You're offline
Skip to content
Question paper

IsiZulu HL P1 May June 2019

Subject: Isizulu HlGrade 12201912 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS/ NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LOKUQALA (P1) 2019 AMAMAKI: 70 ISIKHATHI: Amahora ama-2 Leli phepha linamakhasi ayisi-12. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 2 DBE/2019 SC/NSC IMIYALELO KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30) ISIQEPHU B: Ukufingqa (10) ISIQEPHU C: Izakhiwo nezimiso zokusetshenziswa kolimi (30) 2. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha. 3. Qalisa ISIQEPHU NGASINYE ekhasini ELISHA. 4. Hlukanisa ngokudwebela emuva kwesiqephu. 5. Faka izinombolo njengoba zisetshenzisiwe ephepheni. 6. Yeqa umugqa emuva kombuzo ngamunye. 7. Qaphela isipelingi kanye nokwakhiwa kwemisho. 8. Ungasebenzisa isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-30 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-40 9. Bhala ngobunono futhi kubonakale. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 3 DBE/2019 SC/NSC ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1: UKUFUNDELA UKUNQONDISISA 1.1 Fundisisa UMBHALO A ubuye ubukisise NOMBHALO B ongezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO A (OFUNDWAYO) IBLACK FRIDAY 1 Usuku lweBlack Friday lwaqala eMelika onyakeni we-1952. Ngaphambi kokuba lolu suku lubungazwe njengosuku lwendali emhlabeni wonke, abacwaningi bathi lwaqala luwusuku lokudayisa kwabantu abamnyama ababeyizigqila ngamanani aphansi. Esikhathini samanje sekwaba usuku olukhulu kunazo zonke izinsuku emhlabeni jikelele. Wonke umuntu usuke 5 elubheke ngamehlo abomvu lolu suku. Phela izimpahla eziningi zisuke zibuthwa phansi futhi abantu bathola nethuba lokuthenga izinto ababekade befisa ukuba nazo kodwa bengenayo imali. IBlack Friday iyaye ibe ngoLwesihlanu lokugcina lukaLwezi. Lokhu kwenza abantu baqale kusenesikhathi ukulungiselela uKhisimuzi ngoba ongathenganga 10 ngalolu suku usuke ezokhala ezimathonsi ngoDisemba ngoba zonke izimpahla zisuke sezimba eqolo. Nabanikazi bezitolo nabo benza enkulu inzuzo lena ngemikhiqizo yabo enhlobonhlobo. Ezinye izitolo azinqeni ukuvumela labo abangakwazanga ukonga kusenesikhathi ukuba batape izimpahla ngesikweletu bese bebanikeza uhlelo lokukhokha kancane 15 kancane baze basiqede isikweletu. Abantu abaningi bayaluthokozela lolu hlelo kwazise phela nenja iyawaqeda amanzi ngolimi. 2 Ngosuku olwandulela usuku lweBlack Friday izitolo zonke zisuke sezimi ngomumo, amashalofu esegcwele phama, amapheshana ezindali enamatheliswe emawindini kanti nabaqaphi basuke beqaphe ngeso 20 lokhozi yonke indawo uma kungase kube khona izinswelaboya ezizogcweleza abathengi. Ngosuku lwendali zisuke zimbiwe insele yazishiya ngoba izitolo zivulwa kusempondozankomo zize zivalwe ebusuku. Kuthi kuvulwa nje kusuka sekunyamfuka abantu sebengangezimpethu zendlovu. Abanye abantu bahamba ngamaqoqo 25 ukuze kuthi omunye uma ethenga omunye abe ebambe ulayini wokuyokhokha. Eqinisweni kunezigameko eziningi ezenzekayo ngalolu suku. Izigebengu zithola ithuba lokuntshontsha izimpahla ezitolo noma zikhuthuze abathengi. Abanye abantu bathola ukulimala ngenxa yokududulana kanti abanye baze bendele koyisemkhulu. 30 3 Okuqaphelekayo ukuthi izigelekeqe lezi azintshontsheli kuphela ukuba zihlobise amakhaya azo kodwa zintshontshela ukuba zigcwalise amakhukhu azo. Ziyahamba ziyodayisela labo abangomvakwezinye noma ovilavoco. Azinqeni ukuthi impahla ebikade imba eqolo zona ziyibize encane imali le. Phela azilahlekelwa lutho ngoba zisuke 35 zingakhokhanga ngisho nelimnyama isenti leli. Inhloso yazo ukwenza imali noma ukudlulisa le mpahla ngoba isuke ishisa. Kuyinto engeke siyishayele ihlombe lena ngoba ibulala umnotho wezwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 4 DBE/2019 SC/NSC 4 Emigwaqeni uthola kunesiminyaminya ngenxa yojenga lwezimoto ezilibangise ezitolo, ezigcina zidale izingozi ebezingagwemeka kanye 40 nokukhokhela izindleko ezingahlelelwe zokulungiswa kwezimoto. Amaphoyisa omgwaqo aye athi chithi saka nezindawo ezizungeze izitolo ezinkulu ukuze alawule ukuhamba kwezimoto. Uhulumeni waseNingizimu Afrika useze nemibandela emayelana nokuphepha kwabathengi ngalolu suku. Uthi kungalawulwa imigqa ngokuthi iqale kude nasezitolo uma 45 zingakavulwa. Aqhubeke athi makususwe eduze nomnyango namafasitela izinto ezehliswe kakhulu ngoba azihehi kuphela abathengi kepha ziheha nezigebengu. 5 Abantu abakwaziyo ukonga bayahlomula ngempela ngalesi sikhathi ngoba bayaye bakwazi ukuthenga kakhulu bengazange basebenzise 50 imali enkulu. Babeka imali ngabodwana noma bayibeke bengamaqembu. Luqambe luyafika lolu suku sebemi ngomumo emaphaketheni. Abathengi abaningi bahlala belalele noma bebuka izikhangisi ezimayelana nokwehliswa kwezimpahla ezinhlobonhlobo ezitolo. Ukuthenga ngalolu suku kuyabagqugquzela abathengi, kubenze bahlelele nokuthenga 55 kwangonyaka olandelayo. Abantu sebezifukulile izitolo kunjalo kodwa kunabanikazi bezitolo abangogombela kwesabo ngokudayisa imikhiqizo esiphelelwe isikhathi bengayigqiziqakala impilo yabathengi babo ngale mikhiqizo. 6 Bakhona abantu abayaye bangaluthokozeli lolu suku ngoba basuke 60 benganayo imali yokuthenga ngenxa yokuba hlwempu kanye nokuntuleka kwemisebenzi. Kukhona-ke nalabo abasebenza ezindaweni ezinabaqashi abangavumi ukubadedela abasebenzi babo ukuze bayothenga. Leso senzo sidala ukuba beqe emsebenzini noma babike ukungaphili nezinye izizathu ukuze bahambe bayothenga. Asebethuthukile 65 kwezobuchwepheshe nabahlelekile bathenga behlezi emakhaya ngokusebenzisa amakhompyutha abo nezimpahla zabo ziphinde zithunyelwe emakhaya bengazange babuthole ubunzima bokuhlukumezeka esiminyaminyeni. Ababaningi-ke abaluthokozelayo lolu hlelo ngoba bathi lubulala isasasa eliba khona lokuphuma ungene ezitolo 70 ezahlukene maqede ungene kwezokudla uhlale phansi ushaye esibomvu. 7 Kamuva nje sekuthengwa impelasonto yonke ukuze wonke umuntu ahlomule athole nethuba lokuyothenga. Abanikazi bezinye izitolo sebenohlelo olubhekela abasebenzi babo lokubavumela bathenge kuqala ngaphambi kokuvulela abathengi. Babuye babahlinzeke nangokudla 75 ukuze bangaphumi ngesikhathi senhlabakhefu. Kuyaye kwandiswe nabasebenzi betoho ukumelana nomthamo walolu suku. Ngalolu suku lweBlack Friday imbiza isuke izwiwa ngothi. [Sicashunwe ku-inthanethi sabuye sahlelwa kabusha] 1.1.1 Siyini isizathu esenza iBlack Friday ibaluleke kangaka kubathengi? (2) 1.1.2 Yiziphi izinkinga EZIMBILI eziba khona ngesikhathi sendali yeBlack Friday? Bhekisa impendulo yakho esigabeni sesi-2. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 5 DBE/2019 SC/NSC 1.1.3 Chaza kafushane ngeqhaza elibanjwa ingalo yomthetho kanye nohulumeni ukuvikela abantu ngalolu suku. (2) 1.1.4 Veza okungumehluko phakathi kwabathengi abalulungiselele nalabo abangalulungiselele lolu suku. (2) 1.1.5 Khetha impendulo enembayo kulezi ezilandelayo: Isimo sokukhuluma esidwetshelwe esigabeni sesi-6 sichaza ukudla … A usuthe kakhulu. B kancane usuthe. C ulale kakhulu. D okuningi okumnandi. (1) 1.1.6 Iyini inhloso yombhali ngokubhala lesi siqephu? (3) 1.1.7 Ucabanga ukuthi indlela abantu abathenga ngayo ngalesi sikhathi sonyaka inamthelela muni emnothweni wakuleli laseNingizimu Afrika? (2) 1.1.8 Hlolisisa ubuqiniso obuqukethwe umusho obhalwe ngokugqamile kulesi siqephu. (2) 1.1.9 Ngokwakho ukubona ngabe kwamukelekile yini ukuba abantu beqe emsebenzini ngoba nakhu befuna ukuyothenga ngosuku lweBlack Friday? Sekela impendulo yakho. (2) 1.1.10 Phawula ngokugqanyiswa isimo sokukhuluma esisetshenziswe emgqeni wokugcina kulesi siqephu. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 6 DBE/2019 SC/NSC 1.2 Bukisisa lezi zithombe ezingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO B (OBUKWAYO) 1 2 3 4 [Zicashunwe ku-inthanethi] 1.2.1 Shono ukuthi kwenzekani esithombeni sesi-4. (2) 1.2.2 Nikeza UMEHLUKO wokubungazwa kosuku lweBlack Friday ubhekise kokwenzeka esithombeni soku-1 kanye nokwenzeka esithombeni sesi-3 (3) 1.2.3 Qhathanisa umqondo oqukethwe UMBHALO B esithombeni sesi-2 kanye nomqondo oqukethwe UMBHALO A esigabeni sesi-4. (3) 1.2.4 Xoxa ngamasu ongawasebenzisa ukuze ungazitholi ususesiminyaminyeni njengoba kwenzeka esithombeni sesi-3. (2) AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 7 DBE/2019 SC/NSC ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2: UKUFINGQA ISIQESHANA NGAMAGAMA AKHO Lesi siqeshana esilandelayo (UMBHALO C) simayelana nezindlela abazali abangazisebenzisa ukujezisa izingane ngaphandle kokuzibeka isandla. IMIYALELO: 1. Fingqa lesi siqeshana esimayelana nezindlela abazali abangazisebenzisa ukujezisa izingane ngaphandle kokuzibeka isandla usebenzise amagama akho angedluli kwangama-80. 2. Fingqa ngesigaba. 3. Ungabe usasibhala isihloko uma usufingqa lesi siqeshana. 4. Bhala inani lamagama owasebenzisile ekugcineni kwesiqeshana osifingqile. UMBHALO C IZINGANE AZISASHAYWA Kunemibono eyahlukene kubazali, izinhlangano zamalungelo ezingane kanye nabaholi bezenkolo mayelana nokushaywa kwezingane. Umthetho uthi abazali bangazishayi izingane ngoba lokho kuyicala. Abazali kumele babeke imithetho emakhaya ezolandelwa, igcinwe futhi ihlonishwe yizingane zabo. Leyo mithetho akumele ihlukumeze amalungelo ezingane. Ukonakala kwezinto emakhaya amaningi kuvame ukubangwa ukuthi kukwamachanca kwampunzi idla emini. Ezinjani-ke izingane ezingakhula ekhaya lapho kuyikwamazenzele khona? Abazali abaqikelele ukuthi bajezisa izingane ngokuziphuca ilungelo lokwenza izinto ezizithandayo uma zingayihloniphi imithetho abazibekele yona. Abacwaningi bathi ukujezisa ngokushaya noma ngabe kungakanani, kunomthelela omubi emqondweni nasemzimbeni wengane. Kumele abazali bahlale phansi nezingane bazexwayise ngobungozi bento kusekuhle kungakonakali. Lokhu bakwenzela ukuthi izingane zingakhali ngokuthi bezingazi uma sezizifake obishini. Izingane eziningi ziyayigwema into ezexwayiswe ngobungozi bayo, uma zingebona osikhwili phambana nobhoko. Abazali mabachazele izingane zabo ukuthi nanoma yikuphi ezikwenzayo kuba nomphumela ekugcineni. Uma izingane zikwazi lokhu, kungaba lula ukuba zizenzele imingcele ezogwema ukuthi zingangeni obishini. Zingahlale zazi ukuthi uma zeqa leyo mingcele kuzoba nesinyathelo ezizothathelwa sona. Isibonelo uma ingane ihluleka ukwenza umsebenzi wasekhaya kungenasizathu esizwakalayo, ukusebenzisa i-laptop/ iselula/ukubuka umabonakude kungamiswa okwesikhashana ngoba ingalandelanga umthetho ebekelwe wona. Bangasebenzisa ithuba lokungenzi kahle kwengane yabo njengethuba lokufunda okuthile okusha ebebengakwazi ngayo. Uma ingane ingenzi kahle, umzali akazame ukuqonda isizathu salokho. Isibonelo: uma ingane ingenzi umsebenzi wayo, umzali akasebenzise lelo thuba ukuyifundisa ngokuthembeka nokuzenzela. Ukuhlala phansi nengane kungasiza umzali ekutheni afunde okuningi ngayo. Kunganika umzali isikhathi esanele azosichitha nengane kunokuba elokhu eyigxeka ngokwehluleka kwayo. Ngokuzayo ingane ngeke isaliphinda lelo phutha ngoba izobe isifundile emaphutheni ayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 8 DBE/2019 SC/NSC Zisuka nje kumele ingane ihlaliswe phansi ibuzwe ngezifiso zayo okungaba izifundo, ezemidlalo nokunye. Abazali mabasebenzise indlela yokuklomelisa njengesinye isikhali sokuqondisa ingane. Uma ingane ikwazile ukwenza umsebenzi ngempumelelo, mayinikezwe umklomelo. Lokho kuzokwenza ingane ikukhuthalele ukusebenza kanzima ngoba ilangazelele umklomelo ezowuzuza uma isebenze ngokuzikhandla. Ezweni lapho ukuhlukunyezwa kwezingane kudla lubi, oSolwazi nabalwela amalungelo ezingane bathi lokhu kusho inkululeko yezingane. Yize kunjalo, abanye abazali basakholelwa ukuthi izingane zabo azikhuliswe ngemithetho yabo. Abazali baphoqelekikile manje ukubeka izinkolelo zabo nemizwa eceleni uma bexabana nomthetho ovikela amalungelo ezingane. Isibonelo: uma umzali ethi ayikho into angayixoxa nengane amane ayijezise engasalizwanga uhlangothi lwayo lwendaba akulungile lokho. Abazali mabajezise ngothando hhayi ngempi ukuze isijeziso sengane singagcini sakhe ubutha phakathi kwengane nomzali wayo. Okubalulekile ukujezisela ukwakha, hhayi ukubhidliza. [Icashunwe kuBona kaMashi 2018, yabuye yahlelwa kwabusha] AMAMAKI ESIQEPHU B: 10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 9 DBE/2019 SC/NSC ISIQEPHU C: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 3: UKUHUMUSHA ISIKHANGISI Fundisisa lesi sikhangisi (UMBHALO D) bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO D (OFUNDWAYO NOBUKWAYO) ISIKHWAMA SEZINDLEKO ZEZINGOZI ZOMGWAQO/IZINDLEKO EZIKHOKHWA NGENXA YOBUDEDENGU OBENZEKA EZIBHEDLELA  Usuwake walimala kanzima engozini yomgwaqo?  Usuwake waba isisulu sobudedengu bezisebenzi zasemtholampilo? Xhumana no-NkuNgcolosi@gmail.com MReg: 467/08 Ucingo: 031 507 2700/ MK Zakes & Co. Umakhalekhukhwini: 084 351 7766 Bonana nabameli abahamba phambili. [Sicashunwe ku-Isolezwe LangeSonto yabuye yahlelwa kabusha] 3.1 Shono ukuthi yini ekhangiswayo kulesi sikhangisi. (1) 3.2 Chaza kafushane okwenziwa yilaba bameli abakulesi sikhangisi. (3) 3.3 Chaza inhloso yokusetshenziswa kophawu kanye nezinombolo eziseduze kwegama labameli. (2) 3.4 Humusha ukusetshenziswa kolimi olunxenxayo kulesi sikhangisi. (2) 3.5 Phawula ngezindlela zokuxhumana ezitholakala kulesi sikhangisi. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 10 DBE/2019 SC/NSC UMBUZO 4: UKUHUMUSHA IKHATHUNI Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO) [Icashunwe yabuye yahunyushwa ku-inthanethi] 4.1 Shono ukuthi kwenzeka kuphi nendawo lokhu okukule khathuni. (1) 4.2 Siyini isizathu sokuba lo okule khathuni omele amanzi? (2) 4.3 Chaza uteku olusetshenziswe umdwebi wale khathuni ubhekise esenzweni salo muntu okule khathuni kanye namabhodi. (3) 4.4 Humusha le nkulumo esetshenziswe umdwebi kule khathuni ubhekise emazwini omuntu osesibiyelweni. (2) 4.5 Ngabe umdwebi wale khathi uphumelele ukudlulisa umyalezo wakhe? Sekela impendulo yakho. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 11 DBE/2019 SC/NSC UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO F IZINDAWO ZOKUHLALA IZAGUGA Indlela okubukwa ngayo ukuhanjiswa kwabantu abadala ukuba bayohlala ezindaweni zezaguga iyinto engajwayelekile kithina ndlu emnyama. Lesi senzo asiyona inkinga kwezinye izinhlanga. Kubelungu kuwumkhuba omuhle nje nothakaselwayo ukuba izaguga ziyohlala ndawonye ngoba zithola ukuxoxa ngokukhululeka nabantu abalingana nazo. 5 Lezi zindawo ziyanakekelwa. Izaguga zinakekelwa ngokudla ezikudlayo kanye namaphilisi eziwaphuzayo ezifo eziphathelene nokuguga. Eqinisweni abantu abamnyama abayingeni eyokuhambisa abantu abadala kulezi zindawo. Bazitshela ukuthi usuke usumlahla umzali wakho, kanti lutho olubaziwe. Eminye imindeni ayikwazi ukuhambisa izaguga ngoba imali kapoyinandi yiyona esuke ixosha ikati eziko. 10 Ukuhamba komuntu omdala kusho ukulahleka kwesinkwa ebesitholakala ekhaya. Akukuhle ukubona abantu abasha bethanda izaguga ngoba befuna imali yazo. Bazinakekela uma sekusondela usuku lokuyohola impesheni ukuze kubukeke engathi bayazithanda. Bayakhohlwa ukuthi ukwenza kuya emuva kuye phambili. Impilo yesimanje iyashesha. Ifuna wonke umuntu ukuba avuke azenzele. Uma abantu 15 bebona ukuthi bangahluleka ukuhlala nomuntu omdala, ikhona indawo lapho engaphila kangcono khona. Kanti uma befuna ukuhlala naye, abamthande nje kwaphela, hhayi ukuthanda imali yakhe. [Umbhalo wokuzisungulela] 5.1 Tomula ibizo elimqondomningi elitholakala emgqeni woku-1. Phinda ulisebenzise lelo bizo emshweni ozakhele wona seliqukethe omunye umqondo. (2) 5.2 Nikeza umsebenzi wegama elibhalwe ngokugqamile elitholakala esigabeni sokuqala. (1) 5.3 Nikeza umqondo oqukekethwe isakhi esidwetshelwe esitholakala emgqeni wesi-6. (1) 5.4 Igama ikati elisemgqeni we-10 livamise ukusetshenziswa lihambisana nelinye igama lesilwane ukwakha isimo sokukhuluma. Nikeza leso simo sokukhuluma bese usisebenzisa emshweni ozakhele wona ukukhombisa ukuthi incazelo yaso uyayiqonda. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 12 DBE/2019 SC/NSC 5.5 Khetha isaga esingashayi emhlolweni kulezi ezilandelayo: Amagama adwetshelwe atholakala emgqeni we-15 ayincazelo yezaga ezikhombisa ukuba umuntu avuke azenzele ... A isikhova sidla amehlo aso. B imbila yaswela umsila ngokuyalezela. C akukho nkwali yaphandela enye. D indoda ifela ezinkomeni. (1) 5.6 Phinda ubhale lo musho obhalwe ngokugqamile esigabeni sokugcina usukhomba ukuphika/ukulandula. (1) 5.7 Igama elibhalwe ngokugqamile esigabeni sesibili linikeza umqondo ogudliselayo kulo musho elikuwo. Phinda ulisebenzise leli gama emshweni ozakhele wona selikhombisa ukuthi ligudliselani. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU C: 30 AMAMAKI ESEWONKE: 70 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 12 Isizulu Hl

Explore more published documents in this catalogue.

View all