You're offline
Skip to content
Memorandum

IsiZulu HL P2 May June 2024 MG

Subject: Isizulu HlGrade 12202439 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS/ NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) UNHLABA/UNHLANGULANA 2024 UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA AMAMAKI: 80 Lo mhlahlandlela wokumaka unamakhasi angama-39. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka Imiyalelo yokumaka leli iphepha 1. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo engaphezulu kwalena ebekumele ayiphendule, maka kuphela impendulo yokuqala/okokuqala okuphenduliwe. (Ohlolwayo akumele aphendule umbuzo omude kanye nombuzo omfushane encwadini eyodwa/efanayo) 2. Uma ohlolwayo ephendule yonke imibuzo emine esiqeshini A, (izinkondlo ezimiselwe), maka kuphela ezimbili zokuqala. 3. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo emibili emifushane noma emibili emide esiqeshini B no C, maka impendulo yokuqala ngesiqephu bese uyayiyeka impendulo yesibili. Uma ohlolwayo ephendule yonke imibuzo emine, maka impendulo yokuqala kuphela isiqephu ngasinye, uma kuya ngokuthi umbuzo omfushane kanye nomude uphenduliwe. 4. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo emibili bese impendulo yokuqala ingashayi emhlolweni kanti eyesibili ishaya emhlolweni, maka eyokuqala bese uyayiyeka eyesibili. 5. Uma ohlolwayo ebhale izinombolo zemibuzo ngokungeyikho, maka njengoba izinombolo zikhonjiswe umhlahlandlela wokumaka. 6. Uma isipelingi siguqule umqondo wempendulo, makanganikwa amamaki ohlolwayo. Uma isipelingi sinamaphutha kodwa singawuguquli umqondo wempendulo, makanikwe amamaki agcwele ohlolwayo. 7. Imibuzo emide Uma ohlolwayo ephendule umbuzo omude waba mfushane kunenani lamagama anikeziwe ungamphuci amamaki ngoba vele useziphuce yena. Uma impendulo iyinde kakhulu maka ubheke umqondo oqukethwe impendulo bese uxoxisana nalowo ophethe iqembu labamakayo (Senior marker). Sebenzisa irubhriki eyisingezelelo A no B ukumaka nokunikeza amaphuzu ombuzo omude walowo ohlolwayo. 8. Imibuzo emifushane Uma ohlolwayo engasebenzisi omacaphuna (inverted commas) uma ecelwe ukuba acaphune, ungamphuci amamaki. 9. Imibuzo evulekile, awekho amamaki anikezwa u-YEBO/QHA noma NGIYAVUMA/ANGIVUMELANI. Isizathu/ukwesekela/ukwenaba yikhona okunikezwa amamaki. 10. Awekho amamaki atholwayo ngo-YIQINISO/AKULONA IQINISO noma UMBONO/IQINISO. Isizathu, ukwesekela/ukwenaba yikhona okunikezwa amamaki. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU A: IZINKONDLO UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE) 'IZINGXABO ZOMNYEZANE' – EJ Mhlanga • Ungasebenzisa la maphuzu kanye namanye njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. Izimpendulo zingahluka kuya ngokuthi umfundi uyiqonde kanjani inkondlo. • Sebenzisa irubhrikhi yokuhlola lo mbuzo esekhasini lama-38. Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyawuqonda umoya wenkondlo okuyisimo imbongi esuke ikuso uma ibhala/ihaya inkondlo kanye nokukhethwa kwamagama. Umoya wenkondlo kungaba owothando, owokukhathazeka, owokuhlukumezeka, owokubalisa njl. Umoya ugqanyiswa ukukhethwa kwamagama acebile/anothile asetshenziswe imbongi enkondlweni. Umoya wale nkondlo uxubile owokufisa/owokulangazelela nokujabula ukuthola imfundo yezinga eliphezulu. Ukukhethwa kwamagama acebile/anothile. • Ngilangazelela ukudepha kwelenjulo-Imbongi inomoya wokulangazelela/ wokufisa ukuthola ulwazi olujulile. • Kotatalambu bezingxabo zomnyezane-Imbongi inomoya wokulangazelela ukuthola imfundo ephakeme efaniswa nezimpande zesihlahla somyezane ezivamise ukutholakala ngasemfuleni noma endaweni enamanzi. • Kuyisiyalu somthombo ompompoza-Imbongi inomoya wokuncoma ulwazi oluhlale lukhona njalo. • Ngilubalubel' ukugxila kwelenjulo-Imbongi inomoya wokulangazelela imfundo, ithi inesifiso esikhulu sokufunda ize ifike emazingeni aphezulu. • Ngizinz 'ekuthuleni ngijabul' unomphela-Imbongi inomoya wokujabula. Ithi ifisa ukuba ihlale ikhululeke, ijabulela imfundo eyitholayo. • Ngikhephuzel' uhlaza ubusika nehlobo-Imbongi inomoya wokuncoma. Imbongi ithi ngale mfundo iyohlala ibusa ngazo zonke izikhathi. • Ngizwe imvunge yemvelo ivungama-Imbongi ithi ngale mfundo iyohlale ibatshazwa njalo ngabantu bekhulumela phansi beyincoma. • Ingoma kaqinadolo nethemb' elizayo-Imbongi ithi ukujatshulelwa ngabantu kuyenza ibe nethemba. • Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule-Imbongi ithi ifuna ukuthola ulwazi oluyilona lona oluzoyanelisa ukuze iphumelele. • Ngivunulis' ubuchopho ngohlaza-Imbongi inomoya wokulangazelela ukuthi ngale mfundo ngelinye ilanga igcine ithole iziqu/ulwazi olujulile. • Lwamaqabung' ayonginqwambis' okweqhawe- Imbongi inomoya wokujabula. Ithi iyazibona seyiphumelele seyithweswa iziqu. • Ngiqoth' uphoko nokhothe lwendlela-Imbongi inomoya wokuncoma noma wokuzigqaja. Imbongi izibona iphumelela ngokuseqophelweni eliphezulu kakhulu ithola konke ekufundisiwe. Imfundo izoba umphako wayo wendlela ende esazoyihamba/iyisize ukubhekana nezimo zempilo. • Bafinye ngendololwane bethabile-Imbongi inomoya wokujabula. Imbongi ijabulela ukuthi izobe isikwazi ukunikeza umndeni wayo zonke izidingo kubuswa ngenxa yemfundo eyithole kwaNgqondonkulu. Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe. Imbongi isebenzise amagama acebile/anothile ukugqamisa umoya wale nkondlo oxubile. [Makunikezwe amamaki aphelele ngempendulo esekelwe kahle] [Impendulo eyi-eseyi ehleleke kahle ngokwemigomo yokubhalwa kwe-eseyi. Mayibe namagama ayi-190 kuya kwangama-240.] [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE) 'UKUTHULA' – BW Vilakazi 2.1 Uma thina sobabili singahlala lapha, [Nikeza imaki elilodwa uma elitomulile ifanamsindo] (1) 2.2 Le migqa igqamisa umqondo wokuthi imbongi uma ikule ndawo izwa amazwi abantu abakhulumayo okungaba abaphilayo nabangasekho. Imbongi ithi abantu bayehla bayenyuka, abanye bayabhukuda. Imbongi iphinde ithi abanye bayatshuza njengamahlengethwa. Abanye bagwedla izikebhe belokhu beqhelukisa utshani obukhukhulwe ngamanzi emifula. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile kafushane umqondo] (3) 2.3 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuveza ukuthi umqondo womugqa wesi- 4 uphelelele emgqeni wesi-6. I-enjambamenti idala ilukuluku kumfundi ukuba afunde ngokushesha kusuka kumugqa wesi-4 kuya kowesi-6. [Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane nge-enjambamenti] (2) 2.4 Inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwanosiqalo u'Ngi' ukuletha umgqumo omnandi osamculo nokugcizelela ukuthi imbongi ikhuluma ngayo uqobo. [Nikeza amamaki amabili uma eyivezile inhloso yokusebenzisa imvumelwano] (2) 2.5 Imbongi isebenzise ithoni yokuncoma/yokutusa./yokugculiseka. Imbongi incoma/ igculiswa ukuba kule ndawo ewulwandle ngoba ayinakho ukuxokozela inokuthula / ijabula ngaphakathi yingakho ifisa ukuhlala nomuntu emkhonzile. [Nikeza amamaki amabili uma ehlaziyile ngokusetshenziswa kwethoni] (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE) 'MUSANI!' – MSS Gcumisa 3.1 Musani ukukhala Musani ukubibitheka, Musani ukulila, [Nikeza imaki elilodwa uma eyitomulile impindamqondo] (1) 3.2 Indikimba yale nkondlo ukufa. Imbongi imangazwa ukuthi kungani bekhala sengathi abanalo ulwazi lokuthi umama wabo uyekuphi njengoba eseshonile. Imbongi ibabuza ukuthi kumele ngabe banolwazi lokuthi ubengeyena owabo ngakho-ke ubuyela lapho avela khona. [Nikeza amamaki amathathu uma enikezile indikimba wasekela ngokwemigqa] (3) 3.3 Inhloso yembongi yokusebenzisa isikhawu/isiruza, ukuphumula nokumangala. [Nikeza amamaki amabili uma eyivezile inhloso yokusetshenziswa kwesikhawu/kwesizura] (2) 3.4 Imbongi isebenzise isihlonipho 'usebiziwe' ukugqamisa ukuthi umuntu omdala lo oshonile. Yingakho imbongi ithi mabangakhali kepha mabajabule ukuthi uthathwe nguNkulunkulu/abakubo. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono wokusetshenziswa kwesifengqo wasekela] (2) 3.5 Imbongi iveza umoya wokunxusa/wokuncenga. Imbongi inxusa/incenga abantu abakhalayo ukuthi abangalokhu bekhala kodwa abamukele isimo sokudlula emhlabeni sikamama wabo abamthandayo. [Nikeza amamaki amabili uma exoxile ngempumelelo yembongi ekuvezeni umoya] (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE) 'IMPI' – SRC Shongwe 4.1 Amaviyo nezingeqiwa ntwala, Amaviyo namanxebakazi, Amaviyo nemikhontshwana. [Nikeza imaki elilodwa uma ebhalile imigqa enokuxhumana] (1) 4.2 • Imbongi iveza ubunzima obubhekana nabafundi ngesikhathi besempini befunda. • Imbongi ithi le mpi eyimfundo akuyona eyamagwala kumele uzimisele. • Imbongi iphinde ithi nayo isikulungele ukuyilwa njengoba isiphethe izikhali zayo zokubhekana nale mpi eyimfundo. [Nikeza amamaki amathathu uma ekushilo okushiwo yibinza] (3) 4.3 Inhloso yembongi yokusebenzisa ifanangwaqa/ifanankamisa u-'k'/u ukuletha umgqumo osamculo omnandi. [Nikeza mamaki amabili uma eyivezile inhloso yokusetshenziswa kwefanamsindo] (2) 4.4 La magama angelekelele ukuba ngiqonde ukuthi asikho isikhathi sokuphumula. Kufanele uhlale uzimisele ukulwa noma ngabe uhlangabezana nobunzima obungakanani. Imbongi ithi ungabheki izingozi osunazo , nokuthi ungalweli ukunconywa, qhubeka ulwe. NOMA La magama angelekelele ukuba ngiqonde ukuthi asikho isikhathi sokuphumula. Kufanele uhlale uzimisele ufunda noma ngabe uhlangabezana nobunzima obungakanani. Imbongi ithi ungaphazanyiswa izifundo ezikuhlulayo, ungafundeli ukunconywa abanye, qhubeka njalo ufunde. [Nikeza mamaki amabili uma evezile ukuthi ukukhethwa kwamagama kulekelele kanjani wasekela] (2) 4.5 Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ukuphindaphinda igama 'impi' ukugqamisa ukuthi akukho ukubusa kule ndawo, uphumelela kuphela ngokuthi ubambe impi noma ngabe kukhona izingqinamba obhekana nazo endleleni ukuze unqobe. [Nikeza amamaki amabili uma ephawulile ngokuphindaphindwa kwegama] (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE) 'YIBA NABO NKOSI' –TE Nxumalo no LM Mlambo 5.1 5.1.1 I-okzimoroni 5.1.2 Isenzukuthi [Nikeza amamaki amabili uma ezinikezile isifengqo] (2) 5.2 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuveza ukuthi umqondo womugqa wesi- 7 uphelele emgqeni wesi-8. I [Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane i-enjambamenti] (2) 5.3 Inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano siqalo u'Ba …' ukuletha umgqumo osamculo omnandi nokugcizelela. [Nikeza amamaki amabili uma eyivezile inhloso yokusetshenziswa kwemvumelwano-siqalo] (2) 5.4 Leli binza liqukethe umqondo wokuthi imbongi isikhulile, abazali bayo sebeyaziqhenya ngayo futhi balokhu beyikhombise njalo uthando olungapheli. [Nikeza amamaki amabili uma echazile umqondo osobala webinza] (2) 5.5 Imbongi iphumelele kahle ukugqamisa umoya wokuncenga kuleli binza. Imbongi incenga uNkulunkulu ukuthi agcine abazali bayo bangehlelwa izinto ezimbi noma ngabe isimo somhlaba siguquka. [Nikeza amamaki amabili uma ephawulile ngomoya] (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya ● Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. ● Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. ● Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-39 ukumaka i-eseyi. Impendulo: Lesi sitatimende siyiqiniso ngoba abanye abalingiswa bathatha izinqumo bengazicabangisisanga okuholele ekutheni kube nomphumela ongemuhle kubona kanye nabanye abasondelene nabo kule noveli. • UMhlengi uthatha isinqumo sokushintsha ubulili. Akayixoxi namuntu le ndaba yakhe kepha ubonakala esefika kuNontobeko emala qede ahambe. Isinqumo sokumala simenza kwayena uMhlengi aphatheke kabuhlungu aze akhale. UNontobeko uphuma efulethini esangene ikhanda uze uziphonsa emotweni imshayisa kabuhlungu, ungena esibhedlela. • Uyaqhubeka uMhlengi uya kuNgidi uyise eyombikela ukuthi yena uyi gay. UNgidi uyadideka, uyathukuthela uyamxosha kwakhe. UNgidi uba nokucabanga ukuthi akamkhulisanga kahle uMhlengi yingakho ethatha lesi sinqumo. Uphoxwa nawukuthi ubesethembele kuyena ukuthi uyobheka ipulazi amthengele lona. • Emhlanganweni woSomabhizinisi eThekwini uMhlengi uhlangana noXolani unquma ukulokhu emvakashela aze athandane naye emazi ukuthi ushadile kepha engakugqizi qakala lokho. UXolani ugcina exabene nenkosikazi yakhe eshelwa nayizingane. • Isinqumo sokuzishintsha ubulili yimfihlo yakhe yedwa, akatsheli nalowo asethandana naye uXolani okwaholela ekutheni uXolani abe nokuhlukumezeka okukhulu ekugcineni uma esethola amaqiniso okuthi igama lakhe langempela nguMhlengi, waziguqula ubulili negama waba nguMahlengi. • UNdumiso isoka likaMahlengi uthatha isinqumo sokuyobamba uNgidi inkunzi ukuze akwazi ukulobola uMhlengi ngoba esenesikhwele. Lesi sinqumo siholele ekutheni agcine edubula uNyambose. Izindaba zokubanjwa kukaNgidi inkunzi zibikwa nguZakithi emaphoyiseni, uNdumiso uyaboshwa. • UXolani uthatha isinqumo sokubonana noMahlengi emuva komhlangano wosomabhizinisi, lokhu kuholele ekutheni angasaphilisani kahle nomndeni wakhe ngoba wayesenamanga ekhohlisa uLungile inkosikazi yakhe uma embuza ukuthi ubuyaphi ebusuku. Ugcina eshaywa kabuhlungu nguNdumiso isoka likaMahlengi ngoba emthole eya kuMahlengi. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka • UNontobeko uthatha isinqumo sokuthandana noNkululeko ebe azi ukuthi usathanda uMhlengi. Lesi sinqumo saba nomphumela ongemuhle kunina/ ngoba waphoxeka kakhulu emndenini ngenxa yokuthi washiya phansi umshado eseyingoduso kaNkululeko. Lesi senzo sakhe sahlukumeza uNkululeko owamthela ngehlazo wamphula inhliziyo ngoba wayemthanda kakhulu, wagcina esezikhungile. Naye uqobo wahlukumezeka kakhulu ngoba wahamba wayofuna uMhlengi okwathi ngenkathi esemthola wathola ukuthi wazishintsha waba ngumuntu wesifazane. Bonke laba balingiswa abakhombise ukuzicabangela bona bodwa akubasizanga ngalutho lokho ngoba ekugcineni abaphumelelanga kodwa kunalokho kube nezigameko ezibe zimbi ezenzeke kubona uqobo nakubantu abasondelene nabo. [Namanye amaphuzu asekela impendulo ayokwamukeleka] [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 7 (UMBUZO OMFUSHANE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya 7.1 Umlingiswa onguNontobeko unomuzwa wokujabula ngenxa yezindaba ezimnandi azizwe ngoNgidi zokuthi usetholakele uMhlengi. [Nikeza amamaki amabili uma esho isizathu] (2) 7.2 Isigameko esikhalisa uNontobeko esokuzwa izindaba zokushona kukaNkululeko otholakale ezilengisile ngoba ecabanga ukuthi uzilengise ngenxa yakhe. [Nikeza amamaki amabili uma enikeze isigameko] (2) 7.3 • UNdumiso wafika kwaNgidi ezenza umfundi wasenyuvesi, uthe angamemukela uNgidi wase emxhapha ngenhlamba. • UNdumiso wamhlohloloza uNgidi, emsikaza, emdondonya ngesibhamu ekhanda. • UNdumiso ukluluza kabi uNgidi umbopha umlomo ngesikhafu, umbopha izandla ngentambo. [Nikeza amamaki amathathu uma efingqe ngamaphuzu udweshu] (3) 7.4 UNontobeko unomoya wentokozo, uthokoziswa yizindaba azizwa ngoNgidi zokuthi usetholakele uMhlengi. Umoya wokwethuka, uNontobeko wethuswa ngukuthi akazi ukuthi uMhlengi uzokwenzenjani uma sebefika engabalindele benoNgidi. Umoya wethemba, wayethemba ukuthi uma bengamthola uMhlengi kungenzeka babuyelane. Umoya wokwethuka, uNontobeko uthuswa yindaba ayitshelwa ngunina yokuthi uNkululeko uzibulele. Umoya wokudabuka, uNontobeko udatshukiswa ngukuthi uNkululeko useze washona ngenxa yakhe. [Okuthathu kwalokhu] [Nikeza amamaki amathathu uma ewunikezile umoya] (3) 7.5 Isigameko esifihlelwe uNgidi nguShezi esokuthi uMhlengi wabe esezishintshe ubulili ngenkathi emthola. Lokhu akathandanga ukuthi amtshele uNgidi kepha wayefuna ukuba azibonele yena mathupha ngoba wayengazi ukuthi uzokwenzenjani uma esembona. [Nikeza amamaki amathathu uma esichazile isigameko esifihlelwe uNgidi] (3) 7.6 Umyalezo othi, kubalulekile ukuthatha isikhathi ukuze ukwazi ukubona ukuthi umuntu ofuna ukungena othandweni naye ungumuntu onjani. UNkululeko wajaha ukushada uNontobeko engakamazi kahle kanti inhliziyo yakhe isekuMhlengi. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umyalezo wase enikeza nezizathu zokwenza kanjalo.] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 7.7 Isenzo sikaXolani sokushiya uLungile noSabelo simveza njengomlingiswa ongenalo uzwelo/ozicabangela yena yedwa. Wayefuna ukuyobona uMahlengi yize wayefice umkakhe edinda isililo ngenxa yokushonelwa yizingane. Wabuye waqamba amanga kumzala wakhe wathi uya emaphoyiseni. [Nikeza amamaki amabili uma echazile ukuthi uXolani ungumlingiswa onjani] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 7.8 Kube nomphumela omubi ngoba: UNontobeko waphatheka kabuhlungu, waphuma efulethini lakhe ephuphutheka washayiswa yimoto walimala kabi waze wayolala esibhedlela. Impilo yakhe ayizange isaqhubeka ngoba wayesalokhu enethemba lokuthi bazobuyelana noMhlengi. Wathi noma eseyingoduso kaNkululeko wahluleka ukuqhubeka nomshado wahamba wayofuna uMhlengi kepha wamthola esazishintsha ubulili waba ngumuntu wesifazane. [Nikeza amamaki amathathu uma ekwazile ukuveza umthelela] (3) 7.9 Ngombono wami siyakholeka ngoba uma ulahlekelwe ngumuntu omthandayo ungenza noma yini efanelekile kuwe ukuze umthole. NOMA Ngombono wami asikholeki ngoba umuntu wesifazane ubengeke ahambe yedwa aye endaweni angayazi futhi aqalayo ukuya kuyo. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono wakhe] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 7.10 Umbhali uphumelele kahle ngoba ugqamise ubudedengu bukaXolani bokuthi akhiyele izingane zodwa endlini azishiye ayohlangana noMahlengi. Lokhu ubekwenziswa ukugajwa uthando lukaMahlengi. Ngesenzo sikaXolani kugcine kuphume umphefumulo wezingane ezingenacala. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 8 (UMBUZO OMUDE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi ● Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. ● Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. ● Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-39 ukumaka i-eseyi. QAPHELA: Lesi sitatimende siyiqiniso ngoba abanye abalingiswa bathatha izinqumo bengazicabangisisanga okuholele ekutheni kube nomphumela ongemuhle kubona kanye nabanye abalingiswa abasondelene nabo kule noveli. • UMeyili uthatha isinqumo sokuxosha uNomvula emzini wakhe. Lesi sinqumo siba nomphumela ongemuhle ngoba wayengazi ukuthi uNomvula uzoba yisiqumama ngokuwina i-pick six. • UMaHadebe uthatha isinqumo sokucela umfana wakhe uMahuzu ukuba ayodlisa uNomvula umuthi wokumhlanyisa. Lokhu kuba nomphumela ongemuhle ngoba ngesigameko sokugetshengwa kukaNomvula kugcina kufe yena uMahuzu engozini yemoto. • UChule uza namaqhinga ehlukene ukulutha uNomvula, uthatha isinqumo sokuvakashela uNomvula ezenza umfundisi ngoba esezwe elemali ayiwinile. Lesi sinqumo saholela ekutheni uGenyeza isoka likaMirriam limsasazela ngezinja, athwetshulwe ngabamaphephandaba elunywa yizinja. Ibandla akhonza kulo nalo lamnquma ekubeni ngumfundisi wenkonzo. Isenzo sakhe silulaza inkonzo. Akanandaba nemizwa yamalunga ebandla awafaka ehlazweni. • UChule utshela uNomvula ukuthi washonelwa umkakhe nezingane ezimbili. Uphinde adobe uNomvula ngokumfundisa ngezamabhizinisi ngoba egaqele umcebo wakhe. Okuyindlela yokumyenga ngamanga. Lokhu kuba nomphumela ongemuhle kuNomvula ozithola esenemizwa kaChule owenza sengathi uyamthanda ushiya uGenyeza, kanti uChule akamthandi kodwa ufuna imali yakhe kuphela. • UChule usebenzisa ubuqii ukuze azuze uNomvula okubandakanya ukuthenga uSonosemali ngemali, ukuzisondeza kwakhe kakhulu kwabakwaDicey okungabaqashi bakaNomvula kanye nokubamba ngengqondo uHlulintombi ukuze angabe esaba yimpimpi kaGenyeza emthuthela izindaba ngezesheli zikaNomvula. Lokhu kuba nomphumela ongemuhle kubudlelwane beminyaka eyi-15 bukaGenyeza noNomvula abagcina ngokuhlukana. • UChule ozenza umfundisi wenza ubugebengu bokushada nabesifazane abanemali ukuze azuze umcebo wabo. Uqola uMaDludla imali ayeyishiyelwe umyeni wakhe uCindi ngemuva kokushada naye umshadombumbulu. Akamdabukeli ngisho esekhala ngemali yezingane zakhe futhi ayesimame ngayo ukuba abe nala mabhizinisi anawo nomuzi kanokusho. Lokhu kuba nomphumela ongemuhle kuMaDludla ogcina esehlupheka nezingane zakhe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka • UChule akeneliswa noma eseshade noNomvula uba nomhobholo wokufuna ukuyidla yedwa imali kaNomvula ephila ngokuzenzisa emzini wabo. Wanquma ukwakha iqhinga lokubulala uNomvula. Lokho kuba nomphumela ongemuhle ngoba uChule ufa kabuhlungu epitshizwa yimoto ogibeni ababelicuphele uNomvula. Yonke imali ayenayo ayengafuni izuzwe nguNomvula, yabuyela ngakuNomvula ngoba babeshadile. Bonke laba balingiswa abakhombise ukuzicabangela bona bodwa akubasizanga ngalutho lokho ngoba ekugcineni abaphumelelanga kodwa kunalokho kube nezigameko ezibe zimbi ezenzeke kubona uqobo nakubantu abasondelene nabo. (Namanye amaphuzu asekela impendulo ayokwamukeleka) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 9 (UMBUZO OMFUSHANE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi 9.1 UHlulintombi uthwala amehlo ngoba uzwa izindaba abengazilindele zokuthi uMiliyemu uyamthanda. [Nikeza amamaki amabili uma enikezile izizathu] (2) 9.2 Isizathu esashiwo uSonosemali esokuthi uHlulintombi ulibele ukugadela uGenyeza intombi yakhe, uMiliyemu. Kanti ngokukaSonosemali uMiliyemu uyamthanda uHlulintombi. [Nikeza amamaki amabili uma enikezile izizathu] (2) 9.3 • UNomvula waluma udebe lukaMsonteni, wamnamathela akangasuka. • Wathatha iphulamastofu eyayisetafuleni wajikijela uMsonteni wajojeka ehlweni. • Wehlisa isandla nebhulukwe, wamshuka waze wajuluka. • Wamphuca isibhamu wamkhomba ngaso. [Nikeza amamaki amathathu uma efingqe ngamaphuzu amathathu] (3) 9.4 UHlulintombi unomoya wokumangala ngoba wayengazange azibone yena esethandana noNomvula njengoba kusho uSonosemali. UHlulintombi unomoya wokukhathazeka ngoba uma eseshela uMirriam uGasta uzomshiya nobani. Umoya wokujabula ngoba usecetshiswe ukuthi abhale incwadi yokushela uNomvula esazi ukuthi uyamthanda. USonosemali uveza umoya wokucasuka ucasulwa uHlulintombi olokhe ethithiza mayelana nokweshela uNomvula. [Nikeza amamaki amathathu uma ewunikezile umoya] (3) 9.5 UHlulintombi wayefihlelwe ukuthi kudlalwa ngaye ngoba akaze athi uNomvula uyamthanda. USonosemali wayefuna ukuba naye uHlulintombi axabane noGenyeza ukuze kuvuleke ithuba lokuba kungabi bikho umuntu ogade uNomvula. [Nikeza amamaki amathathu uma esichazile isigameko esifihlelwe uHlulintombi] (3) 9.6 Umyalezo othi, kubalulekile ukuthatha isikhathi ukuze ukwazi ukubona ukuthi umuntu ofuna ukungena othandweni naye ungumuntu onjani. UMaDludla akazinikanga isikhathi esanele sokwazi uChule ngaphambi kokuba ashade naye wajaha ukushada ngemuva nje kancane kokukhumula inzilo. Wenqaba nokuthatha izeluleko zomndeni nezingane zakhe. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umyalezo] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 9.7 Simveza njengomlingiswa onesikhwele/akathembi muntu/ovikelayo. Wayesaba ukuphucwa uNomvula oyintombi yakhe yeminyaka eyi-15 futhi esola ukuthi abantu yizigebengu ezigaqele umcebo kaNomvula. [Nikeza amamaki amabili uma emchazile ukuthi ungumlingiswa onjani wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 9.8 Ngicabanga ukuthi kwaba nomthelela omuhle ngoba wavuka emaqandeni, wavuselela ikhono lakhe lokucula. Waphumelela emncintiswaneni wabaculi abasafufusa neqembu lakhe. Wathola ithuba lokuqopha emsakazweni naseGoli. Wathola ukuxhaswa wuDicey no-Campbell ngemali. Waziwa nakwamanye amazwe, wagcina esenemali. Babuyelena noNomvula, esenemali bashada base bakha umuzi kanokusho. [Nikeza amamaki amathathu uma ewuvezile umthelela] (3) 9.9 Ngokubona kwami siyakholeka ngoba esikhathini samanje sebebaningi abantu abazenza abefundisi ngoba befuna ukuqola izimali zabantu. [Nikeza amamaki amabili uma ekuvezile ukuthi kuyakholeka noma akukholakali] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 9.10 Umbhali uphumelele kahle ngoba lesi sigameko saveza obala ubuqili bukaMaHadebe. Wapheka ukudla wakunika uMaNdelu owayesesola ukuthi uMaHadebe ufuna ukumbulala. Inja nekati kukaMaNdelu zathi zingadla ukudla okwakunikwe uMaNdelu kwasa zifile. [Nikeza amamaki amathathu uma esishilo isigameko sokufa kwenja nekati] (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 10 (UMBUZO OMUDE) KUNJALO-KE – ME Wanda • Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. • Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. • Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-39 ukumaka i-eseyi. QAPHELA: KUNJALO-KE – ME Wanda Umbuzo omude: Impendulo: Lesi sitatimende siyiqiniso ngoba abanye abalingiswa bathatha izinqumo bengazicabangisisanga okuholele ekutheni kube nomphumela ongemuhle kubona kanye nabanye abalingiswa abasondelene nabo kule noveli. • UDumazile uthatha isinqumo sokuqoma uthisha uMoloi ngoba nje ezwe oMemu Ngcamu kanye noMemu Mpungose bemhleba ngesikhathi besendlini yangasese. UDumazile uyakhulelwa okuholele ekutheni agcine esexoshwa nasesikoleni. Uthisha uMoloi unentombi abafundisa nayo lapha esikole uMiss Hlophe. • UDumazile ngesikhathi esebenza esitolo sikaSithole, uhletshwa uLizzy kumkaSithole ukuthi kubukeka sengathi banobudlelwano benoSithole. UMaNzimande uthatha isinqumo sokuxosha uDumazile kwakhe, ulokhu elwa noSithole engasamhloniphi okwaholela ekutheni uSithole amshiye ayohlala noDumazile eMafezini, emzini ayemthengele wona. • USithole unquma ukungawukhokheli umshwalense wesitolo. Ngebhadi kanti uDumazile noMthovovo bakhanda itulo lokuyogqekeza esitolo bese beyasishisa ngoba babazi ukuthi umshwalense uzokhokha. Lesi sinqumo saholela ekutheni uSithole aphenduke uphuya. • USithole uvuma ukuthwala icala likaDumazile lokuvuma enkantolo ukuthi uzozikhokha izindleko zomlungu amshayisa ngemoto. Uyahluleka ukumkhokhela umlungu wagcina eseboshwa. • Uthola umsebenzi wokudayisa umshwalense lapho uphinde uhlangana noDumazile. Uyalutheka bagcine ngokubuyelana kanti uzohlangana noSithole ngenkathi eyobona uDumazile kwakhe. Ugcina eselwa noSithole, uyamshaya indaba igcwala emaphephandabeni. • Ukungaziphathi kahle kukaDumazile kwaba nomphumela wokuthi abe nezingane zobaba abahlukene ekaSithole kanye noMoloi. ULerato noMtholephi, bayaqhoshelana ngobaba babo. Lokhu kwakudala isimo esingesihle ekhaya ngoba babepiklelana ngobaba babo omunye ebona owakhe ubaba engcono kunowomunye. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka • UMtalaselwa uthatha isinqumo sokushada noDumazile yize unina emkhuza emtshela ukuthi UDumazile angeke ahlukane noyise bezingane zakhe. Isinqumo sikaMtalaselwa sokuqhubeka ashade noDumazile saholela ekutheni ahlukumezeke ngoba uDumazile wayesehlangana noyise bezingane emzini wabo nasemgwaqeni ayehlala kuwo, ebonana noSithole. Wagcina ethela uMtalaselwa ngehlazo lokubangwa amadoda amabili uSithole noMoloi. uDumazile uphetha ngokubaleka kwakhe ashiye umshado wakhe. Isinqumo sokubaleka kukaDumazile saba nomphumela ongemuhle ngoba izingane zakhe zasala zodwa. ULerato wagcina eseyeka isikole ngoba kwase kufanele agade izingane zakubo. Bonke laba balingiswa abakhombise ukuzicabangela bona bodwa akubasizanga ngalutho lokho ngoba ekugcineni abaphumelelanga kodwa kunalokho kube nezigameko ezibe zimbi ezenzeke kubona uqobo nakubantu abasondelene nabo. (Namanye amaphuzu asekela impendulo ayokwamukeleka) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 11 (UMBUZO OMFUSHANE) KUNJALO-KE – MJ Wanda 11.1 UMtalaselwa uthi uhambe kahle ngoba ayibanga khona inkinga uma ebatshelile ekhaya ukuthi uzothumela abakhongi ekupheleni kwenyanga. [Nikeza amamaki amabili uma enikezile isizathu] (2) 11.2 Isizathu sokuthi uDumazile useze wathola umkhwenyana wangempela, babekade befisa ukuthi kube khona abahlomula ngakho endodakazini yabo. [Nikeza amamaki amabili uma enikezile isizathu] (2) 11.3 • UDumazile wenqaba ukwakha umuzi wabo noMtalaselwa kwaJilafohlo ngoba ethi akathandwa muntu kwaZuma futhi uzocela uyise uKheswa abanike indawo bayokwakha eMzimkhulu, wanqaba uMtalaselwa ukuyoba wusibali-makoti. • UDumazile uthi uMaShandu akakikizanga ngenkathi beshada noMtalaselwa. UDumazile uphinde athi wezwa ngomesisi Vilakazi ukuthi odadewabo bakaMtalaselwa, uBavelile noBadingile bambiza ngeqhashamlenze, umsalazabiwa nembexembexe yedisholo ledikazi. • UMtalaselwa akakuthandi ukuzwa ukuthi uDumazile uxoxa nabantu bakwaVilakazi ekubeni azi ukuthi abangenelani ngoba badla umngcele wakwaZuma. • Baphinde babanga ukuthi uDumazile uye kobhula watshelwa ukuthi uMaShandu nguyena othakatha ingane yabo uSanele ngokuyithumela ngezilwane. [Okuthathu kwalokhu] [Nikeza amamaki amathathu uma eluvezile udweshu lwangaphandle kwabalingiswa] (3) 11.4 UDumazile uveza umoya wothando ngoba ubonisa uthando kuMtalaselwa uze umbiza ngegama elithi, sweetheart. Umoya wokujabula, uDumazile ujatshuliswa ukubona abazali bakhe bethokoziswa ukuthi izifiso zabo zokuthi bathole okuthile ngaye zifezekile. Umoya wokugculiseka, uMtalaselwa ugculiswa ngukuthi abazali bakaDumazile babengabizanga kakhulu abantu bakaZuma imali yamalobolo. [Nikeza amamaki amathathu uma ewunikezile umoya] (3) 11.5 Isigameko esifihlelwe uMtalaselwa nguDumazile esokuthi yize emthanda uMtalaselwa kepha akawufuni umndeni womyeni wakhe futhi ukuyohlala endaweni yaseJilafohlo. Uhambile waya kwababonayo wase etshela uMtalaselwa ukuthi unina uMaShandu unesandla ekuguleni kwengane yabo. Waqala wahambelana nomakhelwane bendawo abe azi kahle ukuthi abezwani nabakwaZuma. Wayesehlala ngokuxabana nodadewabo kaMtalaselwa, esho nokuthi abamfuni konke lokhu kwaholela ekutheni bagcine bethutha eJilafohlo. [Nikeza amamaki amathathu uma esichazile isigameko esifihlelwe uMtalaselwa ] (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 11.6 Umyalezo othi, kubalulekile ukuthatha isikhathi ukuze ukwazi ukubona ukuthi umuntu ofuna ukungena othandweni naye ungumuntu onjani. UMtalaselwa akazange azinike isikhathi sokuthola kabanzi ngezobudlelwano zikaDumazile wase emlobola bashada ngokushesha. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umyalezo wawusekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 11.7 Simveza njengomlingiswa onesikhwele/akazethembi akathandi ukubangiswa kuMoloi yize yena angena kuMoloi ebe eganiwe. Akazihloniphi, wehlela ezingeni likaDumazile ebe eyingane yesikole yena ewuthisha futhi emdala. [Nikeza amamaki amabili uma emchazile ukuthi ungumlingiswa onjani wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 11.7 Simveza njengomlingiswa onesikhwele/akazethembi akathandi ukubangiswa kuMoloi yize yena angena kuMoloi ebe eganiwe. Wehlela ezingeni likaDumazile ebe eyingane yesikole yena ewuthisha futhi emdala. [Nikeza amamaki amabili uma emchazile ukuthi ungumlingiswa onjani wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 11.8 Sinomphumela omubi ngoba kwaphela ukuthula ekhaya, uMaNzimande wayesehlala ngokulwa noSithole. Waphenduka ihlaya kubasebenzi basesitolo ngoba wayeseya nasesitolo ayolwa noSithole ngoba engalalanga ekhaya. Umyeni wakhe uSithole wamshiya wayohlala noDumazile eMafezini. UMaNzimande wasala ekhulisa ingane yedwa, esehlupheka waze wayosebenza emajalidini. [Nikeza amamaki amathathu uma ekwazile ukuveza umthelela] (3) 11.9 Ngokubona kwami siyakholeka ngoba kuvamile ukuthi abantu abangabangani baxatshaniswe ukuthathelana abantu abathandana nabo. NOMA Ngokwami ukubona asikholakali ngoba uma ninobungani beqiniso akekho ongangena phakathi kwenu anihlukanise. [Nikeza amamaki amabili uma ekuvezile ukuthi kuyakholeka noma cha wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 11.10 Umbhali uphumelele kahle ukusebenzisa isigameko sokushiswa kwesitolo sikaSithole. Abantu ayekade ebathembile kakhulu, uMthovovo noDumazile yibo abamhlinzela ezibini. Wagcina uSithole elahlekelwe yikho konke ayenakho. [Nikeza amamaki amathathu uma ezishilo izisigameko sokushiswa kwesitolo (3) sikaSithole] [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 12 (UMBUZO OMUDE) IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi • Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. • Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni • Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-39 ukumaka i-eseyi. Impi Yabomdabu Isethunjini Lesi sitatimende siyiqiniso ngoba abanye abalingiswa bathatha izinqumo bengazicabangisisanga okuholele ekutheni kube nomphumela ongemuhle kubona kanye nabanye abalingiswa abasondelene nabo kule noveli. • Indaba kaBafana yokungawunaki umndeni wakhe oseMpaphala yenza umalume wakhe ukuthi athathe isinqumo sokuthi azifikele mathupha eMlazi. Acele ukuthi uBafana athathe izingane zikaLinono ngoba yena nomkakhe uMaKhumalo babengasenawo amandla okukhulisa izingane, base bephila ngemali yempesheni. UBafana wamchitha esicelweni sakhe, Akamnikanga ngisho indawo yokulala. Lokhu kuba nomphumela ongemuhle kubudlelwane bukaBafana nomalume wakhe uCele, ngisho nomkakhe uPoppie imbala. • UBafana uhluleka ngisho nokubathumela imali abaseMpaphala ukuze baphile bangabulawa indlala kodwa unaka izinja zakhe nomndeni wakhe oseMlazi kuphela. Lokhu kudala uqhekeko phakathi komndeni wakhe oseMlazi kanye nasemzini omkhulu wakubo eMpaphala ngoba sebephila impilo engefani, eMpaphala banobuntu kanti eMlazi abanabo ubuntu. • Ukungawunaki nokungawuvakasheli umndeni wakhe oseMpaphala kumenza aphelelwe nawubuntu, aphile impilo yobuqhingi benomkakhe uPoppie, uyazikhukhumeza ngisho nakomakhelwane bakhe. Wayengabazi, ebabukela phansi. Wanqaba nokwamukela usizo lwabantu abamnyama olwaluqhamuke nenhlangano kaBen Martin. Uyathutha eMlazi, akasonti nabantu abamnyama, uyazigxeka izikole zabomdabu. Lokhu kuba nomphumela ongemuhle kuBafana, umkakhe kanye nezingane zabo abagcina bekhohlwa imvelaphi yabo. • UBafana uyahluleka ukulawula umuzi nezingane zakhe ngoba engenawo amasu aphusile okukhulisa kahle izingane. Akakwazanga ukulawula isimo sokuxoshwa kukaMaXakushe exoshwa nguPoppie emzini wakhe. Lokhu kuba nomphumela ongemuhle ezinganeni zabo ezigcina zidlebeleka empilweni, zintshontsha, zithola izingane, zigcina zingasafundi kahle esikoleni. • U-Euthenasia noMelody bancishwa ithuba lokuvakashela umndeni wabo oseMpaphala nokwazana kabanzi nabazala babo oHlanganisani no-Uzithelile. Lokhu kubenza bangakwazi ukuzimela njengabazala babo. Bagcina bengazazi kahle ukuthi ikusasa labo libheke kuphi. • U-Euthenasia uqala imikhuba emibi, akalawuleki, akahloniphi, weba imoto kaMiss Hawkins kanye nemali kaMaXakushe. Uba nengcindezi ugcina esebalekile waya eMpaphala. Uzithola esebudlelanweni noKimberly Beals ongumlungu ngakho ukuncishwa ithuba lokusondelana noHlanganisani esakhula okwakungamenza aqonde ukuthi akukho okonakele ngokuqonywa izintombi zabomDabu. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka • UMelody uthi eqala nje ukuqoma uqoma isoka elingumlungu uPrince. Zaziziningi izinsizwa zabomdabu ayengaziqoma kodwa ukuqhelelana no-Uzithelile ayengafunda okuningi kuye ngenxa yesinqumo sikayise kumenza adideke. Ukufunda nabelungu nezinye izinhlanga kumenza angahlukanisi kahle okufanele akwenze nangomkhawulo wezobudlelwane kanye nokuzigcina. Lokhu kuba nomphumela ongemuhle empilweni yakhe ngoba ugcina ethole izingane ezinobaba abehlukene uZaneqiniso noZanele, eseyingane naye ngokwakhe. • UBafana uthatha isinqumo sokubaleka emzini wakhe oseLa-Lucia, ubuyela eMlazi, wesaba ngisho ukuyolanda izincwadi ezazithathwe ngumkakhe uPoppie. Ulahlekelwa umsebenzi ugcina esesebenza eNyukhasela, ehlala noMamthunzi eMadadeni. Lokho kuba nomphumela ongemuhle empilweni kaBafana ngoba uPrisca indodakazi kaMthunzi nesoka lakhe uNkebelele bantshontsha imoto yakhe bayayishayisa. UBafana ugcina ebaleka ngoba indodana kaMamthunzi uMgwazeni imusabisa ngokumbulala. • UBafana ubuyela eThekwini, uhlala nomunye umasihlalisane onguMaMsibi, umhlolithwasa. Ayaqhubeka ayamlandela amashwa, ushayisa imoto kamakhelwane uSibeko. UMaMsibi uyambona ukuthi ukhungethwe ngamashwa ngenxa yokulahla nokungasizi umndeni wakhe waseMpaphala. Umyalela ukuba abuyele eMpaphala. UMaMthimkhulu ufa uhlangothi ngaso njalo lesi senzo sakhe sokulahla umndeni waseMpaphala. Bonke laba balingiswa abakhombise ukuzicabangela bona bodwa akubasizanga ngalutho lokho ngoba ekugcineni abaphumelelanga kodwa kunalokho kube nezigameko ezibe zimbi ezenzeke kubona uqobo nakubantu abasondelene nabo. (Namanye amaphuzu asekela impendulo ayokwamukeleka) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka IMBUZO 13 (UMBUZO OMFUSHANE) IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi 13.1 UMaMthimkhulu kwakumkhanyela lokho ngoba ubuhlakani bukaNgubane kanye nokukhula kwengqondo kwakulokhu kuncipha yize noma efunde enyuvesi. [Nikeza amamaki amabili uma esinikezile isizathu wesekela] (2) 13.2 Yingoba abesifazane abafunde kakhulu baze baba nePhD njengoNtombi Sikhosana abagani ngenxa yokufunda kakhulu uma kwenzeka bagane abafuni ukuboniswa. [Nikeza amamaki amabili uma enikezile isizathu] (2) 13.3 ● UMaMthimkhulu uxabana noNgubane ngenxa yokuthi uMaMthimkhulu uthengele izingane imoto okwakuvunyelwene ngokuthi azizukuthengelwa. ● UMaMthimkhulu uxabana noNgubane ngoba uthi uNgubane usethatha umsebenzi wakhe wokulungisa igceke, uqasha abantu bakhe engabonisananga naye basusa izihlahla batshala ezinye. ● UMaMthimkhulu uxabana noNgubane ngoba eseshaya umthetho wokuthi uMaMthimkhulu makashintshe aqale ukwenza imisebenzi yobumama futhi acele uma efuna ukwenza izinto ekhaya kepha uMaMthimkhulu ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke kwenzeke lokhu. ● uMaMthimkhulu uxabana noNgubane ngenxa yokuthi u-Euthenasia untshontshe imoto ka-miss Hawkins kodwa uNgubane uthi u-Euthenasia uyahala akakwazi ukuzibamba, akayidingi imoto, ekugcineni uduba ikhaya uya eMlazi. [Nikeza amamaki amathathu uma eluvezile udweshu] [Okuthathu kwalokhu] (3) 1.3.4 UMaMthimkhulu unomoya wokugxeka ngoba ubona uNgubane engumuntu onengqondo ethatha kancane futhi ophuzayo ukucabanga njengoba emfanisa nembongolo. Umoya wokukhungatheka, ukhungathwa ukuthi ubengaboni ukuthi umyeni wakhe akahlakaniphanga yize efunde nasenyuvesi ikakhulukazi ngoba embona ebonakala ukuthi akayeseki indaba yokuthuthukisa abantu. Unomoya wokucasuka, ucasulwa nguNgubane ukuthi uNgubane akahambisani nokuthi abesifazane bafunde kakhulu ngoba ethi ababe besashada futhi ababe besahlonipha abayeni babo. UNgubane uveza umoya wokwezethemba njengoba wayezitshela ukuthi noma angenzani umkakhe uyena iqhude kulo muzi. [Nikeza amamaki amathathu uma ewunikezile umoya] (3) 13.5 UPoppy wathengela u-Euthenesia noMelody imoto ukuze bayisebenzise uma beya enyuvesi. Akazange amtshele uNgubane nanoma eseyiletha ekhaya. UNgubane wayibona isisegalaji isibhalwe namagama abo okwaholela ukuthi athukuthele aze adube ikhaya. [Nikeza amamaki amathathu uma esichazile isigameko esifihlelwe uNgubane] (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 13.6 Umyalezo othi, 'kubalulekile ukuthatha isikhathi ukuze ukwazi ukubona ukuthi umuntu ofuna ukungena othandweni naye ungumuntu onjani.' UPrisca wayecabanga ukuthi uNkebelele umuntu angabambisana naye kwezothando kanti akahlakaniphile. Wacela uPrisca ukuba antshontshe izikhiye zemoto kaBafana uma emthanda ngempela. Yagcina ishayisene neloli ngoba baya ngayo edolobheni yize uNkebelele wayenganazo izincwadi zokushayela. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umyalezo wawusekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 13.7 Simveza njengomlingiswa oqotho/olimelayo iqiniso/onobuntu/ongathandi ukuba abantu abasebasha babhidlikelwe imishado ngento ebeyingalungiswa. Wayebona ukuthi uma uPoppie engazithathi izingane zikaLinono akulunganga futhi akunabo ubuntu ngoba uganile kwaNgubane [Nikeza amamaki amabili uma emchazile ukuthi ungumlingiswa onjani wasekela] (2) 13.8 Ngicabanga ukuthi kwaba nomphumela omuhle ngoba ngemuva kokuvela kwalolu daba kubazali bakhe wahamba waya eMpaphala. Wathola ithuba lokwazana nomndeni wakubo oseMpaphala. Wavakashela amathuna ogogo bakhe. Waqanjwa igama lesintu likaVikizitha. Wabuyela eThekwini esenobudlelwano obuhle nomdeni wakhe. Wayesekwazi ukuzimela ngokomqondo njengoHlanganisani, esefunda izincwadi eziningi zabomdabu. [Nikeza amamaki amathathu uma ewuvezile umphumela] (3) 13.9 Ngokubona kwami ayakholeka ngoba abanye abantu besifazane uma sebefundile ababe besabahlonipha abayeni babo. NOMA Ngokubona kwami asikholakali ngoba abantu besifazane abakhuliswe kahle emakhaya abo abakuthwali ukufunda kwabo, bayabahlonipha abayeni babo noma ngabe abafundile kangako. [Nikeza amamaki amabili uma ekuvezile ukukholakala kwala mazwi] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 13.10 Umbhali uphumelele kahle ukusebenzisa isigameko sokushayiseka kwemoto kamakhelwane uSibeko. Yiso lesi sigameko esasetshenziswa umhlolithwasa ukuqonda uBafana, amtshele ukuthi unesinyama. Umhlolithwasa wayalela uBafana ukuthi agoduke aye kubo eMpaphala uma efuna ukuthi izinto zakhe zilunge. [Nikeza amamaki amathathu uma yombhali yokusethulela isigameko sokushayiswa kwemoto kaSibeko.] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 14 (UMBUZO OMUDE) UBUCIKO BOMLOMO UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba • Ungasebenzisa la maphuzu njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. • Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. • Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-39 ukumaka i-eseyi. Ohlolwayo makakhombise ukuthi unalo ulwazi lobuhlakani obukhonjiswe abalingiswa kulobu buciko bomlomo benganekwane nezibongo. UMLIMI • Unobuhlakani akabalisi ngokuthi akasebenzi kodwa ugawula izibonda zesivande ehlathini elesabekayo nelidume ngokuba nezilwane ezesabekayo eziyingozi ukuze aziphilise yena nomndeni wakhe. • Umlimi wasebenzisa ubuhlakani uma ebona izinsizwa ezihlomile zivula idwala ngokucula iculo wasiqaphela lesi senzo wangabaleka kodwa wacasha zaze zahamba. • Ngobuhlakani bomlimi wakwazi ukulalela onke amazwi ayeshiwo yilezi zinsizwa. • Umlimi wasebenzisa ubuhlakani wacula iculo njengoba bezenza lezi nsizwa lokho okwamenza wathola imali. • Umlimi waba nobuhlakani ngoba wathi uma eseyitholile imali wayithatha waya nayo ekhaya yaphela inhlupheko eyayikhungethe umndeni wakhe. USOMABHIZINISI • Esezwile ngodadewabo ngedwala lezimanga waba nobuhlakani bokuthi aqunge isibindi aye ehlathini alifune idwala aze alithole. • Abanikazi bemali bamfica eselapho kodwa wakwazi ukusebenzisa ubuhlakani wacabanga masinyane wangena esakeni elalinemali wasindisa impilo yakhe. • Ubuhlakani bukasomabhizinisi kwamenza ukuthi aqhamuke nelinye isu, wamemeza esesakeni okwathusa izinsizwa zalahla phansi amasaka zabaleka. • Yize noma usomabhizinisi wayenomhobholo kodwa wayesesifundile isifundo wakwazi ukwenza ubuhlakani ekugcineni wangabe esawathatha onke amasaka emali kodwa wathatha ingxenyana eyayimanele ngaleso sikhathi. KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka IZIBONGO ZIKAGCINA MHLOPHE • Isizathu sokuthi abizwe ngesihlahla somdlebe esimayikayika yingenxa yezithelo zobuhlakani anabo ekuqhakambiseni ulimi lwesiZulu nokuklonyeliswa kwakhe. • Ubuhlakani bokuthi azigqaje ngolimi lwakhe. • Ubuhlakani bumenza angabi nasici kodwa kube khona abantu abaningi ayisibonelo esihle kubo. • Unolwazi olunzulu ngabantu abahlomula bengadeli kuye. • Usekhulise abantu abaningi base-Afrika ngolwazi analo. • Ubuhlakani bukaGcina bubuyise isithunzi se-Afrika ngisho nasemazweni omhlaba. • Ubuhlakani bumenze wadela ukuhlala nomndeni wakhe wakhetha ukuyohlala nabezizwe ukuze acobelele ulwazi lwakhe nakwezinye izizwe. • Izenzo zakhe zobuhlakani zimenza agqame abemhlophe kuhle kwesibongo sakhe uMhlophe. • Ubuhlakani ayebusebenzisa bokukwazi ukuguquguqula iphimbo lakhe uma ehaya izinkondlo. Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe. Akuvele ukuphawula kanye nokusetshenziswa kwamasu ahlukene obuhlakani akhonjiswe ebucikweni bomlomo. (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo) [Namanye amaphuzu asekela impendulo ayokwamukeleka] [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 15 (UMBUZO OMFUSHANE) UBUCIKO BOMLOMO 15.1 Isisusa sodweshu indlala ephethe uMazinyo ngenxa yokuthi akasakwazi ukubamba izilwane azidle ngoba izilwane azisaphuzi echibini kodwa seziphuza kompompi abafakwe ngenxa yempucuzeko. [Nikeza amamaki amabili uma esishilo isisusa sodweshu] (2) 15.2 UMazinyo waqala watshela impala ukuthi akasayidli inyama usedla utshani, ngakho-ke asisekho isizathu sokucathamela izilwane. Wase ecela iMpala ukuthi imlethele amagatsha ezihlahla kanti uyayiyenga ukuze ayidle. [Nikeza amamaki amathathu uma ebushilo ubuqili] (3) 15.3 Inkawu ivezwe njengomlingiswa ohlakaniphile ngoba ikwazile ukubona ubuqili bukaMazinyo yaze yasindisa neMpala kanti iMpala ivezwe njengomlingiswa onesihe futhi oyisiwula ngoba ibisiluthwe ubuqili bukaMazinyo ocishe wayidla yase isindiswa inkawu. [Nikeza amabili uma echaze kafushane ukuvezwa komlingiswa wasekela] (2) 15.4 Lesi sisho sichaza ukusebenza into engenanzuzo noma engatheli zithelo. Siyahambelana nokwenzeka enganekwaneni ngoba yize uMazinyo esezamile ukuqamba amanga ethi usedla utshani kodwa lokho akumsizanga ngalutho ngoba inkawu yalibamba iqhinga lakhe wagcina ehlulekile ukudla impala. [Nikeza amamaki amathathu uma esichazile isisho] (3) 15.5 Umxoxi ulisebenzise kahle isu lokujeqeza emuva ngoba uMazinyo ukhumbule amagama ashiwo yinkawu kuyena athi ukube inkawu ibinguMazinyo ubezozidlela utshani. Lokhu kwenze ukuthi uMazinyo aqhamuke neqhinga lokwenza sengathi usedla utshani kanti akunjalo lagcina lingaphumelelanga iqhinga lakhe. [Nikeza amamaki amathathu uma echaze isu lokujeqeza emuva] (3) 15.6 Uqoth' imbokodo nesisekelo. (1) 15.7 Ukuxhumanasiqalo. (1) 15.8 Izibongo kanye namazwi adwetshelwe esiphicaphicweni akhombisa ubuqhawe nokuzethemba kwenkosi uDinuzulu. Bonke labo ababembukela phansi wabanqoba. Izitha zakhe ubezibukela phansi zakhe kuhle kwendlulamithi mayibukela phansi ezinye izilwane [Nikeza amamaki amabili uma ekushilo okushiwo yizibongo] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 15.9 Okushiwo yizibongo zeSilo uDinizulu kanye nehubo ukuthi iSilo uDinizulu bekuyinkosi yohlanga ibusa abantu bakwaZulu futhi eyiNgonyama, eyabe iyiqhawe elabulwela kakhulu ubukhosi bukaZulu. Ubeyisizukulwane sikaNdaba njengoba lisho ihubo lithi uyamemeza okaNdaba. Leli hubo lisuke litusa ubuqhawe. Kuyahambisana nezibongo ngoba zitusa ubuqhawe bokaNdaba. (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) [Nikeza amamaki amane uma eqhathanisile wasekela] (4) 15.10 Ukusetshenziswa kwesithakazelo kugqamisa imvelaphi yeSilo uDinizulu okuphinde kugqanyiswe ihubo ngoba lithi uyamemeza okaNdaba. Lokhu kuchaza ukuthi iSilo siyisizukulwane senkosi uNdaba. [Nikeza amamaki amabili uma echaze kafushane wasekela] (2) 15.11 Ngiyavumelana ngoba nasezibongweni bambiza ngokhozi okuyisilwane esineso elibukhali kakhulu nesenza izinto ngokushesha okukhulu. [Nikeza amamaki amabili uma enikezile umbono ngoDinizulu] (2) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU C: UMDLALO UMBUZO 16 (UMBUZO OMUDE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo • Ungasebenzisa la maphuzu njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. • Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. • Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-39 kumaka i-eseyi. Ohlolwayo makachaze umlayezo akhombise ukuthi unalo ulwazi lomlayezo othi udlame akusona isisombululo sezinkinga. • UMdaluli uthe angalahlekelwa umsebenzi waqala waba nodlame emzini wakhe kwase kuba khona udlame lwasekhaya oluyizindlela ezehlukene. • Waqala ngokushaya uMaMlanduli ngempama ngoba ethi umphoqa ukuthi adle engakufuni. Lokhu kwaba nomphumela ongemuhle kuyena ngoba inkosikazi yakhe yabe isiphatheka kabi isimncintsha amalungelo akhe asemshadweni ngenxa yentukuthelo yokuthi ishayiwe. • UMdaluli wahlukumeza uLondiwe ngokumshaya ngoba ethi ulamulela unina. Lokhu kwadala ukuthi agcine eseboshiwe uMdaluli. • Lolu dlame olwaqhubeka nasebusuku lwaba nomphumela ongemuhle ngoba uLondiwe waxabana noyise ngoba esaqhubeka ukuhlukumeza unina uMaMlanduli. • UMdaluli ugcina eseboshwa ngamaphoyisa emva kokuba uLondiwe ewashayele ucingo ebike ngodlame olwenziwa uyise uMdaluli. • UMdaluli wathi uma ephuma ejele waqhubeka nokuba nodlame kuLondiwe ngokumxosha ekhaya, waxosha noNenelezi noKhombephi. Wathatha isibhamu efuna ukubaxosha ngaso. Lokhu kwaba nomphumela ongemuhle kuLondiwe ngoba wayengasenandawo yokuhlala eselala emizini yabantu. • UMdaluli walahlekelwa umsebenzi wokwakha ayewunikwe uSaziwayo Khuzwayo ngoba wagcina sewenziwe uChivenga. Ngemuva kokuba uChivenga esemphuce umsebenzi, uMdaluli wathatha isinqumo sokumthakatha. Lolu dlame lwadala ukuba umunwe kaChivenga ubole aze ayolala esibhedlela somphakathi kwaDukuza. • Udlame lukaMdaluli lukapakela emphakathini, ushaya uChivenga ngemolontshisi kuba nomphumela ongemuhle kuMdaluli uboshwa nguZayeka • UMdaluli waqhubeka ngodlame walalela uChivenga unyendle ehlathini, wamshaya wacishe wambulala kwalamula amaphoyisa. Lolu dlame lwaholela ekutheni uMdaluli aphindele ejele. Izenzo zodlame ezenziwe umlingiswa onguMdaluli zikugqamisile ukuthi udlame alusona isixazululo ngoba lumenzele izinkinga kumndeni wakhe, emphakathini kanye nakuye uqobo. [Ohlolwayo anganika nezinye izibonelo ezinembayo ngokugqanyiswa komyalezo] [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha] [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 29 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka IMBUZO 17 (UMBUZO OMFUSHANE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo 17.1 Umlingiswa onguLondiwe unethoni yokuthukuthela ngoba ucasulwa ngunina uMaMlanduli ovuna uyise uMdaluli yize emhlukumeza. [Nikeza amamaki amabili uma eyinikezile ithoni wasekela] (2) 17.2 UMaMlanduli uvezwe njengomlingiswa ohlonipha umyeni wakhe. Weseka umyeni wakhe yize noma emshaya. [Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane ukuvezwa komlingiswa wesekela ngokusesiqeshini] (2) 17.3 Imbangela yokuthi bangaboni ngaso linye yingoba uMdaluli akaliboni iphutha lakhe lokuthi abe nesihluku kuMaMlanduli, uze uklolodela uLondiwe ngoba umkakhe echema naye futhi emeseka ekutheni agxeke uLondiwe ngokumlamulela. Kanti uLondiwe unengwa yisenzo sikayise sokuba nesihluku kunina yingakho enomoya ophezulu ngoba uyawaqonda amalungelo akhe yize eyingane. [Nikeza amamaki amathathu uma ewunikezile umehluko] (3) 17.4 • UMdaluli wadilizwa emsebenzini wangabe esakwazi ukondla umndeni wakhe. • Wavuselela ikhono lakhe lokwakha, wase eqashwa nguSaziwayo Khuzwayo. • Wathi esebuyela ukuyoqhubeka nomsebenzi wathola sekuqashwe uChivenga, okwadala intukuthelo ngoba ebona ukuthi nguye omthathele umsebenzi wase emlalela unyendle ehlathini wamshaya. [Nikeza amamaki amathathu uma efingqile izigameko] (3) 17.5 Isenzo sikaLondiwe siyigqamisa kahle inkathi yamanje ngoba uyazikhulumela aveze ukunganeliseki kwakhe yize eyingane. ULondiwe uthatha isinqumo sokubophisa uyise uMdaluli ngenkathi ebahlukumeza. [Nikeza amamaki amabili uma amaphuzu echazwe kahle] (2) 17.6 Wawuzoba muhle ngoba wayengeke esaba nengcindezi eyayidalwa ukuba ahlale ekhaya ngenxa yokuphelelwa umsebenzi aqhubeke nokuba nodlame lwasekhaya. UMdaluli wayengeke afike ekhaya axoshe uLondiwe, uKhombephi noNenelezi njengoba wayesefuna ukubajaha nangesibhamu. NOMA Wawuzoba mubi ngoba uMdaluli wayengagcina ehlale ejele impilo yakhe yonke. ULondiwe ubezobona ukuthi uMdaluli akakhulumi iqiniso njengoba ethi uyaxolisa ngokushaya uMaMlanduli. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 30 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 17.7 Umbhali uhlose ukuxwayisa ukuthi uma uxazula izinkinga ngodlame kuba nomphumela ongemuhle njengoba uMdaluli aboshwa ngesenzo sokushaya uChivenga/uhlose ukuba abantu abafunde ukuzibheka bona kuqala bangaboni abanye abantu ukuthi yibo ababalethela izinkinga. [Nikeza amamaki amathathu uma eyivezile inhloso wasekela] (3) 17.8 Umyalezo odluliswa umbhali owokuthi bakhona abantu abawenzayo umsebenzi wabo ngokuthembeka. UZenyezile unguSonhlalakahle usiza uLondiwe enkingeni yokuxoshwa nguyise uMdaluli ekhaya. Umtshela nangezindlela zokuthola imifundaze njengoba ayengasakwazi ukukhokhela izifundo zakhe zobuchwepheshe. [Nikeza amamaki amathathu uma ewushilo umyalezo wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa] (3) 17.9 Ngiyavumelana ngoba uMdaluli waphupha abantu abampisholo abakhuluma ulimi olungahlangani kahle kuba nesiphepho esinamandla esimlahlisa ithemba. Leli phupho libikezela isimo esilukhuni empilweni kaMdaluli sokulahlekelwa ngumsebenzi esinezelelwa nguChivenga oqhamuka eNyakatho owaqashwa nguSaziwayo owayeseqashe UMdaluli. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono wokuvumelana wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 17.10 Umbhali usethulele kahle isiphetho salo mdlalo ngopholavuthondaba njengoba kufika uZenyezile emzini kaMdaluli ethule izindaba zokuzamazama komhlaba ezenzeke ezweni laseNyakatho ne-Afrika. Ukungazi ukuthi uMdaluli njengoba eseSudan angaba ngomunye wabashonile. Lokhu kufakazelwa uMaMlanduli otshela uZenyezile ngephupho elaliphushwe uMdaluli libikezela ingozi nobunzima obuzomehlela. [Nikeza amamaki amathathu uma exoxe ipholavuthondaba] (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 31 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 18 (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa • Ungasebenzisa la maphuzu njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. • Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. • Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-39 ukumaka i-eseyi. Ohlolwayo makachaze umlayezo akhombise ukuthi unalo ulwazi lomlayezo othi umhobholo unemiphumela engemihle. • UZithulele ubonisa uSalimani ibalazwe elisodongeni umchazela ukuthi kudala imingcele yayikuphi. Ekuhambeni kwesikhathi yagudluzwa yimifula okwaphetha ngokuthi izwe labantu basemapulazini libe ngelikaSalimani. Bonke lobu buqili abuphumeleli ngoba uSalimani ulazi kahle izwe lakhe nemingcele yalo kusukela emandulo. Lokho kwenza ubuqili buka Zithulele bubhuntshe. • Ubuqili babelungu buyaqhubeka ngoba sibuthola naseMgungundlovu lapho uSomtsewu etshela uSalimani ukuthi akunhloso yakhe ukusika izwe lenkosi kodwa ufuna ukubuyisela izwe labelungu kubanikazi balo abalithola ngomlando. Lobu buqili abuphumeleli ngoba uSalimani uyakwala lokhu okuhlongozwa nguSomtsewu. • Abelungu bazama ubuqili bokuthola izwe ngokusebenzisa UMphiliphili oyinduna kaSalimani. Bathenga uMphiliphili ngemali ayinikwa nguNgoza, nabo lobu buqili abuphumeleli ngoba ukungathembeki kukaMphiliphili bafika ezindlebeni zenkosi wase ejeziswa. • Ukungathembeki nobuqili bukaMphiliphili benza ukuthi agcine eseyimbuka eseshiya umuzi wakhe ayokhonza ebelungwini. • Ubuqili bukaZithulele benza ukuthi ahlele impi mbumbulu yabantu bakaMgqabuli ehlasela emzini kaMcondo ukuze aphumelele ukuthola izwe likaSalimani. Lobu buqili abuphumelelanga ngoba abantu bakaSalimani bayinqoba lempi. • UZithulele waphinde wasa iNkosi uSalimani enkantolo embeka icala lokuthi abantu bakhe bahlasele abantu babelungu, waze waphinde wathenga uMphiliphili ukuthi abe wufakazi wamanga. Lobu buqili nabo abuphumelelanga ngoba icala lamthetha uSalimani eMgungundlovu ijaji lalichitha icala, lagcina lihlawulise uZithulele. Umhobholo unemiphumela engemihle ngoba uHulumeni kaSomtsewu ngomlomo kaZithulele wahluleka ukuqhwaga umhlaba wenkosi uSalimani. Icala layithetha inkosi uSalimani wajeza uSomtsewu kwadingeka ukuthi akhokhe inhlawulo ecala. [Ohlolwayo anganika nezinye izibonelo ezinembayo ngokugqanyiswa komyalezo] [Nikeza amamaki ngokuveza i- eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha.] [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 32 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 19 (UMBUZO OMFUSHANE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa 19.1 Ithoni yokuthukuthela kumlingiswa onguMbongolo ibangelwa yisenzo sikaHulumeni sokuthi aqhathe izwe bebhekile njengoba efuna ukuklama kabusha imingcele. [Nikeza amamaki amabili uma eyishilo imbangela ngokwesiqeshana] (2) 19.2 Umlingiswa onguMcondo uvezwe njengomlingiswa onolaka, onesibindi noyishinga yingakho efunga egomela ukuthi uMngeni uyowuwela ngesihlenga eseyisidumbu. Lokhu kubonisa ukuthi uzokulwela okungokwakhe kuze kube sekugcineni. [Nikeza amamaki amabili uma echazile ukuvezwa komlingiswa wesekela ngokusesiqeshini] (2) 19.3 USalimani nabafowabo bathukuthele ngenxa yenkulumo ezothulwa uZithulele othunywe uHulumeni yokuthi kuzoba nemingcele emisha. Lokhu kudala ingxabano phakathi kwabantu basemapulazini kanye nabakaVimbingwenya. [Nikeza amamaki amathathu uma ewunikezile umehluko] (3) 19.4 • UZithulele utshele iNkosi uSalimani ukuba abantu bakhe bawele uMngeni okwaphetha ngokuba enqabe uSalimani. • USalimani uqhamuka nesu lokuthi kuvotwe khona kuzotholakala ukuthi bangaki abantu abafuna ukuwela uMngeni. • Abantu bakaSalimani bavota ngezinhlamvu zikabhontshisi omnyama ukungawuweli uMngeni behlula ngokuphikisa uHulumeni owavota ngezinhlamvu zikabhontshisi omhlophe. [Nikeza amamaki amathathu uma efingqile izigameko] (3) 19.5 Izenzo zikaHulumeni zigqamisa isizinda senkathi yenguquko lapho uHulumeni wobandlululo eqola abantu izindawo. UHulumeni ufika ezindaweni zabantu abamnyama bakwaZulu weza namaqhinga okuthatha izwe njengoba eseza nelinye isu lokuthatha eminye imihlaba enjengoVimbingwenya, uMngeni kanye noMkhabela. [Nikeza amamaki amabili uma echazile izenzo] (2) 19.6 Wawuzoba muhle ngoba ubengeke esaba nengcindezi yokuthi aqhubeke nezimfihlo futhi wayengamxolela uSalimani. UMphiliphili ubengephoqeleke ukuthi avote nabelungu phambi kweNkosi uSalimani. NOMA Wawungaba mubi. USalimani ubezobona ukuthi uMphiliphili akanaqiniso njengoba wabe eyinduna yakhe ayethembile. Wayengagcina ebulewe ngamabutho kaSalimani. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono womphumela wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 33 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 19.7 UZithulele uhlose ukwenza ubuqili bokuthi abophe abantu bakaSalimani. Ukhipha isijeziso sokuphuca uSalimani umhlaba. Abantu basemapulazini kwaMgqabuli bavuma ukusetshenziswa nguZithulele ebalwisa izimpi zikaHulumeni bagcina belinyazwa,bebulawa ngabantu bakaSalimani. [Nikeza amamaki amathathu uma eyinikezile inhloso wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (3) 19.8 Umyalezo odluliswa umbhali owokuthi basekhona abantu abakwazi ukumela iqiniso njengoba uHulumeni ngomlomo kaZithulele ayezame ukuqola iNkosi uSalimani izwe lakhe. Wenza namaqhinga okuthi amfake ecaleni lokuthi nguyena uSalimani oqale ukushaya abantu bakaMgqabuli kepha la maqhinga abhuntsha onke, waphumelela uSalimani enkantolo waliwina icala enkantolo yaseMgungundlovu. [Nikeza amamaki amathathu uma ekwazile ukwethula umyalezo wombhali] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (3) 19.9 Ngiyavumelana ngoba ngenkathi uZithulele etshela uSalimani ngoHulumeni othi makugudluzwe imingcele yoMngeni kwamenza wajeqeza emuva wakhumbula amaqhinga enziwa ngabelungu okuthatha umhlaba ngokuqala ngokuhloma amatende, bakha izindlu ngamatshe bathi bazozishiyela abantu kepha abaphindanga bahamba. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono wokuvumelana wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 19.10 Umbhali usethulele kahle isiphetho salo mdlalo ngovuthondaba njengoba kube khona isixazululo sombango womhlaba. Kube khona ubulungiswa, icala lamthetha uSalimani. Umhlaba wakhe abesephucwe wona wabuyiselwa kuye nezindleko zecala zakhokhwa nguHulumeni. Nikeza amamaki amathathu uma ephawulile ngempumelelo yombhali ekwethuleni isiphetho] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 34 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 20 (UMBUZO OMUDE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga • Ungasebenzisa la maphuzu njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. • Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. • Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama- 39 ukumaka i-esseyi Ohlolwayo makachaze umlayezo akhombise ukuthi unalo ulwazi lomlayezo othi umhobholo unemiphumela engemihle. UPHINDISIWE • UPhindisiwe unomhobholo ngoba uthi esebenza ebhange, enomyeni wakhe onguThamsanqa kepha athandane noNkululeko ngoba efuna imali. Lolu thando olweqile lwemali ludala ukuba agcine esethola ingane eyivezandlebe kaNkululeko. • Umhobholo wemali wagcina umphelelisele ngekhaya uPhindisiwe wagcina ephindele kubo kaMakhunga. • Umhobholo wemali wamholela ekutheni anqume ukuntshontsha imali eyayisele esisefeni ebhange ayesebenza kulo wagcina eseboshwa. UNKULULEKO • UNkululeko unomhobholo wemali ngoba uvuma ukuthengwa/ ukugqitshwa wuPhindisiwe ngemali ukuze amdonsele isigwebo ejele ngecala lokushayisa ingane yize lokhu kwaba nomphumela ongemuhle kuyena ngoba waphelelwa wumsebenzi wagcina engasasebenzi ngenkathi esebuya ejele. • Umhobholo wakhe wemali uba nomphumela wokuthi ahlukumeze uPhindisiwe ngokuthi afune enye imali yize uPhindisiwe amkhokhela ngokuyomdonsela isigwebo sakhe. • Umhobholo wakhe uyaqhubeka uphoqelela uPhindisiwe ukuthi amsize bagqekeze ebhange ukuze azothola imali eningi. Leli qhinga liba nomphumela ongemuhle kuye ngoba uyaboshwa futhi unikwa isigwebo esinzima samashumi amathathu eminyaka ebhadla ejele. • Ukubhadla kwakhe ejele kwaba nomphumela ongemuhle. Wacekela phansi ikusasa likaPhindisiwe ngokumphoqelela ukuthi amsize kugqekezwe ibhange. USIKELA • USikela unomhobholo wemali ngoba uthi esebenzela uhulumeni avume ukuthengwa nguNkululeko ukuthi amenzele isitifiketi somshado mbumbulu kaNkululeko noPhindisiwe. Lokhu kwaba nomphumela ongemuhle ngoba kwahlukumeza abakwaMathonsi lapho uPhindisiwe wayewumalokazana wakhona. • UThamsanqa wagcina esexabana nomkhwekazi wakhe efuna imali yelobolo. • Ugcina esegwetshwa iminyaka eminingi ejele ngokungathembeki kwakhe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 35 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMAQOMA • Umhobholo kaMaqoma wemali ube nomphumela wokuthi avume ukuthengwa nguNkululeko ukuze abe wufakazi wokuthi wayengumkhongi kaNkululeko kwaMakhunga. Usebenzisana noNkululeko ukuhlela itulo lokuthola imali yasebhange. Lokhu kwaba nomphumela ongemuhle ngoba ugcina esegwetshwa iminyaka eminingi ejele. Umhobholo unemiphumela engemihle bonke abalingiswa ababe nomhobholo kule noveli bagcine bejezile ngokugwetshwa enkantolo balahlekelwa inkululeko yokuhlala nemindeni yabo. [Ohlolwayo anganika nezinye izibonelo ezinembayo ngokugqanyiswa komyalezo] [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwayo, enezimpendulo ezinembayo/izimpendulo ezinganikeziwe lapha] [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 36 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 21 (UMBUZO OMFUSHANE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga 21.1 Imbangela yethoni yokuthukuthela kumlingiswa onguThamsanqa ukuthi uzwe izindaba ezishaqisayo ngomkakhe azizwe ngabazali bakhe zokuthi umkakhe uPhindisiwe inkosikazi yomuntu. [Nikeza amamaki amabili uma eyishilo ukuthi ithoni ibangelwa yini] (2) 21.2 Umlingiswa onguNkumbulo uvezwe njengomlingiswa ongathatheli izinto phezulu/ohlakaniphile. Uthi uma ezwa ngomshado wangaphambilini kaPhindisiwe watshela uThamsanqa ukuthi aqaphele ngoba kusengenzeka kube ngamanga aqanjwa yizimfamona. [Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane ukuvezwa komlingiswa wesekela ngokusesiqeshini] (2) 21.3 UThamsanqa unomuzwa wokuthukuthela kanti uNkumbulo unomuzwa wokumangala. UThamsanqa uthukutheliswa ukuthi uyazikholwa zonke lezi zinto ezishiwo ngoPhindisiwe kanti uNkumbulo umangazwa ukuthi kungani uThamsanqa ekholwa abantu bangaphandle kunokuba akholwe inkosikazi yakhe aseshade naye iminyaka emihlanu. [Nikeza amamaki amathathu uma ekunikezile umuzwa ongafani] (3) 21.4 • UNkululeko ushaya ucingo efuna ukukhuluma noPhindisiwe emzini kaThamsanqa okudala ukuba baxabane noPhindisiwe. • UThamsanqa uya kwaMathonsi ufica uNkululeko ephethe isithombe nencwadi yomshado yakhe noPhindisiwe, athukuthele, baxabane noNkululeko ombiza ngesigwadi. • UNkumbulo utshela uThamsanqa ngoNkululeko okumphatha kabi uThamsanqa ukuthi uNkumbulo ubemfihlele udaba lukaNkululeko noPhindisiwe. Emva kwalokhu uThamsanqa uya kwaMakhunga ufuna izingane zakhe okunguPhindisiwe noZiphozonke waphetha ngokuthi uma engazitholi ufuna izinkomo alobola ngazo. [Nikeza amamaki amathathu uma efingqile izigameko] (3) 21.5 Izenzo zikaSikela zigqamisa isizinda senkathi yamanje lapho sekwande ubugebengu obuhleliwe. USikela usebenza emnyangweni wezaseKhaya, wenza umkhonyovu wokushadisa uPhindisiwe noNkululeko enzela uNkululeko incwadi yomshado mbumbulu kungubugebengu obenzeka esikhathini samanje. [Nikeza amamaki amabili uma echazile isizinda senkathi] (2) 21.6 Wawuzoba muhle ngoba ubengeke esaba nengcindezi yokuthi aqhubeke nezimfihlo futhi wayengamxolela. UPhindisiwe ubengeke aphoqeleke ukuthi asize uNkululeko ukugqekeza ebhange agcine ngokuboshwa. NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 37 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka Wawungaba mubi ngoba uThamsanqa ubezobona ukuthi uPhindisiwe akanaqiniso njengoba engazange akhulume iqiniso ngokuthandana kwakhe noNkululeko kanye nendaba yengane. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono womphumela wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa] (2) 21.7 Umbhali uhlose ukuxwayisa ukuthi izinkinga azixazululwa ngodlame kanti futhi kuba nomphumela ongemuhle njengoba uThamsanqa ashaya uPhindisiwe. Lokhu kwaholela ekutheni uPhindisiwe amshiye abuyele ekhaya kubo kwaMakhunga, waze waxabana nomkhwekazi wakhe uMaKhangela. [Nikeza amamaki amathathu uma eyivezile inhloso wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa] (3) 21.8 Umyalezo odluliswa umbhali owokuthi izenzo ezimbi ezenzeka ebumnyameni zigcina zivelile. UPhindisiwe wabe enezimfihlo zokuba nomntwana noNkululeko. UNkululeko wanquma ukuya kwaMathonsi wabatshela ngobudlelwano bakhe noPhindisiwe mayelana nomshadombumbulu wakhe naye okungelona iqiniso. [Nikeza amamaki amathathu uma ewushilo umyalezo wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa] (3) 21.9 Ngiyavumelana ngoba uMaMhlongo waphupha uhlanya luqukula umzukulu wakhe uZiphozonke okwakubikezela ukufika kukaNkululeko ezofuna uZiphozonke athi ingane yakhe akusiyo ekaThamsanqa nokuthi uPhindisiwe ungumakoti wakhe. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono wokuvumelana wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] (2) 21.10 Umbhali usethulele kahle isiphetho salo mdlalo ngopholavuthondaba njengoba kube khona ukuqulwa kwecala enkantolo eZibuseni kwavela bonke abenzi bobugebengu. UNkululeko, uSikela, uMaqoma noPhindisiwe bathola izigwebo ezingefani ngokwamacala abawenzile nokuntshontsha imali ebhange iForum. [Nikeza amamaki amathathu uma ephawulile ngempumelelo yombhali ekwethuleni isiphetho] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka) (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 38 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka IRUBHRIKHI YOLIMI LWASEKHAYA ISIQEPHU A: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WENKONDLO [AMAMAKI AYI-10] Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi Akugculisi nhlobo kahle OKUQUKETHWE 5–6 4 3 2 0–1 -Ukuhunyushwa -Ukhombisa ulwazi -Isihloko usihlaziye -Ukuhunyushwa -Akanalo nhlobo ulwazi Ukuhunyushwa kwesihloko okunzulu ngesihloko futhi ngokugculisayo kwesihloko lokuphendula inkondlo kwesihloko -Amaphuzu amahle usihumushe kahle -Akhona amaphuzu akugculisi kahle -Akukho nhlobo okuhambisana Amaphuzu anobunzulu, kakhulu ahlukene -Impendulo echaza amahle asekela isihloko -Kuthukela nenkondlo ukusekela kanye asekelwe kabanzi ngokwenelisayo -Amanye amaphuzu kuvela -Ohlolwayo akanalo nhlobo nokuqonda kabanzi kubhekiswe enkondlweni -Amanye amaphuzu asekeliwe kodwa amaphuzu ulwazi lwenkondlo. ithekisthi. -Ulwazi oluhle kakhulu anembayo kodwa ubufakazi bubuye asekela isihloko lwenkondlo. awasekeliwe onke bungagculisi kwenye -Ulwazi 6 AMAMAKI ngendlela elindelekile inkathi lwenkondlo -Ulwazi lwenkondlo luhle. -Ulwazi lwenkondlo alugculisi kahle. olugculisayo. ISAKHIWO KANYE 4 3 2 1 0–1 NOLIMI -Isakhiwo esihleleke kahle -Isakhiwo esihleleke kahle-Kukhona nokho -Isakhiwo -Isakhiwo asihlelekile kahle kakhulu futhi amaphuzu ageleza ukuhleleka kwesakhiwo sikhombisa neze Isakhiwo, ukugeleza -Amaphuzu ahleleke kahle ngokulandelana kahle -Amaphuzu awagelezi amaphutha -Ulimi lunamaphutha amaningi okuhlelekile kwamaphuzu kakhulu futhi athungelana -Ukugeleza kwamaphuzu futhi awahlelekileezingeni kanye nesitayela esingagculisi kanye nokwethula kahle kakhulu kuyalandeleka -Amaphutha olimi lokuhleleka neze. Ulimi, ithoni kanye -Ulimi, ithoni kanye -Ulimi, ithoni kanye ayingcosana, ithoni kanye -Amaphuzu -Awekho amaphuzu nesitayela nesitayela kukhombisa nesitayela kuhle. nesitayela awahlelekile ahambelana nesihloko. esisetshenzisiwe ukuvuthwa komqondo, kusetshenziswe ngokugculisayo embuzweni omude. kuyaheha futhi kushaya ngokugculisayo. -Ulimi emhlolweni lunamaphutha 4 AMAMAKI -Ulimi, ukupelwa amaningi kwamagama kanye -Ithoni nezimpawu zokuloba nesitayela akunamaphutha nhlobo. akugculisi kahle. QAPHELA:Uma ohlolwayo engazange abhale sanhlobo ngokubuziwe, waqoka ukuziqmbela i-eseyi akatholi lutho amamaki okuqukethwe kanye nesakhiwo nolimi Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 39 DBE/Unhlaba/Unhlangulana 2024 SC/NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU B KANYE NESIQEPHU C: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WOMBHALO WOBUCIKO: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO KANYE NOMDLALO [AMAMAKI ANGAMA-25] Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi kahle Akugculisi nhlobo OKUQUKETHWE 12–15 9–11 6–8 4–5 0–3 -Impendulo enembayo: -Ukhombisa ukuqonda -Ukuhumusha isihloko -Ukuhunyushwa -Ulwazi oluncane Ukuhunyushwa -Impendulo enhle kakhulu: kanye nokuhumusha ngokugculisayo; kwesihloko kakhulu lwesihloko kwesihloko -Ukuhunyushwa kwesihloko isihloko kahle akuzona zonke akugculisi kahle; -Umzamo Amaphuzu okunzulu -Impendulo echaza izingxenye ezicaciswe kuthukela kuvela ontekenteke wokuphendula anobunzulu, -Amaphuzu ahlukene ngokwenelisayo kabanzi amaphuzu asekela umbuzo ukusekela kanye anembayo nokusekela -Amanye amaphuzu -Kunamaphuzu isihloko ngokucacile -Amaphuzu nokuqonda okunembayo okususelwe anembayo kodwa ambalwa amahle -Amaphuzu ambalwa awanelisi nhlobo kabanzi ithekisthi. embhalweni akusiwo wonke asekela isihloko asekela isihloko -Ohlolwayo -Ulwazi oluhle kakhulu asekelwe ngendlela -Amaphuzu ambalwa -Amaphuzu akanalo nhlobo 15 AMAMAKI lwenoveli/ubuciko bomlomo elindelekile asekeliwe, kodwa amancane ulwazi lwenoveli/ ubuciko nomdlalo. -Ulwazi lwenoveli/ ubufakazi bubuye ahambisana bomlomo nomdlalo ubuciko bomlomo bungagculisi nesihloko nomdlalo -Ulwazi olungenele -Ulwazi oluncane luyabonakala. lwenoveli/ubuciko lwenoveli/ubuciko bomlomo nomdlalo. bomlomo nomdlalo. ISAKHIWO 8–10 6–7 4–5 2–3 0–1 KANYE NOLIMI -Isakhiwo silandelana kahle -Isakhiwo esihle kanye -Isakhiwo -Isakhiwo -Ukungabibikho kwesakhiwo kakhulu namaphuzu ahleleke siyabonakala kancane sikhombisa esihleliwe kuphazamisa Isakhiwo, -Isingeniso kanye nesiphetho kahle -Ukugeleza kanye amaphutha ukugeleza kwamaphuzu ukugeleza okuhle kakhulu -Isingeniso, isiphetho nokulandelana ekuhlelweni kwaso -Amaphutha olimi kanye okuhlelekile -Amaphuzu abekeke kahle kanye nezinye izigaba kwamaphuzu -Amaphuzu nesitayela esingalungile kwamaphuzu kakhulu futhi athungelana kahle kuhleleke kahle kuyabonakala, kodwa awahlelekile kahle kwenza lo mbhalo kanye nokwethula -Ulimi ithoni kanye nesitayela -Amaphuzu ageleza kunamaphutha -Amaphutha olimi ungabi yimpumelelo Ulimi, ithoni kukhombisa ukuvuthwa, kahle -Amaphutha olimi agqamile -Ithoni nesitayela kanye nesitayela kuyancomeka futhi kushaya -Ulimi, ithoni kanye ambalwa; ithoni kanye -Ithoni nesitayela kusetshenziswe esisetshenzisiwe emhlolweni. nesitayela kuhle. nesitayela kusetshenziswe ngokungafanele embuzweni esisetshenzisiwe ngokungafanele -Ukuhleleka omude. sifanelekile -Ukuhleleka kwezigaba -Izigaba eziningi kwezigaba kunamaphutha. 10 AMAMAKI zibhaleke kahle. kunamaphutha. UKWABIWA 20–25 15–19 10–14 5–9 0–4 KWAMAMAKI • Akufanele kube nomehluko odlula amazinga amabili phakathi kwamamaki esakhiwo nolimi kanye namamaki wokuqukethwe. • Impendulo yokuziqambela kufanele inikezwe u-0 kokuqukethwe no-0 isakhiwo nolimi. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Verified matching documents

The question paper, memo or addendum that belongs with this document.

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 12 Isizulu Hl

Explore more published documents in this catalogue.

View all