Skip to content
Question paper

Isizulu HL Grade 12 IEB Paper 2 2019 Question Paper

IEB Grade 12 Isizulu HL Paper 2 question paper from the 2019, 6 pages. Read online or get the free PDF download, memo linked when available.

Publisher: IEB

Subject: Isizulu HLGrade 1220196 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION NOVEMBER 2019 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA: IPHEPHA II ISIZULU HOME LANGUAGE: PAPER II Isikhathi: amahora ama-3 Amamaki ayi-100 QAPHELA LOKHU OKULANDELAYO 1. Leli phepha linamakhasi ayi-6. Qiniseka ukuthi nelakho liphelele. 2. Qala isiqephu nesiqephu ekhasini elisha. Ungaqala nganoma yisiphi isiqephu kodwa kufanele imibuzo yeziqephu ungayixovi. 3. Bhala izinombolo zemibuzo zihambisane nezisephepheni lokuhlolwa. 4. Fundisisa imibuzo ngaphambi kokuphendula. 5. Bhala ngesandla esifundekayo uhlele ngobunono umsebenzi wakho. IEB Copyright © 2019 PHEQA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA II Ikhasi lesi-2 kwayi-6 ISIQEPHU A Phendula Umbuzo 1 NOMA Umbuzo 2. ESITHANGAMINI SEZETHAMELI: P.B. Maphumulo no A.M. Maphumulo QAPHELA: Phendula umbuzo OWODWA kwelandelayo. Bhala i-eseyi ezoba izigaba ezine kuya kwezinhlanu, amagama abe phakathi kwangama 300–350. Nakhu okubalulekile ukuze uthole umklomelo omuhle:  Hlela i-eseyi njengoba uyaleliwe.  Sebenzisa ulimi oluhle nolunothile.  Impendulo yakho iveze ulwazi olunzulu lwendaba.  Impendulo yakho mayibhalwe ngesiZulu esihle. UMBUZO 1 Buka izithombe bese ufunda iziqephu ezimbili ezilandelayo ezicashunwe emdlalweni othi Kunomvuzo ngaphambi kokuphendula umbuzo olandelayo. [... izithombe zibolekwe kwi-inthanethi] UMQASHI: (ngezwi lokuthakasa) Ewu waze wamuhle waswenka kamnandi nsizwenye. Uyincwasimende yoqobo. Ngichazwa nayindlela obophe ngayo untanjana. Ngineqiniso ukuthi zikuqome zonke izintombi oke wahlangana nazo, wazeshela kusile nje. [... ikhasi 78] IEB Copyright © 2019
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA II Ikhasi lesi-3 kwayi-6 SICUTHE: (ngezwi eliphakeme) Wu …! Sies! (uyathimisa) Yidixa lani-ke leli elingenayo bakithi. (uzwela iphunga) Kkkm …! Hhayi ngeke. Angikusoli futhi. Uwavala ngakhona amakhala nawe mhlonipheki. Inkosi impela phela akuphunga leli. Lidaka impukane. Ake ubheke nje futhi, ibhulukwe aligqokile lisefekile ezinqeni kanti futhi liveza amadolo. Sengathi kungake kuvulwe amafasitela kuphephezeliswe nefeni le. Mhlawumbe ukuphephetha kwefeni kuzolixosha leli phunga eselivimbanise kangaka. [... ikhasi 79] Wena ungumqashi, bhala i-eseyi ezochazela umphathi wefemu ngesu olisebenzisile ukuqasha uThobani wangamqasha uSicuthe esikhaleni somsebenzi esivele ngenkathi bobabili besehhovisi bezofuna umsebenzi. Phakathi kokunye ungabhekisa kulokhu:  Indlela ababukeka ngayo bobabili.  Indlela abaziphathe ngayo ngenkathi besehhovisini lakho.  Izinga lokufunda kwabo.  Isizathu sesinqumo sakho. [30] NOMA UMBUZO 2 Funda isiqephu esilandelayo esicashunwe emdlalweni othi Isankahlu Senkohlakalo bese uphendula umbuzo olandelayo. MAGABELA: Wena baba uMbokazi umsulwa kule nkohlakalo eyenzekayo. Undodakazi kababa uGadlabezwe wayesuke ethunywe yibo laba, uGadlabezwe nendodana yakhe uZwangaye ukuba bakhombe wena njengomthakathi obulala umfazi kaMajozi. MBOKAZI: (umangele) Hhayi bo! Kanjalo nje? MAGABELA: Musa ukungingena emlonyeni phela baba ngidedele ngikhulume. GADLABEZWE/ZWANGAYE: (kanye kanye) Ukhulumeni njengoba uqamba amanga nje? [... ikhasi 59] Umbhali uqambe abalingiswa bomdlalo bonke wababiza ngezibongo ngaphandle kwababili uGadlabezwe noZwangaye. Bhala i-eseyi uveze ukuthi ulisebenzise kanjani isu lakhe lokuqamba laba balingiswa. Impendulo yakho ayibhekise kulokhu:  Imikhuba yabo abayenza endabeni nabalingiswa abayenza kubona.  Indlela abasekelana ngayo endabeni.  Indlela abavezwe ngayo.  Ukukholeka kwabo. [30] IEB Copyright © 2019 PHEQA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA II Ikhasi lesi-4 kwayi-6 Phendula Umbuzo 3 NOMA Umbuzo 4. AMAGEMFE: M. Hlengwa, L. Mathenjwa, T. Qwabe Khetha umbuzo OWODWA ubhale i-eseyi ezoba phakathi kwamagama angama-250 kuya kwangama-300. Impendulo mayihlelwe ibe yizigaba ezine kuya kwezinhlanu. QAPHELA:  Hlela i-eseyi njengoba uyaleliwe.  Sebenzisa ulimi oluhle nolunothile.  Impendulo ayikhombise ulwazi olunzulu lwendaba.  Impendulo yakho ayibhalwe ngesiZulu esihle. UMBUZO 3 Funda iziqephu ezimbili ezicashunwe endabeni Isililo Esikhulu ukuze ukwazi ukuphendula umbuzo ongezansi. Angabe esasho lutho uMaMthembu. Abalise ngenhliziyo. Ukhala esokuthi ingane yakhe ingafeli ezandleni zakhe. Ukhala ngokuthi angabe esalibona ingcwaba layo pho. Ibuhlungu nenhliziyo kaS'gabe Doncabe. Uqinisele nje ngoba yindoda. UVusi nguye kuphela umfana. Akubanga lula nokutholwa kwakhe. [... icashunwe ekhasini 59] "Nakhu engingakwazi Mvelase. Kungabe igama elithi 'isabelo' lisho okufanayo yini nelithi 'isiqalekiso'?" [... icashunwe ekhasini 65] Kube nesililo esikhulu emzini kaS'gabe Doncabe njengoba uVusi ehlulekile ukufeza isifiso sabazali wakhetha ukuba isiqalekiso kubona. Bhala i-eseyi uveze ukuthi kwenzeke kanjani lokhu. I-eseyi yakho ayibe nesingeniso, umzimba nesiphetho. Impendulo yakho ayibhekise kulokhu:  Ukuzalwa, ukunyamalala nezenzo zikaVusi.  Izifiso zabazali bakhe ngokumthola nangemumva kokunyamalala kwakhe.  Imiphumela yokunyamalala kwakhe kubazali bakhe.  Abanye abalingiswa abathintekayo. [30] IEB Copyright © 2019
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA II Ikhasi lesi-5 kwayi-6 NOMA UMBUZO 4 Indaba Kusa Kusa ikhombisa ukuthi uMdelwa uphila izimpilo ezimbili ezahlukene, ezindaweni ezimbili ezihlukene nabantu abahlukene. NguRivonia lo ahlezi naye. Ukhumbula inkosikazi yakhe emakhaya. Azame ukuyiqhathanisa noRivonia lo ahlezi naye. Avele abe ngokunye uRivonia. UMaZondi asale kude le. [... izithombe zibolekwe kwi-inthanethi nakufacebook] Bhala i-eseyi uhluze isizinda kule ndaba kuvele ukuthi sihambisana kanjani nempilo kaMdelwa. Impendulo yakho ayibhekise kulokhu:  Isikhathi okwenzeka ngaso le ndaba.  Izindawo ezithintekayo endabeni.  Isimo senhlalo endabeni.  Uyiphatha kanjani le mpilo yakhe embaxambili. [30] Amamaki angama-60 IEB Copyright © 2019 PHEQA IKHASI
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE: ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA – IPHEPHA II Ikhasi lesi-6 kwayi-6 ISIQEPHU B UKUBHALELA IZIMO EZITHILE Uzothola imiklomelo emihle uma ulandela imigomo:  Isakhiwo esihle sombhalo.  Ulimi oluhle nolunothe ngezimo zokukhuluma.  Ingqikithi ekhombisa ulwazi lombhalo nokuziqambela.  Irejista, ithoni nesitayela okufanele. UMBUZO 5 Bhala ngamagama ayi-150 kuya kwayi-180 engabaliwe amagama abaxoxi. Intendele iwele enkundleni njengoba uhlabene ngokuthola umfundaze esikoleni sabantu abadla izambane likapondo. Uvakashelwe yintatheli yephephandaba langakini ukuze ithole lolu daba kuwena lusashisa. Bhala i-inthavyu phakathi kwakho nale ntatheli ikubuza ngale nhlanhla engaka ekwehlele. [20] UMBUZO 6 Bhala ngamagama ayi-150 kuya kwayi-180. Umafungwase wakwenu useze waba neminyaka engamashumi amabili nanye eyintombi nto. Ubaba wakho uhlele ukumenzela umcimbi omkhulu wokumemulisa ekupheleni konyaka. Ukucela ukuba umenzele ikhadi lesimemo enizomema ngalo izihlobo nabangani ukuze beze kulo mcimbi. Bhala ikhadi lesimemo eliqondene nalo mcimbi enizoba nawo. [20] Amamaki angama-40 Amamaki esewonke ayi-100 IEB Copyright © 2019

Study this subject

Revise the topics in this paper, then practise them question by question.

More papers and memos for this grade and subject.

More from Grade 12 Isizulu HL

View all