Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 1 NSC June 2015 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 12201513 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 1 question paper from the NSC June Exam 2015, 13 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2015

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com GRAAD 12 SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LOKUQALA (P1) 2015 AMAMAKI: 70 ISIKHATHI: 2 amahora Leli phepha linamakhasi ayi-13. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 2 DBE/2015 SCE IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30) ISIQEPHU B: Ukufingqa (10) ISIQEPHU C: Izakhiwo nezimiso zokusetshenziswa kolimi. (30) 2. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha. 3. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 4. Hlukanisa ngokudwebela emva kwesiqephu. 5. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhalwe emibuzweni. 6. Yeqa umugqa emuva kombuzo ngamunye. 7. Qaphela upelomagama kanye nokwakhewa kwemisho. 8. Ungasebenzisa isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-30 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-40 9. Bhala ngobunono futhi kubonakale. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 3 DBE/2015 SCE ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1: UKUFUNDELA UKUQONDISISA 1.1 Fundisisa UMBHALO A ubuye ubukisise NOMBHALO B ongezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO A (OFUNDWAYO) HLALA WENAMILE NGAMAHLAYA 1. Amahlaya ayizinkulumo ezinobuhlakani obenza lowo olalele achukuluzeke imizwa ngendlela ethize. Abanye bakhala ngisho izinyembezi ngenxa yokukitazwa yilolu hlobo lwenkulumo. Omunye uze akushaye esandleni noma akuncinze imbala ebe yena enganakile ngoba usuke ephelile insini. 2. Kuyaqapheleka kodwa ukuthi akuwona wonke amahlaya ahlekisa bonke abantu. Kukhona lawo adinga ukuthi usomahlaya aqonde izinto ezithile eziphathelene nempilo nezimzungezile ukuze abe mnandi amahlaya akhe. Lawo mahlaya kungathi uma behleka noma bewaqonda abanye, wena ungawaqondi kepha uphenduke inhlekabayeni. Kuyinkinga-ke lokho ngoba uma omunye walabo bantu engakubuza ukuthi uhlekani ngeke ukwazi ukumchazela. Amanye amahlaya awehli kahle ngoba asuke ethinta izinkolelo namasiko abantu okungafanele abukelwe phansi ngokuthi kuhlekiswe ngawo. 3. Emisakazweni nakomabonakude ayenziwa amahlaya ehlukahlukene futhi ahambisana neminyaka yabantu abathile. Lokhu kwenzelwa ukuthi izinhlelo zihlabahlose. Kunabasakazi abaziwayo ukuthi uma beshayela uhlelo lwabo bazoqhulula amahlaya azokitaza abalaleli babo. Abalaleli noma ababukeli basuke sebelinde ngabomvu becijise nezindlebe zabo. Umculo nawo uke usebenzise amagama abekwe ngendlela ehlekisayo. Kuyenzeka nje ukuthi umculi enze iphimbo lakhe lihlekise ukuze ajabulise abalandeli bakhe. 4. Imiphakathi iyadinga ukufundiswa ukuthi amahlaya ayingxenye yempilo yomuntu. Akulula nokho ukufundisa umuntu ongakhululekile emoyeni ukuba aqonde amahlaya. Ukuhleka komuntu kwenza kudede usizi. Uze ubone ngisho amehlo akhe kusengathi aqhakaze izinkanyezi. Lapho-ke usuke esehleka kuze kuvele nelomhlathi. Emiphakathini okuphilwa kuyona, kuyaziwa ukuthi kunezinsizwa nezintombi ezingayiqedi inkulumo yazo zingaliphonsanga ihlaya lapha nalaphayana. 5. Abakhiqizi nabadayisi abakhaliphile basebenzisa isu lokuhlekisa ukuze badayise imikhiqizo yabo. Umbukeli kamabonakude nomthengi baye bakhumbule njalo okuthile okade kusesikhangisini okuhlekisayo bese befuna ukuwuthenga lowo mkhiqizo noma kubelula ukuba bawukhumbule. Kuyaqashelwa futhi ukuba ihlaya malingahlekisi ngemikhiqizo eyenziwe ngezinye izinkampani. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 4 DBE/2015 SCE 6. Ukuba ngusomahlaya kuyisiphiwo akulona ikhono. Lona ngumsebenzi abaphila ngawo abanye abantu. Baningi osomahlaya bakuleli abadumile futhi asebegwilikile ngaleli khono. Lapha singabala oTrevor Noah, uJoe Mafela, uDesmond Dube nabanye. Bahlekisa ngosopolitiki nosaziwayo kwesinye isikhathi umuntu ahlekise nangaye uqobo. Osomahlaya bakhokhelwa imali eshisiwe uma beyonandisa emicimbini noma beyolalelwa emahholo athile. Bangabantu abakwaziyo ukubuka izinto ngezindlela ezehlukene bese ngobuhlakani obukhulu bethola okuzohlekisa abantu. Ungathi wenza into noma uyaphawula unganakile kanti usubanike umqondo wokwakha ihlaya. Kuthi sekudlule isikhathi eside sewuze wakhohlwa ukuthi wenzani noma wathini, uzwe sebesho okuhlekisayo ngaleso sigameko. Kuyenzeka abantu abangawuqondi umsebenzi wosomahlaya ubathole sebebazonda ngoba bengaqondi ukuthi inhloso yabo ngukuhlekisa hhayi ukugcona. 7. Ukuzihleka komuntu uma eyedwa kuyihlaya ngokwako futhi kuyelapha emoyeni. Kuyenzeka umuntu azithole esenze umsangano othile bese naye eyawuhleka. Lokhu kwenza ungahlezi uzenyeza uma ubona abantu behleka bese ucabanga ukuthi kuhlekwa wena. Ukusola abantu ukuthi bayakuhleka njalo kungakuqeda ukuzethemba uma ungumuntu osheshe azenyeze. 8. Kukhona abantu abenza amahlaya ngoba behlose ukugcona abanye abantu. Kungenzeka lowo okwenziwa ihlaya ngaye athukuthele noma abe inkomo edla yodwa. Kuba yingozi kakhulu lokhu ezinganeni ezisakhulayo. Ezinye ziyazibulala imbala ngenxa yamahlaya enziwa ngazo. Asuke enziwa yilabo abahlekisa ngezici zabantu noma badlale kuze kweqe bangalaleli noma sebekhuzwa. Akekho umuntu ongakujabulela ukugconwa phambi kwabantu asondelene nabo. 9. Akhona amahlaya abizwa ngamahlaya kepha angahlekisi nje nakancane. Uke uzwe umuntu esho ngesikhulu isibindi ukuthi ufuna ukuxoxela abantu ihlaya. Bayalindela-ke ukuthi uzothini. Uzoqala ahleke yena kuqala bese kuyabonakala ukuthi ayikho le nto. Uyothi eyibeka indaba yakhe, kuvele kuthule cwaka endlini. Ubone abanye bebheka phansi ngenxa yendumalo. Kuyenzeka-ke kube khona labo ababanamahloni bese bezihlekisa ubala ukuze angaphoxeki lowo muntu obethi uzama ukuhlekisa abantu. Kuyasiza ukuthi esikhathini esiningi uvele uzixoxele indaba ungazange uyibize ngehlaya. 10. Amahlaya mahle lapho abantu besezinhlungwini, begula noma bedangele. Abuyisa umfutho nethemba. Izaguga ziwathanda kabi ngoba enza zizizwe zilangazelela ukuphila impilo ende. Kubalulekile ukuba kwakheke isizwe sabantu abahlekayo ukuze imiqondo ivuleke ingagqilazwa izinhlupheko. Izinhliziyo zabantu abahleka njalo zikhululekile. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 5 DBE/2015 SCE 1.1.1 Yisho okwenziwa amahlaya kulowo muntu osuke elalele. (1) 1.1.2 Yiziphi izinto EZIMBILI okumele usomahlaya aziqaphele uma efuna amahlaya akhe abe mnandi? (2) 1.1.3 Chaza kafushane ngobuhlakani bosomahlaya ekuqambeni amahlaya abo. Bheka isigaba sesi-6. (2) 1.1.4 Hlanganisa ulwazi oluthole esigabeni sesi-4 nasesigabeni sokugcina bese uchaza kabanzi ngeqhaza elibanjwa ngamahlaya ezimpilweni zabantu. (3) 1.1.5 Khetha impendulo EYODWA kulezi ozinikiwe. Isimo sokukhuluma esidwetshelwe esigabeni sesi-2 sichaza ukuthi … A umuntu ohleka abayeni. B umuntu ohleka abakhwenyana. C umuntu ohleka angaqedi. D umuntu ohleka nokungahlekisi. (1) 1.1.6 Kubangelwa yini ukuba umbhali asebenzise amagama adwetshelwe esigabeni sesi-9? (2) 1.1.7 Ucabanga ukuthi ukuhlekisa ngezinkolelo namasiko abantu kungaba namphumela muni kulabo bantu okuhlekiswa ngabo? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3) 1.1.8 Chaza igalelo elibanjwe osomahlaya esikhathini samanje ekuthuthukiseni imboni yezikaqeda isizungu. (2) 1.1.9 Phawula ngesitatimende esibhalwe ngamagama agqamile esigabeni sesi-6. (2) 1.1.10 Kuliqiniso noma umbono ukuthi emisakazweni nakomabonakude amahlaya ahlukaniswe ngokweminyaka yabantu? Sekela impendulo yakho. (2) KANYE NO Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 6 DBE/2015 SCE 1.2 Bukisisa lezi zithombe ezingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO B (OBUKWAYO) 1 2 [Izithombe zosomahlaya ezithathwe ku-intanethi] 1.2.1 Yimuphi usomahlaya obukeka eyintandokazi phakathi kwalona otholakala esithombeni soku-1 nalona osesithombeni sesi-2? Sekela impendulo yakho. (2) 1.2.2 Chaza kafushane umehluko ovezwa imizwa yezethameli ezivela esithombeni soku-1. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 7 DBE/2015 SCE 1.2.3 Qhathanisa okufanayo okushiwo umbhali embhalweni A mayelana nendlela abantu abamukela ngayo amahlaya ngesikhathi bewalalele KANYE nokukhonjiswa esithombeni soku-1 embhalweni B. (4) 1.2.4 Hlaziya ngokwenziwa usomahlaya osesithombeni sesi-2 ukuheha izethameli zakhe. (2) AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 8 DBE/2015 SCE ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2: UKUFINGQA ISIQESHANA NGAMAGAMA AKHO Lesi siqeshana esilandelayo (UMBHALO C) sikhuluma ngemibono engakuthuthukisa uma ufisa ukuphumelela empilweni. IMIYALELO: 1. Fingqa lesi siqeshana esikhuluma ngemibono engakuthuthukisa uma ufisa ukuphumelela empilweni usebenzise amagama akho angedluli kwangama-80. 2. Fingqa ngesigaba. 3. Ungabe usasibhala isihloko uma usufingqa lesi siqeshana. 4. Bhala inani lamagama owasebenzisile ekugcineni kwesiqeshana osifingqile. UMBHALO C IMIBONO ENGAKUTHUTHUKISA UMA UFISA UKUPHUMELELA EMPILWENI Ziqhelelanise nokuhlala nezixuku ezingenayo inqubekela phambili. Lapha singabala abantu abayeke esikoleni bengaqedile, abangasebenzi, abangathuthukisi amakhono abo kanye nabadla izidakamizwa. Akukho ukuthuthuka komqondo ongakuzuza kulaba bantu ngoba abakukhuthazi ngemibono ephusile kodwa bayakuyenga ukuze ugcine usufana nabo. Zazi ukuthi ufunani bese ugxila kulokho okufunayo. Uma umqondo wakho ugxile ezintweni eziningi, ungagcina ubamba uyeka uze udideke ungazi ukuthi yikuphi okumele ukwenze. Lokhu kungakuchithela isikhathi ngoba ungagcina wenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa ogcina uzishiye phakathi ungaziqedanga. Indlela ibuzwa kwabaphambili. Zimatanise nabantu asebephumelele ucele usizo futhi uncele nolwazi kubona. Laba bantu bavame ukuba nemibono ephusile engakusiza ukuthi ubone izinto ngeso elithe thuthu. Bangakuhlomisa nangezinto okumele uzenze ukuze kube lula nakuwe ukufika ezingeni abakulo. Umhlaba uyahlaba awuncengi ufuna ukuthi usukume uzenzele. Kuningi ongakuthola uma uzizamela kunokuba uhlale ugoqe izandla noma ukhangeze uhamba ucela. Khumbula akukho nkwali yaphandela enye. Sebenzisa lonke ithuba olitholayo noma ngabe lincane kangakanani. Ungabe ulokhu ubheka ukuphiwa. Qaphela ukuthi akuyona yonke iminyango evaliwe ongayithola ikhiyiwe. Eminye yale mnyango idinga wena ukuthi uze kuyo ungqongqoze bese uvulelwa. Cwaninga ngezinhlelo ezihlinzekwa uhulumeni kubantu abangasebenzi. Into ezokusiza ngeke iziyele kuwena kodwa uwena okumele ubhukule ukuze uyithole. Kwagcina emandulo ukwehla kwemana ivela phezulu ngokweBhayibheli. Gwema ukungazethembi nokuzibukela phansi. Uma uzibukela phansi uzozingabaza emicabangweni yakho yokwenza izinto ezinkulu. Lokho kungakwenza ukuthi uzibekele imikhawulo empilweni. Kuyingozi lokho ngoba kunciphisa amaphupho akho futhi kungagcina sekushabalalise namanye amaphupho abengagcina ekwenze usaziwayo womhlaba wonke. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 9 DBE/2015 SCE Akube khona umaka lapho udlule khona. Zimisele futhi uzikhandle kokwenzayo ukuze uzophumelela. Yingakho kubalulekile ukuphila njengesigqila namuhla ukuze uphilise okwenkosi ngomuso. Konke lokhu kuzokwenza wehle izithukuthuku eziyoba isobho elimnandi lenala kusasa. AMAMAKI ESIQEPHU B: 10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 10 DBE/2015 SCE ISIQEPHU C: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 3: UKUHLAZIYA ISIKHANGISI Fundisisa lesi sikhangisi (UMBHALO D) bese uphendula imibuzo ezolandela. UMBHALO D (OFUNDWAYO NOBUKWAYO) THATHA ISINQUMO ESIPHUSILE! THOLA LOWO MSEBENZI OWUFUNAYO Kungabe unolwazi ngezinombolo kanye nokugcina kwemali? √ Isifundo ongasibhalisela: Ukugcinwa Kwezimali Kungabe unekhono lokusebenzisa izinto zobuchwepheshe? √ Isifundo ongasibhalisela: Ezobuchwepheshe Kungabe unekhono lokulingisa? √ Isifundo ongasibhalisela: Ukulingisa kumabonakude naseshashalazini THUMELA • Zifundele usekhaya. UMQHAFAZO OTHI: • Akukho nhlawulo 'NGISHAYELE' mawuphuzile ukukhokha. KU-072 266 6907 UKUTHOLA • Uthola usizo oluphelele IMINININGWANE ngezifundo ozibhalisile. MAYELANA • Kulula ukubhalisa. NOKUBHALISA Sivakashele ku-www.ungakwaziacademy.co.za Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 11 DBE/2015 SCE 3.1 Kungani igama lesikhungo libhalwe ngamagama agqamile? (1) 3.2 Ukusetshenziswa kwemibuzo kumnxenxa kanjani umfundi walesi sikhangisi ukuthi ayobhalisa kulesi sikhungo? Sekela impendulo yakho. (3) 3.3 Ngokucabanga kwakho kungani umkhangisi engafakanga inani lemali yokufunda neyokubhalisa? (2) 3.4 Lungisa igama elidwetshelwe elitholakala ephuzwini lesibili kulesi sikhangisi ulibhale ngobhalomagama oluvumelekile. (2) 3.5 Phawula ngolimi olukhohlisayo olusetshenziswe umkhangisi. (2) [10] UMBUZO 4: Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO E (IKHATHUNI) Bukisisa le khathuni engezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. [Icashunwe ku-intanethi] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 12 DBE/2015 SCE 4.1 Gagula OKUBILI okuyimbangela yokwethuka kwalo baba. (2) 4.2 Inkulumo yomfana ikhombisani uma uyiqhathanisa nesenzo sakhe sokuphatha isibhamu? (2) 4.3 Ucabanga ukuthi kungani umbhali wale khathuni esebenzise uphawu longqi abathathu ekugcineni kwenkulumo? (2) 4.4 Myalezo muni odluliswa umdwebi wale khathuni kubazali? (2) 4.5 Isenzo somfana sokuxazulula izinkinga ngesibhamu, samukelekile yini kuwena? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (2) [10] UMBUZO 5: Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO F UMKHOSI WOKWESHWAMA Umkhosi wokweshwama ungowokubonga isivuno sokuqala sonyaka. Ugujwa isizwe sonke ekuqaleni kwekwindla ngenyanga kaMasingana. Elinye igama lalo mkhosi ukunyathela uselwa. Miningi imidanti eqondene nalo mkhosi egcinwa yinkosi yesizwe. Abesifazane baleso sizwe baletha utshwala bomkhosi. Amabutho abulala inkunzi yenkomo ngezandla. 5 Ngakusasa kusempondozankomo amabutho anikela emfuleni ayogeza. Abuya lapho esevunule ngemibala yawo. Asebonakala ngezihlangu nangamabheshu ukwehlukanisa elinye kwelinye. Inkosi yona ivunula iconse ngezikhumba zezilo nezezingonyama. Ingena esibayeni ifike inyathele uselwa. Emva kwalokho luyaqotshwa, luphekwe maqede kosiwe imibengo yenkunzi ebulawe ngamabutho. 10 Umlilo usuke usubasiwe esibayeni. Luyothi lungavuthwa uselwa bese kwenziwa umcimbi wokusetshenzwa kwenkosi namabutho kumfimfithwa imibengo yenkunzi belu. Uma sekuqediwe imbongi noma undunankulu wesizwe uyomemezela athi okaNdaba useludlile uselwa izwe selingeshwama! Siyenanela isizwe ngokuthi 15 sithi, 'Bayede!' Emva kwalokho, imbongi iyozwakala isiwuqanduqandu igedeza onke amakhosi. Amabutho azosina adedelane. Amatshitshi nawo ayasina ngalolu suku. 5.1 Sebenzisa lesi siqu esibhalwe ngokugqamile emgqeni woku-1 emshweni ozakhele wona sesikhombisa umqondo wokwenzisa. (2) 5.2 Shono ukuthi igama elidwetshelwe emgqeni wesi-5, lenze msebenzi muni. (1) 5.3 Phinda ubhale umusho osemgqeni wesi-4 ukuze igama elidwetshelwe likhombise umqondo wokulandula. (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 13 DBE/2015 SCE 5.4 Hlanganisa le misho edwetshelwe emgqeni we-17 kuya kowe-18 ukuze kwakheke umusho ombaxa. (2) 5.5 Phinda ubhale lo musho osemgqeni we-14 usebenzise elinye igama elinomqondo ofanayo nowaleli elidwetshelwe. (1) 5.6 Khetha impendulo enembayo kulezi ozinikeziwe. Igama elibhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-6 lichaza … Khetha impendulo enembayo kulezi: A ekuseni kakhulu. B ekuseni kusenamazolo. C ekuseni kusasengwa. D ekuphumeni kwelanga. (1) 5.7 Phinda ubhale lo musho obhalwe ngokugqamile osemgqeni we-14 kuya kowe-15 usukhomba inkulumo ecashuniwe. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU C: 30 AMAMAKI ESEWONKE: 70 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all