Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 2 NSC June 2015 Question Paper

Question paperisiZulu HLGrade 12201525 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 2 question paper from the NSC June Exam 2015, 25 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2015

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com GRAAD 12 SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) 2015 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi angama-25. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/2015 SCE IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhla lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A- Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B- Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C- Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe ngezansi. ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE - Phendula imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE - UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO). • Phendula KUPHELA imibuzo yenoveli kanye neyomdlalo owufundile. • Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukwelekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO • Impendulo yombuzo omude ezinkondlweni mayiphendulwe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240. • Izimpendulo zemibuzo emide enovelini kanye nasemdlalweni maziphendulwe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390. • Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi abathemelezi, kodwa baphendula okubuziwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/2015 SCE 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela: ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/2015 SCE OKUQUKETHWE Leli khasi liyolekelela abahlolwayo ukuba bakhethe imibuzo abazoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO AMAHLOKOHLOKO – EJ Mhlanga, JJ Thwala IZINKWAZI ZOTHUKELA– LPM Makhanya Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. Imvunge Yeminyezane Umbuzo omude 10 6 2. Ngingumnqobi Umbuzo omfushane 10 8 3. Ngaphansi Komthunzi Umbuzo omfushane 10 9 4. Sasingazange Simbone Umbuzo omfushane 10 10 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo 5. Ngibuz' Indlela Umbuzo omfushane 10 12 ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA. 6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 13 7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 13 8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 15 9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 15 10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 17 11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 17 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA.* 12. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 20 13. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 20 14. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 23 15. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 23 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/2015 SCE *QAPHELA: ESIQESHINI B no C phendula umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. AWUVUMELEKILE ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo. Emva kokuphendula imibuzo yaleli phepha, sebenzisa lolu hla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo olulandelayo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo okulindeleke uyiphendule. ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA YEMIBUZO LEMIBUZO EPHENDULIWE A: Izinkondlo (Ezimiselwe) 1–4 2 A: Inkondlo (Engamiselwe) 5 1 B: Inoveli (Omude NOMA Omfushane) 6–11 1 C: Umdlalo (Omude NOMA Omfushane) 12–15 1 QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/2015 SCE ISIQEPHU A: IZINKONDLO Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo. ImvungeYeminyezane – JJ Thwala 1 Ngizw' imvunge yeminyezane, 2 Izwakal' ezinkwazini zoMhlathuze, 3 Iqongel' ezintabeni zoNgoye, 4 Ingikhumbuz' amaqhawe namaqhawekazi 5 Adl' umhlanganiso kwaNgqondebanzi, 6 Evath' iminyezane yobuhlakani 7 Ahlahl' indlela yakwaLwazi 8 Ehanjwa ngokuzinikela zikhuthali. 9 Ngizw' imvunge yeminyezane, 10 Izwakal' osebeni loMngeni, 11 Naphakath' ezizibeni zoMngeni 12 Okubhukud' amaqhawe namaqhawekazi, 13 Evunul' izidlodlo zenhlonipho, 14 Avunul' ezegwalagwala zekhethelo, 15 Kwahlokom'umhlaba ngenhlokomo, 16 Kwenanel' imvelo ngemvunge. 17 Ngizw' imvunge yeminyezane, 18 Ngavul' izindlebe zakhongozela 19 Unqambothi lobuzwilili baphakade, 20 Ngaqanul' amaqaphelo ngasinga 21 Izimangaliso zemikhiqizo yakwaNgqondebanzi: 22 Zihlinzek' ubuntu nobunye, 23 Zahlinzek' ubuqotho nesineke, 24 Zahlinzek' inhlonipho nenkuthalo. 25 Ngizw' imvunge yeminyezane, 26 Ingikhumbuz' ukuchwaza kwamahlokohloko, 27 Ingikhumbuz' ubungqungqulu bezingqungqulu, 28 Ingikhumbuz' ubuntengu bezintengu, 29 Ingikhumbuz' ubungududu bezingududu, 30 Ingikhumbuz' ubunkwazi bezinkwazi 31 Ingikhumbuz' ubuzwilili bemizwilili- 32 Yivungeni minyezane, yivungeni! Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/2015 SCE 33 Ngizw' imvunge yeminyezane 34 Ihamba nemizwa yami 35 Kwelezincithabuchopho kwaNgqondebanzi, 36 Ingifunz' imilozi engoyivunga phakade, 37 Ngiqubule ngelegwalagwala kuhlokom' umhlaba, 38 Ngihlonyw' ezegwalagwala kwetusw' imvunge 39 Yivungeni minyezane yaphakade yivungeni! 40 Yivungeni kuxhuman' elezinyanya nelengabadi. 41 Ngizw' imvunge yeminyezane, 42 Ihamba nami emakhaphelweni, 43 Okomkhapheyana elus' uchibidolo 44 Olunkone nolunkonekazi, ngiyayivunga, 45 Olumpemvu nolumpemvukazi, ngiyayivunga, 46 Olumtshezi nolumtshezikazi, ngiyayivunga- 47 Oluhhemu noluhhemukazi, ngiyayivunga 48 Yivungeni minyezane yekhethelo, yivungeni! 49 Ngizw' imvunge yeminyezane, 50 Izwakala kwelamaxhaphozi nelamafenya, 51 Izwakal' ezizibeni nasemifuleni, 52 Iqhamuk' emagatsheni ayekethisile 53 Elalel' imimoya yamagumbi. 54 Yivungen' imvunge yosikisiki 55 Iyisisekelo nensika yempilo, 56 Yivungen' imvunge yekhethelo! Xoxa ngomqondo ocashile/ojulile oqukethwe yile nkondlo ngokwamabinza/ izitanza. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama ayi-190 kuya kwangama-240. Impendulo yakho mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Makuchazwe umqondo ocashile/ojulile wenkondlo. • Makuphendulwe kunikezwe umqondo ocashile/ojulile wale nkondlo ngokwamabinza/izitanza. • Ukuveza uvo lwakho esiphethweni sempendulo. [10] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/2015 SCE UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. Ngingumnqobi – NL Luthuli 1 Ngingumnqobi munt' ongazi. 2 Nginqob' izinkinga ziza zelakanyana. 3 Ngesihlangu sam' esinguMfundo 4 Ngakhand' uphahla lwenkawu, 5 Ngazivika. 6 Ngiyingqwele mina munt' ongazi 7 Ngiphephezel' uphaphe lwegwalagwala 8 Ngazifojisa kweziny' izingqwele, 9 Ngaphophothwa zingqwele zakwangqondonkulu, 10 Abafokazana bakhwec' imisila. 11 Ngingumvemve mina munt' ongazi. 12 Ngincel' imibel' egwansile yakoMfundo. 13 Ngithol' ukwazi izinto ngibe nolwazi 14 Uma sengincele ngadela 15 Ngiyobhodla, ngibhonge, 16 Qede kusizakal' abaningi, 17 Kwazise ayihlatshwa mvusi. 18 Ngiyilanda mina munt' ongazi. 19 Inyon' emhloph' esus' imikhaza 20 Imikhaza yokungazi ezinkomeni zikaZulu. 21 'Ze nangomuso kube khon' oSolwazi, 22 Abanenzululwazi yokwazi izinto, 23 Bakwaz' ukuphons' umbalane nabo. 2.1 Nikeza uhlobo lwesifenqo esisemgqeni wesi-3. (1) 2.2 Fingqa umqondo wesitanza sokugcina ngaphuzu AMATHATHU usebenzise amagama akho. (3) 2.3 Ngabe isimo sokukhuluma esidwetshelwe sikulekelele kanjani ekuqondeni kwakho leli binza? (2) 2.4 Chaza ngenhloso yembongi ekusebenziseni impindwa etholakala ekuqaleni kwawo wonke amabinza kule nkondlo? (2) 2.5 Phawula ngempumelelo yembongi ekusebenziseni isingathekiso esitholakala emgqeni we-11 kule nkondlo ekuvezeni isimo sembongi. Bhekisa impendulo yakho emigqeni ye-11 kuya kowe-13. (2) [10] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/2015 SCE UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. Ngaphansi Komthunzi – P Ngubo 1 Ungilondile ngalondeka ngathokoza, 2 Ngahlala ngenaba ngamamfuza nganwampel' izangqondo, 3 Izindebe zehla amafutha zaba bushelelezi, 4 Iso labona nokungabonwa sangoma nampholofithi, 5 Ingqondo yaphakama yangangezulu, 6 Yajula yathokoza ngahalalisa kuSomaqhinga, 7 Ngayindab' ezweni ngingumuntu odlal' amakhubalo- 8 Amakhubal' engawathol' enyangeni yakwaNgqondonkulu. 9 Ngininik' uphaphe lwendlondlo Sonane noMaMtimande omkhulu, 10 Ngokunginika ithuba ngisike kwelinonile. 11 Ngiphakamisa nobabili ngokungemulisa ngisik' insonyama. 12 Lezi zenz' enangipha zona naningihlomisa; 13 Noma kunini ngithokozel' ukungadlali Ndiya naBhunu. 14 Lesi sibani kasicimi nom' izivunguvungu zihlasela. 3.1 Kungani le nkondlo kuthiwa iyisonethi ngokwesakhiwo? (2) 3.2 Chaza kafushane umqondo oqukethwe umugqa wesi-5 kuya kowesi-8 kule nkondlo. (2) 3.3 Ngabe umfanekiso-mqondo oqukethwe umugqa wesi-2 ukusize kanjani ukuba uqonde le nkondlo? (2) 3.4 Ucabanga ukuthi kungani imbongi isebenzise amazwi asemgqeni wesi-9 nowe-10 kule nkondlo? (2) 3.5 Phawula ngekhono lembongi ekusebenziseni ukuxhumana okusemgqeni wesi-7 kuya kowesi-8. (2) [10] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/2015 SCE UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. Sasingazange Simbone – SZB Muthwa 1 Nguye-ke lona, 2 Esasimuzwa ngendaba, 3 Sifunda ngay' emaphepheni, 4 Singakholwa noma sebesho, 5 Selokhu sazalwa sakhul' siyalwa. 6 Ulw' eyokuthula neyokulingana. 7 Sasizitshela sizikhohlisa, 8 Ukuthi uyoth' angaphuma 9 Asifumbathis' umbayimbayi 10 Asigxish' inzondo negqubu, 11 Ngob' egqunyiwe wagqilazwa. 12 Cha, akubanga njalo. 13 Wasinik' udondolo sadondolozela, 14 Injobo wayithungel' ebandla. 15 Wasixhawulis' ukukhanya, 16 Waselul' imizimba, 17 Eyabe iwugogo wuvalo 18 Ngokudans' iMadiba Jive. 19 Sakuzwa lokho kwesasa. 20 Wadum' uhlezi ungeyen' okaMenzi. 21 Wathandwa umhlaba wonke, 22 Wathanda umhlaba wonkana, 23 Ngoba uleth' ukuthula, 24 Ngoba uleth' intethelelo. 25 Waphuma wafana nenyanga, 26 Inyang' exosh' ubumnyama, 27 Yavuleka gengelez' iminyango 28 Kwaqhibuk' iBafana Bafana, 29 Kwaqhakaz' aMabhokobhoko, 30 Sawela sayoligenda phesheya. 31 Okwayizolo kwab' okwayizolo, 32 Wasikhomb' emasangwen' emfundo, 33 Ezomzabalazo zaphenduk' amakhuba, 34 Ngoba ebumb' isizwe. 35 Ume njalo wena wakoMandela! 36 Ume njalo wena wakoMadiba! 37 Ume njalo nqaba ye-Afrika! 38 Ethe inganqoba yadl' umhlanganiso, Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/2015 SCE 39 Yawelela pheshey' iyobaqaqela khona, 40 Angeke silibale ngeCodesa, 41 Angeke silibal' umjayivo wakho, 42 Othi ungawudansa, 43 Kugid' inhliziyo, 44 Kwenanele nawokhokho, 45 Bebon' abangazange bakubone. 46 Kwakungenganeko, 47 Babengahubhuzi akaBhejane, 48 Uma besizekela ngawe, 49 Nesizukulwan' esizayo, 50 Siyokuzwa ngawe 51 Siyokuthanda futhi, 52 Uyohlal' ungowomhlaba Madiba. 4.1 Yiziphi izindlela abantu abazi ngazo uMadiba ngenkathi esagqunywe ejele? Bhekisa impendulo yakho ebinzeni loku-1. (2) 4.2 Chaza kafushane izinto ezintsha ezavela emveni kokuphuma kukaMadiba ejele. Bhekisa impendulo yakho ebinzeni lesi-3 nelesi-5. (2) 4.3 Kubangelwa yini ukuba imbongi isebenzise umoya wokutusa emgqeni wama- 35 kuya kowama-45? (2) 4.4 Umugqa wama-31 uchazani mayelana nendikimba yale nkondlo? (2) 4.5 Hlaziya ngokuhlolisisa ukusetshenziswa kophawu (!) emgqeni wama-35 kuya kowama-36? (2) [10] KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/2015 SCE INKONDLO ENGAMISELWE (UPHOQELEKILE UKUPHENDULA LO MBUZO) UMBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. Ngibuz' Indlela – VS Khumalo 1 Angisabuthi quth' ubuthongo 2 Ngenxa yomthwal' ongisindayo, 3 Uthe ne kwawam' amahlombe 4 Ngibuz' indlela maqhaw' akithi, 5 Ngibathe ngiyaqombola 6 Kule ntabakazi yemisebenzi yenu, 7 Zingiyala ukuba ngibe nokubekezela. 8 Ngiyobekezela maqhaw' amakhulu, 9 Ngiphen' isineke esingapheli. 10 Ngipetulen' awam' amehlo, 11 Ingqondo yami mayivuleke 12 Ngifuna ukuzitika ngishay' esentwala 13 Ngize ngifinyelel' esiqongweni sentaba- 14 Nami ngiyikloza ngisekeleni Maqhawe! 15 Nami ngifuna ukubeng' imibengo, 16 Ngifis' ukubong' oPhunga noMageba. 17 Ngicela kuwe Babamkhulu, 18 Ngisho kuwe Vilakazi weZulu. 19 Ngicela kuwe mfo kaNtuli. 20 Ngisize nawe mfo kaNyembezi. 21 Ngingamshiya kanjani okaMsimang? 22 Nginiken' esingangesibhakabhak' isineke. 23 Seniyihlahlile indlela yobuqhawe 24 Nami ngifun' ukunilandela. 25 Khaliphisan' ingqondo yami Maqhawe! [Icashunwe encwadini ethi, IMVUBELO – AM Maphumulo] 5.1 Mthwalo muni obangela ukuba imbongi ingasabutholi ubuthongo ngokwale nkondlo? Bhekisa impendulo yakho ebinzeni loku-1. (2) 5.2 Nikeza okungafani phakathi kwembongi kanye namaqhawe ekhuluma ngawo ebinzeni lokugcina kule nkondlo. (2) 5.3 Phawula ngomoya wokulangazelela oqukethwe yibinza lesi-2. (2) 5.4 Ngabe ukusetshenziswa kwehaba emgqeni wama-22 kwelekelele kanjani ekuvezeni izifiso zembongi? (2) 5.5 Ngokubona kwakho ngabe imbongi izisebenzise kahle izenzukuthi ebinzeni loku-1? Sekela impendulo yakho. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/2015 SCE ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Hlaziya ngokuhlolisisa ikhono lombhali lokwethula ukulandelana kwezigameko kule noveli ethi: Bengithi Lizokuna. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza ikhono lombhali lokwethula ukulandelana kwezigameko. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula nokuhlolisisa, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nokulandelana kwezigameko endabeni. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] NOMA UMBUZO 7 (UMBUZO OMFUSHANE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. 'Kangimtholi Hlomuka. Engingakusho nje ngukuthi kukhona umkhondo ovuthwayo impela.' 'Awu, zaze zamnandi lezo zindaba.' 'Bengishayele ukusho lokho nje Hlomuka. Engingavalelisa ngalo nje ngelokuthi ngicela ukukuthinta ngomhlomunye. Kangingabazi ukuthi ngiyobe senginento ephathekayo.' 'Awu, sengathi kungaba njalo Dlaba.' Bavalelisana nje kuchichima injabulo kuNgidi. Injabulo yamenza waqonda emnyango, waphumela ephaseji, nanguyana eseyongqongqoza ekamelweni lezivakashi okulele kulo uNontobeko. 'Nontobeko, vula, yimina ndodakazi,' esho ehefuzela. 'Ok, baba, ngiyeza,' kusho izwi elikhathele ngale, lizwakala ukuthi lizibanjelwe ubuthongo. Emva komzuzwana kwezwakala izigi ezithambile zisondela, kwavuleka isicabha, kwavela lobo buso bukaNontobeko obabuqhakaza ngisho ngabe buvuka ebuthongweni. 'Ngiyaxolisa mntanami,' esho engena uNgidi, 'Bengingeke ngikwazi ukulala emva kokuzwa lezi zindaba.' 'Zindaba zini lezo?' 'Kade kushaye uShezi. Uthi kuyathembisa, kukhona umkhondo awulandelayo. Sizomthola uMhlengi.' 'Ngempela baba?' ebuza emangala, bubalela ubuso bakhe, buba buhle ngokunye. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/2015 SCE Kwacaca ukuthi bajabule bobabili abantu laba. 'Awu, waze wakude-ke umhlomunye lowo okuthiwa kasiwulinde,' kuzikhalela uNontobeko. 'Siyandiza isikhathi mntanami. Ngokushesha nje uzofika umhlomunye, sizwe ukuthi undawanaphi uMhlengi, siye kuye, sixoxe sibonisane, sithelelane amanzi.' 'Awu, sengathi kungaba njalo bakithi,' sekufika umunyu futhi kuNontobeko, esecabanga usizi nomunyu asedlule kukho ngenxa yokuthanda uMhlengi. 'Kuzoba njalo Nontobeko,' kusho uNgidi elula isandla eyibamba intokazi ayengasakungabazi ukuthi imthanda ngempela uMhlengi nokuthi ingaba ngumakoti onesizotha ofanele ukubizwa ngomakoti wakwaNgidi. 'Ngiyezwa baba, ngiyabonga ukuthi ungivusele izindaba ezimnandi kangaka. Liyakhula ithemba lokuthi azofezeka amaphupho, nanxa lingayeki phela ixhala lokuthi …' Abindeke, kubuye wona futhi umunyu. 'Hhayi, khohlwa yixhala. Uzotholakala uMhlengi,' esho ngokuzethemba, ethi ukuhleka, embambatha uNontobeko ehlombe, 'okufanele ukwenze nje wena ukuphumula ngokwanele, ngifuna indodana yami ikubone u-fresh and beautiful,' esho egegetheka kakhulu. Ahleke bandla noNontobeko, bavalelisane ngalo uhleko olwaluwubufakazi bokuncipha kancane kancane komthwalo owawusalokhu ubahleli emahlombe. Yebo, wawunciphanciphile wona umthwalo kodwa lwaluselude kakhulu ukhalo. Kwamgqamela kakhulu lokhu uNgidi ngenkathi esebukeza ukuncokolisana kwakhe noNontobeko ngendaba yokuthi uMhlengi kufanele ambone emuhle, ekhanga. 'Wo, kazi usuwashintsha yini Mhlengi noma usaqhubeka nala manyala owaxoshelwa wona lapha ekhaya?' wabalisa ngenhliziyo uNgidi egqolozele isisefo ayesishiye sigengelezile ngenkathi kungena ucingo lukaShezi, esubatha emva kwalokho eseyotshela uNontobeko izindaba ezazimjabulisile kakhulu. Wasivala isisefo emva kokulunguza kancane ecumbacumbaza amaheheba emali nobukhazikhazi obabumumethwe yisisefo. 7.1 Wenzenjani uNgidi ngemuva kokuba avalelisane noShezi ngokwalesi siqeshana? (2) 7.2 Sizathu sini esidala ukuthi uNontobeko afikelwe umunyu? (2) 7.3 Veza okufanayo phakathi kukaNgidi noNontobeko mayelana nobudlelwane babo nomlingiswa onguMhlengi ngokwalesi siqeshana. (2) 7.4 Hlanganisa ndawonye uxoxe ngokuvezwe esingenisweni kanye nasesiphethweni sale siqeshana ubhekise kumlingiswa onguNgidi. (4) 7.5 Isenzo sikaNgidi sokumbambatha uNontobeko ehlombe simveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (3) 7.6 Ucabanga ukuthi ukwembuleka kwamaqiniso kuvuthondaba lwale noveli kwaba namphumela muni empilweni yalaba balingiswa: uMahlengi, uXolani noNomalanga? (3) 7.7 Yini inhloso yombhali ekutheni umlingiswa onguNgidi asebenzise usizo lukaShezi ekuthungatheni uMhlengi? Sekela impendulo yakho. (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/2015 SCE 7.8 Hlaziya umyalezo oqukethwe yile noveli othi, akukho okwenzeka ebumnyameni okugcina kungavelanga ubhekise kumlingiswa onguNdumiso. (3) 7.9 Phawula ngekhono lombhali ekudaleni udweshu phakathi kukaNdumiso noMahlengi ngobusuku amvakashela ngabo kade kukhona uXolani okokuqala efulethini likaMahlengi. (3) [25] NOMA UMBUZO 8 (UMBUZO OMUDE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Hlaziya ngokuhlolisisa ikhono lombhali lokwethula ukulandelana kwezigameko kule noveli ethi: Usumenyezelwe-ke Umcebo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza ikhono lombhali lokwethula ukulandelana kwezigameko. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nokulandelana kwezigameko endabeni. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] NOMA UMBUZO 9 (UMBUZO OMFUSHANE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. 'Thula sengathi awuboni. Kunokwenzeka afe. Noma benonina ingabaqhoshisa okwamanje le madlana yakhe, kodwa kukhona ukufa okwehlukanisa noma yisiphi isicebi nombuso womhlaba.' 'I!' waquma futhi uMeyili. Sonke isikhathi ludingidwa lolu daba elokufa nokubulala uNomvula belingakamfikeli. 'Uma ethutha noma eshada kungakamfikeli ukufa?' 'Uma ngithi shaya sengathi awuboni angisho ngoba ngidlala, futhi angiqondile ukuthi lala. Ngithi okwenzayo kwenze buthule. Inqaba ngoba umakhi akazakheli, nendlu yegagu iyanetha. Kodwa phela mina ngiwumuntu wokufika lapha ekhaya. Ngeke ngasho ukuthi yenzani kumntanakho.' 'Ngabe ngenzani? Ngiyambulala?' 'Angazi. Engikwaziyo nje wukuthi uwena msizi wabantu lapha ongenakuzisiza yena. Izinhlanya nemiphuphe kungaka nje endaweni uwena. Kulula uma usakwenza kwezinye izingane zabantu; kuyitshe kweyakho.' Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/2015 SCE 'Uqonde ukuba ngimhlanyise noma ngimphuphise?' 'Angazi yise kaBhekameva. Uyozibonela nawe, uyindoda. Uma usucabangile uzongitshela njengenhlalayenza. Ngicela uyeke ukuzikhohlisa ngokuthi uzomlanda, noma uyoke umbone ezifikela yena ezokupha imali.' Noma kwathuleka endlini, belele bengalele bobabili, izingqondo zazika ngale mali. Baphenduphenduka ngaphansi kompisimpisi izinhliziyo zigaya izibozi. Babezingela inyamazane eyodwa ngemikhonto engefani. UMeyili wayethatha ebeka ngengqondo. Kwakunganjani abize amadodana aseGoli, baphume uphumo ngemoto baphikelele eThekwini, bafike bambambe ngesidlozana uNomvula babuye naye? Qha, leli lisu walibona linezisele. Esilungwini konke kuhamba ngokuphazima kweso, namaphoyisa ayinala emigwaqweni, awalandwa eBergville ngebhayisikili njengoba benza lapha. Pho kunganjani uma eqasha izinswelaboya lena eNgoba, zifike zimbambele khona kwamlungu zimsonte intamo, zimshiye enjalo? 'Hhayi,' ezikhuza eze ephumisela. Wacabanga engaqedi, waze wozela walala. UMaHadebe wayelokhu eshaya amakhala. Umkhondo ayezowulandela wawumcacela bha. Yena, akukho namunye umuntu owayecabanga ukumqasha ukuba ayobamba uNomvula ngesidlozana. Nanembeza naluzwelo, qha kwakungekho ngokumbulala. Inhliziyo yayimi ekutheni eyakhe ingane ngeyahlala kwesakhe isisu. 'Kunye kuphela engizokwenza,' ecabanga, 'uma lo nondinjwana wasedolobheni engazifikeli, ngizothatha ushevu ngiwuthi dlwa kulesi sithothobala esiwunina. Ngeke engafiki unina efile. Uyothi esathithibele ngalena emakhandleleni ngiwuthi dlwa kuyena, ngibone ukuthi ngeke yini abe yinsinekana. Nalokhu futhi okuwuMazibuko, uma kucabanga ukuthi ngizolokhu ngasebenzelana nakho, kozela kona, kuzobalandela uma kunomlomo.' Wacabanga waze wagwinya amathe. Ngokunjalo naye eseyigqilaze kakhulu ingqondo, wozela walala. Ngomuso kwavukwa, uMeyili wahlaba ingqayika wababela emsebenzini. Ngukubuya kwazo inhlazane uMaHadebe wagqoka isijalimane namateki, waphuma engatshelanga bani ukuthi uphikelelephi. Nanguya eshwathiza emakhabeni, ephumela ezansi, ebamba umgwaqo omdala oya eMnambithi. 9.1 Wenzenjani uMeyili ngemuva kokuba uMaHadebe ehlongoza ukuba kubulawe uNomvula ngokwalesi siqeshana? (2) 9.2 Ludalwa yini udweshu lwangaphakathi kuMeyili kulesi siqeshana? (2) 9.3 Veza umehluko phakathi kukaBhekameva kanye noMaHadebe mayelana nobudlelwane babo nomlingiswa onguMeyili. (2) 9.4 Hlanganisa ndawonye uxoxe ngokuvezwe esingenisweni kanye nasesiphethweni sale siqeshana ubhekise kumlingiswa onguMaHadebe. (4) 9.5 Amazwi kaMaHadebe adwetshelwe kulesi siqeshana amveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (3) 9.6 Ucabanga ukuthi ukufa kukaChule okuvela kuvuthondaba lwale noveli kwaba namphumela muni empilweni yalaba balingiswa: uMaMkhabela, uDaffo noMaNdelu? (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/2015 SCE 9.7 Yini inhloso yombhali ngesigameko sokufa kukaChule kule noveli? Bhekisa impendulo yakho othandweni oluphakathi kukaNomvula noGenyeza. (3) 9.8 Hlaziya umyalezo oqukethwe yile noveli othi, ungenzi okubi komunye umuntu ngoba kungenzeka ibuye ngawe. Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa onguMaHadebe. (3) 9.9 Phawula ngekhono lombhali ekudaleni udweshu phakathi kukaChule noNomvula ngenxa kaGenyeza kule noveli. (3) [25] NOMA UMBUZO 10 (UMBUZO OMUDE) KUNJALO-KE – ME Wanda Hlaziya ngokuhlolisisa ikhono lombhali lokwethula ukulandelana kwezigameko kule noveli ethi: Kunjalo-ke. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza ikhono lombhali lokwethula ukulandelana kwezigameko. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho mayelana nokulandelana kwezigameko endabeni. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] NOMA UMBUZO 11 (UMBUZO OMFUSHANE) KUNJALO-KE – MJ Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. Babuthana ngokuphazima kweso abesimame. Kwafika ngisho omakhelwane bezobakhalisa kulesi sehlo. UMaNdovela wabe esechaza ukuthi amakhosikazi uwabizeleni. 'Makhosikazi, kuthiwa ukuzala ukuzelula amathambo, kodwa mina angizalanga ngabola amathumbu. UDumazile ungidumazile umntanami! Njengoba nimbona nje ubuya nesisu eMbumbulu!' Asho akhale uMaNdovela. Wabheka ngasendodakazini yakhe, wathi: 'Dumazile, usithathephi lesi sisu?' Esikhundleni sokuba aphendule unina uDumazile, wavele wabathela ngemvula yezinyembezi. Kwabe sekuzwakala enye inkosikazi ithi: 'Udinga ukushaywa phela lona. Uhluleka ukuphendula umbuzo olula kangaka, kodwa ebe ekwazi ukwenza into ejule kanjena. Ukweyisa phela lokhu. Ngeke thina sidlale le nto. Mbambeni makhosikazi simtitinye!' UDumazile wezwa elokushaywa, wathula du, wasula izinyembezi. Wathatha wathi: Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/2015 SCE 'Nguthisha.' 'Hawu, ihlazo elingaka! Bewumfunani kodwa uthisha mntanami?' Kumangale wonke umuntu endlini. Babuzana ukuthi luhlobo luni lukathisha lolo? 'Uyena lona owangi …' Ahluleke ukuqedela inkulumo uDumazile ngenxa yokuxinwa wukukhala. 'Nguthisha ubani yena lowo?' 'Nguthisha uMoloi.' 'Hawu, waze wangilaya uMloyi! Ngizoba yini kuyihlo?' Athule uDumazile. Amakhosikazi amphenya isisu namabele. Kwezwakala enye ithi: 'Sesibomvu! Usengayishaya phansi noma nini! Hhawu, imikhuba yezingane!' UMaNdovela wayibuka indodakazi yakhe seyisiqhunsulile isisu. Ngaleli langa uDumazile wayengasibophile isisu njengemihla, kodwa wayesidedelile nje. Yingakho- ke nje emihleni kungabanga lula kunina ukuba asheshe ambone ukuthi usezithwele. Futhi uMaNdovela wayengazitsheli nje ukuthi neyakhe ingane seyingaba sesimweni sokukhulelwa ngenxa yokuyethemba. 'Uhlala kuphi yena lo Mloyi?' 'Ubehlala ekotishi esikoleni. Ngithe ngishiya kodwa ubengasekho lapho.' 'Ubengasekho eseye kuphi?' 'Angazi.' Amakhosikazi abukana nje exakekile ukuthi into enjena yenziwa njani. 'Makhosikazi, ake ningiphe ikhambi,' kusho uMaNdovela kubonakala nje ukuthi usedidekile. Enye inkosikazi yathatha yathi: 'Mina ngokubona kwami MaNdovela, bengibona kufanele uvuke kusasa ekuseni uqhube uDumazile ayobika isisu lesi. Bekungaba kuhle ukuba uhambe nozakwenu uMaMdinsilwa; ningamshiyi noMaJwara umakhelwane wakho.' Kubonakale ukuthi amakhosikazi ayavumelana. 'Niqikelele ukuthi aniyi nje ukuyolanda inhlawulo kuphela, kodwa nifike nifune namazolo kanye nomgezo wezintombi,' kusaqhuba yena umame. 'Uthi kodwa izifundiswa ziyawazi wona amazolo nemigezo yezintombi?' 'Cha phela Jwara, niyozichazela izifundiswa lezo ukuthi nina nivuke ekuseni ngovivi nabhula amazolo niyolanda inhlawulo. Kubalulekile-ke ukuba amazolo akhishwe. Nisichazele isifundiswa ndini leso ukuthi izintombi zakule ndawo zithukekile, ngakho-ke kufanele zigezwe.' Amakhosikazi avumelana ngalo mbono. OMaNdovela benoMaMdinsilwa kanye noMaJwara bavumelana ngokuthi ukusa sekuyobonwa yibo. Bahlakazeka. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/2015 SCE 11.1 Wenzenjani uMaNdovela ngemuva kokuba amakhosikazi ayewabizile esebuthene ngokuphazima kweso ngokwalesi siqeshana? (2) 11.2 Ludalwa yini udweshu phakathi kwala makhosikazi noDumazile kulesi siqeshana? (2) 11.3 Veza umehluko phakathi kukaDumazile noMaJwara mayelana nobudlelwane babo nomlingiswa onguMaNdovela. (2) 11.4 Hlanganisa ndawonye uxoxe ngokuvezwe esingenisweni kanye nasesiphethweni sale siqeshana. (4) 11.5 Amazwi enkosikazi adwetshelwe kulesi siqeshana ayiveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (3) 11.6 Ucabanga ukuthi ukufa kukaDumazile okuvela kuvuthondaba lwale noveli kwaba namphumela muni empilweni yalaba balingiswa: uKheswa noMaNdovela, uMaShandu kanye nezingane zikaDumazile? (3) 11.7 Yini inhloso yombhali ngokusebenzisa amakhosikazi ekwelekeleleni uMaNdovela ngodaba lokukhulelwa kukaDumazile? Sekela impendulo yakho. (3) 11.8 Hlaziya umyalezo oqukethwe yile noveli othi, uma ungalaleli ugcina ungena enkingeni. Bhekisa impendulo yakho kumlingiswa onguMtalaselwa. (3) 11.9 Phawula ngekhono lombhali ekudaleni udweshu phakathi kukaSithole noMoloi ngenkathi beficana eMafezini. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/2015 SCE ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 12 (UMBUZO OMUDE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni udweshu kulo mdlalo othi: Kudela Owaziyo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama–340 kuya kwangama–390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza udweshu nezinhlobo zalo. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi kubhekiswa kulokhu: isisusa sodweshu, ukubhebhetheka kodweshu kanye novuthondaba. • Ukuveza uvo lwakho ngempumelelo yombhali ekwethuleni udweshu kulo mdlalo. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] NOMA UMBUZO 13 (UMBUZO OMFUSHANE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. (Eselini lezitokisi esiteshini samaphoyisa eSundumbili, iphoyisa livula ngamawala izihengqo nezicabha) ZAYEKA: (uyamemeza) Mdaluli Memela! Mda-lu-li! MDALULI: (ngezwi eliphakeme) Wangibiza ngasabela wena wakoSidlodlo ZAYEKA: (ukhulumela phezulu) Phuma ungilandele. Sezifikile izivakashi zakho obuyaleze ukuba ubizelwe zona. MDALULI: (kuzwakale izigi ezinamandla, uyaphuma) Ngiyazibongela. Isandla sedlula ikhanda. Sayitsheni wami … (Kuvaleke izihengqo nezicabha. Uyamqhuba baqonde emhubheni lapho okubonwa khona izivakashi) ZAYEKA: Nazo-ke izivakashi zakho. (Kuthuleke) Ngininika imizuzu engamashumi amathathu nje kuphela nisaqhubeka nengxoxo yenu. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/2015 SCE BOBAHLANU: (kanye kanye) Siyabonga (UMdaluli lona ubeyaleze ukuba abizelwe uChivenga namadodakazi akhe uLondiwe, uKhombephi, noNenelezi okumanje nje sebelindele ukuqhuba ingxoxo noMdaluli. Lona wesihlanu osebajoyinile nguHlengiwe.) MDALULI: (ngezwi elinokuzithoba) Ngiyabonga ukungihlonipha kwenu zivakashi zami nafika lapho ebengicele ukuba niziveze khona ngenhloso yokuzoxoxisana ngikhiphe lokhu okungaphakathi kimi. BOBAHLANU: (kanye kanye) Yebo baba. MDALULI: (athinte kancane isikhwehlela) Lo mbiko engiqonde ukuwedlulisa namhlanje ngizoqala ngokuwubhekisa kini madodakazi ami ngomuzwa wokuzisola njengomuntu ozibona enecala phambi kwamathongo ami naphambi kukaMvelinqangi ngenxa yesenzo sodlame engasenza kini. BOBATHATHU: (kanye kanye) Yebo baba! MDALULI: (ujabhile) Lo mbiko engiqonde ukuwedlulisa namhlanje lapha kini ingqikithi yawo isekutheni selokhu ngingenile lapha eselini njengomsolwa otokile osalindele ukuqulwa kwecala lakhe, angikaze ngikuthole neze ukuphumula emoyeni. Eqinisweni ngihlaselwa amaphupho amabi ephelekezelwa yizithunzi zabadala abangamathongo omuzi. Bathi manginilande kuzo zonke izinkalo enganichithela kuzo, khona lapho ngizicelele uxolo kini ngiphinde ngihlawule ngembuzi yokugeza igceke lomuzi wabo ngenxa yokunihubha kwami ngezikhali emzini wabo. Sengicela ukuzwa kini-ke manje ukuthi ngabe niphawula nithini kuleli lami loxolo. Ngabe niyangixolela zingane zami kumbe nisangibambele inhliziyo namagqubu? (Esikhundleni sokuphawula avele abukane emehlweni amadodakazi kaMdaluli sengathi athengana ngamehlo ukuvumelana ngankulumo yimbe.) MDALULI: (ngezwi lokujabha) Khulumani phela zingane zami. Inhloso yami yokunibizela kule ndawo bekuyikho phela ukuba sizoxoxisana ngizwe ukuthi ningibekaphi maqondana nalesi sicelo sami soxolo. BOBATHATHU: (kanye kanye) Siyakuxolela baba. MDALULI: (uhleka ngokuthakasa) Ngibonga kakhulu zingane zami. Salani senibamba ithambo-ke njengophawu lokukhumelana umlotha. (Khona manjalo elule isandla esebaxhawula. Ngale nkathi-ke sekuheleza umoya woxolo nokubuyisana kubo nakhu phela izihlathi sezixosha izindlebe ngenxa yenjabulo.) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/2015 SCE MDALULI: Iphuzu abangisolela lona abaphansi nokuyilona eliyisisekelo sakho konke ngelokuthi kungani kuthi ngoba nakhu sengaphelelwa wumsebenzi ngesizathu leso sokuthutha kwefemu yami seyiphindela phesheya, mina-ke bese ngikhiphela kini isibhongo ngokodlame lwasekhaya ngize ngicishe ngikhiphe izidumbu? Angithi ningizwa kahle bantabami? 13.1 Tomula umusho okhombisa umoya wenhlonipho nokuzithoba phakathi kukaMdaluli noZayeka. (2) 13.2 Samphoqa kanjani uMdaluli isimo sokwenzeka kwezinto ejele esadala ukuba abize izingane zakhe ngokwalesi siqeshana? (2) 13.3 Chaza kafushane isigameko esifihlewe umlingiswa onguHlengiwe esaholela ekugananeni kwakhe noChivenga. (3) 13.4 Chaza ukuthi izigameko okukhulunywa ngazo kulesi siqeshana ziyigqamisa kanjani indikimba yalo mdlalo. (3) 13.5 Ukuvezwa komlingiswa onguMaMlanduli njengomuntu ongakwazi ukumela iqiniso kube namthelela muni empilweni yakhe? (3) 13.6 Qhathanisa izenzo zomlingiswa onguMbhebhezeli nezikaManqina mayelana nokweluleka uMdaluli emva kokudilizwa kwakhe emsebenzini. (3) 13.7 Chaza imbangela yokuba umlingiswa onguLondiwe agxambukele ezindabeni zikayise nonina kulo mdlalo? (3) 13.8 Ngokwakho ukubona umbhali ukwazile yini ukwethula isingeniso kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (3) 13.9 Phawula ngekhono lombhali ekwethuleni ingwijikhwebu etholakala esiphethweni salo mdlalo. (3) [25] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 23 DBE/2015 SCE UMBUZO 14 (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni udweshu kulo mdlalo othi: Awuwelwa UMngeni. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama–340 kuya kwangama–390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo: • Ukwethula nokuchaza udweshu nezinhlobo zalo. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi kubhekiswa kulokhu: isisusa sodweshu, ukubhebhetheka kodweshu kanye novuthondaba. • Ukuveza uvo lwakho ngempumelelo yombhali ekwethuleni udweshu kulo mdlalo. (Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25] NOMA UMBUZO 15 (UMBUZO OMFUSHANE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. MANDIZA: (etolikelwa) Okwesibili indawo kaMgqabula nabanye abelungu bamapulazi uqobo lwayo, akuminyaka mingaki yaqeshulwa nguHulumeni wayinika oMgqabula nabanye abelungu bamapulazi. Qhathanisa amabalazwe lawo bese ubheka imingcele. Ezikhathini ezimbalwa ezidlule iNkosi uSalimani nabanumzane abadala abethembekile endaweni yayo, bayichazela iMantshi yesifunda kanye noMbusi uSomtsewu ukuthi leya ndawo, ayikaze ibe ekaHulumeni. SOMTSEWU: (ethuke ahlahle amehlo anyakaze) MANDIZA: (etolikelwa) Ngalezi zathu ezilandelayo angisiboni isizathu esingabanga ukuba leli cala lingamlahli ummangali. Okokuqala: Ubufakazi obunikwa amabalazwe bonke bufakazela uSalimani. Okwesibili: Udaba lokusikwa kwendawo yakwaVimbingwenya, yaseMngeni neyaseMkhabela aluxoxwanga noSalimani ngaphambi kokuba uHulumeni athathe isinqumo sokuyisika. Okwesithathu: Akukho mthetho omusha oshaywe uHulumeni lapho eyihlephula khona le ndawo. Okwesine nokokugcina: Ukuqubuka kwecala ebelimangalelwe uMgqabula, indlela elathethwa nelanqunywa ngayo kanye namazwi eMantshi eyayilithetha leli cala, kukubeka obala ukuthi bekusaqhutshwa khona ukuzama ukugebhula le ndawo, inikwe uMgqabula nabanye abelungu bamapulazi. ABASIZI (Ijaji ledlulisela amaphepha kubasizi balo. Liyabhala liyasheshisa.) BEJAJI: (bayawafunda amaphepha) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 24 DBE/2015 SCE IJAJI ABASIZI (baphinda bahlangana ngamakhanda) BEJAJI IJAJI: (litolikelwa) Kuyacaca ebufakazini osebethuliwe ukuthi impi yalwa kwaVimbingwenya. UVimbingwenya yindawo ephethwe uSalimani. Kuyacaca-ke ukuthi abantu basemapulazini abeqa umngcele wendawo yabo beqela kwekaSalimani, baqonda enkundleni esemzini wenduna engomunye wofakazi. UMgqabula wayengekho ilwa le mpi. Ofakazi bohlangothi lukaMgqabula nabo babengekho bobabili. Babengekho endaweni okwalwela kuyona impi, ngisho ngabe omunye wabo wayibona ukusuka nokuphela kwayo le mpi. Ababili bofakazi bohlangothi lukaSalimani babekuyo le ndawo okwabambana kuyona impi. Omunye wabo wayelamula. Ngakho-ke kuyacaca ukuthi uMgqabula nguyena owahlasela uSalimani base beyaziphindisela-ke. Ngakho-ke liyamthetha uSalimani leli cala. Ayesulwa wonke amacala abekwe uSalimani nabantu bakhe. Zonke izindleko zecala zizothwala ummangali. NODWENGU: (esholo phansi) Lilahle bani yena! Yeka Nowelamuva wawoSomtsewu! AMABUTHO: (ayahhomuzela kuba nobuxokololo) ONONGQAYI: (bakhuza umsindo) IJAJI: (litolikelwa libhekisa kuMshushisi) Kukhona ofuna ukukusho? UMSHUSHISI: (etolikelwa) Mehluleli ohloniphekileyo. Kuyacaca ebufakazini bonke obuphambi kwenkantolo nosebethulelwe le nkantolo ukuthi ummangalelwa ecaleni lokuqala akanacala. Abantu bakammangali abasuka endaweni yabo bayongena endaweni kammangalelwa ngenhloso yokususa uchuku. Babeyohlasela. Uma babengayile kohlasela babengeke babe baningi. Babengeke bafike khona ebusuku. Babengeke bathwale izikhali. Babengeke baphathe futhi bashaye amacilongo. Ngakho-ke kufanele limlahle icala lokuhlasela ummangali. MCONDO: (ekhulumela phansi) Niyayizwa indoda eyabufundela yagogoda ubushushisi? UMSHUSHISI: (etolikelwa) Necala lesibili kufanele limthethe ummangalelwa, inkosi uSalimani. Kufanele limthethe, indawo yakhe ingasikwa inikwe abelungu bamapulazi kodwa isale kuyena. Awukho umthetho othi isigwebo secala akube ukwephuca ummangalelwa into yakhe. 15.1 Tomula ibinzana lamagama elikhombisa ukuthi uMandiza nakuba wayengumuntu womthetho omhlophe wayenomoya wenhlonipho kubantu abamnyama uma ekhuluma ngabo. (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 25 DBE/2015 SCE 15.2 Sayiphoqa kanjani inkosi uSalimani isimo sokwenzeka kwezinto enkantolo yaseMshwathi ngokwalesi siqeshana? (2) 15.3 Chaza kafushane isigameko esifihlelwe umlingiswa oyinkosi uSalimani mayelana nobumbuka benduna yakhe yamacala uMphiliphili. (3) 15.4 Chaza ukuthi izigameko okukhulunywa ngazo kulesi siqeshana ziyigqamisa kanjani indikimba yalo mdlalo. (3) 15.5 Ukuvezwa komlingiswa onguZithulele njengomuntu ongenalo iqiniso kube namthelela muni kuHulumeni? (3) 15.6 Qhathanisa izenzo zomlingiswa onguSomtsewu nalezo zejaji ngodaba lombango wemingcele kulo mdlalo. (3) 15.7 Chaza imbangela yokuba umlingiswa oyinkosi uSalimani alahlwe icala enkantolo yaseMshwathi ekubeni ubufakazi obethulwa eMgungundlovu buyafana. Bhekisa impendulo yakho ngokwenzeka eMshwathi. (3) 15.8 Ngokwakho ukubona umbhali ukwazile yini ukwethula isingeniso kulo mdlalo? Sekela impendulo yakho. (3) 15.9 Phawula ngekhono lombhali ekwethuleni ingwijikhwebu etholakala esiphethweni salo mdlalo. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ESEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all