Skip to content

isiZulu FAL Grade 12 Paper 1 NSC June 2017 Question Paper

Question paperisiZulu FALGrade 12201714 pages

Grade 12 isiZulu FAL Paper 1 question paper from the NSC June Exam 2017, 14 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2017

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) IPHEPHA LOKUQALA (P1) 2017 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2 Leli phepha linamakhasi ayi-14. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 2 DBE/2017 SCE IMIYALELO KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30) ISIQEPHU B: Ukufingqa (10) ISIQEPHU C: Uhlelo nokusetshenziswa kolimi (40) 2. Fundisisa yonke imiyalelo ngaphambi kokuba uphendule imibuzo. 3. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha. 4. Qala isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA bese udweba umugqa emva kwaleso siqephu. 5. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhalwe emibuzweni. 6. Shiya umugqa emva kombuzo ngamunye. 7. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. 8. Ungahlukanisa isikhathi obhala ngaso ngokwalezi ziqephu: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-30 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-40 9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 3 DBE/2017 SCE ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 1.1 Fundisisa lesi siqephu esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO A (Ofundwayo) INKALAKATHA YAHLANGANISA IZINHLANGA 1 INkalakatha yigama elisetshenziswa elokishini elisho umuntu owenza izinto ngokudlulele kunabanye. Abanye bathi uyisikhokho. UMduduzi Edmond Tshabalala owazalwa ngomhla we-17 Januwari 1978 endaweni yaseSOWETO elokishini laseZola naye ubenjalo. Wakhula ehlala nomama wakhe, ugogo kanye nodadewabo ababili. 5 Ubaba wakhe akamazi ngoba washona ngonyaka azalwa ngawo. Waziwa kakhulu ngegama likaMandoza. Abanye babembiza ngenkalakatha. 2 Kwathatha iculo elilodwa ukuhlanganisa abaMnyama nabaMhlophe baseNingizimu Afrika. INingizimu Afrika yayihluleka ukuhlala 10 ngokubekezelelana ngokobuhlanga (race). UMandoza wazakhela udumo (fame) ngengoma/ ngeculo lakhe elithi iNkalakatha. Le ngoma wayikhipha ngonyaka wezi-2000. Ngalesi sikhathi inkululeko phakathi kwezinhlanga zaseNingizimu Afrika yayiseyintsha. Ukufika kwale ngoma kwaba nomphumela omuhle 15 wokuhlanganisa izinhlanga nokufunda umculo we-kwaito. Yayidlalwa kuyo yonke imisakazo, imicimbi nakumabonakude. Kwaba yingoma eyashisa izikhotha. UMandoza waqamba ngayo i-albhamu yakhe yesibili eyayihlanganiswe uGabi Le Roux owayesebenza ngokuzimisela ukuthuthukisa umculo we-kwaito. 20 3 UGabi Le Roux noMandoza babengamathe nolimi. Wasebenza naye isikhathi eside kwezomculo. UGabi umchaza uMandoza njengomculi owayenento ehlukile ongeke uyifundiswe noma uyithenge. Wayekwazi ukuheha abantu ngomculo wakhe, bazibone bonke sebedansa ngisho bengawazi amagama eculo (lyrics) 25 aliculayo. Wayengumfana wase-Afrika owayeyisibonelo kwabanye ontanga bakhe. Uthi wakhula ehlupheka kodwa ngokusebenzisa ithalente lakhe wakhombisa ukuthi noma ngubani angawafeza amaphupho akhe. 4 Umculo uyakwazi ukuthatha umuntu umbeke kwelinye izinga. 30 UMandoza akavelanga nje waba isibonelo esihle kwasekuqaleni kwempilo yakhe. Ukukhulela elokishini kunezinselelo (challenges) eziningi ikakhulukazi uma ungumfana okhula ngaphandle kukababa. Maningi amaphutha owenzayo ngokududana/ngokukhohlisana nabanye abafana. Ngesikhathi uMandoza eneminyaka eyi-16, 35 waboshelwa ukuntshontsha/ukweba imoto. Kwaba isifundo kuyena ukuthi ubugebengu abubuyiseli/abukhokheli ngoba wagwetshwa unyaka nohhafu ejele laseSun City. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 4 DBE/2017 SCE 5 Ngenkathi ebuyela ekhaya wahlangana nabangane bakhe akhula nabo uSiphiwe 'The General GTZ' Sibisi, uSizwe 'Lollipop' Motaung 40 noSibusiso 'Bless' Thanjekwayo, baqala iqembu lomculo elibizwa ngeChiskop. I-Chiskop yayisebenza noGabi Le Roux enkampanini yakhe iGroove City. Kulapho baqala khona ukukhula/ukuthuthuka. Inhloso kaGabi kwakungukubenza babe ngabaculi abazimele. UMandoza nguyena owashesha wakulungela ukuzimela ngenxa 45 yethalente ayenalo emculweni nokusebenza kanzima. UBless noLollipop sebadlula nabo emhlabeni. 6 Umculo kaMandoza wawunomyalezo kanye nesifundo kubantu. Ingoma yakhe ethi: 'Uzoyithola Kanjani Uhlel' Ekhoneni' kuthiwa yagqugquzela 'amajita amaningi asekasi' (abafana baselokishini) 50 angasebenzi ukuba ahambe ayofuna umsebenzi. Abantu babeyithanda le ngoma ngoba yayinciphisa ubuvila kubantu abangafuni ukuzenzela izinto. UMandoza wayecula ngezilimi eziningi ezifana nesiBhunu, isiNgisi, isiXhosa nesiZulu. Wacula nabaculi bezinhlanga ezahlukene. Ngonyaka wezi-2004, 55 wasebenza noDanny K ku-albhamu i-Same Difference. Kwakuyisikhathi esihlukile ezweni ngoba ukusebenzisana kwabaculi bezinhlanga ezingafani kwakungajwayelekile eNingizimu Afrika. Kwaba nesifundo sokuthi singasebenzisana yize singafani. Kwakhombisa nokuthi umculo uyabahlanganisa abantu kunciphe 60 ukucwasana/ukubandlululana. Lokhu kwenza abantu bathatheka bayithenga kakhulu le albhamu yabo. Bathola iSAMA ye-Best Pop Album nendondo yeChannel O Music Awards. Ziningi izindondo azithola ngezingoma zakhe ezahlukene. 7 UMandoza waqalwa ukugula, waphathwa isifo somdlavuza (cancer). 65 Wangena ephuma ezibhedlela. Ngelinye ilanga waphuma esibhedlela waya ekhonsathini yomculo eyokhuluma nabalandeli bakhe. Abantu bajabula kakhulu ukumbona nakuba/noma babemzwela ngenxa yempilo yakhe eyayingaseyinhle. Abangani bakhe babezama ukuthi ajabule angabuzweli kakhulu ubuhlungu nakuba wayengasaboni kahle emehlweni. 70 8 Ngomhla we-18 Septhemba 2016, iNingizimu Afrika yathola izindaba ezibuhlungu zokuthi akasekho emhlabeni. Imiyalezo yenduduzo yavela kuwo wonke amazwe omhlaba ngenxa yomsebenzi wakhe kwezomculo. INkalakatha yayidlalwa kuyo yonke imisakazo ngenhloso yokumhlonipha nokumkhumbula. Washiya emhlabeni 75 unkosikazi wakhe uMpho Mputhi kanye nabantwana babo. 'Lala kahle Nkalakatha, uyibekile induku ebandla.' [Icashunwe ephephandabeni Isolezwe, Sephthemba 2016, yase iyahunyushwa] 1.1.1 Ilokishi laseZola litholakala kuyiphi indawo? (1) 1.1.2 Umuntu onjani obizwa ngesikhokho? (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 5 DBE/2017 SCE 1.1.3 Iyiphi ingoma eyakhuthaza abantu ukuthi bahambe bayosebenza? (1) 1.1.4 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe. Ukuthi ingoma ishisa izikhotha kusho ingoma … A eshisa amazwi abantu. B eculwa nguMandoza kuphela. C edume kakhulu. D yaselokishini. (1) 1.1.5 Bhala okufanayo phakathi kukaMandoza noGabi Le Roux. (2) 1.1.6 Yini eyenziwa abangani bakaMandoza ukuze angabuzweli kakhulu ubuhlungu bokugula? (1) 1.1.7 Tomula umusho esigabeni sesi-5 ositshela ukuthi abangane abaqala iqembu leChiskop sebashona. (2) 1.1.8 Chaza isifundo esatholwa uMandoza ngokwenza izinto ezenziwa abafana abangalungile? (2) 1.1.9 Yikuphi okwenza uMandoza aphumelele emculweni? Bhala amaphuzu AMABILI. (2) 1.1.10 Chaza lezi zimo zokukhuluma ezibhalwe ngokugqamile njengoba zisetshenziswe endabeni: (a) Amathe nolimi (2) (b) Uyibekile induku ebandla (2) 1.1.11 Kwaba namthelela muni ukusebenza ndawonye kukaMandoza noDanny K? Bhekisa endabeni. (2) 1.1.12 Uyavumelana yini nokuthi ukufa kukaMandoza kwashintsha abantu abaningi. Sekela ngokubhekisa esigabeni sesi-8. (2) 1.1.13 Ngokucabanga kwakho ingane ekhula ingenaye ubaba iyahlupheka yini? Sekela impendulo yakho. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 6 DBE/2017 SCE 1.2 Bukisisa lesi sithombe bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO B (Obukwayo) [Sicashunwe esikhangisweni se-Arrive Alive] 1.2.1 Yini eyenziwa yilo mshayeli engavumelekile uma eshayela? (2) Bhala OKUBILI. 1.2.2 Phawula ngengozi angase ayenze lo mshayeli osesithombeni. (2) 1.2.3 Yini ekhombisa ukuthi yindawo ephakathi kwemizi yabantu lena ashayela kuyona? (2) AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 7 DBE/2017 SCE ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2 Fundisisa lesi siqeshana esingezansi bese usifingqa ngamaphuzu ayi-7 ubhale ngezindlela zokwehlisa isisindo namafutha emzimbeni. IMIYALELO 1. Bhala amaphuzu ayi-7 ngemisho ephelele, amagama owasebenzisile angeqi/angadluli kwangama-60. 2. Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-7. 3. Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye. 4. Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile, bhala inani lamagama owasebenzisile. UMBHALO C (Ofundwayo) IZINDLELA ZOKWEHLISA ISISINDO NAMAFUTHA EMZIMBENI Imizimba yabantu ayifani futhi ayilingani. Kukhona abantu abazalwa bebakhulu kanti abanye benziwa ukudla abakunikwa besebancane. Isisindo namafutha kuyinkinga ukulwa nakho emzimbeni futhi kwenza/kubangela izifo ezahlukene. Zikhona izindlela ezingasiza ukuze umuntu akwazi ukuphila nesisindo kanye namafutha adingwa umzimba wakhe. Ukuqala usuku lwakho kudinga ube namandla kanye nomfutho. Ekuseni uma uvuka kufanele uphuze inkomishi yamanzi afudumele anolamula zonke izinsuku. Amanzi ayadingeka egazini kumele uwaphuze usuku lonke okungenani izinkomishi eziyi-8 ngosuku. Abantu bacabanga ukuthi ukuya ejimini kuphela okwehlisa isisindo namafutha. Kubalulekile ukuqala ngokwazi isisindo namafutha adingwa umzimba wakho. Ukuzivocavoca ngokwenza ama-earobics nokuhamba imizuzu engama-60 kwenza ujuluke, lokhu kungasehlisa isindo emzimbeni wakho. Ungenzi okwenziwa yilaba abafuna ukuba nesisindo eseqile. Ziningi iziphuzo ezimnandi nezihehayo abantu abaziphuzayo. Ukugwema (ukuyeka) utshwala, ijusi neziphuzo ezinoshukela omningi kubalulekile. Itiye eliluhlaza (green tea) nekhofi elimnyama kungcono kunalezi ziphuzo ezakha isisindo namafutha. Izitolo zithengisa izinhlobo zamafutha amaningi amanye awo ayingozi emizimbeni yethu. Kudingeka usebenzise amafutha i-olive oil uma upheka. Abeluleki bokudla bathi i-olive oil ingcono ngoba inamakhalorizi amancane. Isidlo sasebusuku sibalulekile kuwo wonke umuntu. Isikhathi odla ngaso isidlo sasebusuku masibe ngaphambi kwehora lesi-7. Ukudla akugayeki ngokwanele uma umuntu edla ebusuku kakhulu. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 8 DBE/2017 SCE Kuyadingeka ukubheka izithako (ingredients) zokudla okuthengayo. Thenga ukudla okunezithako ezinoshukela omncane noma ezingenawo. Funda amalebula (labels) okudla okuthengayo. Impilo iyashesha kanjalo nabantu bathenga ukudla okusheshayo (fast food). Umzimba udinga ukudla okuxube imisoco elingene ukuze usebenze kahle. Kungcono ukuziphekela kunokudla ijanki. 'Yidla kahle ukuze uphile kahle.' [Umbhalo wokuziqambela] AMAMAKI ESIQEPHU B: 10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 9 DBE/2017 SCE ISIQEPHU C: UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 3 Bukisisa lesi sikhangisi bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO D (Ofundwayo nobukwayo) Isimo sezulu siyashintsha ngakho-ke ezolimo nokudla kumele kushintshe. UMnyango wezoLimo, ezaMahlathi nezokuDoba ukhethe inyanga ka-Okthoba ukuthi ube inyanga yokutholakala kokudla. Ngalolu suku:  Kufundiswa abantu ngokubaluleka kokutshala.  Kuqwashiswa/kuxwayiswa ngesimo sezulu esishintshayo.  Kukhuthazwa ngokugcina imifula namadamu ehlanzekile.  Kufundiswa indlela yokunakekela amahlathi. Zifikele mathupha uzozwa oSolwazi bezemvelo begeqa amagula. 14 Okthoba 2017, ezinkundleni zakwaDukuza. Kuyokusiza ukuvukela khona! Wonke umuntu uzothola ubhasikidi onezithelo namaveji. Imithetho Nemibandela Azigqokwa izikibha zamaqembu ezepolitiki. [Umbhalo wokuziqambela] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 10 DBE/2017 SCE 3.1 Yini ekhangiswayo kulesi sikhangisi esingenhla? (1) 3.2 Yimuphi uMnyango okhethe inyanga yokutholakala kokudla? (2) 3.3 Izithombe ziphumelele yini ukugcizelela okushiwo esikhangisweni? Sekela impendulo yakho ngokubhekisa kuso isikhangiso. (2) 3.4 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe. Ukugeqa amagula kusho … A ukukhipha ukudla. B ukufundisa ngokudla. C ukushisa amahlathi. D ukusho yonke into. (1) 3.5 Yiliphi isu/icebo elisetshenziswe abakhangisi ukugqugquzela abantu ukuba bafike ngalolu suku? (2) 3.6 Ngokucabanga kwakho kungani imithetho nemibandela ingazivumeli izikibha zamaqembu ezepolitiki? (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 11 DBE/2017 SCE UMBUZO 4 Bukisisa le khathuni bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO E (Ofundwayo nobukwayo) Eish! Awubheke uTboz madoda ebhayiza! Baba igama lami Akaboni yini ukuthi nginguMlungisi, umama uFlo lona acela sengiqedile kuye imali. Uzosiceba esikoleni kodwa emakhaya ukuthi sidojile lutho umsebenzi. esikoleni. Phela thina Ngicela ungiphe sizoziphantela/ itoho ukuze sizoziphandela inyuku ngisize ekhaya. yokugembula! (washo ebaleka uMpho) [Umbhalo wokuziqambela-izithombe-www.googlepics.com] 4.1 Yini eyenza uMpho abaleke? (2) 4.2 Indlela uMlungisi amise ngayo izandla iveza muphi umuzwa? (1) 4.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe: Ukuphanta/ukuphanda ulimi lwasemgwaqweni olusho … A ukubaleka. B ukuzizamela. C ukubamba itoho. D ukudabukisa. (1) 4.4 Yimiphi imiphumela yokudoja esikoleni? Bhala OKUBILI. (2) 4.5 Qhathanisa izizathu ezenza uMlungisi noTboz babe semgwaqweni. (2) 4.6 Ubona ukuthi yini engenziwa ukwehlisa isibalo sabantu abahlala emgwaqweni? Bhala amaphuzu AMABILI. (2) [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 12 DBE/2017 SCE UMBUZO 5 5.1 Fundisisa lesi siqeshana bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO F (Ofundwayo) Ngifuna ukuvakashela ubabamkhulu ngamaholidi. Ngiyazi ukuthi uzongihlabela isikhukhukazi ngoba ngiphasile. Ubabamkhulu unezinkukhu, izimbuzi, izimvu nezinkomo eziningi. Ubezojabula ugogo uma engibona ukuba usekhona. Ubaba wami akafuni ukuya kwagogo ngoba uthi usuke amkhumbule ngoba washona ngokukhulu ukuzuma. 'Ndodana nginike umzukulu azohlala nami,' kwakusho ugogo kubaba. Ubabamkhulu wayemthanda ugogo. Babehlala bobabili endlini yabo enkulu. Ugogo wayevutha bhe uma abazukulu bengasezi ukuzovakasha ngamaholidi. Umama wayethi naye ugogo kufanele asivakashele ekhaya. Ubabamkhulu yena ulungile. Umama uzovakasha ngoKhisimusi ayophekela ubabamkhulu izibiliboco. Ubabamkhulu umema omakhelwane njalo ngoKhisimusi. [Umbhalo wokuziqambela] 5.1.1 Guqula lo musho olandelayo ukhombise ukuphika/ukulandula: Ubabamkhulu yena ulungile. (2) 5.1.2 Bhala ubulili besilisa baleli bizo elibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo: Ngiyazi ukuthi uzongihlabela isikhukhukazi ngoba ngiphasile. (1) 5.1.3 Igama elibhalwe ngokugqamile lenza msebenzi muni kulo musho olandelayo? Ubaba wami akafuni ukuya kwagogo ngoba uthi usuke amkhumbule. (2) 5.1.4 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe. Ibizombaxa 'ubabamkhulu' lakhiwe yilezi zingcezu zenkulumo ezilandelayo: A isenzo + isenzo B ibizo + isibaluli C isandiso + ongumnini D ibizo + isiphawulo (1) 5.1.5 Nciphisa leli gama elibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo bese ulisebenzisa emshweni ozakhele wona. Umama uzovakasha ngoKhisimusi ayophekela ubabamkhulu izibiliboco. (2) 5.1.6 Guqula lo musho oyinkulumo-ngqo ube yinkulumo-mbiko: 'Ndodana nginike umzukulu azohlala nami', kwakusho ugogo kubaba. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 13 DBE/2017 SCE 5.1.7 Bhala ibizoqoqa esikhundleni sala magama abhalwe ngokugqamile: Ubabamkhulu unezinkukhu, izimbuzi, izimvu nezinkomo eziningi. (1) 5.1.8 Qala lo musho olandelayo ngegama elibhalwe ngokugqamile: Ubabamkhulu umema omakhelwane njalo ngoKhisimusi. (2) 5.1.9 Tomula isenzukuthi kulo musho olandelayo: Ugogo wayevutha bhe ulaka uma abazukulu bengasezi ukuzovakasha ngamaholidi. (1) 5.2 Bukisisa lesi sithombe bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO G (Ofundwayo nobukwayo) Yehlisa umoya baba. Uyambona uBen Ukhumbule Fuze s'thandwa akasayikhokhi imali yami? sami ukuthi unesifo Ngiyamfonela akaphenduli senhliziyo. Uzokufonela uBen ngamabomu! Kanti abantu uma ebona i-miss-call yakho. banjani? Uwena Bhelekazi Asiyophuza itiye, sibuke owathi angimnike! ne-TV. [Isithombe sicashunwe ku-www.googlecartoons.com] 5.2.1 Yini eyenza uFuze abeke phansi ucingo ngokudinwa? (1) 5.2.2 Tomula amazwi akhombisa imizwa yothando enkulumeni kaBhelekazi? (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 14 DBE/2017 SCE 5.2.3 Bhala OKUBILI uBhelekazi athi abayokwenza benoFuze. (2) 5.2.4 Hlobo luni lwesifengqo oluqukethwe yilo musho olandelayo? 'Kanti abantu banjani?' (2) [20] AMAMAKI ESIQEPHU C: 40 AMAMAKI ESEWONKE 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu FAL

View all