOVELI (Umbuzo omude NOMA 6–13 1 omfushane) B: UBUCIKO BOMLOMO (Umbuzo omude NOMA 14–15 1 omfushane) C: UMDLALO (Umbuzo omude NOMA 16–21 1 omfushane) QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. ESIQESHINI B, khetha phakathi kwenoveli nobuciko bomlomo, uphendule UMBUZO OWODWA, ungaphenduli ngazo zombili lezi zinhlobo zemibhalo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo. MUSANI! – KNN Gcumisa 1 Musani ukukhala, 2 Musani ukubibitheka, 3 Musani ukulila, 4 Nimlilelelani u … ma? 5 Kanazi yini ukuthi uyephi na? 6 Kanazi yini ukuthi ubizwephi na? 7 Kanazi yini ukuth' ungokabani na? 8 Kaniqondi yini ukuth' akuwenu na? 9 Pho, nihlushwa yin' um' esey' ekhaya? 10 Pho, anithokozi ngani um' esey' ekhaya? 11 Thulani nithokoze lokh' usebiziwe, 12 Thulisan' abathuthumelayo ngosebiziwe. 13 Vuman' ukuthi ubizwe nguyena. 14 Vulan' izinhliziyo zenu kuyena. Imbongi ibona singekho isidingo sokukhala uma umuntu eficwa ukufa. Hlaziya ngokuhlolisisa lesi sitatimende ubhekise ekukhethweni kwamagama, umoya nethoni kule nkondlo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama ayi-190 kuya kwangama-240. [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. WE SINXIMFI NDINI! – MSS Gcumisa 1 Qhumuk' uhleke 2 We Sinximfi ndini! 3 Uyisigqila somona, 4 Umon' ongumthakathi. 5 Yithi klibhi klolo 6 We Sichwensi ndini! 7 Ayisengangamlomo 8 Bakubonil' abanamehlo. 9 Nximfa unximfile 10 We sinximfi ndini! 11 Uyozuf' usongizandla, 12 Uyozuf' ungahlabananga. 13 Ngifel' umona 14 We Sifamona 15 Wen' ophila ngokwethekela 16 Abanye bephila ngezithukuthuku. 17 Cekeful' uzidelise 18 We Sicekefuli ndini! 19 Wen' obon' olwam' ugongolo, 20 Ucashelw' olwakh' usibi. 21 Gubhela kwesakho 22 We Gubhela ndini! 23 Kuhlafun' owakh' umhlathi 24 Eyabany' ingahlafuni. 25 Ngibamb' emehlweni 26 We Qili ndini! 27 Uthi lala lulaza 28 Bayokwengul' abakwengulayo. 29 Ngikhohlikhohlise 30 We Sikhohlisani! 31 Uthi kulele ngakunye 32 Kanti kulele ngakubili, 33 Ngiluth' ungithonye 34 We Sithonyi ndini! 35 Abant' abayi nganxanye 36 Bengemanz' egobhoza. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 37 Ngenzel' ugomolophonjwana 38 We Liphixiphixi ndini! 39 Bangiwezil' abangangifeli mona, 40 Sengize ngahlabana sengikhohliwe. 2.1 Shono isizathu esidala isigqi esinensayo ebinzeni loku-1. (1) 2.2 Nikeza okufanayo ngomoya otholakala ebinzeni lesi-2 nelesi-3. (3) 2.3 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumanamaphakathi ebinzeni lesi-4? (2) 2.4 Chaza ukuthi sinamthelela muni isimo sokukhuluma esitholakala emgqeni wama-31 nowama-32. (2) 2.5 Ake uncome imbongi ekwethuleni indikimba yale nkondlo. Sekela impendulo yakho. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. IMPI – SRC Shongwe 1 Ngamaviyoviyo, 2 Kudedangendlale wenkundla, 3 Amaviyo nezingeqiwa ntwala, 4 Amaviyo namanxebakazi, 5 Amaviyo nemikhontshwana. 6 Lopha ngaphakathi igazi, 7 Uwonk' uyafis' ukuyilwa, 8 Akuyon' eyamanyamfokwe, 9 Ngimi nowami umkhontshwana, 10 Ngimi nesam' isihlangwana, 11 Seyigwazwa bukhoma manje. 12 Amavak' amb' ambulula! 13 Kunamuhla kubus' ukuzisola, 14 Ngokwesab' ukugadla kule mpi, 15 Ungebizelwe muntu kule mpi, 16 Mfowethu yilwa le mpi! 17 Yilw' usenesikhathi, 18 Nami ngayilwa nganqoba, 19 Yilw' imini nobusuku, 20 Nom' izikhali zikusinda, 21 Ungayek' ukugadla, 22 Khohlwa yimiyocu, 23 Khohlw' udumo, 24 Yilwe le mpi! 3.1 Yisho ukuthi yimuphi umqondo ovezwa yisimo sokukhuluma esidwetshelwe ebinzeni loku-1. (2) 3.2 Chaza kafushane umqondo ocashile otholakala kule nkondlo. (2) 3.3 Chaza ukuthi umoya otholakala emgqeni we-15 unamthelela muni kuleli binza. (2) 3.4 Ngabe ukuxhumanasiqalo okusebinzeni lesi-4 kukwelekelele kanjani ekuqondeni umyalezo waleli binza? (2) 3.5 Xoxa ngempumelelo yembongi yokusidwebela isithombe sokushiwo yinkondlo ngokusebenzisa igama 'impi' kule nkondlo. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. IZINGXABO ZOMNYEZANE – EJ Mhlanga 1 Ngilangazel' ukudepha kwelenjulo, 2 Kotatalambu bezingxabo zomnyezane, 3 Laph' ukujula kwenjulo, 4 Kuyingcebo yomhlaba nezulu, 5 Laph' ukuphelela konke kwempilo, 6 Kuyisiyalu somthombo ompompoza, 7 Ingunaphakade. 8 Ngilubalubel' ukugxila kwelenjulo, 9 Ngizinz' ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo, 10 Ngizinz' ekuthuleni ngijabul' unomphela, 11 Ngifund' ukudons' amanzi ezinkalweni, 12 Ngikhephuzel' uhlaza ubusika nehlobo, 13 Ngizwe imvunge yemvelo ivungama 14 Ingoma kaqinadolo nethemb' elizayo. 15 Ngilangazel' ukudeph' okujulile, 16 Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule, 17 Ngivunulis' ubuchopho ngohlaza. 18 Lwamaqabung' ayonginqwambis' okweqhawe; 19 Kuleyo mithombo yeziziba ngingaphinde ngome, 20 Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu, 21 Ngiqoth' uphoko nokhothe lwendlela, 22 Nabazukulu badle kuchitheke inyongo, 23 Bafinye ngendololwane bethabile. 4.1 Yisho ukuthi kungani kusetshenziswe izimpawu zokuloba ekugcineni kwemigqa ebinzeni loku-1. (2) 4.2 Chaza kafushane okushiwo yimbongi emgqeni wesi-9 kuya kowe-10. (2) 4.3 Ngabe ukusetshenziswa kwethoni etholakala emgqeni wesi-8 kukwelekelele kanjani ukuqonda okushiwo mbongi kuleli binza? (2) 4.4 Ucabanga ukuthi ukusetshenziswa kwempindwa kube namthelela muni ekuqondeni okushiwo yimbongi kule nkondlo? (2) 4.5 Phawula ngokuhambelana kwesihloko 'izingxabo zomnyezane' nokuqukethwe yile nkondlo. (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential INKONDLO ENGAMISELWE (Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo) UMBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. NGINAWE – KA Mkhize 1 Ngimbonile ngamfis' onjengawe 2 Emaphushen' ami ngimbonile. 3 Ngikubonil' usengumama wezala, 4 Nami ngisengubaba wezala, 5 Besingakazi lutho nokho. 6 Ngiphinde ngakubon' emehlweni. 7 Ubuhle nokuchachamba bungithathile 8 Ngikuzibile ngisabhek' uNompumelelo 9 Ngimthungathe ngaze ngamthola. 10 Ngikujeqezile ngakujeqeza 11 Ngizamil' ukuwulandel' umkhondo 12 Ngithe mahlayeni mahlayeni, 13 Lutho ukukufumana. 14 Bangisikel' abasiki bebunda 15 Ngokubhukuda kwakh' esizibeni. 16 Ngazama nokh' ukukutakula 17 Keph' awungigqizanga qakala. 18 Amakati nezinkukhu bekukujolozele 19 Amakhehla, nezalukazi bekujolozele 20 Lungidlil' usizi nomzwangedwa 21 Ngavela ngahlanza ngedela. 22 Ngiphinde ngakubon' usuwohlokile 23 Ukuwohloka kwakho kwangihlupha 24 Inhliziyo yami yalangazelela 25 Ilangazelel' ukukududuz' ezinhlungwini. 26 Usuzinikile ngaw' umbulalazwe, 27 Ngiselulil' isandla sami, 28 Wayamukel' induduzo yami, 29 Namuhla seweluleme. [Icashunwe ku-Izingwazi zanamuhla, SE Ngubane] 5.1 Shono ukuthi hlobo luni lokuxhumana olutholakala emgqeni woku-1 ukuya kowesi-2. (1) 5.2 Chaza kafushane ukuthi kungani imbongi isebenzise i-enjambamenti ebinzeni lesi-2. (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 5.3 Ngabe umugqa we-14 kanye nowe-15 ukulekelele kanjani ukuqonda umqondo wale nkondlo? Sekela impendulo yakho. (2) 5.4 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile ebinzeni lesi-4? (2) 5.5 Phawula ngokubaluleka komyalezo odluliswa yimbongi ebinzeni lokugcina. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Khetha uhlobo OLULODWA lombhalo phakathi KWENOVELI NOBUCIKO BOMLOMO, uphendule ngokulandela imiyalelo engezansi. INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Ukuvezwa komlingiswa onguMhlengi kanye nezenzo zakhe kuhambisana nezibusiso kuphela empilweni yakhe. Hlaziya lo mbono ubhekise kule noveli ethi, Bengithi Lizokuna. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 7 (UMBUZO OMFUSHANE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA A Nebala yazithela iziphuzo intokazi, kwaphuzwa, yaphaka nokudla, kwadliwa, kwaxoxwa. Okugxilwe kakhulu kukho yilokhu obekuxoxwa ngakho emhlanganweni, nezintuba zamathuba okungafanele nakancane ukuba ayekwe ukuze bahlomule, ikakhulukazi ngo-2010. Baxoxa sengathi kade bazana. Ilokhu ikhipha ugwayi wayo intokazi ibhema, ibuye ithele ugologo wayo. NoXolani usezwa kumnandi impela ukuhlala lapha. 5 Osekumxaka ngukuthi akanendaba ngisho nokubhema kwayo intokazi lena ekubeni yena ewumuntu obekwenyanya ukubhema kwabantu besifazane. Kunalokho uselokhu eyibuka njengoba iwudonsa kancane ngomlonyana wayo omuhle, intuthu iphuma igoqane ibheke phezulu. Bakithi, konke ekwenzayo kuvele kube kuhle nje, kuyifanele! Ngesikade ajeqeze iwashi, ethuke agelekeqeke. 10 'Hawu, isikhathi sesihambe kangaka?' esho esukuma evalelisa. 'Kangikukhiphe ezinjeni - ke,' isho isukuma intokazi, imvulela umnyango iphumisana naye sebeqonde lapho uXolani epake khona imoto yakhe. Bafike bema isikhashana ngaphambi kokuba angene emotweni uXolani. 'Uhambe kahle Xolani, kangazi ukuthi ngingabonga ngithini ngokungivakashela 15 kwakho,' esho emgqolozela uMahlengi. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 'Khululeka Mahlengi, yimina okufanele ngibonge.' 'Ngiyabonga bandla. Uhambe kahle,' isho ivula izandla imhaga. Azivule noXolani, bahagane. Angene emotweni kuduma ikhanda uXolani, ayidumise, isuke ziye kakhulu. Akayizwanga nendlela ngenkathi ebheke kwakhe. Wayelokhu ebukeza konke 20 abebekuxoxa, uhleko abebeluqhumisa nezingxoxo eziphusile zokubonisana ngamasu okuthuthukisa amabhizinisi abo. 'Nx, indaba yokujaha ukuganwa madoda!' enikina ikhanda. [Isahluko soku-1:26–27] 7.1 Gagula OKUBILI okusekuqaleni kwalesi siqeshana okukhombisa ukuthi umlingiswa onguXolani wayekujabulela ukuchitha isikhathi sakhe nomlingiswa onguMahlengi. (2) 7.2 Nikeza iqhaza elibanjwe ngumlingiswa onguXolani ukuthuthukisa indikimba yothando kulesi siqeshana. (2) 7.3 Chaza ngamaphuzu AMATHATHU ukuvezwa kwesizinda ngokwesikhathi emgqeni we-11 kuya kowama-20. (3) 7.4 Chaza kafushane izenzo zikaMahlengi ezitholakala kulesi siqeshana ezikhombisa ukuthi unobuntu. (3) ISIQESHANA B Wayephinde wayigqolozela futhi le ntokazi enhle eyayiphambi kwakhe, iphuza ikhofi elalihambisana nebhulakufesi eliphambili u-anti osiza lapha ekhaya ayemphuthume ngalo. 'Ngiyakuzwa ndodakazi. Uyazi, kuvele kuzimuke ikhanda nje,' esho elimbambatha ikhanda lakhe sengathi kuzobohla ukuzimuka kwalo uma lithintwa. 5 'Eyi, inzima yona indaba yami noMhlengi.' 'Nase nithandane isikhathi esingakanani?' 'Sasisanda kuthandana nje. Kwakusaphele izinyanga ezimbili nje vo.' 'Awu madoda,' elinikina futhi ikhanda. 'Ngangimthanda. Namanje ngisamthanda. Yikho nje …' ehluleke ukuqhubeka, 10 acabange uNkululeko obekufanele bashade naye namuhla, ezwe kufika umunyu sekuthi akakhale izinyembezi. 'Ungakhali mntanami. Ngiyazi ukuthi kunzima khona, nami ngiyabazi lobu buhlungu obuzwayo, nakimina zazigobhoza kanje izinyembezi mhla uMhlengi …' azibambe sekuthi akayiphihlize indaba yebhomu eladedelwa nguMhlengi qede 15 aphihlizeka onke amaphupho kaNgidi. Okwakumenza angayiphihlizi indaba ngukuthi wayenganasiqiniseko sokuthi lo Nontobeko wayeyazi yini indaba kaMhlengi yokuthi … Athi esahlasinyulelwa ngumzimba ngenxa yokuphinde acabange isimanga sendaba kaMhlengi, kuthathe yona intokazi futhi ngezwi elinomunyu. 20 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 'Okubuhlungu ngukuthi uMhlengi wathi kasehlukane esikhaleni nje, mina ngisasanganiswe wuthando lokuthanda umuntu, ngiqala ngqa nokuqoma,' esho ngamahlonyana. 'Wakutshela kodwa isizathu sokufuna kwakhe ukuba nehlukane?' kuqhwanda uNgidi ngokucophelela. 25 'Lutho baba. Konke kwaba njengephupho nje kimina.' [Isahluko sesi-4:73–74 7.5 Chaza umphumela wesenzo somlingiswa onguNkululeko sokuzibulala ubhekise kokwenzeka esiphethweni sale noveli. (3) 7.6 Humusha inkulumompendulwano ebhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana ubhekise kuNgidi kanye noNontobeko. (2) 7.7 Isenzo sikaNgidi esisemgqeni we-13 kuya kowe-15 simveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (2) 7.8 Chaza ubunzima obubhekana nezingane zabazali abangathembekile emshadweni ubhekise kokwenzeka ezinganeni zikaXolani. (3) 7.9 Ngokucabanga kwakho kuyingozi kangakanani ukulandela inhliziyo yakho uma uthanda umuntu? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa onguNontobeko. (2) 7.10 Phawula ngekhono lombhali lokuphetha le noveli ngengwijikhwebu. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential UMBUZO 8 (UMBUZO OMUDE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Ukuvezwa komlingiswa onguNomvula kanye nezenzo zakhe kuhambisana nezibusiso kuphela empilweni yakhe. Hlaziya lo mbono ubhekise kule noveli ethi, Usumenyezelwe-ke Umcebo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 9 (UMBUZO OMFUSHANE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA C Kanjalo nangomuso laphuma ilanga emathantaleni olwandle lwase-Afrika liza nezintsha elalizoshona nazo. Wayesekade evukile uMirriam wakeqezisa ekhishini elungiselela abakwaDicey. NoGenyeza akasebenzanga sikhathi esingakanani, waqonda kumkaMarshall owayengasebenzi, wacela ukuphelezela uMirriam owayeyohola amatshe. Wavunyelwa. Ngehora leshumi nanye okaMvundlana wabonakala egodle 5 umshiza, eshaya kancane eqonde kwaDicey. Wayeshaye ibhulukwe elimpunga nebhuleza eliluhlaza cwe, lilikhulu kunaye, alithengiselwa ngumlungu thize owayesephindela eNgilandi. Wayelibophele nehembe elimhlophe, lisefeke entanyeni, kulo ezibophe ngomsweswana wothayi oluhlaza. Ekhanda wayesithe chwa esincane isigqoko esiluhlaza. Ezinyaweni wayebathazela 10 ngawo amabhuzi ejwayelekile, epholishwe ecwazimula. 'Usufikile Menziwa?' ekhuluma ngomoya ophansi. 'Yebo, sengifikile Ntombi kaNzima ngalolu suku olunzima kangaka,' ehlala esihlalweni, induku eyeyamisa ngodonga. 'Olunzima ngempela njengoba usho mntakaNtshangase,' kwenanela uMirriam 15 owayeseziphaqule wazimonyonga, waziqhola, wagqoka, wazibuka kaningana esibukweni. Wayesehlezi embhedeni naso isibuko eceleni kwakhe, ezimisele uqobo lokuzimisela. Emzimbeni wayeziphihle ngesiketi nebhantshi lakhona okububende, nesigqoko esimnyama sinoleyisi okuyiwona owawenza bamgcone ngelekokoloshe lapho esithwele. Konke lokhu wayekwembulelwe umkaDicey. Wayenyathela 20 ngesicathulo esimnyama, eshaye namasokisi esimame enza isitho sibe sihlekazi, empunga okuyisiliva. UmkaDicey wayemchathazele iziqholo eziphambili eziyishiya inhliziyo yensizwa ibalisa njalo kuthi ayizilandele. Wayebukeka ebhocobele. Iqophelo lempilo ephambili lalimzumile. Phela namuhla wayezolandwa ngemoto ephambili, angene ephuma emahhovisi nasemabhange. 25 [Isahluko sesi-3: Ikhasi 22] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 9.1 Gagula OKUBILI okwenziwa nguMirriam noGenyeza ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 9.2 Nikeza iqhaza elibanjwe ngumlingiswa onguGenyeza ukuthuthukisa indikimba yothando kulesi siqeshana. (2) 9.3 Chaza ngamaphuzu AMATHATHU ukuvezwa kwesizinda ngokwesikhathi okutholakala kulesi siqeshana. (3) 9.4 Nikeza okufanayo phakathi kwezenzo zomlungu owaya eNgilandi kanye nezenzo zomkaDicey ngokwalesi siqeshana. (3) ISIQESHANA D Balandelane oMirriam nomesisi bayongena endlini kuDicey. 'Hlala Mirriam,' emkhombisa isihlalo, ehlala naye kusofa. Ahlale uMirriam ngokwesaba. 'Namhlanje ngikuphathele izindaba ezinkulu Mirriam.' Ehlezi uMirriam esonge izandla, ekhophokhophoza esaba uDicey kakhulu, uyamoyizela aveze inhliziyo yakhe exolisa okweyengane. 'Namhlanje unefa Mirriam 5 abaningi abangenalo, abangasoze babenalo futhi ezimpilweni zabo,' esekhuluma ngesiNgisi. 'Hhawu Mesisi!' emamatheka futhi. 'Ngingalithathaphi ngiyinhlwa nginje? Uzongipha yini?' 'Cha, ngeke ngikuphe Mirriam. Ngelakho, uzizamele. Ngihlala ngikuthuma njalo, 10 ubheje ungabambi lutho. Uyazi ukuthi njengoba ubhejile izolo ingenile i-pick six yakho?' 'Nkulunkulu wami! Ungithandeni kodwa ngingelutho nje?' ethwala imikhono uMirriam ekhamisa njalo. 'Ini? I-pick six?' 'Yebo, i-pick six Mirriam.' Akhamise njalo uMirriam ingqondo kube sengathi iyeduka, ingawemukeli lo 15 mbiko womcebo. 'Mina?' ebuzisisa ezishaya isifuba. 'I-pick six! Malini?' 'Angazi nokuthi ngizokutshela kanjani. Ngisize David, Mtshele.' UDicey uthatha iphephandaba ahlale aqonde kusofa athi, 'Mirriam othandekayo,' elibukisisa iphephandaba, 'isamba semali oyibambile nguTwo Million Nine Hundred Thousand Rand!' 20 'We Nkulunkulu wami! Kodwa ungithandeni ngingento yalutho? Ninety Thousand Rand!' 'Izigidi ezimbili namakhulu ayisishiyagalolunye ezinkulungwane zamarandi,' kusho uDicey. 'Hawu we Baba noMama!' ebamba ikhanda. 25 'Nansi imali ibhaliwe Mirriam. Zibonele. Ungezwa ngendaba,' uDicey emkhombisa. [Isahluko soku: 1 Ikhasi lesi-3 nelesi-4] 9.5 Chaza umphumela wesenzo somlingiswa onguDicey sokuthumela uNomvula njalo emjahweni wamahhashi. (3) 9.6 Humusha inkulumompendulwano ebhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana ubhekise empilweni kaMirriam. (2) 9.7 Isenzo somlingiswa onguNomvula emigqeni edwetshelwe simveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 9.8 Chaza ubunzima obubhekana nabantu besifazane abanemali ubhekise kokwenzeka kule noveli. (3) 9.9 Ngokucabanga kwakho kuyingozi kangakanani ukulandela inhliziyo yakho uma uthanda umuntu? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa onguNomvula. (2) 9.10 Phawula ngekhono lombhali lokuphetha le noveli ngengwijikhwebu. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential UMBUZO 10 (UMBUZO OMUDE) KUNJALO-KE – ME Wanda Ukuvezwa komlingiswa onguDumazile kanye nezenzo zakhe kuhambisana nezibusiso kuphela empilweni yakhe. Hlaziya lo mbono ubhekise kule noveli ethi, Kunjalo-ke. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 11 (UMBUZO OMFUSHANE) KUNJALO-KE – ME Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA E Wangena maqede wabeka incwadi phezu kwetafula, waphuma engazange athi vu ngomlomo. Uthisha waxakeka nje ukuthi wokunjani-ke lokhu. Kwathi noma ethi uzama ukumlandela ngenhloso yokubuza okuthile, lutho ukuma uDumazile. Uthisha wabuyela endlini ukuyozwa ukuthi incwadi imfikela naziphi. Wayivula-ke imvilophu. Wathi nhla phakathi, wacishe waquleka ebona isithombe sepetshisi lentokazi imise amabele. 5 Walibuka nepheshana liqukethe izindaba ezimnandi. Kwathi cosololo. Walungiselela ukuya emsebenzini, waphuma. Ngesikhathi senhlabakhefu, uthisha wanikeza uDumazile ukhiye ukuba ayomenzela itiye ekotishi njengenjwayelo. Nempela kwaba njalo. Uthisha wabuye walandela ngemuva kwesikhashana nje. Wamfica uDumazile ematasatasa. Wathatha wathi, 10 'Ngiyitholile incwadi ongibhalele yona. Ngijabule kabi. Ngiyabonga kakhulu mntakwethu.' Lwamuthi heqe uvalo uDumazile ukuzwa igama likamntakwabo. Wayengalindele neze neze ukuthi lase lingashesha kangaka ukuba lisetshenziswe. 'Uyabona-ke mntakwethu, kuzofanele ukuba umfundi kube ngumfundi esikoleni, nothisha kube nguthisha, ukuze kunganakeki. Uma ngikubiza ngegama nje, wena 15 usabele uthi, Sir! Kuyothi-ke uma sesizihlalele sobabili, sibizane ngamagama ethu ezithopho. Angithi uyezwa sweet-heart?' 'Yebo!' esho ngezwi elipholile elithambile uDumazile. Kwabe sekushaya isikhathi sokuba uDumazile abuyele ekilasini bengasadlanga. Ngokuhamba kwesikhathi uthisha wazama ukuzakhela ugazi kanye nokwethembeka. 20 Kwakuye kuthi ngokuphela kwenyanga, uthisha amthathe uDumazile aye naye edolobheni ukuyomthengela ingqephu kanokusho. Wayesegqoka aconse, afake newashi legolide. [Isahluko soku-1:13–14] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 11.1 Gagula OKUBILI okwenziwe nguDumazile ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 11.2 Kulesi siqeshana, nikeza iqhaza elibanjwe ngumlingiswa onguthisha uMoloi ukuthuthukisa indikimba yokuxegelwa yisimilo. (2) 11.3 Chaza ngamaphuzu AMATHATHU ukuvezwa kwesizinda ngokwesikhathi okutholakala kulesi siqeshana. (3) 11.4 Nikeza okufanayo phakathi kwezenzo zikathisha uMoloi kanye nezenzo zikaDumazile ngokwalesi siqeshana. (3) ISIQESHANA F Phakathi nesonto lesithathu, uDumazile wabuyela emsebenzini wakhe esitolo. Kwamjabulisa kakhulu uSithole ukubona uDumazile esebuyile. Akabange esathanda ukumbuza ipasi nesipesheni. Omathand' ezabanye balala sebemtshelile uMaNzimande ukuthi uDumazile usebuyelile emsebenzini. Ulwandle lwaqala ukugubha amagagasi. 5 Ukuba uDumazile wayeyinyoka, bekungathiwa wayesebuzile. Isimo sokubukeka komzimba wakhe sasesiguqukile. Wayeyisibutubutwana esihle ongafunga ukuthi yitshitshana eliselincane. Wayesho ngezinwele zakhe ezimnyama bhuqe ekhanda. Unwele lwempunzi luthe lungu ebusweni obuntothombela. Isho ngamehlo athambe njengawenkehli ibuka abasemzini. Kuthi uma iqala inkulumo nje, imoyizele kancane, 10 kufacake izihlathi, bese iyakhuluma. Intokazi lena yabe idudule, inyathela ngabantwana, kuphambene umnyama ngemuva. Wawungaphika ukuthi kwakuyiyona leyayana eyayisimathanjana ngenkathi isengumdlezane. UDumazile wayesenezesheli eziningi kakhulu kunakuqala. Kwakuthi kusa nje ezinye zazo zibe sezime phuhle esangweni lasesitolo. Kuthi kungavulwa nje, zingene 15 zizithengise ugwayi nomentshisi. Zazijatshuliswa yikho nje ukuthi zimbonile, zaxoxa naye umlomo nomlomo. Kungalesi sikhathi- ke lapho zazicela khona ukumbona ngesikhathi senhlabakhefu yasemini. Ezinye zazifika ntambama ukuze zimbone eseshayisile emsebenzini. Zizodwa ezazishaya ucingo zifuna yena uDumazile. Zaziba nenkinga-ke lezo zesheli. Ucingo lwalungena ehhovisi likaSithole bese lubanjwa 20 nguyena. Izikhathi eziningi wayengambizeli ocingweni uDumazile ukuba akhulume nezesheli. Wayebona kuwuphazamisa umsebenzi wakhe lokho. [Isahluko sesi-5:81–82] 11.5 Chaza umphumela wesenzo somlingiswa onguLizy sokuhleba ngenkulumo engelona iqiniso. (3) 11.6 Humusha inkulumo ebhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana ubhekise empilweni kaMaNzimande. (2) 11.7 Isenzo somlingiswa onguSithole emgqeni edwetshwelwe simveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 11.8 Chaza ubunzima obubhekana nezingane zabazali abangathembekile emshadweni ubhekise kokwenzeka kuMpisendlini. (3) 11.9 Ngokucabanga kwakho kuyingozi kangakanani ukulandela inhliziyo yakho uma uthanda umuntu? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa onguMisi Hlophe. (2) 11.10 Phawula ngekhono lombhali lokuphetha le noveli ngengwijikhwebu. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential UMBUZO 12 (UMBUZO OMUDE) IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Ukuvezwa komlingiswa onguBafana kanye nezenzo zakhe kuhambisana nezibusiso kuphela empilweni yakhe. Hlaziya lo mbono ubhekise kule noveli ethi, Impi Yabomdabu Isethunjini. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 13 (UMBUZO OMFUSHANE) IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA G Lokhu kukhuluma isiNgisi kukaMaXakushe kwadala indida ezinganeni. Zaqala zakuthokozela, kodwa kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwacaca ukuthi ugogo useyezwa manje, akuselula ukuba zimhlebe. Zawakhetha manje izingane amagama eziwakhuluma uma kukhona ugogo. Wayethi uma esathe shelele ukuyobona umhlobo wakhe waseMzimkhulu khona lapha eMlazi, zisizakale izingane. Zazimkhuthaza ukuba 5 ayobona umhlobo wakhe njalo, kanti zizenzela ithuba lokuba zishaye izingcingo, zidle indendende, futhi zithole nokuvula i-TV ngezikhathi ezingavunyiwe. Ngolunye lwale zinsuku zokuvakasha kukaMaXakushe, kwezwakala u-Euthenasia ethi, 'Melly,' esho ecevuza ngaso isiNgisi. 'Angiboni ukuthi ngizophumelela ukumelwa yiphoyisa ngulo mantshingelane. Kungathi ugogo usezenza ubhiligadiya kamaqhuzu 10 wakwaNgubane esikhundleni sokuba ngumzanyane. Thina sesikhulile, asisadingi mzanyane. Asiwona amasosha futhi, asidingi ukhomandanti.' 'Wena umnaka ngani uMa-X?' kubuza uMelody enyathela izicathulo ngemuva ezikhumula engazisombulile izintambo. Wayengakuvumi neze uMaXakushe ukuba izingane zikhumule izicathulo zingazithukululanga izintambo. Wayethi lokhu 15 kungukumosa izicathulo. Ngasese le zingane zazithi usengaze akhulumele izicathulo ugogo kungathi lezi zicathulo zithengwa nguye. Zazazi izingane ukuthi ugogo uMaXakushe ubheka nensipho, athukuthele athethe uma ithambile kukhombisa ukuthi kade ihleli emanzini. Uma ingane ike yaphaka ukudla, wayethi mayikuqede, engazivumeli izingane ukuthi zishiye ukudla bese kuchithwa. Futhi ugogo wayethi kuhle 20 izingane zidle noma yini into ebekwa phambi kwazo, zingalokhu zikhetha ukudla. [Isahluko sesi-6:86] 13.1 Gagula OKUBILI okusekuqaleni kwalesi siqeshana okwabe kwenziwa ngu- Euthenasia noMelody mayelana nokukhuluma kukaMaXakushe isiNgisi. (2) 13.2 Kulesi siqeshana, nikeza iqhaza elibanjwe ngumlingiswa onguMaXakushe ukuthuthukisa indlela yokuziphatha. (2) 13.3 Chaza ngamaphuzu AMATHATHU ukuvezwa kwesizinda ngokwesikhathi okutholakala kulesi siqeshana. (3) 13.4 Nikeza okufanayo phakathi kwezenzo zika-Euthenasia kanye nezenzo zikaMelody ngokwalesi siqeshana. (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential ISIQESHANA H 'Yeka imali yami engisuke ngayo eShowe. Ingane kadadewethu ingitshela ukuthi ibingangilindele, ithi isiluhlelile usuku kanye nalo lonke leli viki, mina angikho ohlelweni. Imbudane yani yona leyo? Impela ukuhamba kuzala induna.' UMntimande wayelokhu enqekuzisa ikhanda, athi ukudlalisa imvubu yakhe. Wathi ukugwinya amathe uCele wase eqhubeka ethi, 'Uyazi Mntimande, ngiqale 5 ngadideka, kwangathi ngiyaphupha. Ngabuye ngathi ukubheka ngemva kwami ngoba nginesiqiniseko sokuthi akakhulumi nami lo mfana ngoba ngicabanga ukuthi umshana wami angekhulume nami kanjeyana. Kuthe nxashana ngibona ukuthi ubhekise kimi kanye, kwathi angimsakaze ubuchoshana ngomshiza, ngabuye ngazibamba. Kuhle kodwa ukukholwa, ngoba ukuba bengiseyimina, lo Njini nawe owawumazi, ngabe 10 kukhulunywa okunye ngikhuluma nje.' 'Ngabe kukhulunywani Ndosi?' kubuza uMadonsela ngokumangala. 'Usabuza Mntimande, phela ngabe kwembulwa kwembeswa eKhingi kumanje nje. UBafana bengimphipha zolo lokhu. Uthi manje ngingavuma angibhaklazele isicabha mina lo ngisale phandle ngigoqe umsila okomgodoyi? Lo mfana 15 ungihlolela ukwelanywa.' 'Wo sengiyabona-ke manje,' kusho uMadonsela edlalisa ithoshi lakhe ngokulifilifilizisa ebumnyameni. 'Sengiyabona Ndosi, indaba yakho sengiyibona kahle manje. Wena ungathi uhlangane nenqe lihluthuke intamo, kanti cha ndoda ungaphatheki kabi. Yisimo … yisimo sasesiLungwini esinenza niphambane nomntakadadewenu. Umshana wakho 20 akaxabene nawe neze.' [Isahluko soku-1:7] 13.5 Chaza umphumela wesenzo sikaBafana sokubukela phansi umlingiswa onguDkt. Thathezakhe Mdlalose ngenkathi besafunda ubhekise kumsebenzi wakhe manje. (3) 13.6 Humusha inkulumompendulwano ebhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana ubhekise empilweni kaCele. (2) 13.7 Isenzo somlingiswa onguNgubane esisemigqeni edwetshelwe simveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (2) 13.8 Chaza ubunzima obubhekana nezingane ezishiywa ngabazali uma beyogana ubhekise kokwenzeka ku-Uzithelile noHlanganisani. (3) 13.9 Ngokucabanga kwakho kuyingozi kangakanani ukulandela inhliziyo yakho uma uthanda umuntu? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa onguMelody. (2) 13.10 Phawula ngekhono lombhali lokuphetha le noveli ngengwijikhwebu. (3) [25] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential UBUCIKO BOMLOMO: UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba Phendula umbuzo OWODWA. UMBUZO 14 (UMBUZO OMUDE) Uma ufuna ukuzuza okudingayo kufanele usebenze ngokuzikhandla noma nangobuqili ukuze uphumelele. Phawula ngalo mbono ubhekise kulobu buciko obulandelayo: Inganekwane: Ingwenya Edla Utshani Izibongo: Izibongo ZeNkosi U-Albert Luthuli Isisho: Ukuyibamba ishisa Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390 sekuhlangene impendulo yenganekwane, izibongo nesisho. [25] ISIQESHANA I IZIBONGO ZENKOSI U-ALBERT LUTHULI 1 INgqungqul' eshay' amaphiko phezu koMvoti, 2 Kwanyakaz' abamhloph' abeLungu, 3 Kwathi i-American Board 4 Yamthwesa isicoco. 5 Abelungu bakufundisa ulim' lwenkomo kaHaga 6 Kant' uzobaphendukela eziswini njengotshwala. 7 Umkhombi wendlela ayikhathule, 8 Umhambi wendlela ayikhombile. 9 Ongagcinanga ngokuyikhomb' inkululeko, 10 Kodwa wayifaka wayitshikitshela, 11 Wayifaka esikoleni, 12 Wayifaka esontweni 13 Indlela yenkululeko. 14 Ngiyasesaba isibindi sakho weMandlanduna! 15 Ndlovu kayibhekeki. 16 Ndlovu edel' ukubusa 17 Yaqoma ukuhlupheka. 18 Indlovu ethe iwela ibheke kwaBulawayo 19 Babeyixokozelela abasekhaya, 20 Indlovu ethe iwela ibheke koNoweyi, 21 Babeyihlanganisela abasezitheni. 22 Nanamhlanje basakhexile ngeNobel Peace Prize. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 23 Mqali wezindlela ezenyukelayo, 24 Mqambi wezindlel' eziya ku-1994, 25 Uyibekile induku ebandla, 26 Wabashaya engeqiwa ntwal' abaMhlophe, 27 Mandlanduna awuseyikubhubha. 28 INkosi evivise ngepensela, 29 Abelungu bevivisa ngemijojantaba. 30 Wabengul' inkung' abakithi, 31 Kwath' abeLumbi wabagez' ubebebe, 32 Sewungenisile mfo kaMvumbi 33 Zaziyishumi kuZibandlela 1961, 34 Bekwethwesa imyezane yokuthula, 35 Kwamangala umhlaba wonke, 36 Awusalweli uKhongolose kuphela, 37 Awusalweli Ama-Afrika kuphela, 38 Sewulwela umhlaba wonke. 39 Uyingqwayingqwayi, uyingqonyela. [Ikhasi 124–125] KANYE ISIQESHANA J ISISHO Ukuyibamba ishisa NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential UMBUZO 15 (UMBUZO OMFUSHANE) INGANEKWANE: 'AMAHLAYA ALALA INSILA' Fundisisa lesi siqeshana senganekwane esilandelayo bese uphendula imibuzo engezansi. ISIQESHANA K Umxoxi: Kwesukasukela … Abalaleli: Cosu! Kudala ngezikhathi zeNkosi uShaka, kuthiwa kwakukhona indoda yakwaNzimande eyayihlekisa nangento engafanele. Igama layo kwakunguVelaphansi. UVelaphansi wayehola abantu bakwaNzimande ngalezo zikhathi zikaShaka. Abantu bakwaNzimande 5 badume ngezithakazelo zoGwala kanye noMphephethe. AmaPhephethe ayengasebenzi. Ayenekhono lokukhetha usawoti esihlabathini. Isithakazelo sikaMphephethe savela ngoba babephephetha isihlabathi solwandle kusawoti. Uma-ke usawoti sebewunekile waze woma, babewuthatha bawusonge ngezikhumba bawuyise eNdlunkulu. ISilo uShaka wayebathanda abantu bakwaNzimande ngenxa 10 yokuthi wayekhonze uVelaphansi. Phela uVelaphansi wayehola aMaphephethe futhi edume ngokuba noteku. UShaka wayezifela ngomuntu otekulayo. ISilo sagcina sikwenze kwaba wumthetho ukuthi uVelaphansi abe ngusomahlaya waseNdlunkulu. UVelaphansi wayesholo isilo amahlaya njalo uma siphumulile noma kukhona izivakashi. Sesiyohleka-ke iSilo kujabule wonke umuntu. Akekho ongeke ajabule uma ebona 15 okaNdaba emoyizela. Langa limbe uVelaphansi wacabanga ukuthi uzosihlekisa ngani iSilo uma esebizwa ukuzokwenza amahlaya. Wacabanga wacabanga, do ukufika ihlaya elisha. Akufuneki phela ukuthi asho ihlaya elidala futhi elaziwayo eNdlunkulu. Kubi kakhulu uma lelo hlaya selake lashiwo nguyena. Akufuneki ukuthi adlale ngezindlebe zeSilo. Wafika 20 umcabango ngokushesha. Wahleka yedwa umfo kaMphephethe. Wayesephumile osizini ngoba ihlaya elisha seliqhamukile. Wadumela amaqaqa amabili azifele wawasonga ngesikhumba esikhulu sengwe. Safika ngaleso sikhathi isithunywa esivela eNkosini uShaka. [Ikhasi 96–97] 15.1 Shono isethulo sale nganekwane ethi, 'Amahlaya alala insila'. (2) 15.2 Xoxa kafushane ngendabuko yesithakazelo sakwaMphephethe ngokwalesi siqeshana. (2) 15.3 Chaza umphumela wesenzo sikaVelaphansi sokusonga amaqaqa uma esehlulwa ukuqhamuka nehlaya elisha. (2) KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential INGANEKWANE: 'IMPISI EYISIMINZI' Fundisisa lesi siqeshana senganekwane esilandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela. ISIQESHANA L Igijima nje impisi ayiyekile ukuqalaza phezulu. Icabanga ngamanqe ahlale ezula ethungatha isilwane esifile. Asebizwa ngokuthi ayizinhloli. Impisi yagijima igudle umfula ilule umqala futhi iqalaza lapho isidumbu sehhashi sidindilize khona. Impisi yalibona ihhashi lilele phansi yacabanga ngokushesha ukuthi amanqe azoyibangisa uma engatheleka kusenjena. Yacabanga futhi ukuhlaba ngejubane iphikelele ekhaya iyobiza 5 inkosikazi kanye nezingane bazozitika ngenyama ethambile yehhashi. Impisi yacabanga isu lokuhudula ihhashi iyolimboza ngotshani kude ngaphambi kokubiza izingane kanye nenkosikazi. Uma ingakwazi ukulihudula ilisuse kule ndawo, kuzobe sekungelayo. Liyasinda ihhashi kodwa izozama ukulidonsa. Impisi yabophela umsila wayo iwuhlanganisa nowehhashi, yaguqa phansi ibambelele 10 ezidindini ukuze ithole amandla amaningi okulidonsa. Yadonsa kakhulu impisi, lutho ihhashi ukunyakaza. Yazabalaza impisi ibambelele otshanini kwaze kwasiphuka izidindi. Thushukiyane uHlakanyane esikhaleni isematasa injalo impisi. 'Aphi amanqe ukuze angilekelele, selingehlulile leli hhashi?' impisi yabuza uHlakanyane ikhefuzela. 15 'Ungena kuphi wena ehhashini lami? Usuze ungibuze ngamanqe nje, ufunani la?' Konke lokhu uHlakanyane ukubuza eme kude nehhashi. Gubhubhu! Kuphaphama ihhashi, livuswa ngumsindo wempisi noHlakanyane. Lavuka lahlaba ngejubane lihudula impisi. Ihhashi lahudula impisi lidabula ezihlahleni ezinameva. Ukubanga umsindo okwenziwa yimpisi kwenza ukuthi ihhashi lifake umfutho 20 kunakuqala ekugijimeni. [Ikhasi 90] 15.4 Nikeza umyalezo odluliswa yile nganekwane engenhla unikeze nesizathu sempendulo yakho. (2) 15.5 Qhathanisa izenzo zempisi kanye nalezo zikaVelaphansi enganekwaneni ethi, 'Amahlaya Alala Insila'. (3) 15.6 Phawula ngokuhlolisisa ngengwijikhwebu etholakala esiphethweni sale nganekwane. (3) KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential Fundisisa la mabinza acashunwe ezibongweni, emahubeni kanye nasesithakazwelweni bese uphendula imibuzo ezolandela ngezansi. ISIQESHANA M IZIBONGO IZIBONGO ZESILO UDINUZULU 1 UMamonga woSuthu, 2 UMamonga akabulali, uyasizila, 3 Uqoth' imbokodo nesisekelo; 4 Ufana nendlov' emnyama yasoNdini. 5 USilwa nankunzi mbili, 6 Enye ngeyakwaNgenetsheni; 7 Enye ngeyaseBhanganomo. 8 Ithole lakokaMsweli 9 Elanyise liguqile. 10 Indab' engiyizwe ngimncane 11 Ngaze ngakhula ngayibona ngamehlo. 12 UMphangela langa lingakaphumi kwaNdunu, 13 Lithe liphuma, 14 Laliphuma ngezingazi zamadoda. 15 Wazithath' izihlangu zikaMandlakazi. 16 Wamshaya phansi uMcwasimbana kaMaphitha; 17 Wamshaya phansi uXukwana kaMaphitha; 18 Wamshaya phansi uNdlovu kaMaphitha; 19 Wamshaya phansi uPhuzukumila kaMaphitha; 20 Wamshaya phansi uSiwana kaMaphitha; 21 Wamshaya phansi uSikiza kaSomfula; 22 Wamshaya phansi akwabandaba zalutho. 23 Ohlasela ngemikhonto 24 Njengomuzi waseMkhontweni; 25 Ohlasele ngamahhashi 26 Njengomuzi wasemahhashini 27 Ingweny' edlel' okhunjini lomfula, 28 Ngaphezulu yesab' imisebe yelanga. 29 Ugubuzel' uCeza noHlathikhulu. [Ikhasi-117–118] 15.7 Ucabanga ukuthi kungayisiphi isaga/isisho/isiphicaphicwano esiyichaza kahle iNkosi uDinizulu. (2) 15.8 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa impindamqondo etholakala ebinzeni lesi-2? (3) 15.9 Xoxa ngempumelelo yembongi yokusebenzisa ukuxhumanasigcino ebinzeni lesi-4? Sekela impendulo yakho. (2) KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 29 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential ISIQESHANA N IHUBO: APHI AMAKHOSI Aph' amaKhos' akithi kwaZulu x2 Lo nyaka asazi sizolimaphi na?x2 Asazi maZulu Lo nyaka asazi sizolimaphi na? [Ikhasi–157] 15.10 Chaza kafushane ukuthi indikimba equkethwe yizibongo zeSilo uDinizulu ixhumana kanjani nehubo elithi: 'Aphi Amakhosi?' (2) KANYE ISIQESHANA O IZITHAKAZELO EZAKWAJELE 1. Luvuno! 2. Mangwane! 3. Ngubo yengwe! 4. Ngubo yesilwane! 5. Nkabanhle! [Ikhasi–145] 15.11 Tomula uhlobo lokuxhumana olutholakala ezithakazelweni ezingenhla bese uyalugagula. (2) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 30 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 16 (UMBUZO OMUDE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Ezinye izigameko ezitholakala kulo mdlalo azikholakali. Fakazela lo mbono ubhekise kulo mdlalo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 17 (UMBUZO OMFUSHANE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA P CHIVENGA: (usikhuluma ubukwerekwere isiZulu, uyakhuzela) Dudlu ntombi sidudla siyangidudula! Nongenankomo uyayidla inyama kanti nongenabhasikidi uyaya emakethe. Ngilala embhedeni kuyangibhedela, ngibesathe ngilala ecansini lingicasukele, ngithi lapho sengilala esikhunjeni singikhumbuze wena ntokazi. Khona ngizothi ngiyakwazi ngoba angisaqali neze 5 ukukubona kule ndawo, kodwa sengikhohliwe wukuthi ungubani ongowakwabani. HLENGIWE: (ambuke sakuthiziyela lo muntu) Hhayi suka! Musa ukuhubhuza amanga lapha wena. Awungazi wena bo. Nami futhi ngokunjalo angikwazi. Siqalana khona nje lapha ukwazana futhi sizogcinana khona lapha, 10 ngakho-ke musa ukungidlalela ukuhlakanipha okufishane lapha wena kwerekwere okungangendlela eya endlini yangasese. Ngisaphinda futhi ngithi ubholoza aluhlaza cwe amanga uma ngabe uthi uyangazi. CHIVENGA: (usikhuluma ubukwerekwere isiZulu) Uyazi ukuthini? Ek is baie mnca vir jou ntokazi. Ngincanywa ngibuya eBhayi nguwena, yingakho nje ngicela 15 ukukwazi. Njengoba nami futhi ngisazozichaza lapha kuwe. HLENGIWE: (umbuka sakumchizela) Akubalulekile ukuba ungazi ukuthi ngingubani njengoba nami futhi ngokunjalo ngingasiboni nesincane nje isidingo sokuba ngazi ukuthi ungubani. Futhi-ke awusilo neze ikilasi lami wena. Yehlukana nawo wonke lowo msangano wakho futhi ngoba uma lingase 20 likuzwe isoka lami engisalilinde lapha ulokhu ungifundekela ngala mazwana akho, ngiqinisile kangidlali futhi uma ngabe ngithi lizokwehlukanisa imihlathi ngomkhalambazo ndodamphini. [Inkundla Yoku-1, Isigcawu sesi-2:16–17] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 31 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 17.1 Gagula uhlobo lwethoni etholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. Bhekisa enkulumeni yomlingiswa onguChivenga. (2) 17.2 Shono isizathu sokubakhona kodweshu lwangaphandle kulesi siqeshana. (2) 17.3 Nikeza okungumehluko othandweni lukaHlengiwe noManqina nothando lukaHlengiwe noChivenga. (2) 17.4 Chaza kafushane ngesisusa sodweshu esitholakala esingenisweni salesi siqeshana. (3) ISIQESHANA Q MAMLANDULI: (umangele) Kwenzenjani baba? Wabuya ungasemnandi nje manje? Iphi manje le njabulo ohlale ubuya nayo, uma ngabe uqhamuka emsebenzini esikhathini esiphambilini? Kusengenzeka yini ukungangenameli kwakho ukuthi kuhambisana nezinkomba zokuthi akusimina okumele akuhlangabeze kodwa yizingane zakho lezi 5 esezingithathele lowo msebenzi? MDALULI: (ujabhile) Kanti-ke akumele neze uze uzihluphe ngalowo mcabango mkami. Iqiniso elisalayo nje lisekutheni izinsuku zoMdali lezi kazefani. Ngingaphuma lisabalele lapha ekhaya kodwa ngibuye selihosha umoya obandayo ohambisana namakhaza ashubisa umnkantsha. 10 Kanjalo futhi singehlukana ekuseni ngihleka kukuhle kunjeyaya kodwa lishone sengikhala. Yingakho nje nencwadi yomShumayeli eBhayibhelini esahlukweni sesithathu ikubeka kucace lokhu engikushoyo ngaphansi kwesihloko esithi konke kunesikhathi sakho lapha ngaphansi komthunzi welanga. 15 MAMLANDULI: (ubukeka esekhathazekile) Ngiphuthume baba. Ngabe sekwenzenjani? MDALULI: (ubhocobele udangele) Lisilahlile nina wabantabami … MAMLANDULI: (amenqakele phezulu, ekhathazekile) Kanjani? Ungake uphelelise inkulumo wena yise kaLondiwe! Ngabe kukhona isihlobo sethu segazi 20 yini mhlawumbe esesedlule kulo mhlaba? MDALULI: (ujabhile) Qha, akunjalo mkami. MAMLANDULI: (uncondile) Uma kungenjalo, kunganjani-ke pho? Wabaleka neqiniso nje wena? MDALULI: Angazi nje ukuthi ngizoyibeka kanjani le ncazelo kuwe mkami. Ngisho 25 ngoba phela ulimi luvele lwagcwala umlomo kwasekuqaleni nje usaqala ukungibuza (kuthuleke) Hho! Yalunga-ke le nto. Nangu uManqina eza neno. [Inkundla Yoku-1, Isigcawu sesi-4: 26–27] 17.5 Chaza umsebenzi womlandi kulesi siqeshana. Bhekisa kumlingiswa onguMdaluli. (2) 17.6 Ngabe la mazwi abhalwe ngokugqamile alekelele kanjani ekuqondeni isimo emzini kaMdaluli? (2) 17.7 Ucabanga ukuthi qhaza lini elibanjwe nguChivenga ukubhebhethekisa udweshu kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 32 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 17.8 Kungabe ukubambisana kwezingane zakwaMemela kuwusize kanjani umndeni wazo? Sekela impendulo yakho. (3) 17.9 Chaza isizathu sokuba khona kukaZenyezile kulo mdlalo. (2) 17.10 Xoxa ngokucophelela ubunzima obubhekana nabantu besifazane abashadiswa bengazi. Bhekisa impendulo yakho kumlingiswa onguHlengiwe. (3) 17.11 Uyazwelana yini nomlingiswa onguLondiwe njengoba uyise ephelewe wumsebenzi ebe efunda ekolishi? Yikuphi ongakwenza uma ungahle ubhekane nalesi simo? (2) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 33 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential UMBUZO 18 (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Ezinye izigameko ezitholakala kulo mdlalo azikholakali. Fakazela lo mbono ubhekise kulo mdlalo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 19 (UMBUZO OMFUSHANE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA R MCANJANA: Inkosi ithi khuluma nduna sizwe, kungabe kawuzwanga yini? (Efutheka) MPHILIPHILI: Be ... be ... bebebuza indlela wena kaMashwilansimbi. SALIMANI: Bebebuza indlela eyaphi? (Ngesineke.) MPHILIPHILI: Indlela, indlela eza lapha eTsheni, Ngwazi. 5 MBONGOLO: Tshela iNkosi iqiniso ungashonisi ilanga (Ebheka uMphiliphili kabi.) SALIMANI: Mphiliphili! Mphiliphili! (Embheka sakumdabukela.) MPHILIPHILI: Ngwazi! SALIMANI: Tshela mina ukuthi yini lena ebenihlangane ngayo ngamakhanda niyihleba noNgoza nezikhulu zikaHulumeni mina ngingazi ngikhona 10 ngiyiNkosi yakho na? (Athande ukuhwaqaba.) MPHILIPHILI: Wena, wena wangasenhla bebebuza ukuthi ukuza kwakhe uSomtswewu ngesicelo seNkosi yami thina sikubona kuphephile yini. ABAFOWABO: Hhawu! NOMEHLO: Nanko-ke amanyala anyanyisayo! 15 SALIMANI: Benikhuluma ngami? Nihleba? Uhleba inkosi yakho Mphiliphili? MPHILIPHILI: Phi ... phind ... e ... e Manyosi. SALIMANI: Uma ubuyindoda enobudoda ubuyocela imvumo kimi yokwenza njengoba kuthiwa yenza Mphiliphili. Uma kungenjalo, into yokuqala obuyoyenza ekuhlakazekeni komhlangano bewuyoza 20 ukuzozithayizela kimina ngesenzo sakho ungilume nendlebe ngamahlebezi ebeniwahleba. MPHILIPHILI: Nkosi ... bengi ... ngi ... ngisathi ... thi ... NONDWENGU: Ubusathi, usathi wani? (Efutheka.) Khona namuhla ukusa bekungeyukwaziwa nguwe, uzobikela iNkosi ngomhlola ogilwe 25 abelungu kuwe uma bebegila umhlola ningembila zantabanye nabo! Khona izolo ubungeyukuyibikela? Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 34 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential SALIMANI: Mphiliphili ubungeke uze ugeqwe yimina uma wena ubufisa ngikwazi ebenikuxoxa. Bafowethu nawe mfokaMgingqika, mina inhlwa angilokothi ngiyibambe isavele ngekhanda. Ukuba namabatha 30 kwezinyawo zenduna yami lena uMphiliphili kudala kwafika ezindlebeni zami. Ngokuqaphela nje nami sekuze kwakambalwa uma kudingidwa lolu daba lokusikwa kwezwe lami ngibona izenzo nobuso bakhe ukuthi akanami. Nakho-ke bekuzihlonza kuthangi phambi kwenu. Akuzihlonzi khona manje? 35 [Inkundla Yoku-1, Isigcawu sesi-3:49–50] 19.1 Gagula uhlobo lwethoni etholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. Bhekisa enkulumeni yomlingiswa onguMcanjana. (2) 19.2 Shono isizathu sokubakhona kodweshu lwangaphandle kulesi siqeshana. (2) 19.3 Nikeza okungumehluko phakathi kobuholi bukaMphiliphili noNomehlo esizweni senkosi uSalimani. (3) 19.4 Chaza kafushane ngesisusa sodweshu esitholakala esingenisweni salesi siqeshana. (3) ISIQESHANA S SALIMANI: UHulumeni ucuphe uchuku. Nani niyazibonela into eyenzeka laphaya ngaphesheya. (Esho ekhomba onongqayi nabelungu ngaphesheya.) Ngize lapha namhlanje ukuzonikhuthaza nginimise nesibindi. Namanje ngisasho ngithi awuwelwa uMngeni. Uma uwelwa uyowelwa ngifile. ABANTU: Elethu! (Kube nobuxokololwana abantu sebecasukile babuye bazithibe.) 5 SALIMANI: Njengoba ngethemba ukuthi isimemezelo sesifinyelele ezindlebeni kinina, kusasa lokhu okusayo nginokhukhulelangoqo wembizo eTsheni. Ngibize uSomtswewu nabalandeli bakhe ukuba eze azozibonela yena ulaka lwenu. Ngithe akeze akazozizwela ngamagwagwakazi akhe nisho kanye kanye nithi aninakwephucwa ilungelo lenu lokuzalwa niyogqilazwa 10 abelungu bamapulazi. Ngiyajabula nje ukubona induna yami uSiyobi Thusi nedlanzana lamadoda ahamba nalo belapha phakathi kwenu. ABANTU: (balula izintamo babuka impunga yakwabo enguSiyobi.) SALIMANI: Ngiqonda kahle ukuthi kuke kwatholakala ukuthi bebelapha bangawuthunda bawuphuze. Bangabe bewuphuziswa yibo abelungu 15 bamapulazi labaya behlangene noHulumeni. Njengoba nazi-ke laba bantu bami sebephenduke izigqila laphaya ngaphesheya koMngeni emapulazini. Balapha nje beqile. Khona lapha phakathi kwenu kunezimpimpi zabo abelungu noHulumeni ezizobathwala ngamaqoma zibathuthe ziyobethula kobasi bazo. (Ahlabe ikhefu, abheke 20 ngakuMphiliphili.) UMUNTU 1: Ziphi siziphihlize ngamawisa thina siziphonse emanzini zemuke noMngeni? Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 35 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential SIKHOVA: (uthulisa umsindo.) SALIMANI: Ngifuna nazi ukuthi mina nesizwe sami sonke nginani. Ngeke niphanise 25 kalula nje kuhle kwempahla ngisawadla amabele. [Inkundla Yoku-1, Isigcawu sesi-3:64-65] 19.5 Chaza umsebenzi womlandi kulesi siqeshana. Bhekisa kumlingiswa oyinkosi uSalimani. (2) 19.6 Ngabe la mazwi abhalwe ngokugqamile alekelele kanjani ekuqondeni isimo esizweni senkosi uSalimani? (2) 19.7 Ucabanga ukuthi qhaza lini elibanjwe nguSomtsewu ukubhebhethekisa udweshu kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (2) 19.8 Kungabe ukubambisana kwenkosi uSalimani nabafowabo kusisize kanjani isizwe sayo'? Sekela impendulo yakho. (2) 19.9 Chaza isizathu sokuba khona kukaBheswa kulo mdlalo. (2) 19.10 Xoxa ngokucophelela ngobunzima obubhekana nenkosi enenduna engathembekile. Bhekisa impendulo yakho kumlingiswa onguMphiliphili. (3) 19.11 Uyazwelana yini nomlingiswa onguMaluzindela njengoba umyeni wakhe ethweswe icala? Yikuphi ongakwenza uma ungahle ubhekane nalesi simo? (2) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 36 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential UMBUZO 20 (UMBUZO OMUDE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Ezinye izigameko ezitholakala kulo mdlalo azikholakali. Fakazela lo mbono ubhekise kulo mdlalo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalisa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 21 (UMBUZO OMFUSHANE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA T PHINDISIWE: Hhayi, Cha uyisona ngempela esathunywa ugwayi sabuya neboza. Nkululeko, okwakufaka kwezimnyama kungenxa yokuthi kawulaleli. Ngangingakuphoqile ukuthi uyigqibe indaba, angithi sasithandana, ufunani manje? NKULULEKO: Mina ngifuna sibuyelane siqale impilo yethu kabusha ngoba 5 ngisakuthanda. (Ngephimbo elisakuncenga) PHINDISIWE: Isondo lendalo kalimile belu liyaguquka. Iminyaka iyanyathelana. Nempilo kufanele ingemi ndawonye kepha iqhubeke. Ngakho-ke nami ngaqhubeka. Nawe usuyoqhubeka nabanye ngoba kangisenaso isikhala sokugcina uthando lwakho, enginalo lwanele. Ngakho-ke 10 ncenga nje mfowethu kuzolunga. Uzomthola oyokuthanda futhi. NKULULEKO: (Ngokufutheka) Kangicabangi ukuthi uyazizwa ukuthi uthini nokuthi ukhuluma nobani? Ungangihlanyisi Phindisiwe. Ngizokwenza into yamehlo. Ngingamane ngibuyele ngiyodonsa isigwebo sokubulala wena uma ungangazi kahle. 15 PHINDISIWE: Angithi yinto oyijwayele yokusoconga abantu, kuyobe kungaqali ngami. Ngingazi-ke ukuthi ngiyobe ngigoqe izandla yini uma ungisoconga? Kayikho-ke into engethusayo kulokho. Kufanele wazi ukuthi kuyona yonke imizi kunezibheva zakhona, uma ucabanga ukuthi nguwe wedwa ushaye phansi. 20 NKULULEKO: (Uya ngokuya uyagcwalelana ocingweni.) Usuyangisongela? Ungizwe kahle Phindisiwe, ngifuna ukukufundisa abantu njengoba ungichwensa. Kangenziwa kanjalo mina kuthule ingathi akwenzekanga lutho. PHINDISIWE: Cha kangisongi kepha ngikhuluma ngokuzokwenzeka. Yonke into inesikhathi sayo. Nathi kwakuyisikhathi esasinaso kepha uyazi ukuthi 25 zonke izinto zihamba zifinyelele esiphelweni. Kasikho isitimela esilokhu sigijima singafinyeleli esiteshini. Sengicela ukuhamba bandla kukhona olunye ucingo oluvalwe nguwena. [Inkundla yoku-1, Isigcawu soku-1:10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 37 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 21.1 Gagula uhlobo lwethoni etholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. Bhekisa enkulumeni yomlingiswa onguPhindisiwe. (2) 21.2 Shono isizathu sokuba khona kodweshu lwangaphandle kulesi siqeshana. (2) 21.3 Nikeza okungafani phakathi komlingiswa onguPhindisiwe kanye noNkululeko uma bekhuluma ngothando lwabo ngokwalesi siqeshana. (3) 21.4 Chaza kafushane ngesisusa sodweshu esitholakala esingenisweni salesi siqeshana. (3) Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA U MATHONSI: (Ehlala phansi okomuntu okhathele abheke lo muntu angamaziyo.) Siyabonana nsizwa. NKULULEKO: (Evumela phansi, uvalo lugubhazela esifubeni.) Siyabonana baba. MATHONSI: Ngibathe ngikweba ngamehlo kangiyitholi impendulo eyokuthi siyazana yini? (kubuza uMathonsi egaxa umlenze wangakwesokudla phezu 5 kwalowo wangakwesokunenxele.) NKULULEKO: Qha baba, kasazani. (Athule. Abuye aqhubeke.) Mina ngingowakwaKubheka ngaphesheya komfula iNgedla phansi esigodini senkosi uMthwalume eMsingeni. Inkaba yami yasala lapho-ke baba. Okwamanje ngingomunye walabo asebabhunguka kwelakubo 10 ngadliwa yizintaba zaseGoli. Sengakhe khona lapha eMandeni Section. (Ahlome amehlo phansi okwentombi ikhiyazela.) MATHONSI: Ngiyazi yenza njalo-ke indoda, izethule kuzwakale. Ingalokhu iziluma ulimi imbandaza nje. Phela izwe libi selibuswa ngamanqe. Asavele akudle luhlaza emini libalele. (Aphulule utalagu lolu olusekhanda 15 ngesandla sangakwesokunxele okomuntu esula umjuluko.) Pho, wasihlasela sekuqundeke amehlo nje nsizwa kwenzenjani? (Ethi ukuhlekahleka.) NKULULEKO: (Athule. Aqalaze odongeni ngakwesokudla kule ndlu ahlezi kuyona akhangwe yisithombe somshado sikaMathonsi nomkakhe. Asibukisise. 20 NoMathonsi agcine esejeqeza ngoba esedonswa yila mehlo anamathela odongweni njengoba ehlezi elufulathele nje. Umqondo ubuye ekuzululekeni. Aqhubeke.) Impela baba kangizile ngezindaba ezinhle. Bengicela imimoya ingaphakami ngoba yinsambatheka lena engihamba ngayo. (Athule abheke uMathonsi ezinhlamvini 25 zamehlo.) MATHONSI: (Luthi heqe uvalo uma ezwa lokho.) Hhayi-ke Gubhela kuhlwa ngomnyama, yibeke ezithebeni sizwe. (Athi ukukhwehlela kancane uMathonsi.) [Inkundla Yoku-1, Isigcawu sesi-2, ikhasi-13] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 38 DBE/Lwezi 2025 NSC Confidential 21.5 Chaza umsebenzi womlandi kulesi siqeshana. Bhekisa kumlingiswa onguNkululeko. (2) 21.6 Ngabe la mazwi abhalwe ngokugqamile alekelele kanjani ekuqondeni isimo emzini kaMathonsi? (2) 21.7 Ucabanga ukuthi qhaza lini elibanjwe nguMakhangela ukubhebhethekisa udweshu kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (2) 21.8 Kungabe ukubambisana komphakathi namaphoyisa kusize kanjani ekubanjweni kwezigebengu ebezigqekeza ebhange iForum? (2) 21.9 Chaza isizathu sokuba khona kukaNkumbulo kulo mdlalo. (2) 21.10 Xoxa ngobunzima obubhekana nabantu abasebenzisa izindlela ezinqamulelayo zobugebengu ukubalekela amacala abasuke bewenzile. Bhekisa impendulo yakho kumlingiswa onguPhindisiwe. (3) 21.11 Uyazwelana yini nomlingiswa onguThamsanqa njengoba kuboshwe uPhindisiwe? Yikuphi wena ongakwenza uma ungahle ubhekane nalesi simo? (2) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 12 Isizulu Hl

Explore more published documents in this catalogue.

View all