Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 2 NSC June 2016 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 12201621 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 2 question paper from the NSC June Exam 2016, 21 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2016

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com GRAAD 12 SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) 2016 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi angama-21. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/2016 SCE IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhla lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B: Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C: Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe ngezansi. ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE – Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE – UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO). • Phendula KUPHELA imibuzo yenoveli kanye neyomdlalo owufundile. • Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukwelekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO • Umbuzo omude ezinkondlweni mawuphendulwe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240. • Imibuzo emide enovelini kanye nasemdlalweni mayiphendulwe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390. • Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi abathemelezi, kodwa baphendula okubuziwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/2016 SCE 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Uyayalwa ukuba usebenzise isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/2016 SCE OKUQUKETHWE Leli khasi liyolekelela abahlolwayo ukuba bakhethe imibuzo abazoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. 'Isililo' Umbuzo omude 10 6 2. 'Juba Lami' Umbuzo omfushane 10 7 3. 'Uyobongwa njalo' Umbuzo omfushane 10 8 4. 'Ngingephile ngaphandle kwakho' Umbuzo omfushane 10 10 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo. 5. 'Noma nini' Umbuzo omfushane 10 11 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Phendula umbuzo OWODWA ESIQESHINI B kanye ESIQESHINI C. ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA kule noveli. 6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 12 7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 12 8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 14 9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 14 10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 16 11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 16 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA kule midlalo emiselwe. 12. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 18 13. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 18 14. Awuwelwa uMngeni Umbuzo omude 25 20 15. Awuwelwa uMngeni Umbuzo omfushane 25 20 QAPHELA: ESIQESHINI B no C phendula umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. AWUVUMELEKILE ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/2016 SCE Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo. Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha, sebenzisa lolu hla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo olulandelayo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo okulindeleke uyiphendule. ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA YEMIBUZO LEMIBUZO EPHENDULIWE A: Izinkondlo (Ezimiselwe) 1–4 2 A: Inkondlo (Engamiselwe) 5 1 B: Inoveli (Omude NOMA Omfushane) 6–11 1 C: Umdlalo (Omude NOMA Omfushane) 12–15 1 QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/2016 SCE ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo. ISILILO – FY Ncube 1 Ngizihambile izindawo ngezindawo 2 Ngafic' abazali bekhihl' isililo 3 Bekhihl' esezimal' ezemuke namanzi. 4 Izingane zihambe iminyaka 5 Ziyothekela ulwazi olunzulu 6 Oluzoleth' intokozo ngomuso. 7 Liphumile lashona 8 Wagamanxa, waphel' unyaka, 9 Yalandela neminye. 10 Lugcine lufikil' olwamanqamu 11 Bagoduk' oNjabulo noNonjabulo 12 Bananela ngenkul' injabul' abazali 13 Bencoma bebonga benconcoza. 14 Ziphume zizinhl' izinsizwa nezintokazi 15 Ziphume zagcwal' izinkalo namathafa 16 Zihamba zithungath' imisebenzi; 17 Zigabe ngemfund' eziyijulukele. 18 Zonke ziphum' inqina kamabuyaze; 19 Izikhulu neziphathimandla ndawo zonke 20 Zikhuze zababaza umhlola 21 Zikhala ngezikhungo ezingaziwa 22 Ezikhiph' iziqu zomgunyathi. 23 Kusuke esinamathambo 24 Kuqhume isililo esikhulu 25 Sebeshay' utshan' omahamba nendlwana 26 Sebeyobhubhisa phambili. 27 Zikhulu zemfundo sukumani, 28 Vulan' amehlo kuliwe nale mpi 29 Nas' isizwe sifa siphela 30 Naz' izimali zabazali zicwila, 31 Naz' izingane zabantu zijulukel' ubala! Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/2016 SCE Phawula ngempumelelo yembongi ekusebenziseni imifanekisomqondo ukudlulisa umyalezo wale nkondlo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama ayi-190 kuya kwangama-240. Impendulo yakho mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Makuchazwe imifanekisomqondo. • Makuchazwe umyalezo. • Makuphendulwe kunikezwe imifanekisomqondo ebinzeni nebinza lapho itholakala khona bese iyamaniswe nomyalezo. • Ukuveza uvo lwakho esiphethweni sempendulo. [10] UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. JUBA LAMI – JJ Thwala 1 Hlala entendeni yesami, 2 Ngikubukisise ngikudlalise, 3 Inhliziyo yami iyokwenama, 4 Yenamiswe ubuhl' obungaphuphi 5 Obuyohlala njalo ingunaphakade, 6 Kuze kulamul' uNokufa. 7 Lapho undiza ezinkalweni, 8 Ungakhohlwa intende yekhethelo, 9 Owadalelwa ukuhlala kuyona, 10 Nayo yadalelwa wena, 11 Iyilokhu eyikhona ngawe, 12 Uyilokhu owuyikhona ngayo. 13 Lapho undiza ezigangeni 14 Ukhangwa ubukhwebezane namahlala, 15 Ukhangwa amakhiwane namathunduluka, 16 Ukhangwa ngamajikijolo namanumbela, 17 Ukhangwa ngamabhelebhele namaphozi, 18 Uz'ungangilibali juba lami. 19 Kimina uluphawu lwempilo, 20 Kumina uyisizinda somusa, 21 Kimina uyizimpande zothando, 22 Kimina uyisisekelo sobunye, 23 Kimina uluphawu lokukhanya- 24 Hlal' entendeni yekhethelo! 25 Ndiza juba lami 26 Elingefaniswe nedlanga indlanyama, 27 Elingenakufaniswa nevukuthu indlamabele, 28 Elingefaniswe nomandukulu ivumakabili, 29 Elingefaniswe nesakabuli unontandakubukwa- 30 Uyisipho sami sakwamhlaba. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/2016 SCE 31 Jubalala juba lami 32 Ngizishay' isifuba ngawe, 33 Nom' ukwelojobela emihlangeni, 34 Nom' ukwelofukwe emihosheni, 35 Nom' ukwelamajubantendele emaweni, 36 Ungowami namuhla nangomuso. 2.1 Gagula imigqa EMIBILI enokufana ekhombisa ukuthi imbongi ifisa ukungehlukani nesithandwa sayo. Bheka umugqa owodwa ebinzeni loku-1 nowodwa ebinzeni lesi-5. (2) 2.2 Fingqa umqondo oqukethwe umugqa we-13 kuya kowe-18. (2) 2.3 Qhathanisa ukukhethwa kwamagama adwetshelwe emgqeni wesi-7 kanye nowama-31 uveze indlela asetshenziswe ngayo emabinzeni akuwo. (2) 2.4 Iyini inhloso yembongi yokuqhathanisa isithandwa sayo nalezi zinyoni ezinikeziwe ebinzeni lesi-5? (2) 2.5 Phawula ngempumelelo yembongi ekusebenziseni ukuxhumana emgqeni we-19 kuya kowama-23. (2) [10] UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. UYOBONGWA NJALO – NL Luthuli 1 Wathath' imicabango nemizwa 2 Wakusheba nongwaqa nonkamisa 3 Owabancel' ebeleni. 4 Ukubamb' izinkanyezi kwakho kwasiza, 5 Walubamb' usiba kwaphum' izinkondlo. 6 Wabongwa. 7 Ngokuphazima kweso benganakil' abantu. 8 EManyiseni sebekhiph' uqweqwe 9 Isifundiswa sesithenjwa sakoMathenjwa 10 Esiklwiklwiza ngosiba nxa kuvuk'usinga 11 Kukhihlike ingwebu yolwaz' engqondweni, 12 Namhlanje bayabonga ngaso. 13 Ngomzuzwana ungakazinzi 14 Phansi komthunzi welanga, 15 Usucathulise wachushisa wacongisa, 16 Kwaphum' izingqwayingqwayi zezifundiswa, 17 Eziphekwe kweyakh' imbiza. 18 Namhlanje ziyahalalisa ngenjabulo 19 Namhlanje uyabongwa yizo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/2016 SCE 20 Kuzwakal' inhlokomo namacilongo. 21 Kuzamazam' izizwe zonke uyabongwa. 22 Nawe jabula uhalalis' uzibongele. 23 Likhul' igalel' osulenzile. 24 Usuyibekil' induk' ebandla. 25 Ufanel' ukubongwa. 26 Asebadlul' emhlabeni bekwazi 27 Ukuphekwa kweyakh' imbiza, 28 Babonga bayanconcoza. 29 Nanamhlanje lokh' usabongwa. 30 Uyoshabalala kuhle kotalag' emehlweni 31 Alo mhlaba omagade, 32 Nokho liyosal' igama lakho, 33 Liphile libongwe njalo njalo. 34 Ufike nakwelamathongo, libongw' 35 Elakh' igama. 36 USomandl' akakuhol' ezinyathukweni 37 Zakh' akuhlahlamelise. 38 Uz' ukhehlisw' isicoco sokunqoba. 39 'Ze ubongwe nayizizukulwane, 40 Laph' usuzikhombisil' indlela yempumelelo 41 Ngodondolo lwamaqhawe. 3.1 Caphuna YONKE imigqa equkethe i-enjambamenti ebinzeni loku-1. (2) 3.2 Yikuphi okufanayo okuqukethwe umqondo webinza lesi-3 nelesi-5 mayelana noMathenjwa? (2) 3.3 Ngabe umugqa wama-26 kuya kowama-27 otholakala ebinzeni lesi-5 ikwelekelela kanjani ukuqonda umoya waleli binza? Sekela impendulo yakho. (2) 3.4 Chaza umthelela wokusetshenziswa kwefuzamsindo elitholakala ebinzeni lesi-2. (2) 3.5 Phawula ngekhono lembongi ekusebenziseni isifaniso ebinzeni lesi-6. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/2016 SCE UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. NGINGEPHILE NGAPHANDLE KWAKHO – P Ngubo 1 Ngaphandle kwakho ngingephile, 2 Wen' oyisihluthulelo semizwa nenjabulo, 3 Wen' oleth' inkazimul' ebumnyameni, 4 Wen' oyisisekelo nodondolo lwami. 5 Ngingaphila kanjani ngingasabuthokozel' ubumnandi bempilo? 6 Ngingathemba themba lini ususithele wena themba lami? 7 EzikaSomandla ngihlala ngisikhihla themba lami, 8 Sondela sithintanis' izindebe ngizwe ukuthokomala kwenhliziyo. 9 Ngisala ngihogela usi 10 Laph' usungishikilele wanginik' isiphundu, 11 Ngikhumbul' izihasho laph' usungiwotawota, 12 Ngithokoze ngizw' ukugida kwesifuba 13 Kuyobanjani laph' usunginik'isiphundu, 14 Walibhekisa kwaVezunyawo? 15 Ngisal' ezintabeni zangakithi ngibe isiduphunga, 16 Ontanga baviyoz' imilozi mina ngidlal' umzwangedwa, 17 Lo mzwangedwa uthi awuz' ukuba umhobholo, 18 Ngibe umbulali obulal' impilo emnandi? 19 Ukuthokomala akukh' empilweni yesidalw' esiyigobongo, 20 Intokoz' ingiqhelele ngijezis' iqhawekaz' elibomvu, 21 Ngiphambeke ngibhek' izinkangala zehl' ezimathonsi, 22 Ngiyoqalaza ngibon' igodi umhlab' usungishayile, 23 Ingabe kunjalo nakuwe Bhungane omuhle? 4.1 Yisho ukuthi iluhlobo luni le nkondlo bese unikeza nesizathu sempendulo yakho. (2) 4.2 Fingqa ngawakho amagama umyalezo oqukethwe umugqa wesi-9 kuya kowe-12. (2) 4.3 Chaza inhloso yembongi ekusebenziseni umbuzombumbulu emgqeni wesi-5 kuya kowesi-6. (2) 4.4 Chaza indikimba equkethwe yile nkondlo. (2) 4.5 Phawula ngokuhlolisisa ikhono lembongi ekusebenziseni igama elithi 'umzwangedwa' emgqeni we-16 nowe-17. (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/2016 SCE INKONDLO ENGAMISELWE (Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo.) UMBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. NOMA NINI – GVJ Nkumane 1 Sekuyiminyakanyaka ngizama ngehluleka, 2 Imijuluk' isiphenduk igaz' elimuncu, 3 Izinyembezi zeminyaka sezoma qha, 4 Amandl' am' angiwaboni laph' ophelela khona, 5 Kodwa noma nini ngobekezela. 6 Lomqans' engiwugibelay' unzima, 7 Amandl' engiwakhiphay' aseyaphela, 8 Ukubekezela kuya ngokuncipha mihla le, 9 Lomqans' awukaze wagitshelwa mbongolo, 10 Noma kunjalo noma nini ngiyozinikela. 11 Engaluqala nabo loluhambo sebadinwa, 12 Sebahlala badl' endala, 13 Kepha kimi akunakuphumula; 14 Ngingaphumula kanjani ngingakaphumeleli? 15 Noma nini ngophumelela. 16 Lentokaz' engaziw' isehlulile, 17 Sengiyeshel' unyaka kepha kayangiqoma, 18 Kakho noyedw' oyaziy' impendul' angayithola, 19 Impendul' iyophuma ngokuphela konyaka; 20 Noma nini ngoyilindela. 21 Umzali wam' usebenza kanzima, 22 Esebenzela min' ukuba ngilobole lentombi, 23 Ngosizi lwentombi kaMaS' khakhan' ekhala, 24 Ngezinyembezi zentombi kaNkos' ilila kanzima, 25 Ilangazelel' ukubon' elam' ikusasa liqhakazile; 26 Noma nini ngophumelela. [Icashunwe encwadini ethi, IHLUZO 1 – Ncamsile Makhambeni] 5.1 Tomula umugqa oqukethe ihaba ebinzeni loku-1 bese unikeza isizathu sempendulo yakho. (2) 5.2 Nikeza okungumehluko okutholakala ebinzeni lesi-3 phakathi kwembongi nalabo eyaqala nabo uhambo. (2) 5.3 Ngabe ukukhethwa kwegama elidwetshelwe elitholakala emgqeni wesi-9 kukwelekelele kanjani ekuqondeni isimo imbongi eyayibhekene naso? (2) 5.4 Ucabanga ukuthi ukusetshenziswa kwesenzukuthi ebinzeni loku-1 kunamthelela muni ekuqondeni kwakho le nkondlo? (2) 5.5 Ngokwakho ukubona ngabe imbongi ikwazile yini ukusebenzisa kahle impindwa kule nkondlo? Sekela impendulo yakho. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/2016 SCE ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Xoxa ngempumelelo yombhali ekudluliseni umyalezo othi: Izinqumo esizithathayo ngezimpilo zethu zingaba nemiphumela engemihle kwabanye abantu nakithina uqobo bhekisa kule noveli ethi: Bengithi Lizokuna. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza umyalezo. • Ukuphendula umbuzo ngokuxoxa, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nempumelelo yombhali ekugqamiseni umyalezo wenoveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 7 (UMBUZO OMFUSHANE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA A Kulowo mnyama esashaya kancane ngemoto yakhe, enyuka ngomgwaqo owawungaphithizeli bantu nazimoto njengoba kwase kuntambama nje kwaqhamuka intokazi esikhaleni nje, yavele yaqonda ngqo emotweni kaNkululeko. Kwakhala amathaya ngenkathi uNkululeko ethi uzama ukuyivika intokazi ayengasangabazi ukuthi idle amanzi amponjwana, yiwo lana ayenza iziphonse emotweni yakhe kanokusho okungakapheli nanyanga eyithengile. Kwase kusemva kwendaba nokho ukuzama ukuvika nokuhlala emabhulekini ngoba imoto yayikhwele phezu kwayo intokazi kwathi qhufu, kuzwakala nje ukuthi imlimazile lo muntu emshayisile. 'Ngivelelwe yini emhlabeni madoda!' kubalisa uNkululeko kuduma ikhanda ngenkathi ephuma ngejubane emotweni, eyishiya iduma, isicabha sithe gengelezi. Wayefike waguqa phambi kwayo intokazi eyayisithule inganyakazi kugobhoza impophoma yegazi ekhanda lapho eyayilimele khona, wabeka isandla esifubeni efuna ukuzwa ukuthi isashaya yini inhliziyo yayo. Ngenhlanhla yayisashaya kancane inhliziyo. 'Hhayi, akakafi,' esho ehefuzela, eyiqukula eyifaka emotweni, ekhanda kuduma izihlonono. Wathi lapho eseyisusa imoto wakhumbula ukuthi bekunesikhwama eduze kwentokazi, wehla wasithatha, wabuyela emotweni, esahefuzela belu, wayishaya yazula isiphuthuma esibhedlela e-Addington. Amarobhothi yayingasawalindi nokuthi avule, wayenele abone nje ukuthi kakukho moto azoshayisana nayo, angene libomvu Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/2016 SCE linjalo irobhothi. Ngomzuzwana nje wayesefikile esibhedlela, kwakhala amathaya ngenkathi ebhuleka ngamawala, evula isicabha, eyiqukula intokazi eyayithe ja, isisinda lokhu okuxaka ukwenza. Babemqhelukela bonke abantu ngenkathi eyongena nayo ngaphakathi, kungasekho nesidingo sokuba achazele abahlengikazi ukuthi kubi, lo muntu angafa noma nini. Nangaphakathi esibhedlela kwaba ubutatata konesi nodokotela sekuphuthunywa ukusindisa impilo yentokazi. Ngenhlanhla odokotela bathi umonakalo wawungemubi kangako nanxa yayingakwazi ukukhuluma ngenxa yokulimala kakhulu ekhanda. Bamqinisekisa ngokuthi cishe izohlala isikhashana nje, ilulame, idedelwe. Kakubangakho mininingwane etholakalayo mayelana nezihlobo zentokazi lena. Kwase kwethenjwa khona nje ukuthi okuningi isiyokuchaza mhla yaphaphama. Kwaphela amasonto amathathu egqigqa esibhedlela uNkululeko. Nalapha esibhedlela base bemazi, uma efika engabuzwa okuningi, esevele akhonjwe kulo igumbi elalinombhede okwakulele kuwo intokazi eyayibonakala ngisho ingakaphaphami ukuthi hhayi, nguphumalangasikothe wentokazi lena. 7.1 Emuva kokufunda lesi siqeshana gagula umlingiswa okunguyena isiqeshana esingaye kanye nenkinga abhekene nayo. (2) 7.2 Ngolwazi lwakho lwencwadi sizathu sini esadala ukuba le ntokazi iziphonse emotweni kaNkululeko? (2) 7.3 Chaza indlela umlingiswa onguNkululeko avezwe ngayo kulesi siqeshana. (2) 7.4 Chaza kafushane ukulandelana kwezigameko ezisemqoka empilweni kaNkululeko ngemuva kokuphaphama kukaNontobeko kule noveli. (4) 7.5 Qhathanisa isimo azithola ekuso uNgidi uma etshelwa nguMhlengi ukuthi uyi-gay nangenkathi esemtshela ukuthi nguyena le ntokazi abayifice efulethini. (3) 7.6 Ngabe umlingiswa onguMahlengi ube namthelela muni ngokwesimo senhlalo emndenini wakwaMpanza? Sekela impendulo yakho. (3) 7.7 Ucabanga ukuthi udweshu lwangaphakathi kumlingiswa onguNkululeko olumenza acabange isaga esithi, 'oseyishayile akakayosi' lukwelekelele kanjani ekuqondeni uthando phakathi kwakhe noNontobeko? Sekela impendulo yakho. (4) 7.8 Uyavumelana nombono othi uNomalanga ungumlingiswa oyindilinga? Sekela impendulo yakho ngokwenzeka kule noveli. (2) 7.9 Xoxa ngokuphumelela kwesu lombhali ekusebenziseni umlandi kulesi siqeshana. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/2016 SCE UMBUZO 8 (UMBUZO OMUDE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Xoxa ngempumelelo yombhali ekudluliseni umyalezo othi: Ukuthanda imali ngokweqile kungaba nemiphumela engemihle ezimpilweni zethu nakwabanye abantu bhekisa kule noveli ethi: Usumenyezelwe-ke Umcebo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza umyalezo. • Ukuphendula umbuzo ngokuxoxa, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nempumelelo yombhali ekugqamiseni umyalezo wenoveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 9 (UMBUZO OMFUSHANE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA B 'Kanti unjani nje baba umfundisi? Impela emhlabeni akukho ukukholwa,' esho emoyizela ebuka ibhodlela nemali esandleni. Ukungqongqoza kothile kwamphaphamisa uMirriam. Wazi ukuthi kwase kuwukuqala kotalatiya. Wazitshela ukuthi wayezomxwayisa ngokuba asheshe ahambe zingakamnethi. Wathi akangene. Ngokuvuleka kwesivalo uChule ethi memfu emnyango wethuka, wamuzwa lo muntu emsinda. Wasukuma wambekela isitulo ngasemnyango, wayesehlala embhedeni embingelela. 'Mina ndodakazi ngiwu-The Very Rt Reverend Bishop Nkosiyaphakade Ebernezer Sebastian Chule. Ngingowokudabuka lena enhla eDanawozi. Sengizinze eMlazi lapho ngihola khona ibandla eliNgcwele elaziwa ngokuthi wuKholo Lwezithunywa. Ngilapha nje ngihamba ngithungatha intokazi yakwaMazibuko ewuMirriam,' emamatheka embuka. 'Angazi noma uwena yini?' 'Yebo baba yimina uMirriam.' 'Igama leNkosi malibongwe mtanami. Ameni. Bengingazi ukuthi ngingangena kulo muzi osudume ngokuphenduka isithando somlilo kwabalubhada kuwo. Malibongisiswe igama layo iNkosi iyinhle. E, okuyikhonakhona okungisuse phansi wukudabuka engibenakho ngokuzwa ukuthi inhlanhla obenayo ngokusindiswa osizini isikuthe dlwa kolunye utaku. Awusabuthi quthu ubuthongo wethuswa abantu ababambana mihla ngezihluthu befuna ukubulalana phambi kwakho. Konke lokhu kungamaqhinga kaSathane owaxoshwa ezulwini ngamacala, wehlela emhlabeni ukuzohlupha abantwana bakaNkulunkulu,' ekhuluma elokhu emthapha ngeso, noMirriam ethule embuka sengathi ubanjwa wugesi. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/2016 SCE Wayelokhu evuma kancane ethi, 'Yebo, kunjalo Nkosi yami.' Yingakho nje mntanami uyihlo ethe noma engelutho akeze lapha azokubeka esiguqweni. Angazi noma uwumuntu oyithandayo nokholwayo yini yiNkosi yaphakade? 'Usho yiphi-ke baba?' enamahlonyana. 'Ngisho yona impela mntanami,' ekhomba phezulu, 'leyaya ephezulu. Uyakholwa yiyona?' emthapha ngeso qede elibalekisa, limshiya uMirriam ekhophoza ebhucabhuca izandla, evuma ukuthi uyakholwa. 'Mntanami kukho konke esikwenzayo ngizocela siqhube iNkosi phambili' evula isikhwama esimnyama ekhipha incwadi yamahubo. 'Ngoba iNkosi sizoyihubela ihubo elisesihlabelelweni ongenaso, ngizocela sibambisane ngayo incwadi lena.' Wasukuma ezama ukuba bahlale balinganise embhedeni. UMirriam waqhela ethi, 'Bandla mfundisi ngiyaxolisa. Isoka lami linolaka. Uma lingaselamela sibambisene ngencwadi lingasidla lisifele.' 9.1 Emva kokufunda lesi siqeshana gagula umlingiswa okunguyena isiqeshana esingaye kanye nenkinga abhekene nayo. (2) 9.2 Ngolwazi lwakho lwencwadi sizathu sini esadala ukuba umlingiswa onguChule avakashele uMirriam? (2) 9.3 Chaza indlela avezwe ngayo umlingiswa onguNomvula kulesi siqeshana. (2) 9.4 Chaza kafushane ukulandelana kwezigameko ezisemqoka empilweni yomlingiswa onguGenyeza emuva kokuba uMirriam eseshade noChule. (4) 9.5 Qhathanisa isimo abakuso uMeyili uma ebuzwa nguDladla ukuthi kungani beyekelela uNomvula adlale amahumusha eTheku nangenkathi esembuza ukuthi ubesezwile yini ukuthi uNomvula uwine imali emjahweni wamahhashi. (3) 9.6 Ngabe umlingiswa onguChule ube namthelela muni ngokwesimo senhlalo emndenini wakwaSithole? Sekela impendulo yakho. (3) 9.7 Ucabanga ukuthi udweshu lwangaphandle oluqukethwe yila mazwi kaChule athi, 'Phuza utshwala lobu uvale le nkebelele yomlomo' ayewasho kuHlulintombi ngenkathi efuna ukubona uMirriam akwelekelele kanjani ekuqondeni uthando lukaChule ngoMirriam? Sekela impendulo yakho. (4) 9.8 Uyavumelana nombono othi uMaHadebe ungumlingiswa oyindilinga? Sekela impendulo yakho. (2) 9.9 Xoxa ngokuphumelela kwesu lombhali ekusebenziseni umlandi kulesi siqeshana. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/2016 SCE UMBUZO 10 (UMBUZO OMUDE) KUNJALO-KE – ME Wanda Xoxa ngempumelelo yombhali ekudluliseni umyalezo othi: Ukungabi nesimilo esihle kungaba nemiphumela engemihle ezimpilweni zethu nezabanye abantu bhekisa kule noveli ethi: Kunjalo-ke. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza umyalezo. • Ukuphendula umbuzo ngokuxoxa, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nempumelelo yombhali ekugqamiseni umyalezo wenoveli. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 11 (UMBUZO OMFUSHANE) KUNJALO-KE – MJ Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA C Kwathi kugamanxa ihora lesishiyagalolunye ekuseni, indlu yesonto yabe seyigcwele phama. Amalungu omphakathi ayegcwele ngothi lwawo. UMzimkhulu wawudilike wonke ukuzophelezela indodakazi kaNozulu. Kwakulokhu kuhlatshelelwa, iculo likhishwa ngelinye. Umphathi wohlelo wawuqala-ke umsebenzi wakhe. 'Mndeni wakwaZuma, baba umfundisi nani nonke enikhona endlini ngiyanibingelela egameni elihle leNkosi yethu uJesu Krestu. Ngaphandle kokuchitha isikhathi sizocela ubaba umfundisi asivulele ngomthandazo,' Asukume ngeculo umfundisi. Kwathi lingakapheli wacela indlu ukuba igebise amakhanda, ivale namehlo. Nempela kwaba njalo. Waqala-ke umuntu weNkosi, waqeqebula, kwagquma, kwancinciza wonke umuntu endlini. Wathi eyoqeda zabe zigobhoza kwabaningi. Umfundisi wahlala phansi kwasukuma umphathi wohlelo. Wathatha wathi: 'Siyabonga kubaba umfundisi ngomkhuleko. Siyabonga kakhulu. Sengizothatha leli thuba ngilinikeze omunye ozokhulumela umndeni.' Kwasukuma uninazala kamufi, wathatha wathi: 'Mphathi wohlelo, baba umfundisi nani nonke bantwana beNkosi ngiyanibingelelela. Ngaphambi kokuba siqhubeke nomsebenzi weNkosi, ngithanda ukuba ngidlule enhlambulukweni bathandwa bakaThixo.' Asho maqede izinyembezi zigcwale amehlo. Akhicileke akhale. Kwabe sekuqalwa iculo. Ekupheleni kwalo wathatha wathi: 'UMaKheswa lo ngumalokazana wakwami ebengimthanda kabi. Ngeshwa lami bandla ubengangithandi yena. Ubekhombisa ngokusobala ukuthi yena akavundlanga kulesi sami isisu. Ngikhuluma nje wahamba kule ndawo enginukile ethi ngiyamthakatha; ethi ngithumela omantindane bami ukuba babulale ingane yakhe.' Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/2016 SCE Akhale futhi. Kuqalwe iculo. Kwathi lapho liphela khona, wathatha wathi: 'Nakuba kunjalo bathandwa beNkosi, angizange nakancane ngamzonda umfazi womntanami. Kuthe khona sesithola umbiko ngabalingani bethu wokuthi umalokazana wakwami uyagula esibhedlela, saphatheka kabuhlungu kabi. Asibange sisananaza sinomyeni wami, kodwa saphikelela khona. Samfica-ke umfazi womntanami. Okungithokozisayo bazalwane wukuthi wazixolisela ngomlomo wakhe kimina. Awu, babusisiwe labo abayokwazi ukuvuma izono zabo ngaphambi kokuba badlule kulo mhlaba. Nomalokazana wakwami waba naleyo nhlanhla.' Baqale iculo lokumbongela eNkosini. Kwathi lingaphela, uninazala waqhuba futhi: 'Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, besifihla indodana yami uMtalaselwa khona lapha ekhaya.' 11.1 Kwakungubani igama lomlingiswa oyindodakazi kaNozulu nembangela yokuhlangana ngayo kule ndawo? (2) 11.2 Sizathu sini esadala ukuba uMaShandu akhulume ngomalokazana wakwakhe kanjena nalokho okwenza athi ubengamthandi ngokwalesi siqeshana? (2) 11.3 Chaza indlela abantu ababesemngcwabeni kaMaKheswa abavezwe ngayo kulesi siqeshana. (2) 11.4 Chaza kafushane ukulandelana kwezigameko ezisemqoka empilweni kaMoloi ngemuva kokuxoshwa kwakhe esikoleni eZenzele. (4) 11.5 Qhathanisa isimo abakuso uMaNzimande ngenkathi uLizzy emtshela ukuthi aqaphele uDumazile nangenkathi uSithole engalalanga ekhaya okokuqala. (3) 11.6 Ngabe umlingiswa onguMoloi ube namthelela muni ngokwesimo senhlalo emndenini wakwaKheswa? Sekela impendulo yakho. (3) 11.7 Ucabanga ukuthi la mazwi omlingiswa onguMaShandu athi, 'angizimisele nakancane ukuba ngime endleleni yakhe noMdali wakhe' awethula ngosuku lomngcwabo kaDumazile akwelekelele kanjani ekuqondeni uthando phakathi kukaMaShandu noMaKheswa? Sekela impendulo yakho. (4) 11.8 Uyavumelana nombono othi uKheswa ungumlingiswa oyindilinga? Sekela impendulo yakho. (2) 11.9 Xoxa ngokuphumelela kwesu lombhali ekusebenziseni umlandi kulesi siqeshana. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/2016 SCE ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 12 (UMBUZO OMUDE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Phawula ngokuphumelela kombhali ukwethula isakhiwo somdlalo othi: Kudela Owaziyo, ngaphansi kwalezi zihlokwana: Isethulo, ukubhebhetheka kodweshu, isixakaxaka, uvuthondaba, isiphetho. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza isakhiwo somdlalo. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi kubhekiswa kulokhu: Isethulo, ukubhebhetheka kodweshu, isixakaxaka, uvuthondaba, isiphetho. • Ukuveza uvo lwakho ngempumelelo yombhali ekwethuleni isakhiwo kulo mdlalo. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 13 (UMBUZO OMFUSHANE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA D (Khona manjalo ehle eseshwibeka embhedeni esalokhu egqoke amaphijama akhe lawo maqedane ahoshe insilana ngaphansi kombhede. Amhlubule ingubo umkakhe amdonse ngengalo maqedane akhwele adilike ngayo emhlane, ezinqeni ayehlise nangamahlombe imbala. Azame ukumephuca esandleni kodwa imizamo yakhe iphelele ezeni. Akhale abe wuqanduqandu uMaMlanduli.) MAMLANDULI: (Ukhuluma enhlinhliza) Kulungile! Ngithi ngishaye uze ungibulale uma uthanda kodwa okusalayo wukuthi uyoyithola ngifile le nto oyifunayo. Akumele ume ngeqholo lokuthi wangilobola ngoba ufuna konke ngempoqo nangendlovu yangena. Awungilobolelanga khona phela ukuba ngibe yisigqili socansi okumele usehle isitafu nje noma yikanjani ukuze kwaneliseke izinkanuko zakho. (Kuwo lowo mnyama kuzwakale ukudlukuzeka kwehendlela lesicabha sekamelo yilona ongaphandle. Kuxakekwe nje ukuthi uLondiwe lona ubusevuke nini ekamelweni lakhe maqedane washwibeka emhubheni wendlu eqondene nekamelo labazali bakhe ngokushesha okungangokucwayiza kangaka.) LONDIWE: (Uzwakala engaphandle kwekamelo) Kodwa kwakhala nyonini kulo muzi bakithi? Ngivuleleni ngizokhuza umhlola. (Umsindo wokudlukuzisa ihendlela nokubhaklaza isicabha usalokhu uqhubekile nje ngokungenamkhawulo lapha kuLondiwe ngakolunye uhlangothi lwekamelo.) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/2016 SCE MDALULI: (Uzwakala ngesankahlu engaphakathi.) Udlala ngesikhathi nje wena Londiwe uma ucabanga ukuthi uzongena eyethu bazali bakho. Mina ngisaziqondisela izigwegwe nje lapha kunyoko. LONDIWE: (Uzwakala engaphandle ngezwi elinokuhefuzela.) Enough is enough! Ngithi sekwanele-ke manje baba namanje awukafuni wena ukuwuyeka lo mkhuba wakho wokudlala ngomame? Kungcono ngisale sengifa lapha kofela khona umame mina kunokuba ngibekezelele la manyala. Ngiyasigqekeza futhi manje lesi sicabha mina ngoba angivulelwa muntu. MDALULI: (Uzwakala engaphakathi) Sengathi ungake ulinge nje. Inkosi impela uyokubona okwabonwa ngumlisa mumbe owanyathela umthente engafake zingxabulela ezinyaweni. (UMaMlanduli usalokhu ekhala lapha ngaphakathi njengalokhu sisamnetha nje isibhaxu.) LONDIWE: (Uzwakala ngaphandle) Kodwa nawe mame uthatha kude kakhulu. Angazi nje ukuthi uncengeni kubaba kangaka njengalokhu ekuhlukumeza kangaka ngalolu hlobo kodwa wena ujike ungambophisi. Abantu besilisa abenze nje badinga ukuboshwa ngempela. Kungagcini lapho futhi. Kuphinde kucelwe nencwadi yesivikelo emaphoyiseni ukuze ibenqabele ukwenza noma yini kuwe ngesihluku. Mina ukuba umuntu owenza njengobaba uganwe yimina nje, bengingamgeza igilo libemhlophe qwa ngimkhombise ukuthi angisiyona neze into yokudlala. (Ngokushesha uLondiwe aphumele phandle kwendlu nemfonomfono yakhe leyo ebizwa ngomakhalekhukhwini.) 13.1 Nika izizathu EZIMBILI ezaba yimbangela yesimo senhlalo esingesihle kulesi siqeshana. (2) 13.2 Yiziphi izinyathelo EZIMBILI ezathathwa uLondiwe ukuze kunqandwe lolu dweshu olukulesi siqeshana. (2) 13.3 Chaza indikimba equkethwe yilesi siqeshana. (3) 13.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU iphupho likaMdaluli elethulwe esingenisweni salo mdlalo. (3) 13.5 Umphumela wokwenzeka kumlingiswa onguHeshane unikeza sifundo sini/myalezo muni kumfundi walo mdlalo? (3) 13.6 Ngabe inkulumo yomlingiswa onguChivenga mayelana nezizathu azibalayo uma ezoqomisa uHlengiwe imveza njengomlingiswa onjani uChivenga? Sekela impendulo yakho. (3) 13.7 Iyini inhloso yombhali yokwethula ipholavuthondaba kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (4) 13.8 Ucabanga ukuthi isenzo somlingiswa onguHlengiwe sokuqoma uChivenga enesoka lakhe uManqina siyakholakala? Sekela impendulo yakho. (2) 13.9 Uyazwelana yini nomlingiswa onguMemela mayelana nesigameko sokuboshwa kwakhe ngemuva kokushaya uChivenga? Yikuphi ongakwenza wena uma ungahle ubhekane nalesi simo? (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/2016 SCE UMBUZO 14 (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Phawula ngokuphumelela kombhali ukwethula isakhiwo somdlalo othi: Awuwelwa Umngeni, ngaphansi kwalezi zihlokwana: Isethulo, ukubhebhetheka kodweshu, isixakaxaka, uvuthondaba, isiphetho. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza isakhiwo somdlalo. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi kubhekiswa kulokhu: Isethulo, ukubhebhetheka kodweshu, isixakaxaka uvuthondaba, isiphetho. • Ukuveza uvo lwakho ngempumelelo yombhali ekwethuleni udweshu kulo mdlalo. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] UMBUZO 15 (UMBUZO OMFUSHANE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA E SALIMANI: Ngilapha phakathi kwenu namuhla ukuzonazisa ukuthi uHulumeni ngomlomo kaZithulele ethunywa uSomtsewu uthi le ndawo yakwa Vimbingwenya kanye nephakathi kwemifula uMngeni noMkhabela enakhe kuyona useyangephuca yona uyinika abelungu bakubo. (Ahwaqabale.) ABANTU: Hhawu! (Baxokozele kubenobuxokololo bekhononda bezwakalisa ukungavumelani nalokhu okushiwo nguSomtsewu.) MCONDO: (Asukume) Ake kuphinde kuthule-ke futhi iNkosi isaqhubeka nokuchaza. ABANTU: (Kubekhona abathi) Usiwelisa uMngeni ngasizathu sini nje nempela? (Abanye bathi) Unamagangangozi. (Kubekhona nabathi.) Uzidlalela ngegeja kuziliwe. (Kubuye kuthule futhi kuthi cwaka.) SALIMANI: Kuzwakala ngemvunge yokuvungama kwenu ukuthi aneneliswa nakancane yilesi senzo. Angithi kunjalo? BONKE: Kunjalo! (Bephakamisa izandla ngobuningi babo) SALIMANI: UZithulele ngimtshelile lokhu. UZithulele ngimtshele ngamdonsa ngendlebe ukuthi nina aniwuweli uMngeni. Ngimtshelile ukuthi abelungu abawuweli uMngeni. Uthi-ke isizathu salokhu kwenza kwabo, yingenxa yesicelo sabelungu. Bathi njengoba umfula uMngeni waphanjulwa uzamcolo nje esikhondweni sawo, zolo lokhu, ingxenye yawo enkulu yase ishaya nganeno, lowo yiwona mngcele omdala wendabuko. Uthi bathi-ke uma umngcele wawuvele unjena uVimbingwenya wayeyoba yingxenye yamapulazi. ABANTU: Hhawu! (Kube nokuvungama nobuxokololo.) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/2016 SCE SALIMANI: Lolu daba sesilunkankanye kabanzi nabafowethu nezinduna NoNdabazabantu uZithulele sengimtshele kwaze kwakabili ukuthi kuhlala kuthiwa uHulumeni akaphikiswa nje, ngaleso senzo, udlala ngomlilo. Ngizothanda ukuzwa elenu ilaka ngoba ngimtshelile izolo ukuthi nanxa ngingahambisani nakancane nalesi sinqumo sabo kodwa ngizonixoxela le nsumansumane. Ngizothanda ningakaphefumuli kekuphefumule nazi izinduna nabafowethu bona asebeke babanami ngiyilwa le mpi. MBONGOLO: Nomadlikidlikana ngokudlikiz'indod'ivunule. Wena kaMashwilansimbi! (Esukuma) Mina ngibona kufanele kuqine bona abantu bakwaVimbingwenya, baseMngeni nabaseMkhabela ekwesekeleni iNkosi emizamweni yayo yonke yokuvimba ukufezeka kwale nhloso enganambitheki ngalezi ndawo. Sonke asisabulali ubuthongo ngenxa yalolu daba. Lolu daba olungadingi nje ukumelwa ngezinyawo uMntakaManyosi lona eyedwa noma noVimbingwenya, uMngeni noMkhabela bebodwa. Udaba lolu oludinga amaqhinga esizwe sonke sikaManyosi. ABANTU: Elethu! MBONGOLO: Okubalulekile kakhulu kodwa ngokubona kwami ukuba nina nonke ngothi lwenu nime niqine nibambisane neNkosi nozalo nezinduna emizamweni yethu yokuhebeza la magangangozi. (Anyukubale) Yinselelo enkulu cishe kunazo zonke lena kwesake sabhekana nazo, ngaphandle kwezimpi. (Ahlale phansi) 15.1 Nika izizathu EZIMBILI ezaba yimbangela yesimo senhlalo esingesihle kulesi siqeshana. (2) 15.2 Yiziphi izinyathelo EZIMBILI ezathathwa nguSalimani ukuze kunqandwe udweshu olwalungase luqubuke ngenxa yokuthathwa kwezindawo ezibalwe kulesi siqeshana? (2) 15.3 Chaza indikimba equkethwe yilesi siqeshana. (3) 15.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU abekwa uZithulele esingenisweni salo mdlalo enza uHulumeni afune ukuklama kabusha imingcele. (3) 15.5 Myalezo muni umbhali awedlulisa kulo mdlalo? Bhekisa impendulo yakho kumlingiswa onguMphiliphili? (3) 15.6 Ngabe isinqumo sejaji laseMgungundlovu sokubuyisela iNkosi uSalimani izwe layo siliveza njengomlingiswa onjani ijaji. Sekela impendulo yakho. (3) 15.7 Iyini inhloso yombhali yokuphetha ngovuthondaba kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho ngokwenzeka kulo mdlalo. (4) 15.8 Ucabanga ukuthi isenzo somlingiswa onguNomehlo sokwethembeka emsebenzini wakhe kulo mdlalo siyakholeka? Sekela impendulo yakho. (2) 15.9 Uyazwelana yini nabantu basemapulazini mayelana nesimo abazithola sebekuso kulo mdlalo? Yikuphi ongakwenza wena uma ungahle ubhekane nalesi simo? (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all