You're offline
Skip to content
Question paper

Gr 3 Mathematics (IsiZulu) 2023 Question Paper

Subject: MathematicsGrade 3202215 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
UKUHLOLWA KWESIFUNDAZWE ULWEZI 2023 IBANGA 3 IZIBALO: ISIZULU ISIKHATHI: IHORA eli -1 AMAMAKI: 50 IGAMA LOMFUNDI: IBANGA: 3 IGAMA LESIKOLO: AMAKHASI - 15 P.T.O.
IZIBALO IBANGA 3 2 Imiyalelo Yabafundi 1. Leliphepha lihlukanisa(lihlukaniswe) izigamu ezintathu • Isiqephu A – Imibuzo Eminingi Yokukhetha • Isiqephu B – Imibuzo Efinqiwe • Isiqephu C – Imibuzo Yokuxazulula Izinkinga 2. Funda imiyalelo ngokucophelela. 3. Phendula yonke imibuzo njengoba uyalelwe uthisha. 4. Lapho kunemibuzo yokukhetha okukodwa kokuningi, kokelezela uhlamvu oluseduze nempundulo efanele. 5. Konke ukusebenza kufanele kuboniswe ezincwadini zakho zezimpendulo. 6. Izibali azivunyelwe. 7. Bhala kufundeke futhi ubhale ngobunono. Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 3 ISIQEPHU A Kokelezela uhlamvu olufanele lemibuzo(lwemibuzo) 1 -ukuya ku 10. UMBUZO 1 Qondanisa igama nenombolo 788. A Amakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nesishiyagalombili B Amakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili C Amashumi ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili D Amakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisikhombisa nesikhombisa (1) UMBUZO 2 Uphawu lwenombolo amakhulu ayisithupha namashumi amahlanu nambili … A 625 B 652 C 562 D 265 (1) UMBUZO 3 Inani lamadijithi enombolweni 759 lithi … A 900 + 50 + 7 B 900 + 90 + 7 C 700+ 90+ 5 D 700 + 50 + 9 (1) UMBUZO 4 Khetha irowu yenezinombolo(enezinombolo) ongazihlukanisa kabili zonke zishiye insalela. A 161, 163, 165, 167 B 275, 300, 325, 350 C 205, 210, 215, 220 D 510, 520, 530, 540 (1) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 4 UMBUZO 5 Sebenzisa iwashi elingezansi ukuphendula imibuzo. Iwashi likhombisa siphi isikhathi? A 8:10 B 8:50 C 9:10 D 9:50 (1) UMBUZO 6 Kokelezela uhlamvu olubonisa izinombolo ezibala ngama-20s. A 200, 300, 400, 500, 600 B 520, 530, 540, 550, 560 C 980, 960, 940, 920, 900 D 812, 824, 836, 848 (1) UMBUZO 7 Inombolo 45 uma iphindwe kabili a… A 85 B 80 C 90 D 95 (1) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 5 UMBUZO 8 Yini ingxenye(uhhafu) ye(wa)-250? A 143 B 189 C 150 D 125 (1) UMBUZO 9 Buyekezela 634 e-10 eliseduzane(eliseduze). A 635 B 630 C 640 D 645 (1) UMBUZO 10 Kokelezela impendulo efanele u R5,88. A 500c + 8c + 7c B 500c + 70c + 8c C 500c + 8c + 70c D 500c + 80c + 8c (1) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 6 ISIQEPHU B UMBUZO 11 Qopha isikhathi se-analogue(analogi) ngemuva kwemizuzu engu (enga) 40. __________________ (1) UMBUZO 12 Mangaki amakota alingana nohhafu (nohhaf) owodwa? (1) UMBUZO 13 Ingxenye lehora lilingana nemizuzu emingaki?uhhafu wehora ulingana nemizuzu emingaphi? (1) UMBUZO 14 Imuphi umumo we 2-D onezinhlangothi ezi-5? Yimuphi umumo onezinhlangothi ezi-5 (1) UMBUZO 15 Eyiphi iyunithi engcono kakhulu yokukala ibanga phakathi kweGoli ne Pitoli? (1) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 7 UMBUZO 16 Qedela iphethini yezinombolo. A 250; 750; 1 000; 1 750 B 1 000; 1 250; 1 750 (2) UMBUZO 17 Qedela iphethini kanye. (1) UMBUZO 18 Qedela ithebula. Bhala izibalo(izinombolo) kusukela kwenkulu kuye kwencane kunazo zonke 659, 705, 607, 701, 706 ____ _____ ____ ____ _____ (1) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 8 ISIQEPHU C UMBUZO 19 Bhala phansi uhlamvu lwezinto ezi-3D. (a) Ikhiyubhu (b) Ikhoni A. B. C. D. (2) UMBUZO 20 Kokelezela impendulo efanele. Chaza umthamo wento. kuGcwele Gcwele ingxenye yesigamu Gcwele amathathu kwamane uhhafu amakota (1) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 9 UMBUZO 21 Phendula imibuzo engezansi IKHOLOMU A B C D 1 IROWU umugqa 2 3 4 (a) Ibhola likwesiphi isikwele ? (b) Ibhola lizoba kuphi uma lihamba isikhala esi-1 liyekwesokudla kanye nesi-1 liyephansi? (c) Izoba kuphi isilinda uma ingahamba izikhala ezi-2 iyephezulu, nesikhala esi-1 iyekwesokunxele? (d) Iyiphi into eku-B2? Into eku B2 iyisiphi isimo? (4) UMBUZO 22 Ubude nobubanzi besikwele yi - 16. Bubalwe kanjani ? (2) UMBUZO 23 UZama kufanele athenge amadazini amabili wamaqanda. Mangaki uma esephelele wonke? Amaqanda azowathenga esewonke? (2) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 10 UMBUZO 24 Ibhokisi lamakhekhe ayi-12 lenza -360 wamagremu. Singakanani isisindo samakhekhe ama-2? (2) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 11 UMBUZO 25 uALEX uSARA uJABU uJAY 149 cm 151 cm 154 cm 138 cm uJabu mude kunabo bonke, ubude buka Alex yi-149 cm. uSara mude kunoJay. uSara mude kangakanani kunoJay? Mude kangakanani uSara kuno-July (2) UMBUZO 26 Bhala isibalo sokuhlukanisa salo luhlu (saloluhlu) (lwephethini). (1) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 12 UMBUZO 27 uPat unamathelisele imigqa emihlanu yezitika ekhasini . Umugqa ngamunye unezitika eziyisithupha. Zingaki izitika ekhasini ngalinye? (2) UMBUZO 28 Qedelela umugqa wezinombolo ukubala 36 ÷ 3 = 0 3 6 9 12 15 18 21 24 27 30 33 36 39 (2) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 13 UMBUZO 29 uMaki wenza(wenze) izingilazi eziyisishiyagalombili zesiphuzo sikalamula (lemonedi). Engilazini ngayinye (kalamanedi) yesiphuzo, usebenzise olamula abane. Usebenzise olamula abangaki?(uhwenza zonke iziphuzo) (2) UMBUZO 30 Kunama-apula ayishumi nanhlanu amila esihlahleni, bese kuba nama-apula ayisithupha awelephansi Ama-apula ayisithupha aphansi. Mangaki ama-apula asewonke? Bhala umusho nombolo. (2) Phenya Ikhasi
IZIBALO IBANGA 3 14 UMBUZO 31 Bala: 242 + 353 = (2) UMBUZO 32 Bala: 598 – 75 = (2) Phenya Ikhasi
UMBUZO 33 Izingane zeBanga lesithathu ziyathanda ukufunda izincwadi. Le grafu ikhombisa izincwadi ezithandwa ngumfundi(ngabafundi) ekilasini . 10 9 8 Inani labafundi 7 6 5 4 3 2 1 Izincwadi Izinganekwane Izincwadi Izincwadi zezilwane zemidlalo zezimoto Phendula imibuzo elandelayo (a) Yiziphi izincwadi ezithandwa kakhulu? (b) Bangaki abafundi bebanga lesi-3 abafunda izincwadi? (c) Baningi kangakanani abafundi abafunda Izinganekwane kunabafunda (3) izincwadi zemidlalo? INANI : 50 UKUPHELA

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 3 Mathematics

Explore more published documents in this catalogue.

View all