Skip to content
Question paper

Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 1 2019 Question Paper

IEB Grade 12 Isizulu HL Paper 1 question paper from the 2019, 15 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Publisher: IEB

Subject: Isizulu HLGrade 12201915 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION NOVEMBER 2019 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA: IPHEPHA I ISIZULU HOME LANGUAGE: PAPER I Isikhathi: amahora ama-3 Amamaki ayi-100 QAPHELA LOKHU OKULANDELAYO 1. Amakhasi aleli phepha ayi-15. Qiniseka ukuthi nelakho liphelele. 2. Leli phepha lineziqephu EZINE, isiqephu A, B, C kanye no D. Bhekisisa ukuthi nelakho linazo zonke iziqephu. 3. Qala isiqephu EKHASINI ELISHA. Uvumelekile ukuqala nayinoma ngasiphi isiqephu osithandayo kodwa usiphendule sonke usiqede ungaxubanisi imibuzo yeziqephu. 4. Bhala izinombolo zemibuzo zibe njengoba zibhaliwe ephepheni lemibuzo. 5. Fundisisa yonke imibuzo kahle ngaphambi kokuyiphendula. 6. Ungabhali lutho ngale kwemajini. Shiya imigqa emibili njalo emuva kombuzo. 7. Bhala ngesandla esicacile, esifundekayo futhi umsebenzi wakho uhleleke kahle ngobunono. IEB Copyright © 2019 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-2 kwayi-15 ISIQEPHU A UKUQONDISISA UMBUZO 1 Funda le ndaba elandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela. UTHISHA AKABABONI BEYIZIBOSHWA ABAFUNDI [UNkk. Thuli Mazibuko ungomunye wezingqalabutho zothisha esikhungweni sezemfundo sasejele eWestville i- Usethubeni Youth Centre, nothishanhloko walesi sikole uNkk. Neli Mkhize ngesikhathi kunomcimbi wokuklonyeliswa kwabafundi abenze kahle kumatikuletsheni emajele akuleli kulo leli jele onyakeni we-2018.] 1 "ANGITHANDI ukwazi ukuthi umfundi osesikoleni sami udonsa siphi isigwebo, ngifuna ukubabona befana bengabafundi abalangazelele ulwazi." Usho la mazwi nje uyamamatheka, akabuzwa umuntu ojajile futhi obizelwe kulo msebenzi. Kwakusobala ukuthi le nkulumo ifuqwa wugqozi nentshisekelo yokwenza umehluko kulabo asebelahlelwe izandla, asebephenduke imbuqu yomlotha. 2 Lokhu kushiwo uNkk. Neli Mkhize uthishanhloko wesikole sasejele eWestville, i-Usethubeni Youth Centre, ngemuva kokuthi isikole sakhe sichonywe uphaphe lwegwalagwala ngokuthola ama-bachelor pass amaningi ngokuziqwaqwada zonke emakhanda ezinye izikole zasemajele kuleli ebezinabafundi bakwamatikuletsheni, emcimbini wokuhlonishwa kwabafundi nothisha abenze kahle ngonyaka we-2018, eWestville ngoJanuwari. 3 Ngunyaka wesithathu abafundi bakulesi sikole bephasa ngo-100%. Ubungayibona injabulo ebibhalwe ebusweni lapho nabo bemenyelwe emcimbini ohlelwe nguMnyango wezeMfundo wokuklomelisa labo abaphase ngamalengiso. Selokhu engenile kulesi sikhundla ngonyaka we- 2015 abafundi balesi sikhungo abenza umatikuletsheni bazidlela amahlanga, badlule umshubo okumangaza abaningi kule minyaka emithathu. Uma ebuzwa imfihlo yakhe uphendule ngokugqamisa amaphuzwana asibeka sicace bha isithombe salokhu okuyisisekelo sale mpumelelo. Phakathi kokunye uphawule ngomgomo wokuqala azibekela wona ukuthi angababuzi abafundi ukuthi badonsa ziphi izigwebo ukuze kungabi khona umfundi azombheka ngendlela ehlukile. IEB Copyright © 2019
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-3 kwayi-15 4 Ngesikhathi ngithatha umsebenzi wokuba uthishanhloko kulesi sikole ngangazi ukuthi akuwona umsebenzi olula kodwa futhi kunezinselelo, ezinye zazo kunzima kungumqansa ukuzinqoba," kusho uNkk. Mkhize. Ukubambisana koMnyango wezeMfundo nowoku- Hlunyeleliswa kwezimilo kubambe iqhaza elikhulu kule mpumelelo. Asinayo inkinga nhlobo yezinsizakufundisa ngoba konke siyakuhlelelwa kusenesikhathi. Lesi sikole nyakenye besinabafundi abangama-23 kumatikuletsheni, abayishumi nesikhombisa bathole ama-bachelor pass kwathi abayi-6 bathola ama-diploma. Uthe ukuthola imiphumela emihle kwalesi sikhungo kweyame kakhulu endleleni ahlela ngayo indlela yokufunda nokufundisa njengoba ethi ngoDisemba ikilasi likamatikuletsheni onyaka wama-2019 beseliqalile ukufunda. Uthe yize othisha bevula ngoJanuwari kodwa yena nabanye othisha abayiziboshwa (ababengothisha bengakaboshwa) kuleli jele bayacelwa ukuba balekelele ekufundiseni ngoDisemba uma othisha abasemthethweni bengakavuli ezikoleni. Phela bakhona othisha ababoshwayo ngoba benze amacala amabi, yibo laba abavame ukunikela ngekhono labo ekulekeleleni ukufundisa iziboshwa ezingabafundi. Kungumqondo ophusile ukuba kungathi ngoba nakhu beboshiwe bese kungcwatshwa namakhono abo angasiza ekuthuthukiseni iziboshwa ze kuthi mhla zidedelwa emphakathini zibe ziphethe izicucu ezingubufakazi bemfundo yazo eziyizuze ejele. Iziboshwa nazo zingabantu, zingakwazi ukuguqula indlela yazo yokuziphatha uma zigqugquzelwa futhi zinikwa ithemba ngengomuso eliqhakazile. 5 "Kuthi uma kuvulwa izikole, iziboshwa ezazingothisha zingakaboshwa, ebezifundisa ngoDisemba, zinikezele kothisha abasemthethweni abaqashelwe lo msebenzi, okuyibo abazoqhubeka lapho zigcine khona. Le ndlela yokufundisa isenza ukuthi sibe nesikhathi esanele sokuzihlela sibone ukuthi kumele siqinise kuphi kusenesikhathi," kusho yena belu uthishomkhulu walesi sikhungo. Ngenxa yempumelelo yesikole sakhe uthi onyakeni we-2018 uqala, ucelwe ukuthi alekelele ejele iQalakabusha, okube nomthelela omuhle kubafundi abayiziboshwa bakulo leli jele, nalo lilale isithathu ngokuthola o-distinction abaningi. 6 "Zikhona izingqinamba esibhekana nazo, ezinye zazo ziyefana nalezo ezenzeka ezikoleni ezijwayelekile njengokudojwa kwamakilasi. Umfundi akanqeni ukuthi athi uyagula uphethwe yikhanda, abike lokhu nalokhuya, ebambelela ezidindini enqena nje ukuya ekilasini, mina njengothisha kumele ngihlale nginamaphilisi ngimnikeze ngibone ukuthi uzokhala ngani. Abanye abafundi bethu basuke sebedikilwe bafulathelwa uzalo lwabo ngenxa yokuba ngamahlongandlebe emigundatshani. Kuba nzima ukuthi ngicele umzali ukuba abe yingxenye yokusiza umfundi ngoba enhliziyweni yakhe usuke esephonse ithawula ngaleyo ngane. Uma kunjalo kumele ngiphume ejele ngiye kwakhe siyoxoxa, ngilokhu ngivakasha izikhawu eziningi ngaphambi kokuthi akwemukele ukuba yingxenye yemfundo yengane yakhe," kusho uNkk. Mkhize. 7 Uthe okunye okuyingqinamba enkulu ukuthi laba bafundi uma sebephothule umatekuletsheni, badinga umuntu ozobabamba ngesandla aye nabo emanyuvesi abeluleke ngempilo yangaphandle abasuke bengasayijwayele. Nokho lokhu kuthanda ukuqansa ngoba nomphakathi usuke usuphelelwe yithemba kulezo ziboshwa, awube usafuna nakuzwa. Yingakho-ke mina ngizithwese lelo joka lokuhlahla indlela yalaba bafundi eya empumelelweni. Ngihlose ukuqeda inkolelo ethi, "Uma uke waboshwa, kusuke sekuphelile ngawe". IEB Copyright © 2019 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-4 kwayi-15 8 "Akekho omunye umuntu ongenza lokho ngaphandle kwami, uma umfundi wami emukelwe enyuvesi yaseKapa ngihamba naye ngimcathulise, ngihambe naye iminyaka yonke efunda. Uma eseqedile uyabuya azosiza lapha esikoleni ngesihle, ngigcina sengifana nelungu lomndeni wabo." Kuqhuba yena belu uNkk. Mkhize. Uphinde waqhubeka nale nkulumo, egcizelela nokuthi kulo nyaka ophezulu kulesi sikhungo bazimisele ukwenza ezibukwayo, inqobo nje uma iphupho lisaphila. "Siyolihlakulela, kukhule ikhaba eliyothi lingakhula, maqedane lithele izithelo ezinhle ezizothuthukisa abasha nabadala ababoshiwe ze nabo bakwazi ukuthatha indawo yabo ebafanele emnothweni waleli zwe." Kuphetha uNkk. Neli Mkhize, ubona nje ukuthi ukhuluma ngento ayizwa ngaphakathi. [Indaba ithathelwe ku-website i-News 24, yathasiselwa ngaphezulu] 1.1 Chaza ukuthi kwakuyini inhloso yomcimbi owawenziwe ejele eWestville. (1) 1.2 Kuchaza ukuthini ukuthi, uthisha uyingqalabutho? (1) 1.3 Chaza ukuthi igama lesikhungo "i-Usethubeni Youth Centre" lihambisana kanjani nokushiwo kule ndaba. (2) 1.4 Kungani igama "ANGITHANDI" esigabeni sokuqala, libhalwe ngosonhlamvukazi? (1) 1.5 Nikeza incazelo yesisho esibhalwe ngokugqamile esigabeni sesibili. (1) 1.6 Ngokwendaba, yiliphi iqhaza elibanjwa nguMnyango Wezemfundo ekukhuthazeni iziboshwa ukuba zifunde nazo? Bhala okubili. (2) 1.7 Masu mani asetshenziswa kulesi sikhungo ukuze sizuze impumelelo esezingeni eliphezulu? (2) 1.8 Qhathanisa abafundi abasezikoleni ezijwayelekile nalesi sasejele. Bhala okukodwa. (1) 1.9 Thuba lini elivulekela umfundi ophase ngeBachelor pass? (1) 1.10 Mthelela muni ongalethwa ulwazi lothisha ngezigwebo zabafundi bakulesi sikhungo? (1) 1.11 Amazwi athi, "Uma uke waboshwa, kusuke sekuphelile ngawe" asesigabeni sesi-7 angumbono noma ayiqiniso? Sekela ngokubhekisa endabeni. (2) 1.12 Hlaziya ukuthi sithola sithombe sini ngoNkk. Mkhize ngamazwi athi: "Akekho omunye umuntu ongenza lokho ngaphandle kwami". (2) 1.13 Fingqa ngokugqamile umyalezo owethulwa kule ndaba. (1) [18] IEB Copyright © 2019
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-5 kwayi-15 UMBUZO 2 Bukisisa lesi sithombe esilandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela. Njalo ekupheleni kwenyanga, emuva kokuhola le nsizwa izinto ziyayibhedela. umakhalekhukhwini IBHANGE IBHAJETHI [Isithombe sicashunwe ku-inthanethi] 2.1 Chaza inkinga ebhekene nale nsizwa esesithombeni. (1) 2.2 Hlaziya isithombe esethulwa ngamakhukhu ale nsizwa. (1) 2.3 Nikeza okuhle okungaba ngumphumela wokwenza ibhajethi. Impendulo mayihambisane nokusesithombeni. (1) 2.4 Ngumbono noma yiqiniso ukuthi, le nsizwa ayilujabuleli usuku lwayo lokuhola? Sekela ngokubhekisa kokwenzeka esithombeni. (2) 2.5 Le nsizwa ihola imali eningi. Uyavuma noma uyaphika? Sekela kahle. (1) 2.6 Wena ungayisiza kanjani le nsizwa ukuthi iphume kulesi simo ekuso? (1) [7] Amamaki angama-25 IEB Copyright © 2019 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-6 kwayi-15 ISIQEPHU B UKUFINGQA UMBUZO 3 IMIYALELO 1. Fingqa lesi siqeshana ngamagama akho angedluli kwangama-80. 2. Fingqa kube yisigatshana kodwa amaphuzu agqame abe yisihlanu. 3. Ungabe usasibhala isihloko uma ufingqa. 4. Bhala inani lamagama owasebenzisile ekugcineni kwesiqeshana osifingqile. INHLOLOKHONO YOMSEBENZI Kukhona imisebenzi noma izikhundla ezisemqoka nezinengcuphe okungangoba umuntu ofanele ukunikezwa zona udinga ukuba ahlolisiswe impela ukuthi unazo izimpawu ezidingeka kumuntu ozoqashwa kulowo msebenzi. Imvamisa imisebenzi enjalo idinga ukuba abantu abafaka izicelo bagcwalise amafomu athile, bese kufuneka nokuthi wayiphasa yini incwadi kumbe iziqu ezidingeka kulowo msebenzi. Umsebenzi noma isikhundla esinjalo sibuye sifune ukuba isicelo sakho siphaswe yizincomo ezilotshwe phansi ngabantu abaziwayo emphakathini, nabangafakaza kugcwale umlomo ngobunjalo bakho. Kwesinye isikhathi kuze kudingeke ukuthi kuvele wena uqobo phambi kwesigungu esengamele inhlolokhono, uzophendula imibuzo maqondana nesicelo sakho. Lesi sigungu sibuye sisebenzise lelo thuba ukuhlolisisa ubunjalo bakho bukhoma, okubasiza ukuthi banganciki kakhulu kulokho abakutshelwe ngabanye ngawe. Ukubonana ubuso nobuso, nikhulume umlomo nomlomo kwethula isithombe esigqamile ngomuntu ofuna umsebenzi. Isiqu somuntu phela kuningi esikudalulayo njengokuthi unesithunzi yini, uyathandeka, yinono noma yidlabha yini. Ukukhuluma kwakho kuveza ukuthi ungumuntu ongathenjwa noma uyihapheshwana lethatha, uzithobile noma uyisichivolo esibukela phansi abanye abantu. Okukhulu kunakho konke kucacisa kuthi bha ngokufaneleka kwakhe emsebenzini afake isicelo kuwo. Le nqubo yokuhlunga izicelo iyasetshenziswa nakubantu abafuna imifundaze, abatsheleka izimali emabhange, abafuna ukuqala amabhizinisi, nokunye okuningi. Umuntu uthi ephuma kuleyo nhlolokhono, isigungu sibe sesicishe sazi konke ngobuyena. Phela abantu abenza inhlolokhono, kuvame ukuthi kube ngabantu abanekhono kanye nesipiliyoni kulolo hlobo lomsebenzi ofunwayo. Ngakho-ke, kufanele ngempela uzimisele uma uya kule nhlolokhono. Uqaphele indlela ogqoke ngayo, ungahlobi kuze kweqe noma uswenke kakhulu nangemibala egqamile sengathi uya emshadweni. Imibala ezothile nje, omnyama, onsundu, omhlophe neminye nje ehlanganiswe kahle. Kugweme ukufika uyisihlahla sikakhisimusi ngoba akukwenzi ubukeke njengomuntu ozimisele ngomsebenzi. Indlela okhuluma ngayo mayicace, izwi ligqame ukuze bezwe bonke abakuhlolayo. Ekugcineni, ungakhohlwa ukuthi nibaningi eniwufunayo lo msebenzi, niyancintisana. Uma usiqonda kahle lesi saga esithi, "ingwe idla ngamabala" uyophumelela. [Icashunwe encwadini IsiZulu Sansondo, Ibanga 7, ikhasi 120 yathasiselwa] Uzomakwa kanje: Amaphuzu (5) Amagama omfundi (3) Inani lamagama (2) Amamaki angama-10 IEB Copyright © 2019
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-7 kwayi-15 ISIQEPHU C IZINKONDLO UMBUZO 4 INKONDLO ENGAFUNDWANGA EKILASINI 4.1 Funda le nkondlo engezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. NDINGASITHEBENI – NGU-NKOSINATHI T.B. SHABANGU 1 Zolo lokhu ubuthwabaza KwaNdongaziyaduma Namuhla bakuhebeza eSwazini, Linye ilanga ukuhamba kuzale induna, Isalakutshelwa sibona ngomopho. Mhlazane uzidingisa ngakhwela intaba Nginenhloso yokuwuhlaba umkhosi ze bakweqele Naphambili ngampongoloza ngaqhweba ngasha nezwi Qaphela uve ludla isisila salo. 9 Ngikubonile ubuya zibuya inhlazane, Ngikubonile ukhophoza udangele udidekile Ngabe ngithi umathebeni usegoqile Pho, waphulukundlela waphunyuka Ungizosho lona okabani? Nokho nonyokomkhulu wayekuncinzile Wakudonsa ngendlebe ukuthi nelengqwele liyopha. 16 Kulo mhlambi wakho ongaka Ubani oyowela eshweni? Eshweni lokubhecwa ngengcabhayi Nomshayeli weloli uyazihlaba Kwamabhalane Kwandabazabantu uyazihlangula Kanti lo mthwalo okabani Oxamu bayabusa ekweneni. 23 Mntakadadewethu amashwa ayohlala elakanyana Kuncane lokhu, usazokubona ukubelethe Nobabamkhulu samfihla usathilileka ezintabeni Sazila sakhala zaze zoma Lo mhlola osibuyela nawo ufana nebibane, Ibibane elidle ngeminjunju emndenini Mshana inja yokuhamba ibindwa uqhotho. [Icashunwe encwadini Umcakulo, ekhasini lama-36] 4.1.1 Hlaziya ukuthi, isihloko sale nkondlo sihambelana kanjani nokushiwo enkondlweni. (2) 4.1.2 Imbongi idumele futhi isiphelelwe yithemba. Sekela lesi sitatimende ngamaphuzu amabili. (2) IEB Copyright © 2019 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-8 kwayi-15 4.1.3 Hlaziya inkulumo esemgqeni we-19 nowama-20. (1) 4.1.4 Chaza ukuthi imbongi ilikhetheleni igama elithi "umhlambi" esitanzeni sesithathu. Yini umhlambi? (3) 4.1.5 Moya muni oqukethwe ngamazwi athi: Lo mhlola osibuyela nawo ufana nebibane? Chaza. (2) [10] IEB Copyright © 2019
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-9 kwayi-15 IZINKONDLO EZIFUNDWE EKILASINI 4.2 Phinda futhi ufunde le nkondlo engezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBULALAZWE 1 Lesi sithomb' esiluhlaza cwe 2 Esizingxabo bezethembis' ukujula 3 Zikhiqiz' izithelo ezinonophele 4 Ebeziyophilis' umhlabathi wobabamkhulu 5 Namuhla lesi sithombo siyawohloka, 6 Lokhu kukhabatheka kuyayetheka, 7 Hlaz' olwalulapha washonaphi? 8 Lizw' elihle elinothile 9 Lizw' elike laphuphuzel' impilo 10 Wakhehlek' okwezinhlanga zommbila 11 Zincibilikiswe ngesinjan' isivuvu 12 Lezi zingxab' ebeziqul' emqubeni? 13 Nhlabath' ebivundile 14 Kwabun' umqumb' usaqhakaza 15 Le nkephunkephu isiyagcakagca. 16 Lesi silalava sinonophele 17 Emithanjeni yobuthumbu bomhlabathi 18 Sishaqa izidlakela zomhlabathi 19 Sizigwazela ibhece 20 Sigqisha iliba emcabangweni 21 Siziphuzela inyongo 22 Singene ngenxeba lesi sihlava 23 Esikhevaza insinde 24 Kuqungquluz' ugwadule. 25 Ihlasele le mpi 26 Ngizwa isililo simpongoloza 27 Izimpabanga zihashulwa yilangabi 28 Loselwa, buhl' obulapha wayangaphi? 29 Lolu khuvethe lwempi 30 Lwadlondlobala lwanganqandwa. 4.2.1 Phawula ngesigqi sale nkondlo. (1) 4.2.2 Chaza imizwa yembongi ngenkathi ibhala le nkondlo. Sekela kahle kuzwakale. (2) 4.2.3 Chaza umqondo ogcizelelwa yimbongi esitanzeni sesibili. (2) 4.2.4 Amazwi asemgqeni we-19, ethula sithombe sini ngokwenzeka esitanzeni sesithathu? (2) 4.2.5 Amagama adwetshelwe, alekelele kanjani ekugqamiseni indikimba yale nkondlo? (2) [9] IEB Copyright © 2019 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-10 kwayi-15 4.3 Phinda futhi ufunde le nkondlo engezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. LELI CHIBIKAZI 1 Balibona balibuke balithande, 2 Babona ukucweba nokuzotha kwamanzi, 3 Boncoma ukuhlanzeka nempilo yengaphezulu lamanzi, 4 Ngoba bethathwa ukuheleza komsinga wenjabulo, 5 Kungakho bethukus' amathemba abo kulona, 6 Ngoba linoxol' olungenadlame lwamadlambi. 7 Balibuka bancome bashay' izandla, 8 Imiphumel' emihle bayishayel' ihlombe 9 Ngoba bencom' ukucweba kwesibhakabhaka, 10 Ingani basho nokusho bethi 11 Kuleliya chibikazi kunempilo, 12 Lihlala ligeze ngencokazi, 13 Kanti kabaz' ukujula kwakho chibikazi. 14 Ngibezwile bezithamunda bemi kude, 15 Bekhombisan' uhlaza lwamathafa, 16 Bethi kuleliya chibikazi kugobhoza 17 Uthotholwane lwempilo njalo, 18 Ngena mzalwane kuleli chibikazi, 19 Zizwel' ubumnandi bobhuku lotalagu, 20 Ukuz' ukhombe ngeqholo neqiniso lokwaziyo. 21 Ngibezwile bethokomel' ezinkwazini zechibi, 22 Ingabe chibikaz' uyinqaba yokuphephela na? 23 Ngena mntakweth' uzizwel' imfudumalo yamanzi, 24 Ungalokh' uzwa ngabanye bekubekisela 25 Ngokujula kwesigodlo saleli chibikazi, 26 Ngen' uzizwele ukhulume ngokwaziyo, 27 Imbila yeswel' umsila ngokulayezela, 28 Ulokhu wophe ngomlomo nje! 4.3.1 Yikuphi okufakazela ukuthi imbongi ikhuluma ngento eyaziyo kule nkondlo? Chaza kuzwakale. (2) 4.3.2 Imbongi ingumuntu onomona futhi ongugombela kwesakhe. Uyavumelana noma uyaphikisana nalesi sitatimende? Sekela ngokubhekisa enkondlweni. (2) 4.3.3 Bhala uchaze inhloso yembongi ngokusebenzisa izimo zokukhuluma ezibhalwe ngokugqamile enkondlweni. (2) [6] IEB Copyright © 2019
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-11 kwayi-15 4.4 Phinda ufunde le nkondlo engezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. LIDUMEPHI? 1 Ngiyikho engiyikho? 2 Ngiyikho ngempela? 3 Ngiyikho ngani? 4 Ntoni yona lena engiyiyo? 5 Ntoni engenza ngibe yiyo? 6 Ngikwenzelani, ngizihluphelani, 7 Yon' injongo yengiyikho yini? 8 Yona yengikwenzayo yini? 9 Bese ingisiza ngani? 10 Ingitakula kuluphi utaku? 11 Njengompofu kanti ngicebis' abaningi, 12 Ngihlupheke ngithokoza, 13 Ngingathi ngokuntula ngisole, 14 Ngingathi ngokweswela ngigxibhe, 15 Ngibe nhliziy' igay' izibozi. 16 Njengongenalutho ebe enakho konke, 17 Izwe libona izimpabanga, 18 Izwe libona izihlupheki, 19 Kanti sinakho konke, 20 Kufihlakele kwabaningi. 21 Uma sisendaweni Yakho, 22 Intonga yeth' iyachichima, 23 Singabanezikhali zonke zokulunga, 24 Singabanoth' ukwedlul' abanothile. 25 Uma nje siNawe, singantulani? 4.4.1 Phawula ngenhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana-siqalo esitanzeni sokuqala. (1) 4.4.2 Mthelela muni olethwa ukusebenzisa uphawu lokubuza ekwethuleni indikimba yale nkondlo? (2) 4.4.3 Uphawu lukakhefane olusemgqeni wama-25, lubizwa ngokuthini ngolimi lobunkondlo kanti futhi yini umsebenzi walo? (2) [5] Amamaki angama-30 IEB Copyright © 2019 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-12 kwayi-15 ISIQEPHU D UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 5 5.1 Bukisisa le khathuni elandelayo bese uphendula imibuzo. [Umbhalo wokuziqambela, izithombe zithathwe ku-inthanethi] 5.1.1 Veza inkolelo kamama ngomakoti ongalotsholiwe. (1) 5.1.2 Hlaziya ukuchema emazwini emicabango kaNsizwa efreyimini yesibili. (2) 5.1.3 Khetha impendulo. Efreyimini yesithathu kusetshenziswe: (a) ulimi oluphoqayo (b) ulimi oluncengayo (c) inkolelo engaguquki (d) inkolelo echemile (1) 5.1.4 Tomula amazwi anolimi olunendelelo efreyimini yesine. Bhala umqondo odluliswa yila mazwi. (2) 5.1.5 Inkolelo kamalokazana iyaphikisana nosikompilo lwakubo kaNsizwa. Uyavuma noma uyaphika? Sekela ngokucubungula inkulumo yakhe. (2) [8] IEB Copyright © 2019
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-13 kwayi-15 5.2 Bukisisa lesi sikhangiso bese uphendula imibuzo ezolandela. AZIBUYE EMASISWENI MUZI ONSUNDU! WOZA UZOBONA INTO YAMEHLO!! Ziyobe zibulalana izingwazi zikaMaskandi I-CONCERT ESEZINGENI ELIPHEZULU! AKUKHETHWA BALA LAMUNTU! Amathikithi atholakala kuzo zonke izindawo ezakhele leli lwaKwazulu-Natali IMINININGWANE NGALELI CONCERT:  Ithikithi libiza u-R260 kuphela.  Izobanjelwa enkundleni eyimizuzu engu-10 ukuya enkabeni yeDolobha iTheku.  Ungazihambela ngezinyawo uye olwandle.  Le ndawo izungezwe ngamahotela aphambili.  Kunendawo eningi yokupaka izimoto namabhasi.  Imizuzu engama-45 ukuya esikhumulweni sezindiza. IEB Copyright © 2019 PHENYA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-14 kwayi-15 5.2.1 Ongenamali angakwazi ukuthamela leli khonsathi? Chaza kuzwakale. (1) 5.2.2 Lesi simo sokukhuluma esithi, "azibuye emasisweni", sihambelana kanjani nalokhu okukhangiswayo? (2) 5.2.3 Amazwi athi, "Izingwazi zikaMaskandi" anamthelela muni empumelelweni yalokhu okukhangiswayo? (1) 5.2.4 Kulesi sitatimende esilandelayo, kunamaphutha. Phinda usibhale ulungise lawo maphutha. '… eyimizuzu engu-10 ukuya enkabeni yeDolobha iTheku! (2) 5.2.5 Kungani kusetshenziswe ikhonco kuleli gama, "i-concert"? (2) 5.2.6 Bhala amasu amabili okukhangisa asetshenziswe ngumlobi kulesi sikhangisi. (2) [10] 5.3 Funda lesi siqeshana esicashunwe esichazamazwini bese uphendula imibuzo ezolandela. Chitha**(sz) ukukhipha igazi, ukumosha kungaphumeleli, ukuthatha isikhathi uziphumulele noma ungenzi lutho, ukusaphaza into ewuketshezi, ukuhluleka kulokho obukuzama  1 Ukukhipha igazi-Akekho umuntu ovunyelwe ukuchitha igazi lomunye umuntu. 2 ukumosha-Umama wakhe nguye ofuna ukuchitha ikusasa labantwana bakhe. 3 Bhala incwadi eya kubabekazi wakho ucel' ukuchitha iholidi lakho kwakhe. 4 Ukuchitha amanzi okugeza engadini kuyasiza ukuchelela izitshalo. 5 Ukuchithelwa ngaphandle-ukukhishelwa phandle entweni ehambayo noma endlini. 6 Ukuchitha izandla-ukuvula izandla uma ukhuluma, [Isichazamazwi, English Zulu Dictionary. Ibhalwe ngu-Doke nabanye, yalungiswa ngokunezezelwa, ikhasi 113] 5.3.1 Shintsha isenzo esithi "chitha" sibe sempambosini yokwenzeka bese wakha ngaso isaga esichaza ukumosheka kwezinto usisebenzise emshweni. (2) 5.3.2 Yakha ibizonto ngesenzo "chitha" bese wakha umusho oveza incazelo yalo. (2) 5.3.3 Sebenzisa isenzo "chitha" emshweni uveze umqondo owehlukile kulona ovezwe kulo musho ongezansi. Icala likamalume limchithile enkantolo izolo waboshwa. (2) 5.3.4 Sebenzisa lesi sisho, "ukuchithela izandla" emshweni ukuze kuvele incazelo yaso. (1) [7] IEB Copyright © 2019
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA I Ikhasi lesi-15 kwayi-15 UMBUZO 6 Funda lesi siqephu esilandelayo bese ulungisa amaphutha obhalomagama, osonhlamvukazi kanye nezimpawu zokuloba. Udokotela Nomfundo Mahlangeni osebenza enyuvesi yakwazulu Natal uthi, indawo ozalelwe kuyo nesimo okhule ngaphansi kwaso akuchazi lutho ngekusasa lakho. Ubekhuluma enza isibonelo ngoNkosikazi Sepati Mokhosi, ochonywe uphaphe lwegwalagwala ngokuthola iziqu zePhD kwiBiochemistry. "Kahle kahle ngubani owathi abantu abansundu ngeke baphumelele kulezifundo ezifuze lesi." [10] Amamaki angama-35 Amamaki esewonke: 100 IEB Copyright © 2019 PHENYA IKHASI

Study this subject

Revise the topics in this paper, then practise them question by question.

More papers and memos for this grade and subject.

More from Grade 12 Isizulu HL

View all