You're offline
Skip to content
Question paper

IsiZulu HL P2 Nov 2022 MG_hlayiso.com_.pdf

Subject: Isizulu HlGrade 12202233 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE NATIONAL IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) LWEZI 2022 UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA AMAMAKI: 80 Lo mhlahlandlela wokumaka unamakhasi angama-33. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka Imiyalelo yokumaka leli iphepha 1. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo engaphezulu kwalena ebekumele ayiphendule, maka kuphela impendulo yokuqala/okokuqala okuphenduliwe. (Ohlolwayo akumele aphendule umbuzo omude kanye nombuzo omfushane encwadini eyodwa/efanayo) 2. Uma ohlolwayo ephendule yonke imibuzo emine esiqeshini A, (izinkondlo ezimiselwe), maka kuphela ezimbili zokuqala. 3. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo emibili emifushane noma emibili emide esiqeshini B no C, maka impendulo yokuqala ngesiqephu bese uyayiyeka impendulo yesibili. Uma ohlolwayo ephendule yonke imibuzo emine, maka impendulo yokuqala kuphela isiqephu ngasinye, uma kuya ngokuthi umbuzo omfushane kanye nomude uphenduliwe. 4. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo emibili bese impendulo yokuqala ingashayi emhlolweni kanti eyesibili ishaya emhlolweni, maka eyokuqala bese uyayiyeka eyesibili. 5. Uma ohlolwayo ebhale izinombolo zemibuzo ngokungeyikho, maka njengoba izinombolo zikhonjiswe umhlahlandlela wokumaka. 6. Uma isipelingi siguqule umqondo wempendulo, makanganikwa amamaki ohlolwayo. Uma isipelingi sinamaphutha kodwa singawuguquli umqondo wempendulo, makanikwe amamaki agcwele ohlolwayo. 7. Imibuzo emide Uma ohlolwayo ephendule umbuzo omude waba mfushane kunenani lamagama anikeziwe ungamphuci amamaki ngoba vele useziphuce yena. Uma impendulo iyinde kakhulu maka ubheke umqondo oqukethwe impendulo bese uxoxisana nalowo ophethe iqembu labamakayo (Senior marker). Sebenzisa irubhriki eyisingezelelo A no B ukumaka nokunikeza amaphuzu ombuzo omude walowo ohlolwayo. 8. Imibuzo emifushane Uma ohlolwayo engasebenzisi omacaphuna (inverted commas) uma ecelwe ukuba acaphune, ungamphuci amamaki. 9. Imibuzo evulekile, awekho amamaki anikezwa u-YEBO/QHA noma NGIYAVUMA/ANGIVUMELANI. Isizathu/ukwesekela/ukwenaba yikhona okunikezwa amamaki. 10. Awekho amamaki atholwayo ngo-YIQINISO/AKULONA IQINISO noma UMBONO/IQINISO. Isizathu, ukwesekela/ukwenaba yikhona okunikezwa amamaki. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU A: IZINKONDLO UMBUZO 1: UMBUZO OMUDE 'KWANDONGAZIYADUMA' – EJ Mhlanga  Ungasebenzisa la maphuzu kanye namanye njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. Izimpendulo zingahluka ngokuthi umfundi uyiqonde kanjani inkondlo.  Sebenzisa irubhrikhi yokuhlola lo mbuzo esekhasini lama-32. ISINGENISO: Ohlolwayo makaxoxe ngekhono lembongi lokwethula isigqi . Isigqi- Umgqumo omnandi wenkondlo. Isigqi singashesha noma sinense/sicothoze. Isigqi singathulwa yizimpawu zokuloba, ubude nobufushane bemigqa, umoya wenkondlo kanye nomqondo wenkondlo. Kule nkondlo isigqi sakhona sixubile. UMZIMBA  Ibinza loku-1- Isigqi sale nkondlo siyashesha ngenxa yomoya wokujabula nemigqa evalekile yonke, inezimpawu zokuloba nokweqiwa konkamisa. Imbongi ijatshuliswa ukuthola ulwazi oluqaqa ingqondo yayo.  Ibinza lesi-2 - Isigqi siyanensa ngenxa yomoya wokukhathazeka/wokubalisa nemigqa evalekile yonke enezimpawu zokuloba nokweqiwa konkamisa. Imbongi ikhathazwa ukuthi kunamaqhawe akwaZulu adlula emhlabeni elwela isizwe angazange athole ulwazi futhi engaganwanga.  Ibinza lesi-3 - Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuncoma, izimpawu zokuloba nokweqiwa konkamisa. Imbongi incoma ukuthi le mfundo iletha ukukhanya kubantu abafunda baze bafika emazingeni aphakeme, bayeka ukulwa.  Ibinza lesi-4 -Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokubonga, nezimpawu zokuloba nokweqiwa konkamisa . Imbongi iyabonga ukuthi sebefunde baphumelela ngenxa yemfundo. Sebesezikhundleni eziphezulu, bahlezi kahle, sebelinde ukuba bathole ingcebo.  Ibinza lesi-5- Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuncoma. Kunezimpawu zokuloba nokweqiwa konkamisa. Imbongi incoma ukufundiswa ngabantu abahlukene babanika imfundo esezingeni eliphezulu. Imbongi inethemba lokuthi ekugcineni bazosebenza. Impendulo kumele ibe nezibonelo ezifanele. ISIPHETHO/UVO LOMFUNDI: Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe. Imbongi isebenzise imigqa, izimpawu zokuloba kanye nokweqiwa konkamisa ukwethula isigqi senkondlo. [Makunikezwe amamaki aphelele ngempendulo esekelwe kahle] [Impendulo eyi-eseyi ehleleke kahle ngokwemigomo yokubhalwa kwe-eseyi. Mayibe namagama ayi-190 kuya kwangama-240] [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMBUZO 2: UMBUZO OMFUSHANE 'IZIBONGO ZIKAKUFAKWEZWE' – MSS Gcumisa 2.1 Indikimba yale nkondlo ubuqhawe. [Nikeza imaki ELILODWA uma egagule indikimba.] (1) 2.2 Imbongi kule nkondlo ibongela ubuqhawe benkosi eseyakhothama yakwaGcumisa ngeqhaza eyalibamba ukuletha ukuthula ezweni layo. Incoma ukuletha ukuzwana okwaba khona emuva kwezimpi ezase ziqede abantu abaningi zabhubhisa nemizi eminingi. Iphinde iveze nokuthi kukhona abazama ukuyidukisa ngokuyinika izeluleko okungezo. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma echazile umqondo otholakala kule nkondlo.] (3) 2.3 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukukhombisa ukuthi umqondo walokhu ekushoyo uphelela emigqeni elandelayo. Imbongi igqamisa ukukhathazeka ngoba okhokho bayo uma bengavuka bengajabha ukubona izwe labo seligcwele amathuna abantu abafa ngenxa yezimpi ezalwa ngesikhathi kubusa inkosi uKufakwezwe. [Nikeza amamaki AMABILI uma echazile i-enjambamenti wasekela ngokwemigqa.] (2) 2.4 Umoya oqukethwe umugqa wama-34 ukuya kowama-37 owokutusa ngoba imbongi itusa inkosi ukuthi ingumuntu ophokophelayo noma ngabe kukhona izinto eziyithiyayo kodwa iyaphokophela ize iphumelele. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewuchazile umoya wase esekela impendulo yakhe.] (2) 2.5 Imbongi iwakhethe kahle amagama akule migqa ngoba aveza ukuthi inkosi uKufakwezwe beyesekwa umfowabo omncane uMlindeli ekubuseni kwayo. [Nikeza amamaki amabili uma ephawulile ngokukhethwa kwamagama.] (2) [10] UMBUZO 3: UMBUZO OMFUSHANE 'NYUVESI YAKWAZULU' – LF Mathenjwa 3.1 Indikimba yale nkondlo imfundo. [Nikeza imaki ELILODWA uma egagule indikimba.] (1) 3.2 Imbongi ibonga isikhungo semfundo ephakeme iNyuvesi yaKwaZulu ebizwa ngoNgoye. Imbongi ibonga lesi sikhungo ngokuvula iminyango yaso kuzo zonke izinhlanga ezikhona. Ithi lesi sikhungo simise kabi ezinye ngenxa yezinga laso eliphezulu. Imbongi iphinde ifisele lesi sikhungo unwele olude ukuthi sime njalo. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma exoxile ngomqondo wale nkondlo.] (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 3.3 Imbongi isebenzise isingathekiso 'umzondo abawunyathele …' ukugqamisa ukuthi izenzo zale nyuvesi zifana nephunga elisabalale ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo emaXhoseni nasebeSuthwini baze bazenyeza. Imbongi iphinde yasebenzisa isingathekiso 'ilangab' elihangul' izikhotha ...' ukugqamisa ukuthi amagalelo ale nyuvesi kukhulunywa ngawo ngisho nasemanyuvesi aphesheya kwezilwandle. [Nikeza amamaki AMABILI uma uchaziwe umfanekisomqondo wasekelwa.] (2) 3.4 Le migqa iqukethe umoya wokubonga, nowokujabula. Imbongi ayazi ukuthi ingayibonga ithini le nyuvesi esisize abantu abaningi kangaka ngemfundo yize kuba khona abambalwa abagcina bengaphumelelanga. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewuhumushile umoya wasekela.] (2) 3.5 Isigqi saleli binza siyanensa/siyacothoza ngenxa yemigqa emide enamagama amade kanye nokungabibikho kwezimpawu zokuloba ekugcineni kwemigqa. [Nikeza amamaki AMABILI uma ehlaziyile isigqi wasekela.] (2) [10] UMBUZO 4: UMBUZO OMFUSHANE 'NKOSI SIKELEL' I-AFRIKA' 4.1 Indikimba yale nkondlo inkolo [Nikeza imaki ELILODWA uma ekwazile ukugagula indikimba enembayo.] (1) 4.2 Le nkondlo isamthandazo wabantu base-Afrka. Abantu base-Afrika bayakhuleka banxusa uMdali ukuthi aze akhumbule i-Afrika ezinkingeni eziningi zonke ebhekene nazo. Imbongi ithi ithemba elikhulu kubantu base-Afrika ukuthi ngelinye ilanga imikhuleko yabo izophendulwa. Imbongi ifanisa ama-Afrika, ikakhulukazi lawo angamakholwa nezimvu ezigobodisile. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma ekwazile ukuxoxa ngomqondo otholakala kule nkondlo.] (3) 4.3 Ngicabanga ukuthi imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo u'ba' ukwenza umgqumo omnandi osamculo kanye nokugqamisa ukungezwani kwalaba bantu. [Nikeza amamaki AMABILI uma ekwazile ukuchaza isizathu sokusetshenziswa kwemvumelwano siqalo.] (2) 4.4 Imbongi ikhethe amagama '… indonsa nekhwezi' izinkanyezi eziphuma entathakusa. Ngalezi zinkanyezi imbongi igqamisa ukuthi laba bantu banethemba lokuthi ngemuva kwezinkinga kuzoba khona izixazululo. [Nikeza amamaki AMABILI uma echazile ukukhethwa kwamagama wesekela.] (2) 4.5 Imbongi iyisebenzise kahle impindwa ethi 'Nkosi sikelela i-Afrika, kule nkondlo ukugcizelela/ukugqamisa ukuthandaza, ukunxusa kwayo imbongi kuNkulunkulu ukuthi azwele i-Afrika ezinkingeni ebhekene nazo ukuze ziphele. [Nikeza amamaki AMABILI ngokuphawula ngokusetshenziswa kwempindwa wasekela.] (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMBUZO 5: UMBUZO OMFUSHANE 'ALELE AMAQHAWE' – HEA Made 5.1 Le nkondlo iyisonethi ngoba inemigqa eyi-14. [Nikeza amamaki AMABILI uma egagulile uhlobo lwenkondlo wasekela.] (2) 5.2 Umqondo wokuthi kunabantu abakhombisa ubuqhawe abaziwayo ngisho nanamuhla ngoba bazinikela ngokugcwele belwela inkululeko. [Nikeza amamaki AMABILI uma ekwazile ukuchaza kafushane umqondo.] (2) 5.3 Imbongi ihlose ukugqamisa isigqi esinensayo ngoba kumoya wokukhathazeka.Ukukhathazeka okubangelwa ukungatuswa kwemisebenzi yabantu abazidela [Nikeza amamaki AMABILI uma eyichazile inhloso yesigqi.] (2) 5.4 Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcini u'yo' eletha umgqumo nomculo omnandi nokugcizelela ukuthi ukunganconywa nokungaziswa kwamaqhawe. [Nikeza amamaki AMABILI uma ekuchazile ngokusetshenziswa kwemvumelwano wasekela] (2) 5.5 Isifenqo esiyisenzasamuntu sisetshenziswe kahle ngoba siveza ukuthi yize bebaningi abantu abadlulayo emhlabeni kodwa ukufa kuyaqhubeka nomhlaba awudeli, uyaqhubeka nokubawolela uma bengcwatshwa. [Nikeza amamaki AMABILI uma ehlaziyile ukusetshenziswa kwesifenqo wasekela.] (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO UMBUZO 6: UMBUZO OMUDE BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya  Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.  Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni.  Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO: Ohlolwayo makachaze isizinda akhombise ukuthi unalo ulwazi ngendawo, isikhathi kanye nesimo senhlalo okuyizingxenye zesizinda. UMZIMBA Indawo: Indaba yenzeka ezindaweni ezahlukene eGcilima, eThekwini, eMlazi, eNtuzuma naseKapa. Yenzeka edolobheni nasemakhaya. EGcilima:  UMhlengi utshela Ngidi ukuthi u'gay', uNgidi uyamxosha.  UNdumiso ubamba uNgidi inkunzi, udubula uNyambose.  UNontobeko uyothungatha uMhlengi ngethemba lokuthi bazobuye bathandane. EThekwini  UMhlengi ufika efulethini likaNontobeko umtshela ukuthi abehlukane.  UNgidi uhamba noNontobeko ukuzofuna uMhlengi efulethini lapho agcina ehlala khona. EMlazi naseNtuzuma  UNgidi uhamba noNontobeko uzofuna uMhlengi kumngani wakhe uPhumlani.  UNgidi ufuna uMhlengi kumngani wakhe uMandla. Ekapa: UMhlengi uguqula ubulili, ushintsha ipasi, uzibiza ngoMahlengi Ngidi. Isikhathi: Le ndaba yenzeka esikhathini samanje.  UMhlengi uvuka ekuseni uzilungiselela ukuya eKapa ukuyoshintsha ubulili ukuze aphile njengomuntu wesifazane.  UNontobeko uhlukana noNkululeko ebusuku, ungena emotweni yakhe, uvala iselula.  UXolani unebhizinisi lokuthutha izimpahla.  Kukhona abesilisa abazalwe bengabantu besilisa kepha banemizwa yabantu besifazane njengoMhlengi owagcina ethathe isinqumo sokuthi kungcono aziguqule azenze umuntu wesifazane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka  Abantu abamnyama abaningi bazibandakanya futhi bayathuthuka kwezamabhizinisi. Lokhu kufakazelwa ukuthi uXolani unebhizinisi lokuthwala impahla. UNdumiso ubephila ngokuthola amathenda. UNgidi unamapulazi aqashe kuwo abantu abamsebenzelayo futhi kukhona nalelo alithengele uMhlengi.  Kukhulunywa ngemiqhudelwano emikhulu yomhlaba yezemidlalo njengale Ndebe yoMhlaba yezi-2010 eyayizoba khona.  Kunemidlalo emikhulu yebhola njengalowo okwakwehlulwe kuwo iqembu le- Orlando Pirates okwagcina kudale ukuba uNkululeko ashayise uNontobeko ngemoto.  Abalingiswa abangoXolani, uMahlengi, uNdumiso nabanye bavamile ukusebenzisa isiNgisi uma bekhuluma.  Abantu besifazane bashayela izimoto, njengoNontobeko. Bayabhema, baphuza utshwala bagqoka amabhulukwe njengoMahlengi.  Ukuthengwa kokudla notshwala emarestorenti anjengo-Something Fishy ne- Pizza Hut nokulala emahhotela kwandile. UNontobeko noNgidi bangenisa ehhotela mhla beyothungatha uMhlengi eBlue Waters. UNdumiso naye mhla eyobamba uNgidi inkunzi, wangenisa eParidise Holiday Resort.  Kunabaseshi abazimele abakwazi ukusiza umuntu athole lowo amfunayo njengoShezi osize uNgidi noNontobeko ukuba bathole uMhlengi.  UNdumiso wasebenzisa isikhathi sakusihlwa ukuthola yonke imininingwane kaNgidi.  Kulalelwa imisakazo ukwethula ezisematheni njengodaba lobugebengu obabenziwe uNdumiso. UZakithi wezwa udaba lokubanjwa kukaNgidi unkunzi kanye nokubulawa kukaNyambose emsakazweni. Lokho kwenza ukuba ashayele amaphoyisa ucingo, kwase kuba ukuboshwa kukaNdumiso. Isimo senhlalo/sezinto: Lapha kubhekwe ukuhlalisana kwabantu emphakathini kanye nasendabeni  Isimo senhlalo siqala sisihle kuMhlengi. Siguquke lapho esethatha khona isinqumo sokuthi kumele aye eKapa.  Isimo senhlalo siyaguquka kuNontobeko, uMhlengi ufika efulethini lakhe uyamala.  Isimo senhlalo emzini kaNgidi siqala sisihle. Siyaguquka lapho uMhlengi emtshela ukuthi 'uyi-gay' uNgidi uyamxosha uthi angaphinde eze emzini wakhe.  Isimo senhlalo siqala sisihle bambambisene noLungile. Siyaguquka lapho uXolani ekhohlwa yiphoyinti obekumele bahambe noLungile nezingane.  UXolani uxabana noLungile uma ebuya ekhaya enuka utshwala nesiqholo sabesifazane i- 'Red Door.'  Isimo empilweni kaMahlengi noNdumiso siqala sisihle. Siyaguquka lapho uNdumiso esola ukuthi kukhona umuntu osethandana noMahlengi. UNdumiso ubuyela ebugebengwini, uyaboshwa.  Isimo sempilo sikaNkululeko sihamba kahle, uthandana noNontobeko uyamlobola. Siguquke lapho uNontobeko emala ngosuku olwandulelwa olomshado, uNkululeko uyazibulala. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka  Isimo empilweni kaNomalanga izinto zimhambela kahle ngoba sebethembisene umshado noNgidi kodwa isimo siyaguquka uma uNgidi esethungatha uMhlengi ngaphandle kokumazisa ekubeni wayesethe usemkhiphile enhliziyweni yakhe.  UNgidi ubuyelwa ithemba lokwakha kabusha ubudlelwano bakhe noMhlengi emuva kokufika kukaNontobeko ezomfuna.  Isimo siyaguquka lapho Isimo uNgidi efica uMhlengi esaba nguMahlengi. ISIPHETHO: (Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe.) Umbhali usethule kahle isizinda kule noveli, indaba yenzeka ezindaweni ezahlukene, isikhathi samanje kanye nesimo senhlalo esiguquguqukayo. [Ohlolwayo anganika izibonelo ezahlukene ezinembayo zokwethulwa kwesizinda.] [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha.] [25] UMBUZO 7: UMBUZO OMFUSHANE BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya 7.1 Umoya wokuthukuthela. UNdumiso uthukutheliswa nguXolani oze entombini yakhe, uyamshaya aphinde amthuke. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewushilo umoya wasekela.] (2) 7.2 Umyalezo otholakala kulesi siqeshana owokuthi, uma wenza izenzo ezimbi ugcina uthole umvuzo. UXolani wayesebonana noMahlengi eqamba amanga kuLungile inkosikazi yakhe. Wathola umvuzo ngokushaywa kabuhlungu yisoka likaMahlengi uNdumiso. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewunikezile umlayezo wasekela impendulo ngokubhekise kuXolani.] (2) 7.3 ULungile uvezwe njengomlingiswa onozwelo yize ayebalisa kodwa waya e- bathroom eyobheka izinto zokusiza umyeni wakhe owayengasakwazi ukuchaza ngemuva kokushaywa kabuhlungu nguNdumiso. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma echaze kafushane ukuvezwa komlingiswa wasekela.] (3) 7.4 Bobabili banothando lweqiniso. UNomalanga wayesenqume ukuqeda ubudlelwano bakhe noNgidi ngenxa yokuthi engasifezanga isithembiso sakhe kodwa kwathi uma uNgidi esemncenga wamxolela. Kanjalo noNontobeko wathi esephoxwe nguMhlengi ngokumala wanquma ukuhamba ayomfuna kubo eGcilima. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma eqhathanisile wasekela.] (3) 7.5 Umbhali uhlose ukubonisa ukuthi abantu basemakhaya basabambisene, basenobuntu, bayazana futhi bayasizana. UNdumiso bamemukela endaweni yize bengamazi lokho kukhombisa ubuntu. Ukudutshulwa kukaNyambose kwenza ukuthi omakhelwane baphuthume bayomsiza baze basiza noNgidi. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyivezile inhloso yokusetshenziswa kwesizinda wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 7.6 Isizathu ukuthi uNomthi unesikhwele, akathandi ukubangiswa kuS'bu oyisoka lakhe. [Nikeza amamaki AMABILI umaesichazile isizathu wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) 7.7 Saba nomphumela omubi kubantu abasondelene naye.  UNgidi walahlekelwa yindodana yakhe, namaphupho akhe okuba nomakoti nabazukulu ashabalala.  UNgidi waphazamiseka othandweni lakhe olusha noNomalanga ngenxa yokuthi wahamba wayofuna uMhlengi.  UNontobeko wahlukumezeka kakhulu waziphonsa emotweni yamshayisa walimala kakhulu. [Nikeza amaphuzu AMATHATHU uma ewunikezile umphumela wasekela.] (3) 7.8 Ukusetshenziswa kukaNkululeko kuyithuthukise kahle indikimba yethemba. UNkululeko wayenethemba lokuthi uzogcina esenalo uthando lwakhe uNontobeko. Ngempela ithemba ayenalo lafezeka ngoba bagcina sebebathandana. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma elivezile iqhaza lokuthuthukiswa kwendikimba wasekela.] (3) 7.9 Ngiyavumelana ngoba umndeni wakwaMpanza wabe uhleli ngokuzwana kepha kwathi uMahlengi esevuma ukubonana noXolani isimo senhlalo saguquka uXolani noLungile baqala ukuxabana okwaholela ekutheni kushe umuzi nezingane zashona ngenkathi uXolani ehleli noMhlengi ayesethandana naye. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono womlingiswa wokuvumelana wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) 7.10 Umbhali uphumelele kahle ukwethula isingeniso sale noveli ngoba umlingiswa omkhulu uMhlengi uyethulwa, inkinga abhekene nayo ukuthi unemfihlo anayo yokuthi uyi-gay okuba yisisusa sodweshu. EThekwini isimo senhlalo siyaguquguquka, siqala sisihle, uMhlengi uthandana noNontobeko. Siguquka singabi sihle lapho uMhlengi exabana nesithandwa sakhe uNontobeko. [Nikeza amamaki amathathu uma exoxile ngempumelelo yombhali wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMBUZO 8: UMBUZO OMUDE USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi  Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.  Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni.  Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO: Ohlolwayo makachaze isizinda akhombise ukuthi unalo ulwazi ngendawo, isikhathi kanye nesimo senhlalo okuyizingxenye zesizinda. (Abahlolwayo bengasebenzisa la maphuzu alandelayo amayelana nesizinda kule noveli ) UMZIMBA Indawo: Le ndaba yenzeka ezindaweni ezahlukene. Yenzeka edolobheni laseThekwini, eThusini, eMlazi kanye nasemakhaya emaNgwaneni. EmaNgwaneni:  UNomvula wakha indlu yesitini akhela uMeyili.  UChule uthumela oDaffo ukuba bayomlobolela uNomvula, bafike bashaywa ngoba bekhoke imali yelobolo ewopondo abangamashumi amabili nohlwezana. EThekwini – eThusini:  UNomvula/Mirriam usebenzela uDicey nowakwakhe uBrenda.  UNomvula uwina i-pick- six, uthenga umuzi eThusini. EMlazi:  UNomvula ushada noChule bahlala emzini omkhulu.  UChule unesuphamakethe kwaSicingamazibuko. Isikhathi: Le ndaba yenzeka esikhathini samanje kodwa kusenobandlululo kusadingeka izimvume zokusebenza edolobheni. Kuningi okwenziwa abalingiswa abehlukene kule ndaba okufakazela inkathi yamanje.  UNomvula/Mirriam udlala umjaho wamahhashi nabeLungu bakhe, ugcina ewine ipick-six.  UNomvula wayefunde kancane ngoba wayekwazi ukubhala incwadi nokushayela imoto.  UNomvula noChule bashada umshado ohlanganisa amafa.  Kufika abazodayisela uNomvula imishwalense, amafenisha nezimoto emuva kokuwina ipick-six.  Kudlange ubugebengu, njengabefundisimbumbulu abafuna imali yabafelokazi neyabanye abantu besifazane abayizigwili.  UChule waqola uMaDludla imali ayeyishiyelwe umyeni wakhe uCindi ngokuthi azenze umfundisimbumbulu.  Waqhubeka nalobu bugebengu wafuna imali kaNomvula ngakho ukuzenza umfundisimbumbulu. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka Isimo senhlalo/sezinto: Lapha kubhekwe ukuhlalisana kwabantu emphakathini kanye nasendabeni Isimo senhlalo/sezinto siyaguquguquka kule ndaba. (umona, isikhwele, ubuthakathi, ukubulala noxolo)  Isimo senhlalo siqala sisihle uNomvula usebenza ehlala emzini kaDicey.  UmkaDicey utshela uNomvula ukuthi uwine i-pick-six.  Isimo senhlalo siyaguquka lapho uNomvula esenemali uGenyeza uba nesikhwele ushaya abantu abeze kuNomvula.  UNomvula ugcina ehambe noChule ngoba uyahlukumezeka.  Isimo emzini kaChule noNomvula siqale sisihle. Siyaguquka lapho uChule elwisa uNomvula uma elalela umculo kaGenyeza.  UChule uba nesikhwele, uzama ukubulala uNomvula kugcina ngokuba kufe uChule epitshizwa yimoto.  Emzini kaMeyili isimo siqala singesihle, siqhubeke nokungabi sihle uma uNomvula esenemali.  UMaHadebe uba nomona, uzama ukubulala uMaNdelu noNomvula ngokubadlisa ushevu, kugcina ngokuba kugule uMaHadebe.  Isimo senhlalo kuNomvula sigcina sisihle ngoba ubuyelana noGenyeza baze bashada. ISIPHETHO: (Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe.) Umbhali usethule kahle isizinda sendawo kule noveli, indaba yenzeka ezindaweni ezahlukene, esikhathini samanje kanye nesimo senhlalo esiguquguqukayo. [Ohlolwayo anganika izibonelo ezahlukene ezinembayo zokwethulwa kwesizinda.]. [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha.] [25] UMBUZO 9: UMBUZO OMFUSHANE USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi 9.1 Umoya wokugxeka. UMasondo wayegxeka isenzo sikaChule sodaba lwakhe lokunweshulwa yizinja egqugquzela ukuthi akanqunywe ekushumayeleni. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewushilo umoya wasekela.] (2) 9.2 Umyalezo otholakala kulesi siqeshana uthi kukhona abantu abasebenzisa ubuqili ukufeza izinhloso zabo. Njengaye uChule usebenzisa ubuqili ezenza uMbhishobhi ebe engasiye. [Nikeza amamaki amabili uma ewunikezile umlayezo wasekela impendulo ngokubhekise kuChule] (2) 9.3 USimon Gubhela uvezwe njengomlingiswa ongathembekile /ongesilona ikholwa leqiniso. Kuthi uma kuthathwa izinqumo zokujezisa uChule njengoba onile ebandleni yena uyasuka uyohlebela uChule ngobekuxoxwa emhlanganweni wesonto uphinde emukele isipho sotshwala kuChule . [Nikeza amamaki AMATHATHU uma echaze kafushane ukuvezwa komlingiswa wasekela.] (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 9.4 UMeyili yize ewufuna umcebo kaNomvula kepha usenonembeza ngoba akafuni ukuba uNomvula afe kanti uMaHadebe wayewufuna umcebo kaNomvula kangangokuthi wayengasenanembeza esefuna ukubulala uMaNdelu kanye naye uNomvula. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma eqhathanisile wasekela.] (3) 9.5 Umbhali ukhethe isizinda ngoba uhlose ukubonisa impilo esiguqukile esiphilwa ngabantu enobugebengu obahlukahlukene. UMirriam wathi angawina i-pick six abantu baseThusini bafuna umcebo wakhe ngobugebengu, njengoSkiti owamkhohlisa ngokuthi kufanele akhiphe isinyama semali ayiwinile. [Nikeza amamaki amabili uma esichazile isizathu wasekela.] (2) 9.6 Isizathu ukuthi uGenyeza unesikhwele, akathandi ukubangiswa kuNomvula oyintombi yakhe yeminyaka eyi-15 njengoba sekufika abantu abahlukene ebasola ngokuthi bagaqele umcebo kaNomvula. [Nikeza amamaki AMABILI uma esiichazile isizathu wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) 9.7 Saba nomphumela omubi kuChule nakuDaffo.  UChule kwagcina kufe yena ogibeni ayeluhlelele uNomvula ngokupitshizwa yimoto.  UDaffo waphinda wabuyela ejele ngemuva kokutholwa ngamaphoyisa ebhace esihlahleni. Saba nomphumela omuhle kuNomvula.  UNomvula waphunyuka ogibeni lokufa wase ehlangana nesoka lakhe lakudala uGenyeza owayemthanda ngokweqiniso baqhubeka nothando lwabo bagcina kwaGenyeza sebeshada bakha nomuzi omuhle. [Nikeza amaphuzu AMATHATHU uma esichazile isizathu wasekela.] (3) 9.8 Ukusetshenziswa kukaMahuzu kuyithuthukise kahle indikimba yomcebo. UMahuzu uvuma ukusetshenziswa ngunina uMaHadebe ukuze naye azothola umcebo kaNomvula ngokuthi abuye eGoli aye eThekwini ayofuna uNomvula ukuze amdlise umuthi ukuze ahlomule naye kulo mcebo. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma elivezile iqhaza lokuthuthukiswa kwendikimba wasekela.] (3) 9.9 Ngiyavumelana ngoba wathi uma esephumelela emculweni, umculo wakhe wawulokhu uzwakala emsakazweni nakumabonakude. Lokhu kwashintsha isimo senhlalo kwaChule bahlala ngokuxabana kwaholela ekutheni uChule abe nesikhwele agcine esola uNomvula ngokuthi usathanda uGenyeza njengoba ayelalela izingoma zakhe futhi embuka nakumabonakude. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewuvezile umbono wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) 9.10 Umbhali uphumelele kahle ukwethula isingeniso sale noveli ngoba umlingiswa omkhulu uMirriam uyethulwa. Uwina imali eningi, uphuma nasemaphephandabeni aseThekwini eThusini lokhu okuba yisisusa sodweshu. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma exoxile ngempumelelo yombhali wasekela.] (3) (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMBUZO 10: UMBUZO OMUDE KUNJALO-KE – ME Wanda  Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.  Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni.  Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO: Ohlolwayo makachaze isizinda akhombise ukuthi unalo ulwazi ngendawo, inkathi kanye nesimo senhlalo okuyizingxenye zesizinda. (Abahlolwayo bengasebenzisa la maphuzu alandelayo amayelana nesizinda sale noveli ) UMZIMBA Indawo: Le ndaba yenzeka ezindaweni ezahlukene. Yenzeka eMbumbulu, eMzimkhulu, e-Adams Mission, eMlazi, eMid-Illovo nakwaNongoma. EMzimkhulu  UKheswa uvumela uDumazile ukuba aye kofunda eMbumbulu ngokubonisana noMaNdovela.  UMaNdovela uxoshwa uKheswa uma uDumazile ebuya esikoleni ekhulelwe. E-Adams Mission  UDumazile usebenza esitolo sikaSithole. ULizy utshela uMaNzimande ukuthi uDumazile uthandana noSithole.  UMaNzimande uxabana noSithole ngodaba lukaDumazile.  USithole ushiya umuzi wakhe noMaNzimande uhlala noDumazile eMlazi eMafezini.  USithole ubuyela kwakhe ngenkathi ephuma ejele, ufica uMaNzimande esesebenza futhi sebehlupheka. EMlazi (eMafezini)  UDumazile uhlala noSithole, uSithole uyaboshwa, agcine ehleli noMtalaselwa emzini kaSithole.  UMoloi noSithole bayalwa baze baphume emaphepheni. KwaNongoma UDumazile ulaliswe esibhedlela, ushonela khona. EMid-Illovo (kwaJilafohlo) UDumazile ungcwatshelwa emzini, kubo kaMtalaselwa Isikhathi sanamuhla Le ndaba yenzeka esikhathini sanamuhla. Kuningi okwenziwa abalingiswa abehlukene kule ndaba okufakazela isikhathi samanje.  UDumazile ufunda amabanga aphezulu eZenzele High School uhlala emqashweni.  UMoloi uthandana noDumazile ebe eyingane yesikole uze uyamkhulelisa  UDumazile uya emsebenzini ngemoto . Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka  UMoloi, UMthovovo, USithole , UMtalaselwa, uMaNzimande ngisho noDumazile bayashona ngokuphathwa isifo sengculazi. Isimo senhlalo/sezinto: La kubhekwe ukuhlalisana kwabantu emphakathini kanye nasendabeni  Isimo senhlalo siyaguquguquka kule noveli.  Siqala sisihle kwaKheswa, uDumazile uhlala emqashweni eMbumbulu ukuqhuba izifundo zakhe.  Siguquke lapho uDumazile enquma ukuthandana noMoloi, akhulelwe, axoshwe esikoleni, abuyele ekhaya. UKheswa uyathukethela uxosha uMaNdovela.  Emzini kaSithole isimo senhlalo siqala sisihle. Siguquka lapho uLizy etshela uMaNzimande ukuthi uDumazile uthandana noSithole. UDumazile uxoshwa uMaNzimande, uSithole uthenga indlu eMafezini, uhlala noDumazile. Siphinde siguquke lapho uSithole eshelwa yisitolo sakhe, aboshwe.  Emzini kaDumazile isimo siyaguquka. Siqala sisihle uDumazile ushada noMtalaselwa. Siguquke lapho uDumazile ebuyelana noMoloi futhi evumela uSithole ukuba abone uMtholephi bagcina ngokulwa. Lokho kwenza ukuthi uDumazile abaleke kwakhe, uya kwaNongoma ngoba esaba ukubhekana noMtalaselwa. Ugcina ngokugula aze ashone. ISIPHETHO: (Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe.) Umbhali usethule kahle isizinda kule noveli, indaba yenzeka ezindaweni ezahlukene, inkathi yamanje kanye nesimo senhlalo esiguquguqukayo. [Ohlolwayo anganika izibonelo ezahlukene ezinembayo zokwethulwa kwesizinda.] [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha.] [25] UMBUZO 11: UMBUZO OMFUSHANE KUNJALO-KE – MJ Wanda 11.1 Umoya wokuphoxeka/ wokudangala. UThishanhloko uphoxwe yisenzo sikathisha uMoloi sokuthandana nomfundi aze amkhulelise aqede abaleke. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewushilo umoya wasekela.] (2) 11.2 Umyalezo otholakala kulesi siqeshana owokuthi, ayikho impunga yehlathi/ konke okubi okufihliwe kugcina kuvelile. UMoloi ugcina eselahlekelwa ngumsebenzi ngenxa yokuziphatha kabi kwakhe angabi ngumzali ezinganeni zesikole ngokuzikhulisa azibonise indlela kepha waqoma ukuthandana noDumazile. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewushilo umyalezo wasekela.] (2) 11.3 UMemu Mpungose uvezwe njengomlingiswa ongenaso isibindi. Wahluleka ukuvikela ingane yesikole enguDumazile yize ayesibona isenzo sikaMoloi sokuthandana noDumazile wakhetha ukuthula ngoba egwema ukuba ufakazi./Uvezwe njengomlingiswa oqaphelayo. Wakwazi ukubona ukuthi uMoloi uthandana nengane yesikole enguDumazile waze wayobika ehhovisi likaThishanhloko. [Nikeza AMATHATHU uma echaze kafushane ukuvezwa komlingiswa wasekela.] (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 11.4 Bobabili babemthanda ngokweqiniso uDumazile. USithole wathengela uDumazile umuzi omuhle eMafezini, wambuyisela esikoleni waze wamthengela nemoto kanjalo noMtalaselwa wanquma ukungalaleli abazali bakhe uma bethi ashade nentombi yakwaZungu ayenengane nayo, wamshada ngisho esazi ukuthi unezingane ezimbili ezinoyise abahlukene. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma eqhathanisile wasekela.] (3) 11.5 Inhloso yombhali yokukhetha isizinda sasemakhaya eMzimkhulu, ukubonisa ukuthi kusekhona abantu abasakholelwa esintwini. UKheswa wayekholelwa ekutheni uDumazile angaqhubekeli phambili nemfundo kepha ayogana njengokwenkolelo yakhe. Kwathi uma ekhulula uDumazile ukuba ayofunda wamphoxa ngokubuya nesisu./ USithole wathi esekhulelise uDumazile ebe emthembile ukuba abe ngumzali kuye wamkhulelisa wajika waba nesibindi sokuzizela yena mathupha kwaKheswa okwaholela ekutheni uKheswa athukuthele acishe ambulale. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyivezile inhloso yokusetshenziswa kwesizinda wasekela.] (2) 11.6 Isizathu ukuthi uSithole unesikhwele, ucasulwa ukubona uMoloi esebuyile empilweni kaDumazile yize wamshiya ekhulelwe, uSithole wakhulisa uLerato wabuyisela noDumazile esikoleni. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyichazile imbangela wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) 11.7 Saba nomphumela omubi kobona bobathathu.  UDumazile waqala ukuba nesoka emsebenzini wase ehlukunyezwa nguSithole owayesehlala ekhaya njengoba ayengasasebenzi.  UMthovovo wagcina esengene ejele ngoba ngemuva kophenyo nasekushisweni kwesitolo, amaphoyisa athola ukuthi waba nesandla ekugqekezweni waboshwa.  USithole wazithola esenguphuya wahluleka nokukhokhela umlungu izindleko zemoto eyayishayiswe uDumazile wagcina ngokuboshwa. [Nikeza amaphuzu amathathu uma ewunikezile umphumela wasekela.] (3) 11.8 Ukusetshenziswa komlingiswa onguSithole kuyithuthukise kahle indikimba emayelana nesimilo esixegayo. USithole ubethethenjwe uKheswa ukuthi ingane yakhe uzoyiphatha kahle ngothando lobuzali kodwa yena wabona intombi kuDumazile, ulahla umuzi wakhe ngoba esephendule uDumazile umfazi wakhe bebe bengazi abazali bakhe. [Nikeza amamaki AMABILI uma elivezile iqhaza lokuthuthukiswa kwendikimba wasekela.] (2) 11.9 Ngiyavumelana ngoba umndeni wakwaSithole wabe uhleli ngokuzwana kepha kwathi uLizy ethunywe nguSithole kuMaNzimande wafika wakhuluma ngoDumazile noSithole ukuthi banobudlelwano okusengathi bayathandana ngoba bahlala bebobabli. Lokhu kwathukuthelisa uMaNzimande wayeka ukuhlonipha uSithole esehlala ngokumchukuluza, sebehlala ngokuxabana. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewuvezile umbono womlingiswa wokuvumelana/wokungavumelani wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 11.10 Umbhali uphumelele kahle ukwethula isingeniso ngoba wethule umlingiswa omkhulu uDumazile inkinga abhekene nayo yokuhletshwa ngoMemu ngamanga okuthi uthandana nothisha uMoloi okuba yisisusa sodweshu. Isimo senhlalo siyaguquka, indawo yaseMbumbulu esikoleni iZenzele. OMemu sebexabana naye uDumazile ngoba esegcine ethandana nothisha Moloi . [Nikeza amamaki AMATHATHU uma exoxile ngempumelelo yombhali wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (3) [25] UMBUZO 12: UMBUZO OMUDE IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi  Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.  Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni.  Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO: Ohlolwayo makachaze isizinda akhombise ukuthi unalo ulwazi ngendawo, esikhathini sanamuhla, nesimo senhlalo okuyizingxenye zesizinda. (Abahlolwayo bengasebenzisa la maphuzu alandelayo amayelana nesizinda sale noveli ) UMZIMBA Indawo: Indaba yenzeka ezindaweni ezahlukene. Yenzeka eMlazi elokishini laseThekwini, ezindaweni ezizungeze iTheku, eMadadeni kanye naseMpaphala. EMlazi  UCele ufika emzini kaBafana, akamvuleli isicabha sonke kepha usivula uhafu umtshela ukuthi kuzomele enze iphoyinti.  UCele ubuka usinki, indlela uBafana aqoba ngayo okuluhlazana ekhishini lakhe. E-La Lucia U-Euthenasia usuka e-La Lucia uya eLindelani ukuyobheka indlela abantu abamnyama abaphila ngayo. EMadadeni UPrisca noNkebelele bantshontsha imoto kaNgubane (Johnny) iyalimala. KwaMashu  Imoto kamakhelwane uSibeko ishayiswa imoto kaMaMsibi ngenkathi uNgubane eyiwasha. EMpaphala  U-Uzithelile ulwa noKhanjana ngenkathi ephuma kohambisa izinkomo ediphini.  U-Euthenasia ufika eMpaphala uNjini Cele umhlabela imbuzi umfaka isiphandla. EMthunzini  Yilapho uNgubane agcina esehlala khona esizwa nguHlanganisani.  Konke lokhu kukhombisa ukuthi indawo iyathutha. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka Isikhathi: Le ndaba yenzeka enkathini yamanje, emuva kokuthola inkululeko eNingizimu Afrika.  UNgubane no-Poppie bahamba ngezimoto zikanokusho oMercedes Benz uma beya esontweni.  UMaXakushe ungumsizi wasendlini wakwaNgubane, welekelela o-Euthenasia noHlanganisana ngokubafundisa indlela yokuziphatha, ubafundisa nemisebenzi yasendlini.  UPoppie ungunesi, uqhubeka nokufunda uze uthole iziqu ze-M.A. UNgubane uya kwadokotela Mdlalose ofundele ukulapha abantu abanenkinga kwezengqondo nokuphathana komndeni.  UMaMthimkhulu uxosha uMaXakushe emzini wakhe ebusuku avuke amphelezele esiteshini ekuseni.  UNgubane unakekela izinja azihambise kwadokotela uma zigula.  UNgubane ubuyela esikoleni esemdala ukuyofunda ngokuphathwa kwamapulazi esesizwa nguHlanganisani. Isimo senhlalo/sezinto: Lapha kubhekwe ukuhlalisana kwabantu emphakathini kanye nasendabeni  Isimo senhlalo siqala sisihle emzini kaNgubane uBafana Ngubane, bahlezi kahle noPoppie futhi bahlukaniselene nomsebenzi.  Isimo senhlalo siyaguquka ngenkathi uCele efika emzini kaBafana ezocelela izingane zikaLinono indawo yokuhlala.  Uma uPoppie esenza iziqu ze-PhD, uNgubane uba nomona uze amkhumbuze ukuthi indawo yakhe isekhishini.  Siyashuba isimo uma uPoppie esethengela izingane imoto engavumelananga noNgubane, uBafana uyabaduba ubuyela eMlazi.  Isimo senhlalo siyaguquka nasemsebenzini ngenxa yokuthi uNgubane ehluleka ukuzithuthukisa ngokwemfundo ugcina ngokuwushiya umsebenzi.  Isimo siqala sisihle emzini kaMaMthunzi eMadadeni, siguquke lapho uPrisca entshontsha okhiye bemoto abanike uNkebelele, igingqike. UNgubane (uJohnny) asatshiswe nguMgwazeni mayelana nokufaka icala, uNgubane ahambe kwaMaMthunzi.  Isimo senhlalo siqala sisihle emzini kaMaMsibi, UNgubane uthola isikole uyafundisa. Siguquke la uNgubane eshayisa imoto ka-Alice ngenkathi eyingeza ishayise ekamakhelwane wakhe uSibeko. UMaMsibi utshela uNgubane ukuthi njengoba emqhatha nomakhelwane kuzomele aphindele eMpaphala. Umqashela imoto.  Ekugcineni isimo senhlalo siyaguquka siba sihle kuNgubane noPoppie, bamukelwa kahle eMpaphala, badayisa umuzi ose-La Lucia bahlala behlala epulazini likaHlanganisani, eMfangidelile. Isimo siphetha ngokuba sihle noPoppie esebuyile efundisa oNgoye. ISIPHETHO: (Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe.) Umbhali usethule kahle isizinda kule noveli, indaba yenzeka ezindaweni ezahlukene, isikhathi sanamuhla kanye nesimo senhlalo esiguquguqukayo. [Ohlolwayo anganika izibonelo ezahlukene ezinembayo zokwethulwa kwesizinda.] [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha.] [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMBUZO 13: UMBUZO OMFUSHANE IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi 13.1 Umoya wokuthukuthela. U-Euthenasia uthukutheliswa nguNgubane omtshela ukuthi iNdiya elingu-Farook liyamazi futhi limthengisele izingubo. Ukhuluma ngezwi lokubhonga nokufutheka uze uyajuluka. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewushilo umoya wasekela.] (2) 13.2 Umyalezo otholakala kulesi siqeshana uthi, ayikho impunga yehlathi/konke okubi okufihliwe kugcina kuvelile. U-Euthenasia wayenza ubugebengu nobuqili bokutshontsha imali kaMaXakushe athenge izingubo ezibizayo. Ugcina etholakele nobufakazi bobuqili bakhe buvelile. [Nikeza amamaki amabili uma ewushilo umyalezo wasekela.] (2) 13.3 UNgubane uvezwe njengomlingiswa onesineke/ongathatheli izinto phezulu. Wazinika isikhathi wenza uphenyo mayelana nezingubo ezibizayo ezazigqokwa ngu-Euthenesia. Waphinde wenqaba ukuthi uMaMthimkhulu ashayele uSusan ucingo phambi kuka-Euthenasia ambuze ngobuqiniso bodaba lwemali u-Euthenasia athi uyiphiwa uNgubane. [Nikeza amathathu uma echaze kafushane ukuvezwa komlingiswa wasekela.] (3) 13.4 Umehluko ukukhathalela nokuba nobuntu emndenini. UBafana akawukhathaleli umndeni, akabathandi abantu bakubo baseMpaphala uze wenqaba ukunakekela izingane zikadadewabo uLinono kanti uCele uyawukhathalela umndeni wakhe waze wawunakekela, wafundisa izingane zikadadewabo uQophitshe. [Nikeza amamaki amathathu uma eqhathanisile wasekela.] (3) 13.5 Umbhali uhlose ukubonisa ukubaluleka kwawo wonke umuntu ikakhulukazi labo abadelelekile nabangafundanga. UMaxakushe wenza umsebenzi wasendlini aphinde enze neminye imisebenzi njengokukhulisa izingane zakwaNgubane azifundise ngempilo, ukuziphatha nokuba zibe qotho. Konke lokhu uMaMthimkhulu wahluleka ukukubona ,wamxosha okwaholela ekutheni izingane ziphume endleleni ikakhulukazi u-Melody./Wayengezwani nomakhelwane bakhe kodwa ngemuva kokubuya kudokotela uMdlalose wakwazi ukucela upopo komunye womakhelwane bakhe. [Nikeza amamaki amabili uma eyivezile inhloso yokusetshenziswa kwesizinda wasekela.] (2) 13.6 Isizathu ukuthi uKhanjana ubukela phansi u-Uzithelile ngoba kunguye yedwa intombazana elusayo njengoba uKhanjana emphendula kabi u-Uzithelile uma embuza ukuthi umshayelani ehlombe ngesagila. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyichazile imbangela wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 13.7 Saba nomphumela ongemuhle kubona bobathathu.  UMaMthimkhulu wachithekelwa umuzi wagcina esekhulisa izingane yedwa.  UBafana wanquma ukuwushiya umuzi wakhe wabuyele Emlazi.  Wagcina esebhungukile eseba nomasihlalisane.  UMelody wagcina esethola izingane ezimbili engashadile eseyeka nesikole. [Nikeza amaphuzu AMABILI uma ewunikezile umphumela wasekela.] (3) 13.8 Ukusetshenziswa komlingiswa onguHlanganisani kuyithuthukise kahle indikimba yale noveli emayelana nobuntu ngokuthi wazisa abazali baka– Euthenasia ukuthi weqele eMpaphala, waphinde wasiza izingane zikaMaMthimkhulu ukuba zifunde yize uMaMthimkhulu ayengabathandi. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma elivezile iqhaza lokuthuthukiswa kwendikimba wasekela.] (3) 13.9 Ngiyavumelana ngoba wathi uma esebuya ukuyofunda phesheya wakhetha ukucabangela umphakathi wangakubo ngoba ebona indlala ibhokile wawuthuthukisa kwezolimo. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewuvezile umbono womlingiswa wokuvumelana/wokungavumelani wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) 13.10 Umbhali uphumelele kahle ngoba umlingiswa omkhulu uBafana uyethulwa, inkinga yakhe ukufika kukamalume wakhe uNjini ezocelela izingane zikadadewabo kaBafana indawo okuba yisisusa sodweshu. Isimo senhlalo siyaguquka emzini kaBafana ngoba ababoni ngaso linye mayelana nokusiza izingane zikaLinono. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma exoxile ngempumelelo yombhali wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (3) [25] UMBUZO 14: UMBUZO OMUDE UBUCIKO BOMLOMO UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba  Ungasebenzisa la maphuzu njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.  Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni.  Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO: Ohlolwayo makakhombise ukuthi unalo ulwazi ngesizinda esikhethwe umbhali kulobu buciko bomlomo obulandelayo: Inganekwane: Isibindi SikaGala KaNodade, Izibongo: Izibongo ZeSilo UDinizulu. Abahlolwayo bengasebenzisa la maphuzu alandelayo amayelana nesizinda sale nganekwane nezibongo) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMZIMBA Indawo Le nganekwane yenzeka endaweni yaKwaZulu, emzini wakwaBiyela nasesigodlweni seSilo uShaka, kwaDukuza. Emzini kaGala kaNodade: KwaBiyela UGala wabiza umhlangano womndeni, lapho abatshela khona ukuthi ukuzila sekufanele kuphele. Esigodlweni KwaDukuza UGala waqunga isibindi waya eSilweni wayozikhalela ukuthi asiqede ukuzila ngoba isizwe siyaphela. Isikhathi :Le nganekwane yenzeka emandulo/ kudala ngesikhathi kusabusa iNkosi uShaka.  Isikhathi sokukhothama kwendlovukazi uNandi owayengunina weSilo uShaka.  UShaka njengenkosi yamaZulu unamandla okunquma ukuthi akuzilelwe iNdlovukazi yesizwe samaZulu.  Isikhathi lapho inkosi yayithumela amabutho ukuba ashise umuzi wakho abulale wonke amalunga omndeni uma ungawulandelanga umthetho wokuzila. Isimo senhlalo  Sasisibi kakhulu/ Sasishubile ngoba abantu baphoqwa ukuthi bazile uma bengazili bayabulawa.  Abantu babulawa yindlala ngoba babengakwazi ukulima, ukuvuna ngisho nokusenga imbala.  Abantu bahlalele ovalweni ngoba kukhona nokuqambelana amanga izitha ziyokotha enkosini ubulawelwe ize.  Abozalo lukaGala babenqaba ukumeseka esinqumeni sokuyocela iNkosi ukuba iqede ukuzila, babesabela impilo yabo. UNsansa unquma ukubaleka kulo mhlangano ngoba esabela impilo yakhe.  Inkosikazi kaGala icela umndeni ukuba umbonise uGala angayenzi le nto asenqume ukuyenza ngoba isabela impilo yomyeni wakhe kanye nomndeni wayo.  Ekugcineni isimo sibuyela kwesejwayelekile, siba sihle. INkosi uShaka iyambonga uGala ngokuyibonisa, igcina ngokukhipha izwi lokuthi akuphele ukuzila. IZIBONGO: IZIBONGO ZESILO UDINUZULU Indawo : Indawo okwenzeka kuyo lezi zibongo eyaKwaZulu lapho kwakubusa khona isilo uDinuzulu.  Lapha isilo sibongwa ngezimpi esahlabana kuzo esazilwa ezindaweni ezahlukene: kwaNgenetsheni, eBhanganoma, kwaCeza, kwaMandlakazi njl.  Isilo uDinuzulu ngesasendlini yasoSuthu, iphaka izimpi ezihlasela ngemikhonto namahhashi asoSuthu. Isikhathi: Lezi zibongo zenzeka emandulo/ngesikhathi sakudala kusabusa iSilo uDinuzulu.  Isikhathi lapho uDinuzulu alwa khona namadodana kaMaphitha, okungabafowabo bakaZibhebhu wabanqoba bonke. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka Isimo senhlalo: Isimo senhlalo asisihle isizwe asihlalisene kahle. Kunokuhlaselana nezimpi.  UDinuzulu ubulala angashiyi lutho uma ehlasele, ufuze uyise uCetshwayo.  Kunezimpi zombango, ulwa noZibhebhu noHhamu.  Empini yakhe nabantwana bakwaMandlakazi ubulala amadodana amaningi kaMaphitha.  Akahleli ngokunethezeka esihlalweni ngoba enezitha eziningi ezibanga naye ubukhosi bakwaZulu. Usebenzisa imikhotho uma elwa kepha izitha zakhe zilwa ngezibhamu. SIPHETHO: (Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe.) Umbhali usethule kahle isizinda lapho ubuciko bomlomo okuyinganekwane nezibongo okwenzeka ezindaweni ezahlukene, inkathi kanye nesimo senhlalo. [Ohlolwayo anganika izibonelo ezahlukene ezinembayo zokwethulwa kwesizinda.] [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha.] [25] UMBUZO 15: UMBUZO OMFUSHANE UBUCIKO BOMLOMO 15.1 Umoya wokuthukuthela/wokukhononda. Impangele ithukutheliswa ngukuthi kuphumulele ungcede ngobuqili, imangazwa nawukuthi ukhozi alubonanga ungcede engaphansi kwekhwapha lwalo. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewushilo umoya wasekela.] (2) 15.2 Umyalezo otholakala kulesi siqeshana uthi, akukuhle ukuphumelela ngobuqili empilweni ngoba uzogcina ungene enkingeni. Ungcede waphumelela ngobuqili wangena enkingeni yokuzingelwa, wabulawa kabuhlungu iqola elamhloma emeveni. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewushilo umyalezo wasekela.] (2) 15.3 Simveza njengomlingiswa olalelayo. UMdali wakwazi ukulalela isikhalazo sezinyoni uma zifuna inkosi yazo njengoba zibona ukuthi ibhubesi alizazi izidingo zezilwane ezindizayo. UMdali wase enquma ukuthi izinyoni zizibekele inkosi yazo. [Nikeza AMATHATHU uma echaze kafushane ukuvezwa komlingiswa wasekela.] (3) 15.4 Umbhali uhlose ukuveza ukuthi kuyenzeka ekugcineni izinto sezizolunga bese ziyonakala njengoba izinyoni zaseziqashe isikhova ngethemba lokuthi ungcede uzobanjwa ajeze kepha isikhova sozela salala, ungcede waphunyuka. [Nikeza amamaki AMABILI uma eveze inhloso wasekela.] (2) 15.5 Wawuzoba mubi ngoba ungcede wayengeke abe yinkosi eqotho yezilwane. Wayezoqhubeka nokwenza ubuqili njengoba wayezobe ethole isikhundla ngokungemthetho. Isizwe sezilwane ezindizayo sasingagcina sesenza izinto ngendlela engamukelekile, singalandeli nomthetho esibekelwe wona, sigcine sesihlupheka. [Nikeza amamaki AMABILI uma eveze umphumela wasekela.] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 15.6 Ngiyavumelana ngoba idada lalitshela wonke umuntu ukuthi lizophumelela kanjani uma sekuncintiswana. Ngakho-ke kuba nelukuluku njengoba laziwa idada ukuthi lihamba kancane futhi lisindwa nayisisila. Wonke umuntu wayezibuza ukuthi lalizophumelela kanjani njengoba selizilungiselele kakhulu. [Nikeza amamaki AMABILi uma eveze umbono wokuvumelana wasekela.] (2) 15.7 Ngiyazwelana nomlingiswa oyisikhova ngoba kwakumele siqaphe ungcede, singalali ngenxa yobuqili obabenziwe ngungcede. Isikhova sazumeka salala, ungcede waphuma wabaleka watholakala ehamba ngokukhululeka okwadala ukuthi isikhova sibekwe icala ngokuphunyuka kukangcede. NOMA Angizwelani nomlingiswa oyisikhova ngoba kwakungamele avume ukwenza umsebenzi ayazi kahle ukuthi kungenzeka umehlule. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma eveze umbono wokwuzwelana/ ukungazwelani wasekela] (3) 15.8 1. Ngivumele ngisine ngosiko lwakithi, 2. Ngivumele ngigiye ngokugiya engikwaziyo, 3. Ngivumele ngihlobe ngengizigqaja ngakho, Ukuxhumana siqalo [Nikeza amamaki AMATHATHU uma etomulile wanikeza uhlobo lwakho.] (2) 15.9  Lolu suku luletha ubumbano lwezizwe eziningi ezahlukene oluba ngenyanga kaMandulo.  Lolu suku lwethiwe ngamagugu , yingakho luthandwa ngabantu ngoba lubakhumbuza okungamasiko nemvelaphi yabo, ukuzwana nokungacwasani. [Nikeza amamaki AMABILI uma efingqile wasekela.] (2) 15.10 Bobubili lobu buciko bunendikimba efanayo yenkululeko. Enganekwaneni uMdali uyazikhulula izinyoni.Wase ekuphathweni yibhubesi njengokukhononda kwazo, uzinike indlela yokukhetha inkosi yazo kanjalo nasezibongweni usuku lwamagaugu lukhulula izinhlanga ezahlukene ukuba ziveze ubunjalo bazo. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma eqhathanisile wasekela.] (3) 15.11 Isigameko esokuthi ungcede wakwazi ukuphumelela emqhudelwaneni wokundiza ngobuqili wadlula zonke izinyoni. Wase esehalaliselwa nayizibukeli ezingabafana naye wajabula waziqhenya ngokuhlabana kwakhe okwakungenza ahube leli hubo lokunqoba. [Nikeza amamaki AMABILI uma echaze kafushane wasekela.] (2) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU C: UMDLALO UMBUZO 16: UMBUZO OMUDE KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo  Ungasebenzisa la maphuzu njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.  Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni.  Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 kumaka i-esseyi. ISINGENISO: Ohlolwayo makakhombise ukuthi unalo ulwazi ngodweshu olutholakala kulo mdlalo. Udweshu lwehlukaniswe kabili, udweshu lwangaphakathi kanye nodweshu lwangaphandle. UMZIMBA: Udweshu lwangaphakathi  Umcabango kaMdaluli oletha ukukhathazeka ngenxa yephupho elimfikele.  Ukubalisa kukaMdaluli ngemuva kokuvakashelwa uManqina bexoxa ngodaba lokudilizwa kwabo emsebenzini.  Ukukhathazeka kukaMdaluli mayelana nemali engakhokhiwe kaLondiwe eMangosuthu.  Imicabango kaHlengiwe ngemuva kokushelwa uChivenga ebe enesoka lakhe uManqina. Udweshu lwangaphandle  UMdaluli unqaba ukudla akuphakelwe uMaMlanduli uze uyamthethisa.  UMdaluli ushaya umkakhe uMaMlanduli kuze kulamula uMaNqina.  UMdaluli ufuna indabandaba ngenkani kuMaMlanduli, uze umshaya ngensilane kufike amaphoyisa, ambophe.  UMdaluli uhubha izingane zakhe ngesibhamu ezixosha emzini wakhe ngenxa yokuthi uLondiwe umbophisile ngokushaya uMaMlanduli.  UMaMlanduli usola uMdaluli ukuthi njengoba engafuni ukudla yingoba eseqonyiwe, uMdaluli athukuthele kakhulu amshaye ngempama.  UChivenga ushaywa nguMdaluli ehlathini laseMphekandlubu, kuqhamuke uZayeka aboshwe uMdaluli. (Namanye amaphuzu abhebhethekisa udweshu ayokwamukeleka.) ISIPHETHO SEMPENDULO (UVO LOHLOLWAYO): Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe. (Akuvele ukuncoma umbhali ekusebenziseni udweshu ukuthuthukisa indaba yakhe.) (Ohlolwayo anganika izibonelo ezahlukene ezinembayo zodweshu ezithuthukise umdlalo.) Nikeza amamaki ngokuveza ieseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwayo, enezimpendulo ezinembayo/izimpendulo ezinganikeziwe lapha) Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwayo, enezimpendulo ezinembayo/izimpendulo ezinganikeziwe lapha) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMBUZO 17: UMBUZO OMFUSHANE KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo 17.1 Ithoni yokumangala/yokwethuka. UChivenga umangazwa/uthuswa yindaba exoxwa nguHlengiwe yomkhonyovu owenziwe kuzakhamuzi zabantu besifazane lapho amapasi abo ebuya beshadiswa bengazi okuthiwa uvele emsakazweni nakumathelevishini. [Nikeza amamaki AMABILi uma eyinikezile ithoni wasekela.] (2) 17.2 Umlandi usitshela ngemizwa yabalingiswa njengoba uHlengiwe emangazwa ukubalisa kukaChivenga uma ezwa indaba yemikhonyovu. Uphinde asitshele ngomuzwa kaHlengiwe njengoba ehleka ubala ngoba nelakhe ipasi libuye linesibongo esifana nesikaChivenga futhi usola sengathi kukhona okwaziwa nguChivenga ngalo mkhonyovu. [Nikeza amamaki AMABILI uma echazile umsebenzi womlandi wanikeza isizathu sempendulo yakhe.] (2) 17.3 Bobabili babe nobudlelwano obungafani kuMdaluli. UManqina ube ngumakhelwane owakhayo ngoba uyeluleka aphinde axazulule izinkinga emzini kaMdaluli kanti uMbhebhezeli ube ngumngani onobuxoki uhamba utshela uChivenga mayelana nokugula kwakhe njengoba elele esibhedlela kunguyena othe makathakathwe. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma ewuvezile umehluko mayelana nezenzo zabalingiswa.] (3) 17.4  UMdaluli unxaphela uMamlanduli umtshela ukuthi akakufuni ukudla amphekele  UMdaluli uphendula kabi uMaMlanduli umtshela ukuthi inhliziyo imnyama yingakho engakufuni ukudla  UMdaluli ushaya uMaMlanduli emuva kokumsola ukuthi useqonyiwe uMdaluli njengoba engakufuni ukudla  Emuva kwalokhu uMdaluli ufuna indabandaba kuMaMlanduli kodwa uMaMlanduli uyenqaba okwaholela ekutheni uMdaluli amshaye ngensilane. (OKUTHATHU kwalokhu okungenhla.) [Nikeza amamaki AMATHATHU uma eluvezile udweshu.] (3) 17.5 Inhloso ukugqamisa ukuzwana/ukuthandana/ukubambisana kwezelamani njengoba zihamba zonke ziyofuna usizo kuZenyezile uma sezixoshwe uMdaluli. Zonke zizama ukuthi kunqandwe ubaba wazo uMdaluli kudlame alwenza kubo nomama wabo uMaMlanduli. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyivezile inhloso wasekela ngokwenzeka kulo mdlalo.] (2) 17.6 Isigameko esifihlelwe umlingiswa onguLondiwe ukuthi uMdaluli uncenga uMaMlanduli ukuthi amncengele kuLondiwe ukuthi asule icala. uMdaluli uyaxolisa ngokuba nodlame kubo. ULondiwe uyamxolela wesula icala. Uthi esemxolele ufika ekhaya axoshe uLondiwe emzini wakhe. [Nikeza amamaki amabili uma esichazile isigameko wasekela. ] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 17.7 Lesi siqeshana siyigqamise kahle indikimba yalo mdlalo yokucwaswa kwabantu bokufika. UChivenga ulele esibhedlela, uyabalisa, wethukile ngokubanjwa kukaHeshane nokwazi ukuthi le mikhomnyovu yamapasi ihlale yeyamaniswa nabantu bokufika abaze babizwe ngamakwerekwere njengaye. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyichazile indikimba wasekela.] (3) 17.8 La mazwi abhalwe ngokugqamile agqamisa ukuthi umlingiswa onguHlengiwe unobuhlakani nothanda iqiniso. UHlengiwe uyaqaphela ukuthi kukhulu uChivenga akwaziwo mayelana nokuguqulwa kwepasi lakhe. UHlengiwe uxwayisa uChivenga ukuthi uma engakuvezi njengoba bekhuluma lokho kungagcina kumfake enkingeni uChivenga yokuphela kothando lwabo. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma ekwazile ukuthi amagama amveza kanjani umlingiswa.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (3) 17.9 Abasebenzi boMnyango wezaseKhaya kufanele bathembeke. Kufanele kubhekwe ukuthi ngubani owashadisa abashadile okufanele kube ngumuntu ogunyaziwe futhi. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewuvezile umbono wakhe wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) 17.10 Umbhali uphumelele kahle ukwedlulisa umyalezo othi kumele ukwazi ukwamukela abanye abantu ube noxolo. UMdaluli ugcina ezidelile ucela uxolo kubo bonke ayebonile. Ubiza uChivenga uxolisa ngesenzo sokumthakatha nokumshaya kanjalo noChivenga uyalwamukela uxolo. UMdaluli uphinda ubiza umndeni wakhe uxolisa ngokuba nodlame kanjalo nomndeni wakhe uyamxolela ngakho konke akwenzile. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma exoxa ngempumelelo yombhali (3) ekwethuleni umyalezo kulo mdlalo] [25] UMBUZO 18 (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa  Ungasebenzisa la maphuzu njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.  Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni.  Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-esseyi. ISINGENISO: Ohlolwayo makakhombise ukuthi unalo ulwazi ngodweshu olutholakala Kulo mdlalo. Udweshu lwehlukaniswe kabili, udweshu lwangaphakathi kanye nodweshu lwangaphandle. UMZIMBA: Udweshu lwangaphandle  USalimani uxabana noZithulele uma emtshela ukuthi imingcele isiyagudlulwa, indawo enkulu kuzoba eyabelungu basemapulazini.  USalimani nabafowabo baxabana noMphiliphili ngenkathi uMphiliphili ebatshela ngobudlelwano bakhe nabelungu.  USalimani uxabana noMphiliphili ugcina emjezisa ngokuthi amhlawulise ngezinkomo ezintathu Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka  UZithulele uxabana neNkosi uSalimani enkantolo yaseMshwathi ngodaba lwesinqumo sikaHulumeni sokugudluza imingcele yezwe lenkosi uSalimani ngaphandle kokubonisana nayo.  UZithulele phakathi enkatolo yaseMshwathi ngesikhathi kuzothethwa icala likaNomehlo utshela UNgoza ukuthi akatshele uSalimani aphungule amabutho aqale ngokunqaba uSalimani agcine ewaphungulile.  Abantu basemapulazini bahlasela abantu bakaSalimani emzini kaMcondo kwaVimbingwenya bezihlalele, beziculela, emuva kokuthi kade kunembizo emzini kwaVimbingwenya kwaMcondo babagwaze ngemikhonto.  Abantu basemapulazini bagwazwe, baxoshwe amabutho kaSalimani.  Kuba nodweshu phakathi kukaSalimani noMgqabula ngenkathi enikezwe ingxenye yendawo yenkosi uSalimani.  Ukuya kwenkosi uSalimani, abafowabo nezinduna ehhovisi likaSomtsewu eMgungundlovu bafika bayaxabana ngodaba lokugudluzwa kwemingcele. (Namanye amaphuzu abhebhethekisa udweshu ayokwamukeleka.) ISIPHETHO SEMPENDULO (UVO LOHLOLWAYO): Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe. (Akuvele ukuncoma umbhali ekusebenziseni udweshu ukuthuthukisa indaba yakhe.) (Ohlolwayo anganika izibonelo ezahlukene ezinembayo zodweshu ezithuthukise umdlalo.) Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwayo, enezimpendulo ezinembayo/izimpendulo ezinganikeziwe lapha.) [25] UMBUZO 19: UMBUZO OMFUSHANE AWUWELWA UMNGENI – MGcumisa 19.1 Ithoni yokumangala/yokwethuka. UNomehlo uthuswa ukuzwa ukuthi uMphiliphili uvumele ukudayisa iNkosi uSalimani kuMgqabula ngendlezane emsisela ukuba akleze. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyinikezile ithoni wasekela.] (2) 19.2 Umlandi usitshela ngesenzo sabalingiswa ngokusebenzisa isandla 'ekhuza aze ahebeze' uSkhova ngoba ebuza uMphililiphili kanti iNkosi isafuna ukuzwa kahle okushiwo nguMphiliphili. Uphinde asitshele ngezenzo zabalingiswa njengoba uSalimani ekhuza uGundane ngokuhlongoza ukuthi uMphiliphili abulawe kabuhlungu. Aphinde asitshele ngesenzo sikaSalimani, okhuza abafowabo ababa nolaka befuna ukuthethisa uMphiliphili. Ubuye asitshele ngesenzo lapho egqolozela uMphiliphili uma emtshela ukubaluleka kokuthi uzohlawula kanjani angaphinde axhumane noMgqabuli. (OKUBILI kwalokhu okungenhla.) [Nikeza amamaki AMABILI uma echazile umsebenzi womlandi wanikeza isizathu sempendulo yakhe.] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 19.3 Bobabili babe nokungaboni ngasolinye ngokuqulwa kwecala elibhekiswe kuSalimani. UZithulele uqula icala labantu bakaSalimani ngokuchema, usebenzisa ubufakazi obunikwa uMgqabuli obengekho kuhlasela abantu basemapulazini behlasela abantu bakaSalimani, icala lilahla uSalimani . UMandiza uqula icala ngokungenzeleli wamukela ubufakazi obethulwa ngabantu bakaSalimani ngenkathi kuliwa. Icala lilahla uHulumeni ahlawuliswe ngokuthi akhokhe izindleko, izindawo zikaSalimani zibuyele kuSalimani. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma ewuvezile umehluko mayelana nezenzo zabalingiswa.] (3) 19.4  Abantu bakwaVimbingwenya, kwaMcondo enkundleni yamacala amabutho ahleli phansi ayahuba kuqhamuka abantu basemapulazini bekhuza izaga.  Amabutho asukuma agxuma, athatha izikhali zawo, abhambabula abantu basemapulazini, abagwaza ngemikhonto, agcina ngokubaxosha.  UMphiliphili alamule ngokuchema evikela abantu basemapulazini, ibutho limjikijele ngezizenze abaleke ayosithela. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma eluvezile udweshu.] (3) 19.5 Inhloso ukugqamisa ukuzwana/ukuthandana kwezelamani njengoba beseka uSalimani uma edinga ukuba babonisane mayelana nesenzo sabelungu sokufuna ukuthatha izwe ngobuqili. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyivezile inhloso wasekela ngokwenzeka kulo mdlalo.] (2) 19.6 Isigameko esifihlelwe uHulumeni, uSalimani ubiza imbizo ukuzotshela abantu ukuthi mabazikhethele ukuthi bayafuna yini ukuwela uMngeni noma cha. USalimani unquma ukungabatsheli ukuthi lokho kuzokwenzeka kanjani. Uma sekufike oZithulele usebenzisa indlela yokukhetha ngesu likabhontshisi omnyama nomhlophe. [Nikeza amamaki AMABILI uma esichazile isigameko wasekela.] (2) 19.7 Lesi siqeshana sigqamisa indikimba yombangazwe. UMphiliphili utshela uSalimani ukuthi uthengwe nguMgqabula ethunywe uHulumeni ababanga naye izwe likaSalimani. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma eyichazile indikimba wasekela.] (3) 19.8 La magama amveza njengomlingiswa onolaka ongenazwelo. UNomehlo akakujabuleli ukuhlawuliswa kukaMphiliphili kancane yingakho ebuzisisa iNkosi uSalimani ukuthi inquma ukuthi uMphiliphili ahlawule ngezinkomo ezintathu ngempela yini ayezibona zingenele ngenxa yecala elikhulu alenzile lokudayisa ngezwe likaSalimani (Nikeza amamaki AMATHATHU uma ekwazile ukuthi amagama amveza kanjani umlingiswa.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (3) 19.9 Babengaxoxisana nabantu bakaSalimani noSalimani uqobo mayelana nezizathu ezazenza ukuba athi mabawele uMngeni. Babengagwema ukuhlaselwa kwabantu bakwaVimbingwenya futhi babengaxoxisana bahlale nabo. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewuvezile umbono wakhe wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 29 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 19.10 Umbhali uphumelele kahle ukwedlulisa umyalezo othi akukho okufihliwe okungeyokuvela. UHulumeni ngomlomo kaSomtsewu, uZithulelo, uMgqabuli kugcina kuvelile ukuthi bebefuna izwe likaSalimani ngobuqili njengoba bazama ukumjezisela ukuthi ngabantu bakhe abahlasele abakwaMgqabuli okwase kufanele ajeze ngokuthi bamphuce izwe kodwa kwagcina kujeze uZithulele ngokufakaza ngamanga wakhokhiswa nezindleko zecala. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma exoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni umyalezo kulo mdlalo.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (3) [25] UMBUZO 20: UMBUZO OMUDE UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga  Ungasebenzisa la maphuzu njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo.  Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni.  Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama- 33 ukumaka i-esseyi. ISINGENISO: Ohlolwayo makakhombise ukuthi unalo ulwazi ngodweshu olutholakala kulo mdlalo. Udweshu lwehlukaniswe kabili, udweshu lwangaphakathi kanye nodweshu lwangaphandle. UMZIMBA: Udweshu lwangaphakathi  UPhindisiwe ucabanga ukuthi angamtsheli uThamsanqa ngoNkululeko njengoba elokhu emshayela ucingo.  UThamsanqa ucabanga indlela uPhindisiwe ayiyona ngemuva kokukhuluma ocingweni nokushintsha kukaPhindiwe ngesikhashana abike ukuthi useyagula.  UThamsanqa ucabanga okushiwo uNkululeko ocingweni ngokuthi unindwe ngebhotela, uZiphozonke akuyona ingane yakhe.  UMaMhlongo uthukuthele ucabanga ngemfihlo ayizwe ikhulunywa nguPhindisiwe ocingweni emayelana nokuthi wavumelana nomuntu thizeni ukuthi ngeke idalulwe.  UPhindisiwe usebhange ngemuva kokushiywa nguNkululeko ucabanga ngemali esele ngenkathi efaka enye ku-ATM ayezoyithatha ngenxa yokuxinwa yizikweletu. Udweshu lwangaphandle  UPhindisiwe uxabana noNkululeko ngenkathi emfonela esebhange umtshela ukuthi uzomkhombisa njengoba engafuni ukubuyelana naye. Aphinde amfonele emzini wabo noThamsanqa.  UPhindisiwe uxabana noThamsanqa, akakhulumi iqiniso ukuthi ngubani lo oshaya ucingo, uthi bekuyisoka likaNokuphila.  UNkululeko uxabana nabakwaMathonsi, ubatshela ukuthi uPhindisiwe inkosikazi yakhe noZiphozonke yingane yakhe, ukhipha isibhamu. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 30 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka  UThamsanqa uxabana noNkululeko emzini kaMathonsi ngoba bebanga uPhindisiwe noZiphozonke. Uze umtshela ukuthi akehlukane nenkosikazi yakhe umbiza nangesishimane ngoba ethi uyehluleka ukuzitholela inkosikazi okungeyakhe.  UThamsanqa uxabana noPhindisiwe agcine ngokumbeka isandla.  UMaKhangela uhilizisana noThamsanqa ngamazwi ngenxa yokuthi uThamsanqa ushaye uPhindisiwe.  UNkululeko uxabana noPhindisiwe babanga ukuthi imali incane nokuthi kukhona ikhamera eyayingacishwanga. (Namanye amaphuzu abhebhethekisa udweshu ayokwamukeleka.) ISIPHETHO SEMPENDULO (UVO LOHLOLWAYO): Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe. (Akuvele ukuncoma umbhali ekusebenziseni udweshu ukuthuthukisa indaba yakhe.) (Ohlolwayo anganika izibonelo ezahlukene ezinembayo zodweshu ezithuthukise umdlalo.) Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwayo, enezimpendulo ezinembayo / izimpendulo ezinganikeziwe lapha.) [25] UMBUZO 21: UMBUZO OMFUSHANE UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga 21.1 Ithoni yokudinwa. UThamsanqa udinwa ukudelelwa nguNkululeko efuna uPhindisiwe noZiphozonke umtshela ukuthi akahlukane noPhindisiwe ahambe ayofuna eyakhe inkosikazi.. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyinikezile ithoni wasekela.] (2) 21.2 Umlandi usitshela ngesenzo somlingiswa njengoba uNkululeko ekhipha isitifiketi nesithombe sakhe somshado asiphonsele uThamsanqa. Uphinde asitshele ngesenzo njengoba uNkululeko ala ngokuthintitha izandla enqaba ukuthi ukondlelwa uZiphozonke. Uphinde asitshele ngesenzo somlingiswa njengoba uNkululeko ephuma ngomnyango elandelwa ngabangani bakhe oSikela noMaqoma. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma echazile umsebenzi womlandi wanikeza isizathu sempendulo yakhe.] (3) 21.3 Bobabili banobudlalwano obungefani noPhindisiwe. UNkululeko ubeyisithandwa sikaPhindisiwe sakudala kanti uKholekile ngumngani kaPhindisiwe othandana noNkululeko abaxoxa naye izimfihlo zikaPhindisiwe. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma ewuvezile umehluko mayelana nobudlelwano babalingiswa.] (3) 21.4  UMakhangela uxosha uThamsanqa, umsola ngokuthi ubebhonya uPhindisiwe ubusuku bonke.  UThamsanqa uthi uzolanda izingane zakhe, uPhindisiwe noZiphozonke, uMakhangele uyenqaba uthi ngeke azithole.  UThamsanqa ufuna ilobolo lakhe, uMakhangela umtshela ukuthi yena unezimali zakhe, ngeke amnike, akuze oMathonsi futhi uzomshisa ngamanzi. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma eluvezile udweshu.] (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 31 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 21.5 Inhloso ukugqamisa ukuthi kuyenzeka abantu abadala babe ngabangani nabantu abangaphansi kwabo ngokweminyaka ngokukhohlisana njengoba uMaqoma noSikela besiza uNkululeko ukwenza isitifiketi somgunyathi somshado kanye nesithombe somshado futhi baphelezela uNkululeko ukuya kwaMathonsi bezenza izihlobo zikaNkululeko. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyivezile inhloso wasekela ngokwenzeka kulo mdlalo.] (2) 21.6 Isigameko esasifihlelwe umlingiswa onguThamsanqa nguPhindisiwe ubamba ucingo lukaNkululeko akamtsheli uThamsanqa uma embuza ukuthi ngubani lo oshaya ucingo kepha uqamba amanga uthi isoka likaNokuphila. UMaMhlongo uthi uma eshaya ucingo uPhindisiwe athethe ocingweni ,akhulume ukuthi bavumelana ngokuthi imfihlo abanayo izoba phakathi kwabo bobalili ecabanga ukuthi usakhuluma noNkululeko. [Nikeza amamaki AMABILI uma esichazile isigameko wasekela.] (2) 21.7 Indikimba yalo mdlalo imayelana nobugebengu obuhleliwe. UNkululeko ulwa noThamsanqa ngokumkhiphela isibhamu, ukhipha isitifiketi somgunyathi nesitifiketi somshado wakhe noPhindisiwe ukuze akhombise ukuthi ngempela ushadile noPhindisiwe njengoba ezomfuna kuThamsanqa. [Nikeza amamaki AMABILI uma eyichazile indikimba wasekela.] (3) 21.8 La mazwi amveza njengomlingiswa ongathatheli izinto phezulu. Ubonisa uThamsanqa ukuthi bekumele azehlise alalele uNkululeko agweme ukudinwa ukuze agcine elithole lonke iqiniso mayelana nodaba olufika noNkululeko lomshado noPhindisiwe. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma ekwazile ukuthi amagama amveza kanjani umlingiswa.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (3) 21.9 Wayengalivuma icala lokushayisa ingane, ajeze aze aqede isigwebo sakhe engasenazo izimfihlo nomuntu ozolokhu emkhumbuza ukuthi wamthwalela icala elokhu emfuna imvalamlomo. [Nikeza amamaki AMABILI uma ewuvezile umbono wakhe wasekela.] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka.) (2) 21.10 Umbhali uphumelele ukwedlulisa umyalezo othi akukho okufihliwe okungeyokuvela. UNkululeko ugcina kuvelile ukuthi ubengashadanga ngokweqiniso noPhindisiwe futhi kugcine kuvelile ukuthi uZiphozonke uyingane yakhe njengoba uPhindisiwe ebhala inkondlo etshela uThamsanqa ukuthi aze amkhulisele ingane ayitshele neqiniso njengoba yena esegwetshiwe. [Nikeza amamaki AMATHATHU uma exoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni umyalezo kulo mdlalo] (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 Downloaded from hlayiso.com 32 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka IRUBHRIKHI YOLIMI LWASEKHAYA ISIQEPHU A: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WENKONDLO [AMAMAKI AYI-10] Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi kahle Akugculisi nhlobo OKUQUKETHWE 5–6 4 3 2 0–1 -Ukuhunyushwa -Ukhombisa ulwazi -Isihloko usihlaziye -Ukuhunyushwa -Akanalo nhlobo ulwazi Ukuhunyushwa kwesihloko okunzulu ngesihloko futhi ngokugculisayo kwesihloko akugculisi lokuphendula inkondlo kwesihloko -Amaphuzu amahle usihumushe kahle -Akhona amaphuzu kahle -Akukho nhlobo Amaphuzu anobunzulu, kakhulu ahlukene -Impendulo echaza amahle asekela isihloko -Kuthukela kuvela okuhambisana nenkondlo ukusekela kanye asekelwe kabanzi ngokwenelisayo -Amanye amaphuzu amaphuzu asekela -Ohlolwayo akanalo nokuqonda kabanzi kubhekiswe enkondlweni -Amanye amaphuzu asekeliwe kodwa isihloko nhlobo ulwazi lwenkondlo. ithekisthi. -Ulwazi oluhle kakhulu anembayo kodwa ubufakazi bubuye -Ulwazi lwenkondlo lwenkondlo. awasekeliwe onke bungagculisi kwenye alugculisi kahle. 6 AMAMAKI ngendlela elindelekile inkathi -Ulwazi lwenkondlo luhle. -Ulwazi lwenkondlo olugculisayo. ISAKHIWO KANYE 4 3 2 1 0–1 NOLIMI -Isakhiwo esihleleke kahle -Isakhiwo esihleleke kahle -Kukhona nokho -Isakhiwo sikhombisa -Isakhiwo asihlelekile kakhulu futhi amaphuzu ageleza ukuhleleka kwesakhiwo amaphutha ezingeni kahle neze Isakhiwo, ukugeleza -Amaphuzu ahleleke ngokulandelana kahle -Amaphuzu awagelezi lokuhleleka -Ulimi lunamaphutha okuhlelekile kwamaphuzu kahle kakhulu futhi -Ukugeleza kwamaphuzu futhi awahlelekile -Amaphuzu awahlelekile amaningi kanye kanye nokwethula athungelana kahle kuyalandeleka -Amaphutha olimi ngokugculisayo nesitayela esingagculisi Ulimi, ithoni kanye kakhulu -Ulimi, ithoni kanye ayingcosana, ithoni kanye -Ulimi lunamaphutha neze. nesitayela -Ulimi, ithoni kanye nesitayela kuhle. nesitayela amaningi -Awekho amaphuzu esisetshenzisiwe nesitayela kukhombisa kusetshenziswe -Ithoni nesitayela ahambelana nesihloko. embuzweni omude. ukuvuthwa komqondo, ngokugculisayo. akugculisi kahle. kuyaheha futhi kushaya 4 AMAMAKI emhlolweni -Ulimi, ukupelwa kwamagama kanye nezimpawu zokuloba akunamaphutha nhlobo. QAPHELA:Uma ohlolwayo engazange abhale sanhlobo ngokubuziwe, waqoka ukuziqmbela i-eseyi akatholi lutho amamaki okuqukethwe kanye nesakhiwo nolimi Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 Downloaded from hlayiso.com 33 DBE/Lwezi 2022 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU B KANYE NESIQEPHU C: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WOMBHALO WOBUCIKO: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO KANYE NOMDLALO [AMAMAKI ANGAMA-25] Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi kahle Akugculisi nhlobo OKUQUKETHWE 12–15 9–11 6–8 4–5 0–3 -Impendulo enembayo: -Ukhombisa ukuqonda -Ukuhumusha isihloko -Ukuhunyushwa -Ulwazi oluncane Ukuhunyushwa -Impendulo enhle kanye nokuhumusha ngokugculisayo; kwesihloko akugculisi kakhulu lwesihloko kwesihloko kakhulu: isihloko kahle akuzona zonke kahle; kuthukela kuvela -Umzamo ontekenteke Amaphuzu anobunzulu, -Ukuhunyushwa -Impendulo echaza izingxenye ezicaciswe amaphuzu asekela wokuphendula umbuzo ukusekela kanye kwesihloko okunzulu ngokwenelisayo kabanzi isihloko ngokucacile -Amaphuzu awanelisi nokuqonda kabanzi -Amaphuzu ahlukene -Amanye amaphuzu -Kunamaphuzu ambalwa -Amaphuzu ambalwa nhlobo ithekisthi. anembayo nokusekela anembayo kodwa amahle asekela isihloko asekela isihloko -Ohlolwayo akanalo okunembayo akusiwo wonke -Amaphuzu ambalwa -Amaphuzu amancane nhlobo ulwazi lwenoveli/ 15 AMAMAKI okususelwe embhalweni asekelwe ngendlela asekeliwe, kodwa ahambisana nesihloko ubuciko bomlomo -Ulwazi oluhle kakhulu elindelekile ubufakazi bubuye -Ulwazi oluncane nomdlalo lwenoveli/ubuciko -Ulwazi lwenoveli/ bungagculisi lwenoveli/ubuciko bomlomo nomdlalo. ubuciko bomlomo -Ulwazi olungenele bomlomo nomdlalo. nomdlalo luyabonakala. lwenoveli/ubuciko bomlomo nomdlalo. ISAKHIWO KANYE 8–10 6–7 4–5 2–3 0–1 NOLIMI -Isakhiwo silandelana -Isakhiwo esihle kanye -Isakhiwo siyabonakala -Isakhiwo sikhombisa -Ukungabibikho kahle kakhulu namaphuzu ahleleke kancane amaphutha ekuhlelweni kwesakhiwo esihleliwe Isakhiwo, ukugeleza -Isingeniso kanye kahle -Ukugeleza kanye kwaso kuphazamisa ukugeleza okuhlelekile nesiphetho okuhle -Isingeniso, isiphetho nokulandelana -Amaphuzu awahlelekile kwamaphuzu kwamaphuzu kanye kakhulu kanye nezinye izigaba kwamaphuzu kahle -Amaphutha olimi kanye nokwethula -Amaphuzu abekeke kuhleleke kahle kuyabonakala, kodwa -Amaphutha olimi nesitayela esingalungile Ulimi, ithoni kanye kahle kakhulu futhi -Amaphuzu ageleza kunamaphutha agqamile kwenza lo mbhalo nesitayela athungelana kahle kahle -Amaphutha olimi -Ithoni nesitayela ungabi yimpumelelo esisetshenzisiwe -Ulimi ithoni kanye -Ulimi, ithoni kanye ambalwa; ithoni kanye kusetshenziswe -Ithoni nesitayela embuzweni omude. nesitayela kukhombisa nesitayela kuhle. nesitayela ngokungafanele kusetshenziswe ukuvuthwa, esisetshenzisiwe -Ukuhleleka kwezigaba ngokungafanele 10 AMAMAKI kuyancomeka futhi sifanelekile kunamaphutha. -Ukuhleleka kwezigaba kushaya emhlolweni. -Izigaba eziningi kunamaphutha. zibhaleke kahle. UKWABIWA 20–25 15–19 10–14 5–9 0–4 KWAMAMAKI  Akufanele kube nomehluko odlula amazinga amabili phakathi kwamamaki esakhiwo nolimi kanye namamaki wokuqukethwe.  Impendulo yokuziqambela kufanele inikezwe u-0 kokuqukethwe no-0 isakhiwo nolimi. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 12 Isizulu Hl

Explore more published documents in this catalogue.

View all