Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 2 NSC November 2021 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 12202128 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 2 question paper from the NSC November Exam 2021, 28 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC November Exam 2021

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) LWEZI 2021 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi angama-28. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/Lwezi 2021 NSC IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhla lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emuva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli/Ubuciko bomlomo (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B: Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C: Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe ngezansi. ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE – Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE – UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO).  Phendula KUPHELA umbuzo wenoveli/ubuciko bomlomo kanye nomdlalo owufundile.  Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukwelekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO  Impendulo yombuzo omude ezinkondlweni mayibe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240.  Izimpendulo zemibuzo emide enovelini/ebucikweni bomlomo kanye nasemdlalweni mazibe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390.  Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi bangathemelezi kodwa baphendule okubuziwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/Lwezi 2021 NSC 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/Lwezi 2021 NSC OKUQUKETHWE Leli khasi liyolekelela abahlolwayo ukuba bakhethe imibuzo abazoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. 'UNoluxolo/UNoxolo' Umbuzo omude 10 6 2. 'Ngibonga ngiyanconcoza' Umbuzo omfushane 10 7 3. 'Imfihlo' Umbuzo omfushane 10 8 4. 'Ugqozi' Umbuzo omfushane 10 9 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo. 5. 'Ubude abuphangwa' Umbuzo omfushane 10 10 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Phendula umbuzo OWODWA ESIQESHINI B kanye nowodwa ESIQESHINI C. ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO INOVELI: Phendula umbuzo OWODWA. 6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 11 7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 11 8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 13 9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 13 10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 15 11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 15 12. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omude 25 17 13. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omfushane 25 17 NOMA UBUCIKO BOMLOMO: Phendula umbuzo OWODWA. 14. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omude 25 19 15. Uju Lwezizukulwane Umbuzo omfushane 25 19 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 16. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 23 17. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 23 18. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 25 19. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 25 20. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omude 25 27 21. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omfushane 25 27 QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE ESIQESHINI B kanye NASESIQESHINI C. Akuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/Lwezi 2021 NSC Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo. Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha sebenzisa lolu hla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo okulindeleke uyiphendule. ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA YEMIBUZO LEMIBUZO EPHENDULIWE A: IZINKONDLO (Ezimiselwe) 1–4 2 A: INKONDLO (Engamiselwe) 5 1 B: INOVELI (Umbuzo omude NOMA 6–13 1 omfushane) B: UBUCIKO BOMLOMO (Umbuzo omude NOMA 14–15 1 omfushane) C: UMDLALO (Umbuzo omude NOMA 16–21 1 omfushane) QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. ESIQESHINI B, khetha phakathi kwenoveli nobuciko bomlomo, uphendule UMBUZO OWODWA, ungaphenduli ngazo zombili lezi zinhlobo zemibhalo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/Lwezi 2021 NSC ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1: UMBUZO OMUDE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. UNOLUXOLO/UNOXOLO – KNN Gcumisa 1 Udumo lakho luyababazeka 2 Ufana namanz' apholil' ehla entabeni. 3 Upholil' uphuzisa bonke abakulangazelelayo, 4 Ubaph' ukujabul' imizimba yethakase 5 Bekufumene wena Mduduzi wabadumele. 6 Lapho kukhon' ukuheleza komoy' obandayo, 7 Lapho kugelez' igazi emaweni athambekileyo, 8 Izinyembezi zigeleza ingelezane, 9 Kubhekenwe ngeziqu zamehlo. 10 Imilomo ikhafula okumuncu kodwa 11 Kungazeki okumuncu kodwa 12 Kungazeki ngubani oyakusiza. 13 Munye kuphel' ongaba umsizi, UNoluxolo, 14 Oleth' injabulo kubo bonke abaxabeneyo, 15 Onhliziyo zabo zibamtoti, ngothando 16 Oluletha ukufudumala okungunaphakade. 17 Kuletha ukuthokoza okungeke 18 Kwalethwa yilutho ngaphandle 19 Kothando, umusa noxolo Imbongi iyaye isebenzise amasu anhlobonhlobo obunkondlo njengokusetshenziswa kwezifengqo, imifanekisomqondo, ukukhethwa kwamagama, imvumelwano kanye nezimpawu zokuloba ukwethula umqondo wenkondlo. Xoxa ngala masu angenhla asetshenziswe imbongi ukwethula umqondo wale nkondlo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama ayi-190 kuya kwangama-240. [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/Lwezi 2021 NSC UMBUZO 2: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. NGIBONGA NGIYANCONCOZA – Imbongi ayaziwa 1 Okweguqa lithath' ubunkunzi, 2 Lisacij' izimpond' okweklwa 3 Licijwa ngomlalazi. 4 Okwenzulu yeziziba ngisajula, 5 Nakhu sebengibek' umgqiki 6 Ebandla lezingengelezi, 7 Bengithwesa isicoco 8 Ngokudla umhlanganiso ngezinduku zomsimbithi. 9 Ngincoma ngiyanconcoza kubaciji bezimpondo, 10 Bezicija ngenjulo yenzulu yosikisiki. 11 Ngiphikelele kwelezinyandezulu, 12 Ningadinwa ukulokhu nicija izimpondo; 13 Umkhondo wokhondolo lwamaklume 14 Uyohluma ngengqakazo yemikhondo yanamuhla, 15 Ngob' inkunz' isematholeni. 2.1 Gagula uhlobo lwesifengqo esitholakala emgqeni woku-1 bese unikeza incazelo yaso ngokwenkondlo. (2) 2.2 Chaza kafushane umoya otholakala emgqeni wesi-5 kuya kowesi-8. (2) 2.3 Ngabe umfanekisomqondo oqukethwe umugqa we-15 ukwelekelele kanjani ukuqonda le nkondlo? Sekela impendulo yakho. (2) 2.4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa ifana nqwaqa ung no nc emgqeni wesi-9? (2) 2.5 Xoxa ngempumelelo yembongi yokusebenzisa ukuxhumana kule nkondlo. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/Lwezi 2021 NSC UMBUZO 3: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. IMFIHLO – MH Mazibuko 1 Mfihloni len' engaka, 2 Zinyanya zakithi nonkana sitsheleni, 3 Izinyanga nezanusi ziwachitha ziwaqoqe, 4 Kanti kufihlweni? 5 Nonesifuba ugcina esemchathazela umngani, 6 Le mfihlo ayinamngani nasihlobo, 7 Othuke wakwelamela okufihliwe uyihlab' inhlali 8 Nabantabakhe uthi bayozibonela kuhle kwabenyoka. 9 Abalele bayabuya ngamaphupho, 10 Balethe izinhlanhla nemikhokha, 11 Noma kunjalo sebeze baqumbelana, 12 Bengayithi vu ngenhlalo yabo, 13 Kukhulu esafihlelwa khona, 14 Yonke imithetho iyeqiwa, ujeze, 15 Munye vo ongasoze weqiwa 16 Lowo uthi, 'Ngamunye ngamunye wozibonela azizwele' 17 Nesichwensi asichwenseli ngakuwo. 18 Liba izindaba zakho ziyaxaka azixoxeki, 19 Akukho namunye onyonyobayo, 20 Azosihlebela ngenhlalo yangale, 21 Kukhulu okufihlwe ngale kwempilo yomhlaba, 22 Abanye bawuthumela igundane kepha kuwe lingelokothwe. 3.1 Bhala umugqa onesifengqo esiyi-okzimoroni ebinzeni loku-1 bese uyasidwebela isifengqo. (1) 3.2 Chaza kafushane ngamaphuzu AMATHATHU umqondo oqukethwe yibinza lesi-2. (3) 3.3 lyini inhloso yembongi yokusebenzisa isizura esemgqeni we-14 kule nkondlo? (2) 3.4 Chaza ithoni equkethwe umugqa we-18 kule nkondlo. (2) 3.5 Phawula ngekhono lembongi ekusebenziseni isenzukuthi emgqeni we-15. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/Lwezi 2021 NSC UMBUZO 4: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. UGQOZI – BW Vilakazi 1 Emasangweni akwaDukuza, 2 Emzin' omkhulu kaNdaba, 3 Ngem' othangweni ngakhuleka, 4 Ngakhuleka laze layoshona. 5 Kwaqhamuka insila yenkosi, 6 Yangiyal' ukuba ngilinde. 7 Kwangen' emakhalen' am' iphunga, 8 Kwakhany' engqondweni yam' efiphele. 9 Kwafika kim' uMkabayi emuhle, 10 Wangithatha phansi wangiphonsa phezulu. 11 Ngabon' umlind' imasango evula, 12 Ngangena ngishwaben' ulimi, 13 Ngahlala ngaphakathi kwakho Dukuza. 14 Angikwazang' ukubonga 15 njengobabamkhulu, 16 Ukudabuka nezinhlungu angikuzwanga. 17 Ngenaba ngazicabanga ngiyinkosi; 18 Ngalala, ngaphupha ngeny' imini 19 Ngingaphandle kwamasango kaDukuza. 20 Ngamfun' uMkabayi ngangambona; 21 Ngawabuk' amasango ngawabona, 22 Ngawabon' evaliwe noDukuz' esefile. 23 Lwagcwal' umlom' ulimi lwami; 24 Ngathi ngiyakhuluma ngayisimungulu; 25 Kanti sengintshontsh' amandl' ezimbongi. 26 Namhla kangikwaz' ukuthula noma 27 Lapho ngilele ngikwesikaBhadakazi, 28 Ngivuswa nguMkabayi ethi kimi: 29 'Vuka wena kaMancinza! 30 Kawuzalelwanga ukulal' ubuthongo, 31 Vuk' ubong' indaba yemikhonto! 32 Nank' umthwal' engakwethwesa wona. 4.1 Tomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 bese usho nohlobo lwakho. (2) 4.2 Chaza kafushane ngohlobo lwesigqi esigqanyiswe ibinza lesi-2. (2) 4.3 Chaza ngokusetshenziswa kwe-enjambamenti etholakala emgqeni we-14 kuya kowe-15. (2) 4.4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa amagama atholakala emgqeni wama-20? Bhekisa impendulo yakho ebinzeni lesi-3 nelesi-4. (2) 4.5 Hlolisisa ngokushiwo yimbongi emgqeni wama-29 kuya kowama-32 ukugqamisa ithoni yale nkondlo. (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/Lwezi 2021 NSC INKONDLO ENGAMISELWE (Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo) UMBUZO 5: UMBUZO OMFUSHANE Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. UBUDE ABUPHANGWA – AB Phakathi 1 Izinto zonke zithatha isikhathi; 2 Ilanga liphuma ngesal' isikhathi, 3 Ihlobo liyafika ngesalo lodwa, 4 Nobusika bufika buhamba bodwa; 5 Nawe uzofika phambili ngesakho, 6 Nguyen’ owaziyo uMdali ngalokho, 7 Ubude abuphangwa. 8 Mawungaphang' izinto eziphakeme, 9 Ngoba uzofika nawe kuzo ume, 10 Thatha nje kancane ukuya phambili 11 Bambelelela ngezandla zakho zombili, 12 Uyojabula nawe usufikile, 13 Ngokuqinisela kwakh' usuvunile; 14 Ubud' ungabuphangi. 15 Nawe mfana osaqala isikole, 16 Mana isibindi uyoze uthole 17 Lokho okuhle okubona phambili, 18 Fumbath' isikole ngezandla zombili, 19 Ikhona uyofika phambili nawe, 20 Uze uthole lokho okungangawe; 21 Ubude abuphangwa. 5.1 Gagula uhlobo lwefanamsindo etholakala emgqeni wesi-4 bese usho umsebenzi wayo. (2) 5.2 Chaza kafushane okushiwo yimbongi emgqeni wesi-8 kuya kowesi-9. (2) 5.3 Chaza umoya oqukethwe umugqa we-10 kuya kowe-14 kule nkondlo. (2) 5.4 Iyini inhloso yembongi ngokusebenzisa imvumelwano esemgqeni we-15 kuya kowe-16? (2) 5.5 Phawula ngempumelelo yembongi yokusebenzisa impindwa kule nkondlo. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/Lwezi 2021 NSC ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO Khetha uhlobo OLULODWA lombhalo phakathi KWENOVELI NOBUCIKO BOMLOMO, uphendule ngokulandela imiyalelo engezansi. INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6: UMBUZO OMUDE BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Le noveli ethi, Bengithi lizokuna inabalingiswa abagqamisa umyalezo. Xoxa ngempumelelo yombhali yokwethula lo myalezo othi, 'izinqumo esizithathayo ngempilo yethu zingaba nemiphumela engemihle kwabanye abantu nakithina uqobo. Bhekisa impendulo yakho kulaba balingiswa: uMhlengi/uMahlengi, uXolani noNontobeko. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 7: UMBUZO OMFUSHANE BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA A Laba ngangonyaka kuNontobeko ihora okwakuthiwe akalilinde. Wayelokhu elijeqeza iwashi lakhe, enikina ikhanda. Okwakunzima nakakhulu ngukuthi wayengakhululekile lapha endlini ngoba kwakuphithizela izihlobo nabangani ababeze emshadweni owawungakusasa. Okwase kungcono nje yikho ukuthi wayengasakhali manje uNontobeko, kunalokho wayesevele waba nesibindi esikhulu. Kwase kusele khona nje 5 ukuthi kufike uNkululeko baxoxe. Wathi esamcabanga uNkululeko, lwangena ucingo lwakhe. 'Sengifikile. Sizobonana kanjani ngoba …?' ebuza ehefuzela. 'Ngiyeza lapho esangweni,' esho esukuma eqonda emnyango. 'Hhayi bo, uyaphi umakoti ebusuku? Akwenziwa lokho, khuzani bo!' kubalisa 10 isalukazi esiyisihlobo sikaNontobeko esase sibizwa ngeJaji ngenxa yokuthanda kwaso ukushaya imithetho. Akasiphendulanga uNontobeko, kunalokho wasikluluza kabi, wabipha nasebusweni ukukhombisa ukuthi wayeyinyanya kanjani indaba yokucefezelwa yiJaji. 'Mama,' esho egoba phambi kukanina, 'ngisaya kuNkululeko esangweni, kukhona 15 okuphuthumayo okufanele sikuxoxe,' ebeka ngesineke ezama ukufihla ukuthi kuyamcasula ukubanjezelwa wunina ngamanangananga angathi shu. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/Lwezi 2021 NSC Okuphuthumayo? Akangeni ngani umkhwenyana nizoxoxela lapha endlini? Pho wena waphatha isikhwama nezikhiye zemoto?' kubuza unina ehlahle amehlo. Yavele yahleka kancane intokazi yakhe bakithi, yamphulula emahlombe. 20 'Mama, wase ungenza ingane ngimdala kangaka? Ngiyabuya, ungilindile uNkululeko. 'Zonke lezi zinto engiziphethe sizoxoxa ngazo,' esho evula isicabha eyophuma ngomnyango. Ngomzuzwana nje wayeselivulile isango waqonda emotweni kaNkululeko eyayipake emgwaqeni. 'Kwenzenjani s'thandwa?' kubingelela uNkululeko ngokuxwaya ngenkathi engena 25 emotweni uNontobeko ehlala lapha esihlalweni esiphambili. 'Kuyabheda Nkululeko,' esho ebihlika ekhala. 'Yini sthandwa sami? Tshela mina baby. Tshela mina s'thandwa, ngikhona, ngizokunakekela, ngizo …' esho elula izingalo ethi uyayisingatha ingoduso yakhe bakithi. Kayizange isondele ingene ezingalweni zakhe njengenjwayelo, kunalokho 30 yaqhela, yashalaza yabheka le. Lapho ekugcineni iwaphendula amehlo imbuka yasula izinyembezi yamgqolozela ngalawo mehlo ayo abuka sakufifiyela. 'Ngicela ukuqala ngokuxolisa Nkululeko.' 'Uxoliselani? Yini, kwenze njani ngempela?' kubuza uNkululeko edidekile. 35 [Isahluko 2:37–38] 7.1 Shono umoya otholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. Sekela impendulo yakho. (2) 7.2 Chaza kafushane umsebenzi womlandi ubhekise impendulo yakho kuNontobeko noNkululeko kulesi siqeshana. (2) 7.3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU ukulandelana kwezigameko ezaholela ekutheni kube nalesi sigameko esitholakala kulesi siqeshana. (3) 7.4 Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguXolani kanye nomlingiswa onguNontobeko ekugqamiseni indikimba yale noveli. (3) 7.5 Chaza umyalezo wombhali esiphethweni sale noveli. Bhekisa kumlingiswa onguNontobeko. (3) 7.6 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguNomalanga kule noveli? (3) 7.7 Ngabe amagama agqamile akulesi siqeshana asiveza njengomlingiswa onjani isalukazi esibizwa ngeJaji? Sekela impendulo yakho. (2) 7.8 Ucabanga ukuthi wawungaba njani umphumela wothando lukaNontobeko noMhlengi ukuba uMhlengi akanqumanga ukuluqeda uthando lwabo? Sekela impendulo yakho. (2) 7.9 Ngabe ukuziphatha komlingiswa onguS’bu kokuba nezintombi eziningi nokuphuza kwamukelekile kuwena? Sekela impendulo yakho (3) 7.10 Uyazwelana nesimo esibhekene noNkululeko sokwaliwa uNontobeko ngosuku olwandulela olomshado? Yikuphi owawungakwenza ukuba kwakunguwe obhekene nalesi simo? (2) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/Lwezi 2021 NSC UMBUZO 8: UMBUZO OMUDE USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Le noveli ethi, Usumenyezelwe-ke Umcebo inabalingiswa abagqamisa umyalezo. 'Xoxa ngempumelelo yombhali yokwethula lo myalezo othi,' ukuthanda imali ngokweqile kungaba nemiphumela engemihle kwabanye abantu nakithina uqobo.' Bhekisa impendulo yakho kulaba balingiswa: uChule, uDaffo noMaHadebe. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 9: UMBUZO OMFUSHANE USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA B Liphakama ilanga uGenyeza wangena kwaDicey. Akukho nduduzo ayeyilethele uNomvula ngaphandle kokumbalisela nokushiswa yisikhwele ngesikhathi uNomvula elambele, omele ukumiswa isibindi nethemba. Wayembelesele ngoChule ayembiza ngesithunywa sikaSathane. 'Sithandwa, phezu kwazo zonke lezi zidumo nokushonelwa wumfowethu, awungilileli 5 nakungililela. Ebuka ngezinyembezi.' 'Ayingazi kahle le ndoda. Angilalanga ngiyicabangela.' 'Ungacabangi nangamasu okungephula embizeni engigxabha kuyona?' ‘Ngikhulule umuntu esha amashushu embizeni yothando aluthandayo?' 'Awungishayise ngomoya Genye ngisaxakekile.' 10 Waduba wabona aze ngayo uGenyeza. Ngemuva kwengxenye yehora uChule wathi memfu esangweni, waqonda koMirriam noHlulintombi ehamba ethalaza izinja. Wababingelela, wayesecela uxolo kuMirriam.Wabashiya uHlulintombi bengena endlini yokuphumula. 'Ninjani kodwa themba negugu lomphefumulo?' 15 'Sikhona singekho Chule nezidumo zalapha eThusini.' 'Nilale kahle kodwa emuva kwezigigaba zayizolo?' 'Ngabe nginamanga mntanabantu – ukubuthi quthu nje.' 'Kodwa uthi ngabe nenzeke esami? Angizange ngilale Nomvula yimifanekiso yezidumbu zasemakhazeni ingijamele ubusuku bonke.' 20 'Usifica siphandle nje Chule sesaba ngisho nokuhlala endlini. Osekungenza ukuthi angizisakaze manje,' wabibitheka, 'wukuthi le mali isiyinkasa yohuduhudu losizi nokufa. Angisaphumule. Sengiyinyamazane. Umama ngale emakhaya uphekwa ngobhojwana, ulindelwe wukufa nanini. Umfowethu usemakhazeni ngikhuluma nje. Uma kunje emhlabeni, nami angisazi ngizokwenzenjani,' simshuka 25 isifo sokudikibala. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/Lwezi 2021 NSC Welula isandla uChule wambutha, ikhanda lakhe walicamelisa esifubeni, wamphulula izinwele ethi, 'Thula Nomvula. Thula sithandwa. Ungabi thembalifuphi. Thembela eNkosini. Ngilapha nje ngoba ngikhathazekile ngawe, ngiyakuthanda. Ukukhathazeka kwakho kungokwami, namahlaba emphefumulweni nasemzimbeni wakho ahlaba 30 nakimi. Nokho Nomvula, njengoba uMdali esesiqondanisile nje usuzokhululeka ududuzeke. Yimina esengizoba yimbongolo, ngikuthwalele imiqiqingo esindayo, ngibe wuJosefa wase-Aramathiya. Njengoba ngikubona usukhathele kanje, sikubhuquza lesi siphambano abakwethese sona beyokulengisa kuso, ngizokuvusa, ngikuthwalele sona, ngikuse naso endaweni yakho yokuphumula, nalapho uyofela khona ngokuthula.' 35 Wamesula izinyembezi ngesithupha. Ziminineka, wakhipha iduku wamesula ubuso, wayesemtomotomota izihlathi nesilevu. Esikhathini eside empilweni kaMirriam kwakukade kugqibelana ukukhathazeka. Uthando ayelwazi kwakungolukanina kuphela. [Isahluko 14:133–134] 9.1 Shono umoya otholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. Sekela impendulo yakho. (2) 9.2 Chaza kafushane umsebenzi womlandi ubhekise impendulo yakho kuGenyeza noNomvula kulesi siqeshana. (2) 9.3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU ukulandelana kwezigameko ezaholela ekutheni kube nalesi sigameko esitholakala kulesi siqeshana. (3) 9.4 Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguChule kanye nomlingiswa onguDaffo ekugqamiseni indikimba yale noveli. (3) 9.5 Chaza umyalezo wombhali esiphethweni sale noveli. Bhekisa kumlingiswa onguChule. (3) 9.6 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguMaSikhakhane kule noveli? (3) 9.7 Ngabe amagama agqamile akulesi siqeshana amveza njengomlingiswa onjani uGenyeza? Sekela impendulo yakho. (2) 9.8 Ucabanga ukuthi wawungaba njani umphumela wothando lukaNomvula noGenyeza ukuba akahambanga noChule ukuya eMlazi? Sekela impendulo yakho. (2) 9.9 Ngabe ukuziphatha komlingiswa onguMeyili kokuxosha uNomvula kwamukelekile kuwena? Sekela impendulo yakho. (3) 9.10 Uyazwelana nesimo esibhekene noNomvula sokuhlukunyezwa umndeni wakhe ngenxa yemali ayiwinile? Yikuphi owawungakwenza ukuba kwakunguwe obhekene nalesi simo? (2) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/Lwezi 2021 NSC UMBUZO 10: UMBUZO OMUDE KUNJALO-KE – ME Wanda Le noveli ethi, Kunjalo-ke inabalingiswa abagqamisa umyalezo. Xoxa ngempumelelo yombhali yokwethula lo myalezo othi, 'ukungabi nesimilo kungaba nemiphumela engemihle kwabanye abantu nakithina uqobo.' Bhekisa impendulo yakho kulaba balingiswa: uDumazile, uMoloi noSithole. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 11: UMBUZO OMFUSHANE KUNJALO-KE – ME Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA C Kwenzeka konke lokhu nje uDumazile akekho lapho, kodwa usemajukujukwini emicabango: 'Mh, kanti kuyiqiniso ukuthi yizintaba kuphela ezingahlangani? Ngizokumbizela amaphoyisa ngempela phela mina. INkosi ngizombopha ngempela mina. INkosi, ngizombopha ngempela! Anginakudlala yena, ungathi angenza nje!' Kwathi 5 ukuba uphele umhlangano, kwahlakazekwa. UDumazile waqonda ngqo kulo mfokazi owayehlezi nomunye umhlengikazi emotweni yakhe kanokusho. Umhlengikazi wayethathekile yincazelo ezofuna usizo lokuxhaswa. 'Sawubona!' kubingelela uDumazile izinhlonze seziyimivingqi esiphongweni. 'Yebo sawubona!' Sekuvuma le nsizwa ngokusola okuthile. 10 'Angazi noma usangibona yini?' Iqale ithule le nsizwa isambukisisa, ikhumule izibuko emehlweni, bese ithi: 'Konje ngizothi ngangikubona kuphi?' Avele acikeke uDumazile. Wacabanga ukuthi insizwa lena imenza isiphukuphuku. 'Wawungibona eZenzele High School eMbumbulu ngenkathi wena usafundisa khona. 15 Awusamkhumbuli uDumazile Kheswa?' UDumazile echaza nje, uMoloi kudala ekhumbulile. Waswela umgodi wokucasha. UMoloi ngokubona ukuthi uzohlazeka kulo mhlengikazi ozocela ukusizwa, wabe esemcela ukuthi babuye babonane naye ngesinye isikhathi, waphuma emotweni. Kwabe sekungena uDumazile. 'Kodwa thisha, nguwena ngempela lona?' 20 'Yimina Dumazile. Ngiyalazi icala lami. Ngiyisiboshwa ngizihambela nje. Ngicabanga ukuthi sizodinga isikhathi esanele ukuba sixoxe ngakho konke okwenzeka, bese sibonisana-ke ukuthi singawalungisa kanjani lawo maphutha adalekayo. Njengamanje ngisaphuthuma komunye umhlangano engiwuhlele nabahlengikazi basekuHlengeni. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/Lwezi 2021 NSC Kunganjani ukuba unginike inombolo yakho yocingo ukuze ngikuthinte 25 ngemfonomfono?' 'Anginikani inamba yocingo lwakwami. Ngikhuluma nje ayibhaliwe emabhukwini ngoba ngingafuni ukushayelwa yinoma ngubani nje!' 'Nami angiqondile ukuthi ngizokushayela noma yikanjani nje, ngenzela ukuba ngikwazi ukulungisa amademesha adalekayo ...' 30 Aqale athule uDumazile esacabanga ukuthi kufanele yini ukuba amnikeze inombolo yocingo lwakwakhe. Hhayi akamnike. UMoloi wakhipha ipeni lakhe lohlobo oluphambili kanye nedayari, wabe esethi: 'Awungiphindele inamba.' Ayiphinde futhi uDumazile. Abhale. Bavalelisane. Bahlukane. 35 [Isahluko 9:150–151] 11.1 Shono umoya otholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. Sekela impendulo yakho. (2) 11.2 Chaza kafushane umsebenzi womlandi ubhekise impendulo yakho kuDumazile noMoloi kulesi siqeshana. (2) 11.3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU ukulandelana kwezigameko ezaholela ekutheni kube nalesi sigameko esitholakala kulesi siqeshana. (3) 11.4 Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguMaNzimande nomlingiswa onguSithole ekugqamiseni indikimba yale noveli. (3) 11.5 Chaza umyalezo wombhali esiphethweni sale noveli. Bhekisa kumlingiswa onguDumazile. (3) 11.6 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguMaJwara kule noveli? (3) 11.7 Ngabe amagama agqamile akulesi siqeshana amveza njengomlingiswa onjani uDumazile? Sekela impendulo yakho. (2) 11.8 Ucabanga ukuthi wawungaba njani umphumela wothando lukaMoloi noDumazile ukube uMoloi wabhekana nesimo sokukhulelwa kukaDumazile? Sekela impendulo yakho. (2) 11.9 Ngabe ukuziphatha komlingiswa onguKheswa kokuxosha uDumazile kwamukelekile yini kuwena? Sekela impendulo yakho. (3) 11.10 Uyazwelana nesimo esibhekene noDumazile sokuphinda abone uMoloi emuva kokuba emshiye kabuhlungu emkhulelisile eseyingane yesikole? Yikuphi owawungakwenza ukuba kwakunguwe obhekene nalesi simo? (2) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/Lwezi 2021 NSC UMBUZO 12: UMBUZO OMUDE IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Le noveli ethi, Impi Yabomdabu Isethunjini inabalingiswa abagqamisa umyalezo. Xoxa ngempumelelo yombhali yokwethula lo myalezo othi, 'ukungawazisi umndeni wakho kungaba nemiphumela engemihle kwabanye abantu nakithina uqobo.' Bhekisa impendulo yakho kulaba balingiswa: uBafana noPoppie. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 13: UMBUZO OMFUSHANE IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA D Babonana-ke oJonny noMaMthunzi ngele-10. UJonny wayibeka indaba yakhe ngokuthi, 'Ngizocela ukuthatha ezinye izimpahla zami ngoba ngisathanda ukuba ngiyohlala eMashishini. Ngithole ikamelo khona, noma nje lilincane lizonganela isikhashana sisalungisa le ndaba yethu.' 'Usuyabaleka futhi Jonny? Kodwa yini ubugwala kangaka? Wena ungumuntu onjani 5 ohlala ngokubaleka njalo uma kunezingxaki. Mina angiyiboni nje into ekuxosha lapha ekhaya. Zona izingane zonile ngokuthatha imoto zingayicelile. Ukubaleka ngeke kuyixazulule le nkinga. Thina nawe kufanele sibambane siyixazulule sobabili le nkinga. Masithathe abameli sizwe ukuthi bona bathi singaphuma kanjani kule ndaba.' 'Kulungile nalokho singakwenza, kodwa okwamanje ngicela izimpahla. Kuzothi 10 sengihlelile kahle ngikushayele ucingo, ngibone ukuthi yini into esingasizana ngayo.' 'Yini ekwenza ukuba uyohlala wedwa eMashishini? Yini singahlali sonke lapha ekhaya?' 'Singengene kulokho namuhla ngoba emsebenzini ngicele ukuba ngizolanda izimpahla. Kunganjani ngithathe izimpahla manje, sobuye sikuhlele okunye ngelinye 15 ilanga.' 'Kulungile zithathe izimpahla zakho Jonny.' Waziqoqa izimpahla zakhe uJonny wazifaka ebhuthini yemoto, kwathi ezimbalwa wazifaka esihlalweni esingemuva. UMaMthunzi akazange amelekelele uNgubane kule nto ayeyenza. Wavalelisa uNgubane wethembisa nokuthi uzoyobona uPrisca 20 esibhedlela. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/Lwezi 2021 NSC Ngenkathi imoto kaJonny idlula esiteshini wayengazi uJonny ukuthi uyaphi ngempela. Kwathi lapho efika empambano-mgwaqo wazithola esethatha umgwaqo oya eThekwini. Yaqandula iToyota Camry ibheke eRooi Point, yehla isibheke ezansi eKilbhashane. Uvalo lwamnyenyezela ukuba ayinike amafutha, yavuma isihamba nge- 25 180km ibheke koSun Set Rest. Wayethanda ukuba eme aphumule e-Sun Set Rest kodwa wabona ukuthi kuseduze neNewcastle. Wayethi lapho ecabanga ukuthukuthela kukaMgwazeni ashaywe uvalo. Kwathi eseseMgungungundlovu uJohnny wangena ethilumu wathola okokukhohlisa ithumbu. Wadlela emotweni isibheke koCamperdown. Manje waseqala ukucabanga 30 ngeTheku. Kwakuthi uma kufika indawo yase-La Lucia ashaywe nguvalo. [Isahluko 12:214–215 ] 13.1 Shono umoya otholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. Sekela impendulo yakho. (2) 13.2 Chaza kafushane umsebenzi womlandi ubhekise impendulo yakho kuNgubane noMaMthunzi kulesi siqeshana. (2) 13.3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU ukulandelana kwezigameko ezaholela ekutheni kube nalesi sigameko esitholakala kulesi siqeshana. (3) 13.4 Nikeza okungumehluko mayelana nezenzo zomlingiswa onguNgubane kanye nomlingiswa onguCele ekugqamiseni indikimba yale noveli. (3) 13.5 Chaza umyalezo wombhali otholakala esiphethweni sale noveli. Bhekisa kumlingiswa onguPoppie noBafana. (3) 13.6 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguMaXakushe kule noveli? (3) 13.7 Ngabe amagama agqamile akulesi siqeshana amveza njengomlingiswa onjani uMathunzi? Sekela impendulo yakho. (2) 13.8 Ucabanga ukuthi wawungaba njani umphumela wothando lukaMaMthunzi noJonny ukuba akanqumanga ukumshiya uMamMthunzi? Sekela impendulo yakho. (2) 13.9 Ngabe ukuziphatha komlingiswa onguPoppie ngenkathi ecela uBafana ukuba abuyele ekhaya kwamukelekile yini kuwena? Sekela impendulo yakho. (3) 13.10 Uyazwelana nesimo esibhekene noJonny sokusatshiswa uMgwazeni emuva kokulinyalelwa imoto yakhe? Yikuphi owawungakwenza ukuba kwakunguwe obhekene nalesi simo? (2) [25] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/Lwezi 2021 NSC UBUCIKO BOMLOMO: UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba Phendula umbuzo OWODWA. UMBUZO 14: UMBUZO OMUDE Ukuxoxa izinganekwane kwabe kuwukudlulisa umyalezo. Xoxa ngomyalezo othi, 'kumele usebenzise amathuba owatholayo ngobuhlakani ukuze uphumelele' uweyamanise nalobu buciko bomlomo: Inganekwane: 'Inkinga Yeselesele' Izibongo: 'Izibongo Zenkosi u-Albert Luthuli' Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390 sekuhlangene impendulo yenganekwane nezibongo. [25] UMBUZO 15: UMBUZO OMFUSHANE INGANEKWANE: IMPISI EYISIMINZI Fundisisa lesi siqeshana senganekwane bese uphendula imibuzo elandelayo ngezansi. ISIQESHANA E Umxoxi: Kwesukasukela … Abalaleli: Cosu! Kwakukhona impisi eyayihlala ehlathini laseNtshonalanga. Le mpisi yabe iyisiminzi futhi inomona nokudla. Kwase kukaniningi uHlakanyane ebona ukuthi impisi iyisiminzi. UHlakanyane wayebona indlela impisi edla ngayo uma kunenyama evelile endaweni 5 ukuthi ngempela inomona nokudla. Kwakunzima-ke ukuthi uHlakanyane ayibonise impisi ngoba yayingazithathi izeluleko ezivela komunye umuntu. Angiyiphathi-ke ekaHlakanyana ngoba wayenesidumbu esincane futhi edelelekile. Langa limbe uHlakanyana wahlangana nempisi ehlathini. Impisi yayizingele yaze yakhathala, imanzi nte ngumjuluko kodwa lutho inhlanhla ukubonwa. 10 'Kukhona ihhashi engilibulele ngasemfuleni,' washo uHlakanyane edlula ehamba eceleni kwempisi ngokushesha. Yamsukela impisi, 'Ungakhulumi indaba ebalulekile kangaka udlula. Uthi kwenze njani?' yabuza impisi ikhotha izindebe. Inyama yayithandeka lapha kwelikampisi. Wama isikhashana uHlakanyane ephendula, 'Ngiyobiza abangani bami amanqe 15 ukuze bazokudla inyama. Alicebile ihhashi, ngilibone kahle namuhla. Uma ngilibala, lizoze litholwe ngabanye,' wahlaba ngejubane uHlakanyane engasavalelisanga. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/Lwezi 2021 NSC Impisi yasuka ngelikhulu ijubane ibheke ngasemfuleni ukuyobheka leli hhashi okukhulunywa ngalo. Kwase kuvuke nesifo sayo esidala sokuba nomona. Iwazi kahle amanqe ukuthi uma engafika, angashiya amathambo emhlophe qwa ngokuphazima 20 kweso. Igijima nje impisi ayiyekile ukuqalaza phezulu. Icabanga ngamanqe ahlale ezula ethungatha isilwane esifile. Asebizwa ngokuthi ayizinhloli. Impisi yagijima igudla umfula ilule umqala futhi iqalaza lapho isidumbu sehhashi sidindilize khona. Impisi yalibona ihhashi lilele phansi yacabanga ngokushesha ukuthi amanqe azoyibangisa uma engatheleka kusenjena. Yacabanga futhi ukuhlaba ngejubane 25 iphikelele ekhaya iyobiza inkosikazi kanye nezingane bazozitika ngenyama ethambile yehhashi. Impisi yacabanga isu lokuhudula ihhashi iyolimboza ngotshani kude ngaphambi kokubiza izingane nenkosikazi. Uma ingakwazi ukulihudula ilisuse kule ndawo, kuzobe sekungelayo. Liyasinda ihhashi kodwa izozama ukulidonsa. Impisi yabophela umsila wayo iwuhlanganisa nowehhashi, yaguqa phansi ibambelele 30 ezidindini ukuze ithole amandla amaningi okulidonsa. Yadonsa kakhulu impisi, lutho ihhashi ukunyakaza. Yazabalaza impisi ibambelele otshanini kwaze kwasiphuka izidindi. Thushukiyane uHlakanyane esikhaleni isematasa injalo impisi. 'Aphi amanqe ukuze angilekelele, selingehlulile leli hhashi?' Impisi yabuza 35 uHlakanyane ikhefuzela. Ungena kuphi wena ehhashini lami? Usuze ungibuze ngamanqe nje, ufunani la? Konke lokhu uHlakanyane ukubuza eme kude nehhashi. Gubhubhu! Kuphaphama ihhashi, livuswa ngumsindo wempisi noHlakanyane. Lavuka lahlaba ngejubane lihudula impisi. Ihhashi lahudula impisi lidabula ezihlahleni 40 ezinameva. Impisi yakhala, imemeza ngezinhlungu zameva. Ukubanga umsindo okwenziwa yimpisi kwenza ukuthi ihhashi lifake umfutho kunakuqala ekugijimeni. Ekugcineni, ihhashi lagijima ematsheni lisayihudula njalo impisi. Kwase kunzima ngoba ihhashi lalibaleka lingayekile ukuyikhahlela impisi. Ekugcineni yaphunyuka impisi. Yayopha igazi umzimba wonke. Kwakuphume namazinyo wonke 45 ngenxa yokushayeka ematsheni nawukukhahlelwa yihhashi. KANYE NE SAGA: Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe. INCAZELO: Uma umuntu esenkingeni yilapho abantu bethola injabulo basizakale ngokuba senkingeni kwakhe. 15.1 Shono umoya otholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana bese usekela impendulo yakho. (2) 15.2 Chaza kafushane ukwethulwa kwesizinda esingenisweni sale nganekwane. (3) 15.3 Chaza ukuthi lesi saga esingenhla sichazani nokuthi sihambelana kanjani nokwenzeka enganekwaneni. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/Lwezi 2021 NSC 15.4 Iyini inhloso yomxoxi yokuphetha inganekwane ngokusebenzisa amagama asesiphethweni sale nganekwane athi, 'Wahleka uHlakanyane ngoba wayazi ukuthi ihhashi liyaphila futhi wayenzela ukujezisa impisi ngenxa yokuba yisiminzi.' (3) 15.5 Qamba isiphicaphicwano esinempendulo ehambelana negama eligqamile kule nganekwane. (2) 15.6 Xoxa ngempumelelo yomxoxi ekuvezeni umlingiswa onguHlakanyane. (3) KANYE NE ISIQESHANA F Fundisisa lezi zibongo kanye neminye imibhalo yobuciko bomlomo elandelayo bese uphendula imibuzo engezansi. IZIBONGO: Izibongo Zenkosi U-Dkt. Sibongile Zungu 1 Injini kagandaganda omanxakanxaka 2 Oth' ushayiswa umuhluzwa 3 Kwafana nokuthela amanz' edadeni; 4 Igiy' eliya phambili liyangena 5 Eliy' emuva alingeni. 6 Ugandaganda omagiy' aya phambili, 7 Ugandaganda ongayi emuva. 8 Isihlahl' esigabe ngezithel' ezimnandi 9 Inguduza edukuze efwini kwakhanya 10 Yakhomba indlela kwabona nemvukuzane. 11 Zachwensa izichwensi zokuchwensa 12 Badelel' abazazi bona, 13 Wagwiny' amathe, uDokotela, 14 Wakhwehlela kanye, zehla izihlathi. 15 UDokotel' odokotel' isizwe ngemfudumalo 16 Abanye bedokotela ngezinsungulo, 17 UDokotel' odokotel' isizwe ngentuthuko 18 Abanye bedokotela ngezibuko. 19 Isizwe sonke siwuzwile umjovo 20 Usijove ngomjovo wothando, 21 Wasijova ngomjovo wentokozo, 22 Abangaphilanga yilab' asebeyoxakwa ngobisi. 23 Awukho umjovo wabangaphilanga ngekhanda. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/Lwezi 2021 NSC 24 Umfazi omabelemade, 25 Umbele ugwansile; 26 Nonganeno komful' uyancela, 27 Nongaphesheya komful' uyanela. 28 Ungalifun' ukhala nal' emlonyeni, 29 Omuny' ulidukluza ngezibhakela, 30 Omuny' aliklwebhe ngezinzipho 31 Eth' ujezis' unina 32 Kant' uzilambisa yena. 33 Inkunzi kayihlehli 34 Engafani nopikiliyeza, 35 Ngob' oncinde kuy' akafi, 36 Isigqobhela esigcine ugwayi wesizwe, 37 Abantongela kuso babheme bakholwe, 38 Ngiyafis' ukwazi ngentelezi abakuchele ngayo, 39 Nezibib' abakubhemisa zona. KANYE NE ZITHAKAZELO: CELE Ndosi! Khumbuza! Dubandlela! Nkom' isengw' ilele, Vic' ongagezanga, Wen' obuye nensil' eThethe! Sidlek' esihle Esizalel' amazinyan' amasakabuli! KANYE NE HUBO: NOMA KUNZIMA Igosa: Noma kunzima Abasebenzi: Siyaya noma kunzima, siyaya. 15.7 Tomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 ezibongweni zikaDkt. Sibongile Zungu bese unikeza uhlobo lwaso. (2) 15.8 Chaza kafushane okufanayo phakathi kwehubo elithi, 'Noma kunzima' kanye nezibongo zikaDkt. Sibongile Zungu ezitholakala emgqeni wesi-4 kuya kowesi-7. (3) 15.9 Qhathanisa umqondo ofanayo otholakala emgqeni odwetshelwe ezibongweni kanye nedwetshelwe ezithakazelweni. (3) 15.10 Hlaziya ukuthi umugqa obhalwe ngokugqamile uhambelana kanjani nomyalezo walezi zibongo zikaDkt. Sibongile Zungu. (2) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/Lwezi 2021 NSC ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 16: UMBUZO OMUDE KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo 'Umbhali uyaye asungule isizinda ukwenza indaba yakhe ikholeke noma ibe noheho.' Xoxa ngekhono lokusebenzisa isizinda kulo mdlalo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 17: UMBUZO OMFUSHANE KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA G (UMdaluli lona ubeyaleze ukuba abizelwe uChivenga namadodakazi akhe uLondiwe, uKhombephi, noNenelezi okumanje nje sebelindele ukuqhuba ingxoxo noMdaluli. Lona wesihlanu osebajoyinile nguHlengiwe.) MDALULI: (ngezwi elinokuzithoba) Ngiyabonga ukungihlonipha kwenu zivakashi zami nafika lapho ebengicele ukuba niziveze khona 5 ngenhloso yokuzoxoxisana ngikhiphe lokhu okungaphakathi kimi. BOBATHATHU: (kanye kanye.) Yebo baba. MDALULI: (athinte kancane isikhwehlela.) Lo mbiko engiqonde ukuwedlulisa namhlanje ngizoqala ngokuwubhekisa kini madodakazi ami ngomuzwa wokuzisola njengomuntu ozibona enecala phambi 10 kwamathongo ami naphambi kukaMvelinqangi ngenxa yesenzo sodlame engasenza kini. BOBATHATHU: (kanye kanye.) Yebo baba! MDALULI: (ujabhile.) Lo mbiko engiqonde ukuwedlulisa namhlanje lapha kini ingqikithi yawo isekutheni selokhu ngingenile lapha eselini 15 njengomsolwa otokile osalindele ukuqulwa kwecala lakhe, angikaze ngikuthole neze ukuphumula emoyeni. Eqinisweni ngihlaselwa amaphupho amabi ephelekezelwa yizithunzi zabadala abangamathongo omuzi. Bathi manginilande kuzo zonke izinkalo enganichithela kuzo, khona lapho ngizicelele uxolo kini 20 ngiphinde ngihlawule ngembuzi yokugeza igceke lomuzi wabo ngenxa yokunihubha kwami ngesikhali emzini wabo. Sengicela ukuzwa kini-ke manje ukuthi ngabe niphawula nithini kuleli lami loxolo. Ngabe niyangixolela zingane zami kumbe nisangibambele inhliziyo namagqubu? 25 (Esikhundleni sokuphawula avele abukane emehlweni amadodakazi yimbe.) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/Lwezi 2021 NSC MDALULI: (Ngezwi lokujabha.) Khulumani phela zingane zami. Inhloso yami yokunibizela kule ndawo bekuyikho phela ukuba sizoxoxisana ngizwe ukuthi ningibekaphi maqondana nalesi sicelo sami soxolo. 30 BOBATHATHU: (kanye kanye.) Siyakuxolela baba. MDALULI: (uhleka ngokuthakasa.) Ngibonga kakhulu zingane zami. Salani senibamba ithambo-ke njengophawu lokukhumelana umlotha. (Khona manjalo elule isandla esebaxhawula. Ngale nkathi-ke sekuheleza umoya woxolo wokubuyisana kubo nakhu phela izihlathi 35 sezixosha izindlebe ngenxa yenjabulo.) MDALULI: Iphuzu abangisolela lona abaphansi nokuyilona eliyisisekelo sakho konke ngelokuthi kungani kuthi ngoba nakhu sengaphelelwa wumsebenzi ngesizathu leso sokuthutha kwefemu yami seyiphindela phesheya, mina-ke bese ngikhiphela kini isibhongo ngokodlame 40 lwasekhaya ngize ngicishe ngikhiphe izidumbu? Angithi ningizwa kahle bantabami? BOBATHATHU: (kanye kanye.) Sizwa kahle baba. [Inkundla Yesi-5, Isigcawu Sesi-3] 17.1 Chaza isizinda ngokwesimo senhlalo esitholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 17.2 Yini umsebenzi womlandi kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 17.3 Chaza kafushane ukuthi ubudlelwane phakathi kukaMdaluli noMbhebhezeli buyithuthukise kanjani indikimba yalo mdlalo. (3) 17.4 Fingqa ngamaphuzu AMABILI izigameko ezaholela ekuboshweni kukaMdaluli. (2) 17.5 Chaza isizathu sokuba khona komlingiswa onguManqina kulo mdlalo. (3) 17.6 Qhathanisa inkulumo kaHlengiwe ngenkathi eshelwa uChivenga etholakala kulo mdlalo kanye nesenzo sikaChivenga sokufuna ukuba yisakhamuzi. (3) 17.7 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguLondiwe, uKhombephi kanye noNenelezi kulesi siqeshana? (2) 17.8 Ucabanga ukuthi indlela ashadiswa ngayo uHlengiwe noChivenga iyakholakala yini? Sekela impendulo yakho. (2) 17.9 Uyavumelana nokuthi umlingiswa onguMaMlanduli uvezwe njengomlingiswa onothando lukaMdaluli? Sekela impendulo yakho. (2) 17.10 Phawula ngekhono lombhali ekwethuleni isiphetho salo mdlalo. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/Lwezi 2021 NSC UMBUZO 18: UMBUZO OMUDE AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa 'Umbhali uyaye asungule isizinda ukwenza indaba yakhe ikholeke noma ibe noheho.' Xoxa ngekhono lokusebenzisa isizinda kulo mdlalo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 19: UMBUZO OMFUSHANE AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA H (Kusehhovisi likaSomtsewu eMgungundlovu. Ematafuleni amabili ancikeneyo phambili kuhlezi uSomtsewu. Kwelinye kuhlezi uZithulele. Phambi kwabo ebhentshini eliphambili kuhlezi uSalimani. Kude buduze naye kuhlezi uNgoza noNongejeni. UNongejeni uzotolika yize uSomtsewu esikhuluma isiZulu. Abafowabo bakaSalimani nezinduna zakhe bahlezi ebhentshini elingemuva. Eceleni komnyango yomibili kumi 5 onongqayi.) SOMTSEWU: (ukhuluma ubhekise kuNongejeni ngokunganaki.) NONGEJENI: (etolika.) Nanxa kungeyona into engiyithandayo ukuba uma umuntu efuna ukubonana nami amane afike nje engangithintanga kuqala, ngokucela uNdabazabantu ukuba amhlelele ngamvumela ukuba 10 angibone, ngizokunika ithuba lokuba ukusho lokho oze ngakho. (Ebhekise kuSalimani.) Ngiyacabanga futhi ukuthi udaba oze ngalo ngiyalwazi. UNkosana lona uNdabazabantu noma uNdabazenu wangixoxela ukuthi uke wathi ufisa ukubonana nami. Lolo udaba ebengisalucubungula. Landa-ke sizwe okhala ngakho. 15 SALIMANI: Mbusi wesifundazwe. Ngiyabonga nokho ngokuba unginike ithuba lokubonana nawe nanxa bekungahlelekile. UNdabazabantu yena kudala ngamthuma ukuba angihlelele ithuba lokuba sibonane nawe ngodaba olubucayi lwezwe likaBaba. Ngokubona kuthi nya-ke ngakuNdabazabantu, nokubona ukuqhubeka kokuba bucayi kwalolu 20 daba, ngibone kungcono ngimane ngizizele mina lapha kuwena. SOMTSEWU: (ukhuluma ubhekise kuNongejeni.) NONGEJENI: (etolika.) Ngilalele Salimani. Qhubeka. SALIMANI: Ngilapha nje ngizele ukuzokhala ngibeke isicelo kuMbusi ngodaba engilubikelwe nguNdabazabantu eMshwati ngokusikwa kwezwe lami 25 athi kuhlongozwa nguHulumeni. SOMTSEWU: (ukhuluma ubhekise kuNongejeni.) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/Lwezi 2021 NSC NONGEJENI: (etolika.) Akunjalo. UHulumeni akazolisika elakho izwe. Azokwenza nokho ukubuyisela kobasi izwe lakhe uHulumeni elaqeshulwa kuyena ozamcolo, ngokwesicelo sabo, okungelakhe ngokomlando, 30 kanye nokunqanda izinkinga zabo obasi ezidalwa ngabantu bakho. Lokho uzokwenza ngokuqhelisa umngcele kube nguMkhabela. SALIMANI: Kuyadabukisa nokho ukuthi lolu daba olubucayi ngalolu hlobo siluxoxa engekho amaJalimani amapulazi. Ngacela futhi kuNdabazabantu ukuba asihlanganise nabelungu bamapulazi 35 kesikhiphelane amaqiniso ngalolu daba. Akulona neze iqiniso ukuthi uVimbingwenya wake wahlangana khona endulo nale ndawo esekuthiwa ngeyabelungu. Lezi zindawo zombili kusengezami. Okubaluleke kakhulu-ke engifisa ukukuphefumula lapha namhlanje ukuthi uHulumeni akangasiqhathi nezifiki ezingabelungu. Uma 40 sesiqhathwa nguyena-ke siyolanyulwa ngubani? SOMTSEWU: (akhulume abhekise kuNongejeni.) NONGEJENI: (etolika.) Hhayi, hhayi! Kahle ukukhuluma kanjalo. UHulumeni akabaqhathi abantu. [Inkundla Yesi-2, Isigcawu Soku-1] 19.1 Chaza isizinda ngokwesimo senhlalo esitholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 19.2 Yini umsebenzi womlandi kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 19.3 Chaza kafushane ubudlelwano phakathi kukaNdabazabantu kanye noSalimani kanye nendikimba yalo mdlalo. (3) 19.4 Fingqa ngamaphuzu AMABILI isigameko esaholela ekuboshweni kukaNomehlo. (2) 19.5 Chaza isizathu sokuba khona kwabalingiswa okungabafowabo bakaSalimani kulo mdlalo. (3) 19.6 Qhathanisa indlela okwathethwa ngayo icala eMshwathi kanye naseMgungundlovu elalimayelana nokuklanywa kwemingcele phakathi kwabantu bakaSalimani kanye nabantu basemapulazini. (3) 19.7 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguNongejeni kulesi siqeshana? (2) 19.8 Ucabanga ukuthi ubuhlakani obukhonjiswa inkosi uSalimani kulo mdlalo buyakholakala yini? Sekela impendulo yakho. (2) 19.9 Uyavumelana nokuthi umlingiswa onguMphiliphili uvezwe njengomlingiswa ongathembekile kuSalimani? Sekela impendulo yakho. (2) 19.10 Phawula ngekhono lombhali ekwethuleni isiphetho salo mdlalo. (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/Lwezi 2021 NSC UMBUZO 20: UMBUZO OMUDE UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga 'Umbhali uyaye asungule isizinda ukwenza indaba yakhe ikholeke noma ibe noheho.' Xoxa ngekhono lokusebenzisa isizinda kulo mdlalo. Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25] UMBUZO 21: UMBUZO OMFUSHANE UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. ISIQESHANA I (Khona emzini wakwaMathonsi.) MATHONSI: Ebuka indodana yakhe esinguthuqasana nje. Uzibonele-ke mfana wami lokho ebesikhuluma ngakho. THAMSANQA: Okungikhalisa kakhulu ukungabikhona kukaPhindisiwe. Bengifuna ukuzwa ukuthi lolu daba ubeyoluphendula athini ikakhulu indaba kaZiphozonke ngoba phela lo mlisa uyibhedlile. 5 MAMHLONGO: Phela ngenye indaba lena kaZiphozonke. Kwamina ingifocoza umbombo. Kangazi nokuthi ngingayiqala ngiyithini ukuyixoxa. Sekufanele uthathe isinqumo manje Thamsanqa. Konke kusezandleni zakho. MATHONSI: Ubukhona bukamakoti bekungeke kwasiguqula isimo sezinto. 10 Okwesibili bekufanele ulale phansi ungavumeli ukucinaniswa yigwebu lentukuthelo kuze kubhoboke ithumba. THAMSANQA: Lolu daba aluluncane njengoba bengicabanga. Khona nginakho ukusolasola ukuthi kungenzeka lesi sitifiketi yilezi okuthiwa ziyathengwa. Kukhona into ayifunayo lo Nkululeko. 15 MAMHLONGO: Uma usenokungabaza ndodana kukuwe lokho. Umbuzo wami kuwena munye vo, uthini ngale nkulumo engiyitshelwe ngumkakho luqobo ukuthi savumelana ngingamoneli umuzi? THAMSANQA: Kangenziwa kanjena mina. Kufanele ngiqonde ngqo kwaMakhunga bangichazele kahle ngale nto, izinkomo zami ngifuna bazibeke la. 20 (Ekhomba intende yesandla sakhe sangakwesokunxele.) MAMHLONGO: Baze bangamahumusha abantu madoda. Kusho khona ukuthi kwenziwa ibhizinisi? MATHONSI: Ungasho uliphinde lelo mkami. THAMSANQA: Kangazi noma yibhadi yini lokhu okungehlelayo noma yileso sikhathi 25 sobunzima obuke bufike kumuntu engazelele? Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/Lwezi 2021 NSC MATHONSI: Kungenzeka ndodana. Yonke into inesikhathi sayo. Kufanele uqaphele mfana ungathathi izinto ngamawala. Uyothatha imihla namalanga ugcine ungamtholanaga lowo ocabanga ukuthi akanasici. Wonke umuntu unesici zilungisele ukulungisa yena lo. Inqobo nje 30 uma usamthanda. THAMSANQA: Kulukhuni ukuba yindoda. Ingabe uPhindisiwe lona ongangenza into ebuhlunngu kangaka? Yeka isikhathi sami nothando lwami engiluchithe ngaye? MAMHLONGO: Namanje ingathi ngiyaphupha kangiyikholwa le nto eyenzekayo. 35 UPhindisiwe ngimthanda kangaka kanti akumuntu walutho? MATHONSI: Ngiyamangala nkosikazi uma ukhuluma kanjalo ngomakoti ube wazi kahle ukuthi akusoka lingenasici. Kukhona yini akwenza khona njengoba usuthi akamuntu walutho? Engikwaziyo ukuthi selokhu afika lapha ekhaya akakaze aphakamise iphimbo. Anikaze nixabane 40 ngaphandle kokuthi kukhona engingakwaziyo. Uzothini uma le nto ekhulumekayo ngaye akusilona iqiniso? THAMSANQA: Iqiniso linye nje ukuthi ngigaya izibozi ngaphakathi noma ngazi ukuthi kungenzeka le ndaba ingabi yilona iqiniso. Okubalulekile nje kukhona okushaya amanzi. 45 [Inkundla Yesi-3, Isigcawu Sesi-4] 21.1 Chaza isizinda ngokwesimo senhlalo esitholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2) 21.2 Yini umsebenzi womlandi kulesi siqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 21.3 Chaza kafushane ukuthi ubudlelwane phakathi kukaSikela noNkululeko buyithuthukise kanjani indikimba yalo mdlalo. (3) 21.4 Fingqa ngamaphuzu AMABILI izigameko ezaholela ekuboshweni kukaPhindisiwe. (2) 21.5 Chaza isizathu sokuba khona komlingiswa onguKholekile kulo mdlalo. (3) 21.6 Qhathanisa ukuxhumana phakathi kwenkulumo kayedwana kaPhindisiwe emuva kokuphendula ucingo lukaMaMhlongo ecabanga ukuthi uNkululeko kanye nesenzo sikaNkululeko sokuyofuna uZiphozonke kwaMathonsi. (3) 21.7 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguMathonsi kulesi siqeshana? (2) 21.8 Ucabanga ukuthi ukuvuma kukaNkululeko ukuboshelwa icala angelenzanga kuyakholakala yini? Sekela impendulo yakho. (2) 21.9 Uyavumelana nokuthi umlingiswa onguMakhangela uvezwe njengomlingiswa ongenalo iqiniso njengomzali? Sekela impendulo yakho. (2) 21.10 Phawula ngekhono lombhali ekwethuleni isiphetho salo mdlalo. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all