Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 1 NSC June 2016 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 12201612 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 1 question paper from the NSC June Exam 2016, 12 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2016

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com GRAAD 12 SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LOKUQALA (P1) 2016 AMAMAKI: 70 ISIKHATHI: Amahora ama-2 Leli phepha linamakhasi ayi-12. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 2 DBE/2016 SCE IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30) ISIQEPHU B: Ukufingqa (10) ISIQEPHU C: Izakhiwo nezimiso zokusetshenziswa kolimi (30) 2. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha. 3. Qalisa ISIQEPHU NGASINYE ekhasini ELISHA. 4. Dweba umugqa emva kwesiqephu NGASINYE. 5. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhalwe emibuzweni. 6. Yeqa umugqa emuva kombuzo ngamunye. 7. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. 8. Ungasebenzisa isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-30 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-40 9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 3 DBE/2016 SCE ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1: UKUFUNDELA UKUQONDISISA 1.1 Fundisisa UMBHALO A ubuye ubukisise NOMBHALO B ongezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO A (OFUNDWAYO) OSAZIWAYO 1 Osaziwayo ngabantu abadume ngenxa yezenzo zabo ezahlukene. Bayaduma ngenxa yezenzo zabo nemisebenzi egqamile abayenzayo kuneyabanye abantu. Le misebenzi yenza bavele komabonwakude futhi kubuye kubhalwe ngabo emabhukwini, ezincwadini nasemaphephandabeni. Banabalandeli abayinqwaba ezinkundleni 5 zokuxhumana. Osaziwayo kungaba abantu abancane ngeminyaka kuye kwabadala. Intsha iyayithanda impilo yokuba ngosaziwayo ihlushwa yikho ukuthi akuyena wonke umuntu oba usaziwayo. 2 Ukuze umuntu abe ngusaziwayo kumele abuke indlela abaphila ngayo osaziwayo abasemkhakheni akuwona ngokomsebenzi. Angalucela 10 usizo kulabo asebemnkantsha ubomvu kulo mkhakha. Indlela aziveza ngayo umuntu emphakathini kanye naleyo abukeka ngayo ingambeka ezingeni lokuba usaziwayo. Kubalulekile ukuba umuntu ongusaziwayo axhumane nabanye osaziwayo abuye azakhele ubuhlobo obuqinile nabalandeli bakhe. Ukuba ngusaziwayo kusho ukuba umuntu ohlale 15 ezicuphile ngemfashini futhi ohamba imicimbi yezinga eliphezulu. Lokhu ukwenzela ukuba abalandeli bakhe bambone naye ukuthi ungumuntu okwaziyo ukucupha izikhala. Abanye osaziwayo baze babe nabaqaphi babo. 3 Akukho okufihlekile njengembewu yamabele empilweni yomuntu 20 ongusaziwayo. Kuyabahlukumeza osaziwayo ukuthola zonke izindaba zabo zenekelwa izwe uma kwenzekile usaziwayo othile watholakala esephutheni. Uye abe ngundabuzekwayo emaphephandabeni, emisakazweni nasezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kungamcekela phansi uma engumuntu obuthaka nozwelayo. Kungalehlisa nezinga 25 lomsebenzi kanye nelabalandeli bakhe. Amahlebezi aye akholakale kalula bese usaziwayo eswela ngisho umgodi wokucasha ngenxa yengcindezi asuke esebhekene nayo. Lapho-ke izitha zakhe zisuke sezigiya ngethambo lakhe zingasakhumbuli nokuncane okuhle ake wakwenza. 30 4 Zikhona izikhathi eziba zinhle kosaziwayo abathile. Baye badume izwe lonke, bathandwe kuhle kwemali. Kuye kuhlekise ukuthi abalandeli babo ababe besanaka ukuthi labo ababathandayo bagqoke kanjani futhi badla ukudla okunjani inqobo nje uma besaqhubeka nokubajabulisa. Ngalezi zikhathi ezinhle empilweni yosaziwayo kufanele nabo babe 35 isibonelo esihle futhi basebenze ngokuzikhandla bebeka imali le abasuke beyizuzile ukuze ibasize ngelinye ilanga ngoba ikusasa alaziwa kulokho abakwenzayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 4 DBE/2016 SCE 5 Osaziwayo abaningi bangamasakabuli. Kuke kube sengathi umqhudelwano lapho bechitha imali eningi bezijabulisa nabangane 40 babo benza izinto ezingababuyisela emuva ekugcineni, abangagcina sebehlekwa nayizinyoni. Bayakhohlwa ukuthi izihlabathi ziyagqibana. Akulona icala ukuzijabulisa komuntu osebenze kanzima futhi oyibekayo inkece. Inkinga ibakhona uma usaziwayo engazange alihlelele ikusasa bese egcina edla imbuya ngothi uma udumo selushabalele. Abanye 45 babo ababe besakwazi ukubhekana nesimo sokuphelelwa udumo, bese becwila otshwaleni noma ezidakamizweni. Kuyadabukisa ukubona umuntu obekade aziwa izwe lonke eseshaywe umhlaba, esengumtshingo ubethwa ubani. Abanye babo baze bangcwatshwe yiyo imiphakathi ngoba bengasenalutho. 50 6 Izinkampani zemikhiqizo ethile zike zisebenzise osaziwayo ukuze imikhiqizo yazo ibe nedumela futhi ithengwe ubuthaphuthaphu. Kuhle lokhu ngoba kusho ukuthi osaziwayo bayingxenye yabantu abakhuphula umnotho wezwe. Yingakho-ke kubalulekile ukuba benziwe izicukuthwane lapho besuke bemenywe khona. Bahehela abahleli 55 bomcimbi inqwaba yezethameli kanye nabakhiqizi. Ukuvakasha kosaziwayo beya emazweni angaphandle kwaleli beyoveza amakhono abo ehlukahlukene kuyalenza izwe lethu libe nesithunzi futhi lihehe nezivakashi. Inkampani ekhangiselwa ngusaziwayo othile inelungelo lokumisa inkontileka phakathi kwayo naye uma eziphethe budedengu. 60 Isuke ingathandi ukulahlekelwa ukwethenjwa ngamakhasimende ayo ngenxa yakhe. 7 Kuyenzeka osaziwayo bazithole bengungwa ngabantu ngisho bethi bazipholele nemindeni yabo. Ababe besakwazi ukungcebeleka kahle ngoba ukubonwa kwabo kuba ukuzosa uqobo. Abanye babo bazithole 65 sebelandelwa nayizigebengu. Lezi zigebengu ziye zibethuse noma zifune bazinake ngokuba zithumele imiyalezo esabisayo kubona. Osaziwayo abaningi bagcina sebephila impilo yokwesaba ngenxa yokungazi ukuthi ngobani abasuke bebacuthele noma bebalandela lapho behamba khona. Ngabantu abaphazamisekile engqondweni 70 abahlukumeza osaziwayo ngale ndlela. 8 Osaziwayo kufanele bathandwe kodwa kubuywe nganeno. Bakhona abantu abadala nabancane asebeqalile ukulingisa nokwenzisa okosaziwayo. Babenza izithixo zabo ngendlela yokuthi bangakudla bakufele uma ukhuluma kabi ngosaziwayo abamthandayo. Baze 75 bazilungise noma bagqoke njengabo. Bayakhohlwa ukuthi impilo yosaziwayo ayihlezi iwuhlobo lwempilo umuntu angayiphila nsuku zonke noma eyamukelwa yiwo wonke umuntu. 9 Osaziwayo bayadinga ukuxhaswa ngoba ukusimama kwempilo yabo kusezandleni zomphakathi. Kubalulekile ukuthi nabo bakuqinisekise 80 ukuba yizibonelo ezinhle futhi bayithuthukise impilo yabo. [Own source] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 5 DBE/2016 SCE 1.1.1 Nikeza isizathu esenza ukuba isifiso sentsha sokuba ngosaziwayo singafezeki ngendlela ethandwa yiyo. (1) 1.1.2 Kubangelwa yini ukuba osaziwayo izinto abazenzayo zigcine sezibadumise umhlaba wonke? Nikeza kube KUBILI. (2) 1.1.3 Thola okufanayo phakathi kwabanye osaziwayo kanye namasakabuli. (2) 1.1.4 Chaza kafushane umqondo ofanayo oqukethwe isigaba sesi-3 nesesi-7 bese usho ukuthi kunamthelela muni ezimpilweni zosaziwayo. (3) 1.1.5 Khetha impendulo enembayo kulezi ozinikeziwe. Isimo sokukhuluma esidwetshelwe esigabeni sesi-5, sichaza ukuthi impilo … A iyaguquguquka. B ayiguquki. C iyahlaba. D iyahlonishwa. (1) 1.1.6 Ucabanga ukuthi kubangelwa yini ukuba osaziwayo abaningi babe nabantu ababaqaphayo? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 1.1.7 Humusha isitatimende esibhalwe ngokugqamile esigabeni sesi-5 ngamaphuzu AMABILI bese uwasekela. (4) 1.1.8 Hlaziya bese ubeka umbono wakho ngesitatimende esidwetshelwe esigabeni sesi-8. (2) 1.1.9 Phawula ngempumelelo yombhali ekusebenziseni izimo zokukhuluma esigabeni sesi-4. (2) KANYE NO Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 6 DBE/2016 SCE 1.2 Bukisisa lezi zithombe zosaziwayo ezingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO B (OBUKWAYO) 1 2 3 [Icashunwe ku-inthanethi, SA celebrities] 1.2.1 Shono ukuthi kungani usaziwayo osesithombeni sesi-2 ebukeka ejabulile. (2) 1.2.2 Chaza kafushane umehluko womuzwa oqukethwe isithombe soku-1 kanye nesithombe sesi-3. (2) 1.2.3 Emva kokufunda UMBHALO A esigabeni sesi-6 kanye nokubuka UMBHALO B isithombe sesi-3, ucabanga ukuthi kungaba namphumela muni ukulahlekelwa uxhaso kosaziwayo ezimpilweni zabo? Sekela impendulo yakho ngamaphuzu AMANE anembayo. (4) 1.2.4 Phawula ngomyalezo odluliswa izithombe ezikula mabhokisi amathathu mayelana nokuziphatha kosaziwayo bakuleli. (2) AMAMAKI ESIQEQPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 7 DBE/2016 SCE ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2: UKUFINGQA ISIQESHANA NGAMAGAMA AKHO Lesi siqeshana esilandelayo (UMBHALO C) simayelana nezindlela zokuphikisana ngokuthula. IMIYALELO: 1. Fingqa lesi siqeshana esikhuluma ngokuphikisana ngokuthula usebenzise amagama akho angeqile kwangama-70. 2. Fingqa ngesigaba. 3. Ungabe usasibhala isihloko uma usufingqa lesi siqeshana. 4. Bhala inani lamagama owasebenzisile ekugcineni kwesiqeshana osifingqile. UMBHALO C NINGAPHIKISANA NGOKUTHULA Kunzima ukugwema ingxabano phakathi kwabantu abathandanayo kodwa indlela eniphikisana ngayo ingabulala noma yakhe ubudlelwane benu. Yibani nendlela ephusile nevuthiwe yokuphikisana nesithandwa sakho uma ninezinkinga. Uma ucasukile kuba lula ukuthi ukhulume noma yini. Gwema ukukhuluma amazwi ayiziswana uwabhekise kumuntu othandana naye ngoba kungukudelela lokho. Akugcini ngokuveza ubuluhlaza bakho kodwa kukhombisa ukuthi lukhulu enilubangayo akusikho nje lokhu okunixabanise manje. Ukuqophisana ngamazwi akuwudambisi umlilo kodwa kuwubhebhethekisa kakhulu. Uma nixabana nisuke nigonyukelelana nikhipha konke okunihluphayo okungaphakathi. Lowo ohlekisana naye angaba nemibono nawe okufanele uyicubungulisise, ngakho- ke zinikezeni ithuba lokulalelana nobabili ngokulinganayo. Akukho okubi ekutheni nawe ufuna ukulalelwa kodwa qinisekisa ukuthi nawe uyalalela ukuze kugwemeke ukuthi njalo nihlale nixabana. Uma uthetha usuke usuweqile umgomo wenhlonipho, okudala ukuthi lo oxabana naye agcine engasathi vu, usukhuluma wedwa njengohlanya. Ngeke ezwe lutho uma umemeza. Kanti akekho nongalalelana nomsindo wakho uma umemeza. Yehlisa umoya ukhombise ukukhula, ukhulume ngezwi lakho elejwayelekile ukuze umbono wakho uzwakale kahle futhi wemukeleke. Ingabe ingxabano yenu igcina isithinta zonke izigemegeme ezake zenzeka ebudlelwaneni benu? Gxila kulokhu enikubangayo, ukuvusa ezakudala ngeke kunisize. Okunye niyobuye nikubone ngoba ukuhlanganisa izinto kungadida kakhulu. Kungcono nibhekane nezinto ngaleso sikhathi ezenzeka ngaso. Uma nizifundisa lokho nizoqhubekela phambili, ubudlelwane benu bukhule. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 8 DBE/2016 SCE Uma isixazululo senkinga enibhekene nayo ningasitholi, tholani umuntu wesithathu onganisiza. Lowo muntu kungaba umfundisi wenu, udokotela wezengqondo noma-ke yimuphi umuntu omdala kunani futhi enimhloniphayo onganisiza ngoba kusuke sekucacile ukuthi anisizakali. Uma nisheshe nakwenza lokhu nizogwema umonakalo omkhulu obungabheduka ebudlelwaneni benu. Ungafaki abantu abaningi ezindabeni zengxabano yakho nesithandwa sakho. Ulungile umuntu oyedwa noma ababili enibethembayo, hhayi uquqaba. Uma nifaka noma ubani kungabukeka sengathi kukhona ovuna omunye noma omunye useyahlanganyelwa, okungaholela ekutheni omunye egcine esezilwela adube nomhlangano obunezinhloso ezinhle, ezakhayo ebudlelwaneni benu. [Ithathwe yahunyushwa kuBona, January 2015] AMAMAKI ESIQEPHU B: 10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 9 DBE/2016 SCE ISIQEPHU C: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 3: UKUHUMUSHA ISIKHANGISI Fundisisa lesi sikhangisi (UMBHALO D OFUNDWAYO NOBUKWAYO) bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO D (OFUNDWAYO NOBUKWAYO) [Icashunwe yahunyushwa kuBona] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 10 DBE/2016 SCE 3.1 Shono ukuthi sibhekiswe kobani lesi sikhangisi. (1) 3.2 Lungisa igama elidwetshelwe esikhangisini usebenzise ubhalo magama olufanele. (1) 3.3 Chaza kafushane amasu asetshenziswe umkhangisi ukunxenxa abafisa ukuthenga lo mkhiqizo. (2) 3.4 Ucabanga ukuthi lo mkhiqizo ungabasiza kanjani abantu abaphila esikhathini samanje? Sekela impendulo yakho. (2) 3.5 Kungabe igama eliphindaphindiwe elithi, 'phila' liyayakha yini intshisekelo kumfundi walesi sikhangisi ukuba awuthenge lo mkhiqizo? Sekela impendulo yakho. (2) 3.6 Phawula ngezimpawu eziyizindlela zokuxhumana zesimanje ezisetshenziswe kulesi sikhangisi. (2) [10] UMBUZO 4: UKUQONDISISA EZINYE IZINGXENYE ZEMITHOMBO YEZINDABA Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO E (IKHATHUNI) [Icashunwe yahumushwa kwijerenberg, blogspot.com] 4.1 Yisho OKUBILI okukhombisa ukuthi leli gumbi elikule khathuni elasesibhedlela? (2) 4.2 Chaza kafushane ngolayini abadwetshwe phansi kule khathuni. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 11 DBE/2016 SCE 4.3 Khetha impendulo enembayo kulezi ozinikeziwe. Inkulumo yesibili kadokotela okule khathuni ikhombisa … A ukujabulela umsebenzi wakhe. B ukungabi nalo ulwazi. C ukwamukela isiguli ngokumamatheka. D ukuthakasela ukufika kwesiguli. (1) 4.4 Bhala isifinyezo segama elidwetshelwe kule khathuni. (1) 4.5 Chaza umuzwa ovezwa ubuso besiguli kule khathuni. (2) 4.6 Ake uphawule ngomyalezo odluliswa umdwebi wale khathuni. (2) [10] UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO F ISIKO LOKUCIMELA Isiko lokucimela lenziwa intombazane esuke isilotsholiwe. Ukucimela kusho ukuyocela izipho komalume ngoba usuke usuzohamba uye kogana. Intombazane icimela koninalume. Intombazane uma iya kocimela iye ihambe nempelesi okuyiyona ezoyikhulumela. Lokhu kwenziwa ngoba yona kungasafanele ikhulume. Umalume osuthayo uyaye enze isiqiniseko ukuthi intombazane iyalala ukuze 5 ezoyihlabela imbuzi. Uma omalume bengabophi inja nogodo bangamupha izimbuzi eziningi angagcina esezifuya. Okanye angacela ukuba azisise bese zishaywa uphawu. Oninalume besifazane bona bamcimelisa ngezipho ezifana namacansi, amavovo, izinkamba nezicephu kanye nokunye okuyizipho eziyolekelela lapho esabela abasemzini. 10 Emva kokucimela koninalume intombazane ibe isidlulela koyise. Iyaye iye kwayise omncane bese idlulela kwayise omkhulu. Kanjalo uma ithola ithuba iyaya nakwa- anti. Ayigcini ngokucimela ezihlotsheni kuphela. Nomakhelwane nabo abasali ngaphandle. Kepha uma ingabange isalithola ithuba lokucimela kubo bonke, abasele sebeyoyilethela izipho emgonqweni. Izipho azivamisile ukuhamba zodwa. 15 Izipho zivame ukuhamba nezeluleko. Intombazane iyalulekwa ukuthi kuyabekezelwa emendweni. Ukucimela kumele kuphothulwe kungakaqalwa ukuphiswa kotshwala. Ngaphambi kokuba bugaywe utshwala kubalulekile ukuba kuqalwe ngokuyolanda izinkomo zelobolo. Ziyonede zingagcwala isibaya, lusuke ushikishi. 20 [IsiZulu soqobo ibanga lesi-8] 5.1 Shono ukuthi isakhi esidwetshelwe egameni elisemgqeni woku-1 siqukethe mqondo muni. (1) 5.2 Sebenzisa isiqu esibhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-2 emshweni ozakhele wona sesiqukethe umqondo ohlukile kunalo osesiqeshini. (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 12 DBE/2016 SCE 5.3 Phinda ubhale lo musho osemgqeni wesi-4 igama elidwetshelwe selikhomba umqondo wokwenzeka. (1) 5.4 Igama elibhalwe ngokugqamile emgqeni we-13 liyigama eliwumfakela. Phinda ubhale lo musho ususebenzise igama lesiZulu elifanelekile. (1) 5.5 Phinda ubhale umusho osemgqeni we-16 isingasenzo sesikhomba ukulandula. (1) 5.6 Khetha impendulo enembayo kulezi ozinikiwe. Isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-6 kuya kowesi-7 sichaza … A ukuphana. B ukuncishana. C ukungoqa. D ukusiza. (1) 5.7 Hlanganisa umusho otholakala emgqeni we-15 kuya kowe-16 ukuze kwakheke umusho ombaxa. (2) 5.8 Sebenzisa igama elimele ibinzana lala magama adwetshelwe emgqeni we-19 emshweni ozakhele wona ukuze kugqame ukuthi incazelo yaleli gama uyayiqonda. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU C: 30 AMAMAKI ESEWONKE: 70 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all