Skip to content
Question paper

Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2016 Question Paper

IEB Grade 12 Isizulu HL Paper 1 question paper from the 2016, 15 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Publisher: IEB

Subject: Isizulu HLGrade 12201615 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION NOVEMBER 2016 ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I ISIZULU FIRST ADDITIONAL LANGUAGE: PAPER I Isikhathi: Amahora ama-2½ Amamaki ayi-100 QAPHELA LOKHU OKULANDELAYO 1. Leli phepha linamakhasi ayi-15. Qiniseka ukuthi nelakho liphelele. 2. Leli phepha lineziqephu EZINE. 3. Phendula zonke IZIQEPHU. 4. Qala isiqephu ekhasini elisha. 5. Qiniseka ukuthi awuyixovi imibuzo. 6. Phendula yonke imibuzo ngesiZulu. IEB Copyright © 2016 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-2 kwayi-15 ISIQEPHU A ISIFUNDO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 Funda le ngxoxo bese uphendula imibuzo elandelayo. (UVusi Khumalo ukhathazekile. Izifundo zakhe azihambi kahle. Usezobhala ukuhlolwa kokuphela konyaka kodwa uyazizwa ukuthi akakafundi kahle. Nobaba wakhe umfaka ingcindezi enkulu ekhaya. Umama wakhe wahamba emhlabeni uVusi esakhasa. Okubuhlungu ukuthi uVusi ufunda ngokuzimisela kodwa imiphumela yakhe ayihambisani nokufunda kwakhe. Le nto imphatha kabi kakhulu uma ebona abanye abafundi abangasebenzi kanzima njengaye, kodwa bethola imiphumela emihle). UVusi: (Ukhuluma yedwa) Alikho iqiniso emhlabeni. Kade ngiqalile ukufunda kodwa angikhumbuli lutho kuyo yonke le nto ebengiyifunda. Uyazi kungcono ukuthi ngiphonse ithawula manje. Kungani mina ngingafani nabanye abafundi? Awubheke nje uSipho, yena akafundi njengami kodwa uhlale ephumelela ngamalengiso kuzo zonke izifundo zakhe. Angiyiqondi mina le nto. (Esahleli ecabanga uVusi, kwafika umngane wakhe uSipho. USipho uyabona ukuthi kukhona into ephethe kabi uVusi). USipho: Ubukeka ungajabulile namhlanje mhlobo wami. Kwenzenjani? Usacabanga ngale ntombazane yakwaCele eyayingu-partner wakho ngematric dance? UVusi: Sipho, uyazi ukuthi anginaso isikhathi samantombazane, ikakhulukazi ngalesi sikhathi esinzima kangaka. Into engikhathazayo izifundo zami. Nginovalo. Imiphumela yami yokuhlolwa edlule ibe mibi kakhulu. Lokhu akumjabulisanga ubaba wami. IEB Copyright © 2016
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-3 kwayi-15 USipho: Come on Vusi man! Uyazi nawe ukuthi wabhala lokuya kuhlolwa okudlule usaphazanyiswe wuthando lwale ntombazane yakwaCele, uSindy. Namhlanje sibhekene nokuhlolwa kokugcina. Sizobambisana ukuze siphumelele. Sizofunda ndawonye size siqede ukubhala. Ungesabi mngane wami, izandla ziyagezana. Kudala siwa sivuka mina nawe. Sekuseduze phambili. Isikhathi sethu sokuhleka sesiseduze (Wawasho lawa mazwi uSipho kuzwakala nje ukuthi uzimisele ngale nto ayishoyo). UVusi: Ngiyakuzwa Sipho. Mhlawumbe kuzoba ngcono uma sifunda nawe. Uyazi ubaba wami wenze into ebengingayilindele izolo ekhaya. USipho: Wenzeni ubaba wakho Vusi? UVusi: Ngeke ukholwe Sipho. Ngesikhathi sifika ekhaya ungitshele ukuthi masiye e-study sakhe. Wangikhombisa izitifiketi zakhe zikamatric, nezase-university. Zonke izifundo wayeziphasa ngamalengiso. Ungibuze ukuthi mina ngihlulwa yini ukuphasa njengaye. USipho: Uphendule wathini wena Vusi? UVusi: Really Sipho angazanga ukuthi kufanele ngithini. Ngithulile nje ngambuka. Kwashisa izinyembezi emehlweni. Kungakho nje ungibona ngikulesi simo Sipho. Ngiyabona ukuthi ayikho into engingayenza ukujabulisa ubaba. Noma ngingafunda kanjani mina ngeke ngikwazi ukuthola lama distinctions. USipho: Okubalulekile Vusi mngane wami ukuthi wazi ukuthi yikusasa lakho leli olakhayo; hhayi elikababa wakho. Sebenza ngendlela wena eyokwanelisa ukuthi wasebenza ngamandla akho onke. Thina masifunde kanzima manje, singavumeli izinto ezizokwenza singaphumeleli. Wakwazi ukuhlukana noSindi owayethatha isikhathi sakho sokufunda. Musa-ke ukuvumela amazwi kababa wakho akuphazamise. Mina mngane ngiyakwethemba. Ngiyazi ukuthi uyakwazi ukusebenza kanzima. Ngiyazi ukuthi uzophumelela. Nobaba wakho uyogcina eziqhenya ngawe. Masihambe manje siyofunda. UVusi: Ngiyabonga mngane wami ngamazwi akho angimisa idolo. Kulungile masihambe (Basukuma uSipho noVusi baya endlini yokufundela, baqala ukufunda). 1.1 Khetha igama elilungile. 1.1.1 UVusi (ujabulile, uphatheke kabi, ukhathele) lapha. (1) 1.1.2 UVusi noSipho bafunda (umatikuletsheni, ibanga 11, ibanga 10). (1) 1.2 Phendula ngokuthi YIQINISO noma NGAMANGA. 1.2.1 UVusi unabazali bobabili. (1) 1.2.2 USipho uphumelela kahle esikoleni. (1) 1.3 NgokukaSipho, kungani uVusi engaphumelelanga ekuhlolweni okudlule? (1) IEB Copyright © 2016 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-4 kwayi-15 1.4 Bhala umqondofana walawa magama alandelayo. Izimpendulo zisengxoxweni. 1.4.1 umngane (1) 1.4.2 uzophasa (1) 1.5 Bhala umqondophika walawa magama alandelayo. Izimpendulo zisengxoxweni. 1.5.1 kabi (1) 1.5.2 ukuhlangana (1) 1.6 Bhala isihloko ongasinika le ndaba. Kungani uyinike lesi sihloko? (1) 1.7 Wena ungathanda ukuba nobaba ofana nobaba kaVusi? Sekela impendulo yakho kahle. (1) 1.8 Wena uyavuma noma uyaphika ukuthi uSipho ungumngane weqiniso kaVusi? Sekela impendulo yakho ngamaphuzu amabili. (2) 1.9 Chaza le nkulumo. 1.9.1 ukuphonsa ithawula (1) 1.9.2 izandla ziyagezana (1) 1.9.3 ukumisa idolo (1) 1.10 UVusi uphelelwe ukuzethemba. Wena ungamsiza kanjani? Bhala okubili. (Ungabhali loku okushiwo nguSipho.) (2) [18] IEB Copyright © 2016
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-5 kwayi-15 UMBUZO 2 Funda le ngxoxo bese uphendula imibuzo. [Kuyasa: TN Mngoma] 2.1 Uphi umama walapha ekhaya? (1) 2.2 Bhala inkinga ubaba ayitshela abantwana? (1) 2.3 Bhala amazwi akhombisa ukuthi abantwana abahambisani nenkulumo kababa. (1) 2.4 Lo baba akabahloniphi abantu besifazane. Uyavuma noma uyaphika? Sekela impendulo yakho kahle. (2) 2.5 Ngombono wakho lo baba kufanele ayixazulule kanjani inkinga yakhe? Chaza ngamaphuzu amabili. (2) [7] IEB Copyright © 2016 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-6 kwayi-15 UMBUZO 3 Buka lesi sithombe bese uphendula imibuzo elandelayo. Nx! Ukuba ngangazi ngangingeke ngivume ukwenza le nto. Ngiphakathi manje. Iminyaka eyishumi Nkosi yami! [Inthanethi: <www.google.com>] 3.1 Lo muntu uthi "ngiphakathi". Yikuphi lapha/kukuphi lapha? (1) 3.2 Lo muntu ukhombisa ukuzisola. Sekela lo mbono. (2) 3.3 Bhala izinto ezimbili ezingenza ukuthi umuntu avalelwe kule ndawo. (2) [5] Amamaki angama-30 IEB Copyright © 2016
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-7 kwayi-15 ISIQEPHU B UMBUZO 4 Fingqa le ndatshana elandelayo ngamaphuzu AMAHLANU. Bhala amagama ayi-60 kuya kwangama-70. UMARTIN LUTHER KING UMartin Luther King wazalwa ngomhla ka-5 kuMasingana, ngo 1929 eMelika. UMartin Luther wafunda wathola iziqu ze B.A. ekolishi eMorehouse College ngo 1948. Leli kwakuyikolishi labantu abamnyama. Ubaba nomkhulu kaMartin, nabo babethole iziqu zabo kulo leli kolishi. Emva kwaloku uMartin Luther wafundela ukuba ngumfundisi eCrozer Theological Seminar ePennsylvania. Wathola iziqu zobudokotela eNyuvesi yaseBoston ngo 1955. Yilapho ahlangana nonkosikazi wakhe uCorretta Scott. UMartin Luther wayenodadewabo omdala, uWillie Christine, nomfowabo omncane uAlfred Daniel Williams King. Bakhuliswa kahle ngubaba wabo owayenomthetho, nomama wabo owayenothando olukhulu lwabantwana bakhe. UMartin nonkosikazi wakhe bazala izingane ezine, amadodana amabili namadodakazi amabili. Ngo 1954 uMartin Luther waba ngumfundisi. Wayengumfundisi futhi engusopolitiki olwela amalungelo abantu abamnyama eMelika. UMartin Luther wahlela iziteleka eziningi eMelika lapho babekhalela amalungelo abo njengabantu abamnyama. Wayengafuni abantu abamnyama babandlululwe, hhayi ngoba wayemnyama kodwa ngoba wayekholwa ukuthi lokhu akuhambisani noNkulunkulu. Wagcina eboshiwe nekhaya lakhe lashaywa ngamabhomu. UMartin Luther wayekholelwa ekushintsheni uhulumeni ngokuthula. Wayehlela iziteleka ezinokuthula. UMartin Luther wafunda kakhulu ku Mahatma Gandhi. Wayehamba yonke iMelika ekhuluma nabantu. Ngesikhathi eneminyaka engama-30 uMartin Luther wathola iNobel Peace Prize. Akayithathanga le ndondo, kodwa wathatha imali wayisebenzisela ukuqinisa umzabalazo (struggle) wamalungelo abantu. Ziningi kakhulu izinkulumo ezabhalwa nguMartin Luther, kodwa eyaziwa kakhulu yileyo ethi, "I have a dream". Leli qhawe lashona ngomhlaka 4 kuMbasa ngo 1968, lineminyaka engu 39. Indlela lo mholi ayehola ngayo ifaniswa nekaMahatma Gandhi noNelson Mandela. Bonke laba baholi babekholelwa ezitelekeni ezinokuthula. Umhlaba wonke usakhumbula laba baholi ngoba baba yisibonelo emhlabeni wonke. Okuzobhekwa • Sebenzisa amagama akho • Sebenzisa imisho egcwele • Sebenzisa ulimi oluhle • Bhala ngamaphuzu • Bhala inani lamagama owabhalile Ingqikithi (5) Ulimi (3) Ukuhleleka kahle ngamaphuzu (1) Inani lamagama (1) Amamaki angama-10 IEB Copyright © 2016 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-8 kwayi-15 ISIQEPHU C IZINKONDLO Funda lezi zinkondlo ezilandelayo bese uphendula imibuzo. IZINKONDLO EZIFUNDWE EKILASINI UMBUZO 5 5.1 Inkondlo A UMFUNDI 1 Ungqoqwane womisa ingqakala, 2 Isiphuku sifudumele okwembawula, 3 Uhlaka lwami lungibambel' eduze, 4 Iningi lisahudula izikhumba. 5 Akukho okunye, ngimelwe ukuvuka, 6 Angithi ngingumfundi! 7 Sekwaphenduka umchilo wesidwaba, sekuyimi. 8 Bekhona bengekho abangani nontanga, 9 Abanye baphuka endleleni, 10 Abanye baphelelwa ivuso nesineke, 11 Umqansa isibili lolu hambo, 12 Kepha ngisashaya kancane. 13 Abafundisi bangitshela ngisakhasa: 14 "Imfundo izala impumelelo, isinkwa sangomuso." 15 Nempela ukungazi yichilo, injongo yomuntu ulwazi. 16 UMdali walidala iqhinga, akwandele bani, 17 Angilisebenzise ngobuqotho, 18 Ngifunde ngifundiseke. 19 Ngemfundo ngivikelwe 20 Eziphithiphithini nenkohlakalo, 21 Emidlwembeni "nezinkinga zobusha". 22 Angimsulwa, ngiyavuma 23 Kepha izifundo zingidlisa ngentambo, 24 Ubuntofontofo boX5 noBM ngibuzwa ngontanga, 25 Ngiwumfundi ngiyafunda. 26 Ubumina nezingqinamba nemithwalo, 27 Ikhaya nabazali nezabo, 28 Konke ngikubeke engxenye, 29 Imfundo iyongipha ifa langunaphakade 30 Umlando nosizi ngikubeke ethala, 31 Ngingumfundi, nginekusasa. 32 Akuzuba namuhla, noma ngomhlomunye, 33 Akuyukwehla emkhathini, akusiyo imana, .................................................................................. .................................................................................. 5.1.1 Khetha impendulo elungile. Le nkondlo ikhuluma ngomfundi (ohlukumeza abanye, osebenza kakhulu, ovilaphayo). (1) 5.1.2 Yini ekhombisa ukuthi kusebusika kule nkondlo? (1) IEB Copyright © 2016
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-9 kwayi-15 5.1.3 Estanzeni 1, bhala imigqa enalezi zifengqo: (a) isifaniso (1) (b) isenzasamuntu (1) 5.1.4 Kusho ukuthini: Ukuhudula izikhumba? (1) 5.1.5 Ngokwale nkondlo, bhala ubunzima bokuba ngumfundi. (1) 5.1.6 Bhala ubuhle bemfundo ngokwenkondlo. (1) [7] 5.2 Inkondlo B KONJE ...? 1 Konje bengikutshelile yini ukuthi ngiyakuthanda? 2 Uma bengingakakutsheli, 3 Wothi ngikutshele manje 4 Ngiyakuthanda ngane yami. 5 Konje ngishilo ukuthi uyigugu kimina? 6 Wothi ngikubonge mngane wami 7 Unjengodondolo empilweni yami. 8 Konje ngikuvulele yini isifuba sami? 9 Uyisigqi senhliziyo yami, 10 Okwakho kungokwami, ngingowakho. 11 Konje ngishilo yini ukuthi unguZintozonke? 12 Uyinkulisa, uyihlobo, uyimpilo kimina. 13 Uyinzalabantu, ungumama wami. 14 Konje ngingakubonga ngithini? 15 UnguMdali, uyisiqalo nesiphetho. 16 Ngingumfanekiso waKho. 17 Wanikela ngendodana yaKho, 18 Zasuswa izono zami 19 Ngiyabonga ngothando olungaka! 5.2.1 Bhala abantu abane ababongwa yimbongi estanzeni 1 kuya ku 4. (2) 5.2.2 Kungani imbongi ibhala u "k" ngofeleba (capital letters) emigqeni 16 no 17? (1) 5.2.3 Chaza lo mugqa: Unjengodondolo empilweni yami. (1) 5.2.4 Bhala umyalezo otholakala kule nkondlo. (1) 5.2.5 Igama "uyihlobo" (emgqeni 12) liwuphawu lwani? Chaza kahle ubhekise enkondlweni. (2) [7] IEB Copyright © 2016 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-10 kwayi-15 5.3 Inkondlo C 1 Kungani indoda ingayi esibhakeleni 2 Ngabhakelwa ngingenakuzivikela 3 Hhe, yimi lo osemabobosi 4 Hhe, yimi lo osenamahloni ngezwe 5 Kazi kwakhala nyonini? 6 Ngaphenduka umdatshukelwa 7 Ngabangela abanye usizi 8 Ngabuzwa ukuthi ngihlaleleni 9 Ibhodwe laqhubeka lingishisa 10 Unembeza ushonephi? 11 Kazi sifundo sini lesi, 12 Engifundiswa sona zinsuku zonke? 13 Kanti ndlelani engiyikhonjiswa nsuku zonke? 14 Kanti seluleko sini lesi engisinikwa ngendluzula? 15 Yini lo mshophi ongehlelayo? 16 Kwafika wena kwacasha izinyo? 17 Uma kuhlekwa, kuhlekwa wena. 18 Uma kuthulwe uyedelelwa. 19 Seziyime emthumeni 20 Angisakwazi okulungile nokungalungile. 21 Yini ekujabulisayo ekuhlukumezeni? 22 Mqamelo ngiyakuzwela 23 Usuwaphenduka inkongozelo 24 Yamanzi anosawoti. 25 Ingab' ukuba uyakhuluma 26 Ubuyokhininda ziphi? 27 Impela okwami okwezandla! 5.3.1 Bhala isihloko sale nkondlo. (1) 5.3.2 Yini amanzi anosawoti? (1) 5.3.3 Khetha igama elilungile bese usekela impendulo yakho. Le nkondlo inomoya (wokujabula, wosizi, wokugqugquzela). (2) 5.3.4 Khipha imigqa enkondlweni esho loku okulandelayo: (a) Ukujabula kuyaphela uma kufika wena. (1) (b) Angisazi okufanele ngikwenze. (1) [6] IEB Copyright © 2016
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-11 kwayi-15 INKONDLO ENGAFUNDWANGA EKILASINI 5.4 Inkondlo D NGIYAFISA UKUBA QOTHO 1 Ngiyafisa ukuba qotho Ngishumayele ngobuqotho Ngibe qotho ezindleleni zami Ulimi lwami lube qotho, Ngibe qotho nanxa ngikhuluma. 2 Ngiyafisa ukuba qotho Kubazali bami Ngihloniphe omdala nomncane Ukuze ngitshal'imbewu Yobuqotho esizweni sakithi. 3 Ngiyafisa ukuba qotho Eziphiweni zami enginazo Ukuze ngisebenzise zonke, Zonke ngokukhulu ukwethembeka Ukuze ngijabulise abantu. 4 Ngiyafisa ukuba qotho NakuSomandla uqobo! Ngiziveze ngimsulwa kuye Ngikhale kuye angizwe nami Yen'owazi ngezifiso zami. [Amahlokohloko: ngu EJ Mhlanga no JJ Thwala, p. 71] 5.4.1 Phawula ngemigqa nezitanza kule nkondlo. (1) 5.4.2 Khipha amagama aphikisanayo estanzeni 2. (1) 5.4.3 Tomula umugqa oyimpindwa kule nkondlo. (1) 5.4.4 Imbongi ifuna ukuba qotho kubani? (1) 5.4.5 Khetha impendulo elungile: Ngokwenkondlo, igama 'ulimi' lichaza (a) isitho somzimba (b) amazwi akhulunywayo (c) umlimi (1) 5.4.6 Veza ukuxhumana estanzeni 3, bese uyasho ukuthi luhlobo luni. (1) 5.4.7 Khombisa izinhlobo ezimbili zemvumelwano estanzeni 4, bese uyasho ukuthi luhlobo luni. (2) 5.4.8 Kungani isigqi sale nkondlo sishesha estanzeni 2? Bhala izizathu ezimbili. (2) [10] Amamaki angama-30 IEB Copyright © 2016 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-12 kwayi-15 ISIQEPHU D UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 6 Buka le khathuni bese wenza umsebenzi olandelayo. 6.1 Lungisa amaphutha emagameni abhalwe ngokugqamile. Umzali 6.1.1 walomfana uyamangala uma ebona indodana 6.1.2 lakhe, uSipho, ithandaza ngoba sekuzophuma imiphumela. USipho uthanda 6.1.3 ukuenza izinto ezimbi sonke isikhathi 6.1.4 isikole sakhe. (4) 6.2 Khetha igama elilungile bese ugcwalisa izikhala. Bhala igama kuphela. Abafundi, uzojabula, amabhuku, ukuhlolwa, ekuqaleni, isikole Kubalulekile ukuthi umfundi asebenze kanzima 6.2.1 … konyaka kuze kube sekugcineni. Baningi 6.2.2 … abafunda kakhulu uma sekuzobhalwa 6.2.3 … kukaNovemba. Loku akusizi lutho. Kulukhuni ukukhumbula into oyifunda ngesikhathi esincane. Bafundi! Kuhle ukusebenza ngokuzimisela ngoba 6.2.4 … ekugcineni, ungafani nalo mfundi osethembele emthandazweni. (4) 6.3 Phikisa amagama abhalwe ngokugqamile kule misho elandelayo. (Ungabhali umqondophika.) 6.3.1 Lo mfana ubeganga unyaka wonke esikoleni. (1) 6.3.2 USipho uyivila emsebenzini wesikole. (1) 6.3.3 Le ndoda imfishane kakhulu. (1) [11] IEB Copyright © 2016
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-13 kwayi-15 UMBUZO 7 Buka izithombe bese wenza umsebenzi olandelayo. [Zithathwe kwi-Inthanethi: <www.google.co.za>] Utshwala sebuphenduke imfashini kubantu abasha. Iningi lezingane eziphuza le nto aliphumeleli ezifundweni. Uphuzo oludakayo luyayilimaza ingqondo yomuntu omusha. Ngempela yisiphi isizathu sokuphuza utshwala? 7.1 Bhala isabizwana soqobo kulawa magama alandelayo: 7.1.1 iningi (1) 7.1.2 ingqondo (1) 7.2 Nciphisa lawa magama alandelayo. 7.2.1 izingane (1) 7.2.2 uphuzo (1) 7.3 Khetha izihlanganiso ezilungile ukuhlanganisa le misho elandelayo. Bhala umusho ophelele futhi ungasiphindi isihlanganiso. ngoba, ukuze, ukuba 7.3.1 Abafundi abaningi abaphumeleli. Abafundi abaningi bachitha isikhathi ngotshwala. (1) 7.3.2 Mina ngizoyeka ukuphuza. Ngizophumelela kahle. (1) 7.4 Qala lo musho ngegama "isikole" bese ulungisa/ushintsha lapho kufanele khona. Izikole zethu zinabafundi abaphuza utshwala. Othisha kulezi zikole abayithandi le nto. Isikole ... (2) [8] IEB Copyright © 2016 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-14 kwayi-15 UMBUZO 8 Buka lesi sithombe bese wenza umsebenzi olandelayo. [Sithathwe kwi-Inthanethi; <www.google.co.za>] 8.1 Yakha imibuzo kule misho elandelayo. Amagama agqamile abe yimpendulo yombuzo. Isibonelo: USipho uzohamba noVusi. USipho uzohamba nobani? 8.1.1 UPaul uzovuka ngo 9. (1) 8.1.2 UPaul ulele kahle. (1) 8.2 Qala lo musho olandelayo njengoba ukhonjisiwe. UPaul uyakwazi ukuzivukela. 8.2.1 Kusasa … (1) 8.2.2 Izolo … (1) IEB Copyright © 2016
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-15 kwayi-15 8.3 Lungisa amagama akubakaki ngokufaka impambosi efanele. 8.3.1 Ubaba (uvuka) indodana yakhe uPaul. (1) 8.3.2 Ubaba (ufunda) uPaul ukuba yindoda. (1) 8.3.3 UPaul (ukhumbula) ngubaba ukuthi yisikhathi sesikole manje. (1) [7] UMBUZO 9 9.1 Bhala imisho emibili ngegama ithanga, ukubonisa izincazelo ezahlukene. (2) 9.2 Bhala imisho ngalawa magama alandelayo ukukhombisa ukuthi awafani: 9.2.1 bhala (1) 9.2.2 bala (1) [4] Amamaki angama-30 Amamaki esewonke: 100 IEB Copyright © 2016

Study this subject

Revise the topics in this paper, then practise them question by question.

More papers and memos for this grade and subject.

More from Grade 12 Isizulu HL

View all