Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION
NOVEMBER 2017
ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I
ISIZULU FIRST ADDITIONAL LANGUAGE: PAPER I
Isikhathi: Amahora ama-2½ Amamaki ayi-100
QAPHELA LOKHU OKULANDELAYO
1. Leli phepha linamakhasi ayi-14. Qiniseka ukuthi nelakho liphelele.
2. Leli phepha lineziqephu EZINE.
3. Phendula zonke IZIQEPHU.
4. Qala isiqephu ekhasini elisha.
5. Qiniseka ukuthi awuyixovi imibuzo.
6. Phendula yonke imibuzo ngesiZulu.
7. Shiya imigqa emibili emva kwempendulo.
IEB Copyright © 2017 PHENYA IKHASI
Skip to contentQuestion paper 











View all
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2017 Question Paper
IEB Grade 12 Isizulu HL Paper 1 question paper from the 2017, 14 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.
Publisher: IEB
Isizulu HL · Grade 12 · 2017. Question paper, 14 pages. Read online or download the PDF.
- Subject
- Isizulu HL
- Grade
- Grade 12
- Document type
- Question paper
- Year
- 2017
- Paper
- 1
- Publisher
- IEB
- Curriculum
- IEB
- Pages
- 14
- File size
- 1.2 MB
Loading document…
Loading document…
1 of 14
Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-2 kwayi-14
ISIQEPHU A ISIFUNDO SOKUQONDISISA
UMBUZO 1
Funda le ncwadi bese uphendula imibuzo elandelayo.
Private Bag X 11
Randburg
2194
22 kuMandulo 2017
Mama wami
Ngibhala le ncwadi ukuze ngikubonge ngazo zonke izinto ongenzela zona. Ngithanda
ukubonga nangemali owangifakela yona ebhange. Ingxenye yale mali ngathenga ngayo
ikhekhe losuku lwami lokuzalwa. Salidla nabafundi ekilasini lami lesiZulu. Uthisha wethu
uMnumzane Mdluli wajabula kakhulu ukuba nathi ekilasini ngalesi sikhathi kudliwa
ikhekhe. Ulithanda kakhulu ikhekhe, wayehleka njalo. Enye imali-ke ngayishiya ebhange.
Mama, ngiyazi ukuthi usebenza kanzima ukuze ngikwazi ukufunda kulesi sikole. Kunzima
kakhulu kuwena njengoba nobaba esasishiya emhlabeni. Ngithanda wazi mama wami
ukuthi ngibonga kakhulu. Nami ngizimisele ukusebenza kanzima ukuze ngingakuphoxi.
Imiphumela yethu yama-Prelims izophuma ngesonto elizayo. Ngiyethemba ukuthi
uzojabula uma usuyibona. Isifundo ebesinzima yiZibalo, kodwa ezinye ngicabanga ukuthi
ngiziphumelele ngamalengiso. Ngilindele amaphesenti angama-96 kweZezwe.
Ngijabule kakhulu lapho ngizwa ukuthi ngithole umfundaze wokufundela ubudokotela
eWits ngonyaka ozayo. Ngiyathemba nawe mama uzojabula ukuzwa loku. Abangane bami
uDolly noNtombi bona bazoya kofunda e-UCT. Mina angithandanga ukuya e-UCT ngoba
angithandi ukwandisa umthwalo kuwe. Ngibone ukuthi kuzodula kakhulu ukuya kofunda
kude nasekhaya, ikakhulukazi kulezi zinsuku ngoba kubhikishwa njalo emanyuvesi ethu.
Ukubuya njalo ekhaya ngenxa yeziteleka kungabiza kakhulu. Ngifuna ukuqeda imfundo
yami ngikuso lesi sifundazwe sakithi. Ngibone ukuthi uzokhokha imali eningi ngoba
kukude e-UCT. Lapha eWits kuzoba lula ngoba ngizofunda ngihlala ekhaya.
Ngijabula kakhulu ngokuthi ngizofunda eduze nekhaya, kodwa kuzoba buhlungu
ukuhlukana nabangane bami esesifunde nabo iminyaka eminingi. Kodwa-ke mama impilo
injalo. Ngiyazi ukuthi ngizobathola abanye abangane abalungile eWits. Kuyangithokozisa
ukwazi ukuthi ngizokwandisa abangane empilweni yami. Ngizozikhethela abangane
abathanda ukusebenza njengoDolly noNtombi. Angifuni ukuphoxa abomfundaze wami
ngoba ngifuna bangifundise ngize ngiqede izifundo zami zobudokotela. Ngifuna uziqhenye
ngami mama njengozinyobulala wakho. Indlela osebenza ngayo kanzima iyangikhuthaza
mama wami.
Wena mama usasebenza kahle lapho eNelspruit? Ngiyafisa ukuthi ubuye ngonyaka ozayo
uzosebenza lapha eGoli. Ngiyazi ukuthi kade wawuzama ukuthola umsebenzi lapha eGoli.
Qhubeka uzame mhlawumbe kuzolunga mama. Isizungu sokuhlala ngedwa singibulele
kule minyaka emibili. Ngibonga abangane bami ngoba bayangivakashela ngezinye
izinsuku. Isizungu sisiqeda ngezincwadi kuphela.
IEB Copyright © 2017
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-3 kwayi-14
Mama, sengibona izinsuku zihamba kancane. Ngifisa zisheshe ukuze sibonane ngokuphela
kwenyanga uma usuvakashele ekhaya. Imiphumela yethu yama Prelims kufanele ukuthi
izobe isifikile. Sizoyibuka nawe sijabule.
Sala kahle mama.
Yimina indodakazi yakho
uNokuthula
[Ibhalwe ngu S Khuluse]
1.1 Phendula uthi IQINISO noma AMANGA.
1.1.1 UDolly noNtombi bazofunda e-UCT ngonyaka ozayo. (1)
1.1.2 Ngamantombazane kuphela okukhulunywa ngawo kule ncwadi. (1)
1.2 Bhala izinto ezimbili ezijabulisa uNokuthula ngokufunda eWits ngonyaka
ozayo. (2)
1.3 Ukuphi ubaba kaNokuthula? (1)
1.4 UNokuthula ufunda kusiphi isifundazwe? (1)
1.5 Bhala lezi zifundo ezilandelayo ngesiZulu.
1.5.1 Geography (1)
1.5.2 Mathematics (1)
1.6 Bhala umqondofana waleli gama elilandelayo. Impendulo isencwadini.
amalanga (1)
1.7 Bhala umqondophika waleli gama elilandelayo. Impendulo isencwadini.
kalula (1)
1.8 Tomula igama esigabeni sesi-5 elisho umntwana oyedwa kubo. (1)
1.9 Yikuphi okuhle okuhlanganisa uNokuthula nabangane bakhe? (1)
1.10 Uyavuma noma uyaphika ukuthi uNokuthula ungumfundi ozethembayo?
Sekela impendulo yakho ngamaphuzu amabili. (2)
1.11 Ngumbono noma yiqiniso ukuthi uNokuthula unothando olukhulu
lukamama wakhe? Sekela impendulo yakho ngamaphuzu amabili. (2)
1.12 Ukuba wena ubungumama kaNokuthula, ubungamshiya yini umntwana
wentombazane yedwa ekhaya? Sekela impendulo yakho ngamaphuzu
amabili. (2)
1.13 Kubalulekile ukuba nobudlelwane obuhle phakathi komntwana nomzali
wakhe. Sekela loku ngamaphuzu amabili. (2)
[20]
IEB Copyright © 2017 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-4 kwayi-14
UMBUZO 2
Funda le ndatshana elandelayo bese uphendula imibuzo.
Ballito Matric Pens Down
[Inthanethi: <www.google.co.za>]
Abazali abaningi abasakujabuleli ukuvumela abantwana babo baye kule micimbi yabafundi
abaqede ukubhala ukuhlolwa kukamatikuletsheni. Bakholwa ukuthi ziningi izinto ezimbi
ezenziwa ngabafundi kule micimbi. Ezinye zalezi zinto ukuphuza utshwala, ukusebenzisa
izidakamizwa, ukubhema ugwayi, njll.
"Mina ngangingaphuzi, ngafunda utshwala kule phathi emva kokubhala umatric wami ngo
2012," kusho uBen owayefunda kwesinye sezikole ezizimele sakwaZulu-Natali.
Abafundi abaningi baya kulezi zindawo bahlangane nezimbila zithutha. Ngo 2014
kwashona abafundi abathathu eRichards Bay kuwo umcimbi ofana nalo waseBallito.
Kwaba khona ukuxabana kwabafundi base beyagwazana. Kwaba buhlungu kubazali,
ikakhulukazi ngoba bobathathu abazali babengathandi ukuthi abantwana babo baye kulo
mcimbi. Bonke laba bazali babindwa yisidwa uma bethola lezi zindaba ezibuhlungu.
Umbuzo omkhulu ukuthi kufanele yini ukuthi le micimbi iqhubeke? Isiza ngani? Ingayekwa
kanjani? Iyiphi into engenziwa ukuze kuphephe kule micimbi?
2.1 Bhala izindawo ezimbili, ezibhalwe endabeni, lapho kwenziwa le micimbi
kamatikuletsheni. (1)
2.2 Iba nini onyakeni le micimbi? (1)
IEB Copyright © 2017
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-5 kwayi-14
2.3 Qondanisa isaga ku A nencazelo ku B.
A B
2.3.1 Ukuhlangana nezimbila (a) Ukuhlangana nomuntu
zithutha uhleke
2.3.2 Ukubindwa yisidwa (b) Ukudla ummbila kakhulu
(c) Ukuphelelwa ngamagama
ozowakhuluma
(d) Ukubhekana nenkinga
enkulu (2)
2.4 Ngombono wakho, kufanele le micimbi iqhubeke yenziwe? Sekela
impendulo yakho ngamaphuzu amabili. (2)
[6]
UMBUZO 3
Buka lesi sithombe bese uphendula imibuzo.
[IsiZulu Soqobo, Ibanga: 12 p. 253]
3.1 Bangaki abantu abakulesi sithombe. Bhala ngamagama. (1)
3.2 Amazwi kababa asibonisani ngaye? (1)
3.3 Ukuba wena uyilo baba bewungenzani ukuxazulula lesi simo? Bhala kube
kubili. (2)
[4]
Amamaki angama-30
IEB Copyright © 2017 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-6 kwayi-14
ISIQEPHU B UKUFINGQA
UMBUZO 4
Funda le ngxoxo bese uyifingqa ngamagama angama-60 kuya kwangama-70.
Bhala amaphuzu AMAHLANU.
Ingxoxo phakathi kwekhansela nelunga lomphakathi.
UKhumalo: Sawubona Mnumzane Smith.
UKhansela: Yebo Mnumzane Khumalo. Wangivakashela ekuseni kangaka!
Ngingakusiza ngani?
UKhumalo: Asilalanga ebusuku Mnumzane Smith. Kugcwele amanzi lonke igceke
lami, nangaphandle emgwaqweni.
UKhansela: Kwenzekeni Mntungwa? (Kubuza uSmith, ekhombisa ukwethuka
okukhulu.) Amanzi aphuma kumpompi noma kuqhume ipayipi?
UKhumalo: Lawa manzi abonakale emuva kwesiphepho. Ngibona sengathi kuqhume
ipayipi Mnumzane. Awukho umpompi ovuzayo (leaking) ekhaya lami
noma kwamakhelwane.
UKhansela: Kusho ukuthi inkulu inkinga ngalawa manzi. Esigcemeni (ward) 3, nabo
bebekhala ngenkinga efanayo. Kubona-ke akugcinanga lapho. Nogesi
wabo ubunenkinga enkulu. Ngesizathu sokuthi umkhandlu wethu
usebenzela abantu, sikwazile ukubasiza ngokushesha okukhulu.
Kuyangijabulisa Khumalo ukuthi uphuthume uzobika le nkinga yakho.
UKhumalo: Siyawubonga umsebenzi wenu Khansela.
UKhansela: Ziningi impela izinkinga kulezi zinsuku Khumalo. Abasesigcemeni 5 izolo
bebezobika udaba lwemizi engenelwe yizigebengu. Komunye umuzi
zithathe izimoto ezimbili ngezibhamu.
IEB Copyright © 2017
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-7 kwayi-14
UKhumalo: Sesiphila ngeNkosi nje Khansela kulezi zinsuku. Kule nkinga yethu, okubi
ukuthi amanzi awasaphumi ezindlini zethu manje. Asikwazi ukupheka,
ukugeza nokuwasha izimpahla.
UKhansela: Mhh!! Ngiyezwa Mntungwa. Ngicela usibhale phansi lesi sikhalo sakho.
Ngizosifaka ohlwini lwezikhalo ezisheshayo. Umthetho omusha uthi
zonke izikhalo kufanele zibhalwe phansi ukuze kube nobufakazi.
UKhumalo: Ngizokwenza njalo Mnumzane. Ngizoyibhala incwadi ngaphambi
kokushona kwelanga namhlanje.
UKhansela: Kuhle lokho Khumalo. Phuthuma umndeni nomphakathi ungahlali
emanzini.
UKhumalo: Ngicela ukubuza-ke Mnumzane Smith. Ukulungiswa kwalesi simo
kuzohlala kulinde le ncwadi engizoyibhala? Uma ngiyiqeda kusasa kusho
ukuthi amanzi azovuza kuze kube kusasa?
UKhansela: Hhayi Khumalo. Uthe wena uzoyibhala incwadi lingakashoni nje!
Ngesikhathi nje ngiyithola ngizobe sengithumela abantu bazolungisa.
UKhumalo: Khansela!! Ngicela uthumele abantu manje (Washo ngezwi eliphakeme).
Incwadi izolandela kamuva. Le nto oyishoyo ayinangqondo Sir!
UKhansela: (Ngokwethuka) Kulungile Khumalo ngizobathumela manje. Bazosebenza
ubusuku bonke Mntungwa. Ungakhathazeki.
UKhumalo: Ngibonga kakhulu Mnumzane Smith. Nami sengizobatshela abantwana
ekhaya ngoba bakhathazeke kakhulu (Wasukuma wahamba uKhumalo).
[IsiZulu Sethu, Ibanga 12: p. 274]
Veza loku:
Iqhaza lalaba bantu emphakathini
Inkinga
Ezinye izinkinga kulo mphakathi
Imbangela yenkinga
Isixazululo
Okuzobhekwa:
Sebenzisa amagama akho.
Sebenzisa imisho egcwele.
Sebenzisa ulimi oluhle.
Bhala ngamaphuzu. UNGABHALI isigaba.
Bala bese ubhala INANI lamagama owasebenzisile.
Ingqikithi (5)
Ulimi (3)
Ukuhleleka kahle ngamaphuzu (1)
Inani lamagama (1)
Amamaki angama-10
IEB Copyright © 2017 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-8 kwayi-14
ISIQEPHU C IZINKONDLO
UMBUZO 5
Inkondlo efundwe ekilasini
Funda le nkondlo engezansi bese uphendula imibuzo ezolandela.
1 Izinyembezi zigcwal' amehlo,
2 Ulimi lugcwal' umlomo,
3 Kuth' angimbongoze njengembongolo
4 Uma ngibuka le ndundum' ekumbozile.
5 Isisindo say' ungathi siphezu kwami,
6 Kwala ngithi ngiyazibamba, zimane zizehlele
7 Zehle mi…
8 Umfanekiso wakh' awuphel' engqondweni.
9 Ngikhumbula phansi kwesihlahla
10 Uhlez' ukhinindel' abazukulu ngezakudala,
11 Nabo basamangele ukuthi wayaphi,
12 Ebunzini kubo ngiyawubona lowo mbuzo,
13 Ngingakawuphenduli zimane zizehlele
14 Zehle mi…
15 Ofakazi bathi wawuhlonipha lo mhlaba
16 Sethemba nakwelizayo koba njalo.
17 Uhambe kahle-ke Themba lami,
18 Uliphakamis' igama lami lapho kokhokho,
19 Ungiphahlekele nelawu engongena kulo
20 Mhlazane ngafika kulelo zwe.
21 ………………………………….
[uK. Mthembu]
5.1 Bhala isihloko sale nkondlo. (1)
5.2 Yiliphi izwe okukhulunywa ngalo emgqeni wama-20? (1)
5.3 Amagama asemgqeni we-12 asitshelani ngesimo sabazukulu? Khetha
kulezi zimpendulo:
(Bayajabula, Badidekile, Balambile) (1)
5.4 Sifenqo sini esitholakala emgqeni wesi-3? (1)
5.5 Tomula umugqa estanzeni sokuqala ochaza ukuthi akukhulumeki. (1)
5.6 Bhala isifundo esitholakala kule nkondlo. (1)
[6]
IEB Copyright © 2017
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-9 kwayi-14
UMBUZO 6
Funda lezi zinkondlo ezilandelayo bese uphendula imibuzo elandelayo.
Inkondlo A Inkondlo efundwe ekilasini
NGEMUKELE NGINJE
1 Baba, ngemukele nginje.
2 Xolela ubuwula bami,
3 Xolela ukudl' impundu kwami,
4 Xolela ubumpumputhe bami.
5 Xolela ubuthulu bami,
6 Xolela ubumungulu bami.
7 Ngingowakho nginjengoba nginje,
8 Baba, ngemukele nginjengoba nginje.
9 Thethisa owami unembeza,
10 Thethisa amaphupho ami,
11 Thethelela labo abangilethayo,
12 Thethelela labo abangikhulisayo.
13 Uma kwabanjengami ngokubanje ngingemukeleki,
14 Uwena-ke owonayo, ngakho awemukeleki.
[uM.S.S. Gcumisa]
Inkondlo B Inkondlo efundwe ekilasini
IMPANDE YESONO
1 Onezay' izindodl' uth' akanayo,
2 Ongenay' uyifuna ngoshova konayo,
3 Nom' engayisebenzelang' uyayifuna.
4 Nonay' igcwel' amasak' uyayifuna.
5 Inamandl' aqhumis' amafindo.
6 Amafind' emshad' athekezelweyo
7 Agqabuk' izifociya zisale phansi,
8 Izingane ezizelweyo zisale phansi.
9 Nabathi basebenzel' imiphefumulo,
10 Baphefumulela kuyo ibe ngeyabo,
11 Bath' akunikelelwe imiphefumulo,
12 Nasebezophumula ilindelwe neyabo.
13 Uyeza umuhla wokuphela!
14 Kuyophelela khona ukuhlakanipha.
[uM.S.S. Gcumisa]
IEB Copyright © 2017 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-10 kwayi-14
6.1 Enkondlweni A, imbongi ikhuluma no 'Baba'. Ngubani lo 'Baba'? (1)
6.2 Khetha igama elilungile:
Enkondlweni A, imbongi (iyacula, iyathandaza, iyafundisa). (1)
6.3 Enkondlweni A, emgqeni we-11, ngobani laba imbongi ekhuluma ngabo? (1)
6.4 Enkondlweni A, chaza lawa magama alandelayo:
6.4.1 isimungulu (1)
6.4.2 impumputhe (1)
6.5 Ngokwenkondlo B, yini impande yesono okukhulunywa ngayo? (1)
6.6 Veza umqondo wenkondlo B. Bhala amaphuzu amabili. (Zama
ukusebenzisa amagama akho.) (2)
6.7 Chaza kahle ukuthi ithini imbongi emgqeni wesi-9 nowe-10, enkondlweni B. (1)
6.8 Ngobani laba asebezophumula emgqeni we-12, enkondlweni B? (1)
6.9 Qhathanisa lezi zinkondlo (A no B) ngaphansi kwalezi zihlokwana bese
uchaza kahle.
6.9.1 Umoya wenkondlo (2)
6.9.2 Uhlobo lwenkondlo (ngokwesakhiwo sangaphandle) (1)
6.9.3 Indikimba (2)
[15]
IEB Copyright © 2017
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-11 kwayi-14
UMBUZO 7
Inkondlo engafundwanga ekilasini
Funda le nkondlo engezansi bese uphendula imibuzo ezolandela.
THEMBA LAMI
1 Themba lami,
2 Wena uyikho konke kimi.
3 Kuwe ngibona ikusasa lempilo yami …
4 Kuwe ngibona uyise wabantwana bami.
5 Wena uligugu kimi.
6 Uyintshontshile inhliziyo yami.
7 Uyiluthile imizwa yami.
8 Uyididile ingqondo yami.
9 Ngavele ngazibona ngempela sengiganjwa uthando.
10 Uthando lwakho lukhula imihla nemihla.
11 Kepha soze laba ludala,
12 Mihla namalanga ngiluzwa sengathi lusha sha!
13 Themba lami,
14 Wena awudlile ngabuhle.
15 Awudlile ngabala, kepha udle ngobuciko bomlomo.
16 Ukumamatheka kwakho kungithatha kungibeke lapho ngingazi khona,
17 Maqede ngizibone nami sengimamatheka.
18 Themba lami,
19 Wena uyohlezi uligugu kimi.
20 Wena uyohlezi ungowami sthandwa.
21 Wena uyohlezi useduze nami.
22 Themba lami,
23 Ngibambe ngesandla,
24 Uze ungangidedeli.
[Inthanethi <www.google.co.za>]
7.1 Khetha igama elilungile:
Le nkondlo ikhuluma (ngokufa, ngemfundo, ngothando). (1)
7.2 Khombisa ukuxhumana okuyingxemu estanzeni sesi-2. (1)
7.3 Veza izinhlobo ezimbili zemvumelwano estanzeni sesi-4, bese uyasho
ukuthi luhlobo luni. (2)
7.4 Bhala umugqa onesizura kule nkondlo. (1)
7.5 Bhala uhlobo lwefanamsindo olubhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-9. (1)
7.6 Tomula/khipha umugqa okhombisa ukugcizelela kule nkondlo. (1)
7.7 Buka imigqa kule nkondlo, bese uphawula ngesigqi. Sekela impendulo
yakho. (2)
[9]
Amamaki angama-30
IEB Copyright © 2017 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-12 kwayi-14
ISIQEPHU D UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI
UMBUZO 8
Buka lesi sithombe bese wenza umsebenzi olandelayo.
[Isithombe: <www.google.co.za>]
8.1 Phikisa amagama abhalwe ngokugqamile (Qaphela ungabhali
umqondophika).
8.1.1 Inetball idlalwa ngamantombazane kuphela ezikoleni zethu. (1)
8.1.2 Amantombazane amade ayidlala kahle inetball. (1)
8.1.3 Isikole sethu sasihamba phambili kwezemidlalo. (1)
8.2 Bhala isabizwana sokukhomba esilungile esikhundleni samagama
akubakaki bese ulungisa nomusho.
8.2.1 (These) izingane ziyathanda ukudlala imidlalo. (1)
8.2.2 (This) intombazane ebambe ibhola idlala kahle. (1)
8.3 Lungisa le misho ngokubhala impambosi efanele.
8.3.1 Amantombazane adlala isikole sawo. (1)
8.3.2 Amantombazane avuka nguthisha ukulungisela imidlalo. (1)
8.4 Buza imibuzo kule misho elandelayo. Amagama abhalwe ngokugqamile
abe yimpendulo yombuzo.
8.4.1 Ayisithupha amantombazane asesithombeni. (1)
8.4.2 Kufanele uphuze amanzi amaningi uma udlala imidlalo. (1)
[9]
IEB Copyright © 2017
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-13 kwayi-14
UMBUZO 9
Buka lesi sithombe bese wenza umsebenzi olandelayo.
[Isithombe: <www.google.co.za>]
9.1 Nciphisa amagama abhalwe ngokugqamile.
9.1.1 Intombazane iyazithanda izinkomo. (1)
9.1.2 Intombazane ithola imali encane. (1)
9.2 Lungisa imisho elandelayo ngokufaka ondaweni abalungile.
9.2.1 (Isithombe) kukhona intombi enhle nezinkomo eziningi. (1)
9.2.2 Ezinye izinkomo zilele (utshani). (1)
9.2.3 Imali yepulazi iya (umlimi). (1)
9.3 Bhala ubumnini emagameni akubakaki. Bhala lonke igama.
9.3.1 Izinkomo (umlimi) zikhuluphele. (1)
9.3.2 Ipulazi (ubaba) likhulu kakhulu. (1)
9.3.3 Ingane (yena) iyathanda ukudlala nezinkomo. (1)
9.4 Lungisa amagama akubakaki ngokufaka izivumelwano ezifanele. Bhala
lonke igama.
9.4.1 Inkomo (_khulu) iyathandeka. (1)
9.4.2 Imoto ( _sha) ithwala izinkomo epulazini. (1)
[10]
IEB Copyright © 2017 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-14 kwayi-14
UMBUZO 10
10.1 Lungisa lesi siqeshana ngokufaka izimpawu zokubhala ezilungile.
uthemba wakhuluma wathi mina ngizophumelela ngamalengiso
ezifundweni zami kulo nyaka bonke bawathanda amazwi alo mfana (4)
10.2 Qala lo musho ngegama 'intombazane' bese ulungisa/ushintsha lapho
kufanele khona.
Ubaba uyathanda ukubuka izinkomo zakhe. Uma evuka uyazibuka zonke
izinsuku. Thina siyamthanda ubaba wethu.
Intombazane … (3)
[7]
UMBUZO 11
11.1 Sebenzisa igama 'umfundisi' emishweni emibili ukukhombisa izincazelo
ezahlukene. (2)
11.2 Bhala imisho ngalawa magama alandelayo ukukhombisa umehluko
kuwona.
11.2.1 kala (1)
11.2.2 khala (1)
[4]
Amamaki angama-30
Amamaki esewonke: 100
IEB Copyright © 2017
Study this subject
Revise the topics in this paper, then practise them question by question.
Recommended for this subject
More papers and memos for this grade and subject.

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2019 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2019 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2018 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2018 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2017 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2016 Question Paper
Related documents

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2017 Memo

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2017 Memo

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2019 Memo

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2018 Memo

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2016 Memo

Question paperIEB


