Skip to content

isiZulu HL Grade 12 P2 Supplementary Exams 2015 QP

Question paperisiZulu HLGrade 12201523 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 2 question paper from the Supplementary Exams 2015, 23 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

Supplementary Exams 2015

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) FEBRUWARI/MASHI 2015 AMAMAKI: 80 ISIKHATHI: amahora ama-2½ Leli phepha linamakhasi angama-22. *ZULHL2* Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uphendule imibuzo. 2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Qala ubheke uhlu lokuqukethwe olukhonjisiwe bese ukhetha imibhalo oyifundile kulo nyaka. Emva kwalokho, funda imibuzo yaleyo mibhalo bese ukhetha imibuzo ozoyiphendula. 3. Leli phepha lemibuzo LINEZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: Izinkondlo (30) ISIQEPHU B: Inoveli (25) ISIQEPHU C: Umdlalo (25) 4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A- Imibuzo EMITHATHU, ISIQEPHU B-Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C- Umbuzo OWODWA njengoba kukhonjisiwe: ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE- Phendula imibuzo EMIBILI. INKONDLO ENGAMISELWE- UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo. ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA. ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA. 5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO). o Phendula KUPHELA imibuzo yenoveli kanye neyomdlalo owufundile. o Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C. Sebenzisa uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo ukuze lukulekelele ekukhetheni imibuzo. 6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO o Impendulo yombuzo omude ezinkondlweni mawuphendulwe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240. o Izimpendulo zemibuzo emide enovelini kanye nasemdlalweni maziphendulwe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390. o Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe okuyiwona ayokulawula ukuthi kumele uphendule kangakanani. Ungathemelezi Phendula okubuziwe. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC 7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso siqephu. 8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni. 9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ndlela: ISIQEPHU A: Kungaba imizuzu engama-40 ISIQEPHU B: Kungaba imizuzu engama-55 ISIQEPHU C: Kungaba imizuzu engama-55 11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC OKUQUKETHWE Leli khasi liyolekelela abahlolwayo ukuba bakhethe imibuzo abazoyiphendula ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke. ISIQEPHU A: IZINKONDLO AMAHLOKOHLOKO – EJ Mhlanga, JJ Thwala/IZINKWAZI – LPM Makhanya Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI. INOMBOLO YOMBUZO UHLOBO LOMBUZO AMAMAKI INOMBOLO YEKHASI 1. Ngingephile Ngaphandle Kwakho Umbuzo omude 10 6 2. Ngingumnqobi Umbuzo omfushane 10 7 3. Ngaphansi Komthunzi Umbuzo omfushane 10 8 4. Uyobongwa/Uyobongwa Njalo Umbuzo omfushane 10 9–10 KANYE Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo 5. Yisinqibi Umbuzo omfushane 10 10–11 ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA. 6. Inoveli 1 Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 12 7. Inoveli 1 Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 12–13 8. Inoveli 2 Usumenyezelwe-ke Umbuzo omude 25 14 Umcebo 9. Inoveli 2 Usumenyezelwe-ke Umbuzo omfushane 25 14–15 Umcebo 10. Inoveli 3 Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 16 11. Inoveli 3 Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 16–17 ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA.* 12. Umdlalo 1 Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 18 13. Umdlalo 1 Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 18–20 14. Umdlalo 2 Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 20 15. Umdlalo 2 Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 20–22 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC *QAPHELA: ESIQESHINI B phendula umbuzo OWODWA OMUDE noma OWODWA OMFUSHANE. ESIQESHINI C phendula umbuzo OWODWA OMUDE noma OWODWA OMFUSHANE. AWUVUMELEKILE ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. Uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo: Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha sebenzisa uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo olulandelayo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele imibuzo obekulindeleke ukuba uyiphendule. INANI INOMBOLO LEMIBUZO ISIQEPHU YEMIBUZO EPHENDULIWE THIKA A: Izinkondlo (Ezimiselwe) 1–4 2 A: Inkondlo (Engamiselwe) 5 1 B: Inoveli (Umbuzo omude NOMA 6–11 1 Omfushane) C: Umdlalo (Umbuzo omude NOMA 12–15 1 Omfushane) QAPHELA: ESIQESHINI B no C, qinisekisa ukuthi uphendule umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo OWODWA OMFUSHANE. Awuvumelekile ukuphendula imibuzo EMIBILI emide noma imibuzo EMIBILI emifushane. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC ISIQEPHU A: IZINKONDLO IZINKONDLO EZIMISELWE: Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena EMINE ebuziwe elandelayo. UMBUZO 1: (UMBUZO OMUDE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo. Ngingephile Ngaphandle Kwakho – P Ngubo 1 Ngaphandle kwakho ngingephile, 2 Wen'oyisihluthulelo semizwa nenjabulo, 3 Wen'oleth'inkazimul'ebumnyameni, 4 Wen'oyisisekelo nodondolo lwami. 5 Ngingaphila kanjani ngingasabuthokozel'ubumnandi bempilo? 6 Ngingathemba themba lini ususithele wena themba lami? 7 EzikaSomandla ngihlala ngisikhihla themba lami, 8 Sondela sithintanis'izindebe ngizwe ukuthokomala kwenhliziyo. 9 Ngisala ngihogela usi 10 Laph'usungishikilele wanginik'isiphundu, 11 Ngikhumbul'izihasho laph'usungiwotawota, 12 Ngithokoze ngizw'ukugida kwesifuba 13 Kuyobanjani laph'usunginik'isiphundu, 14 Walibhekisa kwaVezunyawo? 15 Ngisal'ezintabeni zangakithi ngibe isiduphunga, 16 Ontanga baviyoz'imilozi mina ngidlal'umzwangedwa, 17 Lo mzwangedwa uthi awuz'ukuba umhobholo, 18 Ngibe umbulali obulal'impilo emnandi? 19 Ukuthokomala akukh'empilweni yesidalw'esiyigobongo, 20 Intokoz'ingiqhelele ngijezis'iqhawekaz'elibomvu, 21 Ngiphambeke ngibhek'izinkangala zehl'ezimathonsi, 22 Ngiyoqalaza ngibon'igodi umhlab'usungishayile, 23 Ingabe kunjalo nakuwe Bhungane omuhle? Xoxa ngokuphumelela kwembongi ekusebenziseni amasu obunkondlo ukugqamisa isigqi kule nkondlo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama ayi-190 kuya kwangama-240. Impendulo yakho mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo: • Makuchazwe amasu obunkondlo. • Makuchazwe isigqi. • Makuchazwe ngokuphumelela kwembongi ekusebenziseni amasu obunkondlo ukugqamisa isigqi kule nkondlo. [10] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC UMBUZO 2: (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. Ngingumnqobi – NL Luthuli 1 Ngingumnqobi munt' ongazi. 2 Nginqob'izinkinga ziza zelakanyana. 3 Ngesihlangu sam'esinguMfundo 4 Ngakhand'uphahla lwenkawu, 5 Ngazivika. 6 Ngiyingqwele mina munt'ongazi 7 Ngiphephezel'uphaphe lwegwalagwala 8 Ngazifojisa kweziny'izingqwele, 9 Ngaphophothwa zingqwele zakwangqondonkulu, 10 Abafokazana bakhwec'imisila. 11 Ngingumvemve mina munt'ongazi. 12 Ngincel'imibel'egwansile yakoMfundo. 13 Ngithol'ukwazi izinto ngibe nolwazi 14 Uma sengincele ngadela 15 Ngiyobhodla, ngibhonge, 16 Qede kusizakal'abaningi, 17 Kwazise ayihlatshwa mvusi. 18 Ngiyilanda mina munt'ongazi. 19 Inyon'emhloph'esus'imikhaza 20 Imikhaza yokungazi ezinkomeni zikaZulu. 21 'Ze nangomuso kube khon'oSolwazi, 22 Abanenzululwazi yokwazi izinto, 23 Bakwaz'ukuphons' umbalane nabo. 2.1 Caphuna ukuxhumana okutshekile kube KUBILI okutholakala kule nkondlo. (2) 2.2 Fingqa ngamaphuzu AMABILI ngokuwaklelisa akhombise umqondo oqukethwe yibinza loku-1. (2) 2.3 Izenzo zalowo okukhulunywa ngaye kule nkondlo ezibalulwe emgqeni we-15 nowe-16 zimveza njengomuntu onjani? (2) 2.4 Yini inhloso yembongi ngokusebenzisa isimo sokukhuluma esiyisisho esisemgqeni wama-23? (2) 2.5 Phawula ngokuhlolisisa ngokusetshenziswa kwemvumelwanosiqalo edwetshelwe ebinzeni lesi-2. (2) [10] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC UMBUZO 3: (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. Ngaphansi Komthunzi – P Ngubo 1 Ungilondile ngalondeka ngathokoza, 2 Ngahlala ngenaba ngamamfuza nganwampel'izangqondo, 3 Izindebe zehla amafutha zaba bushelelezi, 4 Iso labona nokungabonwa sangoma nampholofithi, 5 Ingqondo yaphakama yangangezulu, 6 Yajula yathokoza ngahalalisa kuSomaqhinga, 7 Ngayindab'ezweni ngingumuntu odlal' amakhubalo- 8 Amakhubal'engawathol'enyangeni yakwaNgqondonkulu. 9 Ngininik'uphaphe lwendlondlo Sonane noMaMtimande omkhulu, 10 Ngokunginika ithuba ngisike kwelinonile. 11 Ngiphakamisa nobabili ngokungemulisa ngisik'insonyama. 12 Lezi zenz'enangipha zona naningihlomisa; 13 Noma kunini ngithokozel'ukungadlali Ndiya naBhunu. 14 Lesi sibani kasicimi nom'izivunguvungu zihlasela. 3.1 Nika amagama AMABILI asetshenziswe imbongi asho ukudla amasi kule nkondlo. (2) 3.2 Fingqa umqondo okuqukethwe umugqa wesi-9 ukuya kowe-11. (2) 3.3 Ihloseni imbongi ngokusebenzisa ifanangwaqa emgqeni wesi-2? (2) 3.4 Ngabe umugqa we-12 unamthelela muni ekuqondeni kwakho le nkondlo? (2) 3.5 Phawula ngokuhlolisisa imbangela yokusetshenziswa kwamagama adwetshelwe kule nkondlo. (2) [10] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC UMBUZO 4: (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. Uyobongwa/Uyobongwa Njalo – NL Luthuli 1 Wathath' imicabango nemizwa 2 Wakusheba nongwaqa nonkamisa 3 Owabancel'ebeleni. 4 Ukubamb'izinkanyezi kwakho kwasiza, 5 Walubamb' usiba kwaphum' izinkondlo. 6 Wabongwa. 7 Ngokuphazima kweso benganakil'abantu. 8 EManyiseni sebekhiph'uqweqwe 9 Isifundiswa sesithenjwa sakoMathenjwa 10 Esiklwiklwiza ngosiba nxa kuvuk'usinga 11 Kukhihlike ingwebu yolwazi engqondweni, 12 Namhlanje bayabonga ngaso. 13 Ngomzuzwana ungakazinzi 14 Phansi komthunzi welanga, 15 Usucathulise wachushisa wacongisa, 16 Kwaphum' izingqwayingqwayi zezifundiswa, 17 Eziphekwe kweyakh'imbiza. 18 Namhlanje ziyahalalisa ngenjabulo 19 Namhlanje uyabongwa yizo. 20 Kuzwakal'inhlokomo namacilongo. 21 Kuzamazam'izizwe zonke uyabongwa. 22 Nawe jabula uhalis' uzibongele. 23 Likhul'igalel' osulenzile. 24 Usuyibekil'induk'ebandla. 25 Ufanel' ukubongwa. 26 Asebadlul' emhlabeni bekwazi 27 Ukuphekwa kweyakh'imbiza, 28 Babonga bayanconcoza. 29 Nanamhlanje lokh'usabongwa. 30 Uyoshabalala kuhle kotalag'emehlweni 31 Alo mhlaba omagade, 32 Nokho liyosal' igama lakho, 33 Liphile libongwe njalo njalo. 34 Ufike nakwelamathongo, libongw' 35 Elakh' igama. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC 36 USomandl'akakuhol' ezinyathukweni 37 Zakh'akuhlahlamelise. 38 Uz'ukhehlisw' isicoco sokunqoba. 39 'Ze ubongwe nayizizukulwane, 40 Laph' usuzikhombisil'indlela yempumelelo 41 Ngodondolo lwamaqhawe. 4.1 Gagula imigqa EMIBILI etholakala ebinzeni loku-1 nelesi-2 ekhombisa ukuthi lo muntu okukhulunywa ngaye kule nkondlo uyimbongi. (2) 4.2 Nikeza okufanayo mayelana nomqondo oqukethwe ibinza lesi-3 nelesi-5. (2) 4.3 Chaza umqondo oqukethwe umugqa wama-30 ukuya kowama-33. (2) 4.4 Chaza umthelela wokusetshenziswa kwenjambamenti emgqeni wama-36 ukuya kowama-37. (2) 4.5 Xoxa ngokuphumelela kwembongi ekusebenziseni impindwa kule nkondlo. (2) [10] KANYE INKONDLO ENGAMISELWE (UPHOQELEKILE UKUPHENDULA LO MBUZO) UMBUZO 5: (UMBUZO OMFUSHANE) Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo. Yisinqibi – AM Maphumulo 1 Ngazibona zigazuk' izindebe zakhe, 2 Zidebezeka kungathi bezidebezwa ngenhloso, 3 Zadebezeka zanemifantu echinc' igazi, 4 Amehlo ayigazi eshone phakathi 5 Kwanga ayedonswa ngenhloso, 6 Isisu saboshwa ngemivingqo yezintambo; 7 Ngezimbamb' ojahidada bafund' izibalo, 8 Izandla zibambene ngoxolo lwemfuno, 9 Izinwele ngamadlodlombiya ziyimibala yezingubo; 10 Ngathula ngambheka wangibheka sabhekana, 11 Wangibheka ngayigazi anezinyembezi zegazi. 12 Nkosi, anginalutho ngingamsiza ngani? 13 Uma lezi zehlo zingenxa yami, 14 Ngicela ukuvalelw' amasang' okuphila. [Icashunwe encwadini ethi, IMVUBELO] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC 5.1 Nika OKUBILI okwabonwa yimbongi ezindebeni zalo muntu ekhuluma ngaye. (2) 5.2 Nikeza kafushane umqondo oqukethwe umugqa wesi-6 nowesi-7. (2) 5.3 Ngabe isifengqo esisetshenziswe emgqeni we-11 sinamthelela muni ekuqondeni kwakho le nkondlo? (2) 5.4 Indlela imbongi ebuka ngayo izinto kule nkondlo imveza njengomuntu onjani? Bhekisa impendulo yakho emgqeni we-12. (2) 5.5 Phawula ngokuhlolisisa ngesimo salesi sinqibi imbongi ekhuluma ngaso kule nkondlo. (2) [10] AMAMAKI ESIQEPHU A: 30 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC ISIQEPHU B: INOVELI Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 6: (UMBUZO OMUDE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Xoxa ngesizinda senoveli ethi, Bengithi Lizokuna. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo: • Ukwethula nokuchaza isizinda. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho wena ohlolwayo mayelana nesizinda sale noveli. [25] NOMA UMBUZO 7: (UMBUZO OMFUSHANE) BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. Yalubamba lusakhale kanye ucingo intokazi. 'Sengifikile esikhumulweni obusisho,' ehefuzela, ezama ukukhuluma ngokunensa ukuze intokazi ingamuzwa ukuthi ucasuke uyafa. 'Hawu, waze washesha bakithi. Ubeshilo uS'bu ukuthi you are reliable and ...' 'Kanti ukuphi wena? Kalimile ilanga,' eyingena emlonyeni sekuthi akazisakaze. Ibone intokazi ukuthi kubi, ingabe isaqhubeka nokuthi uS'bu ubethe unjani uNdumiso. 'Jikela kwesobunxele. Ngizobe sengimile ekhoneni bhuti,' isho ihefuzela kucaca nje ukuthi isiyaphuthuma nayo. Nebala wahamba ibangana uNdumiso, walubona uswazi lwentokazi empofu esho ngezinwele ezelukwe kahle, idle izibuko zelanga, laphayana ezansi ishaye esincanyana isiketi, isho ngezicathulo ezingamaxhumela. 'Hhayi, uS'bu bakithi, uyofa ezilanda madoda,' esho enikina ikhanda uNdumiso, eyimisa imoto, eyivulela isicabha intokazi. Yaba ukungena nje intokazi, wayisusa ngejubane uNdumiso imoto, engasalindanga nokuthi izinze intokazi. 'Waze wangisiza shame, ave uyi-gentleman,' kusho intokazi ihefuzela, ifasa ibhande ngoba kuyicacela ukuthi kuyandizwa kule moto, ivula isikhwama, ikhipha ithishu izesula ubuso. Ngisho ukuba athi vu uNdumiso, esikhundleni sokukhuluma ayibhule kakhulu imoto iyoshona le ezansi, isiyochezukela kwesobunxele isibamba umgwaqo omkhulu obheke enyakatho. 'NginguZakithi mina bhuti,' isho iphenduka imbuka imamatheka, ithi ukucumbaza izibuko zayo zelanga ngezandla zayo ezineminwe emide enezinzipho zokufakelwa. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC 'Ngiyajabula ukukwazi,' kungundaza uNdumiso engayibuki nokuyibuka, eyizamulisa kakhulu imoto sekuthi akaqhume ukucasuka ngenxa yalo muntu olokhu embangela ukushisa ekubeni engafune kuxoxa ngoba kuningi okumxake engqondweni. Hhayi, yabona intokazi yabantu ukuthi kayingangayo, yazithungela umlomo wayo. Yashosholoza njalo imoto kuthule kuthe cwaka lapha emotweni. Kwakudlange zona nje izithukuthuku kuNdumiso owayelokhu eqalaza ubala, ikakhulukazi uma kuqhamuka imoto ethi kayifane neyamaphoyisa. Okwase kumjulukisa nakakhulu ngukuthi wayengasakwazi nokuvula umsakazo ezwe ukuthi kayikaphumi yini indaba yakhe ezindabeni emsakazweni. Wayengenakuwuvula-ke ngoba uZakithi wayezoba nezinsolo, konakale yonke le nto. 7.1 Nika igama lentokazi ekhuluma noNdumiso ocingweni kanye nesizathu esenza akhulume nayo enensa. (2) 7.2 Chaza ukuthi le ntokazi okukhulunywa ngayo kulesi siqeshana ivezwe kanjani. (2) 7.3 Nikeza izimbangela zibe ZIMBILI ezazenza uNdumiso ajuluke ngokwalesi siqeshana. (2) 7.4 Nikeza kafushane izigameko ezaholela ekuboshweni kukaNdumiso. (3) 7.5 Mlayezo muni umbhali ahlose ukuwedlulisa ngokutholakala kukaMhlengi/ Mahlengi esiphethweni sale noveli? Sekela impendulo yakho. (3) 7.6 Chaza ngomthelela wokusetshenziswa kwelukuluku esingenisweni sale noveli. (3) 7.7 Ucabanga ukuthi wawuyoba njani umphumela wesenzo sikaNdumiso sokubamba uNgidi inkunzi ukuba waya ukuyolobola uMahlengi? Bhekisa impendulo yakho kulaba balingiswa: uNgidi kanye noMahlengi. (4) 7.8 Uyavumelana nombono othi uNgidi ungumlingiswa oyindilinga? Sekela impendulo yakho. (3) 7.9 Uyazwelana nabazali bakaNkululeko mayelana nokungaphumeleli komshado wakhe? Yikuphi owawungakwenza ukuba wawulitholile ithuba lokukhuluma noNkululeko? (3) [25] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC UMBUZO 8: (UMBUZO OMUDE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Xoxa ngesizinda senoveli ethi, Usumenyezelwe-ke Umcebo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo: • Ukwethula nokuchaza isizinda. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho wena ohlolwayo mayelana nesizinda sale noveli. [25] NOMA UMBUZO 9: (UMBUZO OMFUSHANE) USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. 'Akukho soka ladla kahl' imbang' ibalisa! Kusho mina Mafavuke njengedangabane Elehlula belomisela ezimobeni belifak' Ozankosi oshaka beThek' abashwabadel' Umuntu bamyenga ngomthandazo. Suka madoda, yahosh' imamba. Zibambe Magawul' egijima!' 'Uyamuzwa-ke? Uyamuzwa ukuthi uthini?' 'Ngenzenjani Chule? Ngiyabuza phela? Uthi angenzenjani manje?' Ebuza uNomvula ngokucikeka besekhaya bebanga ingoma eyayingena ngomsakazo wesilungu. 'Kungcono lapha ekhaya ayivalwe yonke imisakazo ukuze ngiphumule emoyeni.' 'Ngeke kulunge. Ungafa kakhulu emoyeni uma isithandwa singakwanganga inhliziyo ngomculo. Ngithi hamba uyobhala isitatimende emaphoyiseni uthi wambona engishaya.' 'Ngeke ngimqambele amanga Chule. Angimbonanga.' 'Wangisongela kudala ngengoma wathi uzongiphihliza ngegala!' 'Noma kunjalo baba, angimbonanga.' 'Kodwa uyezwa ukuthi uyangethuka uma engibiza ngoshaka oshwabadela abantu ngomthandazo. Ngiwushaka mina?' 'Mina ngazi ukuthi uwumyeni wami engimthandayo owuMbhishobhi. Angikwazi uwushaka okhuleka eshwabadela abantu ebayenga ngomkhuleko.' 'Nx, niyangeyisa nina nobabili.' Enkundleni yothando kwasekwaba yinkundla yamacala. UNomvula wadutshwa kwathiwa angabe esalubhada kwaSicingamazibuko. Nanamuhla njengoba kukusihlwa nje, behlezi endlini yokuphumula, uNkosiyaphakade uzifundela amaphephandaba. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC Akazi noma uhlezi nomakhelwane noma nodadewabo yini. UNomvula ubukela umabonakude. Nango-ke uGenyeza neqembu eseqhamuka nezintokazi zibhincile, zingqabashiya, zidledlemuka kanye noHlulintombi osekanye nabo. UGenyeza uyigadla ayigadlele, eyishaya noFezela, besho ngapholile amazwi. Kuthi akafe uChule umona. Alibeke phansi iphephandaba, ajamele uNomvula, libuye leqe iso ngokweqa umfula ugcwele libuke ebhokisini. Yekanini! Adlala amantombazane, oNomonde noRose, noNorena Naran noThoko intokazi yeKhaladi eyayikhulele kwaMangethe kwaZulu. OGenyeza noFezela bayandiza bazilahle, bavuke bayisikaze, bayisakaze. Size sedlule isithombe, kube yilapho bebukana ngeziqu zamehlo futhi kwaChule, efutheka usokhaya ethi, 'Ngithi uyamuzwa na ukuthi uthini?' 'Ngabe ngenzenjani njengoba sebemveza nakumabonakude nje? Angisayidlali nje imisakazo yesintu.' 'Angazi ukuthi ngizoyithini indaba yakho nalo muntu. Uqonde ukuthini uma ethi akukho soka ladla kahle imbangi ibalisa?' 'Wena uwumnumzane, awulona isoka.' 9.1 Nika igama lomculi okukhulunywa ngaye kulesi siqeshana kanye nesizathu sodweshu phakathi kukaNomvula noChule. (2) 9.2 Chaza indlela izintokazi ezazenza ngayo ngenkathi ziqhamuka neqembu likaGenyeza kumabonakude. Bhekisa impendulo yakho kulesi siqeshana. (2) 9.3 Yethula amaphuzu AMABILI akhombisa ukuthi lwalungasekho uthando emzini kaChule ngokwalesi siqeshana. (2) 9.4 Nika ngokusamfanekiso ukulandelana kwezigameko ezibalulwe engomeni ekulesi siqeshana. (3) 9.5 Mlayezo muni umbhali ahlose ukuwedlulisa ngokushada kukaGenyeza noNomvula kule noveli? Sekela impendulo yakho. (3) 9.6 Chaza ngomthelela wokusetshenziswa kwelukuluku esingenisweni sale noveli. (3) 9.7 Ucabanga ukuthi wawuyoba njani umphumela wesu likaMaHadebe lokubulala uNomvula ukuba laphumelela? (4) 9.8 Uyavumelana nesitatimende esithi uChule ungumlingiswa oyindilinga? Sekela impendulo yakho ubhekise empilweni yakhe noNomvula. (3) 9.9 Uyazwelana noMaNdelu kulesi simo azithola ebhekene naso emzini kaMeyili? Yikuphi owawungakwenza ukuba kwakunguwe uMaNdelu ubhekene nalesi simo? (3) [25] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC UMBUZO 10: (UMBUZO OMUDE) KUNJALO-KE – ME Wanda Xoxa ngesizinda senoveli ethi, Kunjalo-ke. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390. Impendulo mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo: • Ukwethula nokuchaza isizinda. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho wena ohlolwayo mayelana nesizinda sale noveli. [25] NOMA UMBUZO 11: (UMBUZO OMFUSHANE) KUNJALO-KE – ME Wanda Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo. Abahlengikazi bamcela ukuba asondele embhedeni kuDumazile ukuba baxoxisane naye. Nempela kwaba njalo. Umuntu weNkosi wavula izandla, wanikeza isiguli ithuba lokuba sizilahle eNkosini yaso. UDumazile wathatha wathi: 'Ngenza iphutha phambi kukaNkulunkulu naphambi komhlaba. Umhlaba usuyangihlaba manje.' Wakhala. UMfundisi wamduduza, wakhuleka. Kwathi angaqeda, wathatha wathi: 'UNkulunkulu owayekhona emandulo, osekhona nanamhlanjena uzokuthethelela izono zakho uma uzivuma ngokuyisiminya. Kwasho yena uqobo wathi noma izono zibomvu njengegazi, kodwa uyozihlanza zibe mhlophe njengeqhwa.' UDumazile wazizwa efikelwa ithenjana. Wabona kufanele ukuba azivume izono zakhe. UMfundisi wasondeza indlebe yakhe kuyena. Waqala-ke ukuwuvula umlomo wakhe uDumazile: 'Baba, ngaphula umthetho wesithupha uNkulunkulu awushiya kuMose. Angazi ukuthi ngawuphula kangaki.' Wathula uMfundisi. UDumazile wacabanga ukuthi akuzwakalanga kahle, kanti uMfundisi wathatha ngokuthi uDumazile usaqhubeka nokuvuma izono zakhe. UDumazile wayibeka ngenye indlela inkulumo kanjena: 'Bengithi ngambatha namadoda abantu kaningana. Angazi noma uNkulunkulu uyokwazi yini ukungithethelela.' 'Uma uzivuma kahle zonke izono zakho, uNkulunkulu akanamagqubu, uyathethelela.' Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC 'Ngelinye ilanga ngahlela ukuba kugqekezwe futhi kushiswe isitolo sikaSithole. Ngangiqonde ukuzuza mina kanye nezihlobo zami. Nganginethemba lokuthi isitolo siyobuye sakhiwe kabusha ngoba uSithole wayeyokhokelwa ngumshuwalense. Ngeshwa elikhulu umshuwalense awuvumanga ukukhokha. USithole wagcina eyimpabanga ngenxa yami.' Wakhala. UMfundisi wakhuleka. Kwathi angaqeda, wamhlahlamelisa wamshiya. Ngokuhamba kwesikhathi uDumazile wayesehluleka ukuzivulela nokuzivalela umsakazo. Yingakho nje abahlengikazi base behlala bewuvulile njalo. Wayenganaki nokho ukulalela ezinye izinhlelo ngaphandle kwezindaba kanye nezimemezelo zemingcwabo. Ezindabeni zantambama ngalelo langa, umsakazi waqala ngokufunda izindaba ezingemnandi: 'UNgqongqoshe wezempilo kwaZulu-Natali wexwayisa umphakathi ukuba uqaphele lesi sifo esichitheke umhlaba wonke. Sidla fumuka sidle silaza. Abantu bangazikhohlisi, alikatholakali ikhambi lokwelapha lolu bhubhane olungumashayabhuqe. Qikelelani ucansi olungaphephile. Ningathintani negazi noma uketshezi lomunye umuntu. Qaphelani insingo eke yasebenza komunye umuntu.' 11.1 Nika igama lomlingiswa owayexoxa noMfundisi kanye nesizathu saleyo ngxoxo ngokwalesi siqeshana. (2) 11.2 Chaza isimo somlingiswa onguDumazile ngokwalesi siqeshana. (2) 11.3 Nikeza amaqiniso atholakala enkulumeni kaDumazile ngokwalesi siqeshana. (2) 11.4 Nikeza ngokusamfanekiso ukulandelana kwezigameko ngemuva kokubaleka kukaDumazile emzini wakhe aye kwaNongoma. Bhekisa impendulo yakho kokwenzeka kuDumazile. (3) 11.5 Myalezo muni umbhali ahlose ukuwedlulisa kule noveli? Sekela impendulo yakho. (3) 11.6 Chaza umthelela wokusetshenziswa kwelukuluku esingenisweni saleli noveli. (3) 11.7 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela wesenzo sikaDumazile sokubaleka ashiye izingane zakhe zodwa njengoba noMtalaselwa wayesebenza kude nekhaya? Bhekisa impendulo yakho kuLerato. (4) 11.8 Uyavumelana yini nokuthi uMaNzimande ungumlingiswa oyindilinga? Sekela impendulo yakho. (3) 11.9 Uyazwelana yini nomlingiswa onguSithole ngesimo azithola esekuso ngokuthandana kwakhe noDumazile? Yikuphi ongakwenza uma ungahle ubhekane nalesi simo? (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 25 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC ISIQEPHU C: UMDLALO Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile. UMBUZO 12: (UMBUZO OMUDE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Phawula ngokuvezwa komlingiswa ongummeleli emdlaweni othi, Kudela Owaziyo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama- 340–390. Impendulo mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo: • Ukwethula nokuchaza ummeleli. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho wena ohlolwayo mayelana nokuvezwa komdlali ongummeleli kulo mdlalo. [25] NOMA UMBUZO 13: (UMBUZO OMFUSHANE) KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. (Asondele uManqina kuze kube sebengenisana kanye kanye kuvulandi maqedane abonakale uMdaluli esebeka isinqe esihlalweni ngalesi sikhathi uManqina esekhonjiswa usofa okumele athinsike kuwo. UMaMlanduli yena afole phambi kwabo esehlahle amehlo enziwa ukumangala.) MAMLANDULI: (ukhathazekile) Izosale seyehlukaniswa nguwena-ke Manqina le nhloko nesixhanti ngoba sengibone kahle ukuthi umhlabi nomhlinzi wenkomo useyahluleka manje yena wukuyetha nokuyikhipha ngezitho zayo ... (kuthuleke) Tshela mina wena Manqina: nabuya emini kangaka emsebenzini namuhla kube kungesilona nelanga lango Lwesihlanu, ngabe sekwenzekeni? Kungenzeka yini ukuthi sekuphinde kwasuka esinye isiteleka futhi? MANQINA: (ujabhile) Alishoni lingenandaba zalo mame wekhaya. Njengoba usibona nje sidiliziwe emsebenzini ... (aphazamiseke) MAMLANDULI: (usehlahle amehlo, umangele) Hawu! Kahle ukungethuka ngethambo likadadewethu uKhangisile wena esewaba mathambo amhlophe. Yini kodwa lena engiyizwayo? MANQINA: Nje. Kunjengoba ngisho nje mame. Kholwa yile ncazelo engikunika yona wena. Uma ungakholelwa kuyona angazi noma uyoze uyizwe kangcono ngoba isiphuma ezindebeni zomlomo wabaphuma eNgilandi yini? Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC MAMLANDULI: (uphefumulela phezulu) Hmm! Shono nje inyoni ivele ibindwe yisidwa nje lapha kubaba uma ngabe ngimbuza ngale ndaba. Kanti izinto zimi kanjalo manje bakithi? (kuthuleke) Ake utshele mina-ke wena: Lingaze liphume ngani ishwa lokudilizwa nje sekwenze njani? Nichaza ukuthi seniyizehluleki nina ukwedlula zonke ezinye izisebenzi efemini yensimbi? MANQINA: Qha mame, ngicela ungizwe kahle. Eqinisweni lilonke lokhu kudilizwa engikushoyo mina kakuqondiswe khona kulowo noma kulabo abathile mhlawumbe abayincithakalo kumbe abangawungenisi umnotho efemini. Ukudilizwa kwethu kuthinta wonke umuntu owaziwa njengesisebenzi sakwaIron, Metal and Steel Industry eClairwood eThekwini. Ibingekho futhi enye ifemu ebesingashintshelwa kuyona ebambisene neyethu kulo mkhiqizo kwazise phela iyathutha ifemu iphindela phesheya lapho yayivele iqhamuke ngakhona. Encazelweni esiyitholayo kuthiwa ize ithuthe nje futhi isidilize, yingoba isiyehluleka manje wukubhekana nesimo somnotho ngenxa yokwehla kwamandla emali. Kanye nokuzika kwerandi lishabalalelwa ngamandla alo, lokho osekuze kwayiphoqa ukuba ingabe isakwazi ukumelana nezidingo zayo ngasohlangothini lokusimama kwezomnotho. Okunye futhi okuphawulekayo wukuthi amandla ale femu aphele nya ngenxa yesiteleka sakamuva nje esiyishiye nokulahlekelwa obekungakaze kubekhona phambilini okungangoba abaxhasi bayo baphesheya baphethe ngokuba benze izincomo zokuba babhoncule izikhonkwane zayo ngokomnotho yagcina ngakho-ke ukuthutha lokho ngoba ungasabonakali imkhiqizo wayo. 13.1 Gagula abalingiswa ABABILI abathinteka ngqo ngodaba lokudilizwa emsebenzini ngokwalesi siqeshana. (2) 13.2 Nikeza imbangela yokuthi oMdaluli babuye emini emsebenzini ngokukaMaMlanduli. (2) 13.3 Chaza ukuthi kungani uMaMlanduli esebenzise amazwi adwetshelwe kulesi siqeshana. (2) 13.4 Fingqa ngamaphuzu AMANE abalulekile mayelana nokuthutha kwefemu kanye nokudilizwa koMdaluli njengoba kuchaza uManqina. (4) 13.5 Chaza ukuthi umoya nethoni equkethwe yinkulumo kaManqina kumveza njengomlingiswa onjani ngokwalesi siqeshana. (3) 13.6 Chaza imbangela yokuba khona komlingiswa onguZayeka kulo mdlalo. (3) 13.7 Qhathanisa izenzo zikaMdaluli ngenkathi esediliziwe emsebenzini nalezo zobaba abasesimweni esifana nesakhe emphakathini esiphila kuwo. (4) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC 13.8 Ucabanga ukuthi isinqumo sikaMdaluli sokuxosha izingane zakhe sasifanele? Sekela impendulo yakho. (2) 13.9 Xoxa ngokuphumelela kwesitayela sombhali sokusebenzisa umlayezo oyibika lokuzokwenzeka enkundleni yokudlalela ubhekise kulesi sigcawu. (3) [25] NOMA UMBUZO 14: (UMBUZO OMUDE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Phawula ngokuvezwa komlingiswa ongummeleli emdlaweni othi, Awuwelwa Umngeni. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340–390. Impendulo mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo: • Ukwethula nokuchaza ummeleli. • Ukuphendula umbuzo ngokuphawula, ukucaphuna nokwesekela ngokwencwadi. • Ukuveza uvo lwakho wena ohlolwayo mayelana nokuvezwa komdlali ongummeleli kulo mdlalo. [25] NOMA UMBUZO 15: (UMBUZO OMFUSHANE) AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo. (KuseTsheni emzini weNkosi uSalimani. Kusenkundleni yamacala. USalimani uhlezi esihlalweni sakhe ubheke eNingizimu. NgaseNingizimu kuhlezi abafowabo nezinduna zakhe benze udiwo. Phambi kwabo kumi ukhamba olwembozwe ngembenge. Eceleni kwalo kunesikhetho esisembengeni. UNomehlo udane elufukula ebaphuzisa.) Salimani: Nenze kahle ngokusheshe nifike nonke ukuze amaxoxo ethu asheshe. Usemningi umsebenzi okumele wenziwe ukulungiselela ukufika kwala madoda ngomhlomunye. Mbongolo: Kunjalo Mathangakahlangani. Salimani: Ngizothanda ukuba phambi kokuba sifike engqikithini yodaba enginibizele lona namhlanjena, kesithi ukwedlula odabeni lwamalungiselelo embizokazi yesizwe ezobe ihanjelwe uSomtsewu. Kuhle nonke nikhumbule futhi niqonde ukuthi le mbizo esiya kuyona, kuzoba yimbizo enkulu kunazo zonke esezake zabakhona kuleli likaBaba phakathi kwami nabelungu noma noHulumeni. Ubuhlobo obuhle bami nabelungu nina niyabazi. Angikaze ngibacwase. Kodwa kule mbizo esizoba nayo hleze kugqabuke igoda. Kubaluleke ukwedlula ukwenza-ke ukuba sonke isizwe sami siphelele ngothi lwaso ngaleli langa. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 21 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC Mcanjana: Kunjalo Manyosi. Salimani: Nanxa uSomtsewu ngokusho kwakhe ehlose ukukhuluma noVimbingwenya yedwa, ukuba khona kwazo zonke izigodi ukuze wonke uwonke azizwele, akone lutho. Ngakho-ke ngiyanithuma nonke ukuba nibe zithunywa zami uma nisuka lapha namhlanje. Niwuhlabe niwulawule kuso sonke isizwe sami. Angikhethe bulili ngisho nesimame imbala ngisifuna lapha. Yisona esazi izinseka. Yikusasa lezingane zaso leli okuphiswana ngalo. UBheswa njengoba ningamboni nje lapha, ngimvuse kusempondozankomo nezinye izithunywa. Ngibadonse ngendlebe ngathi kungabibikho sigodi abangafinyeleli kusona. Nina-ke niyobe senigcwalisela nje. Ngiyazi-ke ukuthi kukhona abalimi zabo zimbaxambili abasezolunywa zinyawo baphikelele kuSomtsewu eMgungundlovu bayosenga ezimithiyo ngami. Mhlawumbe bakhona nje lapha phakathi kwenu? Abafowabo} Phinde! (UMphiliphili asholo muva Izinduna Ngokwexwaya okukhulu.) Salimani: Amalungiselelo ale mbizo-ke sizowenza kusasa ekuseni. Ngakho-ke kuyobakuhle niphelele nonke lapha ekuseni njengoba ningaka nje. Wena-ke Mphiliphili ubovuka ungiyele kwaVimbingwenya kuMcondo. Uyomhlangabeza ukhuphuke naye azolalela ngalana. Ngoba naye uyobe egibele nawe uBheswa angakubophelela elinye ihhashi kwawami ezithunywa ugibele. Udaba enginibizele lona ziqonga zesizwe sikaBaba nalo lungolubucayi ngeyalo indlela. Lolu udaba lobuxoki. Mphiliphili: (axwaye) Salimani: (ababale ngamehlo.) Ngaphambi kokuba singene shi kulona ngithanda ukunikhumbuza ngento engethembayo ukuthi nonke niyibonile kuthangi yenzeka emahhovisi kaNdabazabantu eMgungundlovu. Niyakhumbula uZithulele eqhweba uMphiliphili noNgoza behleba bobane noSomtsewu laphaya etafuleni? Abafowabo: Yebo! 15.1 Gagula abantu abazobe beyingxenye yembizo okukhulunywa ngayo kulesi siqeshana. (2) 15.2 Nikeza isizathu esasenza inkosi uSalimani income ababethamele lo mhlangano kulesi siqeshana. (2) 15.3 Chaza ukuthi kungani inkosi uSalimani ingabizi uVimbingwenya kuphela kule mbizo ngokwalesi siqeshana. (2) 15.4 Fingqa ngamaphuzu AMANE abalulekile mayelana nokubiza zonke izigodi embizweni kaSomtsewu ngokwalesi siqeshana. (4) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 22 DBE/Februwari–Mashi 2015 NSC 15.5 Chaza ngomoya nethoni equkethwe inkulumo yabafowabo bakaSalimani ukuthi ibaveza njengabalingiswa abanjani ngokwalesi siqeshana. (3) 15.6 Chaza imbangela yokuba khona kukaNongejeni kulo mdlalo. (3) 15.7 Qhathanisa izenzo zenkosi uSalimani njengenkosi eyayibusa ngesikhathi sobandlululo kanye nezenzo zamakhosi abusa kulesi sikhathi sombuso wentando yeningi. (4) 15.8 Ucabanga ukuthi isinqumo senkantolo yamajaji yaseMgungundlovu siyakholeka yini ngokwesimo sezombusazwe sangaleso sikhathi? Sekela impendulo yakho. (2) 15.9 Xoxa ngokuphumelela kwesitayela sombhali sokusebenzisa umlayezo oyibika enkundleni yokudlalela ubhekise kulesi sigcawu. (3) [25] AMAMAKI ESIQEPHU C: 25 AMAMAKI ASEWONKE: 80 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha
Downloaded from hlayiso.com

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all