You're offline
Skip to content
Question paper

IsiZulu HL P2 Nov 2022_hlayiso.com_.pdf

Subject: Isizulu HlGrade 12202232 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) LWEZI 2022 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi angama-32. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/Lwezi 2022 NSC IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhla lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emuva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli/Ubuciko bomlomo (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B: Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C: Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe ngezansi. ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE – Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE – UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO).  Phendula KUPHELA umbuzo wenoveli/ubuciko bomlomo kanye nomdlalo owufundile.  Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukwelekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO  Impendulo yombuzo omude ezinkondlweni mayibe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240.  Izimpendulo zemibuzo emide enovelini/ebucikweni bomlomo kanye nasemdlalweni mazibe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390.  Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi bangathemelezi kodwa baphendule okubuziwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/Lwezi 2022 NSC 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/Lwezi 2022 NSC OKUQUKETHWE Leli khasi liyolekelela abahlolwayo ukuba bakhethe imibuzo abazoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. 'KwaNdongaziyaduma' Umbuzo omude 10 6 2. 'Izibongo zikaKufakwezwe' Umbuzo omfushane 10 8 3. 'Nyuvesi yaKwaZulu' Umbuzo omfushane 10 10 4. 'Nkosi sikelel' i-Afrika Umbuzo omfushane 10 12 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo. 5. 'Alele amaQhawe' Umbuzo omfushane 10 14 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Phendula umbuzo OWODWA ESIQESHINI B kanye nowodwa ESIQESHINI C. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO INOVELI: Phendula umbuzo OWODWA kule noveli emiselwe. 6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 15 7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 15 8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 17 9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 17 10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 19 11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 19 12. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omude 25 21 13. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omfushane 25 21 NOMA UBUCIKO BOMLOMO: Phendula umbuzo OWODWA kolobu buciko bomlomo obumiselwe. 14. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omude 25 23 15. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omfushane 25 23 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA kule midlalo emiselwe. 16. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 26 17. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 26 18. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 28 19. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 28 20. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omude 29 30 21. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omfushane 29 30 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE ESIQESHINI B kanye NASESIQESHINI C. Akuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/Lwezi 2022 NSC Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo. Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha sebenzisa lolu hla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo okulindeleke uyiphendule. ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA YEMIBUZO LEMIBUZO EPHENDULIWE A: IZINKONDLO (Ezimiselwe) 1–4 2 A: INKONDLO (Engamiselwe) 5 1 B: INOVELI (Umbuzo omude NOMA 6–13 1 omfushane) B: UBUCIKO BOMLOMO (Umbuzo omude NOMA 14–15 1 omfushane) C: UMDLALO (Umbuzo omude NOMA 16–21 1 omfushane) QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. ESIQESHINI B, khetha phakathi kwenoveli nobuciko bomlomo, uphendule UMBUZO OWODWA, ungaphenduli ngazo zombili lezi zinhlobo zemibhalo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/Lwezi 2022 NSC ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1: UMBUZO OMUDE Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo. KWANDONGAZIYADUMA – EJ Mhlanga 1 Zijiyile ezixoxwa namuhla, 2 Zinohlonze lezi engizizwayo, 3 Zizwakala samthomb' ugobhoza, 4 Yimuphi lowo mthomb' engiwuzwayo, 5 Othombulul' izingqotho ezinginqalile, 6 Uthombulul' amaketang' angiqalangile? 7 Mthombo wakwaNdongaziyaduma gobhoza. 8 Sewazisul' izinyembezi, 9 Ebezizikhunge ethala lesizwe, 10 Yeka lezo zinsizwa zamaqhawe, 11 Ezasal' emaqeleni kwaNgcedomhlophe, 12 Zingabonaze zaphunyuzwa, 13 Nalezo zicoc' ezomela phansi, 14 Zingabonaze zaganwa, 15 Zizam' ukubuyis' isizoth, 16 Sezigodlo zikaZulu, 17 Zinxanel' udumo nezibongo. 18 Ubuthe leyo mikhonto, 19 Wayiphons' ethala yagqwala, 20 Izintombi nezinsizwa zosapho, 21 Wazibuthela kwesakh' isigodlo, 22 Yonk' imiqondo wayihlohl' ikhwezi, 23 Waba yinkundl' egiyel' amaqhawe, 24 Ezidla ubhedu lakwaNgqondonkulu, 25 Kunamuhla ziqholosh' isiqholoshakade, 26 Zikhulum' ulim' oludeph' ulwandle. 27 Namuhla siphezu kwamabhilidi, 28 Izinqanaw' ezikhoth' amayezi phezulu, 29 Sinanel' ilanga nobuhle balo, 30 Sinanel' inkanyezi nobuhle bazo, 31 Konke sikubuka ngeso lokukhanya, 32 Sibong' ukusichathazela kwelakho, 33 Usicakulel' usikisiki olufak' ugqozi, 34 Usihlomis' idlingozi lokulubalubel' 35 Ukuqoph' intaba yakwaNgcebonkulu, Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/Lwezi 2022 NSC 36 Laph' usizo lomuntu lukhona. 37 Noma sisalind' ukuvuleka, 38 Kwalezo zicabha zesigodlo, 39 Lapho zonk' izandla ziyogcwala, 40 Zigcwalis' izinqolobane zesizwe, 41 Lwaze lwamnandi ubisi, 42 Lwezinkomazi zakho, 43 Ezimabelemad' okwensengwakazi, 44 Yezibaya zasendulo, 45 Okungath' ungantshinga naleyo mikhonto, 46 Esagcwel' igazi nehlule, 47 Ilanga liqhakaz' ukuqhakaza, 48 Sithakasel' ukuba munye, 49 Esigodlweni kwaNdongaziyaduma. Xoxa ngekhono lembongi lokwethula isigqi sale nkondlo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama ayi-190 kuya kwangama-240. [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/Lwezi 2022 NSC UMBUZO 2: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. IZIBONGO ZIKAKUFAKWEZWE – MSS Gcumisa (Umnewethu inkosi yakwaGcumisa engasekho) 1 Ingqungqulu eyabhul' amaphiko 2 Phezu komuzi esangwen' eTsheni 3 Zonk' izinyoni zakhothamis' amakhanda. 4 Ngimthande ebagax' izinsimbi nanxa 5 Sebecel' intethelelo. 6 Ingulule egijime yeqa izintaba 7 Abesifazane nezingane bapheza 8 Ukulal' ezintabeni, 9 Kwanqamuka nengelezane 10 Yokugeleza kwegazi ezweni. 11 Ithole, elikaLubanjane, elikaSigobhe, 12 ElikaManyosi, elikaSalimani, 13 ElikaMahlomehlathini njengohlanya, 14 Elikhale phezu komfula uMqeku, 15 Kwakhuphuk' indlezane yakoMapholoba 16 Emalangeni yalilabalabela. 17 Kanti izoliphahlaza ngelinomantshu 18 Izolibhakela ngenselw' enodaka. 19 Indaba eyenziwe abafokazana nezinduna, 20 Inkosi abaze bayikhombisa inxeba, 21 Yathi iyalihlaba kanti isiyaphimpiliza. 22 Isibeka luphawu lwesibazi, 23 Esingaseyuphela sishabalale, 24 Kazi nxa amaliba angaqhibuka namuhla 25 Baphume oMbabal' egweb' igijima, 26 NoNomadlikidlikana bangathini? 27 Nxa sebeqhamuk' elab' izwe 28 Seliziduliduli okungath' ezemihlwa 29 Okuthunqa kuzo intuthu, 30 Lapho kwashabalala khona 31 Awabo amahlathi ayengashunqi ntuthu. 32 Ukufakwezwe abamethe igama kanti uzolilandela, 33 Bath' ukufakwezwe izwe life ngaye kungabi ndaba zalutho. 34 Umvuli wezicabh' esengaphakathi 35 Wakhab' onobhadul' esengaphakathi 36 Zivalwe amadod' amabili phesheya kweNgoje 37 Enye eyakwaMgwaz' eMthini emide, 38 Enye eyakwaLuthuli eMathulini. 39 UMadondolozela: ngentong' encane 40 Kwezakwabo ekhohlwa 41 Ngob' udondolozela ngomfowabo uMlindeli. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/Lwezi 2022 NSC 2.1 Gagula indikimba etholakala kule nkondlo. (1) 2.2 Xoxa kafushane ngomqondo oqukethwe yile nkondlo. (3) 2.3 Chaza ngokusetshenziswa kwe-enjambamenti emgqeni wama-27 kuya kowama-29. (2) 2.4 Chaza umoya oqukethwe umugqa wama-34 kuya kowama-37. (2) 2.5 Phawula ngekhono lembongi lokukhethwa kwamagama anothile atholakala emgqeni wama-39 kuya kowama-41. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/Lwezi 2022 NSC UMBUZO 3: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. NYUVESI YAKWAZULU – LF Mathenjwa 1 INgqungqul' eshay' amaphiko phezu koMhlathuze 2 UMhlathuze wakhophoza 3 Ukhozi oluvul' amaziphokazi ezintabeni zoNgoye, 4 UNgoye lwesaba nokulwehlela 5 Ubhakubha olungezindlu zinde zishay' ezulwini 6 Inkunz' egweba ngepensela ezinye zigweba ngophondo 7 Indab' engiyizwe ngimncane ngakhula ngayibona ngamehlo. 8 Umzondo abawunyathele KwaZulu ukunuka kwezwakala eXhoseni 9 Kuze kwasa abeSuthu kwaMshweshwe beqaqanjelwa amakhanda 10 Ilangab' elihangul' izikhotha zase-Afrika kwasha amabibi phesheya 11 Ngikhuluma namuhla o-Cambridge no-Oxford abawuval' umlomo 12 O-Fort Hare no-Turfloop bakhwacel' 13 Imisidlan' okwengcanga ibon' ikhonde. 14 Gobhoza njalo mfula wolwazi uphuzis' i-Afrika 15 Ngifike isisu simboqo ngaphuma sesimapaklazana 16 Ngeswele ezinkulungwane ngangihuba ngikuhayele sibani soluntu 17 Izinkulungwane ezidlula kuwe aziwuvali chibi lolwazi 18 Bayingcosan' abaphuza kuwe kungacimeki ukoma. 19 Ngitshele mfazindini zingaki ezakho izimbiza? 20 Ngibuze kwelamaXhosa bangawuval' umlomo 21 KwelikaMabuza kaNgwane uyintokaz' eyisilomo 22 AbakoMshweshwe namanje beswel' imilomo 23 Uyadel' ophuze kuleso sizib' esinzonzo sakoNolwazi 24 Uphuthelwe ongacaphunanga kuleyo mbenge yolwazi. 25 Sizib' esimavivane sikaNomfundo noNompumelelo 26 Ngibe ngiyakugasela ngashaywa uvalo kwafik'isiyezi 27 Ngikubon' unyakazisw' inkanyamb'uNolwazi 28 Intengo yezaqheqhe noju lwakho ingilethel' uhlevane 29 Ngitshele Nhlalamafini wena wakoNomfundo yini imfihlo yakho? 30 Eyalo muz' impilo ingamagquma namathafa 31 Babodwa abakaNokungcebeleka nabakaNomfundo 32 Imini nobusuku kulo muzi kuyazifanela 33 Izinkulungwane ziyimisalela yoMhlathuze nama- Semester 34 Ngomzabalazo kufik' abakwasidlodlo kugcwal' ithafa 35 Zigemegeme zomz' omkhulukazi wasoNgoye. 36 Ngikuthanda ngokungacwasi ngabala nabuzwe mfazindini 37 Angibonaze ngikuzwe uhlung' ubandlulula 38 Yonkana eye-Afrika ingabadi izalwa nguwe 39 Khul' uzukhokhobe ngqungqulu yakwaNomfundo 40 Yima njalo mondli wezimpofana nezicebi 41 Mana njalo NYUVESI YAKWAZULU. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/Lwezi 2022 NSC 3.1 Gagula indikimba etholakala kule nkondlo. (1) 3.2 Xoxa kafushane ngomqondo oqukethwe yile nkondlo. (3) 3.3 Chaza ngokusetshenziswa kwesingathekiso esidwetshelwe ebinzeni lesi-2 ukuthi sibe namthelela muni ekuqondeni kwakho umqondo waleli binza. (2) 3.4 Chaza umoya equkethwe umugqa we-16 kuya kowe-18. (2) 3.5 Hlaziya isigqi esitholakala ebinzeni lesi-6. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/Lwezi 2022 NSC UMBUZO 4: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. 'NKOSI SIKELEL' i-AFRIKA' – CT Msimang 1 Bathwele bayasisitheka; 2 Ijoka nalo yingcindezi; 3 Ezimbukwini bayabisha; 4 Udondolo lwabo yithemba, 5 Ukholo lwabo luwubhoko, 6 'Nkosi sikelel' i-Afrika!' 7 Inkulu inkolo nethemba, 8 Kukhulu nokukhamelela, 9 Amakhand' agobodisile 10 Okwezimv' ezibala linye, 11 Ezingemelane nelanga, 12 Ilanga elibuka konke! 13 Imilomo iyizigidi, 14 Iphimbo labo lona linye, 15 Izwi labo lingumqukuthu, 16 Abezinhlanga nezilimi 17 Bathandaza ngamoya munye 18 Nkosi sikelel' i-Afrika!' 19 Isaho enhlonhlweni yezwe, 20 Senanelwa eziqongweni; 21 Senanelwa ezigodini; 22 Simumethwe nayimifula; 23 Sifukulwa nayimimoya; 24 Sifukulelwa kuy' indlebe. 25 Baphuhle phezu kwendumalo, 26 Nanxa ubusuku bubude; 27 Balindel' indonsa nekhwezi. 28 Nanxa ubusika bubude; 29 Balindel' uMfumfu noLwezi: 30 'Nkosi sikelel' i-Afrika!' 31 Bayahlangana behlakazwa; 32 Bayehlukana behlangene; 33 Bayakhuluzana bemunye; 34 Bayahlaselana bemunye; 35 Bamemeza ongabonwayo 36 Ongabenza babe yimbumba. 37 Zoba yisis' izinyembezi, 38 Zohwamukela emafini, 39 Zoshoqongana zibe yifu, 40 Ifu liyophenduk' umvimbi, 41 Kumile ithemba elisha, 42 Izwakele imithandazo: 43 'Nkosi sikelel' i-Afrika!' Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/Lwezi 2022 NSC 4.1 Gagula indikimba etholakala kule nkondlo. (1) 4.2 Xoxa kafushane ngomqondo oqukethwe yile nkondlo. (3) 4.3 Ucabanga ukuthi kungani imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo emgqeni wama-31 kuya kowama-35? (2) 4.4 Ngabe ukukhethwa kwamagama atholakala emgqeni wama-27 kukwelekelele kanjani ukuba uqonde umqondo waleli binza? (2) 4.5 Phawula ngokusetshenziswa kwempindwa kule nkondlo. (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/Lwezi 2022 NSC NENKONDLO ENGAMISELWE (Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo) UMBUZO 5: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. ALELE AMAQHAWE – HEA Made 1 Nithi babeyizichwensi yini 2 Abamagam' asemlandweni? 3 Abadela impilo yabo yabo 4 Ngenkolo namazwe akubo? 5 Alele lapha amaqhawe; 6 Kwangomuso kobe kungawe! 7 Ubulukhuni ngobemihla; 8 Akuqali ngawe namuhla. 9 Ngalezo ntombi nezinsizwa 10 Ezazikhonza azakhonzwa 11 YisiNtu esingabongiyo, 12 Nalo mhlaba ongesuthiyo, 13 Ake ucabange ngokunye; 14 Ngokubuza ngomhlomunye. [Imibengo, AT Kheswa no-ETZ Mthiyane] 5.1 Shono ukuthi le nkondlo iwuhlobo luni. Sekela impendulo yakho. (2) 5.2 Xoxa kafushane ngomqondo oqukethwe umugqa wesi-1 kuya kowesi-4. (2) 5.3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa izimpawu zokuloba kule nkondlo? (2) 5.4 Chaza ngokusetshenziswa kwemvumelwano emgqeni we-11 kuya kowe-12. (2) 5.5 Hlaziya ukusetshenziswa kwesifenqo esitholakala emgqeni we-12. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/Lwezi 2022 NSC ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Khetha uhlobo OLULODWA lombhalo phakathi KWENOVELI NOBUCIKO BOMLOMO, uphendule ngokulandela imiyalelo engezansi. INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6: UMBUZO OMUDE BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni isizinda senoveli ethi: Bengithi Lizokuna. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 7: UMBUZO OMFUSHANE BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA A Wavele wajama phambi kwakhe uNdumiso wavimba indlela. Akagcinanga ngokujama endleleni kodwa wabuye wadedela nemvula yezibhakela ezamthola engazelele uXolani, wadiyazela. Akakwazanga nokuvika ngoba wayephethe kabi. Kwaba sengathi kuyamjabulisa lokhu uNdumiso, wazithela zalandelana ngamawala izibhakela. 'Uyifunani intombi yami?' esho emdikadika ngequpha. Kwawa izimpahla manje 5 kuXolani, iwayini laphihlizeleka esandleni ngenkathi ethi uyavika, lambhunyela umzimba wonke, nokwenza efake isikibha esimhlophe. Ne-pizza kayizithambisanga yavele yavuleka, yathi bukululu emzimbeni ishisa injalo. 'Uyifunani intombi yami?' wayelokhu ebuzile uNdumiso eqhubeka nokumnxanxatha ngesibhakela uXolani owayesopha manje. Wake wazama bandla ukulwa ngenkathi 10 sezikhululekile izandla zingasaphethe lutho. Kwasho nokho ukuthi isiminingi iminyaka agcina ukulwa, yasina yazibethela ewuNdumiso, yaqinisa kuleli so elase lopha. Kwaze kwaba sengathi uyamxolela ngenkathi sekukhona abamemezayo ngaphesheya. 'Myeke bandla, kawuboni yini ukuthi akakwazi ukulwa?' Nebala kwaba sengathi 15 liyamdambisa lelo ekuthukutheleni uNdumiso. 'Uyosindela bona laba abathe kangikuxolele,' esho emvalelisa ngodalimede wesibhakela owamgqimuza kwaqhasha izinkanyezi uXolani, wayothi dakla ngezinqe phansi. 'Ngelinye ilanga ngiyovele ngikuhlabe ngenhlamvu,' esho eshingila emshiya kanjalo 20 uXolani efinya igazi elase liza ngamawala. Wazama ukuvuka, wadiyazela, wazama futhi, kwazameka, watabuzela ezama ukuqhubeka nokuhamba. 'Ha, kanti kawudelanga, usaqhubeka nokuya kule ntombi yami engikukhuza kuyo?' kusho uNdumiso ebuya esefinqile, ekhomba ngomunwe. 'Bamba oze ngayo. Kengiphinde nje ngikubone lapha!' egcizelela ngokuqhulula 25 inhlamba. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/Lwezi 2022 NSC Akadinganga kuphindelwa uXolani ngokuthi akabambe aze ngayo. Wagxawuzela ngamawala eseqonde emotweni yakhe. Wayidumisa ngewala, yasuka kwakhala amathaya. Nasendleleni yayilokhu igijime njalo, ewajomba ewajombile amarobhothi amanye ayengasawaboni nakahle ngenxa yeso elase livuvukale layintaba 30 ngomzuzwana nje. Kayisaphathwa-ke eyegazi, kwase kubomvu imoto. Wafika kwakhe engasafisi lutho. Akabange esayipaka nemoto, akabange esayikhiya nokuyikhiya. Empeleni wehla ingakami nakahle nje, wahlaba ngejubane eseqonde endlini. Wathwala izandla ekhanda umkakhe. 'Yini Xolani, kwenzenjani?' Ebuza ehlahle amehlo. 35 'Ngi …' yankwankwaza indoda. Phela endleleni akukho su ayelicabangile lamanga ayezowaqamba kumkakhe. 'Yini, kwenzenjani?' emphinqela amehlo. 'Hhayi, yindaba ende,' esho ngomunyu esula igazi ngesikibha esase simfoma mfo ngenxa yegazi sekubonakale kancane nje ukuthi besinombala omhlophe. 40 'Hhayi, kuyozwakala,' kubalisa umkakhe, eqonda e-bathroom eyobheka izinto zokusiza umyeni wakhe owayeseyisimungulu nje elokhu ehefuzelela phezulu engundaza ephimisa igazi elalingamnike thuba ligobhoza njengale mvula yezibhakela ayebhaxabulwe ngazo nguNdumiso. [Isahluko sesi-5: Ikhasi 82–84] 7.1 Yimuphi umoya otholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa onguNdumiso. (2) 7.2 Nikeza umyalezo otholakala kulesi siqeshana. Bhekisa impendulo yakho kumlingiswa onguXolani. (2) 7.3 Chaza kafushane ukuthi uLungile uvezwe njengomlingiswa onjani kulesi siqeshana. (3) 7.4 Nikeza okufanayo phakathi kothando lukaNomalanga kuNgidi kanye nothando lukaNontobeko kuMhlengi. (3) 7.5 Iyini inhloso yombhali yokukhetha isizinda sasemakhaya okuwumuzi kaNgidi eGcilima? Sekela impendulo yakho. (2) 7.6 Chaza isizathu sokuthi uNomthi ashaye uZakithi ngenkathi efika endlini kaSbu. (2) 7.7 Isinqumo sikaMhlengi sokuguqula ubulili saba namuphi umphumela, kuNgidi nakuNontobeko kanye nasempilweni yakhe uqobo? Sekela impendulo yakho ngephuzu ELILODWA kumlingiswa ngamunye. (3) 7.8 Ngabe ukusetshenziswa komlingiswa onguNkululeko kuyithuthukise kanjani indikimba yethemba kule noveli? Sekela impendulo yakho. (3) 7.9 Uyavumelana yini nombono wokuthi ukuba khona komlingiswa onguMahlengi empilweni kaXolani kuguqule isimo senhlalo sakwaMpanza? Sekela (2) impendulo yakho. 7.10 Xoxa ngempumelelo yombhali yokwethula isingeniso kule noveli. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/Lwezi 2022 NSC UMBUZO 8: UMBUZO OMUDE USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni isizinda senoveli ethi: Usumenyezelwe-ke Umcebo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 9: UMBUZO OMFUSHANE USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA B Ephephandabeni lwangoLwesine ekuseni waphuma umbiko uhambisana nezithombe ngoMbhishobhu oNgcwele uChule enweshulwa yizinja. Nakuba waba ngelikhulu igidigidi lehlaya kwabaningi, kepha abanye bebandla ayewumshumayeli kulo bawotha ubomvu. Indaba yasha kakhulu ngeSonto ekuseni, khona emagcekeni esonto eMlazi. Ingakakhali insimbi bahlanganisa amakhanda abashumayeli bevutha bhe. Yebo 5 babevutha abanye, kodwa hhayi njengoMasondo noLuthuli, uXaba noNdaba noMdunge. Babesigxeka isenzo sikaChule, beshoshozela ukuba ajeziswe ngokunqunywa ekushumayeleni. 'Lo muntu uyingozi enkulu lapha ebandleni. Leli phekulazikhuni lihlezi nje lihlose ukuqembula ibandla ukuze liyovula elalo. Uma siphetha inkonzo namuhla akuxoshwe 10 izingane, lithethwe yibandla lonke icala lakhe, achaze ngala manga aluhlaza okuthi uwumbhishobhi.' 'Yizwi lelo,' bevumelana. 'Akuphakanyiswe kumfundisi ophethe ukuthi akehliswe esikhundleni, emukwe naleli jazi awakana ngalo,' kuvevezela amadevu kuMadlanduna. 15 Insimbi yesonto yanqenqetha, wayibamba intshumayelo uMadlanduna owayekhuluma kunyakama ubuso, ebila, elokhu ethi ngenhliziyo Chule uyangena, uyangena, do. Ekuphethweni kwenkonzo izingane zaxoshwa, udaba lwadingidwa. Bavumelana ngokuba ngeSonto elilandelayo kucelwe umfundisi ukuba abekhona, noChule azoziphendulela. 20 Laqala-ke isonto nezakhe uChule owayeqedelwa nayisithombe sephephandaba ejanduza phansi eshikashikwa yizinja. Isamudla indaba, ezivalele ehhovisi esitolo, wavakashelwa womunye wabazalwane owayethi akacele kuye ngeminyaka, uMnu. Sayimoni Gubhela. UGubhela wayekhona ngesikhathi ibandla libhoka likhahlela ngendaba yaseThusini, nokho yena ewuhlabe inhlali. Wamkhinikela ukusuka nokuhlala 25 ngogobe ayeboshelwe lona, nokuthi obhongoza wobani nobani. Wadalula nokuthi njengoba uhlelo lwalukhomba ukuthi uyena uChule owayezoshumayela ngesonto elalilandela, umbimbi lwalubophe ukungahlabeleli lungenakuguqa nalapho esethi makuthandazwe. UGubhela owabongwa ngebhodlela lebhrendi wamshiya uChule ehlezi elusizana ebambelele esihlathini. Side isikhathi asihlala kanje edla amathambo 30 ekhanda. Ekugcineni walinikina, wasukuma ehleka yedwa. Kusukela ngaleso sikhathi imoto emnyama ayibange isaphunyuzwa. Yashaya phansi phezulu. UChule esehamba noSithole bezivivinyela ukuchitha imicibisholo yoMasondo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/Lwezi 2022 NSC Ngamunye ngamunye ubhongoza uChule wamthinta kusihlwa ngocingo. Waqala ngoMasondo, wazishaya izinombolo kwakhala kwakhe. 'Nqol' emasondosondo!' 35 Babingelelana kuzwakala ukuthi uMasondo akazimisele ukukhuluma naye. 'Uxolo kancane nje Masondo, ngithi ake sithi ukuhleba mzalwane ngokuhlwa nje.' 'Hhayi Chule,' Enikina ikhanda ngale, 'Awahlebi amakholwa. Ukhulumelani nami ngingedwa ibandla likhona?' 'Kanti kuyaye kube kuhle mzalwane uma amadoda engundaza ezawo zangasese 40 ngasese kungaze kuzwe omame. Ake sihlebe-ke Sondo elihle. Mhlawumbe lokhu engizokusho kuyihlazwana okungebe kuhle uma elizwa umama,' ekhulumela phansi. 'Mina ngithanda izinto sizenze ngesizotha, sihlonipheke, sizihloniphe nathi. Akufanele sihlambalazane esidlangalaleni.' [Isahluko se-10: Ikhasi 96–97] 9.1 Yimuphi umoya otholakala ekuqaleni kwalesi siqesishana? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa onguMasondo. (2) 9.2 Nikeza umyalezo otholakala kulesi siqeshana ubhekise kumlingiswa onguChule. Sekela impendulo yakho. (2) 9.3 Chaza kafushane ukuthi uSimoni Gubhela uvezwe njengomlingiswa onjani kulesi siqeshana. (3) 9.4 Nikeza okungumehluko phakathi komlingiswa onguMeyili nomlingiswa onguMaHadebe mayelana nokufuna kwabo umcebo kaNomvula. (3) 9.5 Iyini inhloso yombhali yokukhetha isizinda sasedolobheni eThusini? Sekela impendulo yakho. (2) 9.6 Chaza isizathu sokuthi umlingiswa onguGenyeza ashaye abantu bomshwalense, nabamafenisha ngenkathi befika emzini kaDicey. (2) 9.7 Isinqumo sikaChule sokuhlela ukubulala uNomvula saba namphumela muni, kuDaffo nakuNomvula kanye nasempilweni yakhe uqobo? Sekela impendulo yakho ngephuzu ELILODWA umlingiswa ngamunye. (3) 9.8 Ngabe ukusetshenziswa komlingiswa onguMahuzu kuyithuthukise kanjani indikimba yomcebo kule noveli? Sekela impendulo yakho. (3) 9.9 Uyavumelana yini nombono wokuthi umculo womlingiswa onguGenyeza wasiguqula isimo senhlalo sakwaChule? Sekela impendulo yakho. (2) 9.10 Xoxa ngempumelelo yombhali yokwethula isingeniso kule noveli. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/Lwezi 2022 NSC UMBUZO 10: UMBUZO OMUDE KUNJALO-KE – ME Wanda Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni isizinda senoveli ethi: Kunjalo-ke. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 11: UMBUZO OMFUSHANE KUNJALO-KE – ME Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA C 'Ngiyathemba ukuthi niwabonile amakhosikazi amathathu abelapha ehhovisi lami ekuseni ehamba nentombazane.' Bavume othisha. 'Lawo makhosikazi abeqhuba umfundi walapha osesiyekile isikole ngenxa yokuganga komunye wozakwenu. Umfundi lowo uthi kanti wakhuleliswa uthisha uMoloi. Ngenxa yokungatholakali kwakhe uthisha ukuba aziphendulele, omame laba sebeze 5 baphoqeka ukuyobika kwabomthetho. Ngakube ukhona phakathi kwenu obe nolwazi lokuthandana kukathisha uMoloi nomfundi?' UMemu Mpungose waphakamisa isandla. UThishanhloko wamgunyaza ukuba akhulume. 'Thishomkhulu, besinalo ulwazi lokuthandana kukathisha uMoloi noDumazile. Ngiyethemba ukuthi uthishomkhulu uzokhumbula ngenkathi sifika lapha ehhovisi 10 sinoMisi Hlophe sihamba naye uDumazile.' Avume uthishanhloko. 'Thishomkhulu, asithandanga thina ukugeqa amagula singemuki. Esabona kubalulekile nje kwakuwukuzinquma amakhanda sizishiye. Ukungena shi ezindabeni zabantu thishomkhulu kuyahlupha. Ugcina nawe sekuthiwa fakaza ngokukhulelisana kwabo kade ungekho ngenkathi begila leyo mikhuba. Lokho-ke kuyinto ebucayi kabi futhi 15 nengathandeki ukufakaza ngayo. Kwakungelula-ke ukuba kube yithina esasizosho ukuthi nguMoloi owakhulelisa uDumazile. Ngiyabonga.' Wathula kancane uthishomkhulu. Wathatha wathi: 'Nokho ngiyabonga bothisha ngokuqaphela kwenu nakwazi ukubona izambane elibolile esakeni. Ngiyathemba ukuthi nami ngathatha isinqumo esifanele sokuba 20 ngilikhiphe izambane elibolile esakeni lingaze libolise amanye. Lesi kwakungesona nje isinqumo sami sakoMzobe, kodwa kwakuyisinqumo esathathwa ngabazali behlangene emhlanganweni ngonyaka odlulile. Amaminithi alowo mhlangano nginawo akhona. Isinqumo sabazali ngisihlonipha kakhulu. Lesi sinqumo bafinyelela kusona kunzima kakhulu, isikole sisehlazweni elinyanyisayo. Ngiyathemba nisakhumbula bothisha 25 ukuthi kwakwenzekeni.' Bavume othisha. UThishanhloko waqhuba wathi: 'Ngithanda ukuninika izwi eliyisexwayiso bothisha. Uma abazali belethe izingane zabo lapha esikoleni, basuke bezilethele ukuba zizoqeqeshwa ngokwemfundo, hhayi imikhuba. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/Lwezi 2022 NSC Thina singabazali lapha esikoleni. Akukhathaleki noma ubukeka uyingane 30 kangakanani ngenxa yokushesha kwakho ukungena esikoleni, iqiniso wukuthi umi endaweni yomzali. Yiba ngumzali-ke thisha. Umzali wangempela uyayinakekela futhi ayithande ingane yakhe. Uyithanda ngothando lobuzali. Uyayikhulisa, ayikhombise indlela enhle ebheke ebudaleni.' Athi ukuthula kancane uthishanhloko esafuna ukubona ukuthi le nto ayishoyo 35 iyayithola yini indawo. Kubonakale abanye othisha besilisa begwajaza sakukhophoza. Aqhubeke futhi uthishanhloko: 'Umphakathi ulindele ukuba senze umsebenzi wokufundisa abantwana babo ukuze babe ngabaholi abaqotho bakusasa. Thina kufanele siziphathe kahle, sibe yisibonelo esihle kubantwana. Uthisha uMoloi akakwazanga ukusimela kahle njengothisha 40 esikoleni. Mina, njengothishanhloko wakulesi sikole ngiyaphoqeka ukuba lolu daba ngilubikele amalunga omkhandlu owengamele isikole. Sekuyiwona-ke ayokhipha umhlahlandlela. Ngiyabonga, seningakhululeka.' Basukume othisha baphumele phandle. [Isahluko sesi-3: Ikhasi 48–50] 11.1 Yimuphi umoya otholakala ekuqaleni kwalesi siqesishana? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa onguThishanhloko. (2) 11.2 Nikeza umyalezo otholakala kulesi siqeshana. Sekela impendulo ngokubhekisa kumlingiswa onguMoloi okukhulunywa ngaye kulesi siqeshana. (2) 11.3 Chaza kafushane ukuthi umlingiswa onguMemu Mpungose uvezwe njengomlingiswa onjani kulesi siqeshana. (3) 11.4 Nikeza okufanayo phakathi kothando lukaSithole noDumazile kanye nothando lukaMtalaselwa noDumazile. (3) 11.5 Iyini inhloso yombhali yokukhetha isizinda sasemakhaya eMzimkhulu emzini kaKheswa? Sekela impendulo yakho. (2) 11.6 Chaza isizathu sokuthi uSithole ashaye uMoloi ngenkathi evakashele emzini kaDumazile. (2) 11.7 Isinqumo sikaDumazile sokududana noMthovovo ngobugebengu ababenza saba namuphi umphumela kuMthovovo nasempilweni kaSithole kanye nasempilweni yakhe uDumazile uqobo? Sekela impendulo yakho ngephuzu ELILODWA ngomlingiswa ngamunye. (3) 11.8 Ngabe ukusetshenziswa komlingiswa onguSithole kuyithuthukise kanjani indikimba yesimilo kule noveli? Sekela impendulo yakho. (3) 11.9 Uyavumelana yini nombono wokuthi umlingiswa onguLizy usiguqulile isimo senhlalo sakwaSithole? Sekela impendulo yakho. (2) 11.10 Xoxa ngempumelelo yombhali yokwethula isingeniso kule noveli. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/Lwezi 2022 NSC UMBUZO 12: UMBUZO OMUDE IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni isizinda senoveli ethi: Impi Yabomdabu Isethunjini. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 13: UMBUZO OMFUSHANE IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA D 'Kwakubi ukuthi wena awumazi uFarook Vijay Moonsamy ngoba yena ukwazi kahle. Nguye owakuthengisela lama-LA Gear othi wena wawaphiwa ngumngani wakho.' 'Unamanga. Akazange angithengisele ama-LA Gear mina u-Farook. Lingangidakelwa mina leli Ndiya. Mina ngizoxabana nalo uma lihamba lisukela abantu,' kusho u-Euthenesia ngezwi elinokubhonga liphelezelwa ngukufutheka nokujuluka. Ukufaka 5 isandla sakhe sobunxele ngaphansi kwehembe ezibeleni kwamenza wabukeka santandane edinga ukuvikelwa. Wanyomula ilisidi uNgubane walinika unina wathi, 'Nanti ilisidi athenga ngalo ama-LA Gear u-Euthenesia. Yisandla sakhe lesi esasayina laphaya phansi. Lokhu ngubufakazi obugcwele bokuthi u-Euthy udlala ngathi wazithenga leziya zicathulo. 10 Akaziphiwanga.' Ekubona lokhu uMaMthimkhulu wasukuma wasondela ku-Euthenasia esethukuthele wathi, 'Yini ungenze isilima Euthy? Kanti lezi zimpahla ohlale uthi waziphiwa wazithenga? Yini lena ongenza yona Euthy?' 'Khona ngaziphiwa lezi zimpahla. USusan wangipha imali ngase ngithenga lezi 15 zimpahla ngaleyo mali. Nguye owathi ungipha le mali ukuba ngithenge lezi zimpahla.' 'Kulungile mangimfonele ngizwe ukuthi wakunika malini, wakunikelani loSusan le mali engaka,' kusho uMaMthimkhulu ethatha ibhuku lakhe lezinombolo zocingo. Wathi lapho eluphakamisa ucingo wamkhuza uNgubane wathi, 'Ngizocela ukuba ungamshayeli uSusan. Usengaphuma u-Euthenasia. Ngizokutshela ukuthi le mali 20 ivelaphi. Nezimpahla lezi ebengikhuluma ngazo azithengile u-Euthy nginamaphepha azo. Ngibona sengathi singaxoxa kangcono sisodwa ingekho le ngane lapha.' 'Awu yaze yasihlaza ingane. Kanti izingane zinjani? Mina angisazi ukuba ngingasazi uma kunje Ngubane. Kanti umuntu angaze enzeni ezinganeni ukuba zaneliswe? Kulungile makahambe ayofunda khona uzongitshela ukuthi kanti kwenzekani emzini 25 wami. Ngathi ngibhula lokhu kwaqhamuka lokhu. Hamba. Hamba uyofunda, sokubiza futhi ukuba uzochaza uma kukhona okuvelayo.' Esephumile u-Euthenasia, babhekana oNgubane kwasekuqala uMaMthimkhulu wathi, 'Kanti kwenzekani Ngubane. Kwangathi sengiyadideka nje?' 'Kubi mkami, kubi. U-Euthenasia useyiqedile imali kaMaXakushe. Nawa amaphepha 30 akhombisa izingubo ezidlulile ku-R3 000,00 aphezu kokuzithenga. Nami angazi ukuthi malini ayitshontshile, kodwa kuyacaca ukuthi sekuphele iminyaka emine u-Euthy edamane ekhwabanisa imali kaMaXakushe. Uma nami ngibheka emuva, ngingathi u-Euthy waqala kudala cishe eminyakeni emine edlule ukuba ngumuntu osephiwa izingubo ngamantombazane athile. 35 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/Lwezi 2022 NSC 'Sekuyacaca ukuthi la mantombazane akhuluma ngawo nguMaXakushe.' 'Angiyikholwa le nto. Angathini u-Euthy ukuthi azi ukuthi ugogo uMaxakushe uthwele kanzima bese emephuca lokho okuncane anakho? Angiboni nje ukuthi uyithola kanjani le mali kaMaxakushe u-Euthy.' [Isahluko sesi-8: Ikhasi 124–125] 13.1 Yimuphi umoya otholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa ongu-Euthenasia. (2) 13.2 Nikeza umyalezo otholakala kulesi siqeshana. Sekela impendulo ngokubhekisa kumlingiswa ongu-Euthenasia. (2) 13.3 Chaza kafushane ukuthi umlingiswa onguNgubane uvezwe njengomlingiswa onjani kulesi siqeshana. (3) 13.4 Nikeza okungumehluko phakathi kukaBafana noCele mayelana nobudlelwano babo nomndeni waseMpaphala. (3) 13.5 Iyini inhloso yombhali yokukhetha isizinda saselokishini emzini kaBafana oseMlazi? Sekela impendulo yakho. (2) 13.6 Chaza isizathu sokuthi uKhanjana ashaye u-Uzithelile ngenkathi ephuma ediphini. (2) 13.7 Isinqumo sikaMaMthimkhulu sokuthengela izingane imoto saba namphumela muni empilweni kaBafana kanye nekaMelody nasempilweni yakhe uqobo? Sekela impendulo yakho ngephuzu ELILODWA ngomlingiswa ngamunye. (3) 13.8 Ngabe ukusetshenziswa komlingiswa onguHlanganisani kuyithuthukise kanjani indikimba yobuntu kule noveli? Sekela impendulo yakho. (3) 13.9 Uyavumelana nombono wokuthi umlingiswa ongu-Uzithelile uyasiguqula isimo senhlalo saseMpaphala? Sekela impendulo yakho. (2) 13.10 Xoxa ngempumelelo yombhali yokwethula isingeniso kule noveli. (3) [25] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/Lwezi 2022 NSC UBUCIKO BOMLOMO: UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba Phendula umbuzo OWODWA. UMBUZO 14: UMBUZO OMUDE Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni isizinda salobu buciko bomlomo obulandelayo: Inganekwane: 'Isibindi SikaGala KaNodade', Izibongo: 'Izibongo ZeSilo UDinizulu.' Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390 sekuhlangene impendulo yenganekwane nezibongo. [25] UMBUZO 15: UMBUZO OMFUSHANE INGANEKWANE: 'INKOSI YEZINYONI' Fundisisa lesi siqeshana senganekwane bese uphendula imibuzo elandelayo ngezansi. ISIQESHANA E 'Singeke sabuswa yiqili thina! Simbonile ungcede ekhosele ekhwapheni lokhozi ngesikhathi kundizwa. Kungangcono singabi nayo inkosi,' yakhononda impangele. Okumangalisayo ukuthi ukhozi aluzwanga ukuthi ungcede ukhosele ekhwapheni lwalo ngesikhathi kundizwa. Lwathukuthela lwagana unwabu ukhozi ngoba luphucwe ubukhosi ngenxa yobuqili bukangcede. 5 Kwasuka isixakaxaka, umona wama ngezinyawo eqoleni. Nalo belisigaqele lesi sikhundla. Iqola lafuna ukubamba ungcede ngezandla limbulale ngokumhloma emeveni kuphele kanjalo. Wabaleka ungcede waze wagulukudela emgodini wemvukuzane waduka phakathi. Wahlula ngisho noma izilwane sezihlangene ziphanda umgodi, lutho ukuba zimthole. Lasuka lapho iqola ukuzonda ungcede. 10 Liyezwakala nanamuhla lisaqhubeka nokumsongela ngokufa lithi, 'Shik! Shik! Shik! Ngcede! Ngcede! Kusasa ekuseni, kusasa ekuseni, ngizokuhloma emeveni!' Namuhla iqola limbulala kabuhlungu ungcede, limbulala ngokumchoma emeveni lize limudle ngisho esebolile. Izinyoni zaqasha isikhova ukuthi sigade umgodi okwakungene kuwona ungcede. 15 Isikhova kwakumele sigade lesi sikhohlakali esingungcede ukuze singaphumi emgodini. Sajamela umgodi isikhova sagcina ngokuzumeka salala. Waphuma ungcede wabaleka iphoyisa lisathathe isihlwathi. Wabonakala ungcede esehamba ngokukhululeka yize kungaziwa ukuthi uphunyuke kanjani ephoyiseni eliyisikhova. [Ikhasi 27–28] 15.1 Yimuphi umoya otholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa oyimpangele. (2) 15.2 Nikeza umyalezo otholakala kulesi siqeshana. Sekela impendulo yakho ngokubhekisa kumlingiswa ongungcede. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/Lwezi 2022 NSC 15.3 Isenzo sikaMdali simveza njengomlingiswa onjani kule nganekwane? Sekela impendulo yakho. (3) 15.4 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa isulubezi kule nganekwane? (2) 15.5 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni yezinyoni ukuba zagcina ziphethwe ungcede? (2) 15.6 Uyavumelana yini nombono wokuthi umlingiswa oyidada udale ilukuluku kubafundi bale nganekwane? Sekela impendulo yakho. (2) 15.7 Uyazwelana nomlingiswa oyisikhova kule nganekwane? Sekela impendulo yakho. (3) KANYE Fundisisa lezi zibongo kanye neminye imibhalo yobuciko bomlomo elandelayo bese uphendula imibuzo engezansi. IZIBONGO: USUKU LWAMAGUGU 1 Ngivumele ngisine ngosiko lwakithi, 2 Ngivumele ngigiye ngokugiya engikwaziyo, 3 Ngivumele ngihlobe ngengizigqaja ngakho, 4 Ngizibonakalise ukuthi mina ngingubani. 5 Noma sengaveteza nje 6 Kodwa akubona ubunjalo bami, 7 Ngubani owakutshela okungesikho ngami? 8 Engehlisa izinga ngamamodeli? 9 Ngibe ngizazi kahle 10 Ngingadinge kubalelwa amamodeli. 11 Mhlanganisi owehlukanise abantu 12 Baveza ubunjalo babo. 13 UmZulu waba ngumZulu ngemvunulo, 14 INdiya kwaba yiNdiya ngemisubelo, 15 IBhunu kwaba yiBhunu ngokhakhi balo, 16 UmXhosa waba ngumXhosa ngobuhlalu, 17 Isizwe saba sinye ngokwehlukana. 18 Nkosi vikela i-Afrika eseNingizimu. 19 Mkhululi okhulule asebekhululekile, 20 Mhlanganisi ohlanganise izinhlanga, 21 Mandulo ngokwandulela izinyanga, 22 Lukufanel' olwamagugu ayizolo nakuthangi, 23 Lukufanel' olokuhlonza amagugu, 24 Sihlangane ngamagugu ahlukene, 25 Sibe munye ebuningini bethu. [Ikhasi 138–139] 15.8 Tomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 kulezi zibongo bese usho nohlobo lwakho. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/Lwezi 2022 NSC 15.9 Fingqa ngamaphuzu AMABILI umqondo oqukethwe ibinza lesithathu kulezi zibongo. (2) 15.10 Qhathanisa indikimba etholakala ekuqaleni kwenganekwane engenhla ethi, 'Inkosi Yezinyoni' kanye nebinza lesibili ezibongweni Usuku Lwamagugu. (3) IHUBO: UDLILE WETHU Induna: Udlile Wethu? Ibutho: Ngidlile Wethu! Induna: Udlile wethu? Ibutho: Hhiya Zulu ngidlile wethu, Induna: Udlile na? Ibutho: Hhiya Zulu ngidlile wethu. [Ikhasi 156] 15.11 Chaza kafushane isigameko esasingaholela ekutheni ungcede ahube ihubo (2) elingenhla. [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/Lwezi 2022 NSC ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 16: UMBUZO OMUDE KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Ake uncome ikhono lombhali ekusebenziseni udweshu ukuthuthukisa indaba yakhe emdlalweni othi: Kudela Owaziyo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 17: UMBUZO OMFUSHANE KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA F CHIVENGA: (Wethukile, useqwebule amehlo) Hawu! Yehheni webantu! Yini kodwa lena engiyizwayo madoda? HLENGIWE: Kuthiwa-ke lo mkhonyovu uvele emveni kwezikhalo eziqhamuke kwizakhamizi zakuleli ikakhulukazi okungabantu besifazane lapho kuye kubuye amapasi abo esekhomba ukuthi bashadile kuleso 5 sibongo esisuke sesivela kulelo nalelo pasi labo, nokuye kuthi uma sebebuzwa ngalokho kumbe bebika ngakho balandule kulanduleke ukuthi bashadile kumbe-ke ukuthi bukhona ubudlelwane nolwazi abanalo yini ngomaqondana babo balezo zibongo ezintsha ezisuke sezivela emapasini abo. Ezibikwa ngabemisakazo 10 nabamathelevishini zithi lolu phenyo lusezandleni zabaseshi bophiko lofezela. CHIVENGA: (Wethukile, useqwebule amehlo) Wo hhe! Angena amanzi endlini. Safa olwembiza-ke thina makwerekwere ansondo. HLENGIWE: (Umangele) Hhayi bo! Washabasheka kangaka nje wena dali wami, 15 ngabe udliwa isazelo yini nawe maqondana nalo mkhonyovu obikwayo? CHIVENGA: (Uyangingiza) Cha-cha –aku-njalo mayi-thu-lulu! HLENGIWE: (Umangele) Pho-ke yini sengathi uyakuzwela nje ukuhangulwa yilangabi lomlilo osha kude nawe? 20 CHIVENGA: (Uhleka engahleki) Wo hhiya, ukuthi ngimzwela ubuhlungu mina lowo mfokazi onukeka kulowo mkhonyovu, yize ngingamazi. Okwenza ngimdabukele wukuthi phela ngeke aze adabule ngempela emacaleni enkohlakalo nawokugwazisa afana nalana ikakhulukazi njengoba kungofezela nje laba abajutshwe ukuyotinyela. 25 HLENGIWE: (Uhleka kancane) Uyazi ukuthini? Nami futhi ngisazoke ngilulandelisise kabanzi lolu daba lwepasi lami eliqhamuke seliveza ukuthi mina nawe Chivenga sishadile. Ngibona sengathi mkhulu ugcobho okhona lapha kulo … (aphazamiseke). Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/Lwezi 2022 NSC CHIVENGA: (Wexwayile) Hhayi bo! Ungayenzi leyo nto wena mayifohloza bo! 30 Kanti wawungiqomelani pho uma kuya ngoba ungasithandi isibongo sakithi sivele epasini lakho? HLENGIWE: Wukuthi ngiyathanda nje mina ukuhlala eqinisweni. Uma kuya ngoba likhona iqiniso olibalekelayo kumbe ongigodlele lona ngoba ulazi maqondana naleli pasi, kushile kuwena sithandwa sami. 35 Uyasha ngempela lo mkhukhu ongikhoselise kuwo. CHIVENGA: (Ngezwi elisheshayo elinokwethuka) Hhayi-ke bengicela usale sewunginika ithuba lokuba ngiphume lapha esibhedlela maqedane ngithume abakhongi baqhube izinkomo zelobolo baziphuthumise kini mntakwethu. Lingakashoni nje nalelo langa sibe sesiyohlanganisa 40 ifindo lomshado wethu ematshini eseduze. Sekuyothi-ke uma ngabe usafisa ukuyophenyisisa ngalelo pasi lakho sibe sesedlule thina kuleyo micikilisho esengiyibalile. HLENGIWE: (Uhleka kakhulu) Kukhona okunuka santungwana lapha ekhaya. Yini ukukhuluma kwakho kanye nokubalekelana kwamehlo ethu 45 kungakhele omunye umfanekiso wokukubuka njengomuntu ongathembekile nje wena sithandwa? CHIVENGA: (Wexwayile) Uma kuya ngoba usazishaya isifuba wena Mahlengi swidi lami lomkhuhlane kwelokuthi usangithanda ngenhliziyo yakho yonke, ngicela ukhohlwe nje yilowo msangano wakho, ungabe 50 usayingena eyokulandelisisa eyesibongo sami lesi esivela epasini lakho. [Inkundla Yesi-5, Isigcawu sesi-2, Ikhasi 98–101] 17.1 Nikeza ithoni etholakala enkulumeni yomlingiswa onguChivenga ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 17.2 Shono umsebenzi womlandi otholakala kulesi siqeshana. Sekela ngokubhekisa kumlingiswa onguHlengiwe. (2) 17.3 Nikeza okungumehluko phakathi komlingiswa onguManqina nomlingiswa onguMbhebhezeli mayelana nobudlelwano abanabo noMdaluli. (3) 17.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU udweshu lwangaphandle oluphakathi komlingiswa onguMaMlanduli noMdaluli. (3) 17.5 Iyini inhloso yokusetshenziswa kwabalingiswa oKhonzephi, uNenelezi noLondiwe kulo mdlalo? (2) 17.6 Chaza isigameko esifihlelwe umlingiswa onguLondiwe ngenkathi uMdaluli exolisa esesitokisini. (2) 17.7 Chaza ukuthi lesi siqeshana siyigqamise kanjani indikimba yalo mdlalo. (3) 17.8 Ngabe amazwi abhalwe ngokugqamile akhulunywa nguHlengiwe amveze njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (3) 17.9 Ngokucabanga kwakho yisiphi isisombululo esingagwema umkhonyovu wokushadiswa kwabantu bengazi? Sekela impendulo yakho. (2) 17.10 Xoxa ngokuphumelela kombhali ekudluliseni umyalezo kulo mdlalo. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/Lwezi 2022 NSC UMBUZO 18: UMBUZO OMUDE AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Ake uncome ikhono lombhali ekusebenziseni udweshu ukuthuthukisa indaba yakhe emdlalweni othi: Awuwelwa Umngeni. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 19: UMBUZO OMFUSHANE AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA G SIKHOVA: Wayibikela iNkosi konke lokho? SALIMANI: (Wamkhuza, wamthulisa ngokumhebeza ngesandla uSikhova) Qhuba Mphiliphili ngilalele. MPHILIPHILI: Kuhle ngivume futhi Nkosi yami ukuthi sihlangana naye eMgungundlovu nje uMgqabula wayesanda kuthumela indlezane 5 enethole elixhofuzayo wathi uyangisisela ukuba ngikleze. NOMEHLO: Yehheni! SALIMANI: Qhuba ngilalele Mphiliphili. MPHILIPHILI: Nami-ke Nkosi yonke le nto yamane yangesinda ukuthi konje laba bantu abangondlela izingane zami ngizobalahla ngithini. 10 MCONDO: Yekanini imihlola! MPHILIPHILI: Ngiyema lapho, Ngwazi! (Ephakamisa izandla zombili ekhuleka) SALIMANI: Ungake uchaze yini ukuthi ngokwazi kwakho bahloseni ngalokhu oSomtsewu noMgqabula abathi balekelele kukhona? MPHILIPHILI: (Ashaye isikhwehlela) Phinde Nkosi, angazisisi kahle. Engikusolayo 15 nje okuncane ukuthi uHulumeni uhlose ukuqeda amandla eNkosi yami lena engivuma kuyona amacala ami, bese ekhweza abelungu phezu kwayo. MCANJANA: Niyangizwisa nje! BONKE: Hhawu! 20 MBONGOLO: Yeka imikhuba yabelungu ukudlala! SALIMANI: Bathi bafuna ukubakhwezelani abelungu phezu kwami? MPHILIPHILI: Nanxa ngingazisisi kahle kodwa kuthiwa uMgqabula kubona uyasebenziseka futhi ikhanda lakhe libukhuni. Ngakho-ke uzoyithambisa iNkosi yami. Bathi futhi ukungakhohlwa kweNkosi 25 yami yisemuva layo, ngisho-ke ubukhosi bayo beNkosi uDinuzulu kuyamcasula uHulumeni. GUNDANE: Ukuba izwe lethu leli aselaphathwa yimithetho yabelungu wena Mphiliphili ubufanele ukujojwa, noma okukanye ugqinyuzwe ngewisa udliwe yizinyoni zezulu. Uthule namanyala ozungu olungaka? 30 SALIMANI: Kahle mfowethu. (Ukhuza uGundane) Ngokuthukusa kwakho yonke le nto efuna ukusobozela umbuso wami nezwe likaBaba uyabona yini manje ukuthi usesiphosisweni esikhulu? MPHILIPHILI: Ngibona kahle wena kaMashwilansimbi. Yingakho nje ngithi angizidele amathambo ngikhiphe yonke ingonyuluka. 35 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 29 DBE/Lwezi 2022 NSC ABAFOWABO: (Bayaphangelana bafuna ukuzitika ngemilomo kuye uMphiliphili) SALIMANI: (Uyabakhuza) Uma usuyikhiphile? (Ebhekisa kuMphiliphili) Uma usuyikhiphile ingonyuluka? MPHILIPHILI: Ngizithayizele eNkosini yami ngemukele noma hlobo lumi lwesigwebo engakhetha ukuba inginike sona. 40 SIKHOVA: Uyazi ukuthi wena Mphiliphili uyinhloli? Uhlolela abezizwe. SALIMANI: Kahleni! NODWENGU: Uyazi ukuthi lingakafi izwe inhloli yayihlawula ngani kwaZulu? SALIMANI: (Akhuze futhi) Angithi usazimisele ukuqhubeka nomsebenzi wakho wobunhloli? 45 MPHILIPHILI: Phinde Ngwazi. Noma izingane zami sezingalamba kuze kukhale opopopo akuselutho. BONKE: (Bahlekele phansi) SALIMANI: Ngalesi senzo sakho ngikuhlawulisa izinkabi ezintathu. NOMEHLO: Hhayi ezinhlanu Nowelamuva wawo Somtsewu? 50 SALIMANI: Lezo nkomo-ke ngifuna zilale lapha kusasa lokhu okusayo. Ngifuna zingene emhlambini oyohlatshelwa imbizo kusasa. Kuke kwezakala nje umoyana wokuxhumana kwakho nalaba abakhokhobela izwe likaBaba nango wena nampo abantu bami ofuna ukubadayisa. (Emgqolozela engasathi cwayi.) 55 MPHILIPHILI: (Wayiphendula eyiphendulile imilenze ehlala phezu kwalona abuya ahlale phezu kwalona. Wayesezishobingele waze wamanzi te.) Ngwazi! Elokufa alitsheli. ABAFOWABO: (Basukume bakhuleke bahambe) [Inkundla Yesi-2, Isigcawu-Sesi-3, Ikhasi 51–54] 19.1 Nikeza ithoni etholakala enkulumeni yomlingiswa onguNomehlo ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 19.2 Shono umsebenzi womlandi otholakale kulesi siqeshana. Sekela ngokubhekisa kumlingiswa onguSalimani. (2) 19.3 Nikeza okungumehluko phakathi komlingiswa onguZithulele noMandiza mayelana nokuqulwa kwecala leNkosi uSalimani. (3) 19.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU udweshu lwangaphandle oluphakathi kwabantu basemapulazini nabantu bakaSalimani. (3) 19.5 Iyini inhloso yokusetshenziswa kwabalingiswa okungabafowabo bakaSalimani uMbongolo, uMcondo, uGundane, uMcanjana kulo mdlalo? (2) 19.6 Chaza isigameko esifihlelwe umlingiswa onguHulumeni nguSalimani esenzeka ngosuku lokuvota. (2) 19.7 Chaza ukuthi lesi siqeshana siyigqamise kanjani indikimba yalo mdlalo. (3) 19.8 Ngabe amazwi abhalwe ngokugqamile akhulunywa nguNomehlo amveze njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (3) 19.9 Ngokucabanga kwakho yisiphi isisombululo ayengasisebenzisa umlingiswa onguZithulele ngaphandle kokutshela uSalimani ukuthi abantu mabawele uMngeni? Sekela impendulo yakho. (2) 19.10 Xoxa ngokuphumelela kombhali ekudluliseni umyalezo kulo mdlalo. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 30 DBE/Lwezi 2022 NSC UMBUZO 20: UMBUZO OMUDE UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Ake uncome ikhono lombhali ekusebenziseni udweshu ukuthuthukisa indaba yakhe emdlalweni othi: Ubhuku Lwamanqe. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 21: UMBUZO OMFUSHANE UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA H THAMSANQA: Uma ungafuni ukubona amehlo enyoka, hlukana nomfana nonkosikazi wami kangikuceli ngiyakutshela isishimane sikaqhwayilahle asihambe siyofuna engxenye. NKULULEKO: Uyazikhohlisa silimandini. Uzogcina ukuhamba uhlomeka nje. THAMSANQA: Uyadelela sichwensindini. (Ethukutheliswa ukubizwa ngesilima.) Athi 5 uyamphuthuma kanti uNkululeko usekhiphe isibhamu. Wasibona simgqolozele emehlweni kwabanda ikhala kuThamsanqa. Wahlehla. Sekusukume wonke umuntu endlini. NKULULEKO: Ngizokuhlafuna ikhanjana leli ngenhlamvu. Lo muntu ombiza ngonkosikazi wakho kangazi ukuthi wayeboneni kulo mphuphe 10 onjengawe? Engikushiya nalo ukuthi lo nkosikazi ngowami. Mina ngashada enkantolo nasesontweni nasi isitifiketi esisemthethweni. (Aphuthaze ebhantshini akhiphe isitifiketi nesithombe sakhe benoPhindisiwe mhla beshada esontweni asiphonse kuThamsanqa.) Leli pheshana lakho kalisho lutho. Akunamshado lapha. 15 Benihlaliselene nje. THAMSANQA: (Kuse ngokunye nxa ephinda ebona isithombe lapho beqabulana khona bephahlwe ngumfundisi. Asicoshe asibuke.) Kuyadlalwa phela lapha. NKULULEKO: Usukhulumisa okwendoda-ke manje. Yimina engashada kuqala. 20 Akusadingeke kuqophisana ngamagama impendulo usuyitholile, ngalokhu kuyilungelo lami ukukutshela ukuthi ngoba uyabonakala ukuthi uyisigwadi ngikwambulela yena, esengikufuna kuwena ngumfana wami uZiphozonke. Ngeke ngondlelwa ngenye indoda ngidla anhlamvana. Ngeke. (Athintithe nangezandla) Ngiyayazi-ke 25 inkani kanti nomthetho unenkani futhi. (Ukhuluma kanjalo useyaphuma ngomnyango. Ulandelwa ngabangane bakhe uSikela kanye noMaqoma.) * * * * * MATHONSI: (Khona emzini wakwaMathonsi.) (Ebuka indodana yakhe esilthuqasana nje.) 30 Uzibonele-ke mfana wami lokho ebesikhuluma ngakho. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 31 DBE/Lwezi 2022 NSC THAMSANQA: Okungikhalisa kakhulu ukungabi khona kukaPhindisiwe. Bengifuna ukuzwa ukuthi lolu daba ubeyoluphendula athini ikakhulu indaba kaZiphozonke ngoba phela lo mlisa uyibhedlile. MAMHLONGO: Phela ngenye indaba lena kaZiphozonke. Kwamina ingifocoza 35 umbombo. Kangazi nokuthi ngingayiqala ngiyithini ukuyixoxa. Sekufanele uthathe isinqumo manje Thamsanqa. Konke kusezandleni zakho. MATHONSI: Ubukhona bukamakoti bekungeke kwasiguqula isimo sezinto. Okwesibili bekufanele ulale phansi ungavumeli ukucinaniswa 40 yigwebu lentukuthelo kuze kubhoboke ithumba. THAMSANQA: Lolu daba aluluncane njengoba bengicabanga. Khona nginakho ukusolasola ukuthi kungenzeka lesi sitifiketi yilezi okuthiwa ziyathengwa. Kukhona into ayifunayo lo Nkululeko. MAMHLONGO: Uma usenokungabaza ndodana kukuwe lokho. Umbuzo wami 45 kuwena munye vo, uthini ngale nkulumo engiyitshelwe ngumkakho luqobo ukuthi savumelana ngingamoneli umuzi? THAMSANQA: Kangenziwa kanjena mina. Kufanele ngiqonde ngqo kwaMakhunga bangichazele kahle ngale nto, izinkomo zami ngifuna bazibeke la (Ekhomba intende yesandla sakhe sangasokunxele.) 50 MAMHLONGO: Baze bangamahumusha abantu madoda. Kusho khona ukuthi kwenziwa ibhizinisi? MATHONSI: Ungasho uliphinde lelo mkami. THAMSANQA: Kangazi noma yibhadi yini lokhu okungehlelayo noma yileso sikhathi sobunzima obuke bufike kumuntu engazelele? 55 [Inkundla Yesi-3, Isigcawu Sesi-3, neSesi-4 Ikhasi 64–66] 21.1 Nikeza ithoni etholakala enkulumeni yomlingiswa onguThamsanqa ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 21.2 Shono umsebenzi womlandi otholakale kulesi siqeshana. Sekela ngokubhekisa kumlingiswa onguNkululeko. (2) 21.3 Nikeza okungumehluko phakathi komlingiswa onguNkululeko nomlingiswa onguKholekile mayelana nobudlelwano abanabo noPhindisiwe. (3) 21.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU udweshu lwangaphandle oluphakathi komlingiswa onguMakhangela noThamsanqa. (3) 21.5 Iyini inhloso yokusetshenziswa komlingiswa onguSikela noMaqoma kulo mdlalo? (2) 21.6 Chaza isigameko esifihlelwe umlingiswa onguThamsanqa ngosuku uPhindisiwe ayebamba ngalo ucingo emzini wabo. (2) 21.7 Chaza ukuthi lesi siqeshana siyigqamise kanjani indikimba yalo mdlalo. (3) 21.8 Ngabe amazwi abhalwe ngokugqamile akhulunywa nguMathonsi amveze njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 32 DBE/Lwezi 2022 NSC 21.9 Ngokucabanga kwakho yisiphi isisombululo ayengasisebenzisa umlingiswa onguPhindisiwe kunokukhokhela uNkululeko imali ngecala ayelenzile? Sekela impendulo yakho. (2) 21.10 Xoxa ngokuphumelela kombhali ekudluliseni umyalezo kulo mdlalo. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 12 Isizulu Hl

Explore more published documents in this catalogue.

View all