Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 2 NSC June 2019 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 12201928 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 2 question paper from the NSC June Exam 2019, 28 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2019

Document textSearch extracted text and jump to a page.
SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS/ NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) 2019 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi angama-28. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/2019 SC/NSC IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhla lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emuva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli/Ubuciko bomlomo (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B: Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C: Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe ngezansi. ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE – Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE – UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO)  Phendula KUPHELA imibuzo yenoveli kanye neyomdlalo owufundile.  Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukwelekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO  Umbuzo omude ezinkondlweni mawuphendulwe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240.  Imibuzo emide enovelini kanye nasemdlalweni mayiphendulwe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390.  Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi abathemelezi, kodwa baphendula okubuziwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/2019 SC/NSC 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa ISIQEPHU NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/2019 SC/NSC OKUQUKETHWE Leli khasi liyokwelekelela ohlolwayo ukuba akhethe imibuzo azoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. 'Izibongo ZikaKufakwezwe' Umbuzo omude 10 6 2. 'Akasekho' Umbuzo omfushane 10 8 3. 'Imfihlo' Umbuzo omfushane 10 9 4. 'Ngibonga Ngiyanconcoza' Umbuzo omfushane 10 10 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo. 5. 'Nhliziyo Ungisaphi?' Umbuzo omfushane 10 11 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Phendula umbuzo OWODWA ESIQESHINI B kanye NOWODWA ESIQESHINI C. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO INOVELI: Phendula umbuzo OWODWA kule noveli/kulobu buciko bomlomo. 6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 12 7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 12 8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 14 9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 14 10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 16 11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 16 12. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omude 25 18 13. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omfushane 25 18 NOMA UBUCIKO BOMLOMO: Phendula umbuzo OWODWA kolobu buciko bomlomo obumiselwe. 14. Uju Lwezizukulwana Umbuzo omude 25 20 15. Uju Lwezizukulwana Umbuzo omfushane 25 20 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA kule midlalo emiselwe. 16. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 23 17. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 23 18. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 25 19. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 25 20. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omude 25 27 21. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omfushane 25 27 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE ESIQESHINI B kanye NASESIQESHINI C. Akuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma EMIBILI emfushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/2019 SC/NSC Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo. Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha, sebenzisa lolu hla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo olulandelayo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo okulindeleke uyiphendule. ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA YEMIBUZO LEMIBUZO () EPHENDULIWE A: IZINKONDLO (Ezimiselwe) 1–4 2 A: INKONDLO (Engamiselwe) 5 1 B: INOVELI (Umbuzo omude NOMA 6–13 1 omfushane) B: UBUCIKO BOMLOMO (Umbuzo omude NOMA 14–15 1 omfushane) C: UMDLALO (Umbuzo omude NOMA 16–21 1 omfushane) QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/2019 SC/NSC ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1: UMBUZO OMUDE Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo. IZIBONGO ZIKAKUFAKWEZWE – MSS Gcumisa (Umnewethu inkosi yakwaGcumisa engasekho) 1 Ingqungqulu eyabhul' amaphiko 2 Phezu komuzi esangwen' eTsheni 3 Zonk' izinyoni zakhothamis' amakhanda. 4 Ngimthande ebagax' izinsimbi nanxa 5 Sebecel' intethelelo. 6 Ingulule egijime yeqa izintaba 7 Abesifazane nezingane bapheza 8 Ukulal' ezintabeni, 9 Kwanqamuka nengelezane 10 Yokugeleza kwegazi ezweni. 11 Ithole, elikaLubanjane, elikaSigobhe, 12 ElikaManyosi , elikaSalimani, 13 ElikaMahlomehlathini njengohlanya, 14 Elikhale phezu komfula uMqeku, 15 Kwakhuphuk' indlezane yakoMapholoba 16 Emalangeni yalilabalabela. 17 Kanti izoliphahlaza ngelinomantshu 18 Izolibhakela ngenselw' enodaka. 19 Indaba eyenziwe abafokazana nezinduna, 20 Inkosi abaze bayikhombisa inxeba, 21 Yathi iyalihlaba kanti isiyaphimpiliza. 22 Isibeka luphawu lwesibazi, 23 Esingaseyuphela sishabalale, 24 Kazi nxa amaliba angaqhibuka namuhla 25 Baphume oMbabal' egweb' igijima, 26 NoNomadlikidlikana bangathini? 27 Nxa sebeqhamuk' elab' izwe 28 Seliziduliduli okungath' ezemihlwa 29 Okuthunqa kuzo intuthu, 30 Lapho kwashabalala khona 31 Awabo amahlathi ayengashunqi ntuthu. 32 Ukufakwezwe abamethe igama kanti uzolilandela, 33 Bath' ukufakwezwe izwe life ngaye kungabi ndaba zalutho. 34 Umvuli wezicabh' esengaphakathi 35 Wakhab' onobhadul' esengaphakathi 36 Zivalwe amadod' amabili phesheya kweNgoje 37 Enye eyakwaMgwaz' eMthini emide, 38 Enye eyakwaLuthuli eMathulini. 39 UMadondolozela: ngentong' encane 40 Kwezakwabo ekhohlwa 41 Ngob' udondolozela ngomfowabo UMlindeli. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/2019 SC/NSC Xoxa ngempumelelo yembongi ekusebenziseni ubuciko bokubumba inkondlo ngokwesakhiwo sangaphandle ukuthi kuhambisana kanjani nesigqi sayo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama ayi-190 kuya kwangama-240. Impendulo yakho mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:  Makuchazwe ukuthi kuyini ukubumbeka kwenkondlo ngokwesakhiwo sangaphandle kanye nesigqi senkondlo.  Makuphendulwe kunikezwe ukubumbeka ngokucaphuna izibonelo ngokwamabinza nokuthi kuhambisana kanjani nesigqi senkondlo.  Ukuveza uvo lwakho esiphethweni sempendulo.Impendulo mayihlelwe njenge- eseyi hhayi ngokwamaphuzu. [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/2019 SC/NSC UMBUZO 2: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. AKASEKHO – LTL Mabuya 1 Besinaye MANJE- 2 Ngokuphazima kwehl' akasekho; 3 Unyamalele! 4 Kuthiw' akagoduke, 5 UGODUKILE! 6 Akasekho … 7 Besinaye MANJE; 8 Uhambile. 9 Kazi ngizomtholaphi? 10 Kazi ngizomthungathaphi? 11 AKASEKH' UKUB' ENGEKHO! 12 Besinaye MANJE; 13 Ngokunyazima kweso 14 AKASEKHO: 15 UHAMBILE, 16 Kodwa besinaye MANJE! 17 HAMBA, Mbalenhle: 18 Ungakhohlwa YIMI! 19 Hamba Ntombenhle; 20 Ungikhumbul' emsingeni, 21 Emsingeni wamagagas' ezinhliziyo; 22 Nasemgugweni wothando lwezinhliziyo, 23 Laph' umkhumbi wothando ngiwugwedla; 24 Siphothana sipilingana sishwilingana 25 Kuyimin' umgwedli sipilingana! 26 AKASEKHO? 27 Goduka Gugw' elihle: 28 Nami ngilapha nje 29 KANGISEKHO! Angikho nhlobo; 30 Ngithathekile; Ngithathekile 31 SENGIYALANDELA 32 Angisekho ngempela: 33 Lutho! KANGISEKHO! 2.1 Nikeza izimo zokukhuluma EZIMBILI ezitholakala ebinzeni lokuqala kule nkondlo. (2) 2.2 Fingqa umqondo okuqukethwe ibinza lesi-2. (2) 2.3 Yini inhloso yembongi ekusebenziseni ukuphindaphinda kwegama 'AKASEKHO'? (2) 2.4 Ngabe imigqa yama-27 kuya kowama-31 inamthelela muni ekuqondeni kwakho indikimba yale nkondlo? (2) 2.5 Phawula ngokusetshenziswa kwamagama agqamile kule nkondlo. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/2019 SC/NSC UMBUZO 3: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. IMFIHLO – MH Mazibuko 1 Mfihloni len' engaka, 2 Zinyanya zakithi nonkana sitsheleni, 3 Izinyanga nezanusi ziwachitha ziwaqoqe, 4 Kanti kufihlweni? 5 Nonesifuba ugcina esemchathazela umngani, 6 Le mfihlo ayinamngani nasihlobo, 7 Othuke wakwelamela okufihliwe uyihlab' inhlali 8 Nabantabakhe uthi bayozibonela kuhle kwabenyoka. 9 Abalele bayabuya ngamaphupho, 10 Balethe izinhlanhla nemikhokha, 11 Noma kunjalo sebeze baqumbelana, 12 Bengayithi vu ngenhlalo yabo, 13 Kukhulu esafihlelwa khona, 14 Yonke imithetho iyeqiwa, ujeze, 15 Munye vo ongasoze weqiwa 16 Lowo uthi, 'Ngamunye ngamunye wozibonela azizwele' 17 Nesichwensi asichwenseli ngakuwo. 18 Liba izindaba zakho ziyaxaka azixoxeki, 19 Akukho namunye onyonyobayo, 20 Azosihlebela ngenhlalo yangale, 21 Kukhulu okufihlelwe ngale kwempilo yomhlaba, 22 Abanye bawuthumela igundane kepha kuwe lingelokothwe. 3.1 Nikeza isifengqo esitholakala emgqeni wesi-3 uphinde unikeze incazelo yaso ngokwenkondlo. (2) 3.2 Chaza kafushane umqondo oqukethwe ibinza lesi-2. (2) 3.3 Chaza umoya otholakala ebinzeni lesi-3. (2) 3.4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa amagama abhalwe ngokugqamile kule nkondlo? (2) 3.5 Xoxa ngempumelelo yembongi yokusebenzisa isimo sokukhuluma esisemgqeni wama-22. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/2019 SC/NSC UMBUZO 4: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. NGIBONGA NGIYANCONCOZA – Imbongi ayaziwa 1 Okweguqa lithath' ubunkunzi, 2 Lisacij' izimpond' okweklwa 3 Licijwa ngomlalazi. 4 Okwenzulu yeziziba ngisajula, 5 Nakhu sebengibek' umgqiki 6 Ebandla lezingengelezi, 7 Bengithwesa isicoco 8 Ngokudla umhlanganiso ngezinduku zomsimbithi. 9 Ngincoma ngiyanconcoza kubaciji bezimpondo. 10 Bezicija ngenjulo yenzulu yosikisiki. 11 Ngiphikelele kwelezinyandezulu, 12 Ningadinwa ukulokhu nicija izimpondo; 13 Umkhondo wokhondolo lwamaklume, 14 Uyohluma ngengqakazo yemikhondo yanamuhla, 15 Ngob' Inkunz' isematholeni. 4.1 Nikeza imvumelwano siqalo etholakala kule nkondlo. (1) 4.2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kwe-enjambamenti emgqeni wesi-7 kuya kowesi-8. (3) 4.3 Chaza umoya okhonjiswa umugqa we-13 kuya kowe-15. (2) 4.4 Ucabanga ukuthi ithoni esetshenziswe emgqeni wesi-9 inamthelela muni kokushiwo imbongi? (2) 4.5 Hlaziya indikimba yale nkondlo. (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/2019 SC/NSC INKONDLO ENGAMISELWE (Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo.) UMBUZO 5: UMBUZO OMFUSHANE NHLIZIYO UNGISAPHI? – JJ Thwala 1 Angiqondi noma amawongowongo omhlaba 2 Angiqondi noma ngiyisisulu sezivunguvungu 3 Ingqondo ivunguziswa yishisandlu lenhliziyo 4 Inhliziyo engikhomba phambili ngokushabasheka 5 Ishabashekela impokophelo nenhloso engaziwayo 6 Izimvalo ziludabule zigida ziphindelela 7 Isigcino isibindi saqholosha sanqoba 8 Sinqoba ngesibindi seqholo sokuthanda 9 Uthando oluzike enhliziyweni ejulile 10 Eluthando lwayo luzikile ngokujula. 11 Imibuzo enqala ubusuku nemini iluzamazamisile 12 Lwawa lavuka lwamela iqiniso 13 Inhliziyo lwayiqalanga luphindelela 14 Ukuzibamba nokubekezela kwangeqa kwangehlula 15 Isigcino amathambo okwenina ngazidela 16 Umncamo wempokophelo uzala impumelelo 17 Impumelelo ezalwa ukuqina kothando lweqiniso 18 Olungaqalangwe lwanginqoba ngancama ukuzidela 19 Ngizidela ngizidelela uthando lwendalo 20 Njengesipho soMdali ngehluleka ukubekezela 21 Kodwa ngizothi nhliziyo ungisaphi? 22 Ngizothi luthando yini oyibonile 23 Mpokophela nentshisekelo ningiholelaphi? 24 Ngabe yiso lesi yini isilulu sentokomalo? 25 Ngabe intabo nemfudumalo yami ilapho yini? 5.1 Tomula ukuxhumana okutshekile okusetshenziswe imbongi ebinzeni loku-1. (1) 5.2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kokuxhumana okusemgqeni wesi-9 kuya kowe-10. (3) 5.3 Chaza inhloso yokusetshenziswa kwesimo sokukhuluma esitholakala emgqeni we-15. (2) 5.4 Iyini inhloso yembongi yokukhetha igama uMdali kule nkondlo? (2) 5.5 Phawula ngekhono lembongi ekusebenziseni kophawu eliwumbuzi ebinzeni lesi-5. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/2019 SC/NSC ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Khetha uhlobo OLULODWA lombhalo phakathi KWENOVELI NOBUCIKO BOMLOMO, uphendule ngokulandela imiyalelo engezansi. INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6: UMBUZO OMUDE BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Xoxa ngempumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba yothando/yethemba kule noveli ethi, Bengithi Lizokuna. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:  Ukuchaza ukuthi iyini indikimba.  Ukuchaza, usekele ngezibonelo ezimayelana nendikimba kule noveli.  Impumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba kule noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 7: UMBUZO OMFUSHANE BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA A 'S'bu!' ememeza evula umnyango okwase kuvundle kuwo isidudla kubonakala nje ukuthi kasifuni nakancane ukuba bangene. Emva komzuzwana waqhamuka uS'bu, ephephuka naye. Badamuka ngomzuzwana utshwala esebona uNdumiso noZakithi. 'Zakithi, konje bengithe fika noNdu …?' ebuza eyenda ebanjwa ithwabi elixutshwe nokushaywa uvalo. 5 Akaligwinyanga lelo, kwase kuwubusantusantu emnyango, isidudla sesisho ukumqeda uZakithi. Akazithambisanga uZakithi, watibila bandla, wazama ukusishaya isidudla, kwaqathaka ithawulana elalibhinciwe, kasaba nandaba isidudla sansondo, sabhushuzela, saphephuka phezu kwakhe, samdonsa ngamasingili ayeweluke ekhanda, samndondonya, samndondonya. 10 'Uyifunani indoda yami? Uyifunani indoda yami?' sibuza simnikinikiza. 'Kahle phela Nomthi, musa ukushaya ingane yabantu ingenze lu …' kuncenga uS'bu ephephuka naye ezama ukulamula. Wabona uNdumiso ukuthi kayingangaye, wakhumbula izinsizi zakhe, wacabanga amaphoyisa qede wahlaba ngejubane eseqonde emotweni yakhe. 15 Wabashiya kanjalo belwa, esalokhu esincenge njalo uS'bu isidudla ukuba sixolele uZakithi, esaba nokho ukusondela asibambe ngenxa yokulwazi ulaka nesibhaxu saso. Sagcina simyekile nokho uZakithi, wavuka eseluthuqasana, amasingili esezilengela nje, izibuko zelanga sezifahlazekile, endlebeni sekusele icici elilodwa, izinzipho zokufakelwa seziqathakile zagcwala igceke, sekuklebhuke nokuyisiketshana, isithende sexhumela 20 elilodwa sesiphukile, eseziphethe ngesandla izicathulo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/2019 SC/NSC Wazama ukuthintitha izintuli ezase zimenze wamhloshana, wadiyazela, washona ezansi emgwaqeni. Wafika wama esitobhini, wakhomba phezulu ngomunwe ngenkathi kuqhamuka itekisi. Yama, wangena bandla emayoywana enjalo, engasenandaba nabantu ababembuka lapha etekisini banikine amakhanda, abanye bansinsitheke. 25 Wanele wahlala phansi nje, wo wayidedela impophoma yezinyembezi. 'Nx, ukuqoma izinja madoda!' esho enxapha ezithuntutha futhi ekhipha ithishu, efinya, esula negazi emlonyeni. Wayesanxapha nangenkathi kungena izindaba emsakazweni owawuvulwe lapha etekisini. Udaba olwaluhamba phambili kwakungelokubanjwa inkunzi usomabhizinisi 30 waseMargate nokubulawa kwensizwa kulokho kubanjwa kwenkunzi. Yachazwa imoto ebingenazinombolo ebihamba isigebengu, wachazwa nomlisa lowo osolwayo, kwanikezwa nenamba okungashayelwa kuyo uma kukhona ongaba nosizo ngomkhondo wesigebengu esichazwa njengesiyingozi kakhulu. 7.1 Ludalwa yini udweshu phakathi kukaNomthi noZakithi? (2) 7.2 Siyini isizathu esenza umlingiswa onguNdumiso angabalamuli oNomthi noZakithi? Bhekisa impendulo yakho kulesi siqeshana. (2) 7.3 Chaza kafushane ngokwenzeka esiphethweni salesi siqeshana. (3) 7.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU ukuvezwa komlingiswa onguS'bu ngokwalesi qeshana. (3) 7.5 Chaza isigameko esaholela ekutheni uNgidi aguqule umqondo mayelana nokuduba indodana yakhe uMhlengi. (2) 7.6 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaXolani ukube wathembeka kuLungile? Sekela impendulo yakho. (2) 7.7 Qhathanisa izenzo zothando lukaNontobeko kanye noNomalanga ngomndeni kaNgidi ukuthuthukisa indikimba yethemba kule noveli. (3) 7.8 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa isizinda saseThekwini naseGcilima? (3) 7.9 Uyavumelana nokuthi uMahlengi uyisisusa sodweshu empilweni kaNdumiso? Sekela impendulo yakho uyibhekise kumlingiswa onguNdumiso. (2) 7.10 Uyazwelana nomlingiswa onguNontobeko ngesikhathi ethola ukuthi uMhlengi usephila njengomuntu wesifazane? Sekela impendulo yakho. Yikuphi owawungakwenza uma kwakunguwe ubhekene nalesi simo? (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/2019 SC/NSC UMBUZO 8: UMBUZO OMUDE USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Xoxa ngempumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba yomcebo kule noveli ethi, Usumenyezelwe-ke Umcebo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:  Ukuchaza ukuthi iyini indikimba.  Ukuchaza, usekele ngezibonelo ezimayelana nendikimba kule noveli.  Impumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba kule noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 9: UMBUZO OMFUSHANE USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA B 'Musa ukumbulala Ntshangase!' ekhala uMirriam. UGenyeza wamvuba ngayo imvubu elokhu ethe, 'Ilumbo alidle umninilo' Waye wamkhipha ngesango. Wabaleka phose wazithela emotweni emnyama eyiBenz eyabopha kwaklewula amathayi. Yathi xinti, yedlula. Isikhwama uGenyeza wasiphonsa emgwaqweni, wagqolozela umthwebuli wathi, 'Niyabona, angiyithandi le nto 5 eniyenzayo.' 'Senzeni manje mfo kaNtshangase ngoba phela asisangeni nalapho?' 'Ngiqondisa izigwegwe, nina ningikhipha emaphepheni.' Emnyonkoloza evala isango. 'Angizwani nezintatheli mina. Zangizuma ngesithombe ehhotela ngizidlele.' Ebuyela kuMirriam. 10 Ntambama umqashi kaGenyeza uDonald Campbell wathola ucingo olalushaywa wuDicey, ecela ukuba akhulule uGenyeza azoziphendulela ecaleni lokudindela iNkanyamba kwakhe. Ehleka kancane uCampbell wavuma ukuthi wayezomletha yena mathupha. Nempela akuphelanga sikhathi esingakanani yatheleka imoto yakwaCampbell emagcekeni akwaDicey, kunguyena uDon nomkakhe phambili, 15 noGenyeza ngemuva owayehlezi emise umshiza nemvubu phakathi kwemilenze. Wagobozela uCampbell esafarini oyizikhindi eziyizihlabathi zolwandle, bangena endlini okwakukhona kuyo oDicey nomkakhe, uJohan Wessels nomkakhe uMaLanga, UCarla awayewumphathisikole ayeyinduna kuso uDakiyose. Bathi voshosho nabo kosofa. Kwabingelelwana ngaleyo ndlela yesilungu. 20 'Wethu!' uGenyeza ephakamisa isandla ebingelela uWessels. 'Fezela omkhulu, ongenasibiba nabuthi!' ehlala kusofa eceleni kukaMirriam. 'Dadewethu kababa, namuhla amageja alingene abalimi, umkhumiso ulingene izintondolo. Impungushe ecathamela amatshwele abantu izobonakala ngombala,' ebabuka bonke belinganisene nezithandwa zabo. 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/2019 SC/NSC Wanikina ikhanda kancane wacimeza uWessels. Wayengathandi ukuthoshwa phambi komkakhe owayehlala emkhuza ukuba ayeke ukuzehlisa ngokushaya indlamu nabantu abamnyama. Ayengakakwazi umkakhe uCarla ukuthi lesi sifundiswa sensizwa sasizifikela nasemqombothini. Washeshe wafunda kwezakhe uGenyeza ukuthi wayephaphalazile ngokukhombisa ubungani nomhlophe phambi kwabakubo. 30 UDicey ithuba lokweneka udaba walinika umkaWessels owalugana kakhulu unwabu esebona uGenyeza, kwanyakama nobuso ekwitiza. 'Angisazi mama wakwaFezela isiNgisi,' UGenyeza emephula ulimi. 9.1 Ludalwa yini udweshu phakathi kukaGenyeza nentatheli? (2) 9.2 Yisiphi isizathu esenza ukuba umlingiswa onguDicey ashayele uDonald Campbell ucingo? (2) 9.3 Chaza kafushane ngokwenzeka esiphethweni salesi siqeshana. (3) 9.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU ngokuvezwa komlingiswa onguGenyeza ngokwalesi siqeshana. (3) 9.5 Chaza isigameko esaholela ekuboshweni kukaDaffo okwesibili. (2) 9.6 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaChule ukube akafunanga ukubulala uNomvula? Sekela impendulo yakho. (2) 9.7 Qhathanisa izenzo zikaDaffo kanye noMaHadebe eziveza uthando lwemali. (3) 9.8 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa isizinda saseThusini naseMangweni? (3) 9.9 Uyavumelana nokuthi ukuwina kukaNomvula umjaho wamahhashi yikhona okube yisisusa sodweshu empilweni kaNomvula? Sekela impendulo yakho. (2) 9.10 Uyazwelana nomlingiswa onguMaHadebe ngokushonelwa yindodana yakhe enguMahuzu? Sekela impendulo yakho. Yikuphi owawungakwenza uma kwakunguwe obhekene nalesi simo? (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/2019 SC/NSC UMBUZO 10: UMBUZO OMUDE KUNJALO-KE – MJ Wanda Xoxa ngempumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba yesimilo esixegayo kule noveli ethi, Kunjalo-ke. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:  Ukuchaza ukuthi iyini indikimba.  Ukuchaza, usekele ngezibonelo ezimayelana nendikimba kule noveli.  Impumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba kule noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 11: UMBUZO OMFUSHANE KUNJALO-KE – MJ Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA C 'Umama benosisi sebefikile ekhaya.' Kwabonakala uyise ethuka kodwa wangaphendula. Wayenqena ukuphawula ngoba wayecabanga ukuthi ingane iyamkhohlisa. Bahamba ngokushesha, uBahlekile elokhu egxumagxuma ngaphambi kukayise sengathi udlala umdlalo umagalopha. UKheswa wayehamba ecabanga: 'Ngoba kungase kwenzeke ngempela nje madoda ukuthi uMaNdovela ukhona ekhaya. 5 Ngizovele ngingabe ngisasho lutho. Ehhe, okwakobani nje ukuba yimpohlo?' Bahamba njalo oBahlekile noyise baze bafika ekhaya. UKheswa wangena ekhishini, wadonsa isigqiki sakhe, wahlala phansi. 'Awu, senibuyile MaNdovela?' 'Yebo!' esholo phansi. 10 'Khona bese ngizwile ngendodakazi ukuthi senifikile. HHayi-ke siyabonga.' UKheswa wabe esecela umkakhe ukuba baye koxoxela endlini yabo yokulala. Lwamuthi heqe uvalo uMaNdovela, wacabanga: 'Mhlawumbe le ndoda seyifuna ukuyongiqoba amaphisisi nje, kwazi bani?' Wayengaqondi kahle ukuthi umyeni wakhe wayekusho ngomoya okhululekile yini 15 lokho. Nokho wama isibindi, wamlandela baze bayongena endlini. Kwathi bangahlala phansi, uKheswa wathatha wathi: 'Nathi lapha MaNdovela besihlangene izolo. Sibonisene siwuzalo ukuthi kufanele ngikulande eMbumbulu. Wukuthi nje kwasuke kweqa amazwi nkosikazi ngenxa yentukuthelo.' Athule kancane uMaNdovela ebheke phansi. Kuthi ngesikade bese ethi: 20 'Ngiyezwa yise kaDumazile. Ngiyabonga uma usuwahoxisile amazwi akho. Ngiyabonga NoZulu.' UMaNdovela wamlandisa-ke umyeni wakhe ngohambo lwaseMbumbulu. Nakuba kwakubuhlungu nokho, kodwa indoda yayisibhodlile. 'Ngubani igama lomntwana?' 25 'Batheni konje onesi? O, bathe ngutasika nguLilatho.' 'Uliqanjwe ngubani umntwana leli igama?' Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/2019 SC/NSC 'Uliqanjwe nguDumazile. Ugange kabi yena, usekwazi ukuqamba ingane naye ebe eyingane!' 'Lolu hlobo lwegama alwandile lapha ezansi. Ungumhlobo muni yena uthisha?' 30 'Sengathi ungumSuthu. Ehhe.' 'O, kusho ukuthi yilaba bakaMshweshwe! Cisho impela. Hhayi-ke akulutho phela ngoba nabo ngabantu. Umzukulu sengiyomkhunga kusasa.' 11.1 Ludalwa yini udweshu lwangaphakathi kuKheswa kulesi siqeshana? (2) 11.2 Siyini isizathu esenza ukuba uMandovela abe manqikanqika ngokulandela uKheswa uma embiza ukuya endlini yabo yokulala? (2) 11.3 Chaza kafushane ngokwenzeka esiphethweni salesi siqeshana. (3) 11.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU ngokuvezwa komlingiswa onguKheswa ngokwalesi siqeshana? (3) 11.5 Chaza isigameko esaholela ekutheni uMaNzimande agcine esesebenza emakhishini. (2) 11.6 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaMtalaselwa ukube walalela unina uma emtshela ukuthi ahlukane noDumazile? Sekela impendulo yakho. (2) 11.7 Qhathanisa izenzo ezifanayo zikathisha uMoloi kanye noDumazile eziveza ukuxegelwa yisimilo kule noveli. (3) 11.8 Yini inhloso yombhali yokusebenzise isizinda saseMzimkhulu nesaseMlazi? (3) 11.9 Uyavumelana nokuthi uMoloi ube yisisusa sodweshu empilweni kaDumazile? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa onguMoloi. (2) 11.10 Uyazwelana nomlingiswa onguSithole ngokuthengiswa kweveni lakhe nguDumazile? Sekela impendulo yakho. Yikuphi owawungakwenza uma kwakunguwe ubhekene nalesi simo? (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/2019 SC/NSC UMBUZO 12: UMBUZO OMUDE IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Xoxa ngempumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba yobuntu/ukungabi nobuntu kule noveli ethi, Impi yabomdabu isethunjini. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:  Ukuchaza ukuthi iyini indikimba.  Ukuchaza, usekele ngezibonelo ezimayelana nendikimba kule noveli.  Impumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba kule noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 13: UMBUZO OMFUSHANE IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA D 'Ugogo yisisebenzi lapha ekhaya, hhayi uphilinsiphali noma ungqongqoshe wezemfundo njengoba yena ecabanga.' 'Yena uMa-X ulungile. Yizo izintwana zakhe ezincane ezithanda ukuba sinengiso. Futhi thina naye siyezwana. Ngibona ukuthi nina nixatshaniswa nangokungaqoqi kwakho.' 5 'Ngiqoqeni manje Melly?' kubuza u-Euthenasia elokhu esika imibengo kashizi eyiphonsa emlonyeni. 'Uqoqe nje ekamelweni lakho. Futhi uma kade udla, usibeke isitsha obudla ngaso esinkini esikhundleni sokuba usishiye lapho ubudlela khona. Kwenye inkathi, nami ngiye ngesabe ukungena ekamelweni lakho mfowethu. Kuye kungathi kuzophuma inyoka.' 10 'Angizwa ukuthi yini ekuphatha kabi ekwenzeni kwami lokho Melly. Uma mina ngiqoqa isitsha ebengidlela kuso, sizosebenzani isisebenzi salapha ekhaya? Mina ngiyingane yalapha ekhaya, hhayi isisebenzi. Mina ngiyinkosana yakwaNgubane, wena uyinkosazana. Lokhu asizikhethelanga, kodwa kwabekwa ngaphezulu. Wena Melly uke akubize ngenkosazana ugogo. Kuhle lokho. Mina ''akacingi'' ukuba angibize 15 ngonkosana.' 'Awu kahle Euthy ukungihlekisa. Nawe usufuna ukubizwa ngenkosana? Ungunkosana usuyiNdiya yini? Mina ngazi amaNdiya abizwa ngonkosana lapha emakethe, ngingazi ukuthi lo bunkosana abuthathaphi amaNdiya. Mina ngingamkhuza ugogo uma ekubiza ngonkosana. Futhi nomama angiboni ukuthi angakuthanda lokho.' 20 'Cha Melly, bengingasho ukuthi sengifuna ukubizwa ngonkosana. Nami iyangidina into yokubizwa amaNdiya ngonkosana. Mhla ngakhula, ngozinika umsebenzi wokuba ngiphume umkhankaso wokushumayeza abantu bakithi ukuba bayeke lo buncelebane babo benkosanisa amaNdiya, bekhosiza bebasabisa nabeLungu. Kodwa phela ukuba ugogo usebenzela abelungu noma amaNdiya ngabe ugogo ungibiza ngonkosana.' 25 'Ngoba nawe kuloyo mkhankaso Euthy. Okwamanje zama ukuqoqa ekamelweni lakho, bese uthatha njalo isitsha obudla ngaso usifake esinkini. Uma wenze njalo nohlalisana kahle nogogo Ma-X.' 'Khona ngizozama noma lo kuthunywa kokwehla nokwenyuka kade ngakwehla. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/2019 SC/NSC 13.1 Ludalwa yini udweshu phakathi kuka-Melody no-Euthenasia kulesi siqeshana? (2) 13.2 Yimuphi umkhankaso owawuzokwenziwa u-Euthenasia uma esekhulile? (2) 13.3 Chaza kafushane ngokwenzeka esiphethweni salesi siqeshana. (3) 13.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU ngokuvezwa komlingiswa ongu- Euthenasia ngokwalesi siqeshana. (3) 13.5 Chaza isigameko esaholela ekutheni uBafana ahambe kwaMaMthunzi. (2) 13.6 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaNgubane ukube akabuyelanga eMpaphala? Sekela impendulo yakho. (2) 13.7 Qhathanisa izenzo ezifanayo zikaHlanganisani kanye no-Uzithelile ekuthuthukiseni indikimba yobuntu yale noveli. (3) 13.8 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa isizinda saseMlazi naseMpaphala? (3) 13.9 Uyavumelana nokuthi ukungabi nobuntu kukaBafana kumalume wakhe yikhona okwaba yisisusa sodweshu? Sekela impendulo yakho. (2) 13.10 Uyazwelana nomlingiswa onguNgubane ngakutshelwa nguThathezakhe Mdlalose? Sekela impendulo yakho. Yikuphi owawungakwenza uma kwakunguwe ubhekene nalesi simo? (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/2019 SC/NSC UBUCIKO BOMLOMO UMBUZO 14: UMBUZO OMUDE UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba Phendula umbuzo OWODWA. Izinganekwane namahubo kuveza izindikimba ezithize'. Hlaziya ubuye usekele isitatimende esingenhla ubhekise kulezi zinhlobo zobuciko bomlomo. ISIQESHANA E INGANEKWANE: Unwabu Nentulo – Indikimba yokudabuka kokufa. IHUBO: Thina Senze Nje - Indikimba yesibindi. THINA SENZE NJE Igosa: Thina senze nje, Abasebenzi: Thina senze nje uma sifun' imali. Thina senze nje. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:  Ukwethula nokuchaza indikimba.  Ukuphendula umbuzo ngokwesekela ngokwenganekwane kanye nehubo.  Ukuveza uvo lwakho ngezindikimba zobuciko bomlomo ozinikeziwe. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 15: UMBUZO OMFUSHANE IZINGANEKWANE: 'IMPISI EYISIMINZI' Fundisisa lesi siqeshana senganekwane bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA F Umxoxi: Kwesukasukela … Abalaleli: Cosu! Kwakukhona impisi eyayihlala ehlathini laseNtshonalanga. Le mpisi yabe iyisiminzi futhi inomona nokudla. Kwase kukaningi uHlakanyane ebona ukuthi impisi iyisiminzi. UHlakanyane wayebona indlela impisi edla ngayo uma kunenyama evelile endaweni 5 ukuthi ngempela inomona nokudla. Kwakunzima-ke ukuthi uHlakanyane ayibonise impisi ngoba yayingazithathi izeluleko ezivela komunye umuntu. Angiyiphathike ekaHlakanyane ngoba wayenesidumbu esincane futhi edelelekile. Langa limbe uHlakanyane wahlangana nempisi ehlathini. Impisi yayizingele yaze yakhathala, imanzi te ngumjuluko kodwa lutho inhlanhla ukubonwa. 10 'Kukhona ihhashi engilibulele ngasemfuleni,' washo uHlakanyane edlula ehamba eceleni kwempisi ngokushesha. Yamsukela impisi, 'Ungakhuluma indaba ebaluleke kangaka udlula.Uthi kwenze njani?' Yabuza impisi ikhotha izindebe. Inyama yayithandeka lapha kwelikampisi. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/2019 SC/NSC Wama isikhashana uHlakanyane ephendula, 'Ngiyobiza abangani bami amanqe ukuze 15 bazokudla inyama. Alicebile ihhashi, ngilibone kahle namuhla. Uma ngilibala lizoze litholwe ngabanye,' wahlaba ngejubane uHlakanyane engavalelisanga. Impisi yasuka ngelikhulu ijubane ibheke ngasemfuleni ukuyobheka leli hhashi okukhulunywa ngalo. Kwase kuvuke nesifo sayo esidala sokuba nomona. Iwazi kahle amanqe ukuthi uma engafika, angashiya amathambo emhlophe qwa ngokuphazima kweso. Igijima nje 20 impisi ayiyekile ukuqalaza phezulu. Icabanga ngamanqe ahlala ezula ethungatha isilwane esifile. Asebizwa ngokuthi ayizinhloli. Impisi yagijima igudla umfula ilule umqala futhi iqalaza lapho isidumbu sehhashi sidindilize khona. Impisi yalibona ihhashi lilele phansi yacabanga ngokushesha ukuthi amanqe azoyibangisa uma engatheleka kusenjena.Yacabanga futhi ukuhlaba ngejubane iphikelele ekhaya iyobiza inkosikazi 25 kanye nezingane bazozitika ngenyama ethambile yehhashi. Impisi yacabanga isu lokuhudula ihhashi iyolimboza ngotshani kude ngaphambi kokubiza izingane kanye nenkosikazi. Uma ingakwazi ukulihudula ilisuse kule ndawo, kuzobe sekungelayo. 15.1 Shono isizinda ngokwendawo esitholakala kule nganekwane. (1) 15.2 Chaza kafushane izinto EZIMBILI ezenziwa yimpisi ezibonisa ukuthi inomona nokudla. Bhekisa impendulo yakho kulesi siqephu. (2) 15.3 Nika isaga ngokusebenzisa igama elidwetshelwe bese uchaza ukuthi ukuqanjwa kwalesi saga kuxhumana kanjani nokwenzakala kule nganekwane. (2) 15.4 Hlanganisa ndawonye okufanayo phakathi kwenkulumo kaHlakanyane kanye nesisho esithi, 'ukusenga ezimithiyo'. (3) 15.5 Chaza udweshu lwangaphakathi olukhungethe umlingiswa oyimpisi kulesi siqeshana. (2) 15.6 Xoxa ngomyalezo otholakala kule nganekwane ubhekise kumlingiswa oyimpisi. (2) 15.7 Phawula ngekhono lomlandi ekwethuleni isakhiwo senganekwane ubhekise esingenisweni sale nganekwane ethi, 'Impisi Eyisiminzi'. (3) KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/2019 SC/NSC ISIQESHANA G: SIHLANGANISA IZIBONGO NEHUBO Fundisisa lobu buciko bomlomo obulandelayo bese uphendula imibuzo elandelayo ngezansi: IZIBONGO: 'ISIQHINGI SASE-ROBBEN ISLAND' 1 Kwelingafelwa nkonyane idlelo, 2 Idlelo lemihlambihlambi. 3 Eminye yahamba amasolokohlo, 4 Bahlal' inhlal' ehlasimulis' umzimba, 5 He! Kwehla ngamphimbo munye. 6 Izilomo zaphenduka izaliwakazi, 7 Bevez' elomhlath' omaluma bephephetha, 8 Ababekhaphel' imihlambi kuwe. 9 Babengazi babawelise ngelibanzi, 10 Esiqhingini sensinde nobabe 11 Lapho zizofika zinamathele khona. 12 Phakathi kokubi okwenziwa abenzi 13 Omenziwa abakubambele gqubu wena. 14 Siqhingikazi esakhulis' imiqondo yamabutho. 15 Siqhingikazi esondla izingqalabutho. 16 Mbelekazi abawugwansisa ngenzondo. 17 Bashaye phansi kwashunqa osiyazi. 18 Wena wawudalelwe ubunsengwakazi 19 Ube ngunondlini wakwethu. 20 Namuhla uklezisa izizukulwane, 21 Namuhl' azipheli kuwe zivakash' int' engapheli, 22 Sengathi kusemakhabonina 23 Lapho beyofike bavutshelwe amasi. 24 Bengasekho ababeboshwe ngamaketang' obandlululo, 25 Bengasekho abayobanjwa ngamatomu engcindezelo, 26 Kungasekho bungasekho qha ubugqila. 27 Kulesi siqhingi sekusezweni lesethembiso. 28 Umhlaba jikelele ungofakazi. IHUBO: SENZENI? Igosa: Senzeni na? Abavumayo: Senzeni na? Senzeni na? 15.8 Nikeza ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 bese usho nohlobo lwakho. (2) 15.9 Chaza kafushane ukuthi ihubo elithi, 'Senzeni' lixhumana kanjani nezibongo zesiqhingi sase-Robben Island. (2) 15.10 Chaza isizathu sokungathekisa isiqhingi saseRobben Island ngonondlini. (3) 15.11 Phawula ngokusetshenziswa kwesisho esibhalwe ngamagama agqamile kulezi zibongo. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/2019 SC/NSC ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 16: UMBUZO OMUDE KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Xoxa ngempumelelo yombhali ekubhebhethekiseni udweshu kuze kuyofika kuvuthondaba kulo mdlalo othi, Kudela Owaziyo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama–340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:  Ukwethula nokuchaza izinhlobo zodweshu.  Ukuphendula umbuzo ngokuphawula ngempumelelo yombhali ekubhebhethekiseni udweshu kanye nokucaphuna nokwesekela ngokwencwadi.  Ukuveza uvo lwakho. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 17: UMBUZO OMFUSHANE KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA H (Emini, kuvulandi wendlu kaMdaluli, umkakhe uMaMlanduli nezingane zabo bahlanganise amakhanda.) MDALULI: (Uhleka sengathi akathandi) Ngiyathokoza ukuphinde ngibonane nani mndeni wami emveni kwezinsukwana sihlukane ngenxa yesizathu leso nani enisaziyo. 5 MAMLANDULI/ (Kanye kanye bekhombisa ukuthakasa) LONDIWE/ Nathi futhi siyathokoza baba. KHOMBEPHI/ NENELEZI: MDALULI: (Uhleka inhlinini) Kodwa-ke phela kukhona iqiniso okumele nihlale nilazi kumbe-ke nginikhumbuze lona uma kuya ngoba senilikhohliwe. MAMLANDULI/ (Kanye kanye, bemangele) 10 LONDIWE/ Qiniso lini lona lelo baba? KHOMBEPHI/ NENELEZI: MDALULI Izinkunzi ezimbili zingehlale esibayeni sinye. MAMLANDULI: (Enqekuzisa ikhanda) Yiqiniso lelo baba. KHOMBEPHI/ (Ngokushiyana kwamazwi) Washeshe wavuma nje mame NENELEZI: ungakezwa nokuthi ubaba uwagudliselaphi la mazwi akhe. Uyazi 15 ukuthini? (Kanye kanye) Thina sisadidekile. MDALULI: (Ngezwi eliphakeme) Musani ukudidwa yinto esobala zibe zikhona izinto ezixakile okufanele ngabe zinilethela ukudideka. Mina nendodakazi yami uLondiwe sibanga ubukhulu kulo muzi, kusobala- ke ukuthi sonke sesingomakhonya izinkunzi ezimalundalunda. 20 Sekumele kucace-ke manje! Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/2019 SC/NSC LONDIWE: (Umqwebulela amehlo, umangele) Ukuthini? MDALULI: (Ngezwi lokubhavumula) Impendulo yalowo mbuzo wakho ilula kakhulu ndodakazi: Osekumele kucace manje wukuthi iyiphi ngempela inkunzi ekhonyayo futhi enomhlwenga lapha ekhaya 25 phakathi kwami nawe.Ngaleso sizathu-ke ngithi qoqa konke okungokwakho okukulo muzi Londiwe uphume uphele kuleli gceke ugcwale amathafa … KHOMBEPHI/ (Kanye kanye sebeqwebule amehlo) NENELEZI: Hawu! 30 LONDIWE: (Usebuyise izinhlonze, usegqolozele uyise) Ini? Angizwanga wumoya! MDALULI: (Ngobudlova.) Ingani ngikhuluma nawe nje? Ufuna ukubonani kanti? Ngithi angisakufuni kulo muzi ngakho-ke qoqa onke amasakana akho ubone ukuthi ulibhekisaphi nezwe. 35 LONDIWE: Ayikho leyo nto! MDALULI: (Ngokufutheka) Hheyi wena! Yini engekho manje? Ngithi kukhona okude kusina kukujeqeza njalo wena. Ngibeka uzuka wena ubeka utiki? Yimihlola kaGambu yini lena? 17.1 Sizathu sini esenza umlingiswa onguMdaluli ajabule? (2) 17.2 Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (2) 17.3 Chaza kafushane ukuthi ubudlelwano phakathi kukaMdaluli noMbhebhezeli buyithuthukise kanjani indikimba yalo mdlalo. (3) 17.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU okwaholela ekutheni uMdaluli agcine esexoshe uLondiwe emzini wakhe. (3) 17.5 Ngabe amazwi abhalwe ngokugqamile amveza njengomlingiswa onjani uMdaluli? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 17.6 Iyini inhloso yombhali ukusebenzisa indikimba yodlame lwasekhaya kulo mdlalo? (2) 17.7 Chaza isizathu sombhali sokusebenzisa isizinda sesikhathi samanje esitholakala kulo mdlalo ubhekise kumlingiswa onguHeshane. (3) 17.8 Ucabanga ukuthi isigameko esifihlelwe umlingiswa onguHlengiwe mayelana nenhloso yokuthandana kwakhe noChivenga sasingaba namuphi umphumela empilweni yakhe ukuba wagcina azi? (2) 17.9 Ngabe uyavumelana nokuthi lo mdlalo uphela ngopholavuthondaba? Sekela impendulo yakho. (2) 17.10 Xoxa ngokuphumelela kombhali ekuvezeni isixakaxaka kulo mdlalo. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/2019 SC/NSC UMBUZO 18: UMBUZO OMUDE AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Xoxa ngempumelelo yombhali ekubhebhethekiseni udweshu kuze kuyofika kuvuthondaba kulo mdlalo othi, Awuwelwa UMngeni. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama–340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:  Ukwethula nokuchaza izinhlobo zodweshu.  Ukuphendula umbuzo ngokuphawula ngempumelelo yombhali ubhebhethekiseni udweshu kanye nokucaphuna nokwesekela ngokwencwadi.  Ukuveza uvo lwakho. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 19: UMBUZO OMFUSHANE AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA I (Kusenkantolo emshwathi. Kungena uSalimani. Uphahlwe oMbongolo noNodwengu. Bona balandelwa oMcondo, noGundane, noMcanjana. Bona balandelwa uSikhova ohola uPhehlitshe neZinyathi neBhambe. UMakhwelantaba uvive phandle.Onongqayi bayaphithiza. Bayaphuma bayangena. Bayaphambana.) SALIMANI: (Ungena nabafowabo uqonda ebhentshini eliphambili.) 5 AMABUTHO: (Ahlala kwamanye amabhentshi) UPhehlitshe uma ngezinyawo aqaqele ngezindonga. Kuthule kuthi cwaka.) ONONGQAYI: (Kungena iviyo labo lengama iminyango yonke abanye baqaqela phezulu lapho kuhlala khona imantshi uma ithetha amacala.) NONGEJENI: (Ungena uqonda kuSalimani. Uyakhuleka. Uyakhothama.) Imantshi 10 ithi angikucela uwakhiphela phandle amabutho akho. (Ukhulumela phansi.) SALIMANI: (Enikina ikhanda.) Ngeke ngiwakhiphe. Aphelezela mina onongqayi bakhe abathe uthe abongingenisa lapha nengihamba nabo. NONGEJENI: (Ethithiza uyahamba uyaphuma. Ukhuluma nonongqayi ukhulumela 15 phansi. Uyaphuma.) SALIMANI: (Uhlanganisa amakhanda kuqala noMbongolo. Kamuva noMcondo. Bakhulumela phansi.) ZITHULELE: (Ungena uholwa onongqayi abangosayitsheni ababili ulandelwa uNongejeni.) 20 ONONGQAYI: Sukumani! ZITHULELE: (Uqonda esihlalweni sakhe. Osayitsheni bema ngapha nangapha kuka Zithulele. Ngenhlana kwamabhokisi elofakazi nelombekwacala.) NONGEJENI: (Uyohlala esihlalweni sofakazi.) ZITHULELE: (Uyasukuma esihlalweni wehlela lapho kuhleli ngakhona uSalimani. 25 Ubambelela epulangweni ngezandla zombili uqhweba uSalimani.) SALIMANI: (Uyasukuma uqonda kuZithulele.) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/2019 SC/NSC ZITHULELE: (Ekhulumela phansi.) Khipha amabutho akho aphumele phandle. (Ukhomba phandle.) SALIMANI: (Enikina ikhanda.) Ngeke ngikwenze lokho. 30 ZITHULELE: Uma ungakwenzi lokho ngizojuba amabutho ami abakhiphe ngenkani.Uma kungenjalo ngizobabopha. SALIMANI: Uma ufuna kufe gula linamasi ungakwenza lokho. ZITHULELE: Phungula laba bantu bakho! (Ekhomba ngakwesokudla sakhe lapho kunebhokisi lababekwacala khona.) Ukuze kuvuleke 35 indawo kungene laba ababoshiwe. SALIMANI: (Abuyele endaweni yakhe useyabitoza. Uqhweba uSikhova.) SIKHOVA: (Usondela kuSalimani.) SALIMANI: (Bakhulumela phansi.) SIKHOVA: (USikhova uya lapho kuhleli khona iZinyathi.) 40 SIKHOVA: (Uzikhomba phandle iZinyathi. ZINYATHI: (Ziphumela phandle zihlangana noPhehlitshe phandle.) DAKWA/NDICOSHO: (Angene eholwa nguNomehlo. Akakwe onongqayi.) 19.1 Sizathu sini esenza uSalimani enqabe ukukhipha amabutho akhe ngaphandle kwenkantolo? (2) 19.2 Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (2) 19.3 Chaza kafushane ukuthi ubudlelwano phakathi kukaSalimani noZithulele buyithuthukise kanjani indikimba yalo mdlalo. (3) 19.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU okwaholela ukuthi kube necala elithethwa enkantolo yaseMshwathi. (3) 19.5 Ngabe amazwi abhalwe ngokugqamile amveza njengomlingiswa onjani uSalimani? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 19.6 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa indikimba yezombangazwe kulo mdalo? (2) 19.7 Chaza isizathu sombhali sokusebenzisa isizinda senkathi yengcindezelo esitholakala kulo mdlalo. (3) 19.8 Ucabanga ukuthi isigameko sokukhetha kusetshenziswa isu likabhontshisi sasingaba namuphi umphumela empilweni kaSalamani ukube asiphumelelanga? (2) 19.9 Ngabe uyavumelana nokuthi lo mdlalo uphela ngovuthondaba? Sekela impendulo yakho. (2) 19.10 Xoxa ngokuphumelela kombhali ekuvezeni isixakaxaka kulo mdlalo. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/2019 SC/NSC UMBUZO 20: UMBUZO OMUDE UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Xoxa ngempumelelo yombhali ekubhebhethekiseni udweshu kuze kuyofika kuvuthondaba kulo mdlalo othi, Ubhuku Lwamanqe. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama–340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:  Ukwethula nokuchaza izinhlobo zodweshu.  Ukuphendula umbuzo ngokuphawula ngempumelelo yombhali ekubhebhethekiseni udweshu kanye nokucaphuna nokwesekela ngokwencwadi.  Ukuveza uvo lwakho (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 21: UMBUZO OMFUSHANE UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA J (KukwaMathonsi ebusuku.Usokhaya ungena nomndeni belandelana.UThamsanqa nguyena ohamba phambili elandelwa ngunina kugcine umnumzane wekhaya.) MATHONSI: (Ngokuzithoba) Siyaxolisa ukuthi sithathe isikhathi eside kangaka bakwethu bekukhona okuqondene nomndeni ebesilumana ngakho indlebe. 5 SIKELA: (Ngomoya ophansi) Cha siyezwa mnumzane. Kwesinye isikhathi kukhona okudingeka kuphuthunyiswe masishane. Thina sibonga ukwamukeleka ngomoya omuhle lapha ekhaya. MATHONSI: Okunye okubalulekile ebesibonisana ngakho ukungabonakali kukamakoti walapha ekhaya. Lona esihlangene ngaye namuhla. 10 SIKELA: Hhawu! Akekho umakoti? Yawuchitha umuthi inkonyane. Kuzakuba lukhuni-ke ukuxoxa udaba umnikazi walo engekho. NKULULEKO: (Ngokuthukuthela) Pho, sizokwenzani uma lo muntu okunguyena ofunekayo engekho lapha? SIKELA: Kahle ngamatshe ndodana. (Eguquka ebheka ngakuMathonsi.) Nathi 15 senze iphutha ngokuthi singene emzini womnumzane singazange sabika ukuthi singobani futhi sihlobana kanjani nalo mfana. THAMSANQA: (Ebuka uNkululeko ngeso lengulube. Athule nje okungathi kukhona akucabangayo. Aphendule.) Uzosichithela isikhathi ngokulokhu uzisho kasinandaba nokuhlobana kwenu. Okubalulekile khulumani 20 enize ngakho izinyawo zigcwale udaka. NKULULEKO: Lo muntu akasitshele ukuthi ukuphi uPhindisiwe. (Emkhomba ngomunwe.) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/2019 SC/NSC MATHONSI: (Ebona ingathi umoya usuthanda ukuphakama kubafana bobabili.) Cha, bakwethu singalokhu sichitha isikhathi ngemibuzo kwathina 25 esingenayo impendulo yayo. Asiqhubeke ngalokho esihlangene ngakho njengoba umfana ngike ngamethulela ngalokho enihamba ngakho. NKULULEKO: Ukusinisa amahleza phela lokhu. Liyovela kanjani iqiniso pho lo mkhuhlane womfazi ungekho? Akalona idlozi bekufanele abuye 30 azoziphendulela. THAMSANQA: (Asukume eme ngezinyawo.) We ndoda ungachwensi. Ngokabani lo mfazi ombiza ngomkhuhlane? Kuyangihlekisa ukusho kwakho ngoba uzokhonkotha lapha nje ufuna wona lo mkhuhlane. NKULULEKO: (Asukume eme ngezinyawo naye.) Ngizokhonkotha? Ngondliwa 35 yiphalishi lakwenu yini mina? THAMSANQA: (Esemi njalo ngezinyawo.) Pho ufuna ukwenzani ngalokho? MATHONSI: (Ngokufutheka.) Singeke sithi sibadala kangaka bafana sizomelwa yinina ngezinyawo. Ngokabani lo muzi? 21.1 Sizathu sini esenza uMathonsi abingelele ngokuxolisa? (2) 21.2 Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho ubhekise kumlingiswa onguNkululeko noThamsanqa. (2) 21.3 Chaza kafushane ukuthi ubudlelwano phakathi kukaPhindisiwe noNkululeko buyithuthukise kanjani indikimba yalo mdlalo. (3) 21.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU okwaholela ukuthi kuthethwe icala enkantolo kaMantshi yaseZibuseni. (3) 21.5 Ngabe amazwi abhalwe ngokugqamile amveza njengomlingiswa onjani uThamsanqa? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 21.6 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa indikimba yobugebengu obuhleliwe/ uthando lwemali kulo mdlalo? (2) 21.7 Chaza isizathu sombhali sokusebenzisa isizinda sesikhathi samanje esitholakala kulo mdlalo. (3) 21.8 Ucabanga ukuthi isigameko esifihlelwe umlingiswa onguThamsanqa nguPhindisiwe mayelana nefa ayeligaqele sasingaba namuphi umphumela empilweni yakhe ukuba uThamsanqa wagcina azi? (2) 21.9 Ngabe uyavumelana nokuthi lo mdlalo uphela ngepholovuthondaba? Sekela impendulo yakho. (2) 21.10 Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni isixakaxaka kulo mdlalo. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all