Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 2 NSC November 2017 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 12201731 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 2 question paper from the NSC November Exam 2017, 31 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC November Exam 2017

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) NOVEMBA 2017 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi angama-31. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/Novemba 2017 NSC IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhla lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emuva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli/Ubuciko bomlomo (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B: Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C: Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe ngezansi. ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE – Phendula imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE – UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO). • Phendula KUPHELA imibuzo yenoveli/ubuciko bomlomo kanye neyomdlalo owufundile. • Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukwelekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO • Impendulo yombuzo omude ezinkondlweni mayibe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240. • Izimpendulo zemibuzo emide enovelini/ebucikweni bomlomo kanye nasemdlalweni mazibe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390. • Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi bangathemelezi kodwa baphendule okubuziwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/Novemba 2017 NSC 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/Novemba 2017 NSC OKUQUKETHWE Leli khasi liyolekelela abahlolwayo ukuba bakhethe imibuzo abazoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. 'UNoxolo/UNoluxolo' Umbuzo omude 10 6 2. 'Uthando' Umbuzo omfushane 10 7 3. 'Nyuvezi YakwaZulu' Umbuzo omfushane 10 8 4. 'Imfihlo' Umbuzo omfushane 10 9 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo. 5. 'Sadalelwa Ukuhlupheka?' Umbuzo omfushane 10 10 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Phendula umbuzo OWODWA ESIQESHINI B kanye ESIQESHINI C. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO INOVELI: Phendula umbuzo OWODWA kule noveli emiselwe. 6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 11 7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 11 8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 14 9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 14 10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 16 11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 16 12. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omude 25 18 13. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omfushane 25 18 NOMA UBUCIKO BOMLOMO: Phendula umbuzo OWODWA kolobu buciko bomlomo obumiselwe. 14. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omude 25 20 15. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omfushane 25 20 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA kule midlalo emiselwe. 16. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 25 17. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 25 18. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 27 19. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 27 20. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omude 25 29 21. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omfushane 25 29 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE ESIQESHINI B kanye NASESIQESHINI C. Akuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma EMIBILI emfushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/Novemba 2017 NSC Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo. Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha sebenzisa lolu hla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo okulindeleke uyiphendule. ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA YEMIBUZO LEMIBUZO EPHENDULIWE A: IZINKONDLO (Ezimiselwe) 1–4 2 A: INKONDLO (Engamiselwe) 5 1 B: INOVELI (Umbuzo omude NOMA 6–13 1 omfushane) B: UBUCIKO BOMLOMO (Umbuzo omude NOMA 14–15 1 omfushane) C: UMDLALO (Umbuzo omude NOMA 16–21 1 omfushane) QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. ESIQESHINI B, khetha phakathi kwenoveli nobuciko bomlomo, uphendule UMBUZO OWODWA, ungaphenduli ngazo zombili lezi zinhlobo zemibhalo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/Novemba 2017 NSC ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo. UNOXOLO/UNOLUXOLO – KNN Gcumisa 1 Udumo lakho luyababazeka 2 Ufana namanz' apholil' ehla entabeni. 3 Upholil' uphuzisa bonke abakulangazelelayo, 4 Ubaph' ukujabul' imizimba yethakase 5 Bekufumene wena Mduduzi wabadumele. 6 Lapho kukhon' ukuheleza komoy' obandayo, 7 Lapho kugelez' igazi emaweni athambekileyo, 8 Izinyembezi zigeleza ingelezane, 9 Kubhekenwe ngeziqu zamehlo. 10 Imilomo ikhafula okumuncu kodwa 11 Kungazeki okumuncu kodwa 12 Kungazeki ngubani oyakusiza. 13 Munye kuphel' ongaba umsizi, UNoluxolo, 14 Oleth' injabulo kubo bonke abaxabeneyo, 15 Onhliziyo zabo zibamtoti, ngothando 16 Oluletha ukufudumala okungunaphakade. 17 Kuletha ukuthokoza okungeke 18 Kwalethwa yilutho ngaphandle 19 Kothando, umusa noxolo. Phawula ngokuphumelela kwembongi ekwethuleni umqondo oqukethwe yile nkondlo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama ayi-190 kuya kwangama-240. Impendulo yakho mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza umqondo • Ukuphawula ngokucaphuna izibonelo zomqondo wenkondlo • Ukuveza uvo lwakho [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/Novemba 2017 NSC UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. UTHANDO – KNN Gcumisa 1 Abasha badume nezothando, 2 Okwalolu thando kuyadumaza, 3 Ngalolu thando sebeyaziqhenya, 4 Abasaluhloniphi nokuluhlonipha 5 Sekungumdlalo wamagendo. 6 Laph'abantu abasha, bethi banothando, 7 Ibhungu linothando lwetshitshi, 8 Bahlulwa yini ukuzihlonipha? 9 Kungani bekhohlisana? 10 Bayaziqhayisa ngalo 11 Omunye ethi ungowomunye? 12 Izimbali zanamuhla zilahlekelwa 13 Ubumbali bazo ngokuphang'umdaka. 14 Ongaphangi mdaka ubukelwa phansi, 15 Akhishwe inyumbazane anyundelwe, 16 Ngokuqinisel'umvuzo uyakuwuzuza, 17 Ekugcineni ebuhlanzweni bayo iyabuyela. 18 Nalapho umzali eqhamuka, 19 Abantu abasha abasamazisi, 20 Kugcwalwa imigwaqo kungaziwa nanyaka, 21 Kumelwe emakhoneni, nasezigxotsheni, 22 Wena mzali awusenasithunzi. 23 Wo, yeka kusadliwa ngoludala! 24 Kusadliwa ngoludala 25 Lwaluhlonishw' uthando. 26 Uthando kwakungolweqiniso, 27 Uthando lwalungaqhayiswa, 28 Abantu abadala babehlonishwa. 29 Kungabe lolu thando 30 Intsha edume ngalo 31 Olweqiniso na? 2.1 Caphuna umugqa osebinzeni loku-1 oqukethe umqondo wokuthi abantu abasha sebeluthatha kalula uthando. (1) 2.2 Qhathanisa okungefani okushiwo imbongi emgqeni we-12 kuya kowe-15 nomugqa wama-23 kuya kowama-28. (3) 2.3 Chaza ithoni etholakala emgqeni wesi-8 kanye nowesi-9. (2) 2.4 Yini ehloswe yimbongi ngokukhethwa kwegama elidwetshelwe emgqeni we-13? (2) 2.5 Xoxa ngempumelelo yesu lombhali lokusebenzisa i-enjambamenti emgqeni wama-29 kuya kowama-31. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/Novemba 2017 NSC UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. NYUVESI YAKWAZULU – LF Mathenjwa 1 INgqungqul' eshay' amaphiko phezu koMhlathuze 2 UMhlathuze wakhophoza 3 Ukhozi oluvul'amaziphokazi ezintabeni zoNgoye, 4 UNgoye lwesaba nokulwehlela 5 Ubhakubha olungezindlu zinde zishay'ezulwini 6 Inkunz'egweba ngepensela ezinye zigweba ngophondo 7 Indab' engiyizwe ngimncane ngakhula ngayibona ngamehlo. 8 Umzondo abawunyathele KwaZulu ukunuka kwezwakala eXhoseni 9 Kuze kwasa abeSuthu kwaMshweshwe beqaqanjelwa amakhanda 10 Ilangab' elihangul' izikhotha zase-Afrika kwasha amabibi phesheya 11 Ngikhuluma namuhla o-Cambridge no-Oxford abawuval' umlomo 12 O-Fort Hare no Turfloop bakhwacel' 13 Imisidlan' okwengcanga ibon' ikhonde. 14 Gobhoza njalo mfula wolwazi uphuzis' i-Afrika 15 Ngifike isis' usimbonqo ngaphuma sesimaplakazana 16 Ngeswele ezinkulungwane ngangihuba ngikuhayele sibani soluntu 17 Izinkulungwane ezidlula kuwe aziwuvali chibi lolwazi 18 Bayingcosan' abaphuza kuwe kungacimeki ukoma. 19 Ngitshele mfazindini zingaki ezakho izimbiza? 20 Ngibuze kwelamaXhosa bangawuval' umlomo 21 KwelikaMabuza kaNgwane uyintokazi' eyisilomo 22 AbakoMshweshwe namanje beswel' imilomo 23 Uyadel' ophuze kuleso sizib' esinzonzo sakoNolwazi 24 Uphuthelwe ongacaphunanga kuleyo mbenge yolwazi. 25 Sizib' esimavivane sikaNomfundo noNompumelelo 26 Ngibe ngiyakugasela ngashaywa uvalo kwafik' isiyezi 27 Ngikubon' unyakaziswa' inkanyamb' uNolwazi 28 Intengo yezaqheqhe noju lwakho ingilethel' uhlevane 29 Ngitshele Nhlalamafini wena wakoNomfundo yini imfihlo yakho? 3.1 Nikeza igama lesifenqo esidwetshelwe emgqeni we-12 kuya kowe-13. (1) 3.2 Hlanganisa okufanayo ebinzeni lesi-4 nelesi-5 ukugqamisa indikimba yenkondlo. (3) 3.3 Chaza umoya wenkondlo oqukethwe umugqa we-16 kuya kowe-18. (2) 3.4 Yini inhloso yembongi ekusebenziseni ukuxhumana-okutshekile ebinzeni loku-1 emgqeni woku-1 nowesi-2? (2) 3.5 Yini eyenzekayo emizweni yakho lapho kuphindwa le misindo efanayo? Bhekisa empumelwelweni yokusetshenziswa kwefanamsindo u'ng' emgqeni wesi-7. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/Novemba 2017 NSC UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. IMFIHLO – MH Mazibuko 1 Mfihloni len' engaka, 2 Zinyanya zakithi nonkana sitsheleni, 3 Izinyanga nezanusi ziwachitha ziwaqoqe, 4 Kanti kufihlweni? 5 Nonesifuba ugcina esemchathazela umngani, 6 Le mfihlo ayinamngani nasihlobo, 7 Othuke wakwelamela okufihliwe uyihlab'inhlali 8 Nabantabakhe uthi bayozibonela kuhle kwabenyoka. 9 Abalele bayabuya ngamaphupho, 10 Balethe izinhlanhla nemikhokha, 11 Noma kunjalo sebeze baqumbelana, 12 Bengayithi vu ngenhlalo yabo, 13 Kukhulu esafihlelwa khona, 14 Yonke imithetho iyeqiwa, ujeze, 15 Munye vo ongasoze weqiwa 16 Lowo uthi, 'Ngamunye ngamunye wozibonela azizwele' 17 Nesichwensi asichwenseli ngakuwo. 18 Liba izindaba zakho ziyaxaka azixoxeki, 19 Akukho namunye onyonyobayo, 20 Azosihlebela ngenhlalo yangale, 21 Kukhulu okufihlwe ngale kwempilo yomhlaba, 22 Abanye bawuthumela igundane kepha kuwe lingelokothwe. 4.1 Nikeza igama eliyisihlonipho elitholakala ebinzeni loku-1. (1) 4.2 Chaza kafushane ukuthi amagama adwetshelwe awugqamisa kanjani umoya wale nkondlo. (3) 4.3 Bhala umbono wakho ngokusetshenziswa kwe-injambamenti etholakala emgqeni wama-15 kuya kwama-16. (2) 4.4 Chaza ngokusetshenziswa kwesimo sokukhuluma esisemgqeni wama-22 ukwethula umyalezo wale nkondlo. (2) 4.5 Hlolisisa okushiwo imbongi emgqeni wesi-9 kuya kowe-10. (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/Novemba 2017 NSC INKONDLO ENGAMISELWE (Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo) UMBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. SADALELWA UKUHLUPHEKA – JC Dlamini 1 Ngiphakathi kwezitezi ezigwaza izulu 2 Ngigebisa ikhanjana ngizibukabuka; 3 Izinswenya zezimali zikinatelw' emabhangi, 4 Mina ngishaya ngonobhaqa kuklokloza isisu, 5 Ngilala ngivuke ngingakuthanga mbibi. 6 Insebenzwana ngukuphandela emuva, 7 Umsebenzi ngiyawuthola ngingawutholi 8 Abelungu bangidudula ngemikhaba, bheka! 9 Kodwa Nkulunkulu ngiyoze ngiphumulephi? 10 Okwethu okwezandla sadalelwa ukuhlupheka! 11 Besengikhohliwe, angidalwanga ngazalwa, 12 Abadalwa bokuqala babephelele ngokugcwele, 13 Ngokomzimba ngokwengqondo, ngokoMphefumulo; 14 Ngubuqili bukaSathane obeza nezinhlupheko, 15 Ofulathela ubuqili bukaSathane UYAPHILA. 16 Angiyeke ubuqili ngiphile ngokugcwele ngensebenzo, 17 Angiyeke umona ngiphile ngokugcwele ngobudlelwane, 18 Angiyeke inzondo ngiphile ngokugcwele ngoZENZELE! [Icashunwe encwadini ethi: Sadabuka Isizwe, JC Dlamini] 5.1 Tomula imvumelwano etholakala ebinzeni loku-1 bese usho uhlobo lwayo. (2) 5.2 Nikeza kafushane umoya olethwa imifanekisomqondo emgqeni we-4 usebenzise amagama akho. (2) 5.3 Chaza ukuthi ukusetshenziswa kwe-okzimoroni ebinzeni lesi-2 kukwelekelele kanjani ekuqondeni isimo salo muntu? Sekela impendulo yakho. (2) 5.4 Humusha ukusetshenziswa kwemigqa evalekile emigqeni we-11 kuya kowe-15. (2) 5.5 Phawula ngokuhlolisisa okushiwo imbongi ebinzeni lokugcina. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/Novemba 2017 NSC ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Khetha uhlobo OLULODWA lombhalo phakathi KWENOVELI NOBUCIKO BOMLOMO, uphendule ngokulandela imiyalelo engezansi. INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Xoxa ngempumelelo yombhali ekusebenziseni udweshu ukukhulisa indaba yakhe kule noveli ethi: Bengithi Lizokuna. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Ulindeleke ukuba uphendule lo mbuzo njenge-eseyi. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukuchaza udweshu nezinhlobo zalo. • Ukuphendula umbuzo ngokucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho nempumelelo yombhali ekusebenziseni udweshu ukukhulisa indaba. [25] UMBUZO 7 (UMBUZO OMFUSHANE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA A Ngaphambi kokuba alale, wabuye wakhipha iselula esikhwameni. Phela wayekade eyivalile indlela yonke, enqena ukulokhu ephazanyiswa ngukushayelwa ngabantu abababaza lesi simanga asenzile. Kwase kunenqwaba yemiyalezo eyayishiywe ngababeshaye kabamthola. Wayivula imiyalezo, wayilalela. Eminingi yayiphuma kuNkululeko, ekhala, encenga, ebalisa, eqanganisa. 5 'Ngiyaxolisa Nkululeko bandla. Ngiphoqwa yisimo nami,' exolisa ngenhliziyo, kuhlengezela izinyembezi. Waqeda ukulalela imiyalezo leyo, washayela unina owayekhihla isililo, ephithanelwe yingqondo, ebalisa ngehlazo athelwe ngalo yindodakazi yakhe. Wambekela isineke uNontobeko, wamchazela konke abakuxoxe noNkululeko. Wake wazama bandla unina 10 ukumbonisa, ukumncenga, ukumkhalela. 'Ngeke ngisaguquka kulesi sinqumo mama,' esho ngezinyembezi, kuzwakala nokho ukuthi iphimbo lakhe linokuzimisela okukhomba khona ukuthi isinqumo asesithathile sekungesokugcina, akasenakuguquka kuso ngisho esencengwa kangakanani. 'Izwe lizothini kodwa bakithi?' kubalisa unina, edazuluka kakhulu futhi. 15 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/Novemba 2017 NSC 'Kangisenandaba nezwe mama. Okubalulekile yinjabulo engifuna ukuba nayo esikhathini esizayo.' 'Awu, kodwa bakithi!' 'Sengizovalelisa-ke mama. Ngicela ukusho ukuthi le namba ngizobe ngingasatholakali kuyo kusukela kusasa. Ngiyode nginithinta-ke mina, ngisho ukuthi 20 ngisaphila yini, ngizwe nokuthi nina ninjani.' 'Awu, kodwa bakithi!' 'Ngiyaxolisa kakhulu mama.' 'Awu, bakithi!' Emva kwalokho wavula isikhwama sakhe, wahosha isithombe sikaMhlengi 25 okwakulokhu kungavumanga ukuba ahlukane naso ngisho esethandana noNkululeko. Kwaba eside isikhathi esigqolozele isithombe sikaMhlengi. Naye uMhlengi wamgqolozela, embuka ngalawo mehlo akhe athambile, ebusweni emamatheka kancane, kuvela lawo mazinyo akhe angaphambili athanda ukuba yizixheke. Wasigqolozela isithombe uNontobeko, wasibamba ngazo zombili, 30 wasibeka esifubeni esase simanzi te yizinyembezi. 'Awu, ngangikwenzeni kodwa Mhlengi uze ungilaxaze, ungishiye nobuhlungu benhliziyo obungaka, nesizungu esingaka, nothando olungaka? Ngangikone ngani s'thandwa sami?' ebihlika kakhulu ekhala. Esakhala kanjalo welula isandla, wathatha iselula yakhe, wacupha i-alamu kuselula 35 ukuba imvuse ngonkwi, wavula isikhwama, wakhipha amaphilisi okulala ngoba wayengangabazi ukuthi buzogoloza ubuthongo ukufika. Wasukuma, waphephuka eseqonde kusinki, wavula umpompi wawaphuza amaphilisi ayesethembele kuwo ukuthi azomlamulela ekuqwasheni okwakumnyonyobela. Emva kwalokho waphindela embhedeni wazishaya phansi, walala zwi. Waze waphazanyiswa yiyo 40 iselula eyaqandula entathakusa isimkhumbuza ukuthi ubelale efuna ukuvuka kungakasi. Nebala wazamula, wazelula, wavuka walungela ukuhamba. Emva kwemizuzu embalwa wayeselungile, wangena emotweni yakhe wayishaya yazulu esebambe wona umgwaqo omkhulu obheke ezansi. Nanxa kwakusemnyamana, base bubonakala futhi ubuhle bamagquma ale ndawo. 45 Wabukabuka lobu buhle bendawo, wakhumbula mhla ebubona ehamba noMhlengi besanda kuthandana. Wacabanga uMhlengi wazibona eseyibhula kakhulu imoto. Nansiyana idweba kuthelawayeka, yagijima njalo iyodlula koMargate, Ramsgate. Wabuye wayichezukisa imoto, wangena egaraji wathela uphethroli, wangena naphakathi erestorenti yalapha egaraji, wabiza ikhofi namasemishi, wazama ukudla. 50 7.1 Shono izinto EZIMBILI eziveza ukuthi umlingiswa onguNontobeko usamkhathalele unina ngokwalesi siqeshana. (2) 7.2 Shono imbangela yokuthi umlingiswa uNontobeko avale ucingo lwakhe ngokwalesi siqeshana. (2) 7.3 Yikuphi okufanayo mayelana nothando phakathi komlingiswa onguNontobeko noNomalanga? (2) 7.4 Fingqa ngamaphuzu AMANE ukuvezwa kwesizinda ngokwesikhathi kulesi siqeshana. (4) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/Novemba 2017 NSC 7.5 Chaza ukuthi isenzo sikaDlaba sibe namthelela muni ekugqamiseni indikimba yethemba yale noveli. (3) 7.6 Ucabanga ukuthi isigameko esifihlelwe umlingiswa onguXolani mayelana nokushintsha ubulili bukaMhlengi sisize kanjani ukuthuthukisa indaba? Sekela impendulo yakho. (3) 7.7 Chaza umphumela wokuveza umlingiswa onguNontobeko ekudluliseni umyalezo omayelana nokuthatha izinqumo kule noveli. (2) 7.8 Iyini inhloso yombhali ekwethuleni ikhono lesu lokubikezela emazwini kaNontobeko athi 'uyangethembisa ukuthi ngeke ungilwise uma ngehluleka endleleni'? (2) 7.9 Ngabe uyavumelana yini ukuthi udweshu olwaluphakathi kukaXolani noNdumiso ngenkathi beficana efulethini likaMahlengi yilona olwadala ukuboshwa kukaNdumiso? Sekela impendulo yakho. (2) 7.10 Uyazwelwana noNontobeko kulesi simo azithola ebhekene naso emuva kokuthola uMahlengi? Yikuphi owawungakwenza ukuba kwakunguwe uNontobeko ubhekene nalesi simo? (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/Novemba 2017 NSC UMBUZO 8 (UMBUZO OMUDE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Xoxa ngempumelelo yombhali ekusebenziseni udweshu ukukhulisa indaba yakhe kule noveli ethi: Usumenyezelwe-ke Umcebo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Ulindeleke ukuba uphendule lo mbuzo njenge-eseyi. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukuchaza udweshu nezinhlobo zalo. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula ngempumelelo yombhali, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho nempumelelo yombhali ekusebenziseni udweshu ukukhulisa indaba. [25] UMBUZO 9 (UMBUZO OMFUSHANE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA B Bahlezi bobabili noNtombi, indlu ibasinda, wakhumbula unina. Imoto wayigcwalisa futhi ngokudla, wanikela eMangwaneni eyoncenga uyise ukuba avume unina adamane ezobahlalisa. Yangena ekhaya inyinyitheka izinhlobonhlobo zokudla nenyama. Wayibuka uMeyili kwaqhilika izihlathi. Wayezwile ukuthi ifa lonke selihlangane nelikaChule lalibuyele kuNomvula, wandisiwe umcebo wakwaMazibuko. Kwaba 5 wukubabingelela nje uNomvula wangena ephinifeni wabaphekela izibiliboco ezehla ngesiphundu. Badla banambitha benambithile. 'Esesi mani. Ngacishe ngenza iphutha ngamnqabela umntanami ukuba ayogana isigebengu,' esho behlezi noMaHadebe kwaMaHadebe belokhu belunguza efasiteleni besibona isilwane semoto sigcwele ibala, ukudla kugcwele indlu. 10 'Sonke sasiyisola ingane sithi ifa ilithuthela ezigebengwini,' kwenanela uMaHadebe. 'Kanti elakwethu elihlakaniphile alisitsheli ukuthi lisebenzela ekhaya. Lisibuyisele yonke yize isihlakaniphi sasithi sisiphatha ngodaka emehlweni.' 'Dasithi.' 'Mina ngibona sengathi yithuba lokugcina leli. Simlethelwe yiNkosi. Angazi-ke ukuthi 15 uthini namuhla? Noma usasebenzisa leyo nhliziyo engasoze yakucebisa?' 'Ngabe ngenzenjani ngoba ngikhuluma nje kugcwele indlu ukudla? Nasi nesitofu sakwanokusho umntwana usithengele. Kanti ufunani?' 'Wabuza wazi? Ifa leziwula lidliwa yizihlakaniphi. Abantu lapha phandle abahlezi ngezindlebe. Bezwile ukuthi uNomvula usewumzimbukhalizimali kakhulu kunakuqala. 20 Lizohamba.' 'Bese ngithi sedlula lapho.' Kufanele ungamzweli umntanami ngoba uyindoda. Indoda phela iyaye ithi izele isho kungavundlanga lutho lapha esiswini. Lapha kuwe akuthi diki ngokuthi umntanami wafela ize ethi uyokuzamela ifa.' 25 'Ngabe ngenzenjani?' 'Sekunoguquko oselwenzekile. UNomvula useyizele indlafa. Baxoshise ngembuzi. Mhlabise, mina ngizobaphekela. Uzosala nathi umntwana lona ukuze silidle kahle ifa kuthiwa siyamkhulisa engasoze akhula.' Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/Novemba 2017 NSC 'MaHadebe, awukahle ngamawala. Umntanami ucele ukuxoxa nami ekuseni. Ngeke 30 sazi. Mhlawumbe abakwethu sebemkhanyisele. Kukhona kumbe afisa ukusenzela kona ngesihle. Yona leyo nyama uzoyifaka kusiphi isisu njengoba sonke sisuthi kumanje.' 'Iqatha nje layo esiswini sakhe lanele. Wazi ngani? Mhlawumbe uzocela ukuthatha unina ambalekise ayohlala naye esilungwini. Siyophinde silitholephi ithuba elinje? 35 Umuntu uvuma kalula kwezabanye izingane, angingize uma usuthi akwehle ngamphimbo munye nangeyakhe.' 'Hhayi ngamawala. Asingamdlinzeli. Asizwe ngaye.' 'Ngizamela wena ukuba uyeke ukushovana nebhayisikili imihla uyogqilazwa amathilogo akwaLoliwe. Noma mhlawumbe usafuna ukubonana nentombazana 40 yezinhloko zengulube eyabhubhisa izimali zamalobolo?' 'Elinjani leli elithethwa lingapheli? Awungiphumuze.' Namuhla uNomvula owayepheka edidizela ukuze bangaphekelwa wuMaHadebe. Balala inhliziyo igaya izibozi kunina. Yayifuna ifa, ilifuna lingelakwakhe. Ukusa kwaziwa uNomvula, wavuka wabasa isitofu, wabavusa ngetiye nokudla kwasekuseni abazali. 45 Kusenjalo enconywa, wabakhumbuza ngesicelo sakhe sodatshana ayecela luhlanganelwe luxoxwe. NoMaHadebe wavuka watatazela wabamba isibhuklabhukla sesikhukhukazi wasichutha wapheka. Kwahlanganwa, uNomvula wakhala ngesizungu nokwesaba anakho ngokuhlala yedwa esiqhimuqhimini somuzi eThekwini. 50 9.1 Nika izizathu EZIMBILI ezenza umlingiswa onguNomvula afune ukuya eMangweni ngokwalesi siqeshana. (2) 9.2 Shono imbangela yokuthi umlingiswa uMaHadebe athi ingane kaNomvula kumele ihlale nabo ngokwalesi siqeshana. (2) 9.3 Yikuphi okungumehluko mayelana nokufuna umcebo phakathi komlingiswa onguMeyili noMaHadebe? (2) 9.4 Fingqa ngamaphuzu AMANE ukuvezwa kwesizinda ngokwesikhathi kulesi siqeshana. (4) 9.5 Chaza ukuthi isenzo sikaSkiti sibe namthelela muni ekugqamiseni indikimba yale noveli. (3) 9.6 Ucabanga ukuthi isigameko esifihlelwe umlingiswa onguDaffo sokubhala incwadi kukaChule azenze uHK sasingaba namuphi umphumela kuDaffo ukuba wagcina azile? (3) 9.7 Chaza umphumela wokuqanjwa komlingiswa onguNomvula ekuphikiseni umyalezo wobubi bomona kule noveli. (2) 9.8 Iyini inhloso yombhali ekwethuleni ikhono lesu lokubikezela emazwini omculo kaGenyeza atholakala kule noveli athi, 'Ngakutshela ngathi angihambile'? (2) 9.9 Ngabe uyavumelana yini ukuthi udweshu phakathi kukanoNomvula noMahuzu yilona olwagcina lwenze uNomvula ehlukene noGenyeza? Sekela impendulo yakho. (2) 9.10 Uyazwelwana noMaHadebe kulesi simo azithola ebhekene naso emuva kokudla umuthi wediphi? Yikuphi owawungakwenza ukuba kwakunguwe uMaHadebe ubhekene nalesi simo? (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/Novemba 2017 NSC UMBUZO 10 (UMBUZO OMUDE) KUNJALO-KE – ME Wanda Xoxa ngempumelelo yombhali ekusebenziseni udweshu ukukhulisa indaba yakhe kule noveli ethi: Kunjalo-ke. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Ulindeleke ukuba uphendule lo mbuzo njenge-eseyi. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukuchaza udweshu nezinhlobo zalo. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula ngokuphumelela kombhali, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho nempumelelo yombhali ekusebenziseni udweshu ukukhulisa indaba. [25] UMBUZO 11 (UMBUZO OMFUSHANE) KUNJALO-KE – ME Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA C USithole wafika e-Adams esefikile uMaNzimande. Wayezenamele nje kade ethole umsebenzi. 'Sewubuyile MaNzimande? Awu washesha namhlanjena!' UMaNzimande wanganaka nje, waziqhubekela nalokho ayekwenza. 'Eyi nami ngiwutholile umsebenzi wokushayela.' Athi qwebu amehlo uMaNzimande, 5 wafisa manje ukuzwisisa kahle. 'Uzoshayela ntoni?' 'Ngizoshayela amaloli ukuthutha inkucunkucu elokishini.' Kuthi cosololo ukuzwa ukuthi uSithole akasezukuba ngumthwalo nezindleko kuyena. Wayeka yonke into ayeyenza, walungisa ukudla. Ngakusasa ekuseni uSithole wavukela khona emsebenzini. 10 Wawuqala-ke umsebenzi wokuthutha inkucunkucu. Babezungeza yonke indawo elokishini laseMlazi. Ngelinye ilanga uSithole esenhlabakhefini, wathatha iloli waqonda ngqo emzini kaDumazile. Wafika wama emgwaqweni ngasenhla komuzi, washaya ihudi. Kwavela umsebenzi emnyango. USithole wakhiphela ingalo ngaphandle, wamqhweba. 15 Weza esekhaphuzela. Babingelelana, baphilelana. 'Ngingamthola uDumazile?' 'Yebo. Ngizothi ucelwa ngubani?' 'Mtshele ukuthi ubizwa nguyise kaMtholephi.' Umsebenzi wabuyela endlini. Wamfica uDumazile eselungiselela ukuya emsebenzini. Wayesebenza ebusuku kulelo sonto. 20 'Kunobaba othi angikubize sisi.' 'Ubaba?' 'Yebo Sisi! Uthe unguyise kaMtholephi.' 'Kodwa uyaphi nje bakithi? Nx, hhayi suka!' Washo uDumazile kwabonakala ukuthi ucikekile. Waphuma endlini uDumazile waqonda elolini phandle. 25 'Sawubona!' kubingelela uDumazile izinhlonze seziyimvingqi esiphongweni. 'Yebo sawubona! Hawu waqhamuka wedwa, uphi umfana?' 'Uyadlala ngalena kwendlu.' 'Nami bengithi angizonilunguza nje ninomfana. Manje ngangayibona iveni yami ebaleni, ikuphi?' 30 'Umkhwenyana wami wathumela kwabasezikilebheni ukuba bazoyidonsa.' Wathi dlengelele uSithole ukuzwa uDumazile ekhuluma kanje. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/Novemba 2017 NSC 'Kanti wawuqinisile ngempela ukuthi sewunendoda?' UDumazile aqale angaphenduli. Acikeke uSithole. 'Kodwa yayimxake ngani nje imoto yami izimele ebaleni?' 35 'Wathi ibanga udoti ebaleni.' Kwathi xhifi futhi kuSithole. 'Kanti ngokabani lo muzi? Niyazi ukuthi mina ngingavele ngiwudayise niphakathi?' 'Cha phela yise kaMtholephi ngeke kwenzeke lokho. Umuzi lona ungowami. Akuyona neze into esingayibanga leyo.' 'Owakho wawuthathaphi?' 40 'Ngawuthengelwa nguwena.' 'Sengathi ngenza iphutha. Ngifuna ubuyele kimina umuzi wami lo. Ehhe ngiyawufuna bo! Okwesibili ngifuna utshele le ndoda yakho ukuthi ngiyayifuna imali yemoto yami enayidonsela esikilebhuyadi. Ngiyazi ukuthi yakhokhelwa imoto yami lapho. Okwesithathu ngifuna ingane yami ibuyele kimina ngizondlele yona.' Wathi 45 engakalingwinyi nje, thushu i-ambulense. UDumazile waswela umgodi wokucasha. Watatazela ngendlela yokuthi wagcina engasazi okufanele akwenze. Kwake kwathi akayovulela umyeni wakhe isango, kodwa enye inhliziyo yabona ngenye indlela. UMtalaselwa wazivulela isango, wangenisa i-ambulense ngaphakathi. Kwathi angangena uMtalaselwa, wacela ukuba enzelwe itiye. Nempela umsebenzi wabeka 50 amanzi ngeketelo. 'Ngubani lona okhuluma nomkami phandle?' 'Uthe unguyise kaMtholephi.' Kwathi xhifi kuMtalaselwa, wayesethi: 'Hamb'umbize!' Umsebenzi wathi uyombiza, wahlangana naye uDumazile evele esebuya. 55 11.1 Nika izizathu EZIMBILI zokuvakasha komlingiswa uSithole emzini kaDumazile ngokwalesi siqeshana. (2) 11.2 Shono imbangela yokuthukuthela kukaMtalaselwa kulesi siqeshana. (2) 11.3 Yikuphi okungumehluko mayelana nobudlelwano noSithole phakathi komlingiswa onguMaNzimande noDumazile? (2) 11.4 Fingqa ngamaphuzu AMANE ukuvezwa kwesizinda ngokwesikhathi kulesi siqeshana. (4) 11.5 Chaza ukuthi isenzo sikaLizy sibe namthelela muni ekugqamiseni indikimba yale noveli. (3) 11.6 Ucabanga ukuthi isigameko esifihlelwe umlingiswa onguSithole sokushiswa kwesitolo sasingaba namuphi umphumela kuDumazile ukuba wagcina azile uSithole? (3) 11.7 Chaza umphumela wokuqamba umlingiswa onguDumazile ekudluliseni umyalezo wesimilo esingesihle wale noveli. (2) 11.8 Iyini inhloso yombhali ekwethuleni ikhono lesu lokubikezela emazwini atholakala ekuqaleni kwale noveli athi, 'Ngeke ngihlukane nothisha uMoloi'? (2) 11.9 Ngabe uyavumelana yini nokuthi udweshu olwaluphakathi kukaSithole noMoloi lwenza ukuba uDumazile agcine ehlukene noMtalaselwa? Sekela impendulo yakho. (2) 11.10 Uyazwelwana noMtalaselwa kulesi simo azithola ebhekene naso emuva kokuthola ukuthi useyagula? Yikuphi owawungakwenza ukuba kwakunguwe uMtalaselwa ubhekene nalesi simo? (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/Novemba 2017 NSC UMBUZO 12 (UMBUZO OMUDE) IMPI YOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Xoxa ngempumelelo yombhali ekusebenziseni udweshu ukukhulisa indaba yakhe kule noveli ethi: Impi Yabomdabu Isethunjini. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Ulindeleke ukuba uphendule lo mbuzo njenge-eseyi. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukuchaza udweshu nezinhlobo zalo. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula ngempumelelo yombhali, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho nempumelelo yombhali ekusebenziseni udweshu. [25] UMBUZO 13 (UMBUZO OMFUSHANE) IMPI YOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA D 'Cha Ndosi akunjalo. Asinihlinzeli ezibini malume wami okokuphela kwakhe. Indlela esinibonga ngayo ngeyokubuka sinichathazele ukukhanya esesikuzuzile ngemfundo nemfundiso yamazwe nobuzwe bezinye izizwe. Sinihlonipha ngokuba sinembulele imbubhiso egutshezelwe wukungazi. Njengamanje sengikhumbula abaseZimbambwe. Bona bathi uma udonsa igatsha elinamacembe, wamukele namacembe alelo gatsha. 5 Izingane zikaLinono ngamacembe kaLinono. Uma uLinono emuhle kwaNdlovu, kwakufanele nezingane zakhe zibe zinhle. Kwakufanele bazithathe.' 'Cha Bafana, akunjalo. Akukhona eZimbabwe lapha. KukwaZulu. Izingane zikaLinono aziyi kwaNdlovu lapho kwaganela khona uLinono,' kuphika uCele. 'Kunjalo malume. Awuboni yini wena ukuthi sewenza izingane zikaLinono 10 izimfakabili ngokuzihlukanisa nonina.' 'Izimfakabili kanjani Bafana?' 'Izimfakabili ngoba zafa okokuqala zilahlwa ngoyise. Manje sezifa okwesibili ngokulahlwa ngunina. Uma intandane enhle kungumakhothwa ngunina, izingane maziphindele kunina. Izingane zikaLinono ziyamdinga unina.' 15 Noma amagalelo kaBafana ayemuvuthuza uCele, wayenenkolelo yokuthi naye umi emigqeni angegudlulwe kuyo. Wayezimisela njengendoda, entungela ngisho ophahleni lwendlu efuna izimpendulo. Walibhekisisa ikhishi ababehleli kulo. Wabona ukuthi lalilikhulu kungathi yindlu yonke. Ukumenyezela phansi kwamkhumbuza amabhilidi athile aseThekwini. Wayengaliboni kahle ifiliji ngoba lalifana nawo wonke 20 amakhabethe ayesodongweni lwekhishi. Waze walibona ngenkathi uBafana ekhipha amaqanda. Nosinki wawubona ngoba uBafana egeza izinkomishi abebephuza ngazo itiye. Wazibuka izimbulunga zompompi eziluhlaza nezimbomvu. Baxoxa nje uBafana uthathe ulethisi wase ewusika ngokuwufaka emshinini owaduma kancane. Waphuma ulethisi usuyizicucwana okungathi utshani. Wagalakadisela namaqhuzwana 25 kashizi kulo mshini nawo ushizi waphuma usuyizicucwana. Wawuvuvuzela kulethisi loshizi wabe esebeka izincezu zikatamatisi ezimbili kulesi sidlo. Ngenkathi esifaka lesi sidlo esitsheni sokudla kwasemsebenzini, kwacaca kuCele ukuthi uBafana uzenzela umphako wosuku. Wafikelwa yivesi eyangasalikhumbuli kahle ukuthi lalikuphi, leli vesi lalithi ngezikhathi zokugcina abantu bayokudla utshani. 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/Novemba 2017 NSC Waliguduza iBhayibheli ezama ukuthola izinkomba namagalelo ayengawokloza ngawo lesi sisifundiswa esasithi yena Cele-ndini, umvangeli usengumthakathi owenza izingane zikaLinono izimfakabili. Lenqaba nokho iBhayibheli ukusondela. Wazama futhi nokuthola izinkomba namagalelo ayengavithiza lesi sifundiswa esasithi yena mkhulu wabantwana usebenza izimfakabili abazukukulu. 35 Ngemuva kwalokho kuhlwaya uCele wazizwa esethi, 'Bafana uthi nje uyazi ukuthi babusisiwe abahawukelayo ngokuba bayakuhawukelwa?' 'Ngikwazi kahle lokho malume,' kuphendula uBafana. Waqhubeka wathi, 'Malume ngikwazi kahle lokhu. Futhi ngikuqamelisa ekutheni babusisiswe nabalamulayo ngokuba kuyakuthiwa bangabantwana bakaNkulunkulu.Yikho nje ngilamula mina 40 malume. Labo abayimpi kubantwana ngithanda sibalamule. Masilamule impi phakathi koyise balezi zingane kanye nezingane zabo. Okukhulu kodwa masilamule impi phakathi kwezingane nonina. Wena uyaqhatha ngalokhu kwenza.ULinono ngunina walezi zingane ohleli nazo. Konke okwenzayo kuyimbudane.Kuphambene nesiZulu esithi intandane enhle ngumakhothwa ngunina. 45 13.1 Nika izizathu EZIMBILI ezenza umlingiswa onguBafana akhumbule izwe laseZimbambwe ngokwalesi siqeshana. (2) 13.2 Shono imbangela yokusetshenziswa kwegama elidwetshelwe kulesi siqeshana. (2) 13.3 Yikuphi okungumehluko mayelana nobudlelwano bomndeni phakathi komlingiswa onguBafana noCele? (2) 13.4 Fingqa ngamaphuzu AMANE ukuvezwa kwesizinda ngokwesikhath kulesi siqeshana. (4) 13.5 Chaza ukuthi isenzo sokufunda kuka-Uzithelile sibe namthelela muni ekugqamiseni indikimba yemfundo kule noveli. (3) 13.6 Ucabanga ukuthi isigameko esifihlelwe umlingiswa ongu-Miss Hawkins sokuntshontsha imoto sasingaba namuphi umphumela ku-Euthanasia ukuba akabanjwanga? (3) 13.7 Chaza umphumela wokuqamba umlingiswa onguVukuzithathe ekudluliseni umyalezo wemfundo kule noveli. (2) 13.8 Iyini inhloso yombhali ekwethuleni ikhono lesu lokubikezela emazwini kaCele atholakala kule noveli athi, 'musa ukuqala amadlozi, uzivusele ulaka lwezithutha mntakadadewethu'? (2) 13.9 Ngabe uyavumelana yini ukuthi udwehu olwaluphakathi kukaPoppie noBen ngenkathi bebanga izincwadi yilona olwaqhubela izinkinga zikaBen phambili? Sekela impendulo yakho. (2) 13.10 Uyazwelwana noJohnny (uBafana) kulesi simo senhlalo azithola ebhekene naso emzini kaMaMthunzi emuva kokulinyalelwa imoto yakhe? Yikuphi owawungakwenza ukuba kwakunguwe uJohnny ubhekene nalesi simo? (3) [25] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/Novemba 2017 NSC UBUCIKO BOMLOMO: UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba Phendula umbuzo OWODWA. UMBUZO 14 (UMBUZO OMUDE) Ukuxoxa izinganekwane kwabe kungukudlulisa umyalezo. Xoxa ngomyalezo othi umhobholo awukhokheli uweyamanise nenganekwaneni ethi: 'Impisi Eyisiminzi', izibongo: 'Isiqhingi Sase-Robben Island'. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390 sekuhlangene impendulo yenganekwane nezibongo. Ulindeleke ukuba uphendule lo mbuzo njenge-eseyi. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukuchaza umyalezo odluliswa ubuciko bomlomo. • Ukuphendula umbuzo ngokuxoxa, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi ngomyalezo odluliswa izinganekwane nezibongo. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nempumelelo yombhali ekuvezeni umyalezo emibhalweni yobuciko bomlomo. [25] UMBUZO 15 (UMBUZO OMFUSHANE) IZINGANEKWANE: 'UNWABU NENTULO' Fundisisa lesi siqeshana senganekwane bese uphendula imibuzo elandelayo ngezansi. ISIQESHANA E Umxoxi: Kwesukasukela … Abalaleli: Cosu! Kudaladala, abantu babebaningi kakhulu futhi bengafi. Abantu babekhula baze babe badala kakhulu. Okunye futhi okwakwandisa inani labantu ezweni ukuthi zazingekho izindlela zokuhlela imindeni. Umuntu wayethola izingane njengokuthanda kwakhe. 5 Abantu babeyijabulela leyo mpilo, noMdali wayibona indlela abantu ababejabule ngayo. Ngakho-ke wafuna isilwane esizogijima siyotshela abantu ukuthi uNkulunkulu uthi angeke baze bafe, abahlale ngokujabula. Izinduna zaphuma ziyofuna isilwane esinejubane elikhulu ukwedlula zonke ezinye izilwane. Ngempela zahlungwa, kwagcina sekusele intulo kanye nonwabu. 10 Kwavotwa-ke kwase kuphumelela unwabu. Kwaba nentokozo enkulu ezweni ngoba ngisho noMdali wayevele efuna ukuthumela unwabu ngokwazi ijubane lwalo. Lwalubaleka unwabu kuphuke izihlahla ubone ngotshani bulala phansi. 'Ngizothuma wena nwabu, gijima uhlabe ngejubane uyotshela abantu ukuthi ngiyabonga ukubambisana okukhona phakathi kwami nabo. Ngizokhombisa ukubonga 15 kwami ngokubaphilisa unomphela. Akekho umuntu ozokufa. Ungalibali, ngizothela amathe phansi, ungalinge-ke ubuye esomile la mathe,' uMdali ekhomba ngekhanda phandle. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/Novemba 2017 NSC Lwaphuma selundiza unwabu. Kwaphuka izihlahla, kwangathi ingongoni iyachitheka. Lwaluthi uma lufika endaweni engumthambeka, lulale ngomhlane lugingqike luze 20 luyofika phansi. Lwathi uma seluqonde emafusini,lwezwa iphunga lobukhwebezane. Ngeke lenzeke iphutha lokuthi lizizwela iphunga lenye into. Unwabu luyazifela ngobukhwebezane, ngeke lulenze iphutha. Lwathi xhinti ekugijimeni. Lwathi qala qala, luphakamisa inhlokwana luhogela. Lwazithela esihlahleni sobukhwebezane. Asithelile siyantenga 25 isihlahla, sifuna ukuvuma phansi. Abuvuthiwe ubukhwebezane bujuza amanzana okwezindoni ezivuthwe kahle. 'Ngeke ngishiye ubukhwebezane sengibutholile, kunokwenzeka ukuthi ngibuye sebekhona asebengeqelile. Bazowuthola umyalezo wabo abantu, abake bame kancane, bahlukane nje nami. Nami phela ngiyafuna ukuzijabulisa,' kusho unwabu 30 seluzikhulumela lungazwanga muntu. 15.1 Yisiphi isizathu esenza inani labantu bande kakhulu emhlabeni? (1) 15.2 Chaza kafushane isigameko esenziwa wunwabu esaholela ekuqanjweni kwesisho esithi, 'ukuba wunwabu' ubhekise kulesi siqeshana. (2) 15.3 Chaza ukuthi impendulo yalesi siphicaphicwano esingezansi ixhumana kanjani nomlingiswa otholakala kule nganekwane: Ngikuphica ngomkhwenyana wami ongathwali masudu kodwa owashintsha ewashintshile. (2) 15.4 Phawula ngokusetshenziswa kwesaga esihambelana nale nganekwane. (3) KANYE Fundisisa lesi siqeshana senganekwane bese uphendula imibuzo elandelayo ngezansi. INGANEKWANE: 'ISIBINDI SIKAGALA KANODADE BIYELA' ISIQESHANA F Lasukuma iqhawe lakwaBiyela, uGala, 'BoBiyela abahle ngizimisele ukuya esilweni uShaka ngiyocela ukuthi sime isibindi ngokusehlele. Ngizosicela sigwinye itshe ngoba siphelile isizwe sibulawa yindlala.' Wathi uNsansa ezwa la mazwi, wabaleka naye eshiya umhlangano usaqhubeka. Inkosikazi kaGala yahayiza icela ukuthi abomndeni bazame ukumbonisa uGala 5 ngengozi azobhekana nayo. Akekho obhekana neSilo uShaka asinde. Bakhuza abakwaBiyela behluleka. Kwakungelula ukubonisa uGala uma esethathe isinqumo, unguxamukavinjelwa. Ngelanga elilandelayo ekuseni, uGala wayeqephuza ekhuleka esangweni lasesigodlweni. 'Nodumehlezi kaMenzi! Sesikhale kwaze kwasha namathe ngokukhothama 10 kweNdlovukazi. Gwinya itshe Ndabezitha!' UGala eduduza iSilo uShaka. 'Isizwe sakho Ndaba sesingaze sife sonke siphele? INkosi yami engiyithandayo nengiziqhenyayo ngayo izobusa bani ngoba abantu bayo bafa nsuku zonke? Isilo sizohlasela ngani? Ayaziphephukela ehamba amabutho ngenxa yokudlala indlala.Gwinya itshe Ndabezitha !' Waqhubeka uGala nokubongelela iSilo uShaka. 15 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/Novemba 2017 NSC Eqeda ukusho lawa mazwi uGala, kwandiza inyoni yahlala ehlombe likaGala yezwakala ikhuluma ithi, 'Silo, Ndabezitha, lalela izexwayiso nezeluleko ngoba isizwe sizoshabalala uma ungagwinyanga itshe.' Yasuka yandiza inyoni yabuyela ehlathini. Wethuswa yilesi senzo senyoni uGala. Yajabula inkosi uShaka uma ithola iqhawe elifana noGala futhi elikwazi ukuvusa isilo 20 uma sinhlanhlatha. 'Mdlaka naweNzobo, sekungaze kusuke uGala le eMkhuze azongibonisa yize nikhona? Ningamadoda anjani angakwazi ukungeluleka?' Sasho ngolaka iSilo sibhekise koMdlaka. Abakwazanga ukuphendula ngaphandle kokuxolisa ngephutha abalenzile. 'Buyela emzini wakho Gala udle, usenge ubuye usebenze nasemasimini nomndeni 25 wakho,' yasho inkosi uShaka ijamela uGala.Yaqhubeka yathi kuMdlaka, 'Nina tshelani abantu bami ukuthi ukuzila kuphelile. Kuhle baqale ukudla nokusebenza,' simemeza iSilo. Wakhuleka uGala wagoduka ethokozile, sabe siyasinda kanjalo isizwe saKwaZulu endlaleni. Umxoxi: Cosi, cosi iyaphela. 30 Abalaleli: Yaze yamnandi indaba! 15.5 Gagula uhlobo lwale nganekwane engenhla bese unika nesizathu sempendulo yakho. (2) 15.6 Uyavumelana nombono othi kukhona ubudlelwano phakathi kwale nganekwane kanye namahubo athi, 'Uyamemeza okaNdaba'? Sekela impendulo yakho. (2) 15.7 Phawula ngokubaluleka kanye neqhaza elibanjwe izinganekwane empilweni yethu ekugqamiseni indikimba etholakala enganekwaneni ethi 'Unwabu nentulo' kanye nenganekwane ethi 'Isibindi sika Gala kaNodade Biyela'. (3) KANYE Fundisisa lobu buciko bomlomo obulandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela. ISIQESHANA G (Sihlanganisa izibongo, ihubo, izithakazelo nesaga.) IZIBONGO: 'IZIBONGO U-DKT. SIBONGILE ZUNGU' 1 Injini kagandaganda omanxakanxaka 2 Oth' ushayiswa umuhluzwa 3 Kwafana nokuthela amanz' edadeni; 4 Igiya eliya phambili liyangena 5 Eliya emuva alingeni. 6 Ugandaganda omagiy' aya phambili, 7 Ugandaganda ongayi emuva. 8 Isihlahl' esigabe ngezithel' ezimnandi 9 Inguduza edukuze efwini kwakhanya 10 Yakhomba indlela kwabona nemvukuzane. 11 Zachwensa izichwensi zokuchwensa 12 Badelel' abazazi bona, 13 Wagwiny' amathe, uDokotela, 14 Wakhwehlela kanye, zehla izihlathi. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/Novemba 2017 NSC 15 UDokotel' odokotel' isizwe ngemfudumalo 16 Abanye bedokotela ngezinsungulo, 17 UDokotel' odokotel' isizwe ngentuthuko 18 Abanye bedokotela ngezibuko. 19 Isizwe sonke siwuzwile umjovo 20 Usijove ngomjovo wothando, 21 Wasijova ngomjovo wentokozo, 22 Abangaphilanga yilab' asebeyoxakwa ngobisi. 23 Awukho umjovo wabangaphilanga ngekhanda. 24 Umfazi omabelemade, 25 Umbele ugwansile; 26 Nonganeno komful' uyancela, 27 Nongaphesheya komful' uyanela. 28 Ungalifun' ukhala nal' emlonyeni, 29 Omuny' ulidukluza ngezibhakela, 30 Omuny' aliklwebhe ngezinzipho 31 Eth' ujezisa' unina 32 Kant' uzilambisa yena. IHUBO: NOMA KUNZIMA Igosa: Noma kunzima Abasebenzi: Siyaya noma kunzima, siyaya IZITHAKAZELO: ZULU! Zulu! Mageba! Nkosinkulu! Nina bakaMjokwane kaNdaba! Nina bakaPhunga noMageba! Sizukulwane sikaNtombela. Malandela! Nina bakaSenzangakhona kaJama, Nin' enizal' uShaka kashayeki ILemb' eleq' amany' amalembe. ISAGA Intuthwane iyayithwala indlovu 15.8 Tomula uhlobo lokuxhumana olutholakala ebinzeni loku-1 ezibongweni ezingenhla. (1) 15.9 Chaza kafushane okufanayo phakathi kwehubo elithi, 'Noma kunzima' kanye nezenzo zikaDokotela uZungu ezitholakala ebinzeni loku-1 ezibongweni. (3) 15.10 Iyini inhloso yembongi ekusebenziseni amagama adwetshelwe kulezi zithakazelo? (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/Novemba 2017 NSC 15.11 Ngokwakho ukubona ngabe imbongi ifanele yini ukungathekisa imfundo ngombele ezibongweni ezingenhla? Sekela impendulo yakho. (2) 15.12 Phawula ngesaga esingenhla ukuthi sinamthelela muni emlayezweni otholakala kulezi zibongo? Bhekisa impendulo yakho emagameni abhalwe ngokugqamile. (2) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/Novemba 2017 NSC ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 16 (UMBUZO OMUDE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Hlolisisa impumelelo yombhali ekwethuleni indikimba kulo mdlalo othi: Kudela Owaziyo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Ulindeleke ukuba uphendule lo mbuzo njenge-eseyi. Impendulo mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo: • Ukuchaza indikimba. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni indikimba ngokucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho ngempumelelo yombhali ekwethuleni indikimba kulo mdlalo. [25] UMBUZO 17 (UMBUZO OMFUSHANE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA H (Emini,eselini yasezitokisini esiteshini samaphoyisa eSundumbili, kuzwakala ukuvuleka nokuvaleka kwezihengqo nezicabha.) ZAYEKA: (Ngezwi eliphakeme) Ehhe! Ufunwa yisivakashi sakho engisishiye laphaya emhubheni okubonanelwa kuwo. Shesha-ke Memela ngilandele … 5 (Ngokushesha babe sebesemhubheni lowo wokubonana nezivakashi.) (Kuqhilike izihlathi kuMdaluli uma esebona lesi sivakashi sakhe.) ZAYEKA: (Athinte isikhwehlela kancane bese ethi) Ngininika imizuzu engamashumi amathathu nje kuphela nisaqhuba ingxoxo yenu. 10 Angidluli futhi lapho. MDALULI: (Uyamamatheka) Ngibonga kakhulu mkami ngaleli thuba osungihlelele lona wadela yonke imisebenzi obuyenza wabona kufanelekile uzongibheka ukuze uzongikhulula kulokhu kucindezeleka komqondo enginakho okubangelwa wukuvalelwa kule 15 ndlu emnyama engiqgunywe kuyo. Sekuyangicacela-ke manje ukuthi unothando lweqiniso wena hhayi olokuzenzisa ngoba nakhu phela usalokhu ungikhathalele yize ngikule ndawo ebucayi kangaka. Sekuyangikhanyela bha futhi manje ukuthi lezi zinkomo engakulobola ngazo azehlanga ngohologo kepha zalobola umuntu wesifazane 20 ofanele ngempela noyithatha njengento ebaluleke kakhulu impilo yomyeni wakhe. MAMLANDULI: Ingani phela ngiqonde ukukukhombisa baba wabantabami ukuthi anginanxa neze nawe mina, nginjalo nje futhi angikubambele magqubu ngokwenzekile izolo. Ngithanda wazi futhi ukuthi akusimina 25 okubizele amaphoyisa, naphezu kwakho konke lokhu angikujabuleli neze ukulethwa kwakho lapha. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/Novemba 2017 NSC MDALULI: (Uyamamatheka) Ngiyabonga mkami ukuzwa amazwi amnandi kanjalo ephuma ezindebeni zomlomo wakho. Ngizizwa nginelikhulu iqholo leli ngawe mkami njengoba usangikhombisa nje ukuthi 30 awungilahlile neze wena. Bengingabuye ngikhunjulwe ngubani konje omunye mkami ngikule ndawo enzima kanje nozongimisa idolo anginike ithemba ngingasakhunjulwanga nguwe? Nokho inkonzo yakho yomusa noxolo ayipheleli neze lapha mkami othandekayo. Umsebenzi osakuhlalele ngowokuba uyongincengela indodakazi 35 yesule leli cala engivulele lona emaphoyiseni. Uyitshele ukuthi ngiyazehlisa ngiyazithoba kuyo ngoba sengiwabonile amaphutha ami futhi ngizimisele ngayo yonke indlela ukuwalungisa ngenxa yokuzisola esenginakho. MAMLANDULI: (Uyamoyizela) Khululeka ukhukhumale ugcwale isitaladi wena ufane 40 nomabhalane. Ukwehlukana kwami nawe lapha ngiyasuka ngiqonda ngqo kuyena uLondiwe lona ngiyombonisa ehlise umoya esule leli cala. Yinto engingayixheguli nakuyixhegula nje leyo. Ukuthi uzokwenza njengoba ngizombonisa nje athobele intando yami ukuze ugqashule kula maketango obuqgili basezitokisini akukinatele myeni 45 wami. Ngiyazi phela usangihlonipha mina ngakho-ke uzokwenza lokhu okuthandwa yimina ehlele ngezansi. 17.1 Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana? Sekela impendulo yakho. (2) 17.2 Chaza kafushane isigameko esiholele umlingiswa onguMdaluli ukuba akhulume la mazwi abhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana. (2) 17.3 Nikeza okufanayo ngokuvezwa komlingiswa onguMbhebhezeli noMemela mayelana ngokwezinkolelo zabo kulo mdlalo bese uyasekela ngokwencwadi. (3) 17.4 Chaza kafushane ukuxhumana kwenkulumo-mpendulwano phakathi kukaMaMlanduli noMdaluli nesenzeko esenzeka emuva kwalokho. (3) 17.5 Iyini inhloso yombhali yokuphetha isakhiwana somdlalo ngokuboshwa kwesikhulu sezomNyango wezaseKhaya uHeshane? (2) 17.6 Qhathanisa inkulumo kaHlengiwe ngenkathi eshelwa uChivenga etholakala kulo mdlalo kanye nesenzo sikaChivenga sokufuna ukuba yisakhamuzi. (2) 17.7 Chaza ubudlelwano phakathi kukaMdaluli, noChivenga kanye nendikimba yalo mdlalo. (3) 17.8 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela wesimo senhlalo phakathi kukaMdaluli noMbhebhezeli ukube uMdaluli wezwa ngokuvakasha kukaMbhebhezeli esibhedlela? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 17.9 Ngokwakho ukubona, ngabe umlingiswa onguMdaluli ufanele yini ukubuza lo mbuzo odwetshelwe kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (2) 17.10 Phawula ngenkulumo kaMaMlanduli ethi, 'Khululeka ukhukhumale ugcwale isitaladi wena ufane nomabhalane', kulesi siqeshana uyiyamanise nezenzeko ezehlakalele uMdaluli kulo mdlalo. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/Novemba 2017 NSC UMBUZO 18 (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Hlolisisa impumelelo yombhali ekwethuleni indikimba kulo mdlalo othi: Awuwelwa uMngeni. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Ulindeleke ukuba uphendule lo mbuzo njenge-eseyi. Impendulo mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo: • Ukuchaza indikimba. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni indikimba ngokucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho ngempumelelo yombhali ekwethuleni indikimba kulo mdlalo. [25] UMBUZO 19 (UMBUZO OMFUSHANE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA I SALIMANI: Amalungiselelo ale mbizo-ke sizowenza kusasa ekuseni. Ngakho-ke kuyoba kuhle niphelele nonke lapha ekuseni njengoba ningakanje. Wena-ke Mphiliphili ubovuka ungiyele kwaVimbingwenya kuMcondo ukhuphuke naye azolalela ngalana. Ngoba naye uyobe egibele nawe uBheswa angakubophelela elinye ihhashi kwawami ezithunywa 5 ugibele.Udaba enginibizele lona ziqonga zesizwe sikaBaba nalo lungolubucayi ngeyalo indlela. Lolu udaba lobuxoki. MPHILIPHILI: (Axwaye.) SALIMANI: (Ababale ngamehlo.) Ngaphambi kokuba singene shi kulona. Ngithanda ukunikhumbuza ngento engethembayo ukuthi nonke 10 niyibonile kuthangi yenzeka emahhovisi kaNdabazabantu eMgungundlovu. Niyakhumbula uZithulele eqhweba uMphiliphili noNgoza behleba bobane noSomtsewu laphaya etafuleni? ABAFOWABO: Yebo! SALIMANI: Ngithanda uMphiliphili akasixoxele-ke ukuthi bebedingida ziphi nala 15 Madoda (Kuthule kuthi cwaka kube sengathi kakusavunguzi kwamoya wodwa lona.) MPHILIPHILI: (Akhophoze. Abakaze.) SALIMANI: Khuluma phela sizwe Mphiliphili. MPHILIPHILI: (Agwinye amathe kuze kube kathathu elinga ukukhuluma kodwa ulimi 20 lugcwale umlomo.) MCANJANA: INkosi ithi khuluma nduna sizwe, kungabe kawuzwanga yini? (Efutheka.) MPHILIPHILI: Be … be … bebebuza indlela wena kaMshwilansimbi. SALIMANI: Bebebuza indlela eyaphi? (Ngesineke.) 25 MPHILIPHILI: Indlela eza lapha eTsheni, Ngwazi. MBONGOLO: Tshela iNkosi iqiniso ungashonisi ilanga (ebheka uMphiliphili kabi.) SALIMANI: Mphiliphili! Mphiliphili! (Embheka sakumdabukela.) MPHILIPHILI: Ngwazi! Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/Novemba 2017 NSC SALIMANI: Tshela mina ukuthi yini lena ebenihlangene ngayo ngamakhanda 30 niyihleba noNgoza nezikhulu zikaHulumeni mina ngingazi ngikhona ngiyiNkosi yakhona? (Athande ukuhwaqabala.) MPHILIPHILI: Wena, wena wangasenhla bebebuza ukuthi ukuza kwakhe uSomtsewu ngesicelo seNkosi yami thina sikubona kuphephile yini. ABAFOWABO: Hhawu! 35 NOMEHLO: Nanko-ke amanyala anyanyisayo! SALIMANI: Benikhuluma ngami? Nihleba? Uhleba inkosi yakho Mphiliphili? MPHILIPHILI: Phi … phind … e … e Manyosi. 19.1 Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana? Sekela impendulo yakho. (2) 19.2 Chaza isigameko esiholele umlingiswa onguSalimani ukuba akhulume la mazwi abhalwe ngokuqgamile kulesi siqeshana. (2) 19.3 Nikeza okungumehluko ngokuvezwa komlingiswa onguZithulele kanye noSalimani mayelana nokuklanywa kwezwe bese uyasekela ngokwencwadi. (3) 19.4 Chaza kafushane ukuxhumana kwenkulumo-mpendulwano phakathi kukaSalimani noMphiliphili nesenzeko esenzeka emuva kwalokho. (3) 19.5 Iyini inhloso yombhali yokuphetha umdlalo ngokuthi icala lasenkantolo yaseMgungundlovu limthethe uSalimani? (2) 19.6 Qhathanisa inkulumo yonongqayi etholakala kulo mdlalo kanye nenkulumo yabantu bakaMgqabuli mayelana nempi nesenzo sokuklanywa kwemingcele. (2) 19.7 Chaza ubudlelwano phakathi kwezindawo uMkhabela, uMngeni kanye noVimbingwenya kanye nendikimba yalo mdlalo. (3) 19.8 Ucabanga ukuthi waba njani umphumela wesimo senhlalo phakathi kwejaji laseMgungundlovu kanye noZithulele emuva kokuphela kwecala? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 19.9 Ngokwakho ukubona, ngabe umlingiswa onguMcanjana ufanele yini ukubuza lo mbuzo odwetshelwe kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (2) 19.10 Phawula ngokusetshenziswa kwamazwi akubakaki athi, 'Embheka sakumdabukela', kulesi siqeshana uwayamanise nezigameko ezehlakalele iNkosi uSalimani kulo mdlalo. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 29 DBE/Novemba 2017 NSC UMBUZO 20 (UMBUZO OMUDE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Hlolisisa impumelelo yombhali ekwethuleni indikimba kulo mdlalo othi: Ubhuku Lwamanqe. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Ulindeleke ukuba uphendule lo mbuzo njenge-eseyi. Impendulo mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo: • Ukuchaza indikimba. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula ngempumelelo yombhali ekuvezeni indikimba ngokucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho ngempumelelo yombhali ekwethuleni indikimba kulo mdlalo. [25] UMBUZO 21 (UMBUZO OMFUSHANE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA J PHINDISIWE: (Ngokufutheka) Sikhohlakalindini ufunani? Hlukana nomoya wami. Kangikuhluphi ngalutho ngoba savumelana ukuthi le mfihlo yaziwa yithina sobabili. Ngalokho ube uyagcina ngci ukushaya ucingo ngalesi sikhathi. Ngingaze ngilahlekelwe okukhona ngokungekho. (Alushaye ngesikhulu isankahlu ucingo. Aqonde lapho kungena khona intambo 5 yocingo afike alunyomule.) THAMSANQA: (Ngomoya ophansi.) Ngisaphinda futhi ngibuza ukuthi ngubani lona othi akahlukane nawe Phindisiwe? PHINDISIWE: (Ziyime emthumeni.) Awaqanule ngokunye amehlo ngoba ubecabanga ukuthi uThamsanqa akezwanga. Ngelokubibitheka. 10 Sithandwa, kusho ukuthi awukangithembi nanamuhla lokhu? (Agqolozele uThamsanqa ngemvula yezinyembezi.) THAMSANQA: Ukusho ngani lokhu? Ungizwe ngithini? (Akhiphe izibuko abheke ngakumkakhe.) Munye umbuzo enginawo owokuthi uma ubusezinyathelweni zami ubungasixazulula kanjani lesi simo 15 engibhekene naso manje? PHINDISIWE: (Awushaye indiva lo mbuzo. Azwakale esethi …) Uthando luyabekezela. Ngisho ngoba enkonzweni namuhla bekukhulunywa ngayo indaba yokuzindlelana. (Luthi heqe uvalo. Athule kancane ezwe inhliziyo ishaya ngamandla. Abambe isifuba okomuntu 20 ophelelwe ngumoya.) THAMSANQA: Kwenzenjani Phindisiwe? (Aphuthume afike ambambe ngesandla.) PHINDISIWE: (Ngephimbo elihiqizayo) Akulutho, into nje nginovalo olungidabula inhliziyo. (Kube ngathi uyantengezela abambelele ehlombe likaThamsanqa.) Ngicela ungiphuzise amanzi. 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 30 DBE/Novemba 2017 NSC THAMSANQA: (Eqonda ekhishini emkhelela amanzi ngenkomishi. Amnikeze. Athathe umthamo owodwa inkomishi ayibuyisele esandleni sikaThamsanqa.) Lukhulu luyenzeka lapha kuwe. Angazi-ke noma ukwethembana sekwaphela yini? Ngiyakhumbula ukuthi savumelana ngokungagodlelani izifuba, ngingazi-ke ukuthi sekwashintsha yini? 30 Engikushoyo-ke ukuthi le nkinga kasilali singayixazululanga, engagcina kungumgomo waleli khaya ukuthi akulalwa omunye esathukuthele. Kuyangixaka-ke uma sekunenguquko engingayaziyo. Usungahluleka ukuqeda inkomishi eyodwa yamanzi? Akekho-ke omunye owaziyo nguwena wedwa. 35 PHINDISIWE: Sekwanele. (Angene endlini yangasese. Asule izinyembezi esezigcwele ubuso. Uvalo kaluzibekile phansi. Kumfoma izithukuthuku. Imicabango iyanyathelana. Agcine ngakho ukuphimisela.) Nkosi yami kodwa ungilahlelani na? Nokuba ngamtshela uThamsanqa … a (Ezwe isandla simthinta ehlombe 40 langakwesokudla.) THAMSANQA: Nokuba wangitshelani Phindisiwe? PHINDISIWE: Ungakhathazeki. (Abalekise amehlo akhe abuke phezulu ophahleni lwendlu abakuyona.) THAMSANQA: Ngingahlala kanjani ngingakhathazeki ngikubona ungaphathekile 45 kahle? Wena uthi ngithule ngingasho lutho? Uyabona Phindisiwe, ngeke ngikuphoqe ukuthi ungitshele uma ungafuni. Kunye-ke engikucelayo, uma usuzimisele ukukhuluma wongazisa. (Abuyele ekamelweni amshiye emi esibukweni esasula izinyembezi.) PHINDISIWE: (Athule afe okungathi akezwanga. Eqhubeka ekhuluma yedwa …) 50 Emuva kweminyaka engaka pho? Ngingamtshela ngithini uThamsanqa le ndaba? Kungcono ngife nayo. Ngizingcwabe ngiphila? Kodwa manje. (Ziwohloke futhi izinyembezi. Azesule ngendwangu yakhe yokugeza. Athi ukuzibukabuka eselungiselele ukuyolala.) 55 21.1 Yimuphi umoya otholakala enkulumeni kaThamsanqa emveni kokuba eye ekhishini eyokhelela uPhindisiwe amanzi? Sekela impendulo yakho. (2) 21.2 Chaza isigameko esiholele umlingiswa onguPhindisiwe ukuba akhulume la mazwi akhe okuqala kulesi siqeshana. (2) 21.3 Nikeza okufanayo ngokuvezwa komlingiswa uMathonsi noThamsanqa ngokwenkolo yabo kulo mdlalo bese usekela impendulo yakho ngokwencwadi. (3) 21.4 Chaza kafushane ukuxhumana kwenkulumo-mpendulwano phakathi kukaThamsanqa noPhindisiwe nesenzeko esenzeka emuva kwalokho. (3) 21.5 Iyini inhloso yombhali yokuphetha umdlalo ngenkondlo eqondiswe kuThamsanqa? (2) 21.6 Qhathanisa ukuxhumana phakathi kwenkulumo kayedwana kaPhindisiwe etholakala kulesi siqephu kanye nesenzo sikaNkululeko sokuyofuna ingane yakhe emzini kaMathonsi. (2) 21.7 Chaza ubudlelwano obukhona phakathi kukaNkululeko, uSikela, uMaqoma noPhindisiwe kanye nendikimba yalo mdlalo. (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 31 DBE/Novemba 2017 NSC 21.8 Ucabanga ukuthi wawuyoba njani umphumela wesimo senhlalo phakathi kukaThamsanqa noPhindisiwe emuva kokuphela kwesigwebo sikaPhindisiwe? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 21.9 Ngokwakho ukubona, ngabe umlingiswa onguThamsanqa ufanele yini ukubuza lo mbuzo odwetshelwe kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (2) 21.10 Phawula ngokusetshenziswa kwamazwi akubakaki athi, '(Ziyime emthumeni.)', kulesi siqeshana uwayamanise nezenzeko ezehlakalele uPhindisiwe kulo mdlalo. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all