You're offline
Skip to content
Question paper

IsiZulu HL P2 Nov 2025 MG

Subject: Isizulu HlGrade 12202533 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) LWEZI 2025 UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA AMAMAKI: 80 Lo mhlahlandlela wokumaka unamakhasi angama-33. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka Imiyalelo yokumaka leli iphepha 1. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo engaphezulu kwalena ebekumele ayiphendule, maka kuphela impendulo yokuqala/okokuqala okuphenduliwe. (Ohlolwayo akumele aphendule umbuzo omude kanye nombuzo omfushane encwadini eyodwa/efanayo) 2. Uma ohlolwayo ephendule yonke imibuzo emine esiqeshini A, (izinkondlo ezimiselwe), maka kuphela ezimbili zokuqala. 3. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo emibili emifushane noma emibili emide esiqeshini B no C, maka impendulo yokuqala ngesiqephu bese uyayiyeka impendulo yesibili. Uma ohlolwayo ephendule yonke imibuzo emine, maka impendulo yokuqala kuphela isiqephu ngasinye, uma kuya ngokuthi umbuzo omfushane kanye nomude uphenduliwe. 4. Uma ohlolwayo ephendule imibuzo emibili bese impendulo yokuqala ingashayi emhlolweni kanti eyesibili ishaya emhlolweni, maka eyokuqala bese uyayiyeka eyesibili. 5. Uma ohlolwayo ebhale izinombolo zemibuzo ngokungeyikho, maka njengoba izinombolo zikhonjiswe umhlahlandlela wokumaka. 6. Uma isipelingi siguqule umqondo wempendulo, makanganikwa amamaki ohlolwayo. Uma isipelingi sinamaphutha kodwa singawuguquli umqondo wempendulo, makanikwe amamaki agcwele ohlolwayo. 7. Imibuzo emide Uma ohlolwayo ephendule umbuzo omude waba mfushane kunenani lamagama anikeziwe ungamphuci amamaki ngoba vele useziphuce yena. Uma impendulo iyinde kakhulu maka ubheke umqondo oqukethwe impendulo bese uxoxisana nalowo ophethe iqembu labamakayo (Senior marker). Sebenzisa irubhriki eyisingezelelo A no B ukumaka nokunikeza amaphuzu ombuzo omude walowo ohlolwayo. 8. Imibuzo emifushane Uma ohlolwayo engasebenzisi omacaphuna (inverted commas) uma ecelwe ukuba acaphune, ungamphuci amamaki. 9. Imibuzo evulekile, awekho amamaki anikezwa u-YEBO/QHA noma NGIYAVUMA/ANGIVUMELANI. Isizathu/ukwesekela/ukwenaba yikhona okunikezwa amamaki. 10. Awekho amamaki atholwayo ngo-YIQINISO/AKULONA IQINISO noma UMBONO/IQINISO. Isizathu, ukwesekela/ukwenaba yikhona okunikezwa amamaki. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU A: IZINKONDLO UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE) 'MUSANI!' – KNN Gcumisa • Sebenzisa la maphuzu kanye namanye njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. • Izimpendulo zingahluka kuya ngokuthi umfundi uyiqonde kanjani inkondlo. • Sebenzisa irubhrikhi yokuhlola lo mbuzo esekhasini lama-32. ISINGENISO Ohlolwayo makahlolisise lesi sitatimende, aphinde asekele umbono wakhe. Imbongi ithi abantu mabangakhali njengoba beshonelwe. UMZIMBA Ohlolwayo anganikeza ubufakazi ngokukhetha amagama alandelayo namanye anembayo: Ukukhethwa kwamagama Amagama akhethwe yimbongi aveza umoya wosizi nowokuncenga. • Musani – Lapha kule nkondlo imbongi icela abantu ukuba bayeke ukukhala. • Ukukhala – Imbongi iyabakhuza ithi bangamkhaleli umuntu wabo osedlulile emhlabeni. • Ukubibitheka – Imbongi ayamukeli ngisho bekhala buthule, iyaqhubeka iyabakhuza. • Ukulila – Imbongi ikhuza nalabo abakhala kakhulu. • Kanazi – Imbongi iyamangala ukuthi kungani belokhu beqhubeke bekhala njalo ibabuza ukuthi abanalwazi yini lokuthi njengoba eseshonile umuntu uye kuyiphi indawo nokuthi ungokabani. • Ukuthuthumela – Imbongi ixwayisa abantu ukuthi ababothulisa abakhalela omuntu wabo uma beshone sebebadala. • Vulani izinhliziyo – Imbongi ibakhuthaza ngokuthi akusho lutho ukushona kwakhe kepha abamdedele bangamvimbeli endleleni yakhe yokubuyela kuMdali wakhe. Amagama akhethwe yimbongi aveza ithoni yokungabi nozwelo nokucasuka. • Kanazi yini ukuth' ungokabani na? – Imbongi ikhombisa ukungabi nozwelo nokuxakeka enkulumeni yayo njengoba ibuza umbuzo wokuthi bekufanele ashone bekungeyena owalapha emhlabeni. • Eseyekhaya – Imbongi ayikhombisi zwelo ngoba ikhuluma ngokukhungatheka ukuthi laba bantu okufanele bajabule kabazi yini ukuthi ubengeke aqhubeke nokuhlala lapha emhlabeni uphindele eZulwini. • Ubiziwe – Imbongi inengekile/icasukile uma abantu bekhala ngoba lo muntu ubengeke esawuziba umyalelo wokuthi usefanele ahambe emhlabeni. ISIPHETHO/UVO LOMFUNDI Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe. Impela imbongi ikwazile ukukhetha amagama aveza umoya wosizi nowokuncenga kanye nethoni yokungabi nozwelo nokucasuka kule nkondlo. Lokhu kwenza abantu bangasiboni isidingo sokuthi ukhalele umuntu uma eshonile. Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe. [Makunikezwe amamaki aphelele ngempendulo esekelwe kahle] [Impendulo eyi-eseyi ehleleke kahle ngokwemigomo yokubhalwa kwe-eseyi. Mayibe namagama ayi-190 kuya kwangama-240.] [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE) 'WE SINXIMFI NDINI!' – MSS Gcumisa 2.1 Ukunensa kwesigqi kuleli binza kudalwa umoya wokubhuqa/wokubhinqa/ wokudinwa/wokugxeka, imigqa emithathu inezimpawu zokuloba ekugcineni. [Nikeza imaki elilodwa uma esishilo isizathu] (1) 2.2 Okufanayo kula mabinza, umoya wokugxeka/wokukloloda/wokucasuka ovezwa ukusetshenziswa kwesenzukuthi u'ndini' okhombisa ukubhuqa lo muntu. Imbongi ayijabule ngesenzo salo muntu onomona ngabantu abaphumelelayo ebe yena engenzi lutho olungamphumelelisa empilweni. [Nikeza amamaki amathathu uma ekunikezile okufanayo wasekela] (3) 2.3 Inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumanamaphakathi 'ophila … bephila' ukudala umgqumo omnandi osamculo kuphinde kugcizelela ukuthi lo muntu uphila ngokusetshenzelwa ngabanye abantu/ucela usizo kwabanye abantu kanti bona lezi zinto azicelayo bazisebenzele ngamandla abo. [Nikeza amamaki amabili uma eyishilo inhloso wasekela] (2) 2.4 Isimo sokukhuluma esitholakala emgqeni wama-31 nowama-32 sinomthelela wokuletha umqondo wokuhlanekezela/wokuphikisa isimo sokukhuluma ngokuveza ukuthi imbongi ayisona isilima, iyakubona konke okwenziwa yilo mkhohlisi. [Nikeza amamaki amabili uma echazile wasekela] (2) 2.5 Imbongi iyethule kahle indikimba yale nkondlo emayelana nomona. Iyethule ngendlela engajwayelekile. Iklolodela lo muntu onomona ngokuveza izenzo zakhe ezimbi nokugxeka uma ebona abanye abantu bephumelela ekubeni yena engenzi lutho. [Nikeza amamaki amabili uma encomile wasekela] (2) [10] UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE) 'IMPI' – SRC Shongwe 3.1 Umqondo ovezwa yisimo sokukhuluma esidwetshelwe owokuthi kunabafundi abaningi (amaviyo) kulesi sikhungo abeza nezingeqiwa ntwala okusho ubunzima/ izinkinga ezinkulu ezahlukene/ izingozi ezinkulu amabutho azigqenywa uma kade elwa empini. [Nikeza amamaki amabili uma ewushilo umqondo] (2) 3.2 Umqondo ocashile otholakala kule nkondlo owokuthi impi okukhulunywa ngayo yimfundo. Imbongi ikhuthaza abantu ukuthi kufanele babhukule baye kofunda, babekezele ngoba akulula ukufunda kuhle kwabantu abalwa impi. [Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane wasekela] (2) 3.3 Umoya otholakala emgqeni we-15 owokukhuthaza/owokugqugquzela/ owokunxusa. Imbongi ikhuthaza/igqugquzela/inxusa wonke umuntu ukuba azifundele noma kunzima kangakanani angayeki njengalaba ababengamagwala bayeka asebezisola namuhla. [Nikeza amamaki amabili uma ewuchazile umoya wasekela] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 3.4 Ukuxhumanasiqalo, 'khohlwa', kungelekelele ukugqamisa/ukugcizelela ukuthi kuhle ukwedlulisa izimo ezinzima ezenzekile. Kumele ngizinike isikhathi sokufunda ngezikhathi zonke, ngingaphazanyiswa yilokho okuncane okungehlulayo nokungafuni ukubukwa nokwaziwa ngabantu. [Nikeza amamaki amabili uma ekuvezile ukwelekelelwa ukuxhumana ekuqondeni umyalezo wasekela] (2) 3.5 Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa igama, 'impi' ngoba ikwazile ukudweba isithombe sokuthi uma ufunda ufana nomuntu olwayo/osempini, ngeke uyithole imfundo ungazange uyisebenzele kanzima. [Nikeza amamaki amabili uma exoxile ngokusetshenziswa kwegama wasekela] (2) [10] UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE) 'IZINGXABO ZOMNYEZANE' – EJ Mhlanga 4.1 Kusetshenziswe lezi zimpawu zokuloba ukhefana (,) nongqi (.) ukukhombisa ukuthi yonke le migqa ivalekile/ukuze kwakheke isigqi esinensayo. [Nikeza amamaki amabili uma esishilo isizathu] (2) 4.2 Imbongi ifuna ukufunda ukuze ibe nokukhululeka emphefumulweni iphinde igcizelele ukuthi uma ifundile izohlala njalo inokunethezeka. [Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane wasekela] (2) 4.3 Ithoni etholakala emgqeni wesi-8 eyokulangazelela. Le thoni ingelekelele ukuba ngiqonde ukuthi imbongi ilangazelela/ifisa ukuthola ulwazi olujulile oluzoyenza ikwazi ukumelana nanoma yisiphi isimo futhi ingaphelelwa yithemba. [Nikeza amamaki amabili uma echazile ukusetshenziswa kwethoni] (2) 4.4 Ngicabanga ukuthi ukusetshenziswa kwempindwa 'Ngilangazel' ukudepha …' kube nomthelela wokuba ngiqonde ukuthi imbongi ifisa ukuthola ulwazi lwemfundo olujulile/olunzulu futhi inogqozi lokufunda ize ifike eqophelweni eliphezulu. [Nikeza amamaki amabili uma ewushilo umcabango wasekela] (2) 4.5 Isihloko 'izingxabo zomnyezane' sihambelana kahle nokushiwo yinkondlo ngoba imfundo ijulile ikwenza ukuthi ugxile/ujule ngokolwazi olungapheliyo njengezimpande zesihlahla somnyezane ezelekelela ukuthola amanzi ukuze lesi sihlahla singabuni. Ngiphinde ngithole ulwazi olujulile olungelekelela ukuba ngiphile kamnandi. [Nikeza amamki amabili uma ephawulile ngempumelelo wasekela] (2) [10] KVZ SGT Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE) 'NGINAWE' – KA Mkhize 5.1 Ukuxhumana-okutshekile. [Nikeza imaki elilodwa uma enikezile uhlobo lokuxhumana] (1) 5.2 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuxhumanisa umqondo emgqeni wesi-7 kuya kowesi-9 ukudala ilukuluku kanye nokufunda okungaphazamiseki. Isetshenziswe ukuze umugqa wesi-7, kuya kowesi-9 ube namagama amathathu umugqa ngamunye. Isetshenziswe ukuze umugqa wesi-8 nowesi-9 ube nemvumelwanosiqalo u'ngi-' eyenza kube nomgqumo omnandi osamculo. (3) [Nikeza amamaki amathathu uma echazile kafushane wasekela] 5.3 Le migqa ingelekelele ukuba ngiqonde ukuthi abantu abakhuluma izindaba bamtshelile ngezinkinga asengene kuzo lo muntu imbongi ekhuluma ngaye. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umqondo wenkondlo wasekela] (2) 5.4 Imbongi ihlose ukugqamisa ukuthi lo ekhuluma naye unekhanda eliqinile, akalaleli uma exwayiswa. Ngakho-ke ibonile ukuthi ukukhuluma nalo muntu akusizi ngalutho. [Nikeza amamaki amabili uma eyishilo inhloso wasekela] (2) 5.5 Umyalezo odluliswa yimbongi ubalulekile ngoba usifundisa ukuthi uma abantu besenkingeni mabasizwe bese nabo bayavuma ukwamukela usizo. Lokho kuzobasiza ukuba baphume ezinkingeni ababhekene nazo, njengoba nalo muntu imbongi ekhuluma naye uthe esenkingeni, wasizwa, walwamukela lolo sizo yingakho egcine esesizakele/eselaphekile. [Nikeza amamaki amabili uma ephawulile ngomyalezo wasekela] (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya ● Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. ● Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. ● Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO Umbono othi ukuvezwa komlingiswa onguMhlengi kanye nezenzo zakhe kuhambisana nezibusiso kuphela empilweni yakhe awunabo ubuqiniso obuphelele ngoba ukuvezwa kwakhe kule noveli kanye nezinye izenzo zakhe kumdalela izinkinga empilweni yakhe. UMZIMBA Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo namanye amayelana nokuvezwa komlingiswa onguMhlengi kanye nezenzo zakhe okungahambisani nezibusiso kuphela kule noveli. • Isenzo sikaMhlengi sokutshela uNontobeko ukuthi mabahlukane senza ukuba kungabi nasibusiso empilweni kaMhlengi. Akamtsheli isizathu salesi sinqumo, uNontobeko umthela ngezinyembezi ngoba engahambisani nesinqumo sikaMhlengi. Lokhu kwenza uNontobeko alokhu ebambelele ekutheni basengalungisa izinto babuyelane. • Isenzo sokuthi ubaba kaMhlengi uNgidi akhethe ukuphilela uMhlengi uma umama wakhe eseshonile ngokumupha ipulazi kube yisibusiso empilweni kaMhlengi. Lesi sibusiso siyashabalala uma etshela uyise ukuthi uyi-gay ngoba uNgidi uyamxosha aze amphuce nesipho sepulazi ayemthengele lona. • Isenzo sikaMhlengi sokufuna ukulandela imizwa yakhe siba yisibusiso empilweni yakhe. Konke ayekuhlelile kuhamba kahle, uyahlinzwa, uyaguquka uba ngumuntu wesifazane okwenza aqala impilo yakhe kabusha. • Isenzo sikaMhlengi sokuziguqula ubulili asibanga yisibusiso empilweni yakhe ngoba ulahlekelwa ngumngani wakhe weminyaka uMandla ababefunda naye ngenxa yesenzo sakhe sokukhetha indlela yokuphila engahambisani naye uMandla. UMhlengi uba yinkomo edla yodwa angabi namuntu amxoxela izimfihlo zakhe. • UMahlengi uyabusiseka ngokuthola isoka elimthandayo uNdumiso ngemuva kokuguqula ubulili. Siyashabalala lesi Sibusiso ngenxa yesenzo sakhe sokudamane ehlangana noXolani yize ekhona uNdumiso. UNdumiso ushaya uXolani ngenxa yokusola ukuthi uthandana noMahlengi. Uyahamba uNdumiso uyobamba uNgidi inkunzi abulale noNyambose. UXolani akasabi nesikhathi somndeni wakhe ngenxa yokuthi usechitha isikhathi esiningi noMahlengi. ISIPHETHO (Uvo lohlolwayo) Izigameko ezingenhla ziyakufakazela ukuthi izenzo zikaMhlengi/Mahlengi nokuvezwa kwakhe akubanga nezibusiso kuphela empilweni yakhe kodwa kube khona nezinkinga/ nezingqinamba. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka (Abafundi bangasebenzisa namanye amaphuzu akhombisa ukuthi izenzo zikaMhlengi/ Mahlengi nokuvezwa kwakhe akubanga nezibusiso kuphela empilweni yakhe ukuphendula umbuzo.) (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo) [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha] [25] UMBUZO 7 (UMBUZO OMFUSHANE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya 7.1 UXolani wayejatshuliswa ukuphuza, ukudla kanye nokuxoxa sengathi kade bazana, baxoxa ngezintuba zamathuba ayezobahlomulisa ngo-2010 benoMahlengi. (2) [Nikeza amamaki amabili uma egagulile okwakujabulisa uXolani] 7.2 UXolani uthuthukisa indikimba yothando ngokuvakashela uMahlengi, bayahagana uma sebehlukana aphinde azisole nangendaba yokusheshe aganwe. Lokhu kukhombisa uthando analo ngoMahlengi. [Nikeza amamaki amabili uma elinikezile iqhaza wasekela] (2) 7.3 Isizinda ngokwesikhathi kulesi siqeshana sikhombisa izinto ezenzeka esikhathini samanje ngoba uXolani usebenzisa iwashi ukubheka isikhathi. UXolani uhamba ebusuku uma esuka efulethini likaMahlengi ushayela imoto. Abantu besifazane sebekhululekile, uMahlengi uhaga uXolani ngenkathi esehamba yize noma bengakathandani. [Nikeza amamaki amathathu uma enikezile isizinda ngokwesikhathi wasekela] (3) 7.4 Izenzo ezikhombisa ukuthi umlingiswa onguMahlengi unobuntu wukuthi uhlinzeka uXolani ngokudla nokuphuzwayo. Umvulela umnyango aphinde amphelezele uma esehamba. Uyambonga ngokuthi ukwazile ukumvakashela. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile kafushane] (3) 7.5 Umphumela wesenzo sokuzibulala kukaNkululeko awubanga muhle. Lesi senzo sinobudedengu ngoba wathatha isinqumo sokuzibulala kanti ekugcineni uNontobeko wayengeke esakwazi ukubuyelana noMhlengi ngoba wayeseziguqule ubulili. Lokhu kwakungaba ithuba elihle lokubuyelana noNontobeko balungise izinto, bagcina beshadile. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile wasekela] (3) 7.6 Le nkulumompendulwano ikhombisa ukuthi uNgidi noNontobeko kukhona abafihlelana khona. UNgidi ufihlela uNontobeko ukuthi uMhlengi wayemtshelile ukuthi uyi-gay. UNontobeko ufihlela uNgidi ukuthi njengoba enaye ubalekele umshado wakhe noNkululeko. [Nikeza amamaki amabili uma eyihumushile inkulumompendulwano] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 7.7 Isenzo sikaNgidi simveza njengomlingiswa onozwelo/onothando/onezimfihlo. UNgidi uncenga uNontobeko ukuthi akangakhali njengoba naye imphatha kabi le ndaba kaMhlengi. Unezimfihlo akafuni ukutshela uNontobeko iqiniso ngoMhlengi lokuthi wamtshela ukuthi u'gay'. [Nikeza amamaki amabili uma ekushilo ukuvezwa komlingiswa] (2) 7.8 Lezi zingane zibhekana nobunzima ngoba yize noma bezikhulele ekhaya elifudumele kodwa isimo siyaguquka uma abazali sebengasathembeki. Uyaqala umzali ongathembekile angabi nesikhathi sazo njengoba kwenzeka ezinganeni zikaXolani. UXolani wazithembisa ukuhamba nazo wazikhohlwa waphinde wazikhiyela endlini zasha zaze zashona ngoba wayesechitha isikhathi noMahlengi kunokuba asichithe nazo. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile ubunzima wasekela ngezingane zikaXolani] (3) 7.9 Ngokucabanga kwami kuyingozi kakhulu ngoba uNontobeko wagcina elahlekelwa okukhona ngokungekho. Weqa ngosuku olwandulela olomshado ngenxa yokuthanda uMhlengi wayomfuna. Wamthola eseziguqule ubulili kanti noNkululeko ayezoshada naye wayengasekho esezibulele. [Nikeza amamaki amabili uma enikezile umbono wasekela] (2) 7.10 Umbhali uphumelele kahle ukuphetha le noveli ngengwijikhwebu njengoba uNgidi, uNontobeko, uNomalanga bafica uMhlengi esephila njengomuntu wesifazane okwenza bangakwazi ukuzwa izwi nokumbona ukuthi nguye lo abambonayo. UXolani uyamangala uma ezwa ukuthi uMahlengi wayengumuntu wesilisa okudale ukuthi azisola kakhulu. Kanjalo noMahlengi/ Mhlengi uyamangala uma ebona uNontobeko noNgidi kanye noXolani abengalindele ukuthi bangathola iqiniso ngempilo aseyiphila. [Nikeza amamaki amathathu uma ephawulile ngengwijikhwebu wasekela] (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 8 (UMBUZO OMUDE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi ● Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. ● Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. ● Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO Umbono othi ukuvezwa komlingiswa onguNomvula kanye nezenzo zakhe kuhambisana nezibusiso kuphela empilweni yakhe awunabo ubuqiniso obuphelele ngoba ukuvezwa kwakhe kule noveli kanye nezinye izenzo zakhe ziyamdalela izinkinga empilweni yakhe. UMZIMBA Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo namanye amayelana nokuvezwa komlingiswa onguNomvula kanye nezenzo zakhe. • Ukusebenza kukaNomvula kwaDicey emuva kokuba axoshwa uyise omncane uMeyili ngoba ekhulelwe kwaba nesibusiso empilweni yakhe. Uwina i-pick six eyashintsha impilo yakhe. Imkhipha enhluphekweni yokusebenza kwaDicey emakhishini. • Nakuba awina i-pick six emjahweni wamahhashi baba baningi abantu abazisondeza kuye ngoba befisa ukuba bazuze kumcebo wakhe. • Ukuwina kwakhe i-pick six kwenza ukuba umndeni wakhe ufune ukuthola lo mcebo. Amanye amalungu omndeni afuna ukumbulala nonina UMaNdelu. (ujikelwa ngumndeni). UMeyili uyawufuna lo mcebo ufuna ukuwongamela. UMaHadebe nendodana yakhe, uMahuzu nabo bayawufuna. • Inhlanhla kaNomvula yokuwina i-pick six yenza uthando lwakhe lube yinkinga. UGenyeza uphenduka ibhubesi ngoba uba nesikhwele esibi ashaye wonke umuntu osondela eduze kukaNomvula. • Isenzo sikaNomvula sokuvumela ukuba uChule abe umvikeli wakhe asibanga yisibusiso empilweni yakhe. • Ukushada noChule akubanga yisibusiso kuNomvula ngoba yize benesithabathaba somuzi nebhizinisi lesitolo kepha abajabule emzini wabo. Umculo kaGenyeza ubanga ingxabano enkulu ngoba uChule usola ukuthi uthando lukaNomvula alukapheli ngenxa yezinsongo zomculo kaGenyeza. UChule umphilisa kabuhlungu uNomvula ugcina akha itulo lokumbulala ngokuhlela iqhinga lokumbulala yize asinda. • Ukubuyelana noGenyeza aphinde ashade naye kuba yisibusiso empilweni kaNomvula ngoba bagcina sebenethezekile emzini wabo. ISIPHETHO (Uvo lohlolwayo) Izigameko ezingenhla ziyakufakazela ukuthi izenzo zikaNomvula nokuvezwa kwakhe akubanga nezibusiso kuphela empilweni yakhe kodwa kube khona nezinkinga/ nezingqinamba. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka (Abafundi bangasebenzisa namanye amaphuzu akhombisa ukuthi izenzo zikaNomvula nokuvezwa kwakhe akubanga nezibusiso kuphela empilweni yakhe ukuphendula umbuzo.) (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo) [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha] [25] UMBUZO 9 (UMBUZO OMFUSHANE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi 9.1 UMirriam wayesekhishini elungiselela abakwaDicey. UGenyeza wasebenza isikhashana wase ecela kumkaMarshall ukuphelezela uMirriam. [Nikeza amamaki amabili uma egagulile izenzo zabalingiswa, uMirriam noGenyeza] (2) 9.2 UGenyeza uthuthukisa indikimba yothando ngokweseka uMirriam ngokucela ukushayisa masisha ukuze amphelezele uma eseyolanda imali. [Nikeza amamaki amabili uma elinikezile iqhaza wasekela] (2) 9.3 Isizinda ngokwesikhathi kulesi siqeshana sikhombisa izinto ezenzeka esikhathini samanje. Kusetshenziswa indlela abantu abagqoka ngayo izingubo, uGenyeza ugqoke ibhulukwe nebhuleza ufake nothayi. Kusetshenziswe indlela abantu besifazane abazilungisa ngayo, uMirriam uyaziphaqula azimonyonge afake nesiqholo esiphambili esenza alandelwe yizinsizwa. Kusetshenziswa izimoto, uMirriam uzolandwa ngemoto ephambili ukuyolanda imali ebhange ungena ephuma emahhovisi. [Nikeza amamaki amathathu uma enikezile isizinda ngokwesikhathi wasekela] (3) 9.4 Okufanayo phakathi kwezenzo zomlungu owaya eNgilandi kanye nezomkaDicey wukuthi bobabili basiza abantu ngezingubo zokugqoka. Umlungu owaya eNgilandi wadayisela uGenyeza ibhantshi ayeligqoke mhla ephelekezela uMirriam eya edolobheni kanti umkaDicey wayephe uMirriam izingubo ayezigqokile ngosuku lokuyolanda imali. [Nikeza amamaki amathathu uma ekunikezile okufanayo] (3) 9.5 Lesi senzo sikaDicey sinomphumela omuhle ngoba uNomvula wagcina esezidlalela naye lo mjaho okwenza wawina umcebo owaguqula isimo sempilo yakhe nesomndeni wakhe. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile wasekela] (3) 9.6 Le nkulumompendulwano iveza ukuthi uMirriam ungumuntu okholelwa othandweni loMdali nokuthi wayengakholwa ukuthi yena wayengawina lo mcebo omningi ngale ndlela. [Nikeza amamaki amabili uma ehumushile inkulumompendulwano nesenzeko] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 9.7 Isenzo somlingiswa onguNomvula simveza njengomlingiswa ofundile ngoba uma ethunywe ukuba ayodlalela uDicey amahhashi, naye afake awakhe amathikithi, okholelwa emadlozini nakuMdali futhi onenhlonipho. UNomvula ubiza uMdali nobaba wakhe ongasekho uma ezwa ngokuwina kwakhe. Onenhlonipho ngoba ungena endlini kaDicey ufika usonga izandla uyakhophoza. Uvezwe njengomlingiswa ofundile. Uyodlalela uDicey amahhashi naye ufaka awakhe amathikithi. [Nikeza amamaki amabili uma ekushilo ukuvezwa komlingiswa] (2) 9.8 Abanye abantu besifazane abanemali babhekana nobunzima bokuqolwa imali. UMaDludla wabhekana nobunzima bokuthi uChule amqole imali ayeyishiyelwe ngumyeni wakhe ngokushada naye umshado ongekho emthethweni. UNomvula wacishe waqolwa imali yakhe nguChule owashada naye umshado ohlanganisa amafa. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile ubunzima wasekela] (3) 9.9 Ngokucabanga kwami kuyingozi kakhulu ngoba uNomvula wathandana noGenyeza iminyaka eyi-15 engamloboli. Wayemhlukumeza ngokumshaya, abuye athandane nabanye abantu besifazane njengoThoko. Wayebuye aphinde ambize ngamagama ahlabayo. Ekugcineni wagcina esethahwe nguChule. [Nikeza amamaki amabili uma enikezile umbono wasekela] (2) 9.10 Umbhali uphumelele kahle ukuphetha le noveli ngengwijikhwebu njengoba uGenyeza ubeseziculela evela nakomabonakude, uNomvula ubuyelana noGenyeza, bashade bagcina sebehlezi emzini wabo. [Nikeza amamaki amathathu ma ephawulile ngengwijikhwebu wasekela] (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 10 (UMBUZO OMUDE) KUNJALO-KE – ME Wanda ● Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. ● Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. ● Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO Umbono othi ukuvezwa komlingiswa onguDumazile kanye nezenzo zakhe kuhambisana nezibusiso kuphela empilweni yakhe awunabo ubuqiniso obuphelele ngoba ukuvezwa kwakhe kule noveli kanye nezinye izenzo zakhe ziyamdalela izinkinga empilweni yakhe. UMZIMBA Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo namanye amayelana nokuvezwa komlingiswa onguDumazile kanye nezenzo zakhe okungahambisani nezibusiso kuphela kule noveli. • UDumazile uba nesibusiso lapho ubaba wakhe, uKheswa evuma ukuba aye koqhubeka nokufunda isikole yize engezukuhlala ekhaya. UKheswa nakuba wayengathandi kepha inkosikazi yakhe uMaNdovela iyamncenga. UKheswa udayisa ngenkomo ukuze uDumazile ahambe ayofunda. • Isibusiso sokuba muhle kanye nokuzithanda kwakhe kwaba nezinkinga empilweni yakhe. Ushelwa nguthisha, uyamqoma uzondwa yizingane zesikole agcine esezondwa ngothisha besifazane uMemu Mpungose noMemu Ngcamu. Nakuba enaso lesi sibusiso kodwa siyashabalala ngoba uyakhulelwa agcine ngokuxoshwa esikoleni. Lokhu kwenza ukuba agcine engasiqedanga isikole. Ubanga isoka elinguthisha uMoloi noMisi Hlophe. • Isibusiso sokuthola ithuba lokulungisa impilo yakhe siba khona ngenkathi ethola umsebenzi kwaSithole. Nakuba ethole isibusiso sokukhuthala kanye sokuthandwa ngumqashi wakhe uSithole uba nyamanambana kwabanye abasebenzi ikakhulukazi uLizy. Umqambele amanga kuMaNzimande inkosikazi kaSithole. • UDumazile uthola isibusiso sokuba uSithole amthengele umuzi eMafezini, eMlazi. Uqoma uSithole, uyakhulelwa. USithole uyamfundisa uba ngumhlengikazi, aphinde amthengele imoto. Sashabalala isibusiso ngenkathi eshayisa imoto yomlungu kwalimala nezinye izimoto. Izindleko zokulungisa imoto yomlungu zathwalwa nguSithole owagcina ngokuboshwa uma esehluleka ukuzikhokhela. • UDumazile uba nesibusiso sokuthola umendo ngokushada noMtalaselwa yize enezingane ezimbili kobaba abehlukene. Siyaphela isibusiso ngenkathi uDumazile esephinde ehlangana noMoloi baphinde bathandane futhi. • Yize uDumazile ebe nezibusiso kodwa ziyashabalala ngenkathi eqhubeka nokungaziphathi kahle okuholele ekubeni azithole esengene enkingeni enkulu yokulwa kukaSithole noMoloi emzini wakhe ebe eganile. Ugcina ngokubaleka aye kwaNongoma ezihlotsheni zakhe, alaliswe esibhedlela ngenxa yesifo sengculaza aze ashone. ISIPHETHO (Uvo lohlolwayo) Izigameko ezingenhla ziyakufakazela ukuthi izenzo zikaDumazile nokuvezwa kwakhe akubanga nezibusiso kuphela empilweni yakhe kodwa kube khona nezinkinga/ nezingqinamba. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka (Abafundi bangasebenzisa namanye amaphuzu akhombisa ukuthi izenzo zikaDumazile nokuvezwa kwakhe akubanga nezibusiso kuphela empilweni yakhe ukuphendula umbuzo.) (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo) [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha] [25] UMBUZO 11 (UMBUZO OMFUSHANE) KUNJALO-KE – MJ Wanda 11.1 Wabeka incwadi phezu kwetafula, waphuma engazange athi vu ngomlomo futhi kazange ame uma ebizwa nguMoloi. [Nikeza amamaki amabili uma egagulile izenzo zomlingiswa onguDumazile] (2) 11.2 Uthisha uMoloi uthuthukisa indikimba yokuxegelwa isimilo ngoba ujabulela ukuqonywa nguDumazile oyingane yesikole ekubeni yena ewuthisha futhi eganiwe. Umnika ukhiye wasekotishi lakhe ukuze amenzele itiye. [Nikeza amamaki amabili uma elinikezile iqhaza wasekela] (2) 11.3 Isizinda ngokwesikhathi kulesi siqeshana sikhombisa izinto ezenzeka esikhathini samanje. Kusetshenziswa ubudlelwane phakathi kukathisha nomfundi, uDumazile unika uthisha isithombe sakhe. Kusetshenziswe ulimi lwesiNgisi, uDumazile watshelwa ukuthi asabele ngokuthi 'Sir' nothisha ambize ngosweet-heart. Kusetshenziswa izinto eziphambili ezithengwa edolobheni, uDumazile ugqoka iwashi legolide, ingqephu ephambili emenza agqoke aconse. [Nikeza amamaki amathathu uma enikezile isizinda ngokwesikhathi wasekela] (3) 11.4 Okufanayo phakathi kwezenzo zikathisha uMoloi kanye nezikaDumazile wukuthi bobabili bakhombisa izenzo zothando. UDumazile ufika nesithombe usipha uthisha uMoloi kanye nencwadi yokumqoma. Uthisha uMoloi ubiza uDumazile ngamagama othando ngokumbiza ngomntakwabo nangelika- ngosweet-heart ngenkathi ebonga ukumqoma. Umthengela nezingubo zokugqoka uma kuphele inyanga. [Nikeza amamaki amathathu uma enikezile okufanayo] (3) 11.5 Lesi senzo sikaLizy sinomphumela omubi ngoba uMaNzimande waxosha uDumazile kwakhe. USithole uyamthatha uDumazile uyomhlalisa esitolo. UMaNzimande wayesehlala ngokuxabana noSithole okwaholela ekutheni ashiywe nguSithole aye kohlala noDumazile eMafezini. Ngakho-ke UMaNzimande wasala noMpisendlini wagcina esehlupheka waze wayosebenza emajalidini. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile wasekela] (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 11.6 Inkulumo ebhalwe ngokugqamile iveza ukuthi uMaNzimande wayengakuthokozeli ukubuya kukaDumazile esitolo. Lokho kwamenza wagcwala intukuthelo uMaNzimande. [Nikeza amamaki amabili uma eyihumushile inkulumo] (2) 11.7 Isenzo somlingiswa onguSithole sivezwa njengomlingiswa onesikhwele, ozicabangela yedwa nongathembekile. USithole uba nesikhwele uma ebona izinsizwa ezijatshuliswa ukubuya kukaDumazile. Akazedlulisi kuDumazile izingcingo ezingena ehhovisi lakhe zifuna uDumazile nakuba kumjabulisa ukuthi ukungena kwezesheli zikaDumazile kwenza kuthengwe esitolo sakhe. [Nikeza amamaki amabili uma ekushilo ukuvezwa komlingiswa] (2) 11.8 Lezi zingane zibhekana nobunzima ngoba yize bezikhulele ekhaya elifudumele kodwa isimo siyaguquka uma abazali sebengasathembeki. Ukuqala komzali ukungathembeki kungenza angabi nesikhathi sazo njengoba kwenzeka kuMpisendlini. USithole wayesehlala noDumazile eMafezini uMpisendlini wayeseke eswele ngisho ukudla. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile wasekela] (3) 11.9 Ngokucabanga kwami kuyingozi kakhulu ngoba uMisi Hlophe uzithola ezehlisa isithunzi ngokubuza uDumazile mayelana nokuthandana nothisha uMoloi. Lokhu okwenza agcine esedelelwa aphinde aphoxwe nguDumazile oyingane yesikole. UMisi Hlophe umtshela ukuthi ahlukane noMoloi wagcina esetshela abanye othisha ukuthi angeke esamfundisa uDumazile. [Nikeza amamaki amabili uma enikezile umbono wakhe] (2) 11.10 Umbhali uphumelele kahle ukuphetha ngengwijikhwebu njengoba uMaShandu exolisa kubalingani bakhe oKheswa ngokungazwani kwakhe noDumazile kanjalo noKheswa utshela abantu ukuthi uDumazile umendo umehlulile ngakho-ke uyaxolisa kubalingani bakhe bakwaNxamalala. [Nikeza amamaki amathathu uma ephawulile ngengwijikhwebu wasekela] (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 12 (UMBUZO OMUDE) IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi ● Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. ● Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. ● Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO Umbono othi ukuvezwa komlingiswa onguBafana kanye nezenzo zakhe kuhambisana nezibusiso kuphela empilweni yakhe awunabo ubuqiniso obuphelele. Nakuba enazo izibusiso kepha zikhona ezinye izenzo zakhe ezimdalela izinkinga empilweni yakhe. UMZIMBA • UBafana unesibusiso sokuba nomalume omkhulisile, wafunda yize uyise amlahla. UBafana unesibusiso sokuthola umkakhe ofundile osebenza kahle onguPoppie osebenza njengomhlengikazi futhi banomuzi omkhulu omuhle eMlazi bathuthe baye kohlala eLa-Lucia. Izingane zabo zifunda ezikoleni zabelungu. • Isibusiso sakhe siyashabalala ngenxa yesenzo sakhe sokungamukeli umalume wakhe uCele ngenkathi ezocelela izingane zikaLinono indawo yokuhlala ngoba zaziphethwe wungomile futhi sebehluleka ukuzondla eMpaphala. Uyenqaba ukuthi lezi zingane zikadadewabo, oHlanganisani no-Uzithelile zizohlala nabo eMlazi ngoba indaba ephathelene nezingane yengamelwe nguPoppie. • UBafana uyehluleka ukulawula umndeni wakhe waseMlazi lokhu kudala ukuba izenzo zenkosikazi yakhe zimqhathe nomndeni wakhe ngoba akafuni lutho olumhlanganisa nomndeni kaBafana waseMpaphala. UBafana uyehluleka ukulawula umndeni wakhe uPoppie, uyakwazi ukuthatha izinqumo eziqhatha uBafana nomndeni wakhe njengoba ala ukugqoka nokuziphathisa okukamakoti. • Isibusiso sokuthola abantwana ayefisa ukuba nabo okunguMelody no-Euthenesia sashabalala ngenxa yezenzo zakhe zokuqhelelana nokukhuliswa kwazo. UMelody unezinkinga zobudlelwane ugcina ethole izingane ezimbili ezinobaba abehlukene. U-Euthenasia untshontsha imoto ka-Miss Hawkins nemali kaMaXakushe agcine ngokweqa waya eMpaphala. • Waba nesibusiso sokusebenza kahle enkampanini ayephethe kuyo, i-Eagle American Amalgamated. • Izinkinga zakhe noPoppie zashabalalisa isibusiso sakhe ngoba babebanga indaba yokuthi uPoppie athengela izingane imoto kanti wayethe angayithengi. • Wathola isibusiso sokufundiswa yinkampani ayesebenza kuyo ukuze abe nolwazi oluthe thuthu. Lesi sibusiso sashabalala ngoba uPoppie wahamba nezincwadi zakhe okwakufanele afunde ngazo. UBafana wagcina ngokusula emsebenzini. • UBafana uphinde abe nesibusiso sokuthola eminye imisebenzi kwa-SAPPI eMandeni, emshinini kashukela eFelixton naseBhalanki eNewcastle. • UBafana wathola imali enkulu ngokudayisa umuzi wabo oseMlazi, wayichitha nabangani nasezintweni ezingenamsebenzi. • Isibusiso sokuba ahlangane nomhlolithwasa uMaMsibi senza ukuba athole ithuba lokuguquka empilweni. Wathola neNdiya elamkhuza ngenkathi esecabanga ukuzibulala. Ugcina ebuyela eMpaphala. Umndeni wakhe uyamamukela. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIPHETHO (Uvo lohlolwayo) Izigameko ezingenhla ziyakufakazela ukuthi izenzo zikaBafana nokuvezwa kwakhe akubanga nezibusiso kuphela empilweni yakhe kodwa kube khona nezinkinga/ nezingqinamba kubantu abasondelene naye nakuyena uqobo. (Abafundi bangasebenzisa namanye amaphuzu akhombisa ukuthi izenzo zikaBafana nokuvezwa kwakhe akubanga nezibusiso kuphela empilweni yakhe ukuphendula umbuzo.) (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo) [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha] [25] UMBUZO 13 (UMBUZO OMFUSHANE) IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi 13.1 Baqala bakuthokozela ukukhuluma kukaMaXakushe isiNgisi. Base beqala ukukhetha amagama abawakhuluma uma kukhona ugogo uMaXakushe. [Nikeza amamaki amabili uma egagulile izenzo zabalingiswa abangoMelody no-Euthenasia] (2) 13.2 Umlingiswa onguMaXakushe uthuthukisa indlela yokuziphatha ngokulekelela umndeni wakwaNgubane ekukhuliseni izingane. Akazivumeli ukuba zenze noma yini njengokudla indendende zibuke nomabonakude ngezikhathi ezingavunyiwe. [Nikeza amamaki amabili uma elinikezile iqhaza.] (2) 13.3 Isizinda ngokwesikhathi kulesi siqeshana sikhombisa izinto ezenzeka esikhathini samanje. Kusetshenziswe ulimi lwesiNgisi, u-Euthenasia ukhuluma noMelly ngolimi lwesiNgisi ngenkathi emtshela ngogogo osezenza ubhiligadiya wakwaNgubane. Kusetshenziswa ukuba khona kwabantu abasizayo basezindlini, u-Euthenasia ubalisa ngokuthi abadingi ukuba balokhu bebhekwe ugogo uMaXakushe ngoba sebekhulile abasezona izingane ezimelwe ukugadwa. Kusetshenziswa izinto zokuchitha isizungu, izingane zithola isikhathi sokuvula i-TV uma uMaXakushe engekho. [Nikeza amamaki amathathu uma enikezile isizinda ngokwesikhathi wasekela] (3) 13.4 Okufanayo phakathi kwezenzo zika-Euthenesia kanye nezikaMelody wukuthi bobabili bakhombisa ukuthi abanayo inhlonipho. U-Euthenesia uhleba ngoMaXakushe ambize ngomantshingelane, ubhiligadiya kamaqhuzu nokhomandanti ekubeni ewumzanyana. UMelody unyathela izicathulo abuye azikhumule engazisombululanga izintambo okuyisenzo ayesikhuzile kubona uMaXakushe./babemkhuthaza ukuthi avakashele umhlobo wakhe waseMzimkhulu ukuze bazenzele ithuba lokuba bashaye izingcingo. [Nikeza amamaki amathathu uma ekunikezile okufanayo] (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 13.5 Umphumela wesenzo sikaBafana owokuthi uBafana afunde ukungababukeli phansi abanye abantu. Uthe esenenkinga nomndeni wakhe wanikwa usizo lokwelulekwa ngokwezengqondo nguDkt. Thathezakhe lona ayembukela phansi besafunda naye ekolishi. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile wasekela] (3) 13.6 Inkulumompendulwano ebhalwe ngokugqamile iveza ukumangala nokungakholwa kukaCele indlela umshana wakhe akhulume ngayo naye. Ucishe wamshaya kodwa wazibamba ngenxa yokuthi uyikholwa. [Nikeza amamaki amabili uma eyihumushile inkulumompendulwano] (2) 13.7 Isenzo somlingiswa onguNgubane simveza njengomlingiswa ohlelayo, ongahloniphi nongenazwelo. UNgubane uvezwa nguCele ngoba umtshela ukuthi useluhlelile usuku neviki lonke akabuye abuye. [Nikeza amamaki amabili uma ekushilo ukuvezwa komlingiswa] (2) 13.8 Izingane ezishiywa ngabazali uma beyogana zibhekana nobunzima bokungatholi uthando nokunakekelwa ngabazali bazo ngoba basuke bengahlali nazo bengaziboni izinselelo ezibhekana nazo nsukuzonke. NjengoHlanganisani no-Uzithelile baphathwa yisifo sendlala ungomile ngenxa yokungondleki ngoba umama wabo, uLinono, wayesegane kwaNdlovu, engekho eduze kwabo. UHlanganisani waphoqeleka ukuba asebenze emajalidini, wayedayisa inkowankowane ayeyikha uma izulu linile. Uzithelile wayelusa izinkomo, aziyise nasediphini. [Nikeza amamaki amathathu uma ebuchazile ubunzima wasekela] (3) 13.9 Ngokucabanga kwami kuyingozi kakhulu ngoba uMelody uthandana noMandla athole ingane yize uMaMthimkhulu wayengabufuni lobu budlelwano. Utshela u-Uzithelile ukuthi uyamthanda uMandla yize eselobola omunye umuntu. Wayencamela ukuyohlala emkhukhwini inqobo nje uma ezohlala noMandla. Ukulahlwa kwakhe nguMandla kuholela ekutheni abe nengcindezi afune ukuzibulala. [Nikeza amamaki amabili uma enikezile umbono wakhe] (2) 13.10 Umbhali uphumelele kahle ukuphetha le noveli ngengwijikhwebu njengoba uHlanganisani ulanda uMaMthimkhulu osehamba ngenduku, wamukela noNgubane ngesikhathi efika eMpaphala. EMpaphala bahlatshiswa ngezintondolo ezimbili ugogo waseNhlalayenza ubathela ngenyongo. Lokhu kungukubamukela kahle yize bona babengabamukeli emzini wabo. [Nikeza amamaki amathathu uma ephawulile ngengwijikhwebu wasekela] (3) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UBUCIKO BOMLOMO UMBUZO 14: UMBUZO OMUDE UJU LWEZIZUKULWANE – KL Makhoba ● Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. ● Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. ● Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO Kujwayelekile ukubona ukuthi uma abantu bebhekene nezimo ezithile basebenze ngokuzikhandla/ngobuqili ukuze bazuze lokho abakudingayo. Nakulobu buciko bomlomo obulandelayo kunabalingiswa abake babhekane nezimo ezinzima, bazibekezelele, basebenze ngokuzikhandla/ngobuqili bagcine sebekuzuzile abakudingayo noma bangaphumeleli. UMZIMBA INGANEKWANE: 'INGWENYA EDLA UTSHANI' Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo namanye amayelana nendlela abalingiswa abenza ngayo ukuze bazuze abakudingayo. Kule nganekwane kutholakala uMazinyo ozama ngawo onke amandla ukuziphilisa. • UMazinyo izinto zazingamhambeli kahle wayebulawa yindlala, ichibi ayehlala kulo lase lingenazo izilwane eziphuza kulo amanzi. • Lokhu kwakudalwe ngukuthi izilwane eziningi, ngaphandle kwezinkawu, zase ziphucuzekile sekufike intuthuko yompompi la zazihlala khona. • Wazama uMazinyo ukulutha inkawu eyase iphuza ngepayipi khona lapho echibini. • Inkawu yeluleka ingwenya, uMazinyo ukuba izidlele utshani. Wazama uMazinyo ukulutha impala wayitshela nokuthi yena usedla utshani nemifino ngenxa yempucuko. Waveza ukuthi asisekho isilwane asicathamelayo. • Yazama ingwenya ukucela impala ukuba isondele iyikhele imithi ngoba yona ayifinyeleli ezihlahleni. Impala yasindiswa ngukuthi inkawu yathi izojikijelela ingwenya izihlahla. Yehluleka kanjalo ingwenya ukuthola impala. • Izilwane zasinda kanjalo ekutholakaleni sezidliwa yingwenya. 'IZIBONGO: IZIBONGO ZENKOSI U-ALBERT LUTHULI' Kulezi zibongo inkosi u-Albert Luthuli udele ubukhosi waya kofunda ukuze akwazi ukulwisana nobandlululo. • Inkosi u-Albert Luthuli wasebenzisa amathuba okufunda waba nguthisha waze waphumelela empilweni. • AbeLungu baze bayamangala esethweswa iziqu yi-American Board ngokuphumelela kwakhe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka • Usebenzisa ithuba lokuba abelungu bamfundise nolimi lwesiNgisi ugcina ngokuphumelela ukubavukela esiswini njengotshwala abeLungu labo esebenzisa leyo mfundo ayithole kubo ukuthuthukisa umphakathi wabamnyama. • Ukhombisa ukuba ngumholi weqiniso kubantu ubakhombisa indlela okumele bayihambe ukuze bathole inkululeko. • Uyaphumelela ukufaka imfundiso yenkululeko ezikoleni nasemasontweni. • Wayeyinkosi kodwa udela ubukhosi bakhe ukhetha ukulwela abantu abansundu, uze uya kwamanye amazwe anjengoZimbabwe noNoweyi. • Ngokusebenzisa amathuba okufunda, ukwazi ukuba yingxenye yalabo abahlahla indlela eya enkululekweni ngo-1994. • Ngobukhulu ubuhlakani usebenzisa imfundo yakhe ayizuza kubo abamhlophe wabashintshela. • Ulwa ngokubhala efundisa isizwe sabampisholo, abelungu bona balokhu belwa ngezikhali/ngezibhamu. • Inkosi u-Albert Luthuli wayeyingqalabutho kwezombusazwe. • Uba negalelo elikhulu futhi waphumelela ukuhola inhlangano kaKhongolose kuphela ngenjongo yokugqabula amaketango obandlululo lwabamhlophe kubantu abamnyama. ISISHO Ukwenza umsebenzi onzima noma ukubhekana nesimo esilukhuni. ISIPHETHO Makuvele ukuthi useyayiphetha impendulo yakhe. Umbhali uwethule kahle lo mbono: Enganekwaneni ethi, Ingwenya Edla Utshani isimo sokungaphephi kwezilwane senze ukuba izilwane ezabe zihlala eduze kwechibi likaMazinyo zisebenze ngokuzikhandla ukuze zigcine zinompompi emakhaya noma ziphuze ngamapayipi ukuze zingasondeli eduze kukaMazinyo nechibi lakhe. Zase zibonile ukuthi ziyaphela nguMazinyo owayezibamba azidonsele echibini. Zazuza ukuphepha kwazo. Ezibongweni Inkosi u- Albert Luthuli yasebenza ngokuzikhandla ukuze izuze imfundo eyenza yakwazi ukwelekelela ekulweleni inkululeko yabantu. Yadela konke ngisho nobukhosi ukuze itholele abantu inkululeko. Isisho sikhuluma ngokwenza umsebenzi onzima noma ukubhekana nesimo esilukhuni. (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo) [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha] [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 15: UMBUZO OMFUSHANE INGANEKWANE: 'AMAHLAYA ALALA INSILA' 15.1 Le nganekwane yethulwe ngendlela yobunganekwane, ngamagama athi Kwesukesukela, ashiwo ngumxoxi abalaleli bananele ngokuthi Cosu. [Nikeza amamaki amabili uma esishilo isethulo] (2) 15.2 Isithakazelo sakwaMphephethwa savela ngoba babephephetha isihlabathi solwandle kusawoti. Uma-ke usawoti sebewunekile wase woma, bawuthatha bawusonge ngesikhumba bawuyise eNdlunkulu. [Nikeza amamaki amabili uma exoxile ngendabuko yezithakazelo] (2) 15.3 UVelaphansi wenza ubudedengu obabungenza abulawe ngaso leso sikhathi ethi wenza ihlaya angatholi nesikhathi sokubaleka. Ubudedengu bakhe kwaqubula impi phakathi kwamabutho enkosi uShaka kanye namaPhephethe ngenxa yentukuthelo yenkosi ebangwa ukungahlonishwa. [Nikeza amamaki amabili uma echazile umphumela] (2) 15.4 Umona awubuyiseli/umhobholo ungakufaka enkingeni. Impisi yagcina ilimele kanzima ngenxa yomhobholo yokuzifunele yona nomndeni wayo kuphela ihhashi elalifile eyayitshelwe nguHlakanyane ngalo. [Nikeza amamaki amabili uma egagulile umyalezo wasekela] (2) 15.5 Izenzo zabo kazifani, impisi yawucabangela umndeni yawo uma izwa ukuthi kunehhashi elifile kanti uVelaphansi akawucabangelanga umndeni wakhe, wawufaka enkingeni ngokwenza ihlaya lamaqaqa anukayo./Izenzo zabo ziyafana bathatha izinqumo bengazicabangisisanga ezigcina zibeke impilo yabo engozini. [Nikeza amamaki amathathu uma evezile ukuthi izenzo azifani/ziyafana wasekela] (3) 15.6 Umxoxi uphumelele kahle ukwethula igwijikhwebu ngoba impisi yazibophela emsileni wehhashi, yathuka uma livuka lingafile. Lokhu kwadala ukuba impisi ihudulwe ihhashi ize iphume amazinyo. [Nikeza amamaki amathathu uma ephawulile wasekela] (3) 15.7 Isaga: Inkunzi iyazibeka./ Isisho: Ukuyibamba ishisa. [Nikeza amamaki amabili uma esicabangile isaga/isisho] (2) 15.8 Imbongi isebenzise impindamqondo ukugcizelela ukuthi iSilo uDinuzulu salwa nezigodi/nezizwe ezimbili esakwaNgenetsheni nesaseBhanganoma. [Nikeza amamaki amathathu uma eyivezile inhloso impindamqondo kulezi zibongo] (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 15.9 Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ukuxhumana sigcino, 'kaMaphitha' ukugcizelela ukunqoba kwenkosi uDinuzulu ibulala inzalo kaMaphitha. Ibutho lenkosi uDinizulu lavuka ekuseni kakhulu lathatha izikhali layohlasela amakhosi nezindawo ezahlukahlukene. Lafika lawanqoba wonke amadodana kaMaphitha, ukufa kwawo akushongo lutho. [Nikeza amamaki amabili uma exoxile ngempumelelo yokusebenzisa (2) ukuxhumana wasekela] 15.10 Indikimba yempi/yobuqhawe ixhumana kahle nehubo ngoba amakhosi anjengesilo uDinuzulu ayewulwela umhlaba kodwa manje isizwe seswele nomhlaba wokulima ngenxa yokuthi umhlaba awusalwelwa. [Nikeza amamaki amabili uma echaze kafushane ngendikimba wasekela] (2) 15.11 Ukuxhumanosiqalo, Ngubo yengwe! Ngubo yesilwane! [Nikeza amamaki amabili uma egagulile watomula ukuxhumana] (2) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU C: UMDLALO UMBUZO 16 (UMBUZO OMUDE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo ● Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. ● Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. ● Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO Izigameko eziningi ezenziwe abalingiswa abakulo mdlalo ziyakholakala nakuba zikhona ezinye ezingakholakali. Lokhu kufakazelwa ngabalingiswa abangoMdaluli, uMaMlanduli, uChivenga, uLondiwe kanye noMbhebhezeli. UMZIMBA Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo nokwenziwa ngabanye abalingiswa ukufakazela ukukholakala nokungakholakali kwezinye zezigameko ezikulo mdlalo. Izigameko ezikholakalayo: • Isigameko sikaMdaluli sokuhluleka ukubhekana nesimo sokuphela komsebenzi siyakholakala. UMdaluli uyahluleka ukutshela inkosikazi yakhe uMaMlanduli ukuthi uphelelwe wumsebenzi. UMdaluli ukhiphela ukuxakeka kwakhe emndenini wakhe. Ushaya uMaMlanduli kanye nezingane zakhe. Uthakatha uChivenga, akugcini lapho uze umlalela unyendle umshaya ngemolontshisi. • Isigameko sikaMaMlanduli sokweseka umyeni wakhe uMdaluli siyakholakala. UMdaluli uyena yedwa osebenzayo yingakho bonke kulo mndeni bethembele kuye. Uyamvakashela ngesikhathi eboshiwe, uphinde ancenge indodakazi yakhe uLondiwe ukuba isule icala. • Isigameko sikaLondiwe sokulwela amalungelo siyakholakala. ULondiwe wenza imizamo yokuvikela unina uMaMlanduli ngesikhathi eshaywa nguMdaluli. ULondiwe uvulela uMdaluli icala lokuhlukumeza, uMdaluli uyaboshwa. • Isigameko sikaHlengiwe sokuthandana noChivenga ngoba efuna imali siyakholakala. UHlengiwe uthandana noChivenga ngoba isoka lakhe elinguManqina lingasasebenzi. • Isigameko sikaHeshane sokuhlangana noChivenga nokushadisa ngomgunyathi siyakholakala. UHeshane usebenza eMnyangweni wezaseKhaya, ushintsha isibongo epasini likaHlengiwe kuvele isibongo sikaChivenga. • Isigameko sikaMdaluli sokucela ukubona uLondiwe noChivenga ukuze axolise siyakholakala. Izigameko ezingakholakali: • Isigameko sikaMaMlanduli sokuyalela uMdaluli ukuthi izingane zibaleke zashona ngakuphi ngesikhathi uMdaluli ezihubha ngesibhamu asikholakali. Akuvamisile ukuba umama onezinseka angancamela ukuba izingane zakhe zidutshulwe ngoba eseka umyeni wakhe. • Isigameko sikaMdaluli sokuhlela uhambo lokuya eSudan engatsheli muntu emndenini wakhe asikholakali. Ziningi izinto okumele zenziwe ukwenza amalungiselelo uma uzothatha uhambo. Ukuthatha i-passport, ukwenza i-Visa kuthatha isikhathi ukuba lezi zinto ziphumelele. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIPHETHO (Uvo lohlolwayo) Kuyavela ukuthi nakulo mdlalo zikhona izigameko ezikholakalayo kanye nalezo ezingakholakali. (Abafundi bangasebenzisa namanye amaphuzu akhombisa ukukholakala kwezigameko kulo mdlalo.) (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo) [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha] [25] IMBUZO 17 (UMBUZO OMFUSHANE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo 17.1 Ithoni yokujabula/yokubongela/yokudlalisela. UChivenga ujabulela/ubongela/ udlalisela uHlengiwe uze amtshele ukuthi uyamazi kodwa usekhohliwe ukuthi ungowaphi. [Nikeza amamaki amabili uma eyishilo ithoni wasekela] (2) 17.2 Isizathu sokubakhona kodweshu lwangaphandle ukuthi uHlengiwe uxabana noChivenga uma ethi uyamazi, uphinde ambize ngekwerekwere, amcwase ngokuthi mfushane sengathi indlela eya endlini encane. Akafuni nokuzwa into ayishoyo uma ethi bayazana ngoba uyabona ukuthi uqamba amanga uChivenga. [Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane udweshu wasekela] (2) 17.3 Okungumehluko kulolu thando ukuthi uHlengiwe unothando lweqiniso ngoManqina kanti unothando mbumbulu ngoChivenga. Uyamethemba ukuthi nguyena ongamelekelela amephule ekushelweni uChivenga. Kanti akamthandi ngokweqiniso uChivenga ufuna imali yakhe njengoba uManqina esaphelelwe ngumsebenzi. [Nikeza amamaki amathathu uma ewunikezile umehluko wasekela] (2) 17.4 Isisusa sodweshu ngukuthi uChivenga ushela uHlengiwe. UHlengiwe siyamcasula lesi senzo bese ebiza uChivenga ngamagama anokumcwasa ngokobuzwe. UHlengiwe ucabanga ukuthi lezi zinto azishoyo uChivenga azilona iqiniso futhi umenza isilima. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile kafushane] (3) 17.5 Umlandi usichazela ngemizwa kaMdaluli. UMdaluli ujabhile, ubhocobele, udangele akakwazi nokuchazela uMaMlanduli ukuthi kungani ephatheke kabi njengoba ebuya emsebenzini. [Nikeza amamaki amabili uma echazile umsebenzi womlandi wasekela] (2) 17.6 La mazwi alekelele ukuqonda ukuthi isimo asisihle emzini kaMdaluli njengoba elahlekelwe ngumsebenzi. [Nikeza amamaki amabili uma ekuvezile ukusetshenziswa kwamazwi wasekela] [Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa] (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 17.7 Ngicabanga ukuthi iqhaza elibanjwe nguChivenga ukuba yimbangi kaMdaluli kumsebenzi wobumeselandi. Ngakho-ke lokhu kwenza uMdaluli abe nodlame olubhebhethekayo kuze kukapakele nasemndenini wakhe. [Nikeza amamaki amabili uma eshilo iqhaza elibanjwe nguChivenga] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) 17.8 Ukubambisana kwezingane zakwaMemela kusize umndeni wazo ngoba zibikele omakhelwane kanye namaphoyisa ngodlame obelwenziwa ngubaba wazo kunina nakuzona uqobo. Lokhu kusizile ngoba uboshiwe wase uyasishintsha isenzo sakhe sokuhlukumeza. [Nikeza amamaki amabili uma evezile ukubambisa komndeni wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (3) 17.9 Isizathu sokuba khona kukaZenyezile ukuthi unguSonhlalakahle ubambe iqhaza lokufunela izingane zakwaMemela indawo ngenkathi zishaywa, zixoshwa uMdaluli. Unika uLondiwe icebo lokuthola imali yokufunda, abuye aduduze umndeni ukuthi uhlalele ethembeni nangenkathi kunokuzamazama komhlaba eSudan la kwakuye khona uMdaluli. [Nikeza amamaki amabili uma esinikezile isizathu wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) 17.10 Abantu besifazane babhekana nobunzima bokuthathelwa izinqumo ezinkulu bebe bengazi. NjengoHlengiwe wabona sekubuya ipasi elibiza isibongo angasazi. Lokhu kudala ubunzima bokuthi angabe esakwazi ukushada nomuntu azikhethele yena. [Nikeza amamaki amathathu uma exoxile ngobunzima wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (3) 17.11 Ngiyazwelana naye ngoba uma uyingane yesikole uthembela kubazali bakho abakukhokhelayo esikoleni. ULondiwe wayethembele kuMdaluli ukuthi aqhubeke amkhokhele imali yesikole njengoba wayemkhokhela esasebenza. Ngangiyokwamukela isimo, ngibike ekolishi, ngifake izicelo zomfundaze nesibonelelo sokufundiswa nguhulumeni, ngibuye ngelekele ngokubamba amatoho. NOMA Angizwelani naye ngoba bekukhona uxhaso olunikwa abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme uma bephuma emizini ehlwempu. Ngingasebenzisa uSonhlalakahle/othisha ukuba bangilekelele ukwenza lesi sicelo. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono wokuzwelana wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 26 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 18 (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa ● Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. ● Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. ● Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO Izigameko eziningi ezenziwe ngabalingiswa abakulo mdlalo ziyakholakala nakuba zikhona ezinye izigameko ezikulo mdlalo ezingakholakali. Lokhu kufakazelwa ngabalingiswa abangoMphiliphili, inkosi uSalimani, abafowabo benkosi uSalimani, ijaji kanye nonongqayi. UMZIMBA Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo nokwenziwa ngabanye abalingiswa ukufakazela ukukholakala nokungakholakali kwezinye zezigameko ezikulo mdlalo. Izigameko ezikholakalayo: • Izigameko zenkosi uSalimani zokulwela umhlaba awuphethe ziyakholakala. Unqabela uZithulele ongundabazabantu ukuba agudlule umgcele wakwaVimbingwenya kanye noMkhabela. UZithulele wabe efuna ukunika abeLungu umhlaba wenkosi uSalimani. • Isigameko senkosi uSalimani sokubonisana nabafowabo kuqala ngaphambi kokuba abize umhlangano wesizwe siyakholakala. • Isigameko esenziwa inkosi uSalimani sokuvotisa isizwe sayo isebenzisa isu likabhontshisi omnyama nomhlophe ukuze uZithulele azozibonela mathupha ukuthi abantu bami ngakuphi siyakholakala. • Isigameko sabafowabo bakaSalimani uMcondo, uMbongolo, uMcanjana noNodwengu sokweseka umfowabo oyinkosi uSalimani siyakholakala. Abafowabo benkosi bayayinika amaqhinga njalo uma ibacelile ukuba beze bezohlanganisa amakhanda. • Isigameko sikaZithulele sokuzama ukuthatha umhlaba wenkosi uSalimani ngobuqili siyakholakala. Ufakazisa abeLungu abanjengoMgqabula into engelona iqiniso ukuthi umngcele wagudluka ngenxa yezimvula kwathatheka indawo yabeLungu. • Isigameko sokuhlasela konongqayi, behlasele emzini kaMcondo siyakholakala. Kwachitheka igazi kwalimala abantu abaningi. • Isigameko sikaMphiliphili sokuba yimbuka ebe engenye yezinduna zikaSalimani, ngenxa yenkinga yemali, siyakholakala. Uvuma ukuthengwa ngabelungu ukuze abathuthele izindaba. UMphiliphili ufaka ubhontshisi omhlophe ngosuku lokhetho okwakuwuphawu lokuhambisana noHulumeni okuyinto ekholakalayo. • Isigameko sikaMphiliphili sokuba ngufakazi wamanga enkantolo ngempi ayengayibonanga ukuthi iqale kanjani siyakholakala. • Isigameko sejali laseMgungundlovu sokuba limele iqiniso siyakholakala. Ijaji lithethisa umlungu onguMgqabula uma ehluleka ukuphendula imibuzo yomshushisi. Ijaji liyasicubungula isinqumo kanye nobufakazi obethulwa enkantolo eMshwathi. Ijaji lithatha isinqumo esivuna inkosi ngoba eMshwathi yabe ilahlwe yicala elingenabo ubufakazi obuyiqiniso. Ijaji lilahla uHulumeni ngecala, libuyisela izindawo zikaSalimani, uVimbingwenya, uMkhabela noMngeni. Liyalela uHulumeni kaSomtsewu ukuba akhokhele zonke izindleko zecala. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 27 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka Izigameko ezingakholakali: • Isigameko sokulahlwa icala kwenkosi uSalimani aze ahlawuliswe ngokudliwa komhlaba wakhe ekubeni kwabe kungeyena odale lolu thuthuva asikholakali. • Isigameko sokuba kungabibikho ingxabano noma ukungaboni ngaso linye kwabafowabo benkosi kanye nayo asikholakali. Esikhathini esiningi kuvamisile ukuba inkosi kube khona izimbangi zayo eziba seduze nayo. ISIPHETHO (Uvo lohlolwayo) Kuyavela ukuthi nakulo mdlalo zikhona izigameko ezikholakalayo ezenziwa ngabalingiswa abehlukene nakuba zikhonyana nalezo okubukeka zingakholakali. (Abafundi bangasebenzisa namanye amaphuzu akhombisa ukukholakala kwezigameko kulo mdlalo.) (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo) [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha] [25] UMBUZO 19 (UMBUZO OMFUSHANE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa 19.1 Ithoni yentukuthelo. UMcanjana uthukutheliswa ngukuthi uMphiliphili akayiphenduli inkosi uma ibuza imibuzo. [Nikeza amamaki amabili uma eyishilo ithoni wasekela] (2) 19.2 Isizathu sokubakhona kodweshu lwangaphandle esokuthi inkosi uSalimani axabane noMphiliphili uma ezwa ukuthi ubekhuluma nabelungu ngaphandle kwemvume yakhe. Kanjalo noNondwengu noNomehlo bathethisa uMphiliphili ngokungezi ngokushesha ukuzobikela uSalimani ngabebekukhulume noNgoza. [Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane udweshu wasekela] (2) 19.3 Umehluko ukuthi uMphiliphili uyinduna engathembekile enkosini uSalimani, uhlangana nabelungu okunguhulumeni. Wamukela izipho ezifika noNgoza nemali yopondo aba-5 bamarandi ukuze abatshele ngokucatshangwa yinkosi uSalimani. UNomehlo uyinduna ethembekile kuSalimani, uvikela amabutho ngenkathi ehlaselwa ngabantu bakaMgqabula, uyalwa, kufe abantu basemapulazini. [Nikeza amamaki amathathu uma ewunikezile umehluko wasekela] (3) 19.4 Isisusa sodweshu ukuthi inkosi uSalimani icasulwa wukuthi uMphiliphili uhleba ngayo kuNgoza nezikhulu zikahulumeni. UMphiliphili akayicelanga imvume yokukhuluma nezikhulu zikahulumeni futhi akayitshelanga inkosi ngobekukhulunywa ngemuva kwalowo mhlangano. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile kafushane] (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 28 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 19.5 Umlandi usichazela ngomuzwa wenkosi uSalimani kanye nabantu bakhe nezenzo zabalingiswa. Uchaza umsindo wabantu abacasukile baphinde babheke induna uSiyobi ephakathi kwabo. Ubanikeza isiqiniseko sokuthi uyahambisana nodaba lokungathathwa komhlaba. USalimani othatha ikhefu abheke uMphiliphili kanye noSkhova othulisa umsindo. [Nikeza amamaki amabili uma echazile umsebenzi womlandi wasekela] (2) 19.6 La mazwi angelekelele ukuthi ngiqonde isimo senhlalo esingesihle esizweni senkosi uSalimani njengoba abelungu befuna ukuqola umhlaba waso ngenkani. La mazwi aveza intukuthelo yenkosi uSalimani njengoba ifunga ukuthi akekho oyophisana ngomhlaba wayo isaphila. [Nikeza amamaki amabili uma ekuvezile ukusetshenziswa kwamazwi wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) 19.7 Ngicabanga ukuthi uSomtsewu ungumlomo kahulumeni. Uyena obhebhethekisa udweshu ngoba ufuna ukushintsha imiklamo yemingcele ezweni lenkosi uSalimani ngenkani nangobuqili. [Nikeza amamaki amabili uma elivezile iqhaza wesekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) 19.8 Ukubambisana kwenkosi uSalimani nabafowabo kusize ekutheni bakwazile ukwesekana ngemibono bemunye. Lokho kwenze ukuthi kube lula ukuthi bagcine belinqobile icala babuyelwe ngumhlaba wabo. [Nikeza amamaki amabili uma ekuvezile ukubambisana wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) 19.9 UBheswa uyinduna yebutho labesifazane. Lokhu kwenza enze isiqiniseko sokuthi nabesifazane bayaba nombono uma inkosi inemihlangano nesizwe sayo. [Nikeza amamaki amabili uma esichazile isizathu wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) 19.10 Inkosi ibhekana nobunzima bokuthi ayibi nesiqiniseko sokuthi izimfihlo nezindaba ezisemqoka zesizwe ziphephile. Ngenxa yokuthi uMphiliphili ube yimpimpi yabelungu bayakwazi ukuthola izindaba ezibalulekile zesizwe kuyena. Lokhu kubeka isizwe engcupheni ngoba uMphiliphili ungomunye wezinduna ezazi izimfihlo ezibucayi zesizwe. [Nikeza amamaki amathathu uma exoxile ngobunzima wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (3) 19.11 Ngiyazwelana naye ngoba umyeni wakhe uhlale ematasatasa esenkundleni yamacala njengoba ehlezi esesigcawini ngenxa yokudingida udaba lomhlaba. Lokhu kumenza angabi nesikhathi asichitha nomndeni wakhe. Bengingabamba imihlangano ethuthukisa amakhono athize abesifazane endaweni ukuze ngichithe isizungu. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono wokuzwelana wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 29 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka UMBUZO 20 (UMBUZO OMUDE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga ● Ungasebenzisa la maphuzu alandelayo njengomhlahlandlela wokumaka lo mbuzo. ● Ohlolwayo angaqhamuka nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni. ● Sebenzisa irubhrikhi esekhasini lama-33 ukumaka i-eseyi. ISINGENISO Izigameko eziningi ezenziwe abalingiswa abakulo mdlalo ziyakholakala kanti kukhona nezinye izigameko ezingakholakali. Lokhu kufakazelwa ngabalingiswa abangoPhindisiwe, uNkululeko, uMakhangela, uThamsanqa, uMathosi kanye nabanye abalingiswa. UMZIMBA Izigameko ezikholakalayo: Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo nokwenziwa ngabanye abalingiswa ukufakazela ukukholakala nokungakholakali kwezinye zezigameko ezikulo mdlalo. • Isigameko sikaPhindisiwe sokuba nezimfihlo kumyeni wakhe ekubeni eshadile siyakholakala. Imfihlo yokuthandana Nonkululeko ebe eshadile aphinde athole umntwana ongayena owasemshadweni kuyakholakala. • Isigameko sikaPhindisiwe sokuhlangana nezigebengu bayotshontsha imali ebhange baphinde futhi bahlela ukubulala uThamsanqa ukuze bazothola imali yomshwalense siyakholakala. • Isigameko sikaThamsanqa sokuvikela umkakhe nezimfihlo anazo siyakholakala. UThamsanqa akabatsheli abazali bakhe ukuthi umkakhe uPhindisiwe wakufihla ukuthi unezingane ezimbili uThembalakhe noNokwethemba azitholela ekhaya bengakashadi siyakholakala. • Isigameko sikaNkululeko sokuxabanisa uPhindisiwe nabazali bomyeni wakhe uThamsanqa siyakholakala. Uya kwaMathonsi uyofuna uPhindisiwe ubatshela ukuthi ungumkakhe. Ubuyela okwesibili esephethe ubufakazi bencwadi yomshado kanye nesitifiketi somshado okungokomgunyathi. • Isigameko sikaKholekile sokusenga izindaba kumngani wakhe uPhindisiwe siyakholakala. UNkululeko usebenzisa uKholekile ukuba amthuthele izindaba kuPhindisiwe zokuthi uPhindisiwe unenkinga yemali. Izigameko ezingakholakali: • Isigameko sikaNkumbulo ongumngani kaThamsanqa sokuba nemfihlo ahleli nayo yokuthi uPhindisiwe wayethandana noNkululeko phambilini asikholakali. Lokhu kwakungavezi ubungani beqiniso. • Isigameko sokuthi uNkululeko atshele abazali bakaThamsanqa ukuba uPhindisiwe uyinkosikazi yakhe asikholakali. Umuntu akakwazi ukushada kabili, kuphume incwadi yomshado engahlukanisile nomunye. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 30 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIPHETHO (Uvo lohlolwayo) Kuyavela ukuthi nakulo mdlalo izigameko ezenziwa ngabalingiswa abehlukene ziyakholakala nakuba zikhona ezingakholakali. (Abafundi bangasebenzisa namanye amaphuzu akhombisa ukukholakala nokungakholakali kwezigameko kulo mdlalo.) (Ohlolwayo makabeke uvo lwakhe, akhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo) [Nikeza amamaki ngokuveza i-eseyi ehleleke kahle enezimpendulo ezinembayo/ izimpendulo ezinganikeziwe lapha] [25] UMBUZO 21 (UMBUZO OMFUSHANE) UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga 21.1 Ithoni yendelelo/yokucasuka/yokudinwa. UPhindisiwe udelela uNkululeko umbiza ngesilima, umtshele ukuthi yingakho aboshwa ngoba akalaleli. [Nikeza amamaki amabili uma eyishilo ithoni wasekela] (2) 21.2 Udweshu lwangaphandle ludalwa wukuthi uNkululeko ufuna babuyelane noPhindisiwe, baqale impilo entsha ndawonye. UPhindisiwe akafuni, umtshela ukuthi uqhubekile nempilo./UNkululeko uyamsongela umtshela ukuthi uzomkhombisa ukuthi ungubani yena futhi angamenzakalisa aphinde aboshwe futhi./UPhindisiwe uyamphendula ngokumedelela uphinde amtshele ukuthi naye angaziphindiselela esizwa ngabakubo. [Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane udweshu wasekela] (2) 21.3 Okungafani phakathi kwabo wukuthi banemibono engafani mayelana nokubuyelana kwabo. UNkululeko ufuna ukuthi babuyelane ngoba usamthanda uPhindisiwe kanti uPhindisiwe akasazimisele ngokubuyelana noNkululeko ngoba akasenaso isikhala sokugcina uthando lwakhe. [Nikeza amamaki amathathu uma ewunikezile umehluko wasekela] (3) 21.4 Isisusa sodweshu indlela uPhindisiwe akhuluma ngayo noNkululeko. Umtshela ukuthi wayengaphoqwanga muntu uNkululeko ukuthi afihle indaba. Wakwenza lokho ngoba bethandana. Utshela uNkululeko ukuthi makaqhubeke nempilo ngoba naye uPhindisiwe useqhubekile neyakhe. [Nikeza amamaki amathathu uma echazile ngesisusa sodweshu] (3) 21.5 Umlandi usichazela ngezenzo zikaNkululeko. UNkululeko ubheka phansi, akhombise ukuba novalo uma ekhuluma noMathonsi uze ahlahle amehlo, abheke isithombe esisodongweni, abuye athule bese eqhubeka nokukhuluma. [Nikeza amamaki amabili uma echazile umsebenzi wasekela] (2) 21.6 La mazwi abhalwe ngokugqamile angelekelele ukuba ngiqonde ukuthi isimo besisihle kodwa sesishintshwa ukufika komlisa abangamazi obatshela izindaba ezingezinhle ebe engumuntu osehambe isikhathi eside ekhaya wahlala eGoli. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 31 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka 21.7 Ngicabanga ukuthi iqhaza elibanjwe nguMaKhangela elokuthi nguyena owanika uPhindisiwe imali yokuvala umlomo uNkululeko ukuze angayikhiphi imfihlo yokushayiswa kwengane nguPhindisiwe, icala lathwalwa nguNkululeko. Ukuphuma kwale mfihlo ebeyifihliwe ngemvalamlomo yikhona okubhebhethekise udweshu kulo mdlalo. [Nikeza amamaki amabili uma eshilo iqhaza elibanjwe nguMakhangela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) 21.8 Ukubambisana komphakathi namaphoyisa kusize ngokuthi umuntu wokuqala owayezokhipha imali ebhange okwakugqekeza kulo oNkululeko, yize wayephuthuma emsebenzini wakhipha umakhalekhukhwini wabikela amaphoyisa ngokwakusolisa ebhange. Lokhu kukhombisa ukubambisana phakathi komphakathi namaphoyisa. [Nikeza amamaki amabili uma echazile ngokubambisana wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) 21.9 Isizathu sokuba khona kukaNkumbulo wukuthi ungumngani kaThamsanqa obambe iqhaza elikhulu lokweluleka uThamsanqa ngokubika udaba lokushada kukaNkululeko noPhindisiwe kummeli nasemaphoyiseni. [Nikeza amamaki amabili uma elivezile iqhaza wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) 21.10 Laba bantu babhekana nobunzima ngoba abantu abasuke bebakhokhelile ukugqiba ubugebengu babo abaneli futhi zigcina zivele obala izindaba zabo. NjengoNkululeko wakhokhelwa nguPhindisiwe imali kodwa akanelanga wagcina eseveze obala imfihlo yokuthi uZiphozonke akayona ingane kaThamsanqa. [Nikeza amamaki amathathu uma exoxile ngobunzima wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (3) 21.11 Ngiyazwelana nomlingiswa onguThamsanqa ngoba umthanda ngokweqiniso uPhindisiwe wamukela incwadi esankondlo uyibeka esifubeni sakhe, akhale, njengoba uPhindisiwe exolisa, emcela ukuba amkhulisele izingane zakhe. Ukhumbula izifungo zabo zomshado abazenza. Bengingamuxolela ngoba ngisamthanda ngethemba lokuthi ufundile emaphutheni akhe. [Nikeza amamaki amabili uma ewuvezile umbono wokuzwelana wasekela] (Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 32 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka RUBHRIKHI YOLIMI LWASEKHAYA ISIQEPHU A: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WENKONDLO [AMAMAKI AYI-10] Izinkomba Obekungalindelekile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akugculisi nhlobo OKUQUKETHWE 5–6 4 3 2 0–1 -Ukuhunyushwa -Ukhombisa ulwazi -Isihloko usihlaziye -Ukuhunyushwa -Akanalo nhlobo ulwazi Ukuhunyushwa kwesihloko okunzulu ngesihloko futhi ngokugculisayo kwesihloko akugculisi lwesihloko kwesihloko -umqakuliswano omuhle usihumushe kahle -Kukhona amaphuzu kahle -Akukho nhlobo somqakuliswano kakhulu ohlukene -Impendulo echaza amahle asekela isihloko -Kuthukela kuvela okuhambisana (ukuqophisana) okunzulu, osekelwe kabanzi ngokwenelisayo -Omunye umqakuliswano amaphuzu asekela nenkondlo ukusekela kanye kubhekiswe enkondlweni -Umqakuliswano omuhle usekeliwe kodwa isihloko -Ohlolwayo akanalo nokuqonda kabanzi -Ulwazi oluhle kakhulu kakhulu kodwa ubufakazi bubuye -Ulwazi lwenkondlo nhlobo ulwazi ithekisthi. lwenkondlo. awusekeliwe wonke bungagculisi kwenye alugculisi kahle. lwenkondlo. ngendlela elindelekile inkathi 6 AMAMAKI -Ulwazi lwenkondlo luhle. -Ulwazi lwenkondlo olugculisayo. ISAKHIWO KANYE 4 3 2 1 0–1 NOLIMI -Isakhiwo esihleleke kahle -Isakhiwo esihleleke kahle -Kukhona nokho -Isakhiwo sikhombisa -Isakhiwo asihlelekile kakhulu futhi nomqakuliswano ukuhleleka kwesakhiwo amaphutha ezingeni kahle neze Isakhiwo, ukugeleza -Umqakuliswano uhleleke ogeleza ngokulandelana -Umqakuliswano lokuhleleka -Ulimi lunamaphutha okuhlelekile kahle kakhulu futhi kahle awugelezi futhi -Umqakuliswano amaningi kanye komqakuliswano kanye uthungelana kahle -Ukugeleza awuhlelekile awuhlelekile nesitayela esingagculisi nokwethula kakhulu komqakuliswano -Amaphutha olimi ngokugculisayo neze. Ulimi, ithoni kanye -Ulimi, ithoni kanye kuyalandeleka ayingcosana, ithoni kanye -Ulimi lunamaphutha nesitayela nesitayela kukhombisa -Ulimi, ithoni kanye nesitayela amaningi esisetshenzisiwe ukuvuthwa komqondo, nesitayela kuhle. kusetshenziswe -Ithoni nesitayela embuzweni omude. kuyaheha futhi kushaya ngokugculisayo. akugculisi kahle. emhlolweni 4 AMAMAKI -Ulimi, ukupelwa kwamagama kanye nezimpawu zokuloba akunamaphutha nhlobo. QAPHELA: Uma ohlolwayo engazange abhale sanhlobo ngokubuziwe, waqoka ukuziqmbela i-eseyi akatholi lutho amamaki okuqukethwe kanye nesakhiwo nolimi Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 33 DBE/Lwezi 2025 NSC – Umhlahlandlela Wokumaka ISIQEPHU B KANYE NESIQEPHU C: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WOMBHALO WOBUCIKO: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO KANYE NOMDLALO [AMAMAKI ANGAMA-25] Izinkomba Obekungalindelekile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akugculisi nhlobo OKUQUKETHWE 12–15 9–11 6–8 4–5 0–3 -Ukuhunyushwa -Ukhombisa ulwazi -Isihloko usihlaziye -Ukuhunyushwa -Akanalo nhlobo ulwazi Ukuhunyushwa kwesihloko okunzulu ngesihloko futhi ngokugculisayo kwesihloko akugculisi lwesihloko kwesihloko -Umqakuliswano omuhle usihumushe kahle -Akhona amaphuzu kahle -Umqakuliswano somqakuliswano kakhulu ohlukene -Impendulo echaza amahle asekela isihloko -Kuthukela kuvela awugculisi (ukuqophisana) onzulu, osekelwe kabanzi ngokwenelisayo -Okunye umqakuliswano umqakuliswano osekela -Ohlolwayo akanalo ukusekela kanye kubhekiswe kunoveli/ -Umqakuliswano omuhle usekeliwe kodwa isihloko nhlobo ulwazi lwenoveli/ nokuqonda kabanzi ubuciko bomomo kakhulu kodwa ubufakazi bubuye -Ulwazi oluncane ubuciko bomlomo ithekisthi. nomdlalo awusekeliwe wonke bungagculisi kwenye lwenoveli/ubuciko nomdlalo -Ulwazi oluhle kakhulu ngendlela elindelekile inkathi bomlomo nomdlalo. 15 AMAMAKI lwenoveli/ubuciko -Ulwazi lwenoveli/ubuciko -Ulwazi olungenele bomlomo nomdlalo. bomlomo nomdlalo lwenoveli/ubuciko luyabonakala. bomlomo nomdlalo. ISAKHIWO KANYE 8–10 6–7 4–5 2–3 0–1 NOLIMI -Isakhiwo silandelana -Isakhiwo esihle kanye -Isakhiwo siyabonakala -Isakhiwo sikhombisa -Isakhiwo asihlelekile kahle kakhulu nomqakuliswano ohleleke kancane amaphutha ekuhlelweni kahle kuze kuphazamise Isakhiwo, ukugeleza -Isingeniso kanye kahle -Ukugeleza kanye kwaso umqakuliswano okuhlelekile nesiphetho okuhle -Isingeniso, isiphetho nokulandelana -Umqakuliswano -Ulimi lunamaphutha komqakuliswano kanye kakhulu kanye nezinye izigaba komqakuliswano awuhlelekile kahle amaningi kanye nokwethula -Umqakuliswano obekeke kuhleleke kahle kuyabonakala kodwa -Amaphutha olimi nesitayela esingagculisi Ulimi, ithoni kanye kahle kakhulu futhi -Umqakuliswano ugeleza kunamaphutha agqamile neze. nesitayela uthungelana kahle kahle -Amaphutha olimi -Ithoni nesitayela esisetshenzisiwe -Ulimi ithoni kanye -Ulimi, ithoni kanye ambalwa; ithoni kanye kusetshenziswe embuzweni omude. nesitayela kukhombisa nesitayela kuhle. nesitayela ngokungafanele ukuvuthwa, kuyancomeka esisetshenzisiwe -Ukuhleleka kwezigaba 10 AMAMAKI futhi kushaya emhlolweni. sifanelekile kunamaphutha. -Izigaba eziningi zibhaleke kahle. UKWABIWA KWAMAMAKI 20–25 15–19 10–14 5–9 0–4 • Akufanele kube nomehluko odlula amazinga amabili phakathi kwamamaki esakhiwo nolimi kanye namamaki wokuqukethwe. • Impendulo yokuziqambela kufanele inikezwe u-0 kokuqukethwe no-0 isakhiwo nolimi. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 12 Isizulu Hl

Explore more published documents in this catalogue.

View all
IsiZulu HL P2 Nov 2025 MG | Hlayiso