SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS/
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS
ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)
IPHEPHA LESITHATHU (P3)
2019
UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA
AMAMAKI: 100
Lo mhlahlandlela wokumaka unamakhasi ayi-10.
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
You're offline
Skip to contentMemorandum 





View all
IsiZulu HL P3 May June 2019 Memo
Isizulu Hl · Grade 12 · NSC June Exam · 2019 · isizulu. Memorandum, 10 pages. Read online or download the PDF.
- Subject
- Isizulu Hl
- Grade
- Grade 12
- Language
- Isizulu
- Document type
- Memorandum
- Year
- 2019
- Exam period
- NSC June Exam
- Paper
- 3
- Pages
- 10
- File size
- 279.1 KB
Loading document…
Loading document…
1 of 10
Document textSearch extracted text and jump to a page.
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 2 DBE/2019
SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka
UMBUZO 1
OKULINDELEKILE MAYELANA NEZIHLOKO ZEZINDABA (ISIQEPHU A)
1.1 Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isihloko. Indaba mayibe
senkathini edlule. Isb. Ukwahluleka ukwenza into ethile obuyihlelile bese
uzitshela ukuthi lisekhona elinye ithuba./ Ukwamukela ukuthi besingakafiki
isikhathi sokuba aphumelele./Ukungalilahli ithemba, njl. [50]
1.2 Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyayiqonda ingqikithi yesihloko. Angachaza
noma alandise ngesihloko. Makachaze ukuthi liyini ikhwezi/ limele impumelelo
emuva kobunzima. Angachaza ngenkanyezi enkulu ekhanya ngokugqamile
ephuma entathakusa. Isb. Ukuphuma enkingeni obubhekene nayo,
ukuphumelela kade usulahle ithemba, ukulungiselela ukwenza into ethile
ngoba sekusa. [50]
1.3 Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isisho. Isb. Isigameko
esamehlela ayengasilindele seliyoshona ilanga kungaba esihle/esibi./
Ukulunga kwezinto ekugcineni emuva kwesikhathi eside uzama, njl. [50]
1.4 Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isihloko
Ohlolwayo makaveze lobu buhle nobubi obusuka ngaphakathi bese kuthi
ekugcineni abeke uvo lwakhe ngesihloko. Isibonelo:
Ubuhle: angakhuluma ngezenzo zomuntu ezinhle ezigqamisa inhliziyo
nengaphakathi lakhe.
Ububi: angakhuluma ngomuntu owenza sengathi uyakuthanda kanti
uyakukhohlisa uthi lala lulaza sizokwengula. Uyimpisi embethe isikhumba
semvu. [50]
1.5 Ohlolwayo makakhethe uhlangothi olulodwa oluzofakazela ukuvumelana
noma ukuphikisana nesihloko:
Ukuvumelana: Ohlolwayo makaveze izibonelo zezinto ezingamagugu
esezilondoloziwe isb (izichuse, imikhosi ehlukahlukene, njl.) kuleli
laseNingizimu Afrika. Angaphinde aveze nezinhlelo ezisungulwe uhulumeni,
izinhlangano zemifelandawonye ezizimele ukugcina nokulondoloza amagugu
akuleli. Kumele kugqame ukuthi kulokho ohlolwayo akubhalile kuyasakha
isizwe.
Ukuphikisana: Ohlolwayo makaveze ukuthi uyaphikisana nesihloko. [50]
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 3 DBE/2019
SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka
1.6 1.6.1 Ohlolwayo makabukisise kahle isithombe bese ebhala indaba
ehambisana nesithombe. Makayinike isihloko indaba yakhe.
Makungachazwa isithombe. [50]
1.6.2 Ohlolwayo makabukisise kahle isithombe bese ebhala indaba
ehambisana nesithombe. Makayinike isihloko indaba yakhe.
Makungachazwa isithombe. [50]
1.6.3 Ohlolwayo makabukisise kahle isithombe bese ebhala indaba
ehambisana nesithombe. Makayinike isihloko indaba yakhe.
Makungachazwa isithombe. [50]
AMAMAKI ESIQEPHU A: 50
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 4 DBE/2019
SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka
ISIQEPHU A: INDABA
UMBUZO 1
QAPHELA:
• Ngaso sonke isikhathi sebenzisa irubhrikhi uma umaka umbhalo wokuziqambela (Iphepha lesi-3, ISIQEPHU A).
• Amamaki ukusuka ku: 0–50 ahlukaniswe ngokwamazinga amahlanu ngokwezinkomba.
• Okubonwa ngakho: okuqukethwe nolimi, inkomba ngayinye kumazinga amahlanu ihlukaniswe izingxenye ezimbili kuye ngokwabiwa
kwamamaki. Kunengxenye engenhla kanye nengezansi.
• Isakhiwo sona asithinteki ekuhlukaniseni ngokwezingxenye. Ayikho ingxenye engenhla noma engezansi.
AMARUBHRIKHI OKUHLOLA I-ESEYI ULIMI LWASEKHAYA [AMAMAKI ANGAMA-50]
Okungabonwa ngakho Okungavamile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akwanelisi
OKUQUKETHWE KANYE 28–30 22–24 16–18 10–12 4–6
NAMALUNGISELELO -Impendulo enembayo -Impendulo yakheke kahle -Impendulo eyenelisayo -Impendulo ikhombisa -Impendulo enhlanhlathayo
ngaphezu kobe kulindelekile impela -Imibono inakho ukungahlangani -Imibono edidayo
Ingxenye engenhla
(Izimpendulo kanye -Imibono ekhaliphile, -Imibono eshaya ukulandelana nokushaya -Imibono engacacile nenganembi
nemibono) echukuluza ingqondo kanye emhlolweni nehlabahlosile emhlolweni nekungeyona -Akuzwakali
Ukuhlela imibono uyihlelela nekhombisa ukuvuthwa enokuvuthwa komqondo -Ihleleke ngokusendimeni eyokuzisungulela kunophindaphinda
amalungiselelo komqondo -Ihleleke kahle kakhulu kanye nokulandelana -Kukhona okukhombisa -Akukho ukuhlela kanye
Ukuqonda inhloso, -Ihleleke ngobunyoninco kanye nokulandelana (nokuxhumana) ukuhlela okuncane nokulandelana
izethameli kanye nesimo kanye nokulandelana (nokuxhumana) kubandakanya isingeniso, nokulandelana
(nokuxhumana) kubandakanya kubandakanya isingeniso, umzimba kanye nesiphetho
AMAMAKI ANGAMA-30 isingeniso, umzimba kanye umzimba kanye nesiphetho
nesiphetho
25–27 19–21 13–15 7–9 0–3
-Impendulo yinhle kakhulu -Impendulo yakheke kahle -Impendulo eyenelisayo -Impendulo engashayi -Ayikho imizamo
kepha intula izimpawu -Imibono ehambisanayo kodwa intula ukucacisa emhlolweni ekhombisa ukuphendula
ze-eseyi enembayo nendaba nehlabahlosile -Imibono iyalandelana -Imibono ithanda ukuba ngesihloko
Ingxenye engezansi
-Imibono ekhombisa -Ihleleke kahle kakhulu ngokusendimeni futhi nhlakanhlaka futhi -Akuhambisani nesihloko
ukuvuthwa komqondo kanye kanye nokulandelana iyamukeleka iyadida futhi akufanelene
nokukhalipha (nokuxhumana) -Kukhona okukhomba -Ukuhlela kanye -Akuqondene nesihloko
-Ikhombisa ikhono lokuhlela kubandakanya isingeniso, ukuhlela kanye nokulandelana akukho futhi kuphithene
kanye nokulandelana umzimba kanye nesiphetho nokulandelana
(nokuxhumana) kubandakanya (nokuxhumana)
isingeniso, umzimba kanye kubandakanya isingeniso,
nesiphetho umzimba kanye nesiphetho
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 5 DBE/2019
SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka
AMARUBHRIKHI OKUHLOLA I-ESEYI ULIMI LWASEKHAYA [AMAMAKI ANGAMA-50] (ayaqhubeka)
Okungabonwa ngakho Okungavamile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akwanelisi
ULIMI, ISITAYELA & 14–15 11–12 8–9 5–6 0–3
UKULUNGISA -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, -Ithoni, irejista, -Ulimi aluqondakali
AMAPHUTHA ulwazimagama ulwazimagama isitayela, isitayela, -Ithoni, irejista,
kuhambisana kahle kuhambisana kahle ulwazimagama ulwazimagama isitayela kanye
Ithoni, irejista, isitayela, kakhulu nenhloso, nenhloso, izethameli kuhambisana kahle kuhambisana nolwazimagama
ulwazimagama izethameli kanye nesimo kanye nesimo nenhloso, izethameli ngokungagculisi aluhambisani
Ingxenye engenhla
kuyahambisana -Ulimi lukhombisa -Ulimi lufanelekile kanye kanye nesimo nenhloso, izethameli nenhloso, izethameli
nenhloso/umthelela kanye ukuzethemba, nokusetshenziswa -Ukusetshenziswa kanye nesimo kanye nesimo
nesimo, luyancomeka kakhulu kwethoni ngendlela kolimi ukudlulisa -Ukusetshenziswa -Ulwazimagama
ukukhethwa kwamagama, -Ithoni ekhomba efanelekile umqondo kusendimeni kolimi ukudlulisa luncane kakhulu
ukusetshenziswa kolimi, ukuheha kanye namasu -Kukhombisa ukungabi -Ithoni ifanelekile umqondo akugculisi okwenza kube lukhuni
izimpawu zokuloba, uhlelo, obuciko obunembayo namaphutha ohlelweni -Kusetshenziswe -Ithoni nephimbo ukuqonda
isipelingi -Akunamaphutha kanye nesipelingi amasu obuciko akugculisi
sanhlobo ohlelweni -Ibumbeke kahle ukukhulisa -Kusetshenziswe
AMAMAKI AYI-15 kanye nesipelingi kakhulu okuqukethwe amasu obuciko
-Ikhombise ikhono ngokungagculisi
eliphezulu lokubumba ukukhulisa
okuqukethwe
13 10 7 4
-Ulimi lukhombisa -Ulimi luyahambisana -Ukusetshenziswa -Ukusetshenziswa
Ingxenye engezansi
ukuzethemba, futhi lufanelekile kolimi okusendimeni kolimi okunamaphutha
luyancomeka kakhulu -Ithoni iyahambisana nokungahlangani -Imisho enhlobonhlobo
-Akunamaphutha futhi ifanelekile okumbalwa imbalwa noma ayikho
ohlelweni kanye -Kunamaphutha -Ithoni ifanelekile -Ulwazimagama
nesipelingi ambalwa ohlelo kanye kanye olunomkhawulo
-Ikhombise ikhono nesipelingi nokusetshenziswa
eliphezulu lokubumba -Ibumbeke kahle kwamasu obuciko
okunomkhawulo
ISAKHIWO 5 4 3 2 0–1
-Ukuthuthuka -Ukuthuthuka -Ukuthuthuka -Amaphuzu ambalwa -Amaphuzu
Izimpawu zethekisthi, kwesihloko okunembayo nokugeleza kwendaba kwendaba azwakalayo awatholakali
ukuthuthuka kwezigaba -Ukucacisa okunembayo -Ukucacisa okuhle, okusendimeni -Imisho kanye -Imisho kanye
kanye nokwakhiwa -Imisho, izigaba -Imisho, izigaba -Imisho, izigaba nezigaba nezigaba
kwemisho kwakheke kahle kakhulu kuyalandelana futhi kwakheke kahle kunamaphutha kunamaphutha
kuxubile -I-eseyi isenawo -I-eseyi isenawo -I-eseyi ayinamqondo
AMAMAKI AYISI-5 umqondo umqondo noma
inamaphutha
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 6 DBE/2019
SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka
Amakhodi angasetshenziswa uma kumakwa AMAKHODI AMAMAKI
SP – (dwebela)-isipelingi esingamukelekile. Q = 30
PH – uphawu lokubhala olungemukelekile. L = 15
L – (dwebela)- ulimi olungemukelekile. SK = 05
// – khombisa isigaba esisha. 50
NK – inkathi engemukelekile.
AP – i-aphostilofi engemukelekile.
GL – amagama awalandelani ngokufanele.
R – irejista.
KM – akwenzi mqondo.
ISIV. – isivumelwano esingahambisani.
AK – akudingekile.
^ – kunegama elingekho.
GN – igama elingcono.
NQ – nqamula amagama ngendlela efanelekile ekugcineni komugqa.
– ukuhlanganisa amagama
/ – hlukanisa amagama
√ - ulimi oluhle
PND- ukuphindaphinda amagama
OKULINDELEKILE MAYELANA NESAKHIWO SEMIBHALO (ISIQEPHU A)
• Isingeniso: Siyaheha, sinamandla, siyisigaba esisodwa, singenisa indikimba, sinobude obukhombisa ukuthi indaba iyethulwa/iyangeniswa.
• Umzimba: (i) Izigaba zinemiqondo ezwakalayo nenikezelanayo.
(ii) Zihleleke kahle: Isigaba siqala ngomusho bese siba nemisho esekelayo. Masibe nomqondo ophelele.
(iii) Umbhalo nombhalo uhambelana nenkathi okumele ubhalwe ngayo.
• Isiphetho: (i) Siyisigaba esisodwa.
(ii) Makuvele ukuthi umbhalo usuyagoqwa noma uyasongwa.
(iii) Selungavela uvo lombhali ngalokho abhala ngakho okungaba ukuxwayisa/ukweluleka/ukuxolisa/ukuncoma
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 7 DBE/2019
SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka
ISIQEPHU B: IMIBHALO EMIDE EDLULISA IMIYALEZO
INCWADI YOBUNGANI/UMLANDO KAMUFI/ISIBUYEKEZO/UMBIKO ONGABEKELWE MGOMO/INKULUMOMPENDULWANO/INCWADI YOMSEBENZI
IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBHALO OMUDE ODLULISA UMYALEZO ULIMI LWASEKHAYA [AMAMAKI ANGAMA-25]
Okungabonwa ngakho Okungavamile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akwanelisi
OKUQUKETHWE, 13–15 10–12 7–9 4–6 0–3
AMALUNGISELELO & -Impendulo enembayo -Impendulo enhle -Impendulo esendimeni -Impendulo esezingeni -Impendulo ikhombisa
NEFOMATHI ngaphezu kakhulu ekhombisa ekhombisa ulwazi eliyisisekelo ekhombisa ukungabi nalo ulwazi
kobekulindelekile ulwazi lwezimpawu lwezimpawu zohlobo ulwazi lwezimpawu lwezimpawu zohlobo
Impendulo kanye nemibono -Amasu akhaliphile zohlobo lombhalo lombhalo zohlobo lombhalo lombhalo
Ukuhlela imibono ukuze kanye nokuvuthwa -Inamathele esihlokweni -Inamathele esihlokweni -Ukunamathela -Umqondo
kube namalungiselelo komqondo -Kunamaphushana – inamaphutha kuyabonakala kodwa uyanhlanhlatha
Inhloso, izethameli, -Ulwazi olubanzi -Ukulandelana asendimeni kunamaphutha kunamaphutha
izakhiwo nezimiso kanye lwezimpawu zohlobo kokuqukethwe -Ukulandelana amaningana amakhulu
nesimo lombhalo nemibono, kuchazwe kwemibono -Ukulandelana -Imibono ayilandelani
-Umbhalo unamathele kahle futhi kusekela okuqukethwe kwamaphuzu sanhlobo
AMAMAKI AYI-15 esihlokweni isihloko kufanelekile okuqukethwe kubuye -Ukuchaza okumbalwa
-Amasu akhombisa -Ifomathi efanele -Ukuchaza okumbalwa kungabonakali okusekela isihloko
ukuthelelana kanye enamaphushana kusekela isihloko -Ukuchaza okumbalwa -Akasebenzisanga
nokulandelana -Ifomathi efanelekile kusekela isihloko nhlobo imithetho
-Acacisa ngokusobala kodwa kunamaphutha -Usebenzise yefomathi
kanye nokusekela ambalwa ngokunganele imithetho
isihloko yefomathi
-Ifomathi efanelekile -Kukhona okumbalwa
necacile okubalulekile
ULIMI, ISITAYELA KANYE 9–10 7–8 5–6 3–4 0–2
NOKULUNGISA -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela
AMAPHUTHA ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama kanye nolwazimagama
kuhambisana kahle kuhambisana kahle kuyahambisana kunokungahambisani akuhambisani nenhloso,
Ithoni, irejista, isitayela, kakhulu nenhloso, nenhloso, izethameli nenhloso, izethameli nenhloso, izethameli izethameli kanye nesimo
inhloso/umthelela, izethameli kanye nesimo kanye nesimo kanye nesimo kanye nesimo -Kugcwele amaphutha
izethameli kanye nesimo -Uhlelo lufanelekile futhi -Uhlelo lufanelekile futhi -Kunamaphutha -Uhlelo olungafanelekile futhi kuyadida
Ukusetshenziswa kolimi lwakheke kahle kakhulu lwakheke kahle ambalwa olunamaphutha -Ulwazimagama
kanye nezimiso -Akunamaphutha -Ulwazimagama oluhle -Ulwazimagama amaningi aluhambisani nenhloso
Ukukhethwa kwamagama sanhlobo -Kunamaphushana olusendimeni -Ulwazimagama -Umqondo
Izimpawu zokuloba kanye -Amaphutha olunganele uyanhlanhlatha kakhulu
nesipelingi awawuphazamisi -Umqondo
umqondo awusalandeleki kahle
AMAMAKI AYI-10
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 8 DBE/2019
SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka
ISIQEPHU B: IMIBHALO EMIDE EDLULISA IMIYALEZO
UMBUZO 2
Amamaki azocazwa ngale ndlela:
OKUQUKETHWE, AMALUNGISELELO NESAKHIWO (15)
ULIMI, ISITAYELA, UKUHLELA (10)
OKULINDELEKILE
2.1 INCWADI YOBUNGANI
• Ikheli elilodwa lobhalayo.
• Ikheli lobhalayo lihamba nosuku. Isb. (8 Nhlangulana 2019/8 Juni
2019/08-06-2019/2019-06-08)
• Obhalelwayo makabingelelwe sakukhuluma. Sithako
• Isigaba sokuqala singaqalisa kanje: Ngiyathemba …, Ngiyaxolisa …,
Ngabonga … njl.
• Isigaba sesibili masikhulume ngengqikithi yencwadi (ukuhalalisela
umngani wakho ngokuthola ithuba lokuyolingisa kumabonakude
nokumeluleka ngokubaluleka kokuziphatha kahle)
• Isigaba sesithathu ukuphetha incwadi.
• Ohlolwayo makasebenzise ulimi lokuhlonipha/irejista efanele.
• Makavalelise akhombise ukumazi lowo ambhalelayo.
Isb. Yimina umngani wakho
uPhilile [25]
2.2 IKHARIKHULAMU VITHAYE NENCWADI EHAMBISANA NAYO
Nakhu okufanele kuvele encwadini yokuzincoma ehambisana
nemininingwane yekharikhulamu vithaye ebinikeziwe:
• Amakheli amabili. (Lobhalayo elinikeziwe- libe nosuku, lobhalelwayo-
liqale ngesikhundla)
• Isibingelelo. (Mnumzane/Nkosikazi/Nkosazane)
• Isihloko. (Incwadi Yokuzincoma)
• Makazethule kahle kucace (uSipho Khanyile nesizathu sokubhala
incwadi).
• Makasho okuthile okuzokwenza afaneleke kulo msebenzi awucelayo
(iminyaka yakhe, amazinga emfundo, ulwazi lwekhompyutha kanye
nokuzincoma).
• Ukuphetha incwadi.
• Ukuvalelisa akhombise ukuhlonipha lowo ambhalelayo.
Yimina ozithobayo
uSipho Khanyile
QAPHELA: Makangaphindi imininingwane yekharikhulami vithaye injengoba
injalo kodwa aveze amakhono azokwenza aphume phambili kulabo
ancintisana nabo ekutholeni lo msebenzi. [25]
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 9 DBE/2019
SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka
2.3 ISIBUYEKEZO
Ohlolwayo makaveze la amaphuzu alandelayo, isib.
• Igama le CD nomculi wayo/abaculi bayo/Iqembu
• Imininingwane yabashicileli/yabadidiyeli/uphrojusa
• Unyaka eqoshwe/ekhishwe ngawo
• Uhlobo lomculo/lamaculo ngamafuphi
• Ukuphawula ngokuhle nokungekuhle ngomculo otholakala kule-CD
o Isiphetho sesibuyekezo masiveze izincomo mayelana nengqikithi
yale CD. [25]
2.4 UMBIKO ONGABEKELWE MGOMO
• Ohlolwayo makaveze la maphuzu alandelayo:
o Makube nesihloko, Isibonelo: Umbiko Wohambo Lwesikole
Kuvakashelwa Izindawo Ezahlukene.
o Isingeniso: makuvele ukuthi lolu hambo lwenzeka nini kanye nesizathu
salo.
o Umzimba: izindawo ezavakashelwa kanye nolwazi olwazuzwa
abafundi kulolu hambo.
• Isiphetho: Kungavela iziphakamiso/izinqumo ezigqugquzela abafundi
ukuba bazibandakanye ezinhlelweni ezifana nalezi ngoba lukhulu ulwazi
abaluzuzayo. Makasebenzise:
o Ulimi olujwayelekile olungenabungani.
o Umuntu wesithathu.
o Inkathi edlule. [25]
2.5 INCWADI EYA KUMHLELI
• Ikheli lobhalayo elinikeziwe, elinosuku. iQalakabusha Supermarket, 477
Steenbok Avenue, Brakpan, 1541
• Ikheli elinikeziwe lobhalelwayo. Mhleli, Ziyagqibana News, Private Bag X
65, Brakpan, 1541
• Ukubingelela umhleli, Isb. Mnumzane/Nkosikazi/Nkosazana
• Isihloko sengqikithi abhala ngaso Incwadi Yokukhononda Ngonogada.
• Isingeniso: ukuzethula (makuvele ukuthi ungubani nokwethula ingqikithi
yodaba.)
• Umzimba wencwadi: ukuhlala odabeni nesizathu esenza alusukumele
lolu daba. Makacacise ukuthi onogada bawahlukumeza kanjani
amalungelo abathengi
• Isiphetho: ukuphetha akhombise inhlonipho. Isb. Ngiyethemba lolu daba
luzophakanyelwa izikhulu ezifanele.
• Ukuvalelisa. Isb. Yimina ozithobayo
uKwenama Cindi (Nksz.)
NOMA
Yimina ozithobayo
uSipho Ndlela [25]
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 10 DBE/2019
SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka
2.6 INKULUMOMPENDULWANO/INGXOXO
Ohlolwayo makaveze la maphuzu alandelayo:
Isibonelo sesihloko: Inkulumompendulwano Phakathi Komdlali Nomqeqeshi
Isethulo: Isb. (Kusekuseni ngoLwesibili uNkk. Dube, umqeqeshi weqembu
uxoxa noZimiphi, umdlali mayelana nenqubomgomo yeqembu lebhola
lomnqakiswano)
• Ohlolwayo makabhale isingeniso ngokuqamba abalingiswa, indawo
kanye nesikhathi.
• Ohlolwayo makabhale amagama ezikhulumi ngasesandleni sokunxele.
• Ohlolwayo akangabasebenzisi abacaphuni enkulumeni yezikhulumi.
• Ohlolwayo makangayisebenzisi inkulumo efakwa kubakaki echaza
imizwa yezikhulumi.
• Ohlolwayo makaqaphele ukusetshenziswa kwenkulumompendulwano:
Mayibe nesingeniso, umzimba kanye nesiphetho. Mayikhule,
kusheshwe kungenwe engqikithini yayo. [25]
AMAMAKI ESIQEPHU B: 50
AMAMAKI ESEWONKE: 100
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha
Recommended for this subject
Published documents with matching subject and grade metadata.
Related documents
Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

Memorandum
IsiZulu HL P3 Nov 2019 Memo hlayiso.com

Memorandum
IsiZulu HL P3 May June 2018 Memo hlayiso.com

Memorandum
IsiZulu HL P3 May June 2017 Memo hlayiso.com

Memorandum
IsiZulu HL P3 May June 2016 Memo hlayiso.com

Memorandum
IsiZulu HL P3 June July 2015 Memo hlayiso.com

Question paper
IsiZulu HL P1 May June 2019
More from Grade 12 Isizulu Hl
Explore more published documents in this catalogue.
%20June%202025%20Possible%20Answers--fb8e2fe1-962f-4ce7-8ece-e8248a6089c9/v1-2e81dcce6aebb4d1e1c1/card.webp)






%20June%202025%20Question%20Paper--51c827b8-016c-4021-a345-cbe82046b794/v1-0648853016e76cd656bb/card.webp)



