Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION
NOVEMBER 2016
ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II
ISIZULU FIRST ADDITIONAL LANGUAGE: PAPER II
Isikhathi: Amahora ama-2½ Amamaki ayi-100
QAPHELA LOKHU OKULANDELAYO
1. Leli phepha linamakhasi ayi-7. Qiniseka ukuthi nelakho liphelele.
2. Leli phepha lineziqephu EZIMBILI.
3. Phendula zonke IZIQEPHU.
4. Izinombolo zezimpendulo zakho mazibe njengasephepheni ungaziguquli.
5. Ungaqala nganoma yisiphi isiqephu kodwa kufanele imibuzo yeziqephu ungayixovi.
6. Qala umbuzo omusha ekhasini elisha.
7. Bhala ngokucacileyo nangobunono ukuze kube lula ukumaka umsebenzi wakho.
8. Phendula yonke imibuzo ngesiZulu esihle.
IEB Copyright © 2016 PHENYA IKHASI
Skip to contentQuestion paper 











View all
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2016 Question Paper
IEB Grade 12 Isizulu HL Paper 2 question paper from the 2016, 7 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.
Publisher: IEB
Isizulu HL · Grade 12 · 2016. Question paper, 7 pages. Read online or download the PDF.
- Subject
- Isizulu HL
- Grade
- Grade 12
- Document type
- Question paper
- Year
- 2016
- Paper
- 2
- Publisher
- IEB
- Curriculum
- IEB
- Pages
- 7
- File size
- 322.6 KB
Loading document…
Loading document…
1 of 7
Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-2 kwayi-7
ISIQEPHU A KUNGASA NGIFILE – E. D. M. SIBIYA
Lesi siqephu sinoMbuzo 1, uMbuzo 2, uMbuzo 3, noMbuzo 4.
• Phendula yonke imibuzo.
• Qala yonke imibuzo yalesi siqephu ekhasini elisha.
• Uzothola amamaki kulokhu okulandelayo:
– Ulwazi lwendaba.
– Ukwethula umbono wakho uwusekele kahle.
– Ukubhala inani lamagama.
– Isipelingi esihle.
– Ulimi oluhle.
UMBUZO 1
Funda isigatshana esicashunwe endabeni, Kungasa Ngifile. Phendula imibuzo engezansi.
"… uNokuthula sengiphilile naye. Ngimazi ukusuka nokuhlala. Ngiyamthanda;
uyangithanda. Futhi nawe ukwazi kahle ukuthi uNokuthula ungumuntu oziphethe
kahle. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu walapha eBethamoya uyakwazi ukuziphatha
kwakhe."
"Ngicabanga ukuthi uqinisile, Senzo lapho. Abanye bazitshela ukuthi akaqomile nhlobo.
Bayazi ukuthi wayeyisesheli sawo wonke umfana efika lapha eBethamoya. Kodwa abazi
ukuthi kuze kube manje ngubani owazuza uthando lwakhe. Mina Senzo ngibona ukuthi
umama wakho usakhulunyiswa wulaka lokuba ngumzali, uzowuguqula umqondo.
Ukhumbule futhi ukuthi usemncane Senzo ngakho akulula ukuthi abazali bakho bavume
uthathe. Kufanele ubeke umoya phansi, ubabonise kahle nangesineke."
[Ikhasi 13]
1.1 USenzo ukhuluma nobani lapha? (1)
1.2 USenzo uneminyaka emingaki? (1)
1.3 "Mina Senzo ngibona ukuthi umama wakho usakhulunyiswa wulaka lokuba
ngumzali, uzowuguqula (uzowushintsha) umqondo."
1.3.1 UMaMemela ukhombise ulaka kuSenzo uma ezwa indaba kaNokuthula.
Chaza ukuthi kungani enze kanje. (2)
1.3.2 UMaMemela waqhubeka nomqondo wokuthi akafuni uSenzo ashade
noNokuthula. Nika izinto ezintathu azenza ukubonisa loku. (3)
1.4 Bhala impendulo ezoba ngamagama angama-80.
"Futhi nawe ukwazi kahle ukuthi uNokuthula ungumuntu oziphethe kahle."
Ayiqiniso la mazwi kaSenzo ngoNokuthula? Bhala amaphuzu amathathu
uwasekele ngokugcwele. (6)
Ulimi nohlelo (1)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[15]
IEB Copyright © 2016
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-3 kwayi-7
UMBUZO 2
2.1 Enye yezindikimba zale ndaba ngukuthembeka ebudlelwaneni.
Chaza ukuthi indikimba yokwethembeka ibonakala kubaphi abalingiswa futhi
inamiphi imiphumela kubona.
Sekela impendulo yakho ngamaphuzu amahlanu. (5)
2.2 Bhala impendulo ezoba ngamagama ayi-100.
Funda isigatshana esicashunwe endabeni, Kungasa Ngifile. Phendula imibuzo
engezansi.
"Nami ngiyalikhalela ithuba engalilahlayo. Ubusoka bami bangilethela izindleko
ezinkulu. Futhi ubungane buyahlupha …"
"Wukududana okuhluphayo. Uma usemncane usuke ujatshuliswe ukuthi
unezintombi uxhaxha ungazi ukuthi konke lokhu kunomthelela ekusaseni lakho."
[Ikhasi 11]
UZitha noDumisani Zondi babenezintombi eziningi.
• Chaza ngamaphuzu amabili ukuthi ukuba yisoka kwaba namthelela muni
ekusaseni likaZitha. (2)
• Chaza ukuthi ukuba yisoka kukaDumisani Zondi kwaba namthelela muni
ezimpilweni nasekusaseni labanye abantu, bhekisa kulaba:
– uMaMemela (amaphuzu amathathu) (3)
– uMhlungu (amaphuzu amabili) (2)
Ulimi nohlelo (2)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[15]
UMBUZO 3
Bhala ingxoxo ezoba ngamagama ayi-130 kuya kwayi-150.
USenzo noNokuthula bathola ithuba lokuxoxa emva kokuthi uMaqili nomndeni
kaNokuthula bevumelene ukuthi umshado uqhubeke. Bhala ingxoxo yabo.
Ingqikithi – (okusendabeni 4 okwakho 2) (6)
Isakhiwo (2)
Ulimi nohlelo (1)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[10]
IEB Copyright © 2016 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-4 kwayi-7
UMBUZO 4
Bhala impendulo ezoba ngamagama angama-180–200.
Iqiniso seliphumile, uSenzo ulele uphupha uDumisani Zondi ekhuluma naye.
Senzo ndodana
yami…
[Umthombo: Google pictures]
Bhala izinto ocabanga ukuthi uZondi uzozisho kuSenzo ubhekise kuloku okulandelayo:
• UZondi uchazela uSenzo ngokuthandana kwakhe noMaMemela. (5)
• UZondi ufisa ukuthi uSenzo enzeni ngobudlelwane bakhe (uSenzo) noMaMemela. (3)
• Utshela uSenzo ukuthi uzizwa kanjani ngaye nokuthi ukuba ulitholile ithuba
lokukhulisa uSenzo ubezoba ngubaba onjani. (4)
• Utshela uSenzo ukuthi kufanele (uSenzo) asebenzise siphi isibongo. (2)
• Utshela uSenzo izinto azifisela uSenzo empilweni nasekusaseni lakhe. (3)
QAPHELA: Sekela KONKE okubhalile ngokusebenzisa okusendabeni.
Ulimi nohlelo (2)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[20]
Amamaki angama-60
IEB Copyright © 2016
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-5 kwayi-7
ISIQEPHU B UKUBHALA NOKWETHULA
Qaphela lokhu okulandelayo kulesi siqephu:
• Qala yonke imibuzo yalesi siqephu ekhasini elisha.
• Uzothola amamaki kulokhu okulandelayo:
– Isakhiwo esifanele
– Ithoni nerejista efanele
– Ulimi oluhle
– Ingqikithi enhle
– Ukubhala inani lamagama
UMBUZO 5
Khetha uMbuzo 5.1 NOMA uMbuzo 5.2. Bhala incwadi engamagama ayi-150–200.
5.1 Ekuqaleni konyaka isikole sakho sicela abafundi bebanga leshumi nambili ukuba
babhalele incwadi abafundi abasha abazoqala ibanga lesishiyagalombili.
[Umthombo: <http://fourwaysreview.co.za>]
Bhala incwadi ozoyithumela kumfundi omusha (mentee) engafaka okulandelayo
nokunye:
• Ukumamukela esikoleni.
• Umtshele ngemithetho, amasiko, imidlalo yesikole.
• Umchazele ukuthi kunjani ukuba ngumfundi kulesi sikole, izinto ezihlekisayo
ezenzeka esikoleni.
• Umbonise ngamathuba okumele awasebenzise nokumele akwenze ukuze
aphumelele futhi ahlale kahle kulesi sikole.
Ingqikithi (13)
Ulimi nohlelo (7)
Isakhiwo (9)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[30]
IEB Copyright © 2016 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-6 kwayi-7
NOMA
5.2 Umngani wakho ufuna ukuhamba eNingizimu Afrika ukuyosebenza ahlale
kwelinye izwe.
Bhalela umngani wakho incwadi ukuze ashintshe isinqumo sakhe.
Incwadi yakho ingafaka okulandelayo nokunye:
• Veza ukuthi kungani umngani wakho ehamba eNingizimu Afrika.
• Zama ukushintsha umqondo womngani wakho, mnike izizathu ukuthi kungani
kufanele ahlale eNingizimu Afrika.
• Bonisa umngani ngezinto angazenza ukushintsha isimo sakhe nesimo sezwe
lethu.
• Khumbuza umngani ngamandla abantu abasha ukushintsha izinto kudala
namanje.
Ingqikithi (13)
Ulimi nohlelo (7)
Isakhiwo (9)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[30]
IEB Copyright © 2016
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-7 kwayi-7
UMBUZO 6
Khetha uMbuzo 6.1 NOMA uMbuzo 6.2. Bhala amagama ayi-120–150.
6.1 Emphakathini ohlala kuwo uqale umkhankaso (campaign) wokonga nokunakekela
imvelo.
Bhala ibrosha (brochure) ezofundisa futhi ikhumbuze abantu ngezinto okumele
bazenze ukonga nokunakekela imvelo: amanzi, ugesi, izibi nokungcola, izilwane
nokunye.
Ingqikithi (6)
Isakhiwo (2)
Ulimi nohlelo (1)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[10]
NOMA
6.2 Kukhona izinto ezenzeka esikoleni wena nabanye abafundi eningazithandi.
Bhala i-ajenda yomhlangano enizoyithumela kuthishanhloko ukuze nibe
nomhlangano naye ukukhuluma ngalezi zinto eningazithandi.
Ingqikithi (6)
Isakhiwo (2)
Ulimi nohlelo (1)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[10]
Amamaki angama-40
Amamaki esewonke: 100
IEB Copyright © 2016
Study this subject
Revise the topics in this paper, then practise them question by question.
Recommended for this subject
More papers and memos for this grade and subject.

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2019 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2019 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2018 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2018 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2017 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2017 Question Paper
Related documents

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2016 Memo

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2016 Question Paper

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2016 Memo

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2019 Memo

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2018 Memo

MemorandumIEB


