Skip to content

isiZulu FAL Grade 12 P1 NSC November 2017 Question Paper

Question paperisiZulu FALGrade 12201713 pages

Grade 12 isiZulu FAL Paper 1 question paper from the NSC November Exam 2017, 13 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC November Exam 2017

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) IPHEPHA LOKUQALA (P1) NOVEMBA 2017 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: Amahora ama-2 Leli phepha linamakhasi ayi-13. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 2 DBE/Novemba 2017 NSC IMIYALELO KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30) ISIQEPHU B: Ukufingqa (10) ISIQEPHU C: Uhlelo nokusetshenziswa kolimi (40) 2. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha. 3. Qala isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA bese udweba umugqa emva kwaleso siqephu. 4. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhalwe emibuzweni. 5. Shiya umugqa emva kombuzo ngamunye. 6. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. 7. Ungahlukanisa isikhathi obhala ngaso ngokwalezi ziqephu: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-20 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-50 8. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 3 DBE/Novemba 2017 NSC ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 1.1 Fundisisa lesi siqephu esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO A (OFUNDWAYO) IMPILO ENGCONO YINI UKUPHILA NGAMA-BLESSER? 1 Alukho usuku oluphela lungenazo izindaba zalo. Zonke izinsuku sizwa ngezinhlobo ezintsha zezitayela abantu abaphila ngazo. Esikhathini samanje igama elihamba phambili yilelo lama-blesser. Ama-blesser abantu besilisa abanemali eningi abathandana namantombazane amancane futhi amahle. La mantombazane wona abizwa ngokuthi 5 angama-blessee. 2 Ucwaningo lusivezela ukuthi impilo yama-blesser yaqala ezinkundleni zokuxhumana kusetshenziswa ikhasi lika-facebook. Kuleli khasi amantombazane asemancane ayefaka imiyalezo yokuchoma (brag) ngezinto azithengelwa abesilisa abangomacaphunakusale. Kubalwa 10 izinto ezifana nezimoto, amafulethi, izingubo zikanokusho, amaresturanti aphambili abawahambelayo kanye nohambo lokuya emazweni angaphesheya kwezilwandle. Lokhu kuchoma kwenza isibalo sabafuna ama-blesser sikhule kakhulu. Ngonyaka wezi-2015 inani lamalunga aleli khasi lase lifike ezinkulungwaneni eziyi-11. Lesi sibalo kuthiwa sikhula 15 zonke izinsuku. Bafaka izithombe zabo noma imininingwane ebachazayo ukuthi bangobani futhi baneminyaka emingaki. Bayachaza ukuthi bafuna hlobo luni lwe-blesser. Ama-blesser nawo ayalisebenzisa leli khasi ukuzichaza ukuthi angobani kanye nesimo sawo somnotho/sezimali. 3 Kukhona ezinye izindlela ezisetshenziswa amantombazane ukuthola 20 ama-blesser. Amantombazane angafuni ukuba amalunga aleli khasi lika-facebook acela abangani bawo asebengama-blessee ukuba babaxhumanise nama-blesser abawaziyo. Akwenza lokhu ngoba efihla ukuthi aphila impilo enjani. Amanye aya ezindaweni ezihanjelwa abesilisa abanemali eningi abathanda impilo yobumnandi. Agqoka kahle, 25 aziphaqule kahle ebusweni ukuze ahehe abesilisa abababonayo ukuthi bathanda lesi sitayela sempilo. 4 Kulesi sitayela sempilo kunemithetho elandelwayo. Ama-blesser kuthiwa anemithetho ayisebenzisayo ukukhetha amantombazane. Izinto ezifunwa ama-blesser kula mantombazane ukulala nawo, ukuhamba izindawo 30 zobumnandi nokunye. Kunamazinga nezinhlobo ezahlukene zama- blesser kuya ngokuthi imali abanayo ingakanani. La ma-blesser avela emazweni ahlukene. Isikhathi amantombazane asihlala nala ma-blesser siya ngokuthi ayakwazi yini ukwenza lokho okudingwa yilowo oyi-blesser. Ama-blesser ayakwazi ukukubukisa nabantu uma ungasayilandeli 35 imithetho yawo. Kwesinye isikhathi akuthathela zonke izinto akuthengele zona. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 4 DBE/Novemba 2017 NSC 5 Kunezizathu ezenza amantombazane alandele lesi sitayela sempilo. Ingcindezi (pressure) yezinga lempilo ephezulu ephilwa ngontanga babo abakwaziyo ukuzithengela izinto eziyimfashini noma ezinamagama. 40 Ngesinye isikhathi ukuthanda izinto zamahhala nokuba nenhliziyo engaphandle yokunganeliswa yilokho abanakho. Abanye bangamavila, abafuni ukusebenza noma ukwamukela/ukubekezelela impilo ephilwa emakhaya abo. Ukuthatha izindlela ezinqamulelayo ngoba bevilapha ukufunda. Kukhona abakwenza lokhu ngoba befuna imali yokusiza 45 imindeni yabo. Abanye baze babe nama-blesser amaningi ukuze bathole izinto eziningi. 6 UMnyango weZempilo wagana unwabu ngenkathi uzwa ngale ndaba yama-blesser. Wase ubona ukuthi kufanele wenze ucwaningo ukuze uthole imbangela/isizathu sokuthi kungani amantombazane aphile le 50 mpilo. Ucwaningo lwaveza ukuthi abantu besilisa abadala yibo abaheha amantombazane amancane ukuze balale nawo. Kulapho uMnyango wathatha khona isinqumo sokwenza umkhankaso (campaign) ozobiza izigidigidi ezi-3 zamarandi (R3 billion) ukuvimba lesi sitayela sempilo. Inhloso yalo mkhankaso ukuqwashisa/ukuqaphelisa amantombazane 55 aneminyaka eyi-15 kuya kwengama-24 ngobungozi bokuthola izifo zocansi, isandulela-ngculazi kanye nengculazi. Amantombazane yiwona athola kakhulu lezi zifo uma kuqhathaniswa nabafana. 7 Lo mkhankaso uzoqala ngokubheka izinkinga zamantombazane afunda ezikoleni eziphezulu nasezikhungweni zemfundo ephakeme. Lo mkhuba 60 wokuba nama-blesser kulapho umningi khona kakhulu. UMnyango weZempilo uzobambisana nezinkampani ezizimele ukunika amathuba emfundo nomsebenzi emantombazaneni asakhula. Lokhu kuzowasiza ukuba akhuphule izinga lawo lempilo ukuze akwazi ukuziphilisa. Azofundiswa kakhulu nangezifo ezithathelanayo, ukukhulelwa kanye 65 nendlela okumele baziphathe kahle ngayo. 8 Izindlela ezisheshayo zokufuna impilo ephezulu zinobungozi. Kuhle ukufunda, usebenze ukuze ukwazi ukuzimela. Ukuthembela komunye umuntu akuphephile futhi ugcina usuyisigqila sakhe ngezindlela ezahlukene. 70 [Icashunywe ku-Sunday Tribune, 2016 yase iyahunyushwa] 1.1.1 Yini ama-blesser ngokwale ndaba oyifunde ngenhla? (2) 1.1.2 Ayifaka kuphi amantombazane imiyalelo ebasiza ukuthola ama-blesser? (2) 1.1.3 Bhala OKUBILI amantombazane akutholayo ngokuba nama-blesser. (2) 1.1.4 Gcwalisa isikhala ngempendulo efanele kulo musho olandelayo: Owesifazane othandana nomuntu owaziwa ngokuthi yi-blesser ubizwa nge … (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 5 DBE/Novemba 2017 NSC 1.1.5 Chaza kafushane ukuthi amantombazane angewona amalunga ezinkundla zokuxhumana asithola kanjani lesi sitayela sempilo okukhulunywa ngaso endabeni. Bhala amaphuzu AMABILI. (2) 1.1.6 Kufanele enze njani amantombazane ukuze aphile le mpilo isikhathi eside? (2) 1.1.7 Chaza lezi zimo zokukhuluma ezibhalwe ngokugqamile njengoba zisetshenzisiwe endabeni. (a) Abesilisa abangomacaphunakusale. (2) (b) UMnyango weZempilo wagana unwabu ngenkathi uzwa ngale ndaba. (2) 1.1.8 Bhala izizathu EZIMBILI ezenza la mantombazane athandane nama-blesser. (2) 1.1.9 Bhala imbangela/isizathu sokuba umkhuba wama-blesser wande kakhulu ezikhungweni zemfundo ephakeme nasezikoleni eziphezulu. (1) 1.1.10 Bhala imiphumela EMIBILI engemihle ngokuphila lesi sitayela sempilo. (2) 1.1.11 Ngokucabanga kwakho kungabe lo mkhankaso woMnyango weZempilo uzoba yimpumelelo? Sekela impendulo yakho. (2) 1.1.12 Ngabe IQINISO noma UMBONO ukuthi bonke abantu besilisa abanemali bangama-blesser? Sekela impendulo yakho. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 6 DBE/Novemba 2017 NSC 1.2 Bukisisa lesi sithombe bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO B (Obukwayo) Isithombe soku-1 Isithombe sesi-2 [Zicashunwe ku-www.googlesports.com] 1.2.1 Yiziphi izinhlobo zemidlalo ezibukwa esithombeni soku-1 nesesi-2? (2) 1.2.2 Bhala OKUKODWA okukhombisa ukuthi abanye abajabulile esithombeni soku-1 nesesi-2? (1) 1.2.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikiwe. Imidlalo ebukwa abantu abasezithombeni ezingenhla ithandwa … A abesilisa abaMhlophe nabaMnyama kuphela. B yiwo wonke umuntu. C abesifazane abaMhlophe nabaMnyama kuphela. D abesilisa bodwa. (1) 1.2.4 Ukubukela umdlalo ekhaya konga imali. Sekela lesi sitatimende ngamaphuzu AMABILI. (2) AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 7 DBE/Novemba 2017 NSC ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2 Fundisisa lesi siqeshana esingezansi bese usifingqa ngamaphuzu ayi-7, ubhale ngongakwenza ukuvimba ukuphathwa kwezikhwama zesikole ezisindayo. IMIYALELO 1. Bhala ngemisho ephelele. Amagama angeqi/angadluli kwangama-60. 2. Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-7. 3. Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye. 4. Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile bhala inani lamagama owasebenzisile. UMBHALO C (OFUNDWAYO) SINGAKUVIMBA KANJANI UKUPHATHWA KWEZIKHWAMA ZESIKOLE EZISINDAYO? Izincwadi ziphethe ulwazi esiluthola esikoleni. Wonke umfundi kumele abe nezincwadi azozisebenzisa esikoleni. Zonke lezi zincwadi zifakwa ezikhwameni zesikole. Imiphumela yezempilo iveza ukuthi izikhwama ezisindayo zilimaza imigogodla yabafundi. I-Chiropractic Association of South Africa (CASA) ithi isisindo sesikhwama esiphathwa ngumfundi kufanele sibe ngaphansi kwama-11 kg. Zikhona izinto ezingenziwa ukuze kugcinwe lesi sisindo esamukelekile. Abafundi kufanele baphathe izikhwama zezincwadi ezingasindi emihlane yabo. Kuhle abazali bathenge izikhwama ezinamabhande anendwangu entofontofo anesikhumba esithambile ukuze zingasindi emahlombe. Izikhwama ezisinda amahlombe zenza abafundi bahambe bagobe bese kulimala ukuma kwemizimba. Abenza izikhwama bayazama ukulekelela ngokwakha izikhwama ezingcono. Izikhwama ezinamasondo (wheels) ezakhiwe zisiza abafundi kusukela emabangeni aphansi kuya kwaphezulu. UMnyango weZempilo uyavumelana nalokhu. Abafundi abasebenza ngobuhlakani (smart) bayakwazi ukuvimba ukuphatha izikhwama ezisinda ngokweqile. Ukwenza umsebenzi wasekhaya esikoleni kunciphisa izincwadi abangaya nazo emakhaya. Kuningi nokunye abangakwenza kusenesikhathi ukuze bangahambi nezincwadi ezifanayo zonke izinsuku. Izifundo ezenziwayo ezikoleni ziningi, yingakho zingenziwa ngosuku olulodwa. Abafundi kufanele baphathe izincwadi zezifundo ezizofundwa ngalolo suku. Ngokwenza njalo kuyancipha okuzokwenza isisindo esikhwameni. Ezinye izikole zinamakhabethe okufaka izincwadi zabafundi. Izincwadi abafundi abangeke bazisebenzise emakhaya, mabazishiye emakhabetheni abo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 8 DBE/Novemba 2017 NSC Amakhabethe aphephile ngoba ayakhiywa. Kuningi abafundi abakufaka ezikhwameni ngaphandle kwezincwadi. Ukudla nezingubo zezemidlalo kufanele kungene ezikhwameni zakho. Abafundi bangazilengisa ngezandla lezi zikhwama ukuze isisindo sibhalanse. Kunezifundo eziba nomsebenzi wezandla, ezidinga izinsiza zokufunda njengamashadi, izinsimbi zomculo nokunye. Abafundi kufanele bazibeke esikoleni lezi zinsiza ngaphandle uma kunomsebenzi abazowenza emakhaya. Izikhwama ezisindayo ziyingozi, masibambisane ukuvikela ukungalimali kwemigogodla yabafundi. [Umbhalo wokuziqambela] AMAMAKI ESIQEPHU B: 10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 9 DBE/Novemba 2017 NSC ISIQEPHU C: UKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 3 Bukisisa lesi sikhangisi bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO D (Ofundwayo nobukwayo) SHESHA DRIVING SCHOOL PHUMA USUNGUMPETHA WOMSHAYELI Woza kwaShesha Driving School khona uzothola:  Ilayisensi yezincwadi zemithetho yokushayela ngokushesha.  Ukufunda ukushayela ngezimoto ezintsha ceke.  Ilayisensi ngokokuqala ungenele izivivinyo zokushayela.  Indawo yokuhlala mahhala uma usafunda. Ukhodi-8 Ukhodi-10 Ukhodi-14 R500,00 R1 000,00 R1 500,00 Sitholakala ku-103 Dundube Street, Dundee 3301 sheshadrive@gmail.com Facebook: shesh_driv Kunesipesheli sokukhokha uhhafu wemali kulabo abaneminyaka eyi-18 kuya kwengama-20. [Umbhalo wokuziqambela] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 10 DBE/Novemba 2017 NSC 3.1 Ngabe lesi sikhangisi siqondiswe kobani? (1) 3.2 Bhala OKUBILI okungenza abantu baheheke, bayofundela ukushayela eShesha Driving School. (2) 3.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikiwe. Ukuba ngumshayeli ongumpetha kusho ukushayela … A kahle kakhulu. B kancane kunabanye. C kabi kunabanye. D ngejubane kunabanye. (1) 3.4 Kungani kufakwe izithombe zezinhlobo ezahlukene zezimoto esikhangisweni? (2) 3.5 Kunamthelela muni ukufaka uphawu u-'L' ewindini langemuva lemoto? (2) 3.6 Kubaluleke ngani ukuba nelayisensi yokushayela? Sekela ngamaphuzu AMABILI. (2) [10] UMBUZO 4 Bukisisa le khathuni bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO) Nayi le ntatheli Hhayi bo Baby! okufanele ibhale Asibalekele ngokutheleka eceleni. Nakhu kwami sizofa sifika. ngingalindelwe Lo muntu muntu. Manje akezwanga yini ZZZZ ukuthi iselula kwenzekani ngayo? Ngifuna i-Samsung Note abantu babone 7 iyaqhuma? ephepheni ukuthi kufike uMengameli waseCuba. Kazi ulimi lwakhe lona alushanga yini? [Isithombe sicashunwe ku-googlepics] 4.1 Bakuphi laba abasesithombeni? Sekela NGOKUBILI okubona esithombeni. (3) 4.2 Bhala OKUBILI okwenzeke entathelini kule khathuni. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 11 DBE/Novemba 2017 NSC 4.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikiwe. Ukutheleka kusho … A ukuvakasha kude. B ukuhlala phansi. C ukuhamba kancane. D ukufika ungalindelwe. (1) 4.4 Sebenzisa igama 'ulimi' emshweni ozakhele wona ukuze kuvele incazelo ehlukile kule esetshenziswe kule khathuni. (2) 4.5 Ukuqhuma kweselula yakwa-Samsung kungaba namuphi umthelela enkampanini yabo? Bhala OKUBILI. (2) [10] UMBUZO 5 5.1 Fundisisa lesi siqeshana bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO F (OFUNDWAYO) UMnumzane Zaba waseShowe unezinkomo eziningi. Kukhona ezinhle ezinemibala enhlobonhlobo. Ezimnyama zona zinesibaya sazo zodwa. Njalo ngonyaka uhlabela umndeni wakhe inkunzi emhlophe. Ngonyaka wezi-2018 kungenzeka lezi zinkomo zibe amakhulu amahlanu. Abantu bayamhlonipha ngoba uyisigwili. Izinkomo zakhe zinomaka obomvu emadlebeni. Umfana wakhe usenga ubisi ekuseni. Idlelo ezidla kulona linotshani obuhle obuningi. Ngesikhathi sikaKhisimusi uzilayisha elolini enkulu ngoba amawindi ayo mancane futhi aphezulu. Abantu bazithengela ukuthola inyama kanti abanye balobola ngazo. Izinkomo zinamagama azo, uthanda kakhulu leebizwa ngojudas ngoba isiphile iminyaka engama-25. Izingane zakhe ziyibiza ngekhehla elidala. Akafuni ukuthi idayiswe noma ihlatshwe. [Umbhalo wokuziqambela] 5.1.1 Bhala isifinyezo segama elibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo: UMnumzane Zaba waseShowe unezinkomo eziningi. (1) 5.1.2 Tomula isabizwana sokubala kulo musho olandelayo: Ezimnyama zona zinesibaya sazo zodwa. (1) 5.1.3 Bhala ibizo elinomqondo ofanayo naleli elibhalwe ngokugqamile. Abantu bayamhlonipha ngoba uyisigwili. (1) 5.1.4 Guqula leli gama elibhalwe ngokugqamile libe ubulili besifazane bese ulisebenzisa emushweni ozozakhela wona. Njalo ngonyaka uhlabela umndeni wakhe inkunzi. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 12 DBE/Novemba 2017 NSC 5.1.5 Guqula isenzo esibhalwe ngokugqamile sibe nomqondo wokwenzayenza (impambosi) kulo musho olandelayo: Umfana wakhe usenga ubisi ekuseni. (1) 5.1.6 Khetha izenzukuthi ezifanele kulezi ozinikiwe bese ugcwalisa izikhala kule misho elandelayo: [cwe, tebhu, bhuqe, qwa] (a) Izinkomo zikaZaba zimnyama … (1) (b) Ekhaya kunotshani obuluhlaza … (1) 5.1.7 Nciphisa igama elibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo bese ulisebenzisa emushweni ozakhele wona. Izingane zakhe ziyibiza ngekhehla elidala. (2) 5.1.8 Guqula igama elibhalwe ngokugqamile libe isandiso sendawo. Idlelo ezidla kulona linotshani obuhle obuningi. (1) 5.1.9 Hlobo luni lwebizo lolu olubhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo?: Ngesikhathi sikaKhisimusi uzilayisha elolini enkulu ngoba amawindi ayo mancane futhi aphezulu. (1) 5.1.10 Lungisa amaphutha kulo musho olandelayo: Izinkomo zinamagama azo, uthanda kakhulu leebizwa ngojudas esiphile iminyaka engama-25. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P1 13 DBE/Novemba 2017 NSC 5.2 Bukisisa lesi sithombe bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO G (OFUNDWAYO NOBUKWAYO) We Khetha! Eish! Bazozwa Sengizolala noma iphunga lamanzi Isikhathi sini lesi sekuphakathi amponjwana. ongena ngaso kwamabili nje. endlini? Asilele Bayahlupha abafana thina ngoba asazi ngokuthanda ukuthi ukuphi! ukuhamba ebusuku! [Isithombe sicashunwe ku-www.googlepictures.com] 5.2.1 Inkulumo kababa kaKhetha ivusa muphi umuzwa? (1) 5.2.2 Tomula amazwi akhombisa inkolelo engaguquki. (2) 5.2.3 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikiwe. Hlobo luni lwesifengqo oluqukethwe yila mazwi abhalwe ngokugqamile?: Bazozwa iphunga lamanzi amponjwana. A Isifaniso B Ihaba C Isihlonipho D Uteku (1) 5.2.4 Yini ebingehlela uKhetha njengoba ebuya ekhaya phakathi kwamabili? (2) [20] AMAMAKI ESIQEPHU C: 40 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu FAL

View all