Skip to content
Question paper

Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2018 Question Paper

IEB Grade 12 Isizulu HL Paper 1 question paper from the 2018, 16 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Publisher: IEB

Subject: Isizulu HLGrade 12201816 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION NOVEMBER 2018 ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I ISIZULU FIRST ADDITIONAL LANGUAGE: PAPER I Isikhathi: Amahora ama-2½ Amamaki ayi-100 QAPHELA LOKHU OKULANDELAYO 1. Leli phepha linamakhasi ayi-16. Qiniseka ukuthi nelakho liphelele. 2. Leli phepha lineziqephu EZINE. 3. Phendula zonke IZIQEPHU. 4. Qala isiqephu ekhasini elisha. 5. Izinombolo zezimpendulo zakho mazibe njengasephepheni, UNGAZIGUQULI. 6. Qiniseka ukuthi awuyixovi imibuzo. 7. Phendula yonke imibuzo ngesiZulu. 8. Shiya umugqa emva kwempendulo. 9. Bhala ngokucacileyo nangobunono ukuze kube lula ukumaka umsebenzi wakho. IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-2 kwayi-16 ISIQEPHU A ISIFUNDO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 Funda le ngxoxo bese uphendula imibuzo elandelayo. (Uthisha unika abafundi amaphepha e-test, uSipho uphakamisa isandla) Uthisha: Yebo Sipho ngingakusiza ngani? USipho: Ngicela ukubuza thisha ukuthi njengoba usinika i-test nje, wasitshela nini ngayo? Uthisha: (Kuyabonakala ukuthi uyamthukuthelisa lo mbuzo). Anginaso isikhathi sokudlala Sipho. Sonke isikhathi wena ufuna ukuphazamisa umsebenzi wami. Kufanele ukulungele ukubhala i-test noma nini uma ungumfundi. (Uthisha washo la mazwi waqhubeka nokubeka amaphepha emadeskini abafundi). USipho: Ngiyaxolisa thisha, mina angilwi nawe bengibuza nje. Kungcono ukuthi usitshele uma sizobhala i-test ukuze sizilungiselele. Izongena kwi- portfolio? Uthisha: Yebo Sipho lo msebenzi ngowe-portfolio. Kunomhlangano wothisha kusasa eSt Anthony's College. Kufanele ngihambe namamaki ayo le test. Kubalulekile-ke ukuthi nibhale manje. USipho: Hawu, Miss Khumalo! Usifakela ingcindezi (pressure) nje ngoba unomhlangano kusasa? Ubungazi yini ngalo mhlangano? Uthisha: Sipho, shut up! Ufuna ngikuxoshe ekilasini lami? Uyafuna ukubhala noma cha? (uthisha wabuza lo mbuzo ngolaka olukhulu). USindi: Uqinisile uSipho Miss. Kunzima ukubhala i-test ongatshelwanga ngayo. Mina ngiyavumelana noSipho. IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-3 kwayi-16 Uthisha: Nawe Sindi uhambisana nalo mbhedo? (Ethukuthele). Ngicela niphume ekilasini lami nobabili! Phumani manje uma ningafuni ngibize uthishomkhulu. (Abafundi bonke bamemeze): "Biza uthishomkhulu Miss, kulungile! Mbize!" USipho: Ake nithule kancane Grade 12. Hlalani phansi! (Abafundi bahlale phansi) USipho: (Ekhuluma nothisha) Ngicela sikhulume kahle Miss. Thina siyafuna ukubhala. Inkinga ukuthi awusitshelanga nge-test. Sicela ukubhala ngesonto elizayo. Uthisha: Sikhulumeni kahle Sipho? Uyabona ukuthi usuphazamise i-lesson yami? USindi: Ngiyamxolisela uSipho Miss. Ngingambiza uthishomkhulu? Uthisha: Vala umlonyana wakho wena! Ufuna ukumbizelani uthishomkhulu? USipho: Sifuna ukuthi afike lapha azoxazulula le nkinga. Uthisha: Kulungile ngizokhuluma naye. Niyezwa? Yimina engizoya kokhuluma naye. Nizoyibhala ngesonto elizayo i-test. (Washo ethatha amaphepha uthisha). [Umbhalo wokuziqambela] 1.1 Phendula ngokuthi YIQINISO noma NGAMANGA. 1.1.1 Le ngxoxo yenzeka ekilasini. (1) 1.1.2 Uthisha ngumuntu wesilisa. (1) 1.1.3 Laba bafundi bakumatikuletsheni. (1) 1.2 USipho ucelani kuthisha? (1) 1.3 Ngokwendaba, uMiss Khumalo uzoyaphi ngosuku olulandelayo? (1) 1.4 Bhala umqondophika walawa magama (impendulo isendabeni). 1.4.1 uyamjabulisa (1) 1.4.2 impendulo (1) 1.5 Bhala umqondofana waleli gama (impendulo isendabeni). kulukhuni (1) IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-4 kwayi-16 1.6 Bhala amagama alandelayo ngesiZulu. 1.6.1 Test (1) 1.6.2 Miss (1) 1.7 Ungamchaza njengomfundi onjani uSipho? Sekela impendulo yakho kahle. (2) 1.8 Wena ungathanda ukufundiswa nguthisha ofana no-Miss Khumalo? Sekela impendulo yakho ngamaphuzu amabili. (2) 1.9 Nika le ngxoxo isihloko esiyifanele. Kungani uyinika lesi sihloko? (2) [16] UMBUZO 2 Funda ngalesi sikhangiso bese uphendula imibuzo elandelayo. E-AWESOME HOTEL SOUTH COAST (39 Kupholile Avenue, Margate, 4270 KZN) Kunesipesheli! Chitha iholidi lakho izinsuku eziyi-6 ngamanani aphansi. Utholani ngemali yakho? Izinsuku eziyi-6 kanye nekamelo eliphambili elikwi Holiday Beach View, yiHeritage Golf ne Ziyabuya Resort, isidlo sasemini, isidlo Nakhu ozokuthola emagumbini sakusihlwa, iziphuzo ezifana nama-cocktails okulala. aphambili namawayini aphambili namajusi ezithelo ezimnandi. • Umabonakude one-DSTV • Ikhishi Uthi bewazi? • Indawo eneziphuzo ezibandayo Uma ubhukuda olwandle uzogibela isikebhe • Umshini wokugunda futhi uthole u-ice cream mahhala. • Umshini wokwelula izinwele • Umshini wekhofi netiye • I-WiFi yamahhala Ukuze uthole yonke imininingwane shayela kule nombolo: 0800 11 22 33 noma uthumele i-email ku: awesomehotel@gmail.com [Umbhalo wokuziqambela, izithombe zithathwe kwi-inthanethi] 2.1 Ikusiphi isifundazwe le ndawo? Bhala igama le ndawo eliphelele. (1) 2.2 Yisipesheli sezinsuku ezingaki lesi? Bhala ngesiZulu. (1) IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-5 kwayi-16 2.3 Kuhle ukuvakashela le ndawo ehlobo. Sekela lesi sitatimende ngokubhekisa endabeni. Bhala amaphuzu amabili. (2) 2.4 Isikhangiso asisitsheli/asivezi ukuthi yimalini ukuvakashela kule ndawo. Ungaluthola kanjani ulwazi lokuthi siyimalini lesi sipesheli? Bhala amaphuzu amabili. (2) [6] UMBUZO 3 Buka lesi sithombe bese uphendula imibuzo elandelayo. Sthandwa sami Zola, umuhle kakhulu I will post this namhlanje picture nami uJohn ukuze ngithole Umama ama 'likes' Ngiyabonga myeni Smith wami Thabani … uKim [Isithombe sithathwe kwi-inthanethi] 3.1 Nikeza amagama abantu besifazane ababili esithombeni. (1) 3.2 Gcwalisa: 3.2.1 UNkosikazi Smith ugqoke _______________ emehlweni. (1) 3.2.2 UJohn uhleli ___________________ kukaNkosikazi Smith. (1) 3.3 Bhala lo musho ngesiZulu "I will post this picture". (1) 3.4 Abantu abasesithombeni babonakala ngani ukuthi bajabulile? (1) 3.5 Yikuphi okufanayo ngalaba bantu besilisa? (1) 3.6 Banabuphi ubudlelwano oThabani noZola? (1) 3.7 Qedela amazwi/inkulumo kaZola ngamagama akho. (1) [8] Amamaki angama-30 IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-6 kwayi-16 ISIQEPHU B UKUFINGQA UMBUZO 4 • Funda le ndatshana bese UYIFINGQA ngamagama angama-60 kuya kwangama-70. • Bhala amaphuzu AMAHLANU ngemisho ephelele. • Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweyesi-5 NOMA amabhulethi. • Sebenzisa amagama akho emishweni. UNGABHALI isigaba. • Bhala kube yinkulumo mbiko (reported speech). • Sebenzisa ulimi oluhle. • Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile, bhala INANI lamagama owasebenzisile. [Isithombe sithathwe: Isolezwe | 15 June 2016] Igama lami nginguSamke. Ngithanda ukuchitha isikhathi nabangani bami. Esikhathini esiningi mina nabangani bami siya ejimini nasenkundleni yezemidlalo. Namhlanje wusuku olunzima impela! Silungiselela imidlalo ehlukahlukene yamanyuvesi. Kuzoba khona ibhola lezinyawo, ithenisi, ibhola lombhoxo, ibhola lezandla nokubhukuda. Le midlalo izoba senyuvesi yase-Grahamstown, i-Rhodes University, ngamaholidi kaDisemba. Kuzodlala amaqembu amantombazane nabafana. Kulindeleke lawa manyuvesi: i-Rhodes, iNyuvesi yaseKapa, iNyuvesi yaKwaZulu-Natali, iNyuvesi yaseGoli kanye namanye. Inyuvesi yethu, i-Wits, izohamba ngebhasi ukuya eRhodes. Kule ndatshana ngizokhuluma ngomdlalo wami, ibhola lezinyawo. Mina nabangani bami silungiselela ukudlala ibhola lezinyawo. Inyuvesi yethu, kulindeleke ukuthi iphumelele emdlalweni webhola lezinyawo ngoba inabadlali abadlala kahle kakhulu. Siphumelele kuyo yonke imidlalo esiyidlalile kulo nyaka. Mina ngifake amagoli amaningi kakhulu. Iqembu lami livotele mina ukuba ngukaputeni. Ngiyajabula ngokuthola leli thuba. IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-7 kwayi-16 Umqeqeshi wethu nguThandi Dlamini owayehola iqembu leBanyana Banyana. Siyamhlonipha kakhulu uThandi, naye uyasihlonipha. Kumnandi ukuqeqeshwa nguThandi ngoba unolwazi oluningi lwebhola. U-Coach Thandi usitshela ukuthi kufanele sizinike isikhathi sokuya ejimini kathathu ngesonto. Njalo ngezimpelasonto umqeqeshi ufuna sidlale imidlalo ukuze kufike isikhathi sale midlalo yamanyuvesi sesilunge kahle. Indlela esidla ngayo ihlukile kulezi zinsuku. Sidla izithelo nemifino eminingi nsuku zonke futhi siphuza amanzi amaningi. Umqeqeshi ufuna sidle inyama yenkukhu nenhlanzi. Sinohlelo lokudla esikudla zonke izinsuku. Kubalulekile ukudla ukudla okunempilo uma sifuna ukuphumelela. Umqeqeshi wethu uyasikhuthaza ukuthi silale isikhathi esanele ukuze sivuke sifunde kahle enyuvesi siphinde futhi sikwazi nokudlala kahle. Iqembu elizophumelela ebholeni lezinyawo lizothola indebe yegolide. Lizothola nethuba lokuyobukela umdlalo we-Barcelona ne-Real Madrid e-Spain ngonyaka ka 2019. Bonke abadlali beqembu lethu bazimisele ngokuphumelela ukuze sikwazi ukuya e-Spain. [Umbhalo wokuziqambela] Ekufingqeni kwakho, bheka lokhu: • Ukulungiselela (2) • Umdlalo (2) • Umqeqeshi kaSamke (2) • Indlela yokuziphatha (2) • Imiphumela yokudlala kahle (2) Amamaki angama-10 IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-8 kwayi-16 ISIQEPHU C IZINKONDLO Izinkondlo ezifundwe ekilasini. Phendula imibuzo elandelayo ngezinkondlo ozifundile. UMBUZO 5 Inkondlo A UKWENELISEKA – P. Luthuli 1 Thakasa tshakadula mntanomuntu; 2 Amazw' akh' asewukel' ekunqobeni; 3 Kweyam' impil' angikaze ngikuzw' okunje, 4 Ngingakaze ngikuzw' ukucotshwa; 5 Amazw' akh' ayangicoba kanye- 6 Kuthi tsha … kuthi tshwe ... enhliziyweni. 7 Kuzigidigidi usisitheka nomthwalo, 8 Umthwal' obungethulwe muntu- 9 Ngaphandle kwam' ongikhethile; 10 Iqiniso limi njalo aliguquki; 11 Wangisombulula kwabaningi 12 Ngenxa yentshisekel' owayizwa. 13 Thakasa tshakadula muntu wabantu; 14 Uthakase ngemfumb' engiyifumbethe; 15 Uqagele khonan' ekhwapheni lami, 16 Ikhwaph' elingafihle bubi nabuthi- 17 Ikhwaph' eliphafuz' elimnand' iphunga; 18 Yeb' uzakophulwa kusukela manje, 19 Ukutheleka kwam' ukwethaba kwakho. 20 Ukulila kwakho kuzwakele; 21 Nokh' iyahlangana le nto mfo wezizwe, 22 Ucu selweluliwe lungakulingana; 23 Ucu lulind' umnini walo 24 Qede lumlingane ncamashi 25 ……………….. 5.1 Khetha impendulo efanele kwezilandelayo: Imbongi inokwaneliseka ngoba: (Inomuzwa wothando, inephunga elimnandi, ibona umuntu wabantu ejabulile). (1) 5.2 Bhala indikimba yale nkondlo. (1) 5.3 Enhliziyweni, kusuke kunjani uma kuthi tsha … tshwe? (1) 5.4 Luhlobo luni lwenkondlo lolu? Sekela impendulo yakho. (2) 5.5 Imbongi ingumuntu wesifazane. Sekela lesi sitatimende ngokwenkondlo. (2) [7] IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-9 kwayi-16 UMBUZO 6 Inkondlo B 1 Lase liya kozilahla kunina 2 Ngihleli egqumeni ngiphumule, 3 Ngambona uBadelile eza, 4 Ehaya ingoma yakhe yemihla; 5 "Kwasuke kwafika abelungu 6 Bavula ijoyini, yamthatha 7 UFalakhe wakhohlwa yimi." 8 Kwakwal' insizw' imethembisi' iZulu 9 Kwakwal' insizw' ish' ukumlobola, 10 Kodwa phind' uBadelil' ukuvuma, 11 Wahlalel' ethembeni njalo, 12 Ngelinye ilanga uyozwa 13 Ngo "Sikhulekile", sekuwuFalakhe. 14 Kwakwala izintombi zimbhuqa, 15 Zikhuluma zigegisa amazwi, 16 Linye elikaBadelile, 17 "Uyobuya uFalakhe!" 18 Yebo lalikhulu ithemba, 19 Yebo lalikhulu negugu, 20 Enhliziyweni yakh' engekho 21 Ayengamthanda njengoFalakhe. 22 ………………………….. 6.1 Bhala isihloko sale nkondlo. (1) 6.2 Ngubani uFalakhe? Chaza ngokubhala umusho owodwa. (1) 6.3 Tomula imigqa enalokhu enkondlweni: 6.3.1 ukwenzasamuntu (1) 6.3.2 isifaniso (1) 6.4 Chaza le migqa ngamazwi akho: Ngelinye ilanga uyozwa Ngo "Sikhulekile", sekuwuFalakhe. (1) 6.5 Yimuphi umyalezo otholakala kule nkondlo? Bhala iphuzu elilodwa. (1) [6] IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-10 kwayi-16 UMBUZO 7 Inkondlo C NKUMBULO NGISE – K. Mthembu 1 Nkumbulo ngihole 2 Ngishaye kancane emva kwakho. 3 Ungise la ngingeke ngifike khona, 4 Ungise la kufis' inhliziy' ukuba khona 5 Kwabangangibona qede sixhagane 6 Sikhihl' isililo senjabulo' engapheli. 7 Ngihole nkumbulo ngiwel' imifula, 8 Ungithi qithi eceleni kwezithandwa zomphefumulo, 9 Ungithi qithi phansi kwezihlahla zomyezane, 10 Ungithi qithi la kukhala khon' opholil' umculo. 11 Yebo, kwelingenaziphithiphithi izwe leli. 12 Yebo, lapho kulele khon' abazali bami. 13 Nkumbulo ngiholele ngale kwamafu, 14 Ngiyobon' engibaphupha kwesikabhadakazi 15 Bexoxa bengilandisa ngithathekile, 16 Bengipha ngithathe, ngibeke. 17 Kuse qala, qala, do! 18 Ngithathe nkumbulo ungise elibeni likababa nomama; 19 Uma bebezongizwa bengiyokhuluma, pho-ke ... 20 Uma bebeyongiphendula bengiyobuza, pho-ke ... 21 Akusenani, sengiyozotha ngibeke lesi sixha sezimbali, 22 Noma ngingeyokubezwa, ngiyethemba bayobonga. 7.1 Bakuphi abazali bembongi? (1) 7.2 Enkondlweni, thola igama (amagama) elichaza lokhu: 7.2.1 phakathi nobusuku (1) 7.2.2 ukukhala kakhulu (1) 7.3 Iyiphi inzwa esetshenzisiwe emugqeni 17? (1) 7.4 Unjani umoya wale nkondlo? Chaza kahle ukuthi kungani usho njalo. (3) [7] IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-11 kwayi-16 Inkondlo engafundwanga ekilasini. UMBUZO 8 AMAPHUPHO AMI AFEZEKILE – S.Z. Ntshangase 1 Ngiwuzungezil' umhlaba, 2 Ngizibonil' ezimhlophe nezinsundu, 3 Zihlobile zikhazimulis' okwethusi, 4 Zihlobe ngemibal' enhlobonhlobo, 5 Zizinde, zishayela phezulu. 6 Ngizibukile, ngadela. 7 Nokh' aziyithumbang' eyam' inhliziyo. 8 Ilanga liphum' eMpumalanga lamamatheka, 9 Ngalibuka licothoza kancane kuhle kukamakoti. 10 Ngizwe ngigcwal' umunyu, 11 Umunyu wentokoz' elokozayo. 12 Lapho selibantu bahle 13 Ngithe ngiyaqalaza ngazithela phezu kwale mbali, 14 Iqhakaze qed' inhliziyo yami yavuleka 15 Yachichim' intokozo, 16 Amaphuph' am' ayafezeka. 17 Ngizw' isivuvu somlilo, 18 Umlil' osh' ubuhanguhangu. 19 Uyavutha ngaphakathi kumina 20 Uyavutha ngaphakathi kuwena 21 Uyavutha ngaphakathi kuthina. 22 Amaphuph' am' ayafezeka. 23 Amehlokaz' akh' ambulungana 24 Athi bhanya qede kubande kwamancane 25 Ayayigez' eyam' inhliziyo. 26 Njengengan' ekhasayo 27 Ngikhasel' ezinyaweni zakho 28 Size siyohlukaniswa izindunduma zethuna, 29 Amaphuph' am' asefezekile. IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-12 kwayi-16 8.1 Isitanza sokuqala sinemigqa evalekile. Sekela lesi sitatimende. (1) 8.2 Thola lokhu okungezansi enkondlweni: 8.2.1 Impindwa (1) 8.2.2 Isizura (esitanzeni sokuqala) (1) 8.2.3 I-enjambamenti (esitanzeni sesithathu) (1) 8.3 Ichaza ukuthini imbongi emugqeni 15? Bhala ngamagama akho. (1) 8.4 Phawula ngezitanza zale nkondlo. (1) 8.5 Esitanzeni sokuqala veza lokhu: 8.5.1 uhlobo lwemvumelwano nesibonelo. (2) 8.5.2 uhlobo lokuxhumana nesibonelo. (2) [10] Amamaki angama-30 IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-13 kwayi-16 ISIQEPHU D UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 9 Sebenzisa le khathuni ukwenza umsebenzi olandelayo. UMNUMZANE DLAMINI NOMNDENI WAKHE Sheshani nkosikazi ukuze Izingalo zami sifike kusavuliwe zikhathele. edolobheni. Woza Ntofo! Shesha! [Isithombe sithathwe kwi-inthanethi] 9.1 Lungisa amagama akubakaki ukuze kuzwakale kahle. Bhala impendulo kuphela. Umndeni wami 9.1.1 (amalunga) ayisithupha. Njalo ngezimpelasonto sishiya imoto ekhaya ukuze 9.1.2 (hamba) emgwaqweni ngoba kunempilo. Ubaba 9.1.3 (umama) bathanda ukusihola phambili kodwa mina 9.1.4 (inja) yami uNtofo sivamise ukulandela ngemuva. (4) 9.2 Bhala izivumelwano zesiphawulo emagameni abhalwe ngokugqamile. 9.2.1 Ubaba nguyena (-de) kunathi sonke emndenini. (1) 9.2.2 Ekhaya kukhona intombazane (-hle). (1) 9.2.3 Ilunga lomndeni (-ncane) nguNtofo. (1) 9.3 Bhala izifinyezi/izifinyezo zamagama abhalwe ngokugqamile. Isibonelo: njalo njalo = njll. 9.3.1 Sheshani nkosikazi ukuze sifike kusavuliwe! (1) 9.3.2 UMnumzane Dlamini uyawuthanda umndeni wakhe. (1) IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-14 kwayi-16 9.4 Phikisa le misho elandelayo. 9.4.1 Ubaba mude kunomama wami. (1) 9.4.2 Lo mndeni uhamba ngemoto namhlanje. (1) 9.5 Lungisa le misho ngokubhala izimpambosi ezifanele. 9.5.1 Umndeni wami (ukhipha) ngubaba njalo ngoMgqibelo. (1) 9.5.2 Abazali (uthenga) abantwana izimpahla edolobheni. (1) 9.5.3 Lo mfana (ubheka) nenja yakhe uNtofo. (1) 9.6 Bhala ondaweni esikhundleni samagama akubakaki. 9.6.1 Umama wakhe unenkinga (izingalo). (1) 9.6.2 Bashiye kungekho muntu (ikhaya). (1) [16] IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-15 kwayi-16 UMBUZO 10 Sebenzisa ikhava yephephabhuku elandelayo ukuphendula imibuzo. R13,00 (VAT incl) IBONA MAN 10.1 Nciphisa amagama abhalwe ngokugqamile. Bhala impendulo kuphela. 10.1.1 Lo unyaka wokuzijabulisa ngomculo. (1) 10.1.2 UKabelo ubhale incwadi. (1) 10.1.3 Okuphambili kokubhukuda okufanele umzimba wakho. (1) 10.1.4 Izinwele ezinhle ngezomshado. (1) IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA I Ikhasi lesi-16 kwayi-16 10.2 Khetha isihlanganiso esilungile bese usisebenzisa kule misho elandelayo. Bhala imisho ephelele, UNGASIPHINDI isihlanganiso. UKUZE, NGAKHO-KE, MHLA, UMA 10.2.1 ULira ucula izingoma zothando. ULira uyajabula. (1) 10.2.2 Umngani wami ufuna ukudlala umculo kaLira. Uyashada. (1) 10.2.3 Ngilalele umculo kaLira. Wena ungangiphazamisi. (1) 10.3 Guqula amagama agqamile abe yisabizwana soqobo. 10.3.1 Abaculi besimanje bayathanda ukumoyizela. (½) 10.3.2 Ingubo yakhe iveza isisu. (½) 10.4 'ABACULI BASENINGIZIMU AFRIKA BAHOLA IMALI ENINGI' Qala lo musho ongenhla kanje: 10.4.1 Ngonyaka ozayo … (1) 10.4.2 Izolo … (1) [10] UMBUZO 11 Funda lesi siqeshana bese wenza umsebenzi olandelayo. Unyaka ka 2018 usiphathe kahle. Asikholwa ukuthi sibhala isivivinyo sokuhlolwa kwethu kokugcina ngoba le yinyanga yezivivinyo zethu zokugcina. Ekugcineni, sesizolithola nath' ithuba lok'phumula. 11.1 Sebenzisa upelomagama olufanele ukulungisa umusho olandelayo: Ekugcineni, sesizolithola nath' ithuba lok'phumula. (1) 11.2 Sebenzisa igama elithi INYANGA emishweni emithathu ozakhele yona ukuze kuvele imiqondo emithathu ehlukene. UNGABHALI umusho osendabeni. (3) [4] Amamaki angama-30 Amamaki esewonke: 100 IEB Copyright © 2018

Study this subject

Revise the topics in this paper, then practise them question by question.

More papers and memos for this grade and subject.

More from Grade 12 Isizulu HL

View all