Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 2 NSC June 2025 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 12202534 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 2 question paper from the NSC June Exam 2025, 34 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2025

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Confidential SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS/ NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) NHLABA/NHLANGULANA 2025 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi angama-34. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhla lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emuva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli/Ubuciko bomlomo (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B: Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C: Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe ngezansi. ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE – Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE – UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO). • Phendula KUPHELA umbuzo wenoveli/ubuciko bomlomo kanye nomdlalo owufundile. • Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukwelekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO • Impendulo yombuzo omude ezinkondlweni mayibe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240. • Izimpendulo zemibuzo emide enovelini/ebucikweni bomlomo kanye nasemdlalweni mazibe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390. • Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi bangathemelezi kodwa baphendule okubuziwe. 2025 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential OKUQUKETHWE Leli khasi liyolekelela abahlolwayo ukuba bakhethe imibuzo abazoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. 'Isiziba Senhlakanipho' Umbuzo omude 10 6 2. 'Uthunywe Ngubani?' Umbuzo omfushane 10 7 3. 'Idwala LikaShaka' Umbuzo omfushane 10 8 4. 'Ucu Olumhlophe' Umbuzo omfushane 10 9 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo. 5. 'Yebo-ke nsizwa' Umbuzo omfushane 10 10 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Phendula umbuzo OWODWA ESIQESHINI B kanye nowodwa ESIQESHINI C. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO INOVELI: Phendula umbuzo OWODWA kule noveli emiselwe. 6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 11 7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 11 8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 14 9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 14 10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 16 11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 16 12. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omude 25 19 13. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omfushane 25 19 NOMA UBUCIKO BOMLOMO: Phendula umbuzo OWODWA kolobu buciko bomlomo obumiselwe. 14. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omude 25 21 15. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omfushane 25 22 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA kule midlalo emiselwe. 16. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 26 17. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 26 18. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 29 19. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 29 20. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omude 25 32 21. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omfushane 25 32 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE ESIQESHINI B kanye NASESIQESHINI C. Akuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo. Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha sebenzisa lolu hla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo okulindeleke uyiphendule. ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA YEMIBUZO LEMIBUZO EPHENDULIWE A: IZINKONDLO (Ezimiselwe) 1–4 2 A: INKONDLO (Engamiselwe) 5 1 B: INOVELI (Umbuzo omude NOMA 6–13 1 omfushane) B: UBUCIKO BOMLOMO (Umbuzo omude NOMA 14–15 1 omfushane) C: UMDLALO (Umbuzo omude NOMA 16–21 1 omfushane) QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. ESIQESHINI B, khetha phakathi kwenoveli nobuciko bomlomo, uphendule UMBUZO OWODWA, ungaphenduli ngazo zombili lezi zinhlobo zemibhalo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIZIBA SENHLAKANIPHO – EJ Mhlanga 1 Sizibꞌ esijulile Njulase, 2 Ngiphum' emzini kababa, 3 Kusempondozankomo ngovivi lokusa, 4 Ngithwel' izihlabathꞌ ekhanda, 5 Kwathiw' angonyusꞌ amaqele, 6 Ngiyoncelꞌ amanzi ngobhaqa; 7 Ngisuthisa wena Nzibase. 8 Kunamuhla lokhu ngisahamba, 9 Ngisathulula lesi sihlabathi, 10 Engisigeza ngamanzꞌ omfula, 11 Olokhu kwasa ugobhoza. 12 Uyimpambankwici weNjulase, 13 Ngokuhlomelꞌ ekudepheni. 14 Buphꞌ ubunzulu bakho 15 Lapho ngohlala ngiphumule, 16 Nginethezeke ngobuqhawe; 17 Lokhꞌ ungafunꞌ ukujula 18 Oseku ngixabanise nowethu, 19 Engabashiyꞌ osebeni, 20 Bezidobelꞌ inhlanzi ngodobo. 21 Ngiyokuthola ninꞌ ukuphumula, 22 Komzimbꞌ osifohlokꞌ umhlandla, 23 Ngithungathana nenjabulo yokudepha 24 Kwakho Nzuluse? 25 Sizinda sami ngiyophephelaphi, 26 Uma ngingapheleli kuwena? 27 Hleze ngothi sengiyithongo, 28 Basale bedalulꞌ imfumbe 29 Yobonzulu bakho siziba, 30 Ngoba namuhlꞌ uyimpicabadala. Kule nkondlo imbongi iyabonakala ukuthi yomele ulwazi. Fakazela ubuqiniso balesi sitatimende ngokubhekisa ekukhethweni kwamagama agqamisa umoya kule nkondlo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama ayi-190 kuya kwangama-240. [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. UTHUNYWE NGUBANI? – KNN Gcumisa 1 We kufa, ak' ungihlebele, 2 Uthunywa ngubani wena? 3 Ukub' uzosibangel' usizi? 4 Nguban' okuph' amandlakazi 5 Angangawamabuth' akwaMandlakazi? 6 Owephul' uphoqoze ngawo 7 Izithomb' ezingamaklume 8 Omthathe, omsimbithi nomthombothi? 9 AbakwaMthombothi bangavuma. 10 AbakwaMsimbithi bangavuma 11 NabakwaMthathe bavume 12 Ukuthi usuke wabenzakalisa, 13 Kungabe uyisithunywa sikaSathane 14 Noma uthunywe ngoMkhulumkhulu? 2.1 Gagula uhlobo lwesifengqo olutholakala emgqeni woku-1 bese unikeza incazelo yaso. (2) 2.2 Chaza kafushane ngamaphuzu AMABILI umqondo oqukethwe wumugqa wesi-4 ukuya kowesi-5. (2) 2.3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa umbuzombumbulu emgqeni wesi-8 obhalwe ngokugqamile enkondlweni? (2) 2.4 Ngabe umugqa we-10 kuya kowe-12 ukwelekelele kanjani ukuqonda umoya wale nkondlo? (2) 2.5 Phawula ngempumelelo yembongi ekusethuleleni indikimba kule nkondlo. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. IDWALA LIKASHAKA – JM Sikakane 1 Yidwala likaShaka 2 EliseSibubulungu, 3 Elahlul' abelungu, 4 Ukuliqhephula 5 Yidwala likaShaka 6 Elengamel' ulwandle 7 Kuhle kwenkos' imele 8 Imikhosi yempi. 9 Yidwala likaShaka, 10 Elabikezel' umLungu, 11 Nempela wathi lungu 12 Emanzin' olwandle. 13 Yidwala likaShaka, 14 Elalibuk' amabutho 15 Ezam' ukwenz' ufutho 16 Kumadlamb' olwandle. 17 Yidwala likaShaka 18 Eligezw' amagagasi, 19 Won' adl' aMaqaqasi 20 Ejutshwa yiLembe. 21 Yidwala likaShaka 22 Eliyisisekelo. 23 Liseyisizekelo 24 NgoShaka kashayeki. 3.1 Hlobo luni lwesifengqo olubhalwe ngokugqamile ebinzeni loku-1? (1) 3.2 Chaza kafushane umqondo oqukethwe yibinza lesi-3. (3) 3.3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa i-enjambamenti etholakala ebinzeni lesi-4? (2) 3.4 Chaza ukuthi amagama asetshenziswe yimbongi emgqeni we-14 kuya kowe-15 akwelekelele kanjani ekuqondeni umoya wale nkondlo. (2) 3.5 Phawula ngempumelelo yembongi ekugqamiseni indikimba yale nkondlo. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. UCU OLUMHLOPHE – CT Msimang 1 Kwakhethw' uzi oluwusinga lobumhlophe; 2 Kwaqokw' ubuhlal' obugabis' ubumhlophe; 3 Yeka leyo minjunju yothando kutshutshwa, 4 Luny' uhlamvu lwesiqalo nolwesiphetho, 5 Lolu cu alunasiqalo nasiphetho. 6 Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi; 7 Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi; 8 Lungumhlanganisi kanye nomxhumanisi, 9 Luyisibopho sezifungo isibili; 10 Luyisizinda sezinhliziy' ezimbili. 11 Uzi oluhlanganise la maqanda wolwazisa, 12 Ungaluphatha gadalala luyogqashuka, 13 Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka, 14 Kochitheka uphoko lwakwamfazi! 4.1 Gagula isifengqo esitholakala emgqeni wesi-4. (1) 4.2 Chaza kafushane ukuthi isetshenziselweni imvumelwano etholakala emgqeni wesi-8 kuya kowe-10. (3) 4.3 Ngabe isenzasamuntu esitholakala emgqeni wesi-6 sinamthelela muni ekuqondeni kwakho le nkondlo? (2) 4.4 Ucabanga ukuthi uthini umyalezo oqukethwe yibinza lesi-3? Sekela impendulo yakho. (2) 4.5 Hlaziya ngokuhlolisisa isigqi sale nkondlo. (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential NENKONDLO ENGAMISELWE (Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo) UMBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. YEBO-KE NSIZWA – GC Nyanda no JJ Thwala 1 Yebo-ke nsizwa ngiyezwa, 2 Uqephuqephuza uzihaya, 3 Uncoma ubuhle ubabaza ubuhlakani, 4 Uhluphekile impela ngiyezwa, 5 Ukhalo kuseyilo, izintaba namathafa. 6 Nyakenye wabe uhuba ingoma efanayo, 7 Nonyak' usungibophela amanqinenyathi, 8 Angigqiziqakala angigubhazeli, 9 Bebelapha noNonyoni, 10 Kuphel' umbhongo bedlula. 11 Noma ngingenawo amandla, 12 Noma ngingenawo umphimbo wokumpongoloza, 13 Ngilingise wena ontazayo, 14 Ude ushaya umlozi wakho, 15 Lalela-ke nansi eyami ingoma: 16 Noma ngabe ngiyisipompolo setshitshi, 17 Noma ngabe ngingumjendevu weqele, 18 Ukuphila kwakho akukho kweyam' inhliziyo, 19 Angivunulelanga ukuhuha wena. 20 Isigege sami singebe isidwaba, 21 Eyam' impithi ingegqunywe ngesicholo, 22 Obam' ubuhle obukududuza uKhathazekile, 23 Ethi laph' engibona uSokudabuka amamatheke, 24 Soze wakhela ngamaqubu ami nsizwa, 25 Ngiyithemba le nduduzo kaSobantu. [Icashunwe: Intathakusa, GC Nyanda no JJ Thwala] 5.1 Tomula imvumelwano etholakala emgqeni wesi-3 kuya kowesi-4 bese usho uhlobo lwayo. (2) 5.2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kwesikhawu/isizura ebinzeni loku-1. (2) 5.3 Chaza ngokusetshenziswa kokuxhumana okutholakala emgqeni we-11 kuya kowe-12. (2) 5.4 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa amagama adwetshelwe atholakala emgqeni we-16 nowe-17? (2) 5.5 Phawula ngempumelelo yembongi ekudluliseni umqondo oqukethwe ibinza lesi-3. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Khetha uhlobo OLULODWA lombhalo phakathi KWENOVELI NOBUCIKO BOMLOMO, uphendule ngokulandela imiyalelo enikiwe. INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Ukuzikhethela impilo othanda ukuyiphila kubalulekile ukuze ungabi nokuzisola kusasa. Hlaziya ngokuhlolisisa lesi sitatimende ubhekise kokwenzeka kule noveli. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 7 (UMBUZO OMFUSHANE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA A Kayikho into okwakuvuma ukuba ayenze uXolani. Kuyo yonke into ayezama ukuyenza, wayevele abone uMahlengi nje lapha phambi kwakhe, emamatheka, ehleka ngesihoshwana sephimbo lakhe elalenza uXolani ezwe kubanda kwamancane, egajwa wuthando okwase kuyiminyaka agcina ukuluzwa. ꞌYinto engizoyithini lena madoda?ꞌ ebalisa ngenhliziyo ebuka iwashi. 5 Walibuka isikhathi eside iwashi, wanikina ikhanda. ꞌHhayi, akekho umasiza, ngizosanganelwa yikhanda uma kuqhubeka kanje,ꞌ esho elinikina futhi ikhanda, ephuma eya emotweni. Wangena emotweni washaya iselula, elokhu eqalaza ukuthi akabonwa muntu yini. Kwathi akasangane uma eselizwa iphimbo likaMahlengi elindonda kamnandi, elisasihoshwana. 10 ꞌSawubona Mahlengi, nguXolani lona.ꞌ Ehlebeza ehefuzela. ꞌNgiyakuzwa Xolani, Kunjani bandla?ꞌ ꞌNgikhona. Nginenkinga lapha,ꞌ esho ngelinokuphuthuma. ꞌInkinga?ꞌ ebuza ngokwexwaya. ꞌYebo. Cha, ungethuki. Inkinga yami ngukuthi bengifisa ukukubona, manje …ꞌ 15 ehefuzela, ephinde eqalaza ukuthi akaqhamuki yini umkakhe amphazamise engakaluphothuli udaba lwakhe noMahlengi. Yavele yamokha ngensini intokazi. ꞌUngihlekiselani kodwa? Usungaze ukubize ngenkinga lokho?ꞌ ꞌKangazi phela ukuthi uma ngicela ukuku …ꞌ 20 ꞌUsungaze ucele? You are always welcome,ꞌ igcizelela ngelichichima injabulo yodwa intokazi. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential ꞌAny time?ꞌ ebuza kuvela elomhlathi. ꞌAny time,ꞌ egegetheka ngebhesi yakhe eyayenza uXolani adunyelwe yikhanda. ꞌSengiyeza-ke. Ngiphatheni?ꞌ ebuza ngelinokungabaza engazi ukuthi intokazi 25 izowuhumusha kanjani umbuzo wakhe. [Isahluko sesi-5:79] 7.1 Chaza umsebenzi womlandi ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 7.2 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU izehlakalo ezaholela ekutheni uMahlengi agcine esethandana noXolani. (3) 7.3 Ngabe amazwi akhulunywa nguMahlengi abhalwe ngokugqamile aveza isimo senhlalo esinjani? (2) 7.4 Qhathanisa uthando uLungile analo ngoXolani nothando uMahlengi analo ngoXolani. (3) 7.5 Uyazwelana nesimo uNkululeko azithola ekuso emuva kokuthi uNontobeko eziphonse emotweni yakhe, yamshayisa? Yikuphi ongakwenza uma ungabhekana nalesi simo? (2) KANYE ISIQESHANA B ꞌKhipha ukhiye wesisefo-ke Hlomuka. Ngifuna imali,ꞌ ekhangeza, esula umjuluko esiphongweni ngesinye isandla. ꞌHawu kodwa Sibalukhulu …ꞌ ezikhalela ngeliqhaqhazelayo, nakuye sekuqala ukujuluka ibunzi. ꞌKangikutshelanga yini ukuthi ngubani uSibalukhulu?ꞌ enxapha, emsikaza ngesibhamu. 5 ꞌHawu, ngemali yami madoda!ꞌ ꞌShesha-ke, kasiyovula isisefo,ꞌ esho embeka isibhamu lapha emhlane emqhuba ngaso. UNgidi usevele wabuna nje, usebonile ukuthi uma engadaza inkani angafa ngomzuzwana nje. Waqhutshwa njalo-ke waze wafakwa ekamelweni, ehlohlolozwa belu. 10 ꞌVula-ke isisefo. Shesha,ꞌ emdondonya ngesibhamu emhlane. Wasivula isisefo uNgidi kuqhaqhazela izandla, kuxega amadolo, sekugobhoza izithukuthuku manje ebusweni. ꞌImali engaka madoda!ꞌ kubabaza uNdumiso encinciza sekuthi akashayeke phansi ngenxa yovalo olubangwa ngukubona imali eningi kangaka angakaze ayibone nhlobo empilweni yakhe. 15 ꞌNgicela ungayithathi yonke Sibalu … ndoda yamadoda.ꞌ ꞌMusa ukudakwa wena. Khipha imali uyifake lapha esikhwameni,ꞌ ekhomba isikhwama sakhe sivele saba sincane kakhulu manje uma esebona le nsavunsavu yemali. ꞌAkusheshe lapho,ꞌ emhahameza ngolaka. Nebala kwashesha lapho, wayifaka uNgidi imali, kuduma ikhanda, kumcacela nokho ukuthi akukho nto angayenza. 20 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 'Sesigcwele isikhwama,' esho eneka izandla. 'Nx! Yinto engizoyithini lena?' kucasuka uNdumiso ekluluza kabi uNgidi sengathi nguyena othe akaphathe i-briefcase encane. Washeshe wabona nokho uNdumiso ukuthi umhobholo usungaze umenze athole amathonsi abanzi. [Isahluko sesi-8:122–123] 7.6 Shono isigameko esiyisingeniso sale siqeshana. (2) 7.7 Chaza kafushane izenzo zomlingiswa onguNdumiso ukuthi zimveza engumlingiswa onjani. Bhekisa impendulo yakho kulesi siqeshana. (3) 7.8 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguNyambose? (2) 7.9 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaNgidi ukuba akamxoshanga uMhlengi? (3) 7.10 Phawula ngempumelelo yombhali ekuphetheni le noveli. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential UMBUZO 8 (UMBUZO OMUDE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Ukuzikhethela impilo othanda ukuyiphila kubalulekile ukuze ungabi nokuzisola kusasa. Hlaziya ngokuhlolisisa lesi sitatimende ubhekise kokwenzeka kule noveli. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 9 (UMBUZO OMFUSHANE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA C Esozela uNomvula uChule wamkhombisa ikamelo lokulala alibiza ngelakwakhe. Lalikhona phezulu esitezi, likufanele ukuba ngelikamengameli wezwe noma inkosi nendlovukazi yayo. Wathothobala uNomvula. Kunokuba ajabule wazeya, wazizwa eyize nezimali zakhe ebuka imbadlambadla yombhede, nekhabethe elinezibuko, nesihladlwana esincane esasimbala ufana nekhanda lombhede, nomsakazo 5 nomabonakude. 'Ngisayogeza ezansi Chule.' 'Qha, uyokwenzani ezansi ikhona nje indawo yokugezela lapha? Nansi,' emkhombisa udonga olwalunoxhaxha lwezivalo athi akavule esinye sazo. Wasivula kwavela enkulu indlu eyayihlanzekile, imanyazela ngamathayela phansi 10 nasezindongeni. Yayinobhavu oyimabuli, usendaweni ephakeme, kucacwa nje ngezitebhisi uma kuyiwa kuwo. Isethi yonke yendlu yangasese neyokugezela yayiphelele, kukhona nezibuko, newashi odongeni, nezimbali, nezitudlwana zokuhlala obezibhucunga esezesula. Ngisho kwaDicey kwakungekuhle kanjeya. Konke lokhu enhliziyweni yakhe 15 kwakumhlahlamelisa ngezicolo zokuhlonipheka uChule. UNomvula wacela izimpahla zakhe efuna izimfanelo zokugeza. UChule wamphendula ngokuvula esinye sezivalo zamakhabethe ayekhelwe odongweni. Wakhipha amathawula amasha namashidi ayesanuka isitolo wamnika, wamshiya engena ebhavini. Wazibhuxunga ngezinsipho ezinezindophi. Esekulowo bhavu owawuthi 20 awulingane nedamu lokubhukuda, unompompi abayinsontensonte ecwazimulayo, bemadlebe, beyizisefo, wavulela namanzi ashisayo, wazithela ngesineke. Waqeda wagcoba, wazishaya embhedeni. 'Phumula Nzima omuhle. Ngeke ngikuphazamise. Ngiyazi usazilile ngenhliziyo. Nokulala ubuthongo behle kade wagcina uphazanyiswa yizinxushunxushu zomcebo.' 25 Ehlala eceleni kwakhe. [Isahluko se-17:165] 9.1 Chaza umsebenzi womlandi ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 9.2 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU izehlakalo ezaholela ekutheni uChule agcine esehlala noNomvula. (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 9.3 Ngabe amazwi akhulunywa nguChule abhalwe ngokugqamile asivezelani mayelana nesimo senhlalo? (2) 9.4 Qhathanisa uthando uChule analo ngoMirriam nothando uGenyeza analo ngoMirriam. (3) 9.5 Uyazwelana nesimo uMaHadebe azithola ekuso sokulahlekelwa nguMahuzu ngenkathi emthume kuNomvula? Yikuphi ongakwenza uma ungabhekana nalesi simo? (2) KANYE ISIQESHANA D 'Ungaqali ngokungivusela umhlwenga fanyana ngoba uzokhathala. Baningi ababehalazela njengawe kodwa namuhla asebeyizinyonga. Uzongisiza-ke wenze lokhu engikushoyo. Kusukela manje Usuwugqayinyanga ozohlaba umkhosi uma seliza leli qaba elinguGenyeza.' Wathula isikhashana uHlulintombi embuka wayesethi, 'Yishwa lami yini? Ngilingwa 5 ngomuntu omdala owumfundisi.' Wamhola wamkhombisa ngomunwe umnyango wendlu kaMirriam. 'Ngizokuholela amarandi angamashumi amahlanu ngobungqayinyanga.' 'Cha ngeke ngikwenze lokho. Wena ufuna ukungibona ngibulawa wuNtshangase.' 'Kulungile-ke, uzowenza mahhala lo msebenzi, uyathanda awuthandi. 10 Uyabona-ke ntanga, uzohlala lapha eduze komnyango wendlu kaMirriam uqaphe. Angifuni wehlukane namehlo ami ngoba uyimpimpi.' Ngokucasuka uHlulintombi wathi, 'Uma ungibheka nje wena ngifanelwe ukuba yintanga yamakhehla?' 'Ho, ho, ho,' ehleka uChule, 'kukhona ongakwazi. Uyabona fanyana kuseThekwini 15 lapha. Ungabolokotha ucabange ukuthi uhlakaniphile wedwa. Kumbe uzikhohlisa ngokuthi asazi ukuthi wena weshela uMirriam mhlawumbe ocishe alingane nonyoko. Wenza uGenyeza isiwula sakho.' 'Khehla ungabothi uma unemikhuba ucabange ukuthi sinayo sonke.' 'Yehlisa ijubane ndodana ngoba uzokhathala.' Wafaka isandla ekhikhini elingaphakathi 20 lebhantshi sabuya namaphepha awavula. Wahosha elilodwa elalithwetshulwe ngomshini wamnika ethi, 'Nansi ikhophi yencwadi ebhalwe uwe mathupha weshela uMirriam. Ngiyithole esikhwameni sakhe. Maningi amanye amakhophi engiwenzile. Enye yawo ngizoyinika uGenyeza uma uqhubeka nobuwula oyibona.' [Isahluko sesi-9:80–81] 9.6 Shono ukuthi ludalwa yini udweshu olutholakala kulesi siqeshana. Bhekisa impendulo yakho ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 9.7 Chaza kafushane ukuthi izenzo zomlingiswa onguHlulintombi zimveza njengomlingiswa onjani ngokwalesi siqeshana. (3) 9.8 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguDaffo ekuqaleni kwale noveli? (2) 9.9 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaMeyili ukuba akamxoshanga uNomvula? (3) 9.10 Phawula ngempumelelo yombhali ekuphetheni le noveli. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential UMBUZO 10 (UMBUZO OMUDE) KUNJALO-KE – ME Wanda Ukuzikhethela impilo othanda ukuyiphila kubalulekile ukuze ungabi nokuzisola kusasa. Hlaziya ngokuhlolisisa lesi sitatimende ubhekise kokwenzeka kule noveli. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 11 (UMBUZO OMFUSHANE) KUNJALO-KE – ME Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA E Ngenkathi engena ekilasini uthishanhloko, akazange amfice uthisha uMoloi. Wathi uma ebuza kubafundi ukuthi ukuphi uthisha, bathi abamazi futhi bathi akazange angene ekilasini labo. Waphuma engena emakilasini uthishanhloko, kodwa lutho ukutholakala uthisha uMoloi. Kwathi noma ebuza kwabanye othisha ukuthi abazange yini bona bambone, nabo balandule impela. Kwahluleka ngisho sekuyobhekwa 5 ekotishi, kodwa do ukutholakala. Kwathi ngesikade isikhathi kwaqhamuka umfundi owayesanda kufika nje wathi umbonile uthisha uMoloi egibela ithekisi elibheke eSiphingo. Kwazimuka ikhanda kuthishanhloko. 'Mh, useshaye wachitha ebalekela la mahlazo akhe! Ayikho kodwa impunga yehlathi.' UThishanhloko wabuyela ehhovisi lakhe ukuyobikela abazali bakaDumazile ngalesi 10 simanga. 'Indaba ithi ingaba nkulu ingazekeki! Uthisha uMoloi akasabonwa nangalukhalo. Sengimbheke yonke indawo kodwa lutho ukumthola. Kuyacaca ukuthi igazi limtshelile, washaya utshani.' 'Awu Nkulunkulu wami, bengivele ngishilo kodwa! Uyabona-ke Majwara? Akasekho lo 15 muntu!' 'Yehlisa umoya MaNdovela. Yehlisa umoya mfazi kaKheswa. Uyabona manje akusafuneki ukuba sixhamazele. Kufanele ukuba lolu daba siyolwethula emaphoyiseni ukuze siboshwe isigebengu lesi.' UMaNdovela naye abone ngaso linye noMaJwara. 20 Akabanga esachitha sikhathi, wathata wathi: 'Thishomkhulu, sizithola siphoqekile ukuba siyobika emaphoyiseni. Ayikho futhi enye indlela sukumani sihambeni makhosikazi!' Asho maqede bathi lacu. [Isahluko sesi-3:43-44] 11.1 Chaza umsebenzi womlandi ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 11.2 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU izigameko ezaholela ekutheni uthisha uMoloi agibele itekisi. (3) 11.3 Chaza isimo senhlalo esitholakala kulesi siqeshana. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 11.4 Qhathanisa uthando lukaMoloi analo ngoMisi Hlophe nothando lukaMoloi analo ngoDumazile. (3) 11.5 Uyazwelana nesimo uMaNzimande azithola ekuso sokushiywa nguSithole? Yikuphi ongakwenza uma ungabhekana nalesi simo? (2) KANYE ISIQESHANA F 'Kanti wena uphuma ngasikhathi sini emsebenzini?' 'Ubuzelani?' esho uDumazile esebiphe esengubani! Izinhlonze seziyimivingqi esiphongweni. 'Ngisho ngoba angisaqondi nqindi nasibhakela manje. Namhlanjena usheshile ukubuya. Izolo uphuzile ukufika, wafika sengilele, wabuye wahamba ngingakavuki. 5 Kuthangi awubuyanga kwanhlobo. Ngabe sengishaya ucingo ngibuza esibhedlela ukuthi bakubambise i-ova yini, kodwa baphika. Sekuyangicacela-ke manje ukuthi kukhona lapho wena wawukade uye khona.' 'Ungabozixaka uzixukuze ngami. Mina ngiyisosha elizikhuzayo. Angithi uyabona lapha emunweni wami ukuthi angifake lucingo lwamuntu? Khohlwa-ke wukunakana 10 nentombi kaNozulu nesikhathi efika ngaso.' Wajuluka bume uSithole uma ecabanga ukuthi yini lena emvelelayo. Wehlisa umoya. Wacabanga: 'Kusho ukuthi uDumazile ufuna ukuba sishade naye ukuze ngikwazi ukuba nezwi kuyena. Nakhu ekhala ngobungekho bendandatho emunweni. Ehhe kusho lokho. 15 Uyawufuna umshado.' Washo kwezakala: 'Kuzofanela siye kini siyohlela usuku lomshado.' 'Ini? Ushade nobani? Angithi wena uyindoda kaMaNzimande?' Aqale athule uSithole. Wabe esezwakala ethi: 'Ngizozama ukumdivoza uMaNzimande.' 'Uyakwazi ukudivosa ukuthi kubiza malini? Ngiyabuza, uyakwazi? Wawuhlaleleni 20 ungamdivosi uMaNzimande? Sekuthi ngoba sewunguLazaru sewubona kufanele ukuba udivose? Phinde, phindela kuyena!' 'Ukhuluma kanjani uma ukhuluma kanjena mntakwethu?' kubalisa uSithole ezama ukuzehlisa ngoba eyibona seyiqonge kakhulu intokazi lena. 'Angiseyena umntakwenu mina. Sengizitholele i-boyfriend ethi mina!' 25 [Isahluko sesi-7:122–123] 11.6 Shono ukuthi ludalwa yini udweshu lwangaphandle olutholakala kulesi siqeshana. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 11.7 Chaza kafushane izenzo zomlingiswa onguDumazile ukuthi zimveza njengomlingiswa onjani. Bhekisa impendulo yakho kulesi siqeshana. (3) 11.8 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguMthovovo kule ndaba? (2) 11.9 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaMtalaselwa ukuba walalela uMaShandu ngenkathi emyala ngoDumazile? (3) 11.10 Phawula ngempumelelo yombhali ekuphetheni le noveli. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential UMBUZO 12 (UMBUZO OMUDE) IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Ukuzikhethela impilo othanda ukuyiphila kubalulekile ukuze ungabi nokuzisola kusasa. Hlaziya ngokuhlolisisa lesi sitatimende ubhekise kokwenzeka kule noveli. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 13 (UMBUZO OMFUSHANE) IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA G Kwathi xhifi kuPoppie ezwa elaseShowe. Wakhumbula ukuthi isitimela saseShowe sisuka kwesikabhadakazi eThekwini nokuthi namatekisi aya eShowe avama ukugcwala kabi. Wakhumbula ukuthi umalume kaBafana akathandi ukuhamba ngamatekisi ngoba usakholwa yisitimela, futhi akezwani neze nabantu ababhemayo. Njengoba ethola lo mbiko walo mfana waseShowe kwabuya kuye isithombe 5 sikamalume kaBafana ehleli esitesheni ilanga lonke elinde isitimela. Mhlawumbe umvangeli waseShowe wayezifundela iBhayibheli khona laphaya esiteshini, noma wayelibele ukuhuba izingoma zesonto. Izandla zikaPoppie zavula ibhuku waqala wafunda kulo ngalo mfana waseShowe anduba aphendule unesi. Noma wayenduluza nje ebhukwini, wathatha wathi, 'Nesi Jali lesi siguli saseShowe sigula kabi. Make 10 ngiyokudla. Ngothi ngingadla, ngiqale ngayo. How is that my dear?' Washo uPoppie wathi lacu wakhipha isikhwama sakhe ekhabetheni, isandla saphuthaza kabili kathathu sabuya nesibuko kanye nesipendazindebe esibomvu sagazi lembungulu. UPoppie wabamba isibuko ngesandla sobunxele wase edlalisa isipendazindebe ngesandla sokudla. Ebona ukuthi unesi Jali akahambi, wema ukwenza ubuso kancane uPoppie 15 wathi, 'Yini manje nesi Jali?' 'Bengithi mhlawumbe umathiloni angadlula nje ngase-H uma eseya edineni.' 'Impossible my dear' kusho uPoppie elungisa ibhande leyunifomu yakhe. 'Kufanele ngidlule kumathiloni Dladla le e-6A. Ungatatazeli nesi Jali uzokhathala. [Isahluko sesi-4:55–56] 13.1 Chaza umsebenzi womlandi ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 13.2 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU isigameko esaholela ekutheni unesi Jali angahambi uma ekhuluma noPoppie kulesi siqeshana. (3) 13.3 Ngabe amazwi akhulunywa nguPoppie abhalwe ngokugqamile akhombisa isimo senhlalo esinjani? (2) 13.4 Qhathanisa uthando lukaBafana analo ngezingane zikaPoppie nothando analo ngezingane zikaMaMthunzi. (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 13.5 Uyazwelana nesimo uMelody azithola ekuso sokuthola izingane engashadile/esemncane? Yikuphi ongakwenza uma ungabhekana nalesi simo? (2) KANYE ISIQESHANA H ꞌUyithatheleni imoto kathisha ungayicelanga?ꞌ ꞌUbengeke anginike ukube ngiyicelile. Kodwa kungakuhluphi ukuthi ngihambe ngemoto kaMiss Hawkins. Phela bengizohelela. UMiss Hawkins ungithuma njalo ukuba ngimenzela lokhu nalokhu okungathi mina ngiyisisebenzi sakhe. Namuhla ngithe make ngithathe ibhonasi ngalokhu kungithuma kwakhe. Futhi naye ngimtshelile ngenkathi 5 ngibuya ukuthi ngiyithatheleni imoto yakhe. Nothish'omkhulu ubengakwazi lokho ukuthi mina ngiyibhoyi lika Miss Hawkins.ꞌ ꞌUMiss Hawkins akakuthumi ngoba ethi uyibhoyi lakhe. Ukuthuma ngoba nakhu uyingane. Abantu abadala bayazithuma izingane, bezithuma kufanele ngoba bona bebadala.ꞌ 10 UMiss Hawkins ngumLungu. Akangithumi ngoba ngiyingane. AbeLungu basithuma thina ngoba bona bengabeLungu. Ngiye ngibone khona laphaya edolobheni abeLungu bethuma amadoda amadala, ayi ngoba bona bebadala, kodwa nje ngoba bona bengabeLungu. Mina-ke angenziwa njalo. Ngiqala manje ngiyenqaba ukuthunywa ngabeLungu. Wena baba ungakhathazeki ngezindaba zethu noHawkins.ꞌ 15 ꞌNgingathini ukuba ngingakhathazeki ngazi ukuthi usemgwaqweni ngaphandle kwelayisensi yokuqhuba imoto?ꞌ ꞌKulungile ngiyaxolisa ngokuthi ngishayele imoto nginganamalayisense, kodwa angikuxoliseli ukuthatha imoto kaMiss Hawkins ngingayicelanga. Kuningi abeLungu abakuthatha kithi bengakucelanga. Angikholwa ukuthi leli zwe balicela abelungu kithi 20 njengoba kusho uMiss Hawkins. Angikholwa ukuthi kungabe futhi bafika nalo leli zwe nezinkomo lezi thina esesiqhamuka ngokuba sizozeba njengokusho kwemibhalo ka Miss Hawkins.' [Isahluko sesi-7:117–118] 13.6 Shono ukuthi ludalwa yini udweshu lwangaphandle olutholakala kulesi siqeshana. (2) 13.7 Chaza kafushane izenzo zomlingiswa ongu-Euthenasia ukuthi zimveza njengomlingiswa onjani. Bhekisa impendulo yakho kulesi siqeshana. (3) 13.8 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguMadonsela kule noveli? (2) 13.9 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaBafana ukuba akamlalelanga uMaMsibi ngenkathi emyala ngokuthi aye eMpaphala? (3) 13.10 Phawula ngempumelelo yombhali ekuphetheni le noveli. (3) [25] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential UBUCIKO BOMLOMO: UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba Phendula umbuzo OWODWA. UMBUZO 14 (UMBUZO OMUDE) Ubuciko bomlomo bungenye yezindlela zokufundisa, ukuxwayisa kanye nokudlulisa umyalezo. Fakazela lesi sitatimende ngokucaphuna izibonelo ezinembayo kulobu buciko bomlomo. Inganekwane: 'Ikhubalo likaFukwe' Izibongo: 'Izibongo ZikaGcina Mhlophe' Ihubo: 'Awuqiqe Umthwalo' Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390 sekuhlangene impendulo yenganekwane nezibongo. ISIQESHANA I IZIBONGO: IZIBONGO ZIKAGCINA MHLOPHE 1 Isihlahla somdlebe esimayikayika, 2 Esiyikazela ngezinhlobonhlobo zezithelo, 3 Ngoba siyikazela ngobuhle be-Afrika. 4 Usihlahla esigabe ngezithelo zaso, 5 Umkhiwane omuhle ongenazimpethu 6 Eminye yoniwa zibungu. 7 Abadla kuso abadeli, 8 Nezithelo zaso azipheli. 9 Usihlahla abaphumula kuso 10 Bamila izimpande 11 Isihlahla esikhulise 12 Safukamel' izinyoni zase-Afrika, 13 Saye safukamela nezinyoni 14 ZamaJalimane namaNtaliyane, 15 Abadala nabancane bethi sixoxele. 16 Isihlahla abasibone eLandane basichelela 17 NaseNyuvesi yaseThekwini basivukuzela 18 Isihlahla esimpande zaso zisabalele 19 Zinabele kwejulile 20 Imithombo. 21 Amaqabunga aso 22 Akhephuzela uthando, 23 Sithe singesakwaMhlophe 24 Samane sabamhlophe 25 Siphethe okumhlophe! [Ikhasi 127] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential ISIQESHANA J NEHUBO: AWUQIQE UMTHWALO AWUQIQE UMTHWALO IGOSA: Awuqiq' umthwalo ABAVUMAYO: Awuqiq' umthwalo lo IGOSA: Umthwalo ABAVUMAYO: Umthwal' awuqiq' um … IGOSA: Awuqiq' umthwalo ABAVUMAYO: Awuqiq' umthwalo [25] NOMA UMBUZO 15 (UMBUZO OMFUSHANE) INGANEKWANE: 'INGWENYA EDLA UTSHANI' Fundisisa lesi siqeshana senganekwane esilandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela. ISIQESHANA K Umxoxi: Kwesukasukela... Abalaleli: Cosu! Izinto zazingamhambeli kahle uMazinyo, ingwenya endala eyayihlala echibini. Umashayandawonye wawudlala ngaye. Inkinga yakhe kwakungukuthi zonke izilwane zazingasayingeni eyokuphuza echibini. Ichibi leli kwakuyindawo lapho uMazinyo 5 ayezibambela khona izinyamazane zakhe uma zithi ziphuza amanzi. Engabe zase ziphuza kuphi lezi zilwane? Izilwane ndini zase ziphuza emakhaya azo, sezinompompi bamanzi ngenxa yempucuzeko. Izinkawu kuphela ezase zifika ziyophuza echibini kodwa nazo zazingasondeli eduze. Zazifika ziphonse ipayipi bese zimunca amanzi zibuqamama. 10 ꞌYimihlola!ꞌ Wakhononda uMazinyo. ꞌKanti impucuzeko injena? Yindlala yodwa?ꞌ wazibuza ezamula kabili, kathathu, kwaze kwakhala izikelemu esiswini sakhe. Yazamula yaze yaphathwa yisiyezi into kaMazinyo. Kwaqhamuka okuyinkawana kwafike kwaphonsa ipayipi, kwamunca amanzi. Kwathi makaqhume ukudinwa uMazinyo, kodwa wazibamba. 15 ꞌKodwa Nkawana sewungaze ube yivaka kangaka ngikwethembile!ꞌ kwabubula uMazinyo. ꞌUhambe kabi Mazinyo, ngeke ungithole. Ukube nginguwe ngabe ngizidlela utshani,ꞌ yasho inkawu yashaya isishwapha sayo yasithela ezihlahleni. UMazinyo waphuma echibini wathi ukulula imicondo yakhe. Wathi uma ephonsa 20 amehlo ngaphesheya wayibona impala ikha amanzi empompini. Wakhumbula amazwi enkawu, ꞌukube nginguwe ngabe ngizidlela utshani.ꞌ Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential Ngokuphazima kweso, uMazinyo wacabanga isu. Wamemeza, ꞌWe mngani wami Mpala! Uyayibona ukuthi imnandi kanjani impucuzeko? Awusadingi ngisho ukuyophuza echibini elingcolile. Mina impucuzeko ingisize kabi. Angisayilokothi 25 inyama. Asisekho isidingo sokucathamela izilwane zeNkosi. Ngiyincwasimende manje. Sengiphucuzekile, sengidla utshani nemifino!ꞌ Impala yamisa amadlebe ukuze izwisise kahle. ꞌAwuphinde, uthini?' yasho ibuza. [Ikhasi 76–77] 15.1 Gagula isizinda sale nganekwane ngokwesikhathi. Bhekisa impendulo yakho kulesi siqeshana. (1) 15.2 Chaza kafushane ngezinto ezabe zenza uNkawana eluleke uMazinyo ngokudla utshani ngokwakulesi siqeshana. (2) 15.3 Qhathanisa umsebenzi womlandi otholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana kanye nalowo osesiphethweni sale nganekwane. Bhekisa kumlingiswa onguMazinyo. (3) 15.4 Chaza ngokusetshenziswa kwengwijikhwebu etholakala kule nganekwane. (2) KANYE INGANEKWANE: 'UNONSIKELELO' Fundisisa lesi siqephu senganekwane esilandelayo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA L 'Ukhona umuntu okade elapha. Nginesiqiniseko salokho. Angazi ngoba sakuyala kahle ngesikhathi sikuthola ukuthi ungavumeli muntu ozongena lapha ngaphandle kwethu,' lasho ngokuthukuthela elinye izimu. Amazimu ajezisa uNonsikelelo ngokunquma umsila wengubo yakhe, abuye amsusa embhoshongweni ayomhlalisa phakathi kwehlathi lapho engazi khona. Amazimu 5 athatha umsila wengubo ahamba nawo. Wahlala enesizungu uNonsikelelo ngoba engasavakashelwa yinkosana. Ngelinye ilanga elinye lamazimu lagibela embhoshongweni ngobukhulu ubuhlakani. Lathi lisahleli selifikelwa ubuthongo, lethuswa umsindo womculo. ꞌNonsikelelo! Nonsikelelo! 10 Nkosazana yehlathi, Siphalaphala esibambezela umuntu emuka namanzi. Yehlisa umsila wengubo!' Lathuka kakhulu, lasukuma lalunguza ngobunono. Lawehlisa umsila wengubo kaNonsikelelo izimu. Wehlika kancane waze wayothi cababa phansi njengasemihleni. 15 Yabambelela indodana yenkosi, yakhuphuka. Yathi seyizongena embhoshongweni, izimu lalunguza ngefasitela. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential ꞌMameshane! Ngumuntu!ꞌ Lasho izimu likhuluma lodwa futhi lithukile. Dedeliyane umsila, indodana yenkosi yaphahlazeka phansi. Yashayeka ngobuso yaquleka. Yaphaphama ngemuva kwesikhashana.Yahamba iduka nehlathi ingazi ukuthi iyaphi. 20 Kwezinye izindawo yayijika iphindele emuva ngoba izwa umsindo wokugobhoza kwamanzi. Yahamba yehla yenyuka inkosana yaze yafika lapho uNonsikelelo elahlwe khona ngamazimu. UNonsikelelo wayibona inkosana wazama ukucasha ngoba engafuni ukuthi imbone. Wayecabanga ukuthi inkosana izothi ayisafuni lutho oluyihlanganisa naye. Ukuzama ukucasha kukaNonsikelelo akusizanga ngoba 25 inkosana yayivele isimbonile. Yajabula kabi inkosana ibona uNonsikelelo. Yathi njengoba yayithembisile, izomkhipha kulolo sizi ayekulo ihambe naye iye esigodlweni senkosi ukuze abe yinkosazane yesigodlo. Inkosana yathatha uNonsikelelo yahamba naye yaya esigodlweni senkosi yafika yashada naye. Kwathi ngokufa kwenkosi, inkosana yaba yinkosi yesizwe, uNonsikelelo 30 yena waba yindlovukazi. Baphila bejabulile zonke izinsuku zokuphila kwabo. Umxoxi: Cosi, cosi iyaphela. Abalalele: Yaze yamnandi le ndaba! [Ikhasi 41] 15.5 Nikeza OKUKODWA okutholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana okuveza ukuthi lo mbhalo uyinganekwane. (1) 15.6 Chaza kafushane ngokwenza amazimu ajezise uNonsikelelo. (2) 15.7 Ucabanga ukuthi kungani umxoxi asebenzise isu lokuphindaphinda iculo elitholakala kule nganekwane? (2) 15.8 Phawula ngempumelelo yomxoxi ekwethuleni isulubezi kule nganekwane. (2) KANYE Fundisisa la mabinza acashunwe ezibongweni, emahubeni kanye nasezishweni bese uphendula imibuzo ezolandela ngezansi. ISIQESHANA M IZIBONGO: IZIBONGO ZENKOSI UDKT. SIBONGILE ZUNGU 1 Injini kagandaganda omanxakanxaka 2 Oth' ushayiswa umuhluzwa 3 Kwafana nokuthela amanz' edadeni; 4 Igiya eliya phambili liyangena 5 Eliy' emuva alingeni. 6 Ugandaganda omagiy' aya phambili, 7 Ugandaganda ongayi emuva. 8 Isihlahl' esigabe ngezithel' ezimnandi 9 Inguduza edukuze efwini kwakhanya 10 Yakhomba indlela kwabona nemvukuzane. 11 Zachwensa izichwensi zokuchwensa 12 Badelel' abazazi bona, 13 Wagwiny' amathe, uDokotela, 14 Wakhwehlela kanye, zehla izihlathi. [Ikhasi 123] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential ISIQESHANA N IHUBO: SENZENI Igosa: Senzeni na? Abavumayo: Senzeni na? Senzeni na? [IKhasi 151] KANYE ISIQESHANA O ISISHO Ukuba umtshingo ubethwa ngubani. INCAZELO: Ukuba ngumuntu ongenamuntu azothola kuye usizo/ukuba yintandane/ukuba sesithubeni. 15.9 Nikeza okufanayo okuqukethwe umugqa wesi-4 kuya kowesi-7 ezibongweni ezingenhla. (2) 15.10 Qhathanisa izenzo zenkosana enganekwaneni ethi, 'uNonsikelelo' nalezo 'zeNkosi uDkt. Sibongile Zungu' ezikulezi zibongo ezingenhla. (3) 15.11 Chaza ukuthi ihubo elithi, 'Senzeni' lixhumana kanjani nenganekwane ethi, uNonsikelelo. (2) 15.12 Xoxa ngokusetshenziswa kwesisho esingenhla mayelana nempilo kaNonsikelelo. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 16 (UMBUZO OMUDE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Awukho umuzi ongenazo izinkinga zawo. Fakazela lesi sitatimende ngokucaphuna izibonelo ezinembayo emdlalweni othi, Kudela Owaziyo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 17 (UMBUZO OMFUSHANE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA P (Ntambama, emzini kaChivenga kwaHlomendlini, uChivenga uvakashelwe uHlengiwe. Bahlezi kusofa ekamelweni lokuphola. Bayaxoxa.) HLENGIWE: (uyamoyizela) Ngizwile ngosibhincamakhasana mkhaya ukuthi ubuyile izolo kusihlwa okungangoba busebunye nje kuphela ubusuku osabulale lapha ekhaya selokhu ubuyile. 5 CHIVENGA: (usikhuluma ubukwerekwere isiZulu) Ngibuyile nje lokho okungasho lutho mkhaya, nakuba- ke isimo siya ngokwenyukela nje MaHlengi … HLENGIWE: (umangele) Hhayi bo! Kanti uphume esibhedlela ungakelapheki yini mfowethu? CHIVENGA: (usikhuluma ubukwerekwere isiZulu) Ngiyakubona nje lokho mkhaya 10 futhi-ke angikungqizi qakala ngoba sengicishe ngifinyelele eqinisweni lokuthi kubangwa yini. Okuyiyona nto engiphethe kabi emoyeni Ntombi wukuthi angilalanga neze ebusuku bayizolo, Kwale ngisho sengibuzwa ubuthongo bubaba emehlweni kodwa abangehla ngendlela efanele ngagcina sengilele obenyamazane 15 HLENGIWE: Tshela mina wena mkhaya, bese kuvuke izinhlungu zama ngezinyawo yini lapha esandleni? CHIVENGA: (usikhuluma ubukwererkwere isiZulu) Cha, ngithena ake sibubeke eceleni lokho. Okuyikhona ngempela okubangele ukuba bungehli ubuthongo yileli vumakabili ebelilokhu liqubula izikhawu 20 lapha enhla komuzi … (aphazamiseke) HLENGIWE: (ngezwi eliphakeme, useqwebula amehlo, umangele) Hhayi wena bo! Ivu-maka-bili? Ingani yinyoni yabathakathi nje leyo? CHIVENGA: (sikhuluma ubukwerekwere isiZulu) Nakho-ke njalo ngikulandisa. Inkosi impela angikwazi okufana nalokho mina. Belilokhu liqovumula 25 ivumakabili lansondo kuze kube sengathi libhadla emathunjini. Kuzisho khona phela ukuthi kukhona umuntu kumbe abantu abangangithandi kule ndawo engingathi nje bamelene nami. [Inkundla Yesi-4, Isigcawu Sesi-4: Ikhasi 83-84] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 17.1 Nikeza isizinda sendawo esitholakala kulesi siqeshana. (1) 17.2 Gagula isenzo esikhombisa ukuthi uHlengiwe uyamkhathalela uChivenga ngokwalesi siqeshana. (2) 17.3 Chaza kafushane imbangela yesimo senhlalo esingesihle kulesi siqeshana. (2) 17.4 Chaza isigameko esasifihlelwe umlingiswa onguHlengiwe mayelana noChivenga owayezenza umngani wakhe. (2) 17.5 Qhathanisa isenzo sokushintshwa kwepasi likaHlengiwe kanye nokuvama kwezigameko ezinjengaleso kuleli lizwe. (3) 17.6 Xoxa ngokuthi lalibikezela ini ivumakabili empilweni kaChivenga. (3) KANYE ISIQESHANA Q (Ewadini yimbe esibhedlela KwaDukuza uChivenga ulele ngohlangothi uzwela ubuhlungu. Kuwo lowo mnyama kutheleke uHlengiwe embhedeni kaChivenga ehambisana nomhlengikazi osebenzela kule wadi okungeniswe kuyo lo Chivenga wansondo. Afike amethule esigulini lesi umhlengikazi uHlengiwe lona maqedane abashiye khona manjalo bexoxa.) 5 HLENGIWE: (ubukeka enokudabuka) Mehlo amhlophe sithandwa sami. Ngizwile ngezibuhlungu ezikuvelele yingakho nje sengiqome ukuyishiya yonke imisebenzi yami yosuku emuva ngeza lapha kuwe ukuzokubona. CHIVENGA: (uzinika ubunzima nxashane ekhuluma, wenziwa yizinhlungu) Usebenzile wazongibona mayitukluza yikhona izoke idambe nale 10 minjunju engiphethe. Sewungithobe amanxeba ngokukubona thambo lami le-Kentucky. HLENGIWE: (ngezwi elinozwelo) Khona ngempela-ke uzizwa unjani egazini? CHIVENGA: (uzinika ubunzima nxashane ekhuluma, wenziwa yizinhlungu) Khona akusefani mntakwethu. Amaphilisi kanye nemijovo ngihlangatshezwe 15 ngakho ngisanda kufika, kuwenzile umehluko. Yona ibingishayile le nja enguMemela kodwa-ke sekuyoba ngozimakhaza. Ngicabanga ukuthi kungekudala nje ngizobe sengilukhahlela lolu khukho lokufa maqedane ngivuke ngizicoshe … HLENGIWE: (ngezwi lokujabha) Akube njalo ngempela sithandwa senhliziyo yami. 20 Phela nempilo sengiyizwa inesizungu ngempela sithandwa lapha phandle ngaphandle kwakho, ngakho-ke sengathi iNkosi ingasheshe yenze umusa ithobe lawo manxeba iphinde ibohlise leyo minjunju ebangelwa ukugoklozeka khathi isitha sisina sizibethela kuwe. 25 [Inkundla Yesi-5, Isigcawu Sesi-2: Ikhasi 97–98] 17.7 Nikeza imbangela yesigameko sokulaliswa kukaChivenga esibhedlela ngokwalesi siqeshana. (2) 17.8 Xoxa kafushane ngomoya ovezwa nguChivenga kulesi siqeshana. (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 17.9 Ngabe izenzo ezenziwe nguMdaluli empilweni kaChivenga zimveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (2) 17.10 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguMbhebhezeli kulo mdlalo? (3) 17.11 Ucabanga ukuthi ukube ubunguMdaluli usuphelelwe umsebenzi wawungathatha siphi isisombululo esingemukeleka? Sekela impendulo yakho. (2) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 29 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential UMBUZO 18 (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Asikho isizwe esingabi nezinkinga zaso. Fakazela lesi sitatimende ubhekise kokwenzeka kulo mdlalo othi, Awuwelwa Umngeni. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 19 (UMBUZO OMFUSHANE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA R (Kusenkantolo eMshwathi. Kungena uSalimani. Uphahlwe oMbongolo noNodwengu. Bona balandelwa oMcondo, noGundane, noMcanjana. Bona balandelwa uSikhova ohola uPhehlitshe neZinyathi neMbabhe. UMakhwelantaba uvivi phandle. Onongqayi bayaphithiza. Bayaphuma bayangena. Bayaphambana.) SALIMANI: (ungena nabafowabo uqonda ebhentshini eliphambili.) 5 AMABUTHO: (ahlala kwamanye amabhentshi. UPhehlitshe uma ngezinyawo aqaqele ngezindonga. Kuthule kuthe cwaka.) ONONGQAYI: (kungena iviyo labo lengama iminyango yonke abanye baqaqela phezulu lapho kuhlala khona imantshi uma ithetha amacala.) NONGEJENI: (ungena uqonda kuSalimani. Uyakhuleka. Uyakhothama.) Imantshi 10 ithi angikucele uwakhiphele phandle amabutho akho. (Ukhulumela phansi.) SALIMANI: (enikina ikhanda.) Ngeke ngiwakhiphe. Aphelezela mina. Onongqayi bakhe abathe uthe abongingenisa lapha nengihamba nabo. NONGEJENI: (ethithiza uyaphakama uyophuma. Ukhuluma noNongqayi 15 ukhulumela phansi. Uyaphuma.) SALIMANI: (uhlanganisa amakhanda kuqala noMbongolo, kamuva noMcondo. Bakhulumela phansi.) ZITHULELE: (ungena uholwa onongqayi abangosayitsheni ababili ulandelwa uNongejeni.) 20 UNONGQAYI: Sukumani! ZITHULELE: (uqonda esihlalweni sakhe. Osayitsheni bema ngapha nangapha kukaZithulele. Ngenhlana kwamabhokisi elofakazi nelombekwacala.) NONGEJENI: (uyahlala esihlalweni sofakazi.) ZITHULELE: (uyasukuma esihlalweni wehlela lapho kuhleli ngakhona uSalimani. 25 Ubambelela epulangweni ngezandla zombili uqhweba uSalimani.) SALIMANI: (uyasukuma uqonda kuZithulele.) ZITHULELE: (ekhulumela phansi) Khipha amabutho akho aphumele phandle. (Ukhomba phandle.) SALIMANI: (enikina ikhanda.) Ngeke ngikwenze lokho. 30 [Inkundla Yesi-3, Isigcawu Sesi-4, ikhasi 96–97] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 30 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 19.1 Gagula isizinda sendawo esitholakala kulesi siqeshana (1) 19.2 Nikeza isenzo esikhombisa ukuthi uNongejeni uyayihlonipha iNkosi uSalimani ngokwalesi siqeshana. (2) 19.3 Chaza kafushane ngesimo senhlalo esithokala kulesi siqeshana. (2) 19.4 Chaza isigameko esasifihlelwe amabutho eNkosi uSalimani ngenkathi ekwaVimbingwenya. (2) 19.5 Qhathanisa ubuholi bukaMphiliphili noNomehlo kulo mdlalo. (3) 19.6 Phawula ngesenzo seNkosi uSalimani sokudlulisela icala emajajini aseMgungundlovu. (3) KANYE ISIQESHANA S (Kusenkantolo yamajaji eMgungundlovu. Inkantolo igcwele iyaphuphuma. Ijaji lihleli endaweni yalo ephakeme. Abasizi balo ababili bahleli omunye ngala nomunye ngalena kwalo. USalimani uhleli esihlalweni esiphezulu ngasohlangothini lwabazolalelisa ummangalelwa. UMandiza uhleli esihlalweni esimaphansi phambi kukaSalimani. UNomehlo noMcondo bahleli baphahle uSalimani. UNomehlo ulandiwe esitokisini. 5 UMgqabula uhleli esihlalweni esiphezulu ohlangothini lwabazolalelisa ummangali. UZithulele, uNgoza noMphiliphili bahleli emuva kukaMgqabula. USomtsewu uhleli eduze kukaZithulele. UNongejeni umi kude buduze nejaji. UMshushisi uhleli maphansi phambi kwejaji. Isizwe sikaSalimani sithe shaye emabhentshini emuva kwakhe. Phakathi kwaso naye kuhleli abanye abafowabo nozalo. Onongqayi bami ngaphakathi 10 enkantolo abanye baphahle iminyango yonke ngababili nangabane. Abanye bayaphithiza phandle baqaphile.) IJAJI: (ledlulisela amanye amaphepha kubasizi balo. Lifunda amanye aphambi kwalo litolikelwa.) Icala elizodingidwa licutshungulwe ledluliselwe kule nkantolo yamajaji yinkosi uSalimani. (Liyaqhubeka nokufunda litolikelwa.) 15 Icala lalimangelwe nguMgqabula emangalele uSalimani nabantu bakhe, ethi bahlasela abantu bakhe babashaya babalimaza kabi. (Liyaqhubeka nokufunda litolikelwa.) Inkantolo yaseMshwathi elalithethwa kuyona leli cala yamlahla uSalimani. (Liyaqhubeka liyafunda litolikelwa.) Ngokobufakazi obethulelwa inkantolo 20 ngummangali mhla lithethwa leli cala abantu bakhe babezihlalele bengazelele lutho. Basukelwa abantu bakaSalimani babahlasela. Abantu bakaSalimani (abahlaseli) babeholwa yinduna yakhe uNomehlo. (Liyaqhubeka liyafunda litolikelwa.) [Inkundla Yesi-3, Isigcawu Sesi-4: Ikhasi 108] 19.7 Nikeza imbangela yesigameko sokuba senkantolo kwalaba balingiswa abakulesi siqeshana. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 31 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 19.8 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU okwenziwa iNkosi uSalimani ukuze izwe lakhe oVimbingwenywa noMkhabela bangathathwa nguhulumeni. (3) 19.9 Ngabe izenzo zabafowabo benkosi uSalimani ngesikhathi sokuthethwa kwecala zibaveza njengabalingiswa abanjani? Sekela impendulo yakho. (2) 19.10 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguNongejeni kulo mdlalo? (3) 19.11 Ukuba wawuyinkosi uSalimani ngabe yisiphi isinqumo owawungasithatha emuva kokuthethwa yicala? Sekela impendulo yakho. (2) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 32 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential UMBUZO 20 (UMBUZO OMUDE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Awukho umuzi ongenazo izinkinga zawo. Fakazela lesi sitatimende ubhekise kokwenzeka emzini kaThamsanqa benoPhindisiwe. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 21 (UMBUZO OMFUSHANE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga ISIQESHANA T Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. (UNkululeko unoKholekile enye yezintombi zakhe.) NKULULEKO: (Engena egulukudela emnyango.) Kuhamba kanjani sithandwa sami (Emqabula) KHOLEKILE: Izinto zihamba ngokohlelo ndoda. UPhindisiwe ngimsanganise ngimqedile. Ukholwa yiyona yonke into engiyishoyo. 5 NKULULEKO: (Ehleka kancane) Akusekho ukubuyela emuva kuyena. Le mali kufanele siyithole nakanjani bese sibuya ngapha kuThamsanqa nakuyena senza leso. KHOLEKILE: Ugcine evumile uPhindisiwe ukuthi uThamsanqa akagudluzwe ngoba angeke esaluthola uxolo lwakhe. Ngeke ahlale iminyaka emihlanu 10 yonke nendoda kepha aphume engaphethe lutho esandleni? NKULULEKO: Ngibuya kuyena namanje. Ingqondo yakhe iyazululeka nje. Ngimdonse ngendlebe ukuthi angalokothi enze obunye ubulima ngoba uyodliwa yinhlamvu uma eke wazisa amaphoyisa. KHOLEKILE: Uhlakaniphile phela uPhindiswe ucabanga ukuthi angazosa 15 emlilweni? NKULULEKO: Engikubonile nje ingathi unovalo. Ukukhuluma kwakhe okwakuqala akusafani nokwanamuhla. Ngibonile nangale nkathi ephuma uThamsanqa izinyembezi bezigcwele amehlo. KHOLEKILE: Ngokubona kwakho usefuna ukuguqula umqondo? 20 NKULULEKO: Kunzima ukusho. Into engimtshele yona ukuthi angalokothi enze into ewubulima, uma enza njalo uyasazi isivumelwano sethu. KHOLEKILE: Kangiboni ukuthi angaguqula umqondo. Ngizwile uma ngikhuluma naye ukuthi uzoyenza le nto oyifunayo ngoba ekwesaba futhi esebona ukufa kumcathamela uma angake abhayize. 25 NKULULEKO: Wenze kanjani ukuze akwethembe? KHOLEKILE: Ngingubani kanti mina? Usungikhohliwe yini? NKULULEKO: Phendula umbuzo hhayi le nto ongibuza yona. Phela kufanele siqikelele ukuthi uyalithenga ngokuphelele icebo lethu. Kufanele azi ukuthi ukungena kwethu egodini sihamba naye. 30 [Inkundla Yesi-4, Isigcawu Sesi-2, ikhasi 83–84] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 33 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 21.1 Nikeza isizathu sokuhlangana kukaNkululeko noKholekile ngokwalesi siqephu. (1) 21.2 Shono umsebenzi womlandi otholakala kulesi siqeshana. (2) 21.3 Chaza kafushane imbangela yesimo senhlalo esihle kulesi siqeshana. (2) 21.4 Chaza isigameko esifihlelwe umlingiswa onguSarah kulo mdlalo mayelana nesenzo sikaPhindisiwe sokuntshontsha imali ebhange. (2) 21.5 Qhathanisa isenzo somlingiswa ongumuntu wokuqala nomlingiswa ongumuntu wesibili ngaphandle ebhange ngenkathi oNkululeko bentshontsha imali. (3) 21.6 Uyazwelana yini nomlingiswa onguThamsanqa ngokuthi asheshe athathe isinqumo sokushadelwa uPhindisiwe kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (3) KANYE ISIQESHANA U PHINDISIWE: (Isibhamu simgqolozele emehlweni.) Vula bo mngane wami nguPhindisiwe. (Kuvuleka umnyango) SARAH: Ekuseni kangaka mngane wami uliqhamukisaphi bo? (Izibhamu zimgqolozele emehlweni kuze kuqathake nezibuko akade 5 ezifakile.) Kanti kwe … (Ngokushesha Kungene nezinsizwa ezimbili zimsunduzele kusofa oseduze.) Sssh … (Isibhamu sihlale phezu kwekhala.) Hhawu ningangibulali bafowethu kwenzenjani? MAQOMA: (Ngesikhulu isankahlu lesi.) Nawe ungasichitheli isikhathi. Letha isikhiye sasebhange ungalokothi ubange umsindo uvuse nezingane 10 zilele. SARAH: (Esukuma eqhaqhazela) Yebo … yebo … si … si … sisekamelweni. MAQOMA: Liphi ikamelo lakho, kunobani futhi? Khuluma! SARAH: (Sekuhlengezela izinyembezi. Ekhomba.) Yilona leli esibhekene nalo. Ngicela ninga… 15 MAQOMA: (Emhlala emadevini) Musa ulokhu ukhuluma ngithe kunobani ekamelweni? SARAH: (Ebabaza okomuntu ofuna ukuquleka.) Hhawu Nkosi kanti ngenzeni? (Athuswe yiso likaMaqoma elimgqolozele.) Ngingedwa. MAQOMA: Ukhulumisa okomfazi ogane esithenjini. Uyisotsha elizikhuzayo kanti? 20 Sukuma! (Emuthi gquku ngesibhamu.) SARAH: (Kubophene amadolo) Ye… yebo MAQOMA: (Emgqula ngesibhamu ehamba naye ekamelweni.) Shesha, ungalokhu utatabuka okwesalukazi futhi ungalokothi wenze ubulima umemeze ngoba ngale nto ngiyobusakaza ubuchopho bugcwale indlu, 25 bayothi bekuthola ishoba liyobe lilele umbethe. Akusheshe! SARAH: (Esehlengezela izinyembezi) Ku … ku … kulungile. (Aphuthaze ngezandla ezinedumbe esikhwameni sakhe asithole asinike uMaqoma.) Nasi! MAQOMA: (Esihlwitha) Letha lapha. Phuma. (Amqhube ayomhlalisa kusofa 30 asukume kuwona ngenkathi eyofuna ukhiye.) Niyabona-ke madoda (Ekhomba uKhabalethu) izinto sezime ngomumo-ke manje. [Inkundla Yesi-4, Isigcawu Sesi-4, ikhasi 91] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 34 DBE/Nhlaba/Nhlangulana 2025 SC/NSC Confidential 21.7 Nikeza imbangela yesigameko sokuba kuhlaselwe uSarah ekuseni ngovivi. (2) 21.8 Xoxa kafushane ngomoya otholakala kulesi siqeshana. (3) 21.9 Chaza isenzo sobuqili esenziwe oMaqoma kulesi siqeshana. (2) 21.10 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguMakhangela kulo mdlalo? (3) 21.11 Ucabanga ukuthi yisiphi isisombululo esingaqeda umkhuba wokuthi abantu uma bebuya ejele baphinde benze amanye amacala azobaphindisela khona? Sekela impendulo yakho. (2) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all