You're offline
Skip to content
Memorandum

IsiZulu HL P2 May June 2019 Memo

Subject: Isizulu HlGrade 12201935 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS/ NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LOKUQALA (P2) 2019 UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA AMAMAKI: 80 Lo mhlahlandlela wokumaka unamakhasi angama-35. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka IMIYALELO YOKUMAKA LELI IPHEPHA 1. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo engaphezulu kwalena ebekumele ayiphendule, maka kuphela impendulo yokuqala/okokuqala okuphenduliwe. (Ohlolwayo akumele aphendule umbuzo omude kanye nombuzo omfushane encwadini eyodwa/efanayo.) 2. Uma ohlolwayo ephendule yonke imibuzo emine esiqeshini A, (izinkondlo ezimiselwe), maka kuphela ezimbili zokuqala. 3. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo emibili emifushane noma emibili emide esiqeshini B no C, maka impendulo yokuqala ngesiqephu bese uyayiyeka impendulo yesibili. Uma ohlolwayo ephendule yonke imibuzo emine, maka impendulo yokuqala kuphela isiqephu ngasinye, uma kuya ngokuthi umbuzo omfushane kanye nomude uphenduliwe. 4. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo emibili bese impendulo yokuqala ingashayi emhlolweni kanti eyesibili ishaya emhlolweni, maka eyokuqala bese uyayiyeka eyesibili. 5. Uma ohlolwayo ebhale izinombolo zemibuzo ngokungeyikho, maka njengoba izinombolo zikhonjiswe imemo. 6. Uma isipelingi siguqule umqondo wempendulo, makanganikwa amamaki ohlolwayo. Uma isipelingi sinamaphutha kodwa singawuguquli umqondo wempendulo, makanikwe amamaki agcwele ohlolwayo. 7. Imibuzo emide Uma ohlolwayo ephendule umbuzo omude waba mfushane kunenani lamagama anikeziwe ungamphuci amamaki ngoba vele useziphuce yena. Uma impendulo iyinde kakhulu maka ubheke umqondo oqukethwe impendulo bese uxoxisana nalowo ophethe iqembu labamakayo (Senior marker). Sebenzisa irubhriki eyisingezelelo A no B ukumaka nokunikeza amaphuzu ombuzo omude walowo ohlolwayo. 8. Imibuzo emifushane Uma ohlolwayo engasebenzisi omacaphuna (inverted commas) uma ecelwe ukuba acaphune, ungamphuci amamaki. 9. Imibuzo evulekile, awekho amamaki anikezwa u-YEBO/QHA noma NGIYAVUMA/ANGIVUMELANI. Isizathu/Ukwesekela/Ukwenaba yikona okunikezwa amamaki. 10. Awekho amamaki atholwayo ngo-YIQINISO/AKULONA IQINISO noma UMBONO/IQINISO. Isizathu, Ukwesekela/Ukwenaba yikona okunikezwa amamaki. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU A: IZINKONDLO UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE) 'IZIBONGO ZIKAKUFAKWEZWE' – MSS Gcumisa (Umnewethu inkosi yakwaGcumisa engasekho) Impendulo yakho mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:  Makuchazwe ukubumbeka kwenkondlo kanye nesigqi senkondlo  Makuxoxwe ngempumelelo yombhali ekubumbeni kwenkondlo ukugqamisa isigqi sayo.  Makuvezwe uvo lomfundi (Isiphetho) Isingeniso: Uma sikhuluma ngesakhiwo sangaphandle sisuke sibhekise ekwakhekeni kwamabinza kanye nemigqa yenkondlo. Sibheka ukuthi inkondlo yakhiwe amabinza amangaki. Ibinza ngalinye libunjwe imigqa emingaki, ubude nobufishane bemigqa kanye nokuvuleka nokuvaleka kwemigqa. Uma sikhuluma ngesigqi senkondlo kusuke kubhekiswe kumgqumo wenkondlo ukuthi uyashesha noma uyacothoza/uyanensa. Kule nkondlo kubhekwa ukuthi isakhiwo sangaphandle sihambisana kanjani nesigqi senkondlo. Umzimba: Ukubumbeka kwenkondlo ngokwamabinza Le nkondlo yakhiwe amabinza amane. Amabinza akalingani kukhona amade namafishane. Ibinza loku-1 nele- 4 lakhiwe imigqa eyi-10. Imigqa ebumbe lama binza ayilingani eminye mide eminye mifishane (emifishane inamagama amabili emide inamagama amane) Ibinza lesi-2 lakhiwe imigqa eyi-8. Ibinza lesi-3 lona lakhiwe imigqa eyi-13. Isigqi senkondlo Le nkondlo inesigqi esisheshayo ngasekuqaleni. Lapha imbongi iyatusa. Itusa/Incoma ubuqhawe benkosi yakwaGcumisa engasekho emhlabeni uKufakwezwe. Imigqa ebumbe lenkondlo iningi layo ivalekile kanti ikhona nembalwa evulekile, emide nemifishane. Ibinza loku-1 Kuleli binza isigqi siyashesha nakuba zikhonyana iziphumuzi. Amagama asetshenzisiwe azwakala sakuyithopha/sakuyibongela inkosi yaKwa Gcumisa. Uma-ke inyosi ibongela iyaye isheshe. Lokhu kushesha kuhambisana ne-injambamenti etholakala kuleli binza kanye nokweqiwa konkamisa. Isib. 'Ingqungqulu eyabhul'amaphiko Phezu komuzi esangwen'eTsheni Zonk'izinyoni zakhothamis'amakhanda'. Ibinza lesi-2 Kuleli binza isigqi sisashesha ngoba imbongi isayibongela inkosi ngemisebenzi yayo eyayenza isaphila iphinde iveze nozalo lwenkosi. (ithole, elikaLubanjane, elikaManyosi, elikaManyosi, elikaSalimani, elikaMahlomehlathini njl, okungoyisemkhulu bembongi). Nakuba zikhona izimpawu zokuloba ezingokhefana (isikhewu) kodwa azisiguquli isigqi esisheshayo ngoba zisho uzalo lwenkosi olwehlukahlukene. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka Imvumelwanosiqalo emgqeni we-12 kuya kowe -14 engu-Eli iyalekelela ukuletha umgqumo osheshayo. Ibinza lesi-3 Kuleli binza isigqi senkondlo sesiyanensa/siyacothoza. Lokhu kwenziwa ubude bebinza kanye nenani lamagama emgqeni yebinza. Amagama emigqeni akhiwe amagama asukela kwama-3 kuya kwama-5. Eminingi imigqa yaleli binza ivalekile okudala ukuthi isigqi sinense. Ibinza lesi-4 Leli binza lakhiwe imigqa eyi-10. Le migqa yakhiwe amagama asukela kwama-2 kuya kwayisi-8. Nakuba iminingi imigqa enamagama amaningi kodwa isigqi siyashesha. Kukhona nokweqiwa konkamisa okwenza isigqi sisheshe. Ukusetshenziswa kokuxhumana okusekugcineni emgqeni wama-34 kuya kowama-35 kanye nokuxhumana okusekuqaleni emgqeni wama-37 kuya kowama-38 nakho kwenza isigqi esisheshayo ngoba le migqa ikhomba ukugcizelela kokuhlasela kwenkosi uKufakwezwe. Imbongi ibongela itusa inkosi uKufakwezwe ngobuqhawe bayo. Imbongi iveza ubuqhawe bale nkosi eyayihlasela ivula izicabha bayibone isingaphakathi kuvale amadoda. Le nkosi yayingeyodwa inomfowabo uMlindeli. Isiphetho: (Uvo lomfundi) Imbongi iphumelele kahle ukubumba le nkondlo ngokwesakhiwo nokuveza ukuthi sihambisana kanjani nesigqi sayo ngoba kugqamile nalapho kungahambi kahle isigqi siyacothoza kodwa lapho uma ibonga imisebenzi emihle bese siyashesha. (Impendulo mayibhalwe njenge-eseyi.) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE) 'AKASEKHO' – LTL Mabuya 2.1 • Isisho√ • Isihlonipho√ (2) 2.2 Imbongi inokudideka ayazi ukuthi izokwenzenjani isebenzisa umbuzo mbumbulu okuwumbuzo ongenampendulo wokuthi noma ingamcinga ngeke imthole ngoba ushonile.√ Ukudideka kwayo kuvezwa ukuthi kade benaye ngaso sonke isikhathi kepha wase ehamba ingazelele kanye nokusetshenziswa kosonhlamvukazi ukukhombisa ukugcizelela okuletha ukumangala okukhulu, kanye nokwethuka√ (2) 2.3 Imbongi ihlose ukugcizelela isimo esiyethusile/engasikholwa√ njengoba kwenzeke ebeyingakulindele ukushiywa ngumuntu/ukufa komuntu emthandayo ngokuzuma.√ (2) 2.4 Indikimba ukufa/ukushiywa umuntu omthandayo√. Le migqa inomthelela wokuba ngiqonde ukuth imbongi iyakwemukela, iyamkhulula othandiweyo wayo izibona nayo isendleleni futhi izinikela ngokumlandela.√ (2) 2.5 La magama asetshenziswe kahle ukugqamisa indlela yothando abebeyihamba ndawonye bebambisene, okukhonjiswa amagama aveza umqondo wokwenzana,√ Imbongi ingathekisa uthando ngomkhumbi kodwa loluthando iyona ebiyenza isiqinisekiso sokuthi luyakhula alupheli/aluziki.√ (2) [10] UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE) 'IMFIHLO' – MH Mazibuko 3.1 I-okzimoroni.√ Lesi sifengqo sichaza ukuthi izinyanga nezanusi zihlale zizama ukuxazulula le mfihlo yokufa.√ (2) 3.2 Imbongi ithi kuyenzeka kwesinye isikhathi umuntu atshele omunye ngakuzwile nakubonile kodwa le mfihlo ewukufa angeke utshelwe nawumngani wakho ukuthi injani impilo ekufeni√ noficwa ukufa/ ombulekelwayo akabuyi azotshela umndeni wakhe kepha uyazithulela athi nabo bozibonela uma sebetholile ukuthi kunjani emuva kokufa.√ (2) 3.3 Leli binza linomoya wokukhathazeka.√ imbongi ikhathazwa ukuthi abantu asebahamba emhlabeni bayabavakashela abaphilayo babalethele izinhlanhla noma amashwa√ kodwa akekho noyedwa oweqa umthetho/oyikhiphayo imfihlo yempilo yakhe ngemuva kokufa. √ (2) 3.4 Inhloso yembongi ukugqamisa ubulukhuni nendida eyimfihlo yokufa√ Ize ikhulume nethuna ukuthi liyakwazi ukufihla impilo yokwenzeka ngale kokufa okungaqondwa ngabantu abaphilayo. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 3.5 Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa isimo sokukhuluma ukugqamisa ukuthi abantu abakwazi ukuhlola okwenzeka ngemuva kokufa yize bekwazi ukuhlola ezinye izinto eziyimfihlo ezenzeka emhlabeni.√ Imbongi ithi abantu mabangazami ukuthola izimfihlo zokufa noma okwenzeka emuva kokufa ngoba abasoze bayithole impendulo yakho. √ (2) [10] UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE) 'NGIBONGA NGIYANCONCOZA'- (Imbongi ayaziwa) 4.1 Lisacij' izimpond' okweklwa Licijwa ngomlalazi.√/ Umkhondo wokhondolo lwamaklume Uyohluma ngengqakazo yemikhondo yanamuhla, (1) 4.2 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukukhombisa ukuthi umqondo walokho ekushoyo uphelela emgqeni olandelayo.√ Imbongi ithi iklonyelisiswe ngokuphumelela kwayo ekubhaleni izinkondlo√ isebenzisa ulwazi olujulile olungatholakali kalula.√ (3) 4.3 Lo mugqa uqukethe umoya wokuncenga/wokunxusa.√ Imbongi inxusa laba abayisizile bayifunidisa ukubhala yaphumelela ukuthi baze bangayeki baqhubeke nokufundisa abanye abasafunda ukubhala ngoba ababhali bakusasa yibo laba ababafundisa manje.√ (2) 4.4 Imbongi isebenzise ithoni yokuhalalisa/yokujabula. Kunomthelela wokuthi ayisaziboni isezingeni eliphansi kodwa isikwelinye izinga njengoba seyaziwa nangabantu abakude/seyidume izwe lonke ngenxa yabayisizayo ukuyinika ulwazi olunzulu lokubhala.√ (2) 4.5 Indikimba yale nkondlo imfundo.√ Imbongi ibonga ukufundiswa ukubhala izinkondlo yizimbongi esezimkantshubomvu njengoba nayo isinolwazi olujulile lokubhala izinkondlo iphinde ibancenge oSolwazi ukuthi mabaqhubeke nokufundisa abanye ukuze kungashabalali ukubhalwa kwezinkondlo.√ (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka MBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE) 'NHLIZIYO UNGISAPHI? – JJ Thwala 5.1 Ingqondo ivunguziswa yishisandlu lenhliziyo Inhliziyo engikhomba phambili ngokushabasheka/ Inhliziyo engikhomba phambili ngokushabasheka Ishabasheka impokophelo nenhloso engasaziwayo.√ (1) 5.2 Imbongi igcizelela amandla nokujula kothando√, ithi amandla enawo ngothando ayalusiza ukuthi iphumelele. Lolu thando iluzwa ngaphakathi ekujuleni kwenhliziyo lubambelele noma lugxilile kuyo.√√ (3) 5.3 Imbongi isebenzise isimo sokukhuluma ukugqamisa ukuba ibe yisehluleki ukuzibika ngalolu thando obeluyigabhile ngaso sonke isikhathi kepha yagcina ikwazile ukuzinikela ngokugcwele kulolu thando yize ibinovalo.√√ (2) 5.4 Imbongi ihlose ukugcizelela ukuthi akekho ongaphikisana noNkulunkulu/ Yena ophethe zonke izinto√ njengoba inokuqonda ukuthi uthando luvela kuNkulunkulu ayikwazi ukulwenqaba yingakho ilamukele ngokuzinikela kulo.√ (2) 5.5 Imbongi ikwazile ukusebenzise uphawu oluwumbuzi okwenza leli binza libe ngumbuzo mbumbulu. Imbongi izibuza imibuzo ingenakuphendulwa muntu ukuthi kazi kungani uthando luqonde yona √ futhi inokumangala, ayazi noma izothola ukuhlala kahle/ukwenama yini uma isingenile kulolu uthando.√ (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya QAPHELA: Ohlolwayo makaqikelele ukuthi indikimba yothando/yethemba uyeyamanisa nezingxenye ezithile ezitholakala endabeni. Ukuma kwempendulo yombuzo omude: • Ukuchaza ukuthi iyini indikimba. • Ukuchaza, asekele ngezibonelo ezimayelana nendikimba kule noveli. • Impumelelo yombhali ekudluliseni indikimba kule noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) Isingeniso Indikimba ingachazwa ngokuthi ingumongo wendaba yonke. Ingaba igama elilodwa noma amabili. Indikimba yale noveli imayelana nothando/nethemba. Umzimba • Uthando lukaMhlengi noNontobeko: - UMhlengi uvezwa ethandana noNontobeko kodwa uhlulwa isimo azithola ekusona sokuba nothando lwabantu bobulili obufana nobakhe. Lesi simo siholela ekutheni agcine ecela uNontobeko ukuthi behlukane kodwa akangamniki isizathu. - UNontobeko ngendlela amthanda ngayo uMhlengi kunzima ukwamukela ukuphela kothando lwakhe noMhlengi uphuma efulethini lakhe edidekile edunyelwa yikhanda uze ushayiswa imoto kaNkululeko ayolala esibhedlela. • Uthando lukaNgidi ethanda indodana yakhe (uMhlengi): - UMhlengi nguzinyobulala kaNgidi. UNgidi uthanda indodana yakhe kangangokuba uncamela ukungaganwa ngemuva kokushona kwenkosikazi yakhe kodwa akhulise uMhlengi. - Wamthengela udedangendlale wamasimu omoba wambhalisa nasemafeni akhe okuyindlela eyekhombisa uthando lomzali enganeni yakhe. - Uthando uNgidi ayemthanda ngalo uMhlengi lwenza ukuthi ahambe noNontobeko bayofuna uMhlengi yize ayesemdubile.  Uthando lukaNontobeko noNkululeko: - UNontobeko uthandana noNkululeko ngemuva kokuhlukana noMhlengi. - UNkululeko wala onke amantombazana athandana nawo ngenxa yothando analo ngoNontobeko uze uyamlobola. - Umshado wabo uyabhuntsha ngoba uNontobeko wala uNkululeko ngobusuku obandulela usuku lomshado wabo, ubika uthando ayesenalo ngoMhlengi. - UNkululeko uyehluleka ukwamukela ukuphela kothando lwabo ugcina ngokuzibulala kanti uNontobeko yena ulibhekisa eGcilima ukuyothungatha uMhlengi amthandayo. • Uthando lukaNdumiso noMahlengi: - UNdumiso uba nesikhwele ngoMahlengi ubona nokuthi uthando lwabo seluyantengantenga. - Uthando lwakhe ngoMahlengi lumenza ashaye uXolani ngenxa yokumsola ukuthi Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka uthandana nentombi yakhe (uMahlengi). - Uhlela ukuyobamba uNgidi inkunzi ukuze alobole uMahlengi abe ngowakhe ngokuphelele. - Uma ethola incwadi emalayo ephuma kuMhlengi ukhala njalo, ebalisa ngothando lwakhe ngoMhlengi. • Uthando lukaXolani noMahlengi: - UXolani usehluleka ukugxilisa umqondo wakhe emhlanganweni wosomabhizinisi ngenxa yokuthatheka ngothando lukaMahlengi. - UXolani ugcina esexabane noLungile acabanga nokufaka isehlukaniso ngenxa yothando ayenalo ngoMahlengi. - UXolani uphupha uMahlengi aze amemeze, usebuyela otshwaleni, ubuya ebusuku. - UXolani akakhombisi ukuzwelana noLungile emuva kokusha komuzi wakhe nezingane kodwa ubuyela kuMahlengi ngenxa yothando ayenalo nethemba lokuthi uzothola ukududuzeka. (Namanye amaphuzu asekela indikimba yothando/nethemba ayokwamukeleka.) Isiphetho (uvo lohlolwayo) Umbhali uphumelele kahle ukugqamisa indikimba yothando/nethemba kule noveli. Lokhu kufakazelwa izenzo zabalingiswa abatholakala kule noveli. Ukwazile futhi ukukhombisa uthando lweqiniso/lwethemba. (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo.) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 7 (UMBUZO OMFUSHANE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya 7.1 Udweshu ludalwa ukufika kukaNdumiso elethe uZakithi njengokuyalelwa nguS'bu kanti endlini kaS'bu kukhona uNomthi naye oyintombi kaS'bu.√ UNomthi wabe eseqala ukushaya uZakithi ngoba ethi uyifunani indoda yakhe.√ (2) 7.2 UNdumiso wabona ukuthi kayingangaye wakhumbula izinsizi zakhe, wacabanga amaphoyisa qede wahlaba ngejubane eseqonde emotweni yakhe.√√ (2) 7.3 Lesi siqeshana siphela ngokuthi uZakithi athole ubuqiniso ngoNdumiso owayengumngani kaSbu nokuthi nguyena owayebandakanyeka ekubambeni inkunzi uNgidi nasekubulaweni kukaNyambose.√ Umsakazo wachaza imoto eyayihamba isigebengu esinguNdumiso wanikeza nezinombolo zocingo. √ Konke lokhu nje kwenzeka uZakithi usetekisini uthukuthele emuva kokushaywa intombi kaSbu uNomthi.√ (3) 7.4  Ongathembekile, njengoba ebuza uZakithi ukuthi konje nguyena obethe akafike noNdumiso.√  Oyisidakwa, othanda kakhulu utshwala njengoba ehluleka nokukhuluma futhi ephephuka.√  Oyigwala, njengoba esaba nokulamulela uZakithi kuNomthi.√ (3) 7.5 Ukufika kukaNontobeko ezothungatha uMhlengi owayemale engamnikanga isizathu.√ UNgidi wabe esemdabukela uNontobeko kwavuka uthando olwase luphelile ngendodana yakhe uMhlengi okwakungenzeka ukuthi le nto ayethe uyiyo mhlawumbe akaqhubekanga nayo.Lokho kwenza uNgidi ahambe noNontobeko bayofuna uMhlengi.√ (2) 7.6 Umphumela wawuzoba muhle ngoba babezohlala kahle baqhubeke nezifiso zabo ezinhle zokuthuthukisa ibhizinisi likaXolani.√ UXolani wayengeke athathwe ubuhle bukaMahlengi aze ashiye izingane zodwa endlini ebusuku zize zishele phakathi ngoba efuna ukuyobona intombi yakhe uMahlengi.√ (Nezinye izimpendulo ezinembayo) (2) 7.7 Izenzo zalaba balingiswa ziyefana ezothando lweqiniso oluhambisana nendikimba yethemba.√ UNontobeko uthanda uMhlengi nakuba esemalile unquma ukuyomfuna kubo kwaNgidi enothando/enethemba lokuthi hleze babuyelane√ kanjalo noNomalanga uthanda uManqoba Ngidi nakuba wayesembhalele incwadi yokumala unquma ukumeseka ukuyofuna uMhlengi ngoba enethemba lokuthi uthando lwabo ngeke lubuye luphazamiseke njengoba noNgidi esexolile.√ (3) 7.8 Umbhali uhlose ukugqamisa ubuntu obungefani phakathi kwezindawo zasemakhaya naseThekwini.√ EThekwini yindawo yasedolobheni ehlala abantu abangasizani uma uvelelwe yinto njengoba isigameko sokushaywa kukaXolani babukela bangamlamulela.√ EGcilima yindawo esemakhaya abantu bayazisana kulula ukuba basheshe bafike uma kunento evelile njengoba abantu basheshe bafika ukuzosiza ngesigameko sokubanjwa inkunzi kaNgidi.√ (Nezinye izimpendulo ezinembayo) (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 7.9 Ngiyavumelana ngoba uNdumiso uphatheka kabi ngenkathi esola ukuthi uMahlengi kukhona omunye umuntu wesilisa osevakasha efulethini lakhe.√ Emuva kokushaya uXolani unquma ukuyobamba inkunzi ukuze asheshe alobole uMahlengi okuyinto ayesefungile ukuthi ngeke aphindele kuyo, wagcina ngokuboshwa.√ (2) 7.10 Ngiyazwelana ngoba unqume ukwala uNkululeko, wahamba wayofuna uMhlengi kubo ngenxa yethemba nothando ayenalo ukuthi hleze babengabuyelana baqhubeke nothando lwabo.√ Ngangiyoxolisa inhliziyo, ngiziphindele ekhaya ngifike ngixolise nakumama bese ngiqhubeka nempilo.√√ NOMA Angizwelani naye ngoba uNontobeko wayesemtholile umuntu omthanda ngokweqiniso, wakhetha ukumala ngosuku olwandulela umshado, wayofuna uuMhlengi owayemalile.√ Ngangiyoxolisa inhliziyo, ngingaphinde ngilahle okukhona ngokungekho, ngiphinde le ekhaya ngixolise kubo bonke engangibaphathe kabi bese ngiqhubeka nempilo.√√ (Nezinye izimpendulo ezinembayo zamukelekile.) (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 8 (UMBUZO OMUDE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi QAPHELA: Ohlolwayo makaqikelele ukuthi indikimba yomcebo uyayeyamanisa nezingxenye ezithile ezitholakala endabeni. Ukuma kwempendulo yombuzo omude: • Ukuchaza ukuthi iyini indikimba. • Ukuchaza, asekele ngezibonelo ezimayelana nendikimba kule noveli. • Impumelelo yombhali ekudluliseni indikimba kule noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) Isingeniso Indikimba ingachazwa ngokuthi ingumongo wendaba yonke. Ingaba igama elilodwa noma amabili. Indikimba yale noveli imayelana nomcebo/umona. Umzimba • Ukufuna umcebo kwabantu baseThusini: • Ukuwina kukaNomvula i-jackpot kumdonsela amanzi ngomsele ngoba abantu abaningi bagaqela ukuthola le mali ayiwinile. - Kufika abantu abathi badayisa umshwalense oGoodenough Madonsela kanye noJeli Ndebele. - USkiti wenza icebo lokuthola imali kaNomvula ngokuthi amcebise ukuthi imali ayiphose phezulu ukuze akhiphe amabhadi kanti uzifunela yena imali. • Ukufuna umcebo kukaChule noDaffo: - UChule uvakashela uNomvula ezenza umfundisi ngoba esezwe elemali ayiwinile. - UDaffo Sithole uvakashela uNomvula ebe engumngani kaChule, ufike ameshele ngenhloso yokuthola umcebo. - UChule uhlangana noDaffo bakha icebo lokubulala uNomvula ukuze wonke umcebo kaNomvula ube ngowakhe. - UGenyeza ulahlwa ezimobeni nguDaffo, ethunywe uChule ngoba evikela umcebo kaNomvula ofunwa nguChule. • Ukufuna umcebo kukaMeyili noMaHadebe: - UMeyili uxoxelwa uDladla ngendaba ephume ephepheni kaNomvula yokuhlaselwa ngabantu befuna umcebo kaNomvula okwadala ukuthi bese kuvuka umona kuyena naye awufune. - UMeyili ubiza uzalo ukuba kuzodingidwa ngendaba yokulanda uNomvula nomcebo eThekwini. - UMaHadebe ulanda ushevu wokubulala uMaNdelu ukuze bathole umcebo kaNomvula. - UMaHadebe uthumela uMaHuzu ukuba ayodlisa uNomvula umuthi wokumhlanyisa ukuze athole umcebo kaNomvula., uMaHuza ugcina ngokufa. (Namanye amaphuzu asekela indikimba yomcebo nomona ayokwamukeleka) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka Isiphetho (uvo lohlolwayo) Umbhali uphumelele kahle ekugqamiseni indikimba yomcebo kule noveli. Lokhu kufakazelwa yizenzo zabalingiswa abafuna ukuthi umcebo ube ngowabo ngenxa yomona. Izingxenye ezahlukene ezikule noveli ziyayiveza indikimba yomona ngenxa yomcebo kaNomvula. (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo.) [25] UMBUZO 9 (UMBUZO OMFUSHANE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi 9.1 Ukubona intatheli emgwaqeni njengoba ekade eshaya uDakiyose.√ Uyitshela ukuthi akawuthandi umsebenzi abawenzayo njengoba nakuqala bamzuma ehhotela ezidlele bamthatha isithombe.√ (2) 9.2 Yingoba u-Dicey wayecela u-Donald ukuba akhulule uGenyeza azoziphendulela ecaleni lokudindela iNkanyamba emagcekeni akwakhe.√√ (2) 9.3 Lesi siqeshana siphethe ngokuthi uCarla athole amaqiniso ngomyeni wakhe ukuthi uzwana nabantu abamnyama futhi uyazifikela kumqombothi. √ UGenyeza uveza ubungani phakathi kwakhe no-Wessels ngokumhasha ngezibongo zakhe. √UGenyeza ukhombisa ukungabi nandaba nabelungu okungunkosikazi ka-Wessels ngokuthi athi esakhuluma amngene emlonyeni, athi akasazi isiNgisi.√ (3) 9.4  Ongalaleli, akamlaleli u-Mirriam uma emxwayisa/emkhuza ngokudinda/ngokuthela ngemvubu uDakiyose/uNkanyamba emsebenzini wakhe emzini ka-Dicey.√  Onodlame njengoba eshaya inkanyamba ingenze lutho kuyena.√  Odelelayo utshela izintatheli ukuthi zimdina kabi ngokuthatha izithombezimkhiphe emaphepheni.√  Ongahloniphi akalindi umka-Wessels aqede ukukhuluma umngena emlonyeni umtshela ukuthi akasazi isiNgisi. √ (Okuthathu kwalokhu.) (3) 9.5 Isu likaChule benoDaffo lokubulala uNomvula aliphumelelanga ngoba uNomvula wakwazi ukuzivikela kwagcina kufe uChule noJamu. UDaffo wazama ukubaleka wacasha esihlahleni izinja zamaphoyisa zawuthola umkhondo wakhe, kwaba ukuboshwa kwakhe. (2) 9.6 Wawungaba muhle, uChule wayengandisa amabhizinisi akhe belekelelana noNomvula.√ Babengagcina sebenomndeni omkhulu nezingane behlezi kahle agcine esekhohliwe imbangi yakhe enguGenyeza njengoba babezobe sebehlale isikhathi eside bezwana noNomvula.√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 9.7 Izenzo zikaDaffo noMaHadebe ziqhutshwa umona ngoba bobabili bafuna umcebo kaNomvula√ UDaffo weshela uNomvula ebe engumngani kaChule ngenhloso yokufuna umcebo√ kanti uMaHadebe ngenxa yomona nokufuna umcebo kaNomvula ubhala incwadi uyithumela kuNomvula emazisa ukuthi akaphuthume ekhaya ngethemba lokuthi uzomfakela umuthi bese eyamhlanyisa athole umcebo wonke kaNomvula.√ (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwemukeleka.) (3) 9.8 Umbhali uhlose ukugqamisa uthando lwemali ngokweqile kubantu baseThekwini kanye nabaseMangweni.√ EThekwini abadayisi bomshwalense nabamafenisha, umfundisi mbumbulu uChule nabangani bakhe uSkiti owayesebenza khona eThusini bonke babesebenzisa amasu ahlukene okufinyelela kumcebo kaNomvula.√ EMangweni lo mcebo kaNomvula ufunwa uzalo ngokuzama ukubulala unina uMaNdelu ngomuthi bese behlanyisa uNomvula kanye nokuthumela uMahuzu nabangani bakhe ukuyodlisa uNomvula umuthi ngenkani ukuze ahlanye.√ (3) 9.9 Ngiyavumelana ngoba ngaphambi kokuba uNomvula awine umjaho wamahhashi wayezisebenzela kwaDicey njengomsebenzi wasezindlini enesoka lakhe uGenyeza.√ Kuthe kungaphuma ephepheni nesithombe sakhe ukuthi uwunile abantu abaningi baqala bawufuna lo mcebo kaNomvula, kwaba isisusa sodweshu empilweni kaNomvula.√ (2) 9.10 Angizwelani noMaHadebe ngoba uMahuzu wayeyindodana yakhe okwakufanele ayikhombise indlela elungileyo yokuphila kodwa yena engumama wamthuma ukuba ayodlisa udadewabo umuthi ukuze ahlanye.√ Ngangiyocela uxolo kuMaNdelu nakuNomvula nakumyeni wami ngokungamlaleli engikhuza bese ngipheza ukwenza okubi nakwabanye abantu.√ (Impendulo ehleleke kahle ebonisa ukuzwelana izokwamukeleka.) (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 10 (UMBUZO OMUDE) KUNJALO-KE – ME Wanda QAPHELA: Ohlolwayo makaqikelele ukuthi indikimba yokuxegelwa isimilo ayikhiphile akayeyamanise nezingxenye ezithile ezitholakala endabeni. Ukuma kwempendulo yombuzo omude: • Ukuchaza ukuthi iyini indikimba. • Ukuchaza, usekele ngezibonelo ezimayelana nendikimba kule noveli. • Impumelelo yombhali ekudluliseni indikimba kule noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) Isingeniso Indikimba ingachazwa ngokuthi ingumongo wendaba yonke. Ingaba igama elilodwa noma amabili. Indikimba yale noveli imayelana nesimilo esixegayo. Umzimba • UMoloi - Ushadile kodwa ukhulelisa uMisi Hlophe. - Ushela uDumazila ebe engumfundi esikoleni sakhe futhi efundisa noMisi Hlophe, ukhulelisa uDumazile. - Uhlangana noDumazile esesebenza kumshwalense, abuyelane naye yize azi ukuthi useshadile uDumazile, agcine ngokulwa noSithole emzini kaMtalaselwa. • USithole - USithole ushadile noMaNzimande, ushela uDumazile yize emncane kunaye. - USithole ukhulelisa uDumazile engashadile naye futhi engahlukanisile nenkosikazi. - USithole ushiya inkosikazi yakhe uMaNzimande uthengela uDumazile umuzi uhlala naye eMlazi engamlobolanga. • UDumazile - UDumazile uqoma uthisha uMoloi yize eyingane yesikole. - Utshela uMisi Hlophe omfundisayo esikoleni ukuthi yena ngeke ahlukane nothisha uMoloi. - UDumazile wembatha/ulala noMthivovo asebenza naye esitolo. - UDumazile uba nezingane zobaba abahlukene ebe engashadile nabo. - Uthi engunkosikazi kaMtalaselwa anqume ukuma nezimoto emgwaqeni zobaba bezingane zakhe. - UDumazile uqamba amanga kuMtalaselwa athi uya emsebenzini kanti akangenanga ngalelo langa. (Namanye amaphuzu asekela indikimba yesimilo esixegayo ayokwamukeleka.) Isiphetho Umbhali uphumelele kahle ekudluliseni indikimba yesimilo esixegayo kule noveli. Lokhu kufakazelwa izenzo zabalingiswa abatholakala kule noveli. Ukuxega kwesimilo sikaDumazile kuholele ekutheni bonke abantu aye nabo ocansini batheleleke ngegciwane. Kwaze kwafa uMaNzimande noMtalaselwa ababengenacala. (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo. [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 11 (UMBUZO OMFUSHANE) KUNJALO-KE – MJ Wanda 11.1 Udweshu ludalwa wukuthi uKheswa akakholwa uma ezwa ngokuzibuyela kukaMaNdovele ekubeni nguyena owayemxoshile√ futhi akasafisi ukuhlala yedwa njengempohlo ebe eganiwe.√ (2) 11.2 UMandovela wayesaba ukuthi mhlawumbe uKheswa wayefuna ukumqobaqoba futhi engakhololwa ukuthi wayembiza ngomoya okhululekile (2) 11.3 Lesi siqeshana siphethe ngokuthi uKheswa akhombise ukuxola ngesenzo sikaDumazile sokukhulelwa, kuba nokubuyisana komndeni.√ UKheswa wemukela igama lomntwana kaDumazile aliqanjiwe.√ Wabe esethembisa ukuyikhunga ingane ngakusasa.√ (3) 11.4  Unothando lomndeni wakhe njengoba ejabulela ukubuya kuka MaNdovela ekhaya nobengakuthandi ukuhlala yedwa.√  Unoxolo, uxolisa kuMaNdovela ngamazwi ayewakhiphe mhla ezwa kuthiwa uDumazile ukhulelwe.Uthembisa ukukhunga ingane.√  Uyaboniseka, utshela uMaNdovela ukuthi bebehlangene nozalo ukuthi kuzomela aye kolanda inkosikazi yakhe.√ (Nezinye izimpendulo ziyokwamukeleka.) (3) 11.5 Isigameko esaholela uMaNzimande ukuba ayosebenza emakhishini yingoba wayesehlupheka uSithole esebhungukile ekhaya esehlala noDumazile emafezini engesesona isigwili eseyinto yophuzo oludakayo.√√ (2) 11.6 Wawuzoba muhle, wayengeke azithole esengumuntu onodlame oshaya uDumazile ngenxa yezenzo zikaDumazile ezingezinhle zokubuyelana nabantu ayethandana nabo bese begcina ngokulwa emzini wakhe.√√/ Wayengagcina eshade nomama wengane yakhe yeminyaka yakwaZungu eyayithandwa unina.√√ (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) 11.7 Bobabili bangabalingiswa abangenaso isimilo√. UMoloi ushadile, uthandana nengane yesikole enguthisha wayo okwagcina kuholele ekutheni aphelelwe ngumsebenzi wokufundisa uphinde, abuyelane noDumazile eseshadile agcine ngokugula √ kanti noDumazile uthandana nothisha ebe eyingane yesikole, athandane nomqashi wakhe uSithole oshadile abuyelane noMoloi eseshadile agcine ngokugula ashone.√ (3) 11.8 Umbhali uhlose ukugqamisa ukuthi noma kusemakhaya noma kusedolobheni akwemukelekile ukungabi nesimilo komuntu.√ EMzimkhulu kusemakhaya, abantu bakhona abakwamukeli ukungaziphathi kahle komuntu wesifazane njengoba uDumazile wakhuleliswa uthisha kanye nosomabhizinisi onguSithole bebe bebadala kunaye futhi ebe engashadanga nabo√ kanjalo naseMlazi abantu abazithandi izenzo zikaDumazile zokulokhu evakashelwa abantu besilisa ebe eyinkosikazi kaMtalaselwa ezagcina zithele umuzi wakhe ngehlazo lapho amadoda eselwa ebanga yena.√ (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 11.9 Ngiyavumelana ngoba uDumazile ubeyingane esithandayo isikole engenankinga kodwa udweshu lwaqala lapho uMoloi owayenguthisha eseshela uDumazile kanye nokuzwa omemu behleba ngaye bethi uthandana nothisha uMoloi okwagcina uDumazile emqoma uMoloi ngoba esemsebenzisela imithi.√√ (2) 11.10 Ngiyazwelana ngoba wayecabanga ukuthi ikhona imoto ayesenayo eyayisengamsiza√ njengoba wayephuma ejele futhi elahlekelwe yikho konke ayenakho.√ Ngangingaxolisa inhliziyo ngixolise kumkami, ngibhekane nomsebenzi wami omusha, ngikhohlwe iveni.√ NOMA Angizwelani noSithole ngoba wayethenge umuzi ngegama likaDumazile ebe enonkosikazi wakhe kanti uzoboshwa iminyaka emithathu.√ UDumazile wayenelungelo lokuyithengisa iveni njengoba kwakungumuzi wakhe.√ Ngangiyokwamukela ukuthi ayisekho iveni, ngisebenze kanzima ukuze ngithenge enye ngikhohlwe okwenzekile. Ngixolise kunkosikazi ukuze sibhekane nempilo kabusha√ (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 12 (UMBUZO OMUDE) IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi QAPHELA: Ohlolwayo makaqikelele ukuthi indikimba yobuntu/yokungabi nobuntu ayikhiphile akayeyamanise nezingxenye ezithile ezitholakala endabeni. Ukuma kwempendulo yombuzo omude: • Ukuchaza ukuthi iyini indikimba. • Ukuchaza, usekele ngezibonelo ezimayelana nendikimba kule noveli. • Impumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba kule noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) Isingeniso Indikimba ingachazwa ngokuthi ingumongo wendaba yonke. Ingaba igama elilodwa noma amabili. Indikimba yale noveli imayelana nokuba/nokungabi nobuntu noma imayelana nemfundo. Umzimba  UNgubane akanabo ubuntu - UBafana akakhombisi ubuntu uxosha umalume wakhe omkhulisile emzini wakhe ngoba ethi ufike engashongo futhi akamfakanga ohlelweni lwakhe. - UBafana akanabo ubuntu mayelana nesimo sikaLinono utshela umalume wakhe ukuthi uLinono kwakungamele avume ukudlala amadoda, ngakho ke kwakufanele ahambe nezingane zakhe ukuyogana. - UNgubane wayengenabo ubuntu kusukela esikoleni eManzimtoti wayebiza oThathezakhe athi baletha izimbungulu ekolishi. - UNgubane wenqaba ukudla nabanye abafundi ngoba ethi akadli nabantu abangameji futhi abangenamakhozi. - UNgubane akaziniki isikhathi sokwazana nomakhelwane bakhe ngoba umuzi wakhe umuhle. - UNgubane wenqaba ukusiza u-Ben Martins owayecabanga ukuthi uzokwazi ukubaxhumanisa nomphakathi wasemalokishini ukuzebasize abampofu abahluphekile.  UPoppie akanabo ubuntu - Uxosha uMaXakushe usola uNgubane ngokuthi kungani etshele yena ukuthi u- Euthenasia ubetshontsha imali yakhe njengoba izindaba zezingane zibhekelwe nguye. - Utshela uNgubane umyeni wakhe owakhuliswa ngumalume uCele ukuthi akawufuni umndeni wakhe waseMpaphala. - Usola u-Euthenasia ngokufika apheke inyama abuye nayo eMpaphala ngoba engazi ukuthi ihloliwe yini. - Akabingeleli izingane zikaLinono ngenkathi kunomncintiswano womgijimo. - Ufisa ngisho nokudlisa izingane zikaLinono ukuze kube ngezakhe eziphumelela emdlalweni womgijimo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka  UNjini unobuntu emndenini - Ukwazile ukukhulisa izingane zikadadewabo uBafana noLinono uQophitshe owashona yize uyise wezingane ephila. - UCele ubonisa ubuntu ngokuthi aphinde akhulise abazukulu bakaNgubane okunguHlanganisani no-Uzithelile. - Uthandazela u-Euthenasia ngenkathi ephethwe yiphika nakuba uNgubane wayemphathe kabi, emphendula kabi. - Wamukela u-Euthenasia ekhaya eMpaphala, umenzela nesiphandla ngokosiko, uze umphathisa nomkhono wenyama okwakufanele abuyele nawo ekhaya. - Ukhulisa isizukulwane uZaneqiniso nakuba umkhulu wakhe uBafana wayengabamukelanga abazukulu bakhe. - Ubonisa ubuntu ngokwamukela u-Poppie noNgubane emzini waseMpaphala nakube bona babemxoshile emzini wabo eMlazi.  UHlanganisani unobuntu emndenini - Ukhombisa ubuntu kuPoppie umshayela ucingo ukumazisa ngokufika kuka- Euthenasia owayeqile kubo. - Uhlala nezingane zika-Melody/uVukuzithathe ngesikhathi esephindele esikoleni. - Utshela u-Euthenasia ukuba alande uPoppie njengoba ayesesele yedwa e-La Lucia ukuze bazohlala naye eMpaphala.  U-Uzithelile unobuntu emphakathini - Uthumela u-Marie van den Berg i-emeyili ukuba abheke u-Melody njengoba ebhale incwadi yokuzibulala. - Udela impilo engcono yokuba asebenze umsebenzi awufundele phesheya wokuba ngudokotela unquma ukusiza umphakathi. - Ukhombisa ubuntu ngokunakekela umphakathi ngokuba awukhuthaze ukuba utshale ukuze kungabibikho indlala endaweni yangakubo. (Namanye amaphuzu asekela indikimba yokuba nobuntu/nokungabi nobuntu.) Isiphetho (uvo lohlolwayo) Umbhali uphumelele kahle ukudlulisela indikimba yokuba/yokungabi nobuntu. Ukufunda kukaNgubane kuholele ekutheni aphelelwe ubuntu kanti uNjini Cele noHlanganisani bakhombisa ubuntu kuBafana bayamemukela eMpaphala. (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo.) (Namanye amaphuzu asekela impendulo ayokwamukeleka.) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 13 (UMBUZO OMFUSHANE) IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi 13.1 Udweshu ludalwa ukuthi u-Euthenasia akakuthandi ukutshelwa nguMelody isizathu sokuba bangezwani noMaXakushe owayengugogo owayeqashelwe ukuzosebenza kwaNgubane.√√ (2) 13.2 U-Euthenasia wayezozinika umsebenzi wokushumayeza abantu bakubo ukuba bayeke ubuncelebane bokubiza amaNdiya ngonkosana singekho isidingo salokho.√√ (2) 13.3 Lesi siphetho sinokubuyisana/nokuvumelana phakathi kuka-Melody no- Euthenasia ngoba uyavuma ukuthi uyoba yingxenye yomkhankaso wokubiza amaNdiya ngonkosana.√ U-Melody uphinde uyagcizelela ukuthi nakanjani komele azame ukuqoqa ekamelweni lokulala lakhe u-Euthenasia futhi athathe nesitsha abedla ngaso asiyise ekhishini njengokuyalelwa nguMaXakushe.√ U-Euthenasia ugcina ngokuvuma ukwenza noma ekhononda lokho ayekutshelwa uMelody.√ (3) 13.4  Akahloniphi, ubiza ugogo uMaXakushe ngesisebenzi.√  Oqaphelayo, akakuthandisisi ukubandlululwa ngugogo abize u-Melody ngenkosazane yena ebe engakaze ambize ngonkosana.√  Owazisa amalungelo, uthi mhla wakhula uyokulelwa ukubizwa kwamaNdiya ngonkosana.√ (3) 13.5 U-Prisca wantshontsha isikhiye semoto kaBafana wasinika isoka lakhe uNkebelele. UNkebelele waginqa imoto, yalahla umgwaqo ngalobo busuku. UBafana wazama ukuvula icala ukuze umshwalense umkhokhele. UMgwazeni wabuya eGoli wamesabisa ukuthi uzombulala uma engalicishi icala.√√ (2) 13.6 Wawungaba mubi, wayezoqhubeka abe namabhadi/amashwa ngoba uMaMsibi ayehlala naye futhi eyithwasa wayebona ukuthi amashwa ayenzeka kuNgubane/kuBafana ayedalwa ukuthi wayenesithunzi esimnyama okwakumele ayosigeza ekhaya eMpaphala.√√/Wayengagcina ehamba ehlala emgwaqeni, adle udoti olahliwe, agcine esefana nomuntu ongaphilile ekhanda. Agcine eshonile aze agcwatshwe nguhulumeni.√√ (Nezinye izimpendulo ezinembayo.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 13.7 Bobabili abalingiswa bakhombisa ukuba nobuntu kwabanye abantu.√ UHlanganisani wenza umsebenzi wokubuyisa umndeni wonke uhlale ndawonye nakuba oNgubane babengabamukelanga ukuba bahlale nabo√ kanti no-Uzithelile ubuya phesheya angaqali ngokwenza umsebenzi awufundele kodwa uqoqa umphakathi wangakubo ukuba balwisane nendlala ngokuba kulinywe.√ (Nezinye izimpendulo ezihambisana nendikimba zamukelekile.) (3) 13.8 Umbhali uhlose ukugqamisa ubuntu nokwazisana okungefani kulezi zindawo.√ EThekwini yindawo yasedolobheni ehlala abantu kodwa abangazisani, abazani izibongo ngenxa yokuthi bakhe izindonga ezinde ezenza bangabonani.√ EMpaphala yindawo esemakhaya abantu bayazisana, noma uHlanganisani no-Uzithelile sebefunde kakhulu kodwa abakhohlwanga ukulekelela umphakathi waseMpaphala ngokuwenzisa izinto ezazizoxosha indlala.√ (3) 13.9 Ngiyavumelana ngoba udweshu empilweni kaBafana lususwa ukuthi waxosha umalume wakhe ngoba ethi akamazisanga ngokuza kwakhe, wenqaba nokuthatha izingane zikadadewabo uLinono ukuba azikhulise njengoba umalume wakhe wayengesenawo amandla ukuzikhulisa.√√ (2) 13.10 Ngiyazwelana ngoba uNgubane wayemthemba njengodokotela owayezomsiza ezinkingeni ayebhekene nazo zomndeni wakhe.√ Ngangiyolalela konke akushoyo, ngixolise ngokuziphatha ngaleyo ndlela.√ Ngiqhubeke ngenze konke angitshela kona ukuba ngikwenze okuzosiza umndeni wami ukuba ungabhidliki.√ NOMA Angizwelani ngoba uNgubane wayephila impilo yokuzikhukhumeza ebabukela phansi abanye abantu ngisho esasesikoleni.√ Ngangiyolalela konke angikhuza ngakho, ngishintshe indlela engiphatha ngayo abanye abantu.√ Ngingaphinde ngilenze lelo phutha lokubukela phansi abanye abantu njengoba sengibonile ukuthi engikwenzayo kubhidliza mina nomndeni wami.√ (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 14 (UMBUZO OMUDE) UBUCIKO BOMLOMO UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba QAPHELA: Ohlolwayo makaqikelele ukuthi uxoxa indikimba uyeyamanisa nezingxenye ezithile ezitholakala endabeni. Ukuma kwempendulo yombuzo omude:  Isingeniso: Ohlolwayo makachaze indikimba.  Umzimba: Ohlolwayo makaphendule agxile kokubuziwe aphinde asekele kusukela ekuqaleni kuze kufike ekupheleni kobuciko bomlomo.  Isiphetho sempendulo (Uvo lohlolwayo): Ohlolwayo makaveze uvo lwakhe mayelana  Nempumelelo yomxoxi, yembongi neyabahayi ukugqamisa indikimba yenganekwane, eyezibongo kanye neyamahubo. ISINGENISO Indikimba ingachazwa ngokuthi ingumongo wombhalo wonke. Ingaba igama elilodwa noma amagama amabili. Indikimba etholakala kule nganekwane yindikimba yokufa kuthi indikimba etholakala ezibongweni kube ndikimba yobuqhawe kanti etholakala ehubeni eyempumelelo. UMZIMBA INGANEKWANE: UNWABU NENTULO Kule nganekwane kutholakala indikimba yokudabuka kokufa.  UMdali wanquma ukuthi atshele abantu ukuthi angeke baze bafe.  Izinduna zakhetha unwabu ngoba linejubane zazi ukuthi lalizowuphuthumisa umlayezo wokuthi abantu ngeke bafe.  UMdali naye wajabula uma kukhethwa unwabu ngoba azi ukuthi umlayezo wokuthi abantu angeke bafe uzosheshe ufike ebantwini.  UMdali waluthuma unwabu ukuba lutshele abantu ukuba abezukufa kepha unwabu lulibala ukudla ubukhwebezane kwaze kwaxakeka abantu emakhaya noMdali ngokungabuyi konwabu.  UMdali wanquma ukuthuma intulo ukuya kubantu ukuyobatshela umyalezo owehlukile wokuthi sebezokufa ngenxa yokungabuyi konwabu.  Intulo yagijima yabatshela abantu ukuthi bazokufa, lwathi luqambe lufika unwabu emuva kwezinsuku abantu base bebambe umlayezo wentulo wokuthi bazokufa.  Kusukela ngalelo langa abantu abaphilanga ingunaphakade base befa. KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka NEHUBO: THINA SENZE NJE Kuleli hubo kutholakala indikimba yokuba nesibindi.  Leli yihubo eligqamisa ukukwazi ukudlulisa izikhalazo zabasebenzi uma bebhekene nokungaphathwa kahle abaqashi.  Abasebenzi bashiya umsebenzi baphume ngobuningi babhekane ngqo nabaqashi ngokubaphoqa ukuba balalele izikhalazo abanazo ngemali.  Babeka imigomo nemibandela yokukhushulelwa imali bebonisa ngokucula nokubeka amathuluzi okusebenza phansi. ISIPHETHO (uvo lomfundi) Umxoxi, imbongi nabahayi baphumelele kahle ukudlulisa indikimba kulobu buciko bomlomo. Lokhu kugcizelelwa izenzo zabalingiswa abahlukene umxoxi wenganekwane, imbongi kanye nabahayi. (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo.) (Namanye amaphuzu asekela impendulo ayokwamukeleka.) [25] UMBUZO 15 (UMBUZO OMFUSHANE) UBUCIKO BOMLOMO UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba 15.1 Ihlathi laseNtshonalanga.√ (1) 15.2 Impisi yasuka ngelikhulu ijubane ukuze ilithole kuqala ihhashi bengakafiki oHlakanyane namanqe.√ Okwesibili ukuthwala ihhashi alemboze ngotshani ukuze kube ngelayo yodwa.√ (2) 15.3 Lapho kukhona isidumbu ilapho kutholakala amanqe.√ Kule nganekwane impisi yayicabanga ukuthi kufanele iphuthume ithathe ihhashi elizifele ngoba amanqe azosheshe alithole kuqala ngoba adla izilwane ezifile.√ (2) 15.4 Okufanayo ngamanga.√ Isisho esithi ukusenga ezimithiyo sichaza ukuqamba amanga kanjalo nenkulumo kaHlakanyane yokutshela impisi ukuthi kunehhashi elizifele kwakungamanga√ ngoba ihhashi laliphila saka lizilalele, yona yayenzela ukujezisa impisi ngenxa yokuba yisiminzi.√ (3) 15.5 Udweshu lulapho impisi icabanga ukuthi amanqe angahle afike azoyibangisa kule nyama yehhashi,√ yaphinde yacabanga ukugijima iyobiza inkosikazi nezingane bazozitika ngenyama,√ yabuye yacabange ukumboza inyama ngotshani ngaphambi kokubiza inkosikazi,√ yaphinde yacabanga ukulisusa ihhashi kule ndawo ekulo.√ (Okubili kwalokhu.) (2) 15.6 Umyalezo uthi umhobholo awukhokheli.√ Impisi yayisiyaziwa ngokuba nomhobholo okwenza uHlakanyane enze isu lokuyijezisa ngokuyiqhatha nehhashi, impisi yagcina isiphume amazinyo ingasakwazi ukudla inyama. √ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 15.7 Umlandi usethulele kahle isingeniso senganekwane ngoba kukhona umxoxi ongenisa inganekwane ngokuthi, 'Kwesukesukela …', abalaleli baphendule ngokuthi,'cosu.√ Inganekwane umxoxi uyethula ngokwethula umlingiswa onguHlakanyane onenkinga ngokuphila nempisi eyisiminzi enomhobholo nokudla.√ Umlandi uphinde ethule isimo senhlalo esimuncu ngoba kukhona ukungezwani phakathi kwempisi noHlakanyane wase ethula nesizinda ngokwendawo okuyihlathi laseNtshonalanga.√ (3) 15.8 Kwelingafelwa nkonyane idlelo, Idlelo lemihlambihlambi.√ Ukuxhumana okutshekile.√ (2) 15.9 Leli hubo libalisa ngokuhlukumezeka kwesizwe esimpisholo/esimnyama ngoba sihlukunyezwa singone lutho√ kanjalo esiqhingini sase-Robben island kwakugcinwe iziboshwa zomzabalazo iningi lazo ezazimpisholo zingenze lutho kepha zifuna ukukhululeka nje qha.√ (2) 15.10 Unondlini yinkomazi enobisi oluningi eyondla abantu basuthe.√ ngakho-ke isiqhingi sase-Robben Island sekuyindawo yombukiso isigcina magugu enothisa izwe ngoba izinkulungwane zabantu sezivakashela khona zikhokhe imali eshisiwe izwe linothe.√√ (3) 15.11 Lesi sisho sisetshenziswe kahle ngoba sichaza ukuthi njengoba nawe usubuzwa ubuhlungu engabuzwa nami ngangibuzwa lobo buhlungu.√ Abantu ababelwela inkululeko babezondwa besiwa kulesi siqhingi bezwa ubuhlungu kepha izinto manje sezijikile itshe seligaya ngomunye umhlathi√ ngoba labo ababezonda bejezisa bephethe izwe ngesihluku sekuyibo abezwa ubuhlungu ngoba izwe manje seliphethwe abantu abamnyama ababengabafuni.√ (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU C: UMDLALO UMBUZO 16 (UMBUZO OMUDE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo QAPHELA: • Ohlolwayo makaqikelele ukuthi kulo mdlalo uxoxa ngokubhebhetheka kodweshu kuze kufike kuvuthondaba lomdlalo. Ukuma kwempendulo yombuzo omude: o Isingeniso: Ohlolwayo makethule abuye achaze udweshu nezinhlobo zalo. o Umzimba: Ohlolwayo makaphendule asekele ngokusencwadini. o Isiphetho sempendulo (uvo lohlolwayo): Ohlolwayo makaveze uvo lwakhe ngempumelelo yombhali ekubhebhethisekeni udweshu lwalo mdlalo. ISINGENISO: • Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo ayizibonelo mayelana nodweshu lwalo mdlalo: • Udweshu luhlukene kabili. Kukhona udweshu lwangaphakathi kanye nodweshu lwangaphandle. - Udweshu lwangaphakathi: Liwukungqubuzana kwemicabango yomlingiswa ethatha ebeka ngaleyo nkinga abhekene nayo. - Udweshu lwangaphandle: Liwukungqubuzana phakathi kwabalingiswa ngokwenza nangokukhuluma. Lolu hlobo lodweshu yilona olukhulisa umdlalo uze ufike esicongweni. UMZIMBA Udweshu lwangaphakathi • Ukucabanga okuletha ukukhathazeka kukaMdaluli ngenxa yephupho elimfikele. • Ukubalisa kukaMdaluli emuva kokuvakashelwa uManqina bexoxa ngodaba lokudilizwa kwabo emsebenzini. • Ukukhathazeka kukaMdaluli mayelana nesikweletu saseMangosuthu sikaLondiwe. • Imicabango kaHlengiwe ngemuva kokushelwa uChivenga ebe enesoka uManqina. • UMdaluli ukhathazwa yiphupho ngenkathi esejele emuva kokushaya uChivenga. Udweshu lwangaphandle • UMdaluli unqaba ukudla akuphakelwe uMaMlanduli uze uyamthethisa. • UMdaluli ushaya umkakhe uMaMlanduli kuze kulamula uMaNqina. • UMdaluli ufuna indabandaba ngenkani kuMaMlanduli, uze umshaya ngensilane kufike amaphoyisa, ambophe. • UMdaluli uhubha izingane zakhe ngesibhamu ezixosha emzini wakhe ngenxa yokuthi uLondiwe umbophisile ngokushaya uMaMlanduli. • UMdaluli uthakatha uChivenga, aze ayolala esibhedlela ngoba ethi umthathela umsebenzi wakwaSaziwayo. • UMdaluli uhlasela uChivenga ehlathini emshaya ngemolontshisi, kuqhamuka uZayeka ogcina embophile uMdaluli. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIPHETHO SEMPENDULO (UVO LOHLOLWAYO): Umbhali uphumelele ukubhebhethekisa udweshu lwangaphakathi nolwangaphandle luze lufike esicongweni kulo mdlalo Lokhu kuboniswa yizenzo zabalingiswa ezikhulise udweshu kulo mdlalo nokwenza umdlalo waba noheho. (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe, abhale impendulo yombuzo njenge-eseyi.) [25] UMBUZO 17 (UMBUZO OMFUSHANE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo 17.1 UMdaluli ujatshuliswa ukubuyela ekhaya ahlangane nomndeni wakhe√ emva kokuba ehlukene nomndeni wakhe izinsukwana. √ (2) 17.2 Umoya wentukuthelo.√ UMdaluli uthukuthelele uLondiwe ngenxa yokuthi umbophisile ngakho-ke uyamxosha emzini wakhe. ULondiwe naye ufikelwa yintukuthelo wala uyaphetha ukuhamba.√ (2) 17.3 Indikimba yalo mdlalo eyokucwasa nodlame emphakathini.√ UMbhebhezeli ucebise uMdaluli ukuba aloye uChivenga ngoba uyisifikanamthwalo esizothathela uMdaluli umsebenzi√ nangempela uMdaluli wamloya uChivenga njengokucetshiswa uMbhebhezeli, wagcina uChivenga esesibhedlela esebole isandla.√ (3) 17.4  UMdaluli wayefune indabandaba kuMaMlanduli ngenkani wathi uma enqaba uMaMlanduli uMdaluli wambhaxabula ngenduku uLondiwe wabiza amaphoyisa ngomakhalekhukhwini.√  Uma uMdaluli eseboshiwe waqhamuka necebo lokuthi uMaMlanduli akancenge uLondiwe ukuthi asule icala ngoba useyazisola ngakwenzile.√  UMdaluli uyaphuma ejele ukhumbuza uLondiwe ukuthi izinkunzi ezimbili azibusi esibayeni esisodwa ukusho lokhu ngoba wayesenenzondo yokuthi wayembophisile.√ (3) 17.5 Amveza njengomlingiswa onguzwi lakhe futhi ongafuni ukuboniswa uma enze iphutha √ ngoba esikhundleni sokubona iphutha lakhe ubona sengathi uyadelelwa.√ ULondiwe ubophise uyise ngoba eshaya unina lokho okukhomba udlame lwasekhaya okuyisenzo esingamukelekile kodwa uMdaluli akakuboni lokho ukuthi kubeyiphutha√. (3) 17.6 Inhloso yombhali ukugqamisa ukuthi udlame lwanoma uluphi uhlobo alwamukelekile ekhaya.√ Kwakungamele ukuthi uMdaluli edilizwa emsebenzini futhi exoshwa uSaziwayo bese edubela kuMaMlanduli afune indabandaba ngenkani uma enqaba bese eyamshaya.√ (2) 17.7 Isizathu sokusebenzisa inkathi yamanje ukugqamisa inkohlakalo eyenzeka emnyangweni wezasekhaya√ nokuthi bagcina ngokutholakala bajeze abenzi benkohlakalo.√ UHeshane ugwazelwa uChivenga ukuze athole ubuzwe ngokuthi amshadise noHlengiwe engazi kepha ugcina etholakele wamiswa nsemsebenzini.√ (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 17.8 Wawuzoba mubi ngoba uHlengiwe wayezobe ebonile ukuthi uChivenga unamanga futhi unobugebengu, wayengeke avume ukuthandana naye sanhlobo.√ Wayezobona ukuthi uChivenga wayengenalo uthando lweqiniso kepha wayemsebenzisela ukuthi abe yisakhamuzi sakuleli.√ (2) 17.9 Ngiyavumelana ngoba uMdaluli ubesebuyisene nomndeni wakhe waphuma ejele, wathola nomsebenzi wase evakashela eSudan.√ Ekugcineni kwendaba sekuxoxa umndeni wakhe noZenyezile mayelana nenhlekele evele ezweni lase-Sudan yokuzamazama komhlaba eshiye uMaMlanduli nezingane zingazanga ngokwenzeka kuMdaluli.√ (2) 17.10 Isixakaxaka ukushuba kwezinkinga ngakho-ke umbhali uphumelele ukushubisa izinkinga zikaMdaluli.√ UMdaluli Ulalela uChivenga unyendle uyamlimaza uphinda uyaboshwa lokho kumdalela isixakaxaka ngoba uhlaselwa iphupho labangasekho bembuza ngezingane azixosha.√√ (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 18 (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa QAPHELA: • Ohlolwayo makaqikelele ukuthi kulo mdlalo uxoxa ngokubhebhetheka kodweshu kuze kufike kuvuthondaba lomdlalo. Ukuma kwempendulo yombuzo omude: o Isingeniso: Ohlolwayo makethule abuye achaze udweshu nezinhlobo zalo. o Umzimba: Ohlolwayo makaphendule asekele ngokusencwadini. o Isiphetho sempendulo (uvo lohlolwayo): Ohlolwayo makaveze uvo lwakhe ngempumelelo yombhali ekubhebhethisekeni udweshu lwalo mdlalo. ISINGENISO: • Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo ayizibonelo mayelana nodweshu lwalo mdlalo: • Udweshu luhlukene kabili. Kukhona udweshu lwangaphakathi kanye nodweshu lwangaphandle. - Udweshu lwangaphakathi: Liwukungqubuzana kwemicabango yomlingiswa ethatha ebeka ngaleyo nkinga abhekene nayo. - Udweshu lwangaphandle: Liwukungqubuzana phakathi kwabalingiswa ngokwenza nangokukhuluma. Lolu hlobo lodweshu yilona olukhulisa umdlalo uze ufike esicongweni. UMZIMBA: Kulo mdlalo sithola udweshu lwangaphandle okuyilona olukhulisa umdlalo. Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo: • USalimani uxabana noZithulele uma emtshela ukuthi imingcele isiyagudlulwa, indawo enkulu kuzoba eyabelungu basemapulazini. • UZithulele uxabana neNkosi uSalimani enkantolo yaseMshwathi ngodaba esinqumo sikaHulumeni sokugudluza imingcele yezwe lenkosi uSalimani ngaphandle okubonisana nayo. • Kuba nodweshu phakathi kukaSalimani noMgqabula umlungu owayenikezwe ingxenye yendawo yenkosi uSalimani ngoba uZithulele enze iqhinga lokuthi balwe ukuze uSalimani nabantu bakhe bazosiwa enkantolo indawo yakhe igcine isihathwa ngobuqili. • Ukuya kwenkosi uSalimani, abafowabo nezinduna ehhovisi likaSomtsewu eMgungundlovu ngalo udaba lwemingcele. • Udweshu phakathi kweNkosi uSalimani nabafowabo bafuna iqiniso kuMphiliphili ngobudlelwano bakhe nabelungu njengoba uMphiliphili ebonwa ekhuluma okwesibili noSomtsewu noZithulele abathi basebenzela uHulumeni. • USalimani uxabana noMphiliphili ugcina emjezisa ngokuthi amhlawulise ngezinkomo ngenxa yokungathembeki eNkosini uSalimane ebe eyiNduna yeNkosi. • Inkosi uSalimani uxabana noZithulele phakathi enkantolo yaseMshwathi ngesikhathi kuzothethwa icala likaNomehlo, ngakho-ke uZithulele umtshela ukuthi akaphungule amabutho aqale ngokunqaba agcine ewaphungulile. • Umbhali umsiye nombuzo Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 29 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIPHETHO SEMPENDULO (UVO LOHLOLWAYO): Umbhali uphumelele ukubhebhethekisa udweshu lwangaphakathi nolwangaphandle luze lufike esicongweni kulo mdlalo. Lokhu kuboniswa yizenzo zabalingiswa ezikhulise udweshu kulo mdlalo nokwenza umdlalo waba noheho. (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe, abhale impendulo yombuzo njenge-eseyi.) [25] UMBUZO 19 (UMBUZO OMFUSHANE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa 19.1 USalimani uthi amabutho aphelezele yena√ futhi oNongqayi bakaZithulele bathe akangene enkantolo nabo bonke ahamba nabo.√ (2) 19.2 Umoya wentukuthelo.√ UZithulele ufuna uSalimani akhiphe amabutho enkantolo kepha uSalimani ushaya phansi ngonyawo, ngemuva kwempikiswano eningi nokusongelana uSalimani ugcina eyalela uSikhova ukubaakhiphele phandle iZinyathi.√ (2) 19.3 Indikimba yalo mdlalo ingombangazwe.√ UZithulele uthunywe uHulumeni ukuba atshele uSalimani ukuthi kufanele kuklanywe kabusha imingcele ukuze izwe lithathwe abelungu lokhu kudala ubudlelwano obungebuhle phakathi kukaSalimani noZithulele.USalimani uphikisana nesinqumo sokuklanywa kabusha kwemingcele.√√ (3) 19.4  Abantu basemapulazini babehlasele abantu bakaNomehlo.√  Lokhu kulwa kwakuyisu likaZithulele ukuze kubukeke sengathi abantu bakaSalimane yibona abenochuku.√  UNomehlo wabe eseboshwa wethweswa icala lokuhlasela abantu basemapulazini lathethwa enkantolo emshwathi.√ (3) 19.5 Amveza njengomlingiswa onenkani nonesibindi√ njengoba ala ephetha ukukhipha amabutho akhe ayegcwele enkantolo yize esesatshiswa uZithulele ukuthi azogcina eboshiwe.√ USalimani ubonakalisa ukuthi akayisabi impi engase ibheduke ngenxa yesenzo sakhe.√ (3) 19.6 Umbhali uhlose ukugqamisa ubuqhawe bamanye amakhosi√ njengoba uSalimani akaguqukanga, adayise izwe lakhe. Wakwazi ukuvimba ukuklanywa kwemigcele ngoba ebona ukuthi ubulungiswa abukho, wagcina icala elise eMgungundlovu nalapho wafika wanqoba khona.√ (2) 19.7 Isizathu sokusebenzisa inkathi yengcindezelo ukucacisa umlando wezindlela zobuqili ezazisetshenziswa ngabelungu zokuziklamele izwe labantu abamnyama.√ UZithulele ngomlomo kahulumeni wayehlose ukuklama umngcele uMngeni, uVimbingwenya noMkhabela ngenkani okwenza uSalimani ale aphethe aze aqhubekisele icala eMgungundlovu.√ Babesebenzisa amasu okuthenga abantu benkosi uSalimani ngokubanika izipho ukuze babahoshele izindaba√ (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 30 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 19.8 Umphumela wawungaba mubi ngoba uSalimani wayengeke aphumelele ekukhethiseni abantu mayelana nokuklanywa kwemingcele izwe lakhe lithathwe nguhulumeni ngobuqili ayevele eseqalile ukubusebenzisa.√/ USalimani kwakungenzeka ukuthi abanjwe ukuthi kukhona ubuqili abenzile bese eyaboshwa aphelelwe ubukhosi bakhe. (Nezinye izimpendulo ezinembayo.) (2) 19.9 Ngiyavumelana ngoba uSalimani udlulisela icala enkantolo enkulu yaseMgungundlovu lapho icala lokuklanywa kwemingcele lafika lamlahla uHulumeni kaZithuleleo kwanqunywa nokuthi imali yezindleko zecala zizokhokhwa nguHulumeni kaZithulele.√√ (2) 19.10 Umbhali uphumelele kahle ngoba uZithulele ugweba uNomehlo izinyanga eziyisithupha ejele ngecala lokuhlasela abantu basemapulazini.√ USalimani uphucwa uVimbingwenya, uMkhabela noMngeni kunikwa uMgqabula.√ USalimani udlulisela icala lemingcele kuphi enkantolo enkulu yaseMgungundlovu.√ (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 31 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 20 (UMBUZO OMUDE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga QAPHELA: • Ohlolwayo makaqikelele ukuthi kulo mdlalo uxoxa ngokubhebhetheka kodweshu kuze kufike kuvuthondaba lomdlalo. Ukuma kwempendulo yombuzo omude: o Isingeniso: Ohlolwayo makethule abuye achaze udweshu nezinhlobo zalo. o Umzimba: Ohlolwayo makaphendule asekele ngokusencwadini. o Isiphetho sempendulo (uvo lohlolwayo): Ohlolwayo makaveze uvo lwakhe ngempumelelo yombhali ekubhebhethisekeni udweshu lwalo mdlalo. ISINGENISO: • Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo ayizibonelo mayelana nodweshu lwalo mdlalo: • Udweshu luhlukene kabili. Kukhona udweshu lwangaphakathi kanye nodweshu lwangaphandle. - Udweshu lwangaphakathi: Liwukungqubuzana kwemicabango yomlingiswa ethatha ebeka ngaleyo nkinga abhekene nayo. - Udweshu lwangaphandle: Liwukungqubuzana phakathi kwabalingiswa ngokwenza nangokukhuluma. Lolu hlobo lodweshu yilona olukhulisa umdlalo uze ufike esicongweni. Umzimba Udweshu lwangaphakathi • UPhindisiwe ucabanga ukuthi kungcono angamtsheli uThamsanqa ngoNkululeko njnegoba elokhu emshayela ucingo. • UThamsanqa ucabanga indlela uPhindisiwe ayiyona ngemumva kokukhuluma ocingweni nokushintsha kukaPhindisiwe ngesikhashana abike ukuthi useyagula lesi senzo sikaPhindisiwe simshiya nezinsolo eziningi. • UThamsanqa ucabanga okushiwo uNkululeko ocingweni ukuthi unindwe ngebhotela, uZiphozonke akusiyona ingane yakhe. Ugcina enquma ukuthi kufanele aluphenyisise lolu daba lukaZiphozonke. • UMaMhlongo uthukuthele ucabanga ngemfihlo ayizwe ikhulunywa nguPhindisiwe emayelana nemfihlo athe wavumelana nomuntu thizeni ukuthi angeke idalulwe. Uyazibuza uyaziphendula ukuthi iyini le mfihlo abakhuluma ngayo. • UPhindisiwe usebhange ngemuva kokushiywa nguNkululeko embophe izandla kade begqekeza ebhange, ucabanga ngemali esele ngenkathi eyifaka ku-ATM. Unodweshu ucabanga ukuyithatha ngenxa yokuxinwa yizikweletu, agcine eyithathile. Udweshu lwangaphandle • UPhindisiwe uxabana noNkululeko njengoba usebuyile ejele ufuna babuyelane, ufuna nengane yakhe futhi ufuna imali azoziphilisa ngayo phezu kokuba uPhindisiwe amgqiba ngezinkulungwane ezingamakhulukhulu zemali. • UNkululeko uxabana noMathonsi noMhlongo ngoba eze emzini wakwamaThonsi ezobatshela ukuthi bambuyisele inkosikazi yakhe enguPhindisiwe kanye nengane yakhe uZiphozonke ezathathwa nguThamsanqa ngenkathi yena esaboshiwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 32 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka • UNkululeko ubasongela ngokuthi uma uThamsanqa engayibuyisi indodana yakhe nonkosikazi wakhe uzobadubula. • UNkululeko ushayela uThamsanqa ucingo umtshela ukuthi uzozikhokha izinkomo zakhe zelobolo ngokuhlala nenkosikazi yakhe aseyenze eyakhe, umtshela nokuthi useyayifuna ingane yakhe akade emgcinele yona ngenkathi engekho. • UNkululeko uphinde uxabana noThamsanqa kwaMathonsi, uze ubiza UPhindisiwe ngomkhuhlane womfazi. UThamsanqa kuyamthukuthelisa lokhu, uNkululeko umthebisa ukumdubula. • UNkululeko uxabana noMaKhangela noPhindisiwe ukhumbuza uPhindisiwe ukuthi nguyena ongaziphathanga kahle ngokuzishelela yena. • UThamsanqa uxabana noMaKhangela owenqaba ukuthi athathe inkosikazi yakhe nengane yakhe uZiphozonke ngoba ethi ushaye uPhindisiwe ubusuku bonke, uThamsanqa ugcina ngokuthi uyifuna yonke imali yakhe alobola ngayo uPhindisiwe. • UNkululeko uphoqelela uPhindisiwe ukuthi aye naye ebhange bayogqekeza.Utshela uMaKhangela ukuthi uma eke wawatshela nje amaphoyisa bayoboshwa bonke ngoba uyiqophe yonke inkulumo yabo. ISIPHETHO SEMPENDULO (UVO LOHLOLWAYO): Umbhali uphumelele ukubhebhethekisa udweshu lwangaphakathi nolwangaphandle luze lufike esicongweni kulo mdlalo. Lokhu kuboniswa yizenzo zabalingiswa ezikhulise udweshu kulo mdlalo nokwenza umdlalo waba noheho. (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe, abhale impendulo yombuzo njenge-eseyi.) [25] UMBUZO 21 (UMBUZO OMFUSHANE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga 21.1 UMathonsi uxolisa ngoba bathathe isikhathi abakwaMathonsi ukuza koNkululeko ngenxa yokuthi ubelibele nomndeni wakhe bedingida olunye udaba.√√ (2) 21.2 Umoya wentukuthelo √ uNkululeko ucasulwa ukungabibikho kukaPhindisiwe kanti nguye okuhlanganelwe ngaye kanti uThamsanqa uthukuthelele ukuthi uNkululeko usedelela inkosikazi yakhe ngokuyibiza ngomkhuhlane.√ (2) 21.3 Indikimba yalo mdlalo imayelana nobugebengu obuhleliwe/uthando lwemali.√ Ubudlelwano babo bobabili buyithuthukise indikimba emuva kokuba uNkululeko esephuma ejele kade eboshelwe icala elabe lenziwe uPhilisiwe. Umshayela ucingo ufuna enye imvalamlomo kanye nengane yakhe uZiphozonke uThamsanqa ayecabanga ukuthi eyakhe.√√ (3) 21.4  UNkululeko, uMaqoma noSikela kanye noPhindisiwe benza isu okuyogqekeza ebhange lapho kwakusebenza khona uPhindisiwe.√  Baphoqelela uSarah umngani kaPhindisiwe ukuthi abanike izikhiye zasebhange.√  Bavula ebhange bashaqa imali, kwaba nomuntu owayezokhipha imali ebhange wasola ukuthi kukhona okwenzekayo ngaphakathi wase ebikela amaphoyisa baboshwa bonke.√ (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 33 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 21.5 Ongenasineke.√ akafuni ukuba kulokhu kukhulunywa eminye imidanti efuna ukucaciswa uSikela yokuthi bangobani√ ufuna basho kuphela abeze ngakho bese beyahamba.√ (3) 21.6 Umbhali uhlose ukugqamisa ukuthi akulula umuntu obeyisigebengu ashintshe impilo yakhe√ njengoba uNkululeko ubesejele ethengwe nguPhindisiwe ngemali eyi- R100 000. Akaguquki, uqhubeka ufuna imali kuPhindisiwe enze nobunye ubugebengu nokukhohlisa umndeni wakwaMathonsi.√ (Nezinye izimpendulo ezinembayo.) (2) 21.7 Isizathu sokuba umbhali asebenzise inkathi yamanje ukukhombisa ukuthi esikhathini samanje sebesebenzisa ubugebengu obuhambisana nobuchwepheshe bethekhinoloji futhi obuhleliwe.√ UNkululeko wakwazi ukwenza isithombe nencwadi yomshado okukholekayo esebenzisa ubuchwepheshe.√ UNkululeko nabangani bakhe uMaqoma, uSikela kanye noPhindisiwe balihlela kahle isu lokuyogqekeza ebhange.√ (3) 21.8 Umphumela wawungaba mubi ngoba uThamsanqa wayengeke aphinde amethembe uPhindisiwe.√ Wayezomesula emafeni akhe, amxoshe nasemzini wakhe, angayi nokuya eNkantolo ukuyomeseka uPhindisiwe.√ (2) 21.9 Ngiyavumelana ngoba uPhindisiwe, uNkululeko nabangani bakhe basenkantolo balahlwa icala lokuntshontsha imali ebhange, bagwetshwa iminyaka eyahlukene.√ UPhindiswe axolise ngokunikeza uThamsanqa incwadi, uThamsanqa akhumbule izifungo zabo zomshado aze avukwe umunyu, akhale.√ (2) 21.10 Umbhali uphumelele kahle ngoba sivezelwa uPhindisiwe esethunjwe uNkululeko nabangani bakhe baphoqelela uSara ukuba abanike ukhiye wasebhange√. UNkululeko uma sebengaphakathi ebhange ukhomba uPhindisiwe ngesibhamu ukuthi akakhombe enye imali nokuthi akamtsheli ngani ukuthi kunamakhamera lapha ngaphakathi ebhange.√ UNkululeko ushiya uPhindisiwe ngaphakathi ebhange esazitika ngemali kanti akazi ukuthi sekonakele amaphoyisa asebiziwe.√ (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 34 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka IRUBHRIKHI YOLIMI LWASEKHAYA ISIQEPHU A: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WOMBHALO WOBUCIKO: INKONDLO [AMAMAKI AYI-10] Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi kahle Akugculisi nhlobo OKUQUKETHWE 6–7 4–5 3–4 2–3 0–1 -Ukuhunyushwa -Ukhombisa ulwazi -Isihloko usihlaziye -Ukuhunyushwa -Akanalo nhlobo ulwazi Ukuhunyushwa kwesihloko okunzulu ngesihloko futhi ngokugculisayo kwesihloko akugculisi lwesihloko kwesihloko -Amaphuzu amahle usihumushe kahle -Akhona amaphuzu kahle -Akukho nhlobo Amaphuzu anobunzulu, kakhulu ahlukene -Impendulo echaza amahle asekela isihloko -Kuthukela kuvela okuhambisana ukusekela kanye asekelwe kabanzi ngokwenelisayo -Amanye amaphuzu amaphuzu asekela nenkondlo nokuqonda kabanzi kubhekiswe enkondlweni -Amanye amaphuzu asekeliwe kodwa isihloko -Ohlolwayo akanalo ithekisthi. -Ulwazi oluhle kakhulu anembayo kodwa ubufakazi bubuye -Ulwazi lwenkondlo nhlobo ulwazi lwenkondlo. awasekeliwe onke bungagculisi kwenye alugculisi kahle. lwenkondlo. ngendlela elindelekile inkathi 7 AMAMAKI -Ulwazi lwenkondlo -Ulwazi lwenkondlo luhle. olugculisayo. 3 3 2 1 0–1 ISAKHIWO KANYE -Isakhiwo esihleleke -Isakhiwo esihleleke -Kukhona nokho -Isakhiwo sikhombisa -Isakhiwo asihlelekile NOLIMI kahle kakhulu kahle futhi amaphuzu ukuhleleka kwesakhiwo amaphutha ezingeni kahle neze -Amaphuzu ahleleke ageleza ngokulandelana -Amaphuzu awagelezi lokuhleleka -Ulimi lunamaphutha Isakhiwo, ukugeleza kahle kakhulu futhi kahle futhi awahlelekile -Amaphuzu awahlelekile amaningi kanye okuhlelekile athungelana kahle -Ukugeleza -Amaphutha olimi ngokugculisayo nesitayela esingagculisi kwamaphuzu kanye kakhulu kwamaphuzu ayingcosana, ithoni -Ulimi lunamaphutha neze. nokwethula -Ulimi, ithoni kanye kuyalandeleka kanye nesitayela amaningi Ulimi, ithoni kanye nesitayela kukhombisa -Ulimi, ithoni kanye kusetshenziswe -Ithoni nesitayela nesitayela ukuvuthwa komqondo, nesitayela kuhle. ngokugculisayo. akugculisi kahle. esisetshenzisiwe kuyaheha futhi kushaya embuzweni omude. emhlolweni -Ulimi, ukupelwa kwamagama kanye 3 AMAMAKI nezimpawu zokuloba akunamaphutha nhlobo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 35 DBE/2019 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU B KANYE NESIQEPHU C: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WOMBHALO WOBUCIKO: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO KANYE NOMDLALO [AMAMAKI ANGAMA-25] Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi kahle Akugculisi nhlobo OKUQUKETHWE 12–15 9–11 6–8 4–5 0–3 -Impendulo enembayo -Ukhombisa ukuqonda -Ukuhumusha isihloko -Ukuhunyushwa -Ulwazi oluncane Ukuhunyushwa -Impendulo enhle kanye nokuhumusha ngokugculisayo kwesihloko akugculisi kakhulu lwesihloko kwesihloko kakhulu isihloko kahle akuzona zonke kahle; kuthukela kuvela -Umzamo ontekenteke Amaphuzu anobunzulu, -Ukuhunyushwa -Impendulo echaza izingxenye ezicaciswe amaphuzu asekela wokuphendula umbuzo ukusekela kanye kwesihloko okunzulu ngokwenelisayo kabanzi isihloko ngokucacile -Amaphuzu awanelisi nokuqonda kabanzi -Amaphuzu ahlukene -Amanye amaphuzu -Kunamaphuzu ambalwa -Amaphuzu ambalwa nhlobo ithekisthi. anembayo nokusekela anembayo kodwa amahle asekela isihloko asekela isihloko -Ohlolwayo akanalo okunembayo akusiwo wonke -Amaphuzu ambalwa -Amaphuzu amancane nhlobo ulwazi 15 AMAMAKI okususelwe embhalweni asekelwe ngendlela asekeliwe, kodwa ahambisana nesihloko lwenoveli/umdlalo. -Ulwazi oluhle kakhulu elindelekile ubufakazi bubuye -Ulwazi oluncane lwenoveli/lomdlalo. -Ulwazi bungagculisi lwenoveli/umdlalo. lwenoveli/Umdlalo -Ulwazi olungenele luyabonakala. lwenoveli/umdlalo. ISAKHIWO KANYE 8–10 6–7 4–5 2–3 0–1 NOLIMI -Isakhiwo silandelana -Isakhiwo esihle kanye -Isakhiwo siyabonakala -Isakhiwo sikhombisa -Ukungabibikho kahle kakhulu namaphuzu ahleleke kancane amaphutha ekuhlelweni kwesakhiwo esihleliwe Isakhiwo, ukugeleza -Isingeniso kanye kahle -Ukugeleza kanye kwaso kuphazamisa ukugeleza okuhlelekile nesiphetho okuhle -Isingeniso, isiphetho nokulandelana -Amaphuzu awahlelekile kwamaphuzu kwamaphuzu kanye kakhulu kanye nezinye izigaba kwamaphuzu kahle -Amaphutha olimi kanye nokwethula -Amaphuzu abekeke kuhleleke kahle kuyabonakala, kodwa -Amaphutha olimi nesitayela esingalungile Ulimi, ithoni kanye kahle kakhulu futhi -Amaphuzu ageleza kunamaphutha agqamile kwenza lo mbhalo nesitayela athungelana kahle kahle -Amaphutha olimi -Ithoni nesitayela ungabi yimpumelelo esisetshenzisiwe -Ulimi ithoni kanye -Ulimi, ithoni kanye ambalwa; ithoni kanye kusetshenziswe -Ithoni nesitayela embuzweni omude. nesitayela kukhombisa nesitayela kuhle. nesitayela ngokungafanele kusetshenziswe ukuvuthwa, esisetshenzisiwe -Ukuhleleka kwezigaba ngokungafanele 10 AMAMAKI kuyancomeka futhi sifanelekile kunamaphutha. -Ukuhleleka kwezigaba kushaya emhlolweni. -Izigaba eziningi kunamaphutha. zibhaleke kahle. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 12 Isizulu Hl

Explore more published documents in this catalogue.

View all
IsiZulu HL P2 May June 2019 Memo | Hlayiso