Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 2 NSC June 2022 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 12202236 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 2 question paper from the NSC June Exam 2022, 36 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2022

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS/ NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) 2022 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2½ TableMountain Leli phepha linamakhasi angama-36. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/2022 SC/NSC IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhla lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emuva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli/Ubuciko bomlomo (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B: Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C: Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe ngezansi. ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE – Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE – UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO).  Phendula KUPHELA umbuzo wenoveli/ubuciko bomlomo kanye nomdlalo owufundile.  Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukwelekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO  Impendulo yombuzo omude ezinkondlweni mayibe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240.  Izimpendulo zemibuzo emide enovelini/ebucikweni bomlomo kanye nasemdlalweni mazibe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390.  Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi bangathemelezi kodwa baphendule okubuziwe. TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/2022 SC/NSC 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/2022 SC/NSC OKUQUKETHWE Leli khasi liyolekelela abahlolwayo ukuba bakhethe imibuzo abazoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. 'Ngizw' uthando' Umbuzo omude 10 6 2. 'Akasekho' Umbuzo omfushane 10 8 3. 'Uthando' Umbuzo omfushane 10 9 4. 'Thumela uzamcolo Nkosi!' Umbuzo omfushane 10 10 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo. 5. 'Umzuzwana Owodwa Nje' Umbuzo omfushane 10 12 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Phendula umbuzo OWODWA ESIQESHINI B kanye nowodwa ESIQESHINI C. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO INOVELI: Phendula umbuzo OWODWA. 6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 13 7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 13 8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 16 9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 16 10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 19 11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 19 12. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omude 25 22 13. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omfushane 25 22 NOMA UBUCIKO BOMLOMO: Phendula umbuzo OWODWA. 14. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omude 25 24 15. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omfushane 25 24 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 16. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 29 17. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 29 18. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 31 19. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 31 20. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omude 25 34 21. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omfushane 25 34 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE ESIQESHINI B kanye NASESIQESHINI C. Akuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma EMIBILI emifushane. TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/2022 SC/NSC Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo. Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha sebenzisa lolu hla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo okulindeleke uyiphendule. ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA YEMIBUZO LEMIBUZO EPHENDULIWE A: IZINKONDLO (Ezimiselwe) 1–4 2 A: INKONDLO (Engamiselwe) 5 1 B: INOVELI (Umbuzo omude NOMA 6–13 1 omfushane) B: UBUCIKO BOMLOMO (Umbuzo omude NOMA 14–15 1 omfushane) C: UMDLALO (Umbuzo omude NOMA 16–21 1 omfushane) QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. ESIQESHINI B, khetha phakathi kwenoveli nobuciko bomlomo, uphendule UMBUZO OWODWA, ungaphenduli ngazo zombili lezi zinhlobo zemibhalo. TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/2022 SC/NSC ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1: UMBUZO OMUDE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. NGIZW' UTHANDO – JM Sikakane 1 Ngizw' uthand' olujulileyo, 2 Lungisa kwezidephil' iziziba, 3 Lungisibekela ngenkung' ethe khuhle, 4 Ngimfom' izithukuthuk' ezipholileyo. 5 Ngizw' uthand' olunzonzobele, 6 Lungidoba lungiqhwebaqhweba, 7 Ngizibe nje ngingazibe lutho, 8 Ngithule nje ngingathule cwaka. 9 Ngizw' uthand' oluntofontofo, 10 Lungintofoza lunginwayanwaya, 11 Ngizwe ngiswakama wonk' umzimba, 12 Ngijuluk' ungiyojuluka. 13 Ngizw' uthando lungiphenduphendula, 14 Ngibe ngiyathe ngiyalala ngingalali, 15 Ngibe ngiyathe ngiyazumeka ngingazumeki, 16 Ngiqwash' ungiyoqwasha. 17 Ngizw' uthando solokhu lungibelesele, 18 Lungiphendul' isiduphunga sansondo, 19 Lungiphaphathekisa lungiphuphuthekisa, 20 Ngizul' izinkalo nezinkangala. 21 Ngizw' uthando lungithi nsi fumbe, 22 Ngomthwal' engingenakuwuthwala; 23 Ngisho ngisebenza ungisind' ungisithibeze, 24 Imicabango yami izul' unozulane. 25 Ngizw' uthand' olungumzwangedwa, 26 Lunginakile ludlala ngami, 27 Lungiphehl' enhliziyweni, 28 Ngingawuthi mbibi ngisho nowami nje. 29 Ngizw' uthand' olusanganisayo 30 Lungiphonsa la lungiphonse le, 31 Lungihlome phezulu lungihlome phansi, 32 Lungimise ngekhanda ngizululeke. TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/2022 SC/NSC 33 Yebo, yebo, ngiyazisa luthando? 34 Ngiyayivum' eyakh' induku, 35 Ngiyazinikela Kuwe, ngiyathela, 36 Phinde ngithi ngiyaKubalekela; 37 Ngingeze neze neze ngenz' enjalo. 38 Maye! Maye! Kant' unje luthando? 39 Usungigolele kowakh' umgodi' ojulileyo, 40 Umgod' oyisimuk' esifuthelene! 41 Akusenani, usungahlule singalwanga! Xoxa ngokukhethwa kwamagama asetshenziswe yimbongi ukugqamisa umoya wale nkondlo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama ayi-190 kuya kwangama-240. [10] TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/2022 SC/NSC UMBUZO 2: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. AKASEKHO – LTL Mabuya 1 Besinaye MANJE- 2 Ngokuphazima kwehl' akasekho; 3 Unyamalele! 4 Kuthiw' akagoduke, 5 UGODUKILE! 6 Akasekho … 7 Besinaye MANJE; 8 Uhambile. 9 Kazi ngizomtholaphi? 10 Kazi ngizomthungathaphi? 11 AKASEKH' UKUB' ENGEKHO! 12 Besinaye MANJE; 13 Ngokunyazima kweso 14 AKASEKHO: 15 UHAMBILE, 16 Kodwa besinaye MANJE! 17 HAMBA, Mbalenhle: 18 Ungakhohlwa YIMI! 19 Hamba Ntombenhle; 20 Ungikhumbul' emsingeni, 21 Emsingeni wamagagas' ezinhliziyo; 22 Nasemgugweni wothando lwezinhliziyo, 23 Laph' umkhumbi wothando ngiwugwedla; 24 Siphothana sipilingana sishwilingana 25 Kuyimin' umgwedli sipilingana! 26 AKASEKHO 27 Goduka Gugw' elihle: 28 Nami ngilapha nje 29 KANGISEKHO! Angikho nhlobo; 30 Ngithathekile; Ngithathekile 31 SENGIYALANDELA 32 Angisekho ngempela: 33 Lutho! KANGISEKHO! 2.1 Gagula uhlobo lwesifengqo esitholakala ebinzeni loku-1 bese usibhala phansi. (2) 2.2 Chaza kafushane okushiwo yimbongi emgqeni wesi-9 kuya kowe-10. (2) 2.3 Chaza umoya oqukethwe umugqa we-17 kuya kowama-21 kule nkondlo. (2) 2.4 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa ifanamsindo u-'s' elisemgqeni wama-24? Sekela impendulo yakho. (2) 2.5 Phawula ngempumelelo yembongi ekusebenziseni impindamqondo kule nkondlo? (2) [10] TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/2022 SC/NSC UMBUZO 3: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. UTHANDO – KNN Gcumisa 1 Abasha badume nezothando, 2 Okwalolu thando kuyadumaza, 3 Ngalolu thando sebeyaziqhenya, 4 Abasaluhloniphi nokuluhlonipha 5 Sekungumdlalo wamagendo. 6 Laph' abantu abasha, bethi banothando, 7 Ibhungu linothando lwetshitshi, 8 Bahlulwa yini ukuzihlonipha? 9 Kungani bekhohlisana? 10 Bayaziqhayisa ngalo 11 Omunye ethi ungowomunye? 12 Izimbali zanamuhla zilahlekelwa 13 Ubumbali bazo ngokuphang' umdaka. 14 Ongaphangi mdaka ubukelwa phansi, 15 Akhishwe inyumbazane anyundelwe, 16 Ngokuqinisel' umvuzo uyakuwuzuza, 17 Ekugcineni ebuhlanzweni bayo iyabuyela. 18 Nalapho umzali eqhamuka, 19 Abantu abasha abasamazisi, 20 Kugcwala imigwaqo kungaziwa nanyaka, 21 Kumelwe emakhoneni, nasezigxotsheni, 22 Wena mzali awusenasithunzi. 23 Wo, yeka kusadliwa ngoludala! 24 Kusadliwa ngoludala 25 Lwaluhlonishw' uthando. 26 Uthando kwakungolweqiniso, 27 Uthando lwalungaqhayiswa, 28 Abantu abadala babehlonishwa. 29 Kungabe lolu thando 30 Intsha edume ngalo 31 Olweqiniso na? 3.1 Tomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 bese usho nohlobo lwakho. Bhekisa impendulo yakho emgqeni wesi-2 kuya kowesi-5. (2) 3.2 Chaza kafushane uhlobo lwesifengqo esigqanyiswe umugqa wesi-9 nowe-11. (2) 3.3 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa isimo sokukhuluma esidwetshelwe esitholakala emgqeni wa-13 kule nkondlo? Sekela impendulo yakho. (2) 3.4 Chaza ukusetshenziswa kwesizura (isikhawu) etholakala emgqeni wama-23. (2) 3.5 Phawula ngempumelelo yembongi ekusebenziseni ithoni emgqeni wama-24 kuya kowama-28 kule nkondlo. (2) [10] TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/2022 SC/NSC UMBUZO 4: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. THUMELA UZAMCOLO NKOSI! – BT Msimang 1 Wena wedwa ojuba amazulu 2 Ukuba asifafaze ngemikhemezelo; 3 Wena wedwa oyalela ilanga 4 Ukuba lisibusise ngenkazimulo; 5 Nguwena wedwa - nguwena wedwa! 6 Inile yakhemezela, 7 Kulo mhlabathi olugagadu! ogwadule, 8 Phinde ukuzwela kule nkundla 9 Yesishingishane, lapho kuke kusuke 10 Ifu lezintuli zikhuhle khuhle; 11 Baxhoshwe zinsunsu bacikic' amehlo, 12 Kube mnyama bhuqe. 13 Wena wedwa 14 Odala ubugqikolo bedwala; 15 Wena wedwa 16 Olola ukucija kwameva; 17 Nguwena wedwa - nguwena wedwa! 18 Lidumile langqangqazela, 19 Leza nezihlambi layidliva, 20 Kube manzi wena tshe wena dwala, 21 Zamuncamunca izimpande ngethemba 22 Lokusimama. Yaphuma inhlamvu 23 Yakhotha konke, idwala eliyimi lasala 24 Lome geqe. 25 Nguwena wedwa 26 Ongaqhekeza ubutshe bedwala; 27 Nguwena wedwa 28 Ongathuntubeza izinciji zameva; 29 Wena wedwa - wena wedwa! 30 Thumela uzamcolo, Baba, 31 Amadwala amatiswe amanziswe 32 Ubulukhuni bukhunyuzwe; 33 Kuqhekeke nezimfa ukuze 34 Izwele imvula yempilo; 35 Aphile amatshe namadwala, 36 Alimemeze igama longabonwayo! 4.1 Tomula isifengqo esisetshenziswe emgqeni wesi-4 bese usho uhlobo lwaso. (2) 4.2 Chaza kafushane umqondo osobala otholakala ebinzeni lesi-2. (2) TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/2022 SC/NSC 4.3 Ngabe umfanekisomqondo oqukethwe umugqa wesi-16 welekelele kanjani ukugqamisa umoya waleli binza? Sekela impendulo yakho. (2) 4.4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa isizura (isikhawu) emgqeni wama-30? Sekela impendulo yakho. (2) 4.5 Phawula ngempumelelo yembongi ekusebenziseni impindwa kule nkondlo. (2) [10] KANYE TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/2022 SC/NSC NENKONDLO ENGAMISELWE (Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo) UMBUZO 5: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. UMZUZWANA OWODWA NJE – EJ Mhlanga 1 Nkosi ngisize, ngiqinise, 2 Ngiph' umzuzwana owodwa nje, 3 Nom' umzuzwana kuwena 4 Uyiminyakanyak' engabalwa, 5 Ngenyule kuleli fokozana 6 Elifuswa yisisi senzondo, 7 Ngiqinis' ungiph' amandla 8 Nanxa sebengivukel' abakwethu, 9 Bengigenca ngezimbemba zomona, 10 Bengisunduzel' eweni lokufa: 11 Ngifez' owangijubela khona, 12 Lokh' umngenandlini uyafuneka, 13 Sengibhekene nesihlalo sakho sokwahlulela, 14 Ungahlulela ngemisebenzi yami. [Amayesi Ayewukela, MSS Gcumisa] 5.1 Nikeza ukuxhumana okutholakala emigqeni emi-4 yokuqala yale nkondlo bese usho uhlobo lwakho. (2) 5.2 Chaza kafushane umoya otholakala emgqeni wesi-5 kuya kowesi-6. (2) 5.3 Ngabe ukusetshenziswa kwe-enjambamenti emgqeni wesi-7 kuya kowesi-8 kukwelekelele kanjani ukuqonda le migqa? (2) 5.4 Chaza ukusetshenziswa kwemvumelwano emgqeni wesi-9 kuya kowe-10. (2) 5.5 Xoxa ngempumelelo yembongi ekugqamiseni indikimba yale nkondlo. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/2022 SC/NSC ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Khetha uhlobo OLULODWA lombhalo phakathi KWENOVELI NOBUCIKO BOMLOMO, uphendule ngokulandela imiyalelo engezansi. INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6: UMBUZO OMUDE BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Abalingiswa benoveli bayaye benze izinto/bathathe izinqumo ezithile eziveza ubunjalo babo. Xoxa ngokuvezwa kwabalingiswa ngezenzo zabo kule noveli. Bhekisa impendulo yakho kulaba balingiswa abalandelayo: UMhlengi/uMahlengi, uNontobeko, uXolani noNdumiso. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 7: UMBUZO OMFUSHANE BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA A Kabuzange buvume ukufika ubuthongo kuXolani. Wayethi uzama ukucimeza kuvele kugqame isithombe sikaMahlengi nje engqondweni yakhe. Wayeze azethuke esequma manje, ngenhliziyo ebalisa ngokuthi uyaqala ukusanganiswa ngumuntu kanje. 'Kawulele ngani, ucabangani kangaka?' kubuza umkakhe ngokunganaki nje. 'Eyi, yindaba yomsebenzi, ingqondo kayikutholi ukuphumula,' enkwankwaza 5 ezinxaphisa ubala. 'Uthi kusewumsebenzi wodwa nje lona okuqwashisile?' ebuza sakubhuqa. 'Uchaza ukuthini?' ebuza ngolakana oluxube ukwethuka. 'Hhayi, bengizibuzela nje mntanomuntu,' kuphendula umkakhe, edonsa umoya, ephenduka emfulathela. 10 Wakuziba ukukhononda okwakuzwakala ekuphawuleni komkakhe. Wazama ukulala. Nakho-ke esezithela kuMahlengi. Bahlangana olwandle seliyozilahla kunina, kuheleza umoya opholile, amagagasi alokhu eduma laphaya ezansi sengathi abashayela ihlombe njengoba bebingelelana bevule izingalo bebambana. 'Mahlengi, Mahlengi …' kubingelela uXolani ngenjabulo embamba ngesandla 15 uMahlengi emdonsa ngengalo, bexhakana, becothoza kancane ezihlabathini zolwandle ezithofozelayo, bephenduka begqolozelana ngamehlo alanguka uthando. 'Mahlengi, Mahle …' Embambisisa, enamathela esifubeni sakhe esincanyana, esithaphuka amakha awunqambothi, esihlotshiswe ngamabele amancanyana, esifudumele, okulenga kuso umgexo obenyezeliswa yimisebe yelanga seliyoshona. 20 TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/2022 SC/NSC Akabange esaqeda ukumemeza. 'Ngivelelwa yini? Ngubani lo Mahlengi olokhu ubalisa ngaye?' kubhoka umkakhe ngolaka egubhuka ezingutsheni, ekhanyisa ilambu likagesi elilapha eceleni kombhede wabo omkhulukazi. 'Bengiphupha,' kuchaza uXolani kuduma ikhanda, esho elenwaya nalo ikhanda, 25 ecikica amehlo, emshalazela umkakhe oseqhaqhazela ngenxa yokucasuka. 'Kangiphiki ukuthi ubuphupha. Engikubuzayo ngukuthi ngubani lo Mahlengi omphuphayo?' embuza emgqolozele emehlweni. Ishalaze indoda. 'Kangimazi. Uyawazi nje nawe amawongowongo amaphupho ukuthi …' eneka izandla, etshekisa ikhanda sengathi ucela ukuba umkakhe avumelane naye ekuthini 30 amaphupho kuyenzeka umuntu amphuphise amawongowongo nje angaqondakali. 'Hhayi njalo Xolani. Ngiyakukhuza njalo …' emhlaba ngeso elibi qede enikina ikhanda. 'Khululeka s'thandwa. Yiphupho nje elibi. Ngiyabona kufanele ngikhiphe inyongo.' 'Kakukho nyongo okufanele uyikhiphe. Kufanele ukhiphe lo Mahlengi engqondweni 35 yakho nje kwaphela.' 'Okunye-ke, ngifuna ukulala manje,' isho ifulathela futhi intokazi, yelula ingalo icisha ugesi, imshiya ebakaza emnyameni uXolani, esalokhu elinikine njalo ikhanda elisalokhu lidume lokho nje. Yake yandwaza eside isikhathi ezingutsheni insizwa, ikhanda liduma. 40 'Mahlengi, ungenzani kodwa bakithi?' kubalisa uXolani ngenhliziyo edonsa umoya ezama ukulala, engasazi noma usafisa yini ukuphinde ambone kwelamaphupho uMahlengi. Wayebalisa kanjena nje uXolani noMahlengi naye wayengalele ethatha ebeka ebukeza konke obekwenzeka ngenkathi behleli kamnandi noXolani, bexoxa, 45 beqhumisa amahlaya sengathi sekuyiminyaka bazana, ungaphika ukuthi kakukapheli nosuku olulodwa lolu bazene. [Isahluko sesi-3: Ikhasi 52–53] 7.1 Shono izizathu EZIMBILI ezenza umlingiswa onguXolani aqwashe ngokwalesi siqeshana. (2) 7.2 Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana? Bhekisa impendulo yakho kumlingiswa onguLungile bese usekela impendulo yakho. (2) 7.3 Chaza kafushane ukuthi lesi siqeshana siyigqamisa kanjani indikimba yothando kule noveli. (3) 7.4 Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguXolani kanye nomlingiswa onguNontobeko mayelana nothando lwabo lukaMhlengi/lukaMahlengi. (3) 7.5 Iyini inhloso yombhali yokuveza ubudlelwano phakathi komlingiswa onguMhlengi kanye nomlingiswa onguMandla kule noveli? Sekela impendulo yakho. (2) TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/2022 SC/NSC 7.6 Chaza ukubikezela okutholakala emazwini kaNontobeko athi: 'Uyangethembisa ukuthi ngeke ungilwise uma ngehluleka endleleni' awasho kuNkululeko ngenkathi enquma ukuthandana naye.' (2) 7.7 Chaza ukulandelana kwezehlakalo/kwezigameko ezaholela ekutheni uNkululeko azibulale. (3) 7.8 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela ukube umlingiswa onguXolani wawalalela la magama abhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 7.9 Uyavumelana yini nokuthi udweshu phakathi kukaZakithi noNomthi yilona olwaholela ekuboshweni masinyane kukaNdumiso? Sekela impendulo yakho. (2) 7.10 Phawula ngempumelelo yombhali ekusebenziseni isihloko esithi 'Ngaphambi Kwendaba' ekwethuleni isingeniso sale noveli. (3) [25] TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/2022 SC/NSC UMBUZO 8: UMBUZO OMUDE USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Abalingiswa benoveli bayaye benze izinto/bathathe izinqumo ezithile eziveza ubunjalo babo. Xoxa ngokuvezwa kwabalingiswa ngezenzo zabo kule noveli. Bhekisa impendulo yakho kulaba balingiswa abalandelayo: UNomvula/uMirriam, uChule, uDaffo noMaHadebe. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 9: UMBUZO OMFUSHANE USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA B Simphethe isibibithwane uMirriam wambuka ngayesebomvu eswakeme. 'Kwenzenjani manje Nzim' omuhle? Ngathi ngikuthokozele ngizokulanda ngakuthola uqhatha umunyu?' Wasukuma wahlala embhedeni eduze kwakhe, wakhipha iduku wamesula izinyembezi. 'Sekwenzenjani Themba lamathemba ami?' 5 'Hhi! Hhi! Hhi! Ziqathaka ethi uyazithiba. Akukho lutho olunye Chule olonakele. Yiyonje le ndaba yomfowethu esangiphethe kabi.' 'Kufanele. Uma usenesifiso sokumbona okokugcina umfowenu singahlela sesisekhaya ngikuphuthumise eMangwaneni. Sukuma-ke mntwana wasekhaya silayishe impahla angaze asiphazamise umfana kaNtshangase.' 10 'NoNtshangase lowo akasekho,' ephihlika futhi ekhala. Wethuka uChule wathi, 'Sekwenzenjani? Useshonile naye?' 'Uboshiwe Chule.' 'Eboshelwani manje?' 'Usanda kuboshwa wumseshi othi wena nabanye nimmangalele.' 15 'Hhawu!' Ekhamisa. 'Okunye-ke lokhu. Umuntu engammangalela kudalo yilapho bembopha namhlanje?' 'Nami ngimangaliswa yikhona ukuqondana kokuboshwa kwakhe nosuku ozongilanda ngalo.' 'Wo, mtakaMazibuko, ngeke sazi ukuthi amathongo akwenu nawakwethu, noMdali 20 bahlele su lini lokuba sithuthane ngokuthula nangoxolo. Futhi nawe uyazi ukuthi ayikho indoda engajabulela ukuba ithi ilande umuntu imfice ekhalela isoka elidala. Nawe ngeke ukuthokozele neze ukuthi uthi ufika laphaya kwami ungithole ngibambe isihlathi ngikhalela umkami osewashona.' 'Cha Chule,' ehefuzeliswa yisibibithwane. 'Angikhaleli soka, ngililela umfowethu.' 25 'Siyezwelana kulokho Mwelase. Qoqa sihambe. Sizohlela sesisekhaya.' TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/2022 SC/NSC UMirriam sengathi wayebethelwe kwaDicey. Wake wahlala wathula kungavumi nokuba asukume. 'Akusavumi yini ukuba uphume lapha ekhaya?' ebuza ejabhile. 'Hhayi sengizosukuma. Uyazi nawe ukuthi akulubala ukushiya indlu osuyihlale 30 iminyaka ethi ayibe yishumi nesithupha.' 'Okusho ukuthi kubuhlungu nokubushiya ubugqila uma ukhulele kubo?' 'Kunjalo Chule uma kunjengoba ngizwa.' Wasukuma ngokuzidela wakhomba amapulasitiki namapotimenjana akhathele. UChule wakweya. Ngokubona kwakhe uMirriam kwakufanele ayishiye le mithwalo, aphume ngayekugqokile kuphela 35 ayothenga okusha okungafanelana nezinga lomuzi wakhe. 'Bengizothi kushiyele umfana kaNtshangase konke lokhu kokwendlula umbhede ukuba angesabi ukuthi angahle akuphephethe ngezinsila zakho.' 'Kanti ngeke akwenze lokho.' 'Ungamphikeli. Ukhala nje, kulukhuni kuyitshe nokuba uphume lapha endlini, awazi 40 wakwenzani.' Imithwalo yaphuma, wabelekelela uHlulintombi bayilayisha emotweni. 'Sizomtshela uGenyeza ukuthi wena phixiphixana ubuwelekelela kulayishwa izimpahla.' Esho sengathi akanakile uRose ezedlulela ngendlela. Wema khimilili uHlulintombi enamahlonyana. 45 Waqhubeka nokho ngoba egqugquzelwa uChule ngokuba asale eseqhubeka ukuze ashayelwe isenzo asaziyo. Balayisha koma. Kwasala umbhede, iwodilobhu netafula elalinomsakazwana omncane uChule athi awushiyele ukududuza uGenyeza. OChule noHlulintombi besaxhawulana ngasemotweni, bebongana ngemali, uChule embonga ngosizo ayebe nalo 50 ekunqotshweni kukaMirriam, uMirriam wasala wathatha ipheshana wabhalela uGenyeza. [Isahluko se-15: Ikhasi 148–149] 9.1 Shono izizathu EZIMBILI ezibangela ukuthi umlingiswa onguMirriam akhale ngokwalesi siqeshana. (2) 9.2 Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana? Bhekisa impendulo yakho kumlingiswa onguChule bese usekela impendulo yakho. (2) 9.3 Chaza kafushane ukuthi lesi siqeshana siyigqamisa kanjani indikimba yomcebo kule noveli. (3) 9.4 Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguMirriam kanye nomlingiswa onguMaDludla mayelana nothando lwabo ngoChule. (3) 9.5 Iyini inhloso yombhali yokuveza ubudlelwano phakathi komlingiswa onguMaHadebe kanye nomlingiswa onguMaNdelu kule noveli? Sekela impendulo yakho. (2) 9.6 Chaza ukubikezela okutholakala emazwini omculo kaGenyeza othi, 'Ngakutshela ukuthi angihambile: Ngiyolanda igala lakwethu elinhloko' ngenkathi uChule noNomvula belalele umsakazo. (2) 9.7 Chaza ukulandelana kwezehlakalo/kwezigameko ezaholela ekushoneni kukaMahuzu. (3) TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/2022 SC/NSC 9.8 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaMirriam ukube wazilalela lezi zinsolo ayenazo ngoChule ezibhalwe ngamagama agqamile kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 9.9 Uyavumelana yini nokuthi udweshu phakathi kukaChule noNomvula yilona olwaholela ekuboshweni kwesibili kukaDaffo? Sekela impendulo yakho. (2) 9.10 Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso sale noveli. (3) [25] TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/2022 SC/NSC UMBUZO 10: UMBUZO OMUDE KUNJALO-KE – ME Wanda Abalingiswa benoveli bayaye benze izinto/bathathe izinqumo ezithile eziveza ubunjalo babo. Xoxa ngokuvezwa kwabalingiswa ngezenzo zabo kule noveli. Bhekisa impendulo yakho kulaba balingiswa abalandelayo: UDumazile, uSithole, uMaNzimande noMoloi. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 11: UMBUZO OMFUSHANE KUNJALO-KE – ME Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA C 'Ngithe ngiseMkhobeni izolo kusihlwa, imoto yakhunyukelwa ngushafu, yagijima phansi nge-enkapleti. Cishe yangibulala. Ngenhlanhla enkulu ngikwazile ukuyibamba, yama. Ngihlale lapho-ke kwaze kwasa ngikhanda.' Kwavele kwala kuMaNzimande ukuba aqhubeke nokulalela leyo mbude. 'Bewuyaphi eMkhobeni yise kaMpisendlini?' 5 'EMkhobeni phela kusendleleni ebheke eMzimkhulu. Bengihambisa uDumazile kubo njengesicelo sakho. Ngiyethemba ukuthi usakhumbula ukuthi wathi angimphindisele lapho ngamthatha khona. Ingozi-ke ingehlele ngisohambweni olunjalo.' 'Pho bewukhanda kanjani ukilini kanjena?' Aphinde asikhihle futhi isililo uMaNzimande. USithole wezwa ecikeka nje ukutetenyelwa ngumuntu omdala kangaka, futhi olokhu 10 embuza ipasi nesipesheli. Wadumisa imoto, watshela umkakhe ukuthi sebeyobonana ntambama, wakhala wemuka. UMaNzimande wasala nentshidi wasala nesidanga sevondwe. Wazibuza, ezifuna ngaphakathi: 'Nkosi yami, lesi sichitho esingaka sivela kuphi phakathi komuzi wami? USithole 15 ubengenje! Selokhu ngakhuluma noLizy angibange ngisakuthola ukuthula phakathi komuzi wami. Ukuba uLizy akangifikelanga nezindaba, ngabe ngisahlezi kahle nomyeni wami. Mh …, ngaze ngazibhidlizela umendo wami! Kuzofanela ngifunde manje ukuba ngingaqophisani noyise kaMpisendlini. Kuzothi uma ebuya ntambama, angifice sengiwumama omuhle wekhaya onesizotha. Ngeke ngisamqulisa amacala 20 umyeni wami. Ngizomphekela ukudla okuhle, akuthandayo ngimenzele netiye, aphuze. Ehhe, kusukela namhlanjena ngizomphatha kahle umyeni wami.' USithole wafika esitolo abantu sebazi ukuthi ubekade engalalanga ekhaya ngayizolo. TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/2022 SC/NSC UMaNzimande wayeseyichele yonke indawo indaba. Isimo sasingasesihle neze esitolo. Abasebenzi base behlukene phakathi. Nabantu nje abangabathengi base 25 bekhombisa uqhekeko. Abanye babemdabukela uMaNzimande, kanti abanye babesimze bathi: 'Uyalunga futhi uyaqhuqheka! Sengathi uDumazile angayithatha unomphela le ndoda yakhe. Ehhe, khona ezoyeka ukuba wumedemu lokhu.' Kwasetshenzwa-ke ngaleyo ndlela kwaze kwavalwa ntambama. Kwathi angathi Kixi 30 izihluthulelo esitolo ntambama uSithole, wangena emotweni yakhe, yaduma, zaya esephikelele khona eMafezini eMlazi. Ngemuva kwezinsuku ezimbili, uSithole wafikelwa ngomunye umcabango: 'Ngeke ngishiye umfazi nomuzi wami. Lo muzi ngawakha kanzima kabi. Kuzofanele aphume aphele aphindele kubo. Ukuthi akusekho muntu kubo, akudokwe ligayelwe 35 mina lelo.' USithole wayifaka-ke incwadi yesehlukaniso phakathi kwakhe nomkakhe. Wazibeka izizathu ezimenza angakwazi ukumbekezelela umkakhe. Inkantolo yambiza noMaNzimande ukuba azoziphendulela. Ngemuva kokulalelisisa macala onke, inkantolo yabeluleka ukuba bangehlukanisi, kodwa babekezelelane emshadweni wabo. Basukuma, bavalelisa, baphuma. USithole akalubhadanga unyawo emzini 40 wakhe e-Adams, kodwa washaya imoto waqonda eMafezini eMlazi. [Isahluko sesi-5: Ikhasi 94–95] 11.1 Shono izizathu EZIMBILI umlingiswa onguSithole azethula kuMaNzimande eziyimbangela yokungabuyi kwakhe ekhaya ngokwalesi siqeshana. (2) 11.2 Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana? Bhekisa impendulo yakho kumlingiswa onguMaNzimande bese usekela impendulo yakho. (2) 11.3 Chaza kafushane ukuthi lesi siqeshana siyigqamisa kanjani indikimba yesimilo esingesihle kule noveli. (3) 11.4 Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguSithole kanye nomlingiswa onguMtalaselwa mayelana nothando lwabo ngoDumazile. (3) 11.5 Iyini inhloso yombhali yokuveza ubudlelwano phakathi komlingiswa onguMaNdovela kanye nomlingiswa onguMaJwara kule noveli? Sekela impendulo yakho. (2) 11.6 Chaza ukubikezela okutholakala emazwini kaDumazile athi, 'Ngeke ngihlukane nothisha uMoloi.' (2) 11.7 Chaza ukulandelana kwezehlakalo/kwezigameko ezaholela ekuphelelweni kukaMoloi umsebenzi eZenzele High School. (3) TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/2022 SC/NSC 11.8 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaSithole ukube la magama abhalwe ngokugqamile ashiwo nguSithole kulesi siqeshana afezeka? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 11.9 Uyavumelana yini nokuthi udweshu phakathi kukaMoloi noSithole yilona olwaholela ekuphumeni kukaLerato esikoleni? Sekela impendulo yakho. (2) 11.10 Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso sale noveli. (3) [25] TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/2022 SC/NSC UMBUZO 12: UMBUZO OMUDE IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Abalingiswa benoveli bayaye benze izinto/bathathe izinqumo ezithile eziveza ubunjalo babo. Xoxa ngokuvezwa kwabalingiswa ngezenzo zabo kule noveli. Bhekisa impendulo yakho kulaba balingiswa abalandelayo: UBafana, uCele, uPoppie, no-Euthenasia. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 13: UMBUZO OMFUSHANE IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA D 'Sawubona Poppie. Ngiyaphila mina, wena unjani?' 'Sawubona bani? Mina ngithe sawubona myeni wami. Wena uthi sawubona bani?' 'Ngithe sawubona Poppie.' 'Angiyena uPoppie mina. Ngingumkakho.' 'Angikwazi lokho mina.' 5 'Ungathini ukuthi awukwazi lokho Ngubane?' 'Phela thina nawe sihlale iminyaka edlule emashumini amabili singoPoppie noBafana. Kungeke kuthi namuhla sesihlukene, bese ngibangumyeni wakho nawe ube ngumkami. Thina nawe singoPoppie noBafana kwaphela nje. Angiboni ukuthi uze lapha ukuzongibuza ukuthi mina ngithi wena ungubani. Kunganjani ukuba ungene 10 odabeni ngoba ngimatasatasa kabi Poppie. Izinto zingimele kabi lapha emsebenzini.' Wathi ukusondeza isitulo sakhe uPoppie wasethi, 'Manje Bafana ngize lapha ukuzothi masiyeke le nto yethu yokuziphathisa okwezingane sibadala kangaka. Angiboni ukuthi kukhona into engalungiswa ngokuduba. Khona ngiyazi ukuthi nina kwaNgubane nihlala ngokuduba. Izinto zoniwa ngumlomo, zilungiswa ngumlomo futhi. Kuhle thina nawe 15 sihlale phansi, sibonisane, silungise lokho okonakele. Awukwazi ukuvele udube uphume ngomnyango ungishiye nendlu nezingane.' 'Akukho esingakuxoxa nawe Poppie.' 'Singahlulwa yini myeni wami?' 'Singahlulwa ukuthi mina nawe siyizingane. Asivuthiwe neze.' 20 'Yini esikwenze ukuba ubone ukuthi asivuthiwe ngemuva kweminyaka engamashumi amabili nanhlanu.' 'Kuningi kabi Poppie.' 'Akusho nje okumbalwa ngizwe ukuthi kuyini.' 'Ukube wawuvuthiwe ngabe awulishiyanga eMlazi iBhayibheli owaliphiwa ngumama.' 25 'Awu kahle myeni wami. Wasuvusa indaba endala kangaka. Mina angisalazi ukuthi lasalaphi iBhayibheli likamama wakho.' TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/2022 SC/NSC 'Akungimangalisi ukuthi awazi lasalaphi leli Bhayibheli ngoba ngelikamama wami, hhayi umama wethu. Eqinisweni thina nawe asikaze sibe yinto eyodwa. Angazi nje ukuthi uyaphi lapha ngoba phela lokwehlukana kwethu yinto owawukade uyibumba 30 Poppie.' 'Singaba yinto eyodwa kanjani wena ungikhunga kule milando yakini nakumaBhayibheli akini? Singaba yinto eyodwa kanjani wena uhlala ngokuduba uma kukhona ongakuboni kahle? Nakhu manje awusahlali ekhaya ngoba ngithengele izingane imoto, uma ungayifuni imoto, buya ekhaya sizokhuluma siyithengise 35 imoto.' 'Sihambile isikhathi manje Poppie. Ngisho ungaze uyithengise imoto ngeke iwusule lo monakalo osewenzekile ezinganeni zethu laphaya ekhaya. Zingeke ziphinde zilunge lezi zingane zethu.' 'Manje uthi masenzenjani manje myeni wami?' 40 'Ngithi masiyeke zilime ziye etsheni. Phela igeja libanjwe yisiphukuphuku.' 'Noma ngonile ngathengela izingane imoto, angisona isiphukuphuku Bafana.' 'Lixhoshwa libhekile Ngubane. Angiboni ukuthi uma mina ngenze iphutha, kufanele ungibize ngesiphukuphuku.' 'Angizange ngithi wena uyisiphukuphuku. Mina ngithe igeja libanjwe yisiphukuphuku. 45 Uma likulingana leli kepisi, ligqoke Poppie. Uyabona …' [Isahluko se-11: Ikhasi 192–193] 13.1 Shono izizathu EZIMBILI ezibangela ukuthi umlingiswa onguBafana enqabe ukubiza uPoppie ngomkakhe kulesi siqeshana. (2) 13.2 Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana? Bhekisa impendulo yakho kumlingiswa onguPoppie bese usekela impendulo yakho. (2) 13.3 Chaza kafushane ukuthi lesi siqeshana siyigqamisa kanjani indikimba yokuba nobuntu/nokungabi nobuntu kule noveli. (3) 13.4 Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguMaMsibi kanye nomlingiswa onguMaMthunzi mayelana nothando lwabo ngoNgubane. (3) 13.5 Iyini inhloso yombhali yokuveza ubudlelwano phakathi komlingiswa onguMaXakushe kanye noPoppie kule noveli? Sekela impendulo yakho. (2) 13.6 Chaza ukubikezela okutholakala emazwini ka-Euthenasia athi, 'Sengathi ngingahlala nawe njalo' awasho kuCele ngenkathi uCele efike kwaNgubane ngemuva kokumkhulekela. (2) 13.7 Chaza ukulandelana kwezehlakalo/kwezigameko ezaholela ekuhambeni kukaJonny (Bafana) eMadadeni. (3) 13.8 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaBafana ukube la magama abhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana uNgubane wawalalela? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/2022 SC/NSC 13.9 Uyavumelana yini nokuthi udweshu phakathi kukaBafana noPoppie yilona olwaholela ekweqeni kuka-Euthenesia? Sekela impendulo yakho. (2) 13.10 Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso sale noveli. (3) [25] NOMA UBUCIKO BOMLOMO: UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba Phendula umbuzo OWODWA. UMBUZO 14: UMBUZO OMUDE Abalingiswa bobuciko bomlomo bayaye benze izinto/bathathe izinqumo eziveza ubunjalo babo. Xoxa ngokuvezwa kwabalingiswa ngezenzo zabo kulobu buciko bomlomo. Bhekisa impendulo yakho kulaba balingiswa abalandelayo: Inganekwane: Unwabu nentulo: uMdali nonwabu Izibongo: Izibongo zeNkosi u-Dkt. Sibongile Zungu: uDkt. Sibongile Zungu Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390 sekuhlangene impendulo yenganekwane nezibongo. [25] UMBUZO 15: UMBUZO OMFUSHANE INGANEKWANE: IMPISI EYISIMINZI Fundisisa lezi ziqeshana ezilandelayo zezinganekwane bese uphendula imibuzo ehambisana nazo. ISIQESHANA E Umxoxi: Kwesukasukela … Abalaleli: Cosu! Izinto zazingamhambeli kahle uMazinyo, ingwenya endala eyayihlala echibini. Umashayandawonye wawudlala ngaye. Inkinga yakhe kwakungukuthi zonke izilwane zazingasayingeni eyokuphuza echibini. Ichibi leli kwakuyindawo lapho uMazinyo 5 ayezibambela khona izinyamazane zakhe uma zithi ziphuza manzi. Engabe zase ziphuza kuphi lezi zilwane? Izilwane ndini zase ziphuza emakhaya azo, sezinompompi bamanzi ngenxa yempucuzeko. Izinkawu kuphela ezase zifika ziyophuza echibini kodwa nazo zazingasondeli eduze. Zazifika ziphonse ipayipi bese zimunca amanzi zibuqamama. 10 'Yimihlola!' Wakhononda uMazinyo. 'Kanti impucuzeko injena? Yindlala yodwa?' wazibuza ezamula kabili, kathathu, kwaze kwakhala izikelemu esiswini sakhe. Yazamula yaze yaphathwa yisiyezi into kaMazinyo. TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/2022 SC/NSC Kwaqhamuka okuyinkawana kwafike kwaphonsa ipayipi, kwamunca amanzi. Kwathi makaqhume ukudinwa uMazinyo, kodwa wazibamba. 15 'Kodwa Nkawana sewungaze ube yivaka kangaka ngikwethembile!' kwabubula uMazinyo. 'Uhambe kabi Mazinyo, ngeke ungithole. Ukube nginguwe ngabe ngizidlela utshani,' yasho inkawu yashaya isishwapha sayo yasithela ezihlahleni. UMazinyo waphuma echibini wathi ukulula imicondo yakhe. Wathi uma ephonsa 20 amehlo ngaphesheya wayibona impala ikha amanzi empompini. Wakhumbula amazwi enkawu. 'Ukube nginguwe ngabe ngizidlela utshani.' Ngokuphazima kweso, uMazinyo wacabanga isu. Wamemeza, 'We mngani wami Mpala! Uyayibona ukuthi imnandi kanjani impucuzeko? Awusadingi ngisho ukuyophuza echibini elingcolile. Mina impucuzeko ingisize kabi. Angisayilokothi 25 inyama. Asisekho isidingo sokucathamela izilwane zeNkosi. Ngiyincwasimende manje. Sengiphucuzekile, sengidla utshani nemifino!' Impala yamisa amadlebe ukuze izwisise kahle. 'Awuphinde, uthini?' yasho ibuza. 'Mina nenyama asisatholani,' kwaphinda ingwenya. 'Inyama ngeyamaqaba futhi ibanga ukunona nomkhaba. Mina ngidla utshani, obuwukudla okunomsoco,' washo 30 enqantula isikhonko esihlafuna noma sibaba nje. Impala yanyakazisa umsila ithakasela elokunconywa kotshani, ukudla kwayo kwemihla ngemihla. Ibingazi ukuthi lobu sebungadliwa nayizingwenya, amakhosi echibi. 'Ngijabula kabi uma usukhanyiselwe Mazinyo,' yasho impala imamatheka. 35 'Kodwa-ke akubona utshani bodwa obunomsoco, ubodla namaqabunga emithi.' Iqili elinguMazinyo lacabanga ngokushesha, layibona intuba lapho ingakhona. 'Ngifisa kabi ukuhlafuna amacembe emithi anomsoco, kodwa angiwatholi kahle. Nawe uyazi ukuthi ngimfishane angikwazi ukufinyelela emagatsheni emithi,' yaphendula iqhubeka nokuhlafuna isikhonko ingwenya noma sasehla kabuhlungwana 40 nje empinjeni. 'Kodwa ungengikhele igatsha libe linye-ke ngizwe umuzwa,' yacela kumpala ingwenya. Impala yaya imagange esihlahleni esasiseduze nengwenya. UMazinyo waconsa amathe esebona inyama iziletha. Wayelinde ukuthi ithi uma impala isiletha igatsha lelo bese eyibhudukeza. Impala yathi lapho isathi isalidonsa igatsha yezwa ngezwi lenkawu esihlahleni lithi, 45 'Sale usuyeka mpala, yimina umnikazi wezihlahla, ngizoyijikijelela ingwenya.' Inkawu yaphonsa igatsha lomsilinga engwenyeni uMazinyo. Kwabe lonakele iqhinga lengwenya. Wezwakala ebubula ngokukhononda uMazinyo ethi, 'Wena Nkawana mhla sahlangana, kuyoba inkawu nesikhwebu!' 15.1 Nikeza OKUKODWA okwakukhombisa ukuthi kwase kunempucuko kule nganekwane. (1) 15.2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kwengwijikhwebu etholakala kulesi siqeshana senganekwane. (2) 15.3 Iyini inhloso yomxoxi ngokusixoxela le nganekwane? Sekela impendulo yakho. (2) TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/2022 SC/NSC 15.4 Uyazwelana yini nomlingiswa oyimpala ngesimo acishe azithola ngaphansi kwaso sokudliwa yingwenya? Sekela impendulo yakho. (1) 15.5 Xoxa ngesu lomlingiswa oyingwenya alisebenzisile lokujeqeza emuva kule nganekwane. (2) KANYE NE NENGANEKWANE: 'AMAHLAYA ALALA INSILA' Fundisisa lesi siqeshana esilandelayo senganekwane esihambisana nesisho, ihubo nesithakazelo bese uphendula imibuzo ezolandela. Kudala ngezikhathi zeNkosi uShaka, kuthiwa kwakukhona indoda yakwaNzimande eyayihlekisa nangento engafanele. Igama layo kwakunguVelaphansi. UVelaphansi wayehola abantu bakwaNzimande ngalezo zikhathi zikaShaka. Abantu bakwaNzimande badume ngezithakazelo zoGwala kanye noMphephethe. AMaphephethe ayengasebenzi. Ayenekhono lokukhetha usawoti esihlabathini. 5 Isithakazelo sikaMphephethe savela ngoba babephephetha isihlabathi solwandle kusawoti. Uma-ke usawoti sebewunekile waze woma, babewuthatha bawusonge ngezikhumba bawuyise eNdlunkulu. ISilo uShaka wayebathanda abantu bakwaNzimande ngenxa yokuthi wayekhonze uVelaphansi. Phela uVelaphansi wayehola aMaphephethe futhi 10 edume ngokuba noteku. UShaka wayezifela ngomuntu otekulayo. ISilo sagcina sesikwenza kwaba wumthetho ukuthi uVelaphansi abe ngusomahlaya waseNdlunkulu. UVelaphansi wayesholo isilo amahlaya njalo uma siphumulile noma kukhona izivakashi. Sesiyohleka-ke iSilo kujabule wonke umuntu. Akekho ongeke ajabule uma ebona okaNdaba emoyizela. 15 Langa limbe uVelaphansi wacabanga ukuthi uzosihlekisa ngani iSilo uma esebizwa ukuzokwenza amahlaya. Wacabanga wacabanga, do ukufika ihlaya elisha. Akufuneki phela ukuthi asho ihlaya elidala futhi elaziwayo eNdlunkulu. Kubi kakhulu uma lelo hlaya selake lashiwo nguyena. Akafuneki ukuthi adlale ngezindlebe zeSilo. Wafika umcabango ngokushesha. Wahlala yedwa umfo 20 kaMphephethe. Wayesephumile osizini ngoba ihlaya elisha seliqhamukile. Wadumela amaqaqa amabili azifele wawasonga ngesikhumba esikhulu sengwe. Safika ngaleso sikhathi isithunywa esivela eNkosini uShaka. INkosi yayifuna ukuthi uVelaphansi enze adume ngakho. 'Hlanga Lezwe! Ngiphathele iNkosi yami engiyithandayo futhi engiziqhenya 25 ngayo isipho esihle kabi,' washo uVelaphansi evula isikhumba sengwe kuthaphuka umsanka odabula ukhakhayi. Phela amaqaqa ayesedlulele ngokubola. Lavimbanisa iququ endlini kwavakasha izimpethu ngokushesha. ISilo sahleka inhlinini ngesenzo sikaVelaphansi. Izinduna zesaba ukwenanela ngokuhleka ngoba zabona ukuthi uMphephethe 30 unamagangangozi. Kwahlukwana esephelile amahlaya. Kukhona abaluma uVelaphansi indlebe ukuthi iSilo sidinwe sithelwa ngamanzi ngalesi senzo asenzile. Basho bengananazi ukuthi uzulelwa ngamanqe uma engabaleki. TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/2022 SC/NSC 15.6 Chaza imbangela yodweshu lwangaphakathi lukaVelaphansi olutholakala kulesi siqeshana. (1) 15.7 Chaza kafushane ubudlelwano phakathi kwehlaya likaVelaphansi nesisho esilandelayo. (2) ISISHO UKUNGENA NENJA ESONTWENI INCAZELO: Ukudelela 15.8 Qhathanisa okufanayo kule nganekwane ethi, 'Amahlaya Alala Insila' kanye nehubo elilandelayo: (3) Nkonyane kaNdaba Induna: We Nkonyane kaNdaba! Ibutho: Kwanyakaz' umkhonto, we Nkonyane kaNdaba Induna: We Nkonyane kaNdaba! Ibutho: Kwanyakaz' umkhonto, we Nkonyane kaNdaba. 15.9 Uyavumelana nombono wokuthi bukhona ubudlelwano phakathi kwale nganekwane nesithakazelo sakwaZulu? Sekela impendulo yakho. (1) Zulu! Zulu! Mageba! Nkosinkulu! Nina bakaMjokwane kaNdaba! Nina bakaPhunga noMageba Sizukulwane sikaNtombela, Malandela! KANYE NE NEZIBONGO: IZIBONGO ZIKAGCINA MHLOPHE 1 Isihlahla somdlebe esimayikayika, 2 Esiyikazela ngenhlobonhlobo zezithelo, 3 Ngoba siyikazele ngobuhle be-Afrika. 4 Usihlahla esigabe ngezithelo zaso, 5 Umkhiwane omuhle ongenazimpethu 6 Eminye yoniwa zibungu. 7 Abadla kuso abadeli, 8 Nezithelo zaso azipheli. 9 Usihlahla abaphumula kuso 10 Bamila izimpande. TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/2022 SC/NSC 11 Isihlahla esikhulise 12 Safukamel' izinyoni zase-Afrika, 13 Saye safukamela nezinyoni 14 Zamajalimane namaNtaliyane, 15 Abadala nabancane bethi sixolele. 16 Isihlahla abasibone eLandane basichelela, 17 NaseNyuvesi yaseThekwini basivukuzela 18 Isihlahla esimpande zaso zisabalele 19 Zinabele kwejulile 20 Imithombo. 21 Amaqabunga aso 22 Akhephuzela uthando, 23 Sithe singesakwaMhlophe 24 Samane sabamhlophe, 25 Siphethe okumhlophe! 15.10 Gagula isifengqo esitholakala emgqeni woku-1 bese usho uhlobo lwaso. (2) 15.11 Chaza kafushane umqondo osobala oshiwo yimbongi kusukela emgqeni wesi-7 kuya kowe-10. (2) 15.12 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano sigcino emgqeni we-16 kuya kowe-17 ezibongweni zikaGcina Mhlophe? Sekela impendulo yakho. (2) 15.13 Ngabe umugqa wama-23 kuya kowama-25 iwugqamise kanjani umoya walezi zibongo? Sekela impendulo yakho. (2) 15.14 Phawula ngekhono lembongi ekusebenziseni isaga esibhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-5 ezibongweni. (2) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 29 DBE/2022 SC/NSC ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 16: UMBUZO OMUDE KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Umbhali uyaye asebenzise isakhiwo ukukhulisa indaba yakhe. Xoxa ngamabanga esakhiwo kulo mdlalo okwenza indaba ikholakale. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 17: UMBUZO OMFUSHANE KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA F (Ehlathini laseMphekandlubu maqondana nehlanze lasoThukela, uChivenga unqamula ezindleleni zesintu ulibangise eMangethe. Ethi engazelele lutho avukelwe isigubhukane nguMdaluli lona obekade emlalele unyendle efokozini lotshani obude.) MDALULI: (ngezwi eliphuma ngomfutho nelethusayo.) Qhu! Zasha! Washa mqhuqhumbe nantu uqhomfane. Yaze yahlangana-ke idabuli 5 namhlanje. Ehhe! Ayaphela amaphupho. Kade ngangivele nginesifiso sokuba sihlangane esikhaleni kwaNtombela, ngakho-ke zibambe ziqine ndodamphini. Yizinkani zabababili-ke namhlanje. Ngithi usufike eMphelandaba. CHIVENGA: (wethukile, useze waqethuka waphakamisa izandla samuntu 10 ovikayo.) Yehheni we bantu! Nansi imihlola ingehlela bakithi. Ngavinjezelwa isiqhwaga ehlathini nje, ngabe ngisikweleta malini? MDALULI: (ngezwi eliphakeme.) Sengiyabathe ngiyakuzama ngenkwayindane kanye nangedelamagugu, lutho angikutholi kwerekwere ndini, kodwa-ke namhlanje ngikutholile. Ngikuthole endaweni efanele 15 nangesikhathi esifanele. Libuke uligcine-ke namhlanje. Uya kwaGoqanyawo. CHIVENGA: (wexwayile, ngezwi elidabukisayo, usikhuluma ubukwerekwere isiZulu.) Ngoba sengenzeni? Ngoneni kuwe mnumzane wami? MDALULI: (ngokufutheka, useze wamqwebulela amehlo.) Kanti usabuza wena 20 ekubeni vele nje unayo impendulo? Usuka lena kwelakini eMozambikhwi uzongephuca isinkwa sami kuleli, ucabanga ukuthi ngizoyishayela ihlombe-ke mina into efana naleyo? CHIVENGA: (usemcwebisele amehlo, usikhuluma ubukwerekwere isiZulu.) Phela akusimina engimela abantu empambanamigwaqo ngicele 25 ukubakhela izindlu, kepha yibona abazisukela emakhaya abo bafike ekhaya lami bazocela usizo kumbe bangifonele. Wena kumele ube nekhono eledlula elami emsebenzini wobumeselandi ukuze ube newozawoza kubantu. TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 30 DBE/2022 SC/NSC MDALULI: (uhleka inhlinini.) Ehhe! Ingani ukhuluma kahle nje? Njengoba 30 senginekhono lokukubhonya nje ngenxa yokungephuca amakhasimende ami ngoba ugabe ngokuthi unekhono lokwakha eledlula elami … (ugwabula imolontshisi ngokushesha yona lena elenga enqulwini nebikade ilokhu ibanjwe ibhande lokhalo. Umbhokla ngayo emhlane.) 35 MDALULI: (uze akhanule khathi egadla ephindelela.) Ehhe! Awungizwe! E-(egalela.) E-(egalela.) Awungizwe lapho ngihamba khona kwerekwere ndini. Yikhona uzophindela kwelakini lapho wavela khona ngoba sewucacelwe okwangempela ukuthi ngeke siphinde sizwane … (Athi noma ezama ukumhesha ngethilofolo likasemende 40 uChivenga, avele abuyele eceleni uMdaluli maqedane aqhubeke nokumgokloza umhlane uMdaluli. Aphelelwe ngamandla umlisa lona adiyazele abonakale esewa phansi.) CHIVENGA: (uyamemeza, usikhuluma ubukwerekwere isiZulu.) Ngelekeleleni bo! Nakhu ngidikadikwa ichalaha ngingaphethe mbhulanja. 45 MDALULI: (ngezwi eliphezulu elinesankahlu.) Kanti usaqhubeka ngempela nokungeyisa namanje wena mlisa? Yimina njalo wonke lona ombiza ngechalaha? (amgqeme ikhanda.) Nakho! (amphinde.) Nakhu-ya! Yikho lokhu! Tha-tha! CHIVENGA: (uyakhala, uyadazuluka.) Maye babo! 50 [Inkundla Yesi-5, Isigcawu Soku-1: Ikhasi 92–94] 17.1 Shono umsebenzi womlandi ngokuzokwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi siqeshana. (2) 17.2 Nikeza umyalezo odluliswa yilesi siqeshana bese usekela impendulo yakho. (2) 17.3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU udweshu oluphakathi kukaMdaluli noChivenga olutholakala kulesi siqeshana. (3) 17.4 Xoxa kafushane ngephupho lokuqala likaMdaluli elitholakala kulo mdlalo. (3) 17.5 Qhathanisa ukuvezwa komlingiswa onguZenyezile nomlingiswa onguHeshane ngezenzo zabo kulo mdlalo. (3) 17.6 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaLondiwe ukuba akazange ambophise ubaba wakhe uMdaluli? Sekela impendulo yakho. (2) 17.7 Yini inhloso yombhali yokwethula indikimba yodlame kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (2) 17.8 Chaza ithoni etholakala kulesi siqeshane. Bhekisa emagameni adwetshelwe. (3) 17.9 Ngabe isenzo sikaMbhebhezeli sokuvakashela uChivenga esibhedlela samukelekile yini kuwe? Sekela impendulo yakho. (2) 17.10 Uyazwelana nomlingiswa onguMaMlanduli ngesimo ayebhekene naso sokuhlukunyezwa uMdaluli? Sekela impendulo yakho bese usho ukuthi yikuphi owawungakwenza ukube kwakunguwe obhekene nalesi simo. (3) [25] TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 31 DBE/2022 SC/NSC UMBUZO 18: UMBUZO OMUDE AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Umbhali uyaye asebenzise isakhiwo ukukhulisa indaba yakhe. Xoxa ngamabanga esakhiwo kulo mdlalo okwenza indaba ikholakale. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 19: UMBUZO OMFUSHANE AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA G (KukwaVimbingwenya, kwaMcondo enkundleni yamcala. Amabutho nabantu bakwaVimbingwenya babuya embizweni eTsheni. Inyanga ibhananazile phezulu. Kuphakathi kwamabili. Amabutho ahleli phansi ayahuba. Izinkamba ziyaqhuqha kuphuzwa utshwala obebusale ngenkathi kuhanjiswa obebusiwe embizweni komkhulu. UNomehlo noSikhova bakhona. Babuye noMcondo ukuzomelekelela ekudingideni 5 udaba lomthakathi okwakuthiwa uhlala emhhumeni phezu koMngeni, kuthiwa usebaqedile abantu. Bazoqoqela inkosi ubufakazi ngalolu daba.) NOMEHLO: (uyahuba.) Zikude … Salimani … Zikude … (Uyawahola amabutho uwafundisa amahubo esizwe ngokwesicelo sawo.) 10 AMABUTHO: ZiseSamvula Wadondolozela Ngehhash' elimhlophe! NOMEHLO: Zikude … Salimani … Zikude … (Uyawahola amabutho.) 15 AMABUTHO: ZiseSamvula Wadondolezela Ngehhash'elimhlophe! (Aya lena nalena evumela ihubo ngamakhanda. Kushisa phansi.) ABANTU (bamane bathi nje memfu enkundleni behlome bephelele.) 20 BASEMAPULAZINI: (Kwakhala amacilongo kwaba ubupopopo.) Kula! Kula! Kula! Kula! Kula! Kula! (bakhuza isaga maqedane babathelekela.) IBUTHO: Sebephakathi! Isingene …! 25 AMABUTHO: (asukuma agxuma izithonto awezinsizwa ahlala ezikhalini zawo Kanti awezintombi aswacela ngemuva kwawezinsizwa yase idumelene! Ibhambabulana ngezinduku, ingqimuzana ngamawisa, igemezana ngezizenze, ibhoxana nangemikhonto.) TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 32 DBE/2022 SC/NSC IBUTHO: Ngizwe! Uyangizwa! Nangu unyoko! (Ibutho uShaqa kaSalimani 30 akasabagwazi usebabhokoda ngazo zombili ebadicilela phansi. Usekhwifwa amathe ngapha nangapha.) ABANTU (abanye bayazidela sebelwisa okwezilo. Abanye bacela BASEMAPULAZINI: empunzini bathi galo yephuka. Abanye bayabeqela laba abasubathayo bababhula ngamahawu balinga ukubabuyisela 35 khona.) MPHILIPHILI: (uyalamula. Umi ngakubantu bakaMgqabula. Uvimba amabutho kaSalimani acoboshisa abantu bakaMgqabula abalinga ukubaleka.) NOMEHLO: (uvimba nhlangothi zombili. Uyakhuza.) Hheyi wena Mphilphili! 40 Hheyi wena mbuka ndini! UsungakuMgqabula manje? (Uyamshekelela.) Kanti awubonakali nje usungapha? IBUTHO: (lithi lingezwa lelo likaNomehlo liphenduke libheke ngalapho uNomehlo esho kanjalo ngakhona. Liyambona uMphiliphili ehlehla nyovane, ehlehlela ngakwabaMgqabula. Liqonda kuyena 45 ngqo seliphaphatheka.) MPHILIPHILI: (uyabaleka.) NOMEHLO: (ulinga ukunqanda ibutho.) IBUTHO: (ligalela uMphiliphili esithendeni ngezizenze.) Uyangizwa mbuka ndini? 50 MPHILIPHILI: (uyanyongaza uyosithela.) AMABUTHO: (ayawashaya amuka nawo akaMgqabula.) ABANTU (bayahlakazeka.) Hhawu! Ngiyazisa! Saze safa kabi kangaka BASEMAPULAZINI: (Bezikhalela.) AMABUTHO: (ayabaxosha. Bathi uma besithela laba bakaMgqabula, 55 ayabuya.Akhuza izaga.) NOMEHLO: Kula! Kula! Kula! (Ekhuza isaga sabo.) AMABUTHO: Kula! Kula! Kula! NOMEHLO: He … be! AMABUTHO: Wusuthu! 60 NOMEHLO: Hebe! AMABUTHO: Wusuthu! NOMEHLO: Zikude; Salimani …! (Uhlaba ihubo.) AMABUTHO: (Avuma ihubo.) ZiseSamvula! NOMEHLO: Zikude …! 65 AMABUTHO: Wadondolozela ngehhash' elimhlophe! NOMEHLO: Zikude; Salimani! AMABUTHO: ZiseSamvula NOMEHLO: Zikude! (Ushaya phansi ngonyawo ukhomba phansi ngesizenze.) (ayasina alingisa uNomehlo.) 70 AMABUTHO: Wadondolozela Ngehhash' elimhlophe! NOMEHLO: Zikude Sali … (Uyasina. Ukhomba ngaphesheya koMngeni.) AMABUTHO: Zisesa. (Akhomba lapho kusithela ngakhona abakaMgqabula.) Zisesa … (Enza njengoNomehlo.) 75 (Kungazelelwe amabutho ezibusela kwamane kwathi nje memfu Onogqayi bawakaka.) [Inkundla Yesi-3, Isigcawu Sesi-2, Ikhasi 82–84] TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 33 DBE/2022 SC/NSC 19.1 Shono umsebenzi womlandi ngokuzokwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi siqeshana. (2) 19.2 Nikeza umyalezo odluliswa yilesi siqeshana bese usekela impendulo yakho. (2) 19.3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU udweshu olutholakala phakathi kwamabutho kaSalimani nabantu bakaMgqabuli kulesi siqeshana. (3) 19.4 Chaza kafushane indlela abelungu abathatha ngayo izwe lamaZulu enkosini uCetshwayo njengoba kuchaza uSalimane kulo mdlalo. (3) 19.5 Qhathanisa indlela yokuvezwa komlingiswa onguSalimani kanye neyabafowabo mayelana nokujeziswa kukaMphiliphili. (3) 19.6 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaSalimani ukuba icala laseMgungundlovu alimthethanga? Sekela impendulo yakho. (2) 19.7 Yini inhloso yombhali yokwethula indikimba yombangazwe kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (2) 19.8 Chaza ithoni etholakale kulesi siqeshane. Bhekisa emagameni adwetshelwe. (3) 19.9 Ngabe isenzo sikaMphiliphili sokuhambisana noHulumeni kaZithulele samukelekile yini kuwe? Sekela impendulo yakho. (2) 19.10 Uyazwelana nomlingiswa onguZithulele ngokulahlwa icala enkantolo yaseMgungundlovu? Sekela impendulo yakho bese usho ukuthi yikuphi owawungakwenza ukube kwakunguwe obhekene nalesi simo. (3) [25] TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 34 DBE/2022 SC/NSC UMBUZO 20: UMBUZO OMUDE UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Umbhali uyaye asebenzise isakhiwo ukukhulisa indaba yakhe. Xoxa ngamabanga esakhiwo kulo mdlalo okwenza indaba ikholakale. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 21: UMBUZO OMFUSHANE UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA H (Kusebhange. Angene uPhindisiwe emnyango wokuqala elandelwa nguNkululeko. Omunye asale emnyango eqaphile.) PHINDISIWE: Sondela nesibhamu usibeke okhalweni lwami okungathi uyangiphusha ngoba kunekhamera. Kufanele ngiyocima i-alamu kuqala. 5 NKULULEKO: (Ezibamba ukhalo.) Ungangitsheli insambatheka wena Phindisiwe. Angithi ikhamera nayo iyacinywa? PHINDISIWE: Kayikho enye indlela Nkululeko njengoba simi lapha siqondene nayo. NKULULEKO: (Ngokucasuka.) Ubungasho ngani sonke lesi sikhathi ukuthi 10 ikhamera ikhona emnyango? PHINDISIWE: (Ngokufutheka.) Akuwona umbuzo ongabuza mina lowo. Angithi nihlale nibamba inkunzi emabhange kanti nenza kanjani ngoba yinto yokuqala okufanele uyazi emqondweni wakho leyo. Phuma-ke kimina. (Aqhubeke afake ukhiye kuze kuvuleke 15 umnyango.) NKULULEKO: Kahle! Ingakuluphi uhlangothi leyo khamera ngoba kangiyiboni mina? Ngifuna ukuphonsa leli jezi ngiyivale uma kungenjalo ngiyihlaba ngenhlamvu. PHINDISIWE: Cha phela ubulima obuphindiwe lobo ngoba umsindo wesibhamu 20 yiwona-ke oyokudonsela amehlo. Imenenja yaseSuphamakethe isikhona isole ibize amaphoyisa. NKULULEKO: Ungalokothi ungibize ngesilima wena. PHINDISIWE: Esathunywa ugwayi sabuya neboza angikuncengi phela mina. NKULULEKO: Ungangicasuli wena vula lapha sekuyobonakala khona. 25 PHINDISIWE: (Ngesibindi avule umnyango.) Phakathi! (Emgquba.) NKULULEKO: (Eqalaza.) Sikuphi isisefo semali? (Ebheke ngakuPhindisiwe osefile wuvalo.) TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 35 DBE/2022 SC/NSC PHINDISIWE: (Eqonda kusona. Avule amkhombise amasaka email.) Yiyona-ke lena kayisekho enye. 30 NKULULEKO: (Embheka ngamehlo agcwele ulaka.) Hheyi ungazodlala wena. Yincane kabi le mali. PHINDISIWE: Kangisazi-ke ukuthi enye ngiyithathephi mina? NKULULEKO: Phindisiwe ngishilo uma siza lapha ukuthi kasizodlala. Ngeke ungitshele ukuthi le nkeshezana yiyona mali ibhange enalo lena. 35 (Akhiphe isibhamu) Uyayibona le nto. Ngicela ukuthi sizwane ingagcini isisebenza kuwena kungafanele. PHINDISIWE: Ungangidubula Nkululeko? (Esegcwele izinyembezi emehlweni.) NKULULEKO: Akulutho lokho. Yekela ukulokhu uchitha isikhathi ngemibuzo engasizi ngalutho. Khipha imali wena bo! Akuyona eyakho le mali. 40 (Emhlohloloza ngesibhamu.) Akulutho lokho. Yekela ukulokhu uchitha isikhathi ngemibuzo engasizi ngalutho. Khipha imali wena bo! Akuyona eyakho le mali. (Emhlohloloza ngesibhamu.) PHINDISIWE: Kahle Nkululeko uyangilimaza. NKULULEKO: Ufuna ukwenziwa ngale ndlela ngoba ulibele ukukhuluma. 45 Isikhathi siyahamba singaze siboshwe. Phangisa-ke! PHINDISIWE: (Useyaqhaqhazela manje. Avule kwesinye isisefo esithe ukucasha.) Shesha-ke nawe. NKULULEKO: Isiphelele? Indawo enifaka kuyo imali ye-ATM ikuphi? PHINDISIWE: (Eyovula omunye umnyango lapho bengena khona uma befaka 50 imali ku-ATM.) NKULULEKO: Kuxhuxhuma injabulo ebona izizumbulu zemali zilele kumakhasethi ehlukahlukene. Ngadla mina kababa ngingasaqali. (Ayitape samuntu enwampela uju lwezinyosi. Usejatshuliswa ngumgodla asewuthwele emahlombe.) Cha sekunesisindo 55 esibonakalayo. (Ezwe umsinjwana wabantu ngaphandle.) Ake uthule ngizwe. [Inkundla Yesi-4, Isigcawu Sesi-5, Ikhasi 93–94] 21.1 Shono umsebenzi womlandi ngokuzokwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi siqeshana. (2) 21.2 Nikeza umyalezo odluliswa yilesi siqeshana bese usekela impendulo yakho. (2) 21.3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU udweshu olutholakala phakathi kukaPhindisiwe noNkululeko kulesi siqeshana. (3) 21.4 Chaza kafushane iphupho likaMaMhlongo elitholakala kulo mdlalo. (3) 21.5 Qhathanisa ukuvezwa komlingiswa onguNkululeko nomlingiswa onguThamsanqa ngothando ababenalo ngoPhindisiwe. (3) 21.6 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaKholekile ukuba uNkululeko akagwetshwanga? Sekela impendulo yakho. (2) 21.7 Yini inhloso yombhali yokwethula indikimba yobugebengu kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (2) TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 36 DBE/2022 SC/NSC 21.8 Chaza ithoni etholakale kulesi siqeshane. Bhekisa emagameni adwetshelwe. (3) 21.9 Ngabe isenzo sikaSikela sokusiza uNkululeko samukelekile yini kuwe? Sekela impendulo yakho. (2) 21.10 Uyazwelana nomlingiswa onguMakhangela ngesimo ayebhekene naso sokudelela uThamsanqa ngenkathi uThamsanqa ekwakhe ezolanda izinkomo zakhe zamalobolo? Sekela impendulo yakho bese usho ukuthi yikuphi owawungakwenza ukube kwakunguwe obhekene nalesi simo. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 TableMountain Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all