Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 1 NSC June 2015 Memo

MemorandumisiZulu HLGrade 1220158 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 1 memorandum from the NSC June Exam 2015, 8 pages. Read online or get the free PDF download, question paper linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2015

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com GRAAD 12 SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LOKUQALA (P1) 2015 MEMORANDUM AMAMAKI: 70 Le memorandamu inamakhasi ama-7. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 2 DBE/2015 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1 1.1 1.1.1 Amahlaya achukuluza imizwa ngendlela ethize/amahlaya akhalisa abantu ngenxa yokubakitaza/omunye umuntu uze akushaye enganakile ngoba usuke esephelile insini.√ (1) 1.1.2 Kumele usomahlaya aqonde izinto eziphathelene nempilo√kanye nezimzungezile.√ (2) 1.1.3 Bayakwazi ukwenza amahlaya ngabo noma ngosopolitiki√futhi banobuchule bokuqamba amahlaya ngezinto eziphawulwa noma ezenziwa umuntu enganakile.√√ (2) 1.1.4 Esigabeni sesine umbhali uyachaza ukuthi ukuhleka komuntu kwenza kudede usizi empilweni yakhe.√ Kanti nasesigabeni sokugcina umbhali uyagcizela ukuthi amahlaya abuyisa umfutho nethemba kwabagulayo nabadangele.√ Enze izaguga zilangazelele ukuphila isikhathi eside.√ (3) 1.1.5 D/Umuntu ohleka nokungahlekisi.√ (1) 1.1.6 Umbhali uhlose ukwexwayisa/ukweluleka osomahlaya/abantu ukuthi bangasheshi bathi into abazoyixoxa iyihlaya bengakabi naso isiqiniseko sokuthi izethameli izozihlekisa yini leyo nto noma angeke izihlekise.√√ (2) 1.1.7 Kungaba nomphumela ongemuhle ngoba lowo somahlaya angazithola eseshaywa noma aphoqwe ukuba axolise kulabo bantu okuhlekiswe ngenkolelo yabo/kungaxabana izethameli zodwa kugcine sekubizwe amaphoyisa.√√√ (Nezinye izimpendulo ezisekele kahle) (3) 1.1.8 Abantu sebayakwazi ukuqeda isizungu ngendlela ehlukile kunakuqala, ngokulalela amahlaya. √ Sebemenywa nakwamanye amazwe/nasemicimbini eyahlukahlukene ukuyokwethula amahlaya abo.√ (2) 1.1.9 Ukuba usomahlaya kungaba yisiphiwo kuphinde kube yikhono kwabanye ngoba bakhona osomahlaya abanesiphiwo kodwa abangenalo ikhono lokwethula amahlaya.√√ (2) 1.1.10 Umbono ngoba emsakazweni amahlaya awahlukaniswa ngokweminyaka kukumabonakude kuphela lapho amahlaya ehlukaniswa ngokweminyaka.√√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 3 DBE/2015 SCE – Imemorandamu 1.2 1.2.1 Usomahlaya osesithombeni sesi-2 ngoba unezithameli eziningi ezikhombisa ukuwathakasela amahlaya akhe. √√ (2) 1.2.2 Izethameli ezitholakala esithombeni soku-1 ziveza imizwa engafani ngoba ezinye ziyahleka. Kanti ezinye azihleki zikhombisa ukungawathakaseli amahlaya abo.√√ (2) 1.2.3 Embhalweni A kuyavela ukuthi akuwona wonke amahlaya ahlekisa bonke abantu. Kukhona ihlaya elingahlekisa omunye umuntu kodwa libe lingeke lamhlekisa omunye kanti√√ isithombe sokuqala embhalweni B, siyahambisana nokushiwo umbhali ngoba sibona usomahlaya ezama ukuhlekisa kodwa iningi lezethameli alihleki kuhleka abambalwa kuphela. Kungenzeka ukuthi nabo bahleka ngoba besaba ukuthi engaphoxeki noma lokhu okubahlekisayo bona akubahlekisi abanye.√√ (4) 1.2.4 Ukugoba kukasomahlaya kungenziwa ukuthi wenza amahlaya ebhekise kulaba bantu abahlezi etafuleni abuka kulona/Lo somahlaya ungumuntu othanda ukusondelana nezethameli zakhe uma enza amahlaya ukuze kube nokuxhumana/bamuzwe kahle ukuthi uthini.√√ (2) AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 4 DBE/2015 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2 Amaphuzu acashuniwe Amaphuzu owabeke ngamagama akho 1 Ziqhelelanise nokuhlala nezixuku 1 Ungazibandakanyi nabantu ezingenayo inqubekela phambili. abanezimpilo ezingenanhloso yokuphumelela. 2 Zazi ukuthi ufunani bese ugxila 2 Kwazi okudingayo empilweni bese kulokho okufunayo. unamathela kukona. 3 Zimatanise nabantu 3 Yiba nobuhlobo nabantu asebezuze asebephumelele ucele usizo futhi lukhulu empilweni ukuze uncele nolwazi kubona. bakucobelele ngolwazi. 4 Sebenzisa lonke ithuba olitholayo 4 Sebenzisa umzuzu nomzuzu noma ngabe lincane owutholayo empilweni ngendlela kangakanani ungabi ubheka efanele ungalindeli ukufunzwa. ukuphiwa. 5 Cwaninga ngezinhlelo 5 Thola ulwazi ngoxhaso ezihlinzekwa uhulumeni kubantu lukahulumeni lokuveza amathuba abangasebenzi. okuzithuthukisa. 6 Gwema ukungazethembi 6 Xwaya ukuzenyeza futhi ukholelwe nokuzibukela phansi. ekutheni ungakwazi ukwenza izinto zenzeke. 7 Zimisele futhi uzikhandle 7 Sebenza kanzima nangokuzimisela kokwenzayo ukuze ukuze uzothuthuka empilweni. uzophumelela. NOMA Ukufingqa ngesigaba. Ungazibandakanyi nabantu abanezimpilo ezingenanhloso nabangakhombisi ukuba namaphupho ngezimpilo zabo. Kumele ukwazi okudingayo empilweni bese unamathela ekwenzeni kona. Ukuba nobuhlobo nabantu asebezuze lukhulu empilweni kungakusiza kakhulu ukuze bakucobelele ngolwazi futhi bakuhlebele ngemfihlo yempumelelo yabo. Nawe lokho kungakwenza ucathule ugcine usufinyelele ezingeni esebekulo. Sebenzisa umzuzu nomzuzu owutholayo empilweni ngendlela efanele ungalindeli ukufunzwa. Thola ulwazi ngoxhaso lukahulumeni lokuveza amathuba okuzithuthukisa ukuze ulusebenzise. Xwaya ukuzenyeza futhi ukholelwe ekutheni ungakwazi ukwenza izinto zenzeka. Sebenza kanzima nangokuzimisela ukuze uzothuthuka empilweni.[Inani lamagama=[74] AMAMAKI ESIQEPHU B: 10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 5 DBE/2015 SCE – Imemorandamu Indlela yokumaka ukufingqa Abafundi mababhale inani lamagama abawasebenzisile ngokuyiko. • Ukwabiwa kwamamaki: o amamaki ayisi-7 awamaphuzu ayisi-7(imaki elilodwa lihambisana nephuzu elilodwa). o amamaki ama-3 awolimi. o amamaki esewonke: 10. • Ukucozululwa kwamamaki olimi uma abahlolwayo besebenzise amagama abo: o 1–3 amaphuzu anembayo: nikeza imaki eli-1 olimini. o 4–5 amaphuzu anembayo: nikeza amamaki ama-2 olimini. o 6–7 amaphuzu anembayo: nikeza amamaki ama-3 olimini. • Ukucozululwa kwamamaki olimi uma bahlolwayo besebenzise amagama abo KANYE namagama acashuniwe esiqeshini: o 1–3 amaphuzu acashuniwe KANYE namaphuzu ama-3-4 esebenzisa amagama akhe: nikeza amamaki ama-3 olimini. o 4–5 amaphuzu acashuniwe KANYE namaphuzu ama-2 esebenzisa amagama akhe: nikeza amamaki ama-2 olimini. o 6 amaphuzu acashuniwe KANYE nephuzu eli-1 esebenzisa amagama akhe: nikeza imaki eli-1 olimini. olimini. o 7 amaphuzu acashuniwe: nikeza imaki eliyi-0 olimini. QAPHELA: • Isakhiwo: Noma ngabe ukufingqa kwethulwe ngesakhiwo okungesona, kumele sihlolwe. • Ukubalwa kwamagama: o Abamakayo kumele baqinisekise inani lamagama asetshenzisiwe. o Alikho imaki okumele liphucwe ohlolwayo ngokuhluleka ukuveza inani lamagama awasebenzisile noma ukuveza inani okungesilo lamagama awasebenzisile. o Uma ohlolwayo eqile enanini lamagama amiselwe (80), kumele kufundwe amagama ama-5 kuphela angaphezulu kwamiselwe bese engasabhekwa amagama alandelayo ohlolwayo eqe ngawo. Amakhodi okumaka ukufingqu Ohumushile kuphela H-1/2/3 H-4/5 H-6/7 C-0 C-0 C-0 L-1 L-2 L-3 = 2/3/4 = 6/7 = 9/10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 6 DBE/2015 SCE – Imemorandamu Okucashuniwe H-0 H-0 H-0 H-0 H-0 H-0 H-0 C-1 C-2 C-3 C-4 C-5 C-6 C-7 L-0 L-0 L-0 L-0 L-0 L-0 L-0 =1 =2 =3 =4 =5 =6 =7 Okuxibile H-4 H-2 H-1 H-0 C-3 C-5 C-6 C-7 L-3 L-2 L-1 L-0 =10 =9 =8 =7 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 7 DBE/2015 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU C: UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI 1. ISIPELINGI/UBHALOMAGAMA: • Izimpendulo eziyigama elilodwa azinikezwe amamaki noma kunephutha Ekubhalweni kwegama ngaphandle uma kushintsha umqondo wegama. • Uma izimpendulo zingumusho ophelele: abafundi mabaphucwe Amamaki uma iphutha liphathelenenokusetshenziswe kolimi. • Uma impendulo ifuna izifinyezo; makusetshenziswe uphawu olufamnale lokubhala/lokuloba. 2. Ukwakhiwa kwemisho makwenziwe ngendlela kusetshenziswe ulimi olufanele kulandelwe imiyalelo yombuzo. 3. Emibuzweni lapho umfundi ekhetha impendulo kwazinikiwe; uyawathola amamaki uma ebhale impendulo ephelele kanje: Uthoko noma A (okuwuhlamvu oluphelele) UMBUZO 3 3.1 Yingoba lenzela ukuheha abafundi.√ (1) 3.2 Kumnxenxa ngokuthi uthatha le mibuzo ayibhekise kuyena√ okungenza ukuthi azibone ukuthi kukhona amakhono nolwazi angenalo angaluthola uma ebhalisa kulesi sikhungo.√√ (3) 3.3 Umkhangisi wenzela ukuthi uxhumane nalesi sikhungo ukuze uzitholele wena imininingwane/Umkhangisi ubalekela ukuthi imali ayikhokhisayo ingasheshi ivele ukuze ingaqhathaniswa neyezinye izikhungo.√√ (2) 3.4 Akukho nhlawulo uma uphuzile ukukhokha.√√ (2) 3.5 Thola lowo msebenzi owufunayo. Lolu limi luyakhohlisa√ ngoba ukufunda kwakho kulesi sikhungo akukuniki isiqiniseko sokuthi uzowuthola umsebenzi mawusuqede ukufunda.√ (2) [10] UMBUZO 4 4.1 • Yingoba umfana wakhe omncane uhambe nesibhamu sakhe waya naso esikoleni.√ • Yingoba umfana wakhe uthi usisebenzisile lesi isbhamu ukuxazulula izinkinga zakhe.√ (2) 4.2 Le nkulumo yomfana ikhombisa ukuthi into ayenzile uyithatha kalula futhi isenzo sakhe sokuphatha isibhamu akaboni ukuthi singagcina simfake ejele/enkingeni/kufe umuntu.√√ (2) 4.3 Umfana uyishiye ilenga inkulumo/ingaphelele okwenza ofundayo aqagele/ azicabangele ebhekise emazwini omfana/Wethuka ubaba wakhe umfana (2) engakamchazeli.√√ Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 8 DBE/2015 SCE – Imemorandamu 4.4 Umdwebi wale khathuni uxwayisa abazali ukuthi mabaqikelele izinto eziyingozi bazibeke ezindaweni lapho abantwana bengeke bafinyelele kuzona kalula.√√ (2) 4.5 Asamukelekile ngoba ngeke uxazulule inkinga ngenye futhi inkinga mhlawumbe engaphezulu kwale obubhekene nayo.(Nezinye izimpendulo (2) ezinembayo)√√ [10] UMBUZO 5 5.1 -bonga > bongisa.√ Omakhelwane bafikile bezosibongisa ukuphumelela kwendodana yethu.√ (imisho iyokwehluka) (2) 5.2 Lenze umsebenzi wokukhanyisa (okusetshenzisiwe).√ (1) 5.3 Abesifazane baleso sizwe abalethi utshwala bomkhosi.√ (1) 5.4 Amabutho azosina adedelane kanti namatshitshi nawo ayasina ngalolu suku.√√ (2) 5.5 Uma sekuqediwe inyosi/ingede√ noma undunankulu wesizwe uyomemezela athi okaNdaba useludlile uselwa izwe selingeshwama! (1) 5.6 A/Ekuseni kakhulu.√ (1) 5.7 Undunankulu wesizwe uyomemezela athi, √ 'OkaNdaba useludlile uselwa izwe selingeshwama!'√ (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU C: 30 AMAMAKI ESEWONKE: 70 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all