Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION
NOVEMBER 2018
ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II
ISIZULU FIRST ADDITIONAL LANGUAGE: PAPER II
Isikhathi: Amahora ama-2½ Amamaki ayi-100
QAPHELA LOKHU OKULANDELAYO
1. Leli phepha linamakhasi ayi-11. Qiniseka ukuthi nelakho liphelele.
2. Leli phepha lineziqephu EZIMBILI.
3. Phendula ZOMBILI iziqephu.
4. Izinombolo zezimpendulo zakho mazibe njengasephepheni, UNGAZIGUQULI.
5. Ungaqala nganoma yisiphi isiqephu kodwa kufanele imibuzo yeziqephu ungayixovi.
6. Qala umbuzo omusha ekhasini elisha.
7. Bhala ngokucacileyo nangobunono ukuze kube lula ukumaka umsebenzi wakho.
8. Phendula yonke imibuzo ngesiZulu esihle.
IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Skip to contentQuestion paper 











View all
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2018 Question Paper
IEB Grade 12 Isizulu HL Paper 2 question paper from the 2018, 11 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.
Publisher: IEB
Isizulu HL · Grade 12 · 2018. Question paper, 11 pages. Read online or download the PDF.
- Subject
- Isizulu HL
- Grade
- Grade 12
- Document type
- Question paper
- Year
- 2018
- Paper
- 2
- Publisher
- IEB
- Curriculum
- IEB
- Pages
- 11
- File size
- 1.0 MB
Loading document…
Loading document…
1 of 11
Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-2 kwayi-11
ISIQEPHU A UMSHADO – NELISIWE ZULU
• Lesi siqephu sinoMbuzo 1, uMbuzo 2, uMbuzo 3, noMbuzo 4.
• Phendula yonke imibuzo.
• Qala yonke imibuzo yalesi siqephu ekhasini elisha.
• Uzothola amamaki kulokhu okulandelayo:
– ulwazi lwendaba.
– ukwethula umbono wakho uwusekele kahle.
– ukubhala inani lamagama.
– isipelingi esihle.
– ulimi oluhle.
UMBUZO 1
Funda isigatshana esicashunwe endabeni UMSHADO. Phendula imibuzo engezansi.
[<www.google.co.za>]
Emva kwesikhashana nje atheleke uPamella. Ufika ngemoto
ebomvu. Athi ukwethuka uBheki. Akhumbule ukuthi uLindiwe
naye wathathwa imoto ebomvu. Abone uSifiso ephakamisa isandla
ebingelela uPamella. Imxake futhi leyo nto uBheki. Ubengazi
ukuthi uPamella noSifiso bayazana. Aqonde kuPamella uBheki.
Babingelelane. Akhiphe imali uBheki.
"Ngiyibale?"
"Ungazihluphi."
Abonge uPamella. Asuse imoto ahambe. Ayibuke uBheki le moto
ize iyosithela. Athathe izinombolo zayo.
"Kanti nawe usuyikhasimende
yini?" USifiso lowo obuzayo.
[<www.google.co.za>] [Ikhasi 38–39]
IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-3 kwayi-11
1.1 Ubani uPamella ngokwale noveli? (1)
1.2 Babedayisani oPamella noTholi? (1)
1.3 UPamella wayezokwenzani ngesikhathi efika kuBheki esikoleni? Chaza
kahle. (2)
1.4 Yini eyayingaphathi kahle uBheki ngale moto ebomvu eyayihamba
uPamella? (1)
1.5 Phendula le mibuzo, ubhale impendulo ezoba ngamagama angama-80
ngokulandelayo.
Qhathanisa uBheki noSifiso:
• Bhala okufanayo ngabo. (1)
• Bhala okuthathu okuhlukile ngabo. Sekela ngokwenzeka enovelini. (6)
• Khetha umlingiswa oyedwa kulaba ababili. Uma uBheki noma uSifiso
ubengumngane wakho, lokhu bekungaba namuphi umthelela empilweni
yakho? (1)
Ulimi nohlelo (1)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[15]
IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-4 kwayi-11
UMBUZO 2
Funda lokhu okulandelayo bese uphendula imibuzo. Bhala impendulo ngezigaba.
Phendula ngamagama asukela kwayi-100 kuya kwayi-120.
Kule ndaba UMSHADO, uTholi uvezwe njengomlingiswa okhohlakele futhi onobugebengu.
• Chaza ngobugebengu kanye nenkohlakalo yalo mlingiswa. Bhala amaphuzu
amane ukusekela. (4)
• Ngokucabanga kwakho, yiziphi izizathu ezazenza lo mlingiswa ukuthi enze lobu
bugebengu kanye nenkohlakalo? (2)
• Bhala isiphetho sale noveli kabanzi. Bonisa ukuthi kwenzekani kulo mlingiswa
kanye nabangane bakhe. (3)
• Yini oyithandile ngalesi siphetho? Chaza kafishane. (2)
• Bhala isifundo ositholile ngokwenza ubugebengu nenkohlakalo. Sebenzisa
izibonelo ezisenovelini. (2)
Ulimi nohlelo (1)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[15]
IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-5 kwayi-11
UMBUZO 3
Bhala ingxoxo ezoba ngamagama ayi-130 kuya kwayi-150.
Emva kweminyaka embalwa uTholi esaphuma ejele uhlangana noBheki endaweni
yaseNyawushane okokuqala. Bhala ingxoxo phakathi kwabo bobalili.
[<www.google.co.za>]
Ingqikithi (okusendabeni = 4 / okwakho = 2) (6)
Isakhiwo (2)
Ulimi nohlelo (1)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[10]
IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-6 kwayi-11
UMBUZO 4
Bhala i-eseyi ezoba ngamagama ayi-180 kuya kwangama-200. I-eseyi yakho
mayihlukaniseke ngezigaba.
"Uthando luyimpumputhe/aluboni." Ngenxa yothando umuntu angenza izinto eziningi
ezingahlukumeza yena kanye nabanye.
Sebenzisa lokhu okulandelayo ekubhaleni i-eseyi yakho mayelana
nesitatimende esingenhla:
Isingeniso
• Bhala umbono wakho ngalesi sitatimende esingenhla kanye nomlingiswa
ogqamile ohambisana nesitatimende. (2)
Ingqikithi
Chaza izenzo zakhe enovelini ezihambisana nesitatimende:
• Uma esehlangane noTholi. (3)
• Amaphupho kayise. (2)
• Izexwayiso (warnings) zikaSifiso noma zikanina noma zikamalume. (2)
• Uma evakashelwe nguLindiwe. (2)
• Ukuxabana kwakhe noBhatomu. (2)
• Isithunzi sakhe emphakathini. (2)
Isiphetho
• Phetha ngokubhala umbono wakho ngalo mlingiswa kanye nezenzo zakhe. (2)
Ulimi nohlelo (1)
Isakhiwo – ukubhala ngezigaba (1)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[20]
Amamaki angama-60
IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-7 kwayi-11
ISIQEPHU B UKUBHALA NOKWETHULA
Lesi siqephu sinoMbuzo 5 noMbuzo 6.
• Qala yonke imibuzo yalesi siqephu ekhasini elisha.
• Uzothola amamaki kulokhu okulandelayo:
– Isakhiwo esifanele.
– Ithoni nerejista efanele.
– Ulimi oluhle.
– Isipelingi esihle.
– Ingqikithi enhle.
– Ikhono lokuziqambela.
– Ukubhala inani lamagama.
UMBUZO 5
Phendula uMbuzo 5.1 NOMA uMbuzo 5.2. Bhala amagama ayi-150 kuya
kwangama-200.
Amaminithi omhlangano
5.1 Esikoleni sakho abafundi bakukhethe ukuthi ube nguNobhala wenhlangano
emele abafundi. Emhlanganweni wenu wokuqala nakhuluma ngezinto
ezinganijabulisi njengabafundi. Bhala amaminithi omhlangano. Sebenzisa
amaphuzu amane alandelayo noma uziqambele awakho.
[<www.google.co.za>]
Ephuzwini ngalinye (each) enikhulume ngalo – nika iziphakamiso kanye
nesinqumo.
• Ukusetshenziswa kwezinkundla zokuxhumana kabi. (4)
IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-8 kwayi-11
• Ukuhlukunyezwa kwabafundi abasha/abafikayo. (4)
• Ukusetshenziswa kwezidakamizwa ngabafundi. (4)
• Ukufunda ngezinsuku zamaholide asemthethweni. (4)
Ingqikithi (16)
Isakhiwo (7)
Ulimi nohlelo (6)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[30]
NOMA
IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-9 kwayi-11
Incwadi yakomkhulu/yebhizinisi
5.2 Wena ungumfundi omdala osaqeda esikoleni (old girl/boy) manje ingane
yakho ifunda kulesi sikole. Njalo uma ulanda ingane yakho, uthola ukudumala
ngenxa yokushintsha nokungahloniphi amasiko esikole (school traditions).
[<www.google.co.za>]
Bhalela uthishanhloko incwadi yokukhononda ezofaka okulandelayo:
• Amasiko esikole abangasawahloniphi/angasahlonishwa; yimaphi.
Bhala amaphuzu amane. (4)
• Kudalwa yini ukuthi angasagcinwa lawa masiko. (4)
• Kubaluleke ngani ukugcinwa kwalawa masiko. (4)
• Izixazululo ezingasiza ekugcinweni kwamasiko. (4)
Ingqikithi (16)
Isakhiwo (7)
Ulimi nohlelo (6)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[30]
IEB Copyright © 2018 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-10 kwayi-11
UMBUZO 6
Khetha uMbuzo 6.1 NOMA uMbuzo 6.2. Bhala amagama ayi-120 kuya kwayi-
150.
Ikhadi lokubonga
6.1 Ngesikhathi usafunda amabanga aphansi, bewungumfundi ohluphayo,
ongahloniphi, ongalaleli kodwa uthisha wakho akazange aliphonse
ithawula. Manje usanda kuthola imiphumela yakho emihle kakhulu
kamatikuletsheni. Bhalela lo thisha ikhadi lokubonga, umbonge ngesenzo
sakhe esihle.
[<www.google.co.za>]
Ingqikithi (6)
Isakhiwo (2)
Ulimi nohlelo (1)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[10]
NOMA
IEB Copyright © 2018
Downloaded from hlayiso.com
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA: IPHEPHA II Ikhasi lesi-11 kwayi-11
Umlando kamufi
6.2 Emndenini wakho kushone umalume obengusaziwayo kwezomculo.
Umndeni wakho ucele wena ukuthi ubhale umlando kamufi ozofundwa
ngosuku lomngcwabo.
[<www.google.co.za>]
Ingqikithi (6)
Isakhiwo (2)
Ulimi nohlelo (1)
Inani lamagama nokulibhala (1)
[10]
Amamaki angama-40
Amamaki esewonke: 100
IEB Copyright © 2018
Study this subject
Revise the topics in this paper, then practise them question by question.
Recommended for this subject
More papers and memos for this grade and subject.

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2019 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2019 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2018 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2017 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2017 Question Paper

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2016 Question Paper
Related documents

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2018 Memo

Question paperIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2016 Question Paper

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2018 Memo

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2019 Memo

MemorandumIEB
Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2017 Memo

MemorandumIEB


