Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 2 NSC June 2017 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 12201722 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 2 question paper from the NSC June Exam 2017, 22 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2017

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com GRAAD 12 SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) 2017 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi angama-22. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/2017 SCE IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhla lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B: Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C: Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe ngezansi. ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE – Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE – UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO). • Phendula KUPHELA imibuzo yenoveli kanye neyomdlalo owufundile. • Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukwelekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO • Umbuzo omude ezinkondlweni mawuphendulwe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240. • Imibuzo emide enovelini kanye nasemdlalweni mayiphendulwe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390. • Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi abathemelezi, kodwa baphendula okubuziwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/2017 SCE 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa ISIQEPHU NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/2017 SCE OKUQUKETHWE Leli khasi liyolekelela abahlolwayo ukuba bakhethe imibuzo abazoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. 'Yekanini Ukungazi' Umbuzo omude 10 6 2. 'Wawungazi' Umbuzo omfushane 10 8 3. 'Noma Sekunje' Umbuzo omfushane 10 9 4. 'Inhlonipho' Umbuzo omfushane 10 10 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo. 5. 'Mina Nawe Sothi, "We ba?" ' Umbuzo omfushane 10 11 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Phendula umbuzo OWODWA ESIQESHINI B kanye NOWODWA ESIQESHINI C. ISIQEPHU B: INOVELI INOVELI: Phendula umbuzo OWODWA kule noveli. 6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 12 7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 12 8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 14 9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 14 10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 16 11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 16 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA kule midlalo emiselwe. 12. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 18 13. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 18 14. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 20 15. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 20 QAPHELA: ESIQESHINI B no C phendula umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. AWUVUMELEKILE ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/2017 SCE Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo. Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha, sebenzisa lolu hla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo olulandelayo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo okulindeleke uyiphendule. ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA YEMIBUZO LEMIBUZO () EPHENDULIWE A: Izinkondlo (Ezimiselwe) 1–4 2 A: Inkondlo (Engamiselwe) 5 1 B: Inoveli (Umbuzo omude NOMA 6–11 1 omfushane) C: Umdlalo (Umbuzo omude NOMA 12–15 1 omfushane) QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/2017 SCE ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo. YEKANINI UKUNGAZI – PB Vilakazi 1 Kweyam' impilo yokungazi, 2 Ayequndekil' amehlo engaboni, 3 Kuboph' ufasimbe lwenkung' emqondweni, 4 Ngingaboni kuphuma nakushona kwelanga, 5 Konke kuyinal' engenakunqamuka, 6 Engenakushatshalaliswa nangamakloba 7 Ahangul' izikhotha zibhincele nxanye, 8 Zishintsh' imibala njengonwabu. 9 Kwakumnand' ukukhuluma ngokutetema, 10 Ngibik' ubuthakathaka ngokufehla, 11 Ngibik' indlala ngokudind' isililo, 12 Konke kujoj' inhliziyo kamama, 13 Angikhuselis' embelekweni ngijabule. 14 Kwakumnandi ngizikhomba ngizikhombile, 15 Izidingo ezazithokozisa mina ngedwa, 16 Ngingenakumcabangel' omuny' umuntu, 17 Ngob' engabalulekile njengami. 18 Emadlelweni ngangelusa ngokuthanda, 19 Ngibhushuzela ngemuva kwamathole, 20 Konke ngikwenza ngokuthanda, 21 Uma ngingathandi ngizigingqe phansi, 22 Ngibik' umkhuhlane ongayindawo, 23 Akhathazek' umama engaqondi. 24 Namuhla idamukil' inkungu, 25 Umqondo wokuzenzisa uhambile, 26 Unyamalale nobuncane bami, 27 Ngisele nemigoqo engancengi, 28 Engibondis' isijingi sokuxakeka, 29 Ngibasadondolozele kuphuk' udondolo, 30 Ukhakhayi lwephuz' ukuqina, 31 Ngibamb' insimb' eshisayo ngezandla, 32 Ngibhinc' izigege ezidilikayo, 33 Yizona njalo izithelo zombuso. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/2017 SCE 34 Sekungikhanyele njengekhwezi lokusa, 35 Ngemuva kokucimeza kokugcina kukamama, 36 Ukuth' umhlaba uyakhulelwa, 37 Angisenameluleki oyongiluleka njalo 38 Nalapho sengibulawa ngukuzibusa, 39 Zonk' izintaba zempilo ziqongile, 40 Amadolo ami asuth' amanzi, 41 Sengathi lezi zinduku ziyangigojela. 42 Ngiyophunyuka kanjani kulawa maketango 43 Angixhakathis' izandla nezinyawo? 44 Ngiyolwa kanjani ngingenazikhali? 45 Wo! Akusenani nanxa zinginetha, 46 Sengiyokwendlalel' izintuthwan' egodini. Xoxa ngempumelelo yembongi ekusebenziseni ukubumbeka kwenkondlo kwangaphandle kule nkondlo ethi 'Yekanini ukungazi'. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama ayi-190 kuya kwangama-240. Impendulo yakho mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Makuchazwe ukubumbeka kwenkondlo kwangaphandle. • Makuphendulwe kunikezwe ukubumbeka kwenkondlo kwangaphandle nezibonelo zakhona. • Ukuveza uvo lwakho esiphethweni sempendulo. • Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi hhayi ngokwamaphuzu. [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/2017 SCE UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. WAWUNGAZI – BP Dlamini 1 Yek' usazigqaja, 2 Uhamba laph' uthanda khona. 3 Utetemuk' uchiz' ukotshi. 4 Yek' ugqigqizel' ugqagqamuka, 5 Ugqamuka kuhle kwamalangabi, 6 Uhambela phezul' uzithwele, 7 Wadilika kuhle kobonda. 8 Baph' owawungumshungu nabo? 9 Nibakhulu nakunoMdali 10 Ngab' ukhon' ongangaye? 11 Namuhla ulothil' uluphele, 12 Uthithibel' okwenkukhu, 13 Uyothile wayetha, 14 Wathobel' umthetho. 15 Wawungaz' ukuthi koba nje, 16 Namuhla usothulini, 17 Ulothisiwe wathotshiswa. 18 Ufunde kanzima, 19 Wafunda ngokubona, 20 Yeka usagqagqamuka uzigqaja. 2.1 Yisho ukuthi iluhlobo luni le nkondlo bese usekela impendulo yakho. (2) 2.2 Nikeza okungumehluko okwethulwa izimo zokukhuluma emgqeni wesi-3 kanye nowe-12. (2) 2.3 Chaza inhloso yembongi ekukhetheni igama elidwetshelwe emgqeni wesi-9. (2) 2.4 Ucabanga ukuthi ukusetshenziswa kwamagama adwetshelwe atholakala ebinzeni lesi-5 kunamthelela muni ekuqondeni kwakho umoya waleli binza. (2) 2.5 Phawula ngekhono lembongi lokusebenzisa ifanangwaqa emgqeni wama-20. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/2017 SCE UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. NOMA SEKUNJE – LF Mathenjwa 1 Ngibon' amakhand' ekhedamisile, 2 Ubuso bembethe usizi nokujabha, 3 Ukushabalala kwamathemba akubuzwa. 4 Imuva kalisabonwa, 5 Ikusasa liluvindi, 6 Kuzothiwan' uma kunje? 7 Amathemb' ayizolo ashabalele. 8 Izethembiso ziyagxotshwagxotshwa, 9 Isibindi simiswa ngelilodwa: 10 Qhubekani kuzolunga, 11 Umzabalazo awukapheli, 12 Silwela impilo engcono. 13 Njengobani olwa elambile? 14 Njengoban' odukuz' umnyama engaboni? 15 Likhethekile bala emasini, 16 Badansazile kwamakhelwane, 17 Basho ngelilodwa: 18 Qinan' isibindi sekuzolunga. 19 Ngabe ntombi usawakhumbula awakho? 20 Lon' usuku usalwazi na? 21 Kodwa ngingakulibala khona kanye? 22 Mhla sichwaza ngenhlokomo, 23 Inhliziy' ish' ukuphuma ngomlomo. 24 Phinde ngizophila noma sekunje. 3.1 Nikeza isizathu sokusetshenziswa kombuzombumbulu emgqeni wesi-6. (2) 3.2 Chaza kafushane umqondo oqukethwe umugqa we-15 kuya kowe-16. (2) 3.3 Ngabe ukukhethwa kwamagama asemgqeni wesi-7 kube namthelela muni ekugqamiseni indikimba yale nkondlo? (2) 3.4 Chaza imbangela yokusetshenziswa kwethoni yenjabulo emgqeni wama-22 kuya kowama-23? (2) 3.5 Xoxa ngempumelelo yembongi ekusebenziseni umfanekisomqondo osemgqeni wokuqala. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/2017 SCE UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. INHLONIPHO – MK Hlongwane 1 Laf' elihle kakhulu! 2 Laf' elikaPhunga noMageba! 3 Yashona ngaph'inhlonipho? 4 Yadliwa inja iyinyama yini? 5 Waqophisana nami kwagcin'elakho, 6 Wangibuka phansi wangibuka phezulu 7 Qede washingishila wangishiya nginkemile. 8 Izeluleko zam' uzishay' indiva! 9 Wahamb' izindlela zobumnyama, 10 Wabuya ngesikabhadakazi, 11 Wadudana nabangan' ababi, 12 Ngakhuza kwanhlanga zimuka nomoya! 13 Ngakhuluma nawe wachiz' ukotshi, 14 Wangibuka wanginyokoloza, 15 Ngihloniphe mntanami 16 Ukuze nawe uhlonishwe. 17 Waqophisana nothish' esikoleni 18 Waphikisana nendalo nokuphila kuyo, 19 Wab' ukhanda limtshel' okwakhe, 20 Konakelephi sizwe sakithi? 21 Wazinikel' otshwaleni, 22 Walala ngabo wavuka ngabo, 23 Okuya ngasethunjini do! 24 Ngihloniphe bo! 25 Ngakukhuza wangibiza ngoMadala, 26 Ngathi ngikubek' isandla ngaphenduk' isiboshwa, 27 Indlela' ibuzwa kwabaphambili mntanami! 28 Ngeliny' ilang' uyokhal' ezimathonsi, 29 Ngobe ngingasekho mntanami! 30 Waba nguNdabuzekwayo emphakathini, 31 Waba inhlekisa ezweni 32 Qede ngahlebeka nami 33 Ngelinye ilanga eliyisilima 34 Uyoba ngumtshing' ubethwa ngubani! 4.1 Gagula uhlobo lwesigqi esitholakala ebinzeni loku-1 bese wesekela impendulo yakho. (2) 4.2 Nikeza okufanayo okuqukethwe ibinza lesi-2 nelesi-5. (2) 4.3 Chaza ukuthi kube namthelela muni ekuqondeni kwakho leli binza ukusetshenziswa kwemvumelwano siqalo emgqeni wama-25 nowama-26. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/2017 SCE 4.4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa izimo zokukhuluma ezidwetshelwe kule nkondlo. (2) 4.5 Phawula ngekhono lembongi ekusebenziseni ukuxhumana ebinzeni lesi-8. (2) [10] KANYE INKONDLO ENGAMISELWE (Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo). UMBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. MINA NAWE SOTHI, 'We ba?' – HEA Made 1 Kuningi ukweduka komhlaba, 2 Kwabantu abafanele ukwazi 3 Isisusa sokubekwa kwabo. 4 Nguye abamazi njengoMenzi; 5 Oyobabuza ngenkambo yabo, 6 Bengasenakuphinda emva. 7 Bayoqalaza bathuthumele; 8 Amazwi akhe enjengameva. 9 Bayofis'intaba ibafulele, 10 Kepha intaba iyakubaleka, 11 Ngokuzihlangula ecaleni 12 Bayokhefuzela bejuluka 13 Sebekhonjwa eya emlilweni. 14 Shono, Mina Nawe Sothi, 'We Ba?' [Icashunwe encwadini ethi: IMIBENGO, AT Kheswa no ETZ Mthiyane] 5.1 Shono ukuthi hlobo luni lwenkondlo lolu ngokwesakhiwo sayo bese wesekela impendulo yakho. (2) 5.2 Chaza kafushane okushiwo imbongi emgqeni wesi-7 nowesi-8. (2) 5.3 Chaza ukuthi igama elibhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-4 likwelekelele kanjani ukugqamisa umyalezo wenkondlo. (2) 5.4 Yini inhloso yembongi ekusebenziseni i-enjambamenti emgqeni we-11 kuya kowe-13? (2) 5.5 Uyavumelana yini nokushiwo imbongi emgqeni we-14? Sekela impendulo yakho. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/2017 SCE ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Xoxa ngokuphumelela kombhali ukuveza laba balingiswa ngobunjalo babo: uMahlengi/uMhlengi, uNontobeko, uNgidi, uNkululeko kule noveli ethi, Bengithi Lizokuna. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukuchaza ukuvezwa kwabalingiswa nezindlela abavezwa ngazo. • Ukuphendula umbuzo ngokuxoxa, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi ngezindlela abalingiswa abavezwe ngazo. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nempumelelo yombhali ekuvezeni kwabalingiswa bale noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 7 (UMBUZO OMFUSHANE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA A Lwamqala phansi uvalo lwamuthi thwansu, nesikhwele savukuzeka manje. Wezwakala enxapha yedwa ngenkathi eqonda endlini emva kokuba bevalelisane ngaleyo ndlela nje engenamdlandla otheni benoMahlengi, ehamba eqanganisa ngosizi olumenza angabi namali. 'Nx, ngizoyithathaphi kodwa imali madoda ngivele ngimlobole kusashisa nje 5 uMahlengi angaze angiphunyuke ngisale ngincela izithupha?' ebalisa ngenhliziyo bakithi, sekumcacela ukuthi into ezomkhulula wukuthola imali ngokukhulu ukushesha lokhu ukuze aphephe kule ngebhe esisho ukumbulala nya. Yayisambulala nangenkathi eqethuke phezu kombhede ebambelele esiphundu elwa nesu lokuthola imali. Emva kokunikina ikhanda lakhe elalizimuka, wazibona eselule 10 isandla wathatha ibhuku lezingcingo kule nqwaba yawo eyayilapha, ewaqoqe ngenkathi ematasa nendaba yamathenda. Waliphenya, waze wafika engxenyeni eyayinezinombolo zasePort Shepstone. Waphenya futhi esecinga isibongo sakwaNgidi. 'Ngizokwazi ngani ukuthi nguyena muphi obeshiwo nguS'bu njengoba bebaningi 15 kangaka nje oNgidi ababhalwe lapha?' ezibuza efifiyela efunda lolu hla lwezibongo zakwaNgidi ezazithi kazibe yikhasi lonke. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/2017 SCE Ekugcineni wajumba amagama amahlanu, wawabhala phansi wathatha ukhiye wemoto waphuma ngejubane eseqonde ezingcingweni ngaseposini. Wafike wakhipha ikhadi, washaya inamba ayeyibhale ekuqaleni kohlu lwabantu bakwaNgidi 20 ayeluphethe. 'KukwaNgidi, sawubona,' kubingelela izwi ngenhlonipho. 'Hlomuka, sawubona. Ukhuluma nomuntu ongamazi. Kangizichaze-ke. Mina nginguMandlakapheli Buthelezi,' esho ngesizotha. 'Yebo-ke Sokwalisa. Singamsiza ngani-ke uNgqengelele?' 25 'KunoHlomuka engifisa ukuxhumana naye, manje ngasuke ngadukelwa yimininigwane yakhe.' 'Awu, baningi nje oHlomuka, uzomthola kanjani lo omfunayo?' 'Inkinga yileyo. Kodwa yena ungusomabhizisini, unepulazi namabhusha nama …' 'Kanti usho uManqoba?' ibuza ihleka kancane. 30 'Ngicabanga ukuthi nguyena.' 'Ikhona nje inombolo yakwaManqoba Cash and Carry. Kawubathinti ngani bakuchushise?' 'Ngizoke ngizame lokho. Awu, wayilamula Hlomuka.' ebonga enconcoza. 'Kuhle-ke uma kunjalo,' kuvalelisa indoda yabantu ngesizotha. 35 Wake walugqolozela isikhathi eside ucingo uNdumiso. Ngesikade wadonsa umoya kakhulu, wanikina ikhanda. 'Mh, uthando bakithi! Umuntu lumenzisa izinto ayesefungile ukuthi usehlukene nazo,' esho enikina ikhanda futhi eshaya kancane eqonde emotweni yakhe. 40 7.1 Siyini isizathu sesisusa sodweshu olutholakala phakathi kukaNdumiso noMahlengi kulesi siqeshana? (2) 7.2 Isenzo sikaNdumiso kulesi siqeshana siyithuthukisa kanjani indikimba yothando/yethemba kule noveli? (2) 7.3 Beka ngokufingqiwe izenzo zikaNdumiso ezibonisa ukuthi ungumlingiswa othathela izinto phezulu. Bhekisa impendulo yakho kulesi siqeshana. (3) 7.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU izigameko ezaholela ekutheni agcine ngokuboshwa uNdumiso. (3) 7.5 Isenzo sikaXolani sokushiya uLungile ngemumva kokusha komuzi wakhe simveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (3) 7.6 Ucabanga ukuthi isenzo sikaMahlengi sokuthandana noNdumiso kanye noXolani sasingaba namuphi umphumela empilweni yakhe ukube wagcina ebanjiwe? Sekela impendulo yakho. (3) 7.7 Chaza ukuthi inkulumo ebhalwe ngokugqamile etholakala kulesi siqeshana ukuthi ilubhebhethekisa kanjani udweshu kuNdumiso. (4) 7.8 Ucabanga ukuthi okwenziwa uXolani esingenisweni senoveli ukuthanda uMahlengi embona okokuqala kuyakholakala yini? Sekela impendulo yakho. (2) 7.9 Phawula ngokuphumelela kombhali ekusebenziseni isu lokubikezela enkulumeni kaNontobeko ngenkathi evuma ukuthandana noNkululeko. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/2017 SCE UMBUZO 8 (UMBUZO OMUDE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Xoxa ngokuphumelela kombhali ukuveza laba balingiswa ngobunjalo babo: uNomvula (Mirriam), uGenyeza, uChule, uMeyili kule noveli ethi: Usumenyezelwe-ke Umcebo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukuchaza ukuvezwa kwabalingiswa nezindlela abavezwa ngazo. • Ukuphendula umbuzo ngokuxoxa, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi ngezindlela abalingiswa abavezwe ngazo. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nempumelelo yombhali ekuvezeni kwabalingiswa bale noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 9 (UMBUZO OMFUSHANE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA B 'Aphi amafenisha? Uphi umshuwalense?' ethi lacu. 'Nawa mnewethu!' uNgubane ekhomba imifanekiso. 'Amaphepha lawa! Ngibuza amafenisha nomshuwalense!' 'Phela … phela …' engingiza uMadonsela. 'Amaphela awekho lapha!' Yaqhuma imvubu. Baphuma belakanyana abadayisi, 5 kwandiza amaphepha egcekeni. 'Niphinde futhi mankentshane ndini nibuye lapha, nizongifunda kahle!' ebutha izincwadi eziphonsa ngaphandle kwegceke. Wabathazela wabuyela endlini kuMirriam owayehlezi ethe khovololo. Wamgema ngemvubu, wabuye wazikhuza, funa amale alahlekelwe wumcebo awulwelayo. 'Uyabona sithithithi ndini, uphinde ufake amankentshane lapha, uzongifunda uma 10 ngabe awungazi kahle.' Waphuma waqalaza uHlulintombi. Wayezimele ngasothangweni ehleka izincwasimende ezazincengana, eyamafanisha eyayibhaxabulwe kwadabuka ibhulukwe icela ukulayishwa emotweni. Zashaya zachitha ngemoto. 'Hlulintombi uyindoda emadodeni. Ngizokunika umsebenzi manje.' 15 'Yebo mnewethu. Msebenzi muni?' 'Uma kufika amankentshane uphuthume uzongitshela. Ngizokukhokhela amalandi amahlanu ngenkentshane nenkentshane olicebile. Siyezwana?' 'Kulungile mlungu wami.' 'Kodwa ungakhohlwa wukuthi uma uke waphazama imvubu lena izodla wena.' 20 Emkhomba ngayo qede ebathazela ephuma ngesango. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/2017 SCE UHlulintombi woma yinsini embuka. 'Ha, ha, ha, sengicebile. INkosi impela, nami sengizoncela umbele kulezi zishaqane zikaMirriam. Sengathi iNkosi ingangisiza kufike amadoda ayikhulu ngosuku.' Waqalaza ngethemba lokuthi ukhona owayengase aqhamuke ukuze asheshe awuqale umsebenzi. Phinde. 25 Nokho ngokuqhubeka kosuku enye imoto yaphelela maqondana nakwaDicey. Zimbili izinsizwa ezehla zajamela isango zibuka umfanekiso wenja ikladulisa indoda yejazi. Zenyuka izitebhisi, yagobozela ende ilandelwa ngesigqigqi igaxe umshini wokuthwebula. Zema ongwengweni zaqalaza. Ngenhlanhla yazo eyishwa zambona uHlulintombi zakhuleka. 30 'Ngadla mina kababa,' uHlulintombi ezihlangabeza. 'Nginganisiza ngani zikhulu zami?' Zakhala ngoMirriam. 'Ngicela ningilandele.' Wazihola, wangqongqoza emnyango wendlu kaMirriam owayesathe khovololo embhedeni ephelelwe nangasozwaneni. UMirriam wathi abangene, bangena. Ebabuka bemile kwathi akabaxoshe, kepha bamsinda. 35 'Nkosi yami.' ekhophoza, 'nezinto zokuhlala asinazo lapha ekhaya. Omunye bafowethu akahlale esihlalweni, omunye acuphe embhedeni.' Babonga bahlala. Wababingelela, bazethula. Kwakuyintatheli nomthwebuli wephephandaba Ilanga. Yamfaka imibuzo intatheli yabhala. 'Usuwendile?' Ihleka kancane. Walandula. 'Kodwa ukhona esenithembisene 40 naye?' 9.1 Siyini isisusa sodweshu olutholakala kulesi siqeshana? (2) 9.2 Isenzo sikaHlulintombi kulesi siqeshana siyithuthukisa kanjani indikimba yomcebo kule noveli? (2) 9.3 Beka ngokufingqiwe izenzo zikaMirriam ezibonisa ukuthi ungumlingiswa oyisicaba. Bhekisa impendulo yakho kulesi siqeshana. (3) 9.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU izigameko ezaholela ekufeni kukaMahuzu. (3) 9.5 Isenzo sikaSkiti sokutshela uMirriam ukuthi imali ayiwinile inamashwa okufanele akhishwe simveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (3) 9.6 Ucabanga ukuthi isenzo sikaSonosemali sokuba umngani kaGenyeza bese eqashwa uChule ekubeni beyizimbangi sasingaba namuphi umphumela empilweni yakhe ukube wagcina ebanjiwe? Sekela impendulo yakho. (3) 9.7 Chaza ukuthi inkulumo ebhalwe ngokugqamile etholakala kulesi siqeshana ilubhebhethekisa kanjani udweshu empilweni kaMirriam. (4) 9.8 Ucabanga ukuthi okwenziwa umndeni wakwaDicey esingenisweni senoveli okumayelana nethikithi le-Pick six kuyakholeka? Sekela impendulo yakho. (2) 9.9 Phawula ngokuphumelela kombhali ekusebenziseni isu lokubikezela emaculweni kaGenyeza. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/2017 SCE UMBUZO 10 (UMBUZO OMUDE) KUNJALO-KE – ME Wanda Xoxa ngokuphumelela kombhali ukuveza laba balingiswa ngobunjalo babo: uDumazile, uSithole, uMoloi, uMisi Hlophe kule noveli ethi: Kunjalo-ke. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukuchaza ukuvezwa kwabalingiswa nezindlela abavezwa ngazo. • Ukuphendula umbuzo ngokuxoxa, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi ngezindlela abalingiswa abavezwe ngazo. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nempumelelo yombhali ekuvezeni kwabalingiswa bale noveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 11 (UMBUZO OMFUSHANE) KUNJALO-KE – MJ Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA C 'Hawu unesibindi! Atshele wena ukuthi uthandana ne-boy-friend yakho! Uzomfundisa kanjani njengoba nguwena ozobenzisa i-Geography ekilasini labo?' 'Ngeke mina ngimfundise!' 'Uyolikhetha kanjani iphela emasini?' 'Kuyozikhanyela, nakwaMakhanya kwakhanya.' Omemu bameluleka-ke umisi 5 ukuba angavumeli kakhulu imizwa ibuse impilo yakhe. Bamtshela ukuthi lokhu kuphambene nenkambiso yomsebenzi abawufundelayo. Kwabe sekukhala insimbi, baqhubeka nomsebenzi wosuku. Zahamba izinsuku kodwa isimo salokhu singesihle esikoleni. UDumazile waqala ukungabi mnandi empilweni. Wazijwayeza ukuzigquma ngejezi lakhe elikhulu. 10 Umfaniswano wakhe wayengasathandi ukuwubopha awuthi nsi esiswini. Wawuthi usahlezi ekilasini kanti kudala eshisa ubuthongo. UMisi Hlophe wasola kuqala ukuthi uDumazile akaseyedwa, kodwa usezithwele. Wabikela uMemu Mpungose ngokushesha. Amathishelakazi ahlanganisa amakhanda abhunga ngodaba lukaDumazile. Athatha isinqumo sokuba abizwe uDumazile ukuze abuzwe ukuthi 15 usaphila kahle njena. Wafika-ke uDumazile. Amathishelakazi axoxisana naye. Akahluphanga, wavuma ukuthi usezithwele. 'Umthetho wabazali bakulesi sikole uthi kufanele thina sibikele uthishomkhulu,' kusho uMemu Mpungose. Wathuka wacishe wawa phansi uDumazile ukuzwa lawo 20 mazwi. Wayewuqonda kahle lowo mthetho wabazali besikole sakhe. UMisi Hlophe wayethule, emgqolozele ezinhlamvini zamehlo uDumazile. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/2017 SCE 'Bandla memu ngicela ningamtsheli uthishomkhulu.' Ahleke inhlinini uMisi Hlophe. UMemu Mpungose benoMisi Hlophe baphuma baqonda ehhovisi likathishanhloko. Bangena maqede bahlala phezu kodaba. 25 'Thishomkhulu, sizokubikela ukuthi omunye wabafundi ukhulelwe,' kusho uMemu Mpungose. Athi dlengelele uthishomkhulu. 'Ngubani lowo mfundi?' 'NguDumazile Kheswa thishomkhulu.' 'Awu! Lo mntwana obeziphethe kahle kanjena uselimele?' 30 Athi ukuthula kancane uthishomkhulu, ancincize, bese ethi: 'Abazali bashaya phansi ngonyawo bathi abasalindele mfundi ozokhulelwa kulesi sikole. Isikole sahlazeka kabi, saphuma emaphepheni ngonyaka owedlule; abafundi bezitshela ukuthi sebezokhulelwa ngonoqhakala ngoba bejahe imali yeqolo. Awulwazi usizi engaluthwalayo ngenkathi umfundi esebelethela ngaphakathi 35 kwamagceke esikole! Nani bomemu nangiyekelela nje ngithi lekelelani.' 'Thishomkhulu, ukukhulelwa akuyona ingozi, kodwa kungamabomu nje. Umuntu osuke ekhulelwa usuke azi kahle ukuthi wenzani. 11.1 Siyini isisusa sodweshu olutholakala kulesi siqeshana? (2) 11.2 Isenzo sikaDumazile kulesi siqeshana siyithuthukisa kanjani indikimba yesimilo kule noveli? (2) 11.3 Beka ngokufingqiwe izenzo zikaMisi Hlophe ezibonisa ukuthi ungumlingiswa onethukuthelo. Bhekisa impendulo yakho kulesi siqeshana. (3) 11.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU izigameko ezaholela ekutheni uMaNzimande agcine esehlukene noSithole. (3) 11.5 Isenzo sikaninazala kaDumazile onguMaShandu sokutshela ibandla nomphakathi ukuthi umxolele uDumazile ezinsukwini zakhe zokugcina simveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (3) 11.6 Ucabanga ukuthi isenzo sikaMajwara sokuqamba amanga ngoKheswa sasingaba namuphi umphumela empilweni yakhe ukuba agcina evela obala amanga akhe? Sekela impendulo yakho. (3) 11.7 Chaza ukuthi inkulumo ebhalwe ngokugqamile etholakala kulesi siqeshana ilubhebhethekisa kanjani udweshu empilweni kaDumazile. (4) 11.8 Ucabanga ukuthi okwenziwa uthisha uMoloi esingenisweni senoveli sokuthandana nengane yesikole kwamukelekile yini? Sekela impendulo yakho. (2) 11.9 Phawula ngokuphumelela kombhali ekusebenziseni isu lokubikezela enkulumeni kaMaShandu ngenkathi uMtalaselwa ethi umuntu ozomshada nguDumazile. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/2017 SCE ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 12 (UMBUZO OMUDE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Phawula ngesizinda salo mdlalo othi: Kudela Owaziyo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama–340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukuchaza isizinda. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nesizinda salo mdlalo. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 13 (UMBUZO OMFUSHANE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA D (Kusihlwa, elawunji lendlu kaMdaluli, uMdaluli uhlezi kusofa ubhekene nomndeni wakhe nawo othinsike kusofa omude. Bayaxoxa.) MAMLANDULI: (ngezwi eliphakeme) Hhayi bo! Nansi indaba icishe isala lapha: Sesizixoxe zonke kodwa yona kungathi iyalibaleka kanti kubaluleke kabi ukuba isheshe ifinyelele ezindlebeni zikababa … 5 MDALULI: (umangele) Ngabe ndabani leyo okhuluma ngayo? Woza nazo mkami. MAMLANDULI: Yinhle indaba uma ngabe izwakala ngomnikaziwayo. Lingakadekwa nje netafula lesidlo sakusihlwa, ake uqhube lolu daba lwasemini Londiwe mntanami ebengithena ake ulubambe 10 usuyoze uluxoxe ngokwenaba nalo ekufikeni kukababa wekhaya. LONDIWE: Hho! (esebambe isilevu) Ngifike neheheba lephepha lapha ekhaya baba eliphethe yonke imininingwane ephathelene nemali engiyikweletayo eKolishi lezobuChwepheshe sekubalwa konke nerenti yendawo yokuhlala. 15 MDALULI: (uyabalisa) Wo hhe! Yaqala-ke inkathazo bantabakababa. Uthi kusazokwehla ngamphimbo munye nje lokho kudla uma sengifuhlelwa ngamacala ezimali engizikweletayo? Yini ngisole nje sengathi kuzokwehla ngomgogodla? Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/2017 SCE LONDIWE: Angazi-ke lapho mina baba. Umqoqi-zimali uninqumele ugwayi 20 katiki bazali wathi uma kungaze kushaye usuku lwangoLwesihlanu lokuphela kwale nyanga esanda kuqala ingakhokhiwe le nkece, akukho namunye umfundi oyoke ahlalele ukubhala izivivinyo zokugcina zalo nyaka zokuhlolwa. Uze walimisa waliqokothisa nje nelokuthi noma futhi ingaze ikhokhwe kodwa ingapheleli, 25 imiphumela yokuhlolwa iyogodlwa ekupheleni konyaka ize idedelwe ngoba umfundi esekhokhe ngokuphelele. MDALULI: (Uphefumulela phezulu) Yehla imbila emsengeni madoda. Kodwa yini lena engiyizwayo ngezindlebe zami? Sengathi luzongizimukisa ikhanda isibili –ke lolu daba ongifikela nalo ndodakazi. Okusho 30 ukuthi phela ngiyehlukana nayo yonke le mali engiphume nayo efemini ngosuku esagcina ngalo. MAMLANDULI: Mhlawumbe njalo ebengeze waba kulesi simo sokwethuka akuso njengamanje ubaba ukuba uvele wayolilanda leli heheba lephepha mntanami ukuze azibonele. 35 (Nembala asuke ngawo lowo mzuzu uLondiwe esephuthuma ukuyolilanda iheheba lephepha eliyisitatimende semali ayikweletayo, maqedane aledlulisele kuyise. Uyise avule ikokosi ahoshe izibuko azixhobele emehlweni maqedane aqale afifiyele esebuka okubhaliwe). 40 MDALULI: (ababaze ngekhwela nangezwi eliphakeme) Hawu! Kanti kukhulunywa ngemali eyisikweletu nje, yisizumbulu esingaka semali madoda? Ngiyazisa Nkosi yami, kusukela manje umndeni wami uzodla udaka. 13.1 Shono ukuthi yini ephazamisa isimo senhlalo kulo mndeni kaMemela ngokwalesi siqeshana. (2) 13.2 Chaza okwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi siqeshana ubhekise kumlingiswa onguMdaluli. (2) 13.3 Fingqa inkulumo yomlingiswa onguLondiwe mayelana namazwi kamqoqi zimali njengoba ebuye neheheba lephepha lesikweletu. (3) 13.4 Qhathanisa isimo phakathi komlingiswa onguMdaluli kanye nomlingiswa onguManqina mayelana nesigameko sokulahlekelwa ngumsebenzi. (3) 13.5 Yini inhloso yombhali yokuveza umlingiswa onguMaMlanduli njengomlingiswa ohloniphayo kulo mdlalo? (3) 13.6 Ucabanga ukuthi isigameko esifihlelwe uLondiwe nguMemela ngenkathi esejele okokuqala sasingaba namuphi umphumela ebudlelwaneni babo ukube wasibamba. (3) 13.7 Chaza imbangela yokuba umlingiswa onguLondiwe angenelele ezindabeni zikaMemela. (4) 13.8 Uyavumelana nesitatimende sokuthi ipholavuthondaba liwudambisile lo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (2) 13.9 Uyazwelana nomlingiswa onguHlengiwe uma esezithole eseshadiswe noChivenga engazi? Yikuphi owawungakwenza uma kwakunguwe ubhekene nalesi simo? (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/2017 SCE UMBUZO 14 (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Phawula ngesizinda salo mdlalo othi: Awuwelwa Umngeni. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama–340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukuchaza isizinda. • Ukuphendula umbuzo ngophawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi • Ukuveza uvo lwakho mayelana nesizinda salo mdlalo. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 15 (UMBUZO OMFUSHANE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA E SALIMANI: Nibizwa yimina bantabakaMashwilansimbi. Nicolile nje nangapholisa maseko. Ngibonga nobukhona bakho mfowethu wasoDibini ngoba ngokuthumela kuwena bengilahlela nje. Bengingenathemba lokuthi ubuyile eMshwathi. MCAJANA: Ngwazi! 5 SALIMANI: Njengoba nibona nomfowethu wakwaVimbingwenya elapha nje naye uhamba ngalo udaba nani enginibizele lona. Emini izolo ngithole umbiko ophuthumayo uthunyelwe nguyena umfowethu uMcondo lona ngezigijimi, ezongazisa ukuthi amabutho ami ahlaselwe abantu bakaMgqabula entathakusa izolo agcina ngokuba 10 aboshwe. MBONGOLO: Ini? (Ebabaza) GUNDANE: Bebahlasela bekuphi laba bakithi? SALIMANI: Enkundleni khona kwaMcondo. NONDWENGU: Yimihlola! UMgqabula lona uyahlola. SALIMANI: Ake uyilande mfowethu Mcondo. 15 MCONDO: Bafowethu, kunjengoba esho nje umfowethu. Ngokubikelwa kwami njengoba iningi lamabutho esuke embizweni yakomkhulu anikela kwaVimbingwenya nje, athe ezisinela ehuba namahubo engazelele lutho kwamane kwathi nje memfu abantu bakaMgqabula noMvomvozi noMehlwemamba babewathelekela njalo. 20 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/2017 SCE MCANJANA: Mameshana! SIKHOVA: Kube bazithintile izinyosi zikaManyosi Nomanjebese kababa! Zibagemeze zabagemeza ngezizenze zibabhonya nangemishiza. Nomehlo lowo oyilamulile nokuba kungaphumi izidumbu. MBONGOLO: UMgqabula lona unamagangangozi isibili. 25 MCONDO: Ngiphumile nami ngithi ngiyokhuza ngafika konke sekuthule. Ekuthatheni kokusa ngivuswe amantombazane angitshela ukuthi nampa onongqayi beshaqa abantu beNkosi. Ngitotobele ngakhona nebala ngafika belayishwa uthuli ezimotweni zonongqayi. Ngizamile ukubakhuza onongqayi laba ngithi abayeke ukubopha 30 abantu benkosi babavalele iNkosi ingazi. Bangehlule bahamba nabo. SALIMANI: Bafowethu nginibizele ukuba ningibonise-ke ngokumele kwenziwe ngala magangangozi kaHulumeni. MCANJANA: Nami bafowethu ningibona ngilapha nje ngisuswe yiso lesi sidumo 35 eMshwathi. Ngithe ngokuzwa kuthiwa nampa abantu bakaBaba sebeyiziboshwa, kukhona noNomehlo kubo, ngaphangisa ngabuyela ekhaya ngenhloso yokulumana indlebe neNkosi. BHESWA: Ngwazi! (Ekhuleka phandle) SALIMANI: Kwangathi uBheswa nje futhi lowo? Usezobika bani-ke manje? 40 Ucolile mfowethu. Ucole impela ngokuphangisa sizofakana imilomo. BHESWA: Ngwazi! Hlobolophatha! (Engama isithumbanja ephonseka phakathi. Uyahefuzela. Azithi dalakaca laphaya emseleni eduze komnyango aguqise okomfazi.) 45 BONKE: (Bagqolozele uBheswa) SALIMANI: Bika Bheswa uphangise. BHESWA: Wena kaMashwilansimbi ngingena sengathi ngifuqwa ngumoya njena angizenzi Ngwazi! (Athi ukuhlaba ikhefu) SALIMANI: Qhuba sizwe. 50 BHESWA: Nampa onongqayi abathathu laphaya esangweni. (Ahlahle amehlo) SALIMANI: Yeka ukuthandabuza. (Ekhankatha) Qoba aqalazayo Bheswa, ungichithela isikhathi. BHESWA: Bathi Ngwazi bayaphuthuma bafisa ukubona iNkosi. SALIMANI: Balande ubangenise. 55 BHESWA: (Athi lacu, aphume) SALIMANI: Nakho-ke maNgwazi. Angingabazi ukuthi beze ngalo lolu daba esilugqumuzayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/2017 SCE MBONGOLO: Abangene sizwe. MCANJANA: (Asukume ethule izikhumba ezintathu azendlale esililini 60 sikaMaLuzindela.) BHESWA: Ngwazi! Hlobolophatha! (Emi phandle) MCANJANA: (aphakame avele emnyango.) Ngenani madoda. BHESWA: (Angene ehamba phambili. Elandelwa onogqayi abathathu. UBheswa ukhothama ngasemnyango.) 65 MCANJANA: Zinzani (ekhomba ngonkomba) lapho ezikhumbeni madoda. 15.1 Shono ukuthi yini ephazamisa isimo senhlalo endaweni yenkosi uSalimani. (2) 15.2 Chaza okwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi siqeshana ubhekise kumlingiswa onguMcanjana yedwa. (2) 15.3 Fingqa inkulumo yomlingiswa onguMcondo etholakala kulesi siqeshana. (3) 15.4 Qhathanisa okungumehluko phakathi komlingiswa onguNomehlo kanye noMphiliphili phambi kwenkosi uSalimani. (3) 15.5 Yini inhloso yombhali yokuveza umlingiswa onguSalimani njengomlingiswa ohlakaniphile kulo mdlalo? (3) 15.6 Ucabanga ukuthi isigameko esifihlelwe uSalimani nguMphiliphili sobumbuka sasingaba namuphi umphumela ukuba uMphiliphili wagcina engabanjwanga. (3) 15.7 Chaza imbangela yokwedluliselwa kwecala likaSalimani enkantolo yaseMgungundlovu. (4) 15.8 Uyavumelana nesitatimende sokuthi lo mdlalo uyisenamisi? Sekela impendulo yakho. (2) 15.9 Uyazwelana noMgqabula kule ngwijikhwebu abhekana nayo yokulahlwa icala enkantolo enkulu? Yikuphi owawungakwenza uma kunguwe owawubhekene nalesi simo? (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all