Skip to content
Question paper

Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2017 Question Paper

IEB Grade 12 Isizulu HL Paper 2 question paper from the 2017, 7 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Publisher: IEB

Subject: Isizulu HLGrade 1220177 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION NOVEMBER 2017 ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II ISIZULU FIRST ADDITIONAL LANGUAGE: PAPER II Isikhathi: Amahora ama-2½ Amamaki ayi-100 QAPHELA LOKHU OKULANDELAYO 1. Leli phepha linamakhasi ayi-7. Qiniseka ukuthi nelakho liphelele. 2. Leli phepha lineziqephu EZIMBILI. 3. Phendula ZOMBILI iziqephu. 4. Izinombolo zezimpendulo zakho mazibe njengasephepheni ungaziguquli. 5. Ungaqala nganoma yisiphi isiqephu kodwa kufanele imibuzo yeziqephu ungayixovi. 6. Qala umbuzo omusha ekhasini elisha. 7. Bhala ngokucacileyo, nangobunono ukuze kube lula ukumaka umsebenzi wakho. 8. Phendula yonke imibuzo ngesiZulu esihle. IEB Copyright © 2017 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-2 kwayi-7 ISIQEPHU A UMSHADO – NELISIWE ZULU  Lesi siqephu sinoMbuzo 1, uMbuzo 2, uMbuzo 3, noMbuzo 4.  Phendula yonke imibuzo.  Qala yonke imibuzo yalesi siqephu ekhasini elisha.  Uzothola amamaki kulokhu okulandelayo: ‒ Ulwazi lwendaba. ‒ Ukwethula umbono wakho uwusekele kahle. ‒ Ukubhala inani lamagama. ‒ Isipelingi esihle. ‒ Ulimi oluhle. UMBUZO 1 Funda isigatshana esicashunwe endabeni, UMSHADO. Phendula imibuzo engezansi. Bathule okwesikhashana aqhubeke uSifiso abuze: "Konje uthi ungase ushade impela noTholi?" "Akungatshazwa. Izinto zona azingihambeli kahle, kodwa ayikho into engingayenza …" "Uzomlobola kubani?" "Kanti abekho yini abakubo?" "Angazi. Angikaze ngibabone phela mina …" Akabange esawuphendula lo mbuzo uBheki. Kwacaca kuye ukuthi sengathi luselude ukhalo azoluhamba noTholakele. Wacabanga ngonina kuqala. Omunye owayelimisa ngesihloko elokuthi akafuni mfelokazi yena emzini wakhe. Wacabanga ngoLindiwe owayejonge ukuzozishadisa naye ngenkani ... [Ikhasi 35] 1.1 Yini umfelokazi? (1) 1.2 Ngubani umfelokazi ongafunwa ngunina kaBheki? (1) 1.3 "Izinto zona azingihambeli kahle," Yini eyenza ukuthi uBheki afune ukushada noTholi noma izinto zingamhambeli kahle? Bhala amaphuzu amabili uchaze. (2) 1.4 Umama nomalume kaBheki abahambisani nokuthi uBheki ashade nomfelokazi. Nika izizathu ezintathu abazitshela uBheki. (3) 1.5 Bhala impendulo ezoba ngamagama angama-80. ULindiwe wayefuna ukuzozishadisa noBheki ngenkani. Yiqiniso leli noma ngumbono kaBhekani? Chaza kahle usekele impendulo yakho ngokusendabeni. (6) Ulimi nohlelo (1) Inani lamagama nokulibhala (1) [15] IEB Copyright © 2017
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-3 kwayi-7 UMBUZO 2 2.1 Ukukhethwa kwendawo yasemjondolo ngumbhali kuhambisana kanjani nabalingiswa nezenzo zabo? Bhekisa kuloku: 2.1.1 Ngokwendaba, indawo nempilo yasemjondolo injani? Bhala amaphuzu amabili. (2) 2.1.2 Chaza ukuthi izenzo zikaTholi noPamella zihambisana kanjani nendawo. Bhala amaphuzu amathathu. (3) 2.2 Bhala impendulo ezoba ngamagama ayi-100. Kunombono ukuthi uSifiso kule ndaba uvezwe njengomngani:  Ongathembekile (2)  Onomona (2)  Ongundabazabantu (2)  Oqotho (2) Chaza kahle usekele lo mbono ongenhla ngezibonelo ezisendabeni. Ulimi nohlelo (1) Inani lamagama nokulibhala (1) [15] UMBUZO 3 Bhala ingxoxo ezoba ngamagama ayi-130 kuya kwayi-150. Bhala ingxoxo phakathi kukaBheki noLindiwe ngemuva kosuku lomshado ongaphumelelanga. Ingqikithi: (okusendabeni = 4; okwakho = 2) (6) Isakhiwo (2) Ulimi nohlelo (1) Inani lamagama nokulibhala (1) [10] IEB Copyright © 2017 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-4 kwayi-7 UMBUZO 4 Bhala i-eseyi ezoba ngamagama ayi-180 kuya kwangama-200. Wena unguBheki usesiteshini samaphoyisa ukuzophendula imibuzo mayelana noTholi. Bhala ozokutshela amaphoyisa ngokulandelayo: [<www.google.co.za>]  Imininingwane ngawe: ungubani, uhlalaphi, usebenzaphi njll. (2)  Wazana kanjani noTholi/ukuchaza ngobudlewane bakho noTholi. (2)  Konke okwaziyo ngoTholi: umsebenzi, imfundo, ungumuntu onjani. (4)  Izinto wena ozibonile, ozizwile, ozaziyo nocabanga ukuthi zihambelana namacala kaTholi. (6)  Abantu abanye amaphoyisa angakhuluma nabo ukuthola ulwazi ngoTholi. Bhekisa kulaba: Umama kaBheki (2) USifiso (2) Ulimi nohlelo (1) Inani lamagama nokulibhala (1) [20] Amamaki angama-60 IEB Copyright © 2017
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-5 kwayi-7 ISIQEPHU B UKUBHALA NOKWETHULA Qaphela lokhu okulandelayo kulesi siqephu:  Qala yonke imibuzo yalesi siqephu ekhasini elisha.  Uzothola amamaki kulokhu okulandelayo: ‒ Isakhiwo esifanele. ‒ Ithoni nerejista efanele. ‒ Ulimi oluhle. ‒ Ingqikithi enhle. ‒ Ukubhala inani lamagama. UMBUZO 5 Khetha uMbuzo 5.1 NOMA uMbuzo 5.2. Bhala amagama ayi-150 ukuya kwangama-200. 5.1 Wena uwine umklomelo. Bhala inkulumo ozoyethula ngesikhathi uwamukela lo mklomelo. [<www.google.co.za>] Ungafaka okulandelayo nokunye:  Lo mklomelo ngowani, uwuthole nini, kuphi?  Chaza ukuthi uzizwa kanjani ngokuwina lo mklomelo.  Chaza ngempumelelo yakho nokuthi uyithole kanjani.  Ukubonga abantu nokuthi ubabongelani.  Umyalezo wokukhuthaza abantu abafisa ukuphumelela. Ingqikithi (14) Isakhiwo (7) Ulimi nohlelo (7) Inani lamagama nokulibhala (2) [30] IEB Copyright © 2017 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-6 kwayi-7 NOMA 5.2 Abafundi abajabulile ngezemidlalo esikoleni. Uthishanhloko ucele wena ukuthi ubhale umbiko ngaloku okulandelayo nokunye:  Isikhathi esichithwa ngabafundi emidlalweni.  Ukukhethwa kwabadlali abazodlala emaqenjini.  Imali echithwa kwezemidlalo yisikole, ngabazali njll.  Ingcindezi yabazali.  Ukusebenzisa izikhuthazimzimba. Ingqikithi (12) Isakhiwo (9) Ulimi nohlelo (7) Inani lamagama nokulibhala (2) [30] UMBUZO 6 Khetha uMbuzo 6.1 NOMA uMbuzo 6.2. Bhala amagama ayi-120 kuya kwayi-150. 6.1 Iphephandaba lesikole licele wena ukuthi ubhale imibono yakho ngesitolo esisha sokudla esivulwe esikoleni. Bhala izincomo (review) ngalesi sitolo ezizofaka okulandelayo nokunye:  Indawo yokudlela injani?  Ukudla kunjani?  Intengo (price) yokudla.  Abasebenzi bawenza kanjani umsebenzi wabo?  Indawo yokulungisa ukudla injani? Ingqikithi (6) Isakhiwo (2) Ulimi nohlelo (1) Inani lamagama nokulibhala (1) [10] IEB Copyright © 2017
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-7 kwayi-7 NOMA 6.2 Wena ufuna umuntu ozohlala naye (roommate). Bhala isaziso esizovela ephephandabeni/ku-website. Isaziso sakho singafaka okulandelayo nokunye:  Chaza ukuthi wena ungubani, ungumuntu onjani.  Chaza ukuthi ufuna ukuhlala nomuntu onjani.  Indawo yokuhlala ikuphi, injani, malini ngenyanga/ngesonto.  Bangakuthinta kanjani/imininingwane yakho. Ingqikithi (6) Isakhiwo (2) Ulimi nohlelo (1) Inani lamagama nokulibhala (1) [10] Amamaki angama-40 Amamaki esewonke: 100 IEB Copyright © 2017

Study this subject

Revise the topics in this paper, then practise them question by question.

More papers and memos for this grade and subject.

More from Grade 12 Isizulu HL

View all