Skip to content

isiZulu FAL Grade 12 Paper 2 NSC June 2018 Memo

MemorandumisiZulu FALGrade 12201822 pages

Grade 12 isiZulu FAL Paper 2 memorandum from the NSC June Exam 2018, 22 pages. Read online or get the free PDF download, question paper linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

NSC June Exam 2018

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com GRAAD 12 SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) IPHEPHA LESIBILI (P2) 2018 IMEMORANDAMU AMAMAKI: 70 Le memorandamu inamakhasi angama-22. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 2 DBE/2018 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU A: INOVELI UMBUZO 1: ITHEMBA LAMI – LF Mathenjwa ISIQESHANA A 1.1 UNonkamfela.√ (1) 1.2 Wathi odokotela abasiboni isifo esimphethe, bayahlawumbisela.√√ (2) 1.3 IPutukezi√/eMampondweni√ (1) 1.4 Ukubhema√ (1) 1.5 A√/Ngibakhombise amandla emithi yami.√ (1) 1.6 Wayenziwa amazwi kaNonkamfela okuthi lesi sifo esimphethe siwubala kuyena ngoba imithi yakhe uyilanda ePutukezi bese eyithaka neyaseMampondweni.√√ (2) 1.7 1.7.1 Isikhathi samanje ngoba: AMAPHUZU AMABILI kwalandelayo: • Sekukhona izifo ezingalapheki/isandulela-ngculazi (HIV).√/ • Ukuba khona kwamakhaza okugcina izidumbu lapho kwakusebenza khona uNtshingila.√/ • Ubugebengu osebukhona njengokwebiwa kwezicubu zabantu emakhazeni.√/ • Ukuba khona kwezibhedlela lapho kwakulele khona uSandanezwe.√/ • Izithuthi esezikhona manje, uSandanezwe wayehamba ngamatekisi uma eya ezinyangeni.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 1.7.2 Uvuthondaba: Le ndaba ifike esicongweni kuvuthondaba ngesikhathi uSandanezwe esenyangeni uMbuyisa ethola ukuthi ukufa kunokuthi kuphele kuyadlanga ngoba wayeseqalwe nayiphika. √√ (2) 1.8 Usilandisa emi eceleni. Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Akasiyona ingxenye yabalingiswa.√√/ • Umlandi usixoxela le ndaba njengomuntu wesithathu.√√/ • Umlandi ungusazikonke, iso lakhe libona konke okwenzeka endabeni ngoba phela umi eceleni.√√/ • Endabeni usebenzisa isivumelwano somuntu wesithathu u-u no-ba.√√/ • Usebenzise izabizwana zomuntu wesithathu njengokuthi yena/bona.√√ (2) 1.9 Lokho akuzange kube yinkinga ngoba noma ukufa kwase kumphundlile kodwa yona imadlana yayisekhona kwazise nemfuyo yayimchuma umfo lo.√√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 3 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 1.10 Izimpendulo ziyokwehluka. Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Ngingazitshela ukuthi sekumele zazi ukuthi sekukhona izifo ezazingaziwa kudala elingakatholakali ikhambi lokuzelapha, elisafunwa ngodokotela nezinyanga ngokunjalo.√√/ • Ngangingazeluleka ukuthi zikhululeke zimtshele umuntu uma zehluleka ukwelapha isifo sakhe, zingamchitheli isikhathi. √√ • (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 1.11 OKUKODWA kwalokhu okulandelayo: • Asifezekanga isifiso sakhe sokushada noNokulindela.√√/ • Kwaholela ekuthini kudaleke ubutha phakathi kwakhe noZabalaza ngoba esethole ithuba lokumgxibhela engodusweni yakhe.√√/ • Kwamsiza ngokuba akwazi ukuthola umuntu owagcina esemelaphela ingoduso yakhe.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) KANYE ISIQESHANA B 1.12 Kwenzeka ingozi yokushayisana kwebhasi nesitimela.√√ (2) 1.13 • Waphuthuma lapho kwenzeke khona ingozi, wasika isitho sangasese sezinye zezidumbu, wabaleka naso.√/ • Amjaha amaphoyisa, ambamba, kwatholakala ukuthi usesilahlile isitho sangasese. √ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 1.14 Yingoba abazali bakhe bamlindela isikhathi eside ngaphambi kokuba azalwe. √√ (2) 1.15 Izenzo EZIMBILI kwezilandelayo: • Wahlangana noNokulindela wakhuluma amazwi ayiziswana ngesoka lakhe, into ayengeke ayisho kuSandanezwe uma bebhekene.√/ • Kwathi ehamba nezinsizwa zangakubo wakhuluma ukwedelela kuSandanezwe ngoba embona ehamba yedwa.√/ • Ngelinye ilanga ehamba yedwa zingekho izinsizwa zangakubo wahlangana noSandanezwe, uSandanezwe wamshaya, wathi umshaya ngoba nakhu ehamba yedwa.√ (2) 1.16 Abanye bangathi: Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: Abubanga buhle ngoba: • Baphoxeka nemindeni yabo emphakathini.√√/ • Bahlawuliswa ngesenzo sabo.√√/ • UNomgedla wacasuka ngoba wazithola esebizwa ngomthakathi ngenxa yakhe uZabalaza.√√/ • Kufanele ukuthi uZabalaza kwamcasula ukuthi uNomgedla agcine ezikhiphile izimfihlo.√√ Baqhubeka nobuhle ngoba: • Babeyizihlobo/ Babengokanina.√√/ • Kufanele ukuthi bayixoxa indaba baxolelana ngoba babeyizihlobo zegazi.√√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 4 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 1.17 Cha kuyinto engamukelekile . Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Inyanga ayibulali njengomthakathi kepha iyelapha.√√/ • Kuphambene nomthetho wezempilo, akumele abantu badle noma bafake egazini izinsalela zezicubu zabantu.√√/ • Kuphambene nomthetho weBhayibheli.√√/ • Kukhombisa ukungabacabangeli abantu ababulawayo nemindeni yabo.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 1.18 Imibono iyokwehluka abanye bayothi: Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: Ngangizokhetha ukwelashwa ngodokotela ngoba: • Banolwazi olunzulu lwezifo eziningi.√/ • Imithi yabo isihloliwe ngongoti bezempilo.√/ • Imithi yabo ihlanganiswa ngaphansi kwezimo ezihlanzekile.√/ • Bayavuma baphumele obala uma isifo singakabi nalo ikhambi elisiqedayo.√ NOMA Ngangizokhetha ukwelashwa yizinyanga ngoba: • Ezinye zikufundele ukwelapha ngempela.√/ • Eziningi zelapha ngamakhambi emvelo.√/ • Nangezikhathi zakudala kwakuvele kwethenjelwe kuzona uma kwelashwa abagulayo.√/ • Iningi lazo liyabhula, lihlole ukuthi umsuka wesifo ukuphi bese ziyakwelapha.√/ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (3) [35] NOMA UMBUZO 2: KUSINDA KWEHLELA ENDODENI – SJ MCHUNU ISIQESHANA C 2.1 Esokuba yinduna.√ (1) 2.2 • UFanyana.√ • UMjwayeli.√ (2) 2.3 A√/Wakhipha inkomo wayiyisa emzini.√ (1) 2.4 Kwase kufanele angene kuqala kunabanye abasebenzi ukuze abone zonke izinto ukuthi zikulungele ukuba kuqale umsebenzi. √√ (2) 2.5 Bazisola ngoba baxolisa kubazali babo ngesenzo sabo.√√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 5 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 2.6 2.6.1 Isikhathi samanje ngoba: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo embuzweni ngamunye • Sekukhona izithuthi ezinjengamatekisi.√/ • Izingane zikaManyoba zifundile zisebenza kahle.√/ • Izingane zikaManyoba sezihlala emadolobheni.√/ • Sekukhona umdlalo weLotto.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 2.6.2 Uvuthondaba: Ingase yehlukane imibono ngokuthi lukuphi uvuthondaba kule noveli. • Omunye angase athi lulapho uManyoba esethatha isinqumo sokubuya ePitoli azosebenza ngasekhaya. √√/ • Omunye angathi lulapho uManyoba esewina iLotto. √√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi) (2) 2.7 Usilandisa emi eceleni. Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Akasiyona ingxenye yabalingiswa.√√/ • Umlandi usixoxela le ndaba njengomuntu wesithathu.√√/ • Umlandi ungusazikonke, iso lakhe libona konke okwenzeka endabeni ngoba phela umi eceleni.√√/ • Endabeni usebenzisa isivumelwano somuntu wesithathu u-u no-ba.√√/ • Uphinde asebenzise izabizwana zomuntu wesithathu njengokuthi yena/bona.√√ (2) 2.8 Inkinga eyayisematheni ngalesi sikhathi engena ebuduneni, ukuqashwa kwezingane eziphase ibanga leshumi zingabhaliswa, ziholelwe imali yetoho isikhathi eside, kube kudilizwe abantu abadala.√√ (2) 2.9 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: Ngangingazitshela ukuthi: • Aziziphathe kahle zigade izimpilo zazo.√√/ • Azingaphangi umdaka, zilinde zize zikhule ngokwanele.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi) (2) 2.10 Baphepha engozini yokuduka bangatholakali kanye nasezigebengwini ngoba uMfundisi Zakwe wabasiza ngendawo yokulala.√√ (2) KANYE ISIQESHANA D 2.11 • Wangena efemini ekuseni, wahlaba udobolwane maqede wasephuma wayoziphuzela utshwala ngoba phela utshwala abuvunyelwe efemini.√/ • Ukuphuza adakwe esemsebenzini.√ (2) 2.12 Zathi zizombamba uManyoba uma esephumile emsebenzini zimenzakalise.√√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 6 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 2.13 OKUKODWA kwalokhu. • Kungenzeka ukuthi abazali bakhe babenethemba elikhulu ngaye. √√/ • Abazali bakhe babenethemba lokuthi uzokhula abe yingane eziphethe kahle. √√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo umfundi) (2) 2.14 Izenzo EZIMBILI kwezilandelayo: • UManyoba wasebenza wabeka imali yokulobola ingoduso yakhe.√/ • Wasebenza ngobuqotho efemini waze wakhushulelwa esikhundleni sokuba yinduna.√/ • Wasebenza eGoli wangathola umasihlalisane.√/ • Wafundisa izingane zakhe ngempumelelo.√ (2) 2.15 Imibono iyokwehluka abanye bayothi: OKUKODWA kwalokhu: Baba buhle ngoba: • Baxolisa kubazali babo, okukhombisa ukuthi balibona iphutha labo. √√/ • Ungeke wamzonda umzali wakho ngephutha lakho. √√/ NOMA Baba bubi ngoba: • Imali iyabaxabanisa abantu, kungenzeka ukuthi abazange besabukana ngehlo elihle.√√/ • Kwaqubuka inzondo emva kwalokhu.√√/ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 2.16 Imibono iyokwehluka: Ayamukelekile: Ngoba ngokwesimanje: • Kumele indoda ithole imvume kunkosikazi omdala ukuthi uyavuma yini.√√ Yamukelekile: Ngoba: • Indoda inelungelo lokwenza ekuthandayo emzini wayo.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 2.17 OKUTHATHU kwalokhu: • Ngangiyocela oyedwa kubafowethu ukuthi abathathe.√/ • Ngangiyokhuluma noMaNdlovu sibonisane ukuthi sibasiza kanjani.√/ • Ngangingakhuluma nomyeni wami ukuba angivumele ngibathathe bahlale nathi.√/ • Ngangiyoxhumana nabezenhlalakahle ngicele bangifunele indawo yokuhlalisa abazali bami.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (3) [35] NOMA UMBUZO 3: UMSHADO – N Zulu ISIQESHANA E 3.1 Wayethathwe yimoto ebomvu.√ (1) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 7 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 3.2 UZenze noPamella√√ (2) 3.3 B√/Ukuhlangana nomuntu okade ungamlindele.√ (1) 3.4 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Ayikho into ayifundisayo ngalelo langa√/ • Umqondo wakhe wawugcwele izinkinga.√/ • Wafika esikoleni emva kwesikhathi.√/ • Wayocela ukuhamba singakashayi isikhathi sokuphuma kwesikole. √ (2) 3.5 Yebo wazisola ngenkathi eseboshiwe uTholakele ngosuku lomshado ngoba akazange anqabe uma uLindiwe ecela ukumsiza.√√ (2) 3.6 3.6.1 Isikhathi samanje ngoba: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo embuzweni ngamunye • Sekukhona izithuthi ezinjengamatekisi.√/ • Sekukhona izidakamizwa ezidliwa budedengu.√/ • Abamhlophe sebengena ngenkululeko ezindaweni zabansundu.√/ • Ubugebengu yinto yemihla ngemihla.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 3.6.2 Uvuthondaba: Kule noveli lutholakala ngosuku lomshado lapho ubaba kaTholakele esefuna imali yelobolo naye uTholi eseboshwa engasashadanga noBhekani.√√ (2) 3.7 Ngiyaphika. Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Umlandi usixoxela le ndaba njengomuntu wesithathu.√/ • Umlandi ungusazikonke, iso lakhe libona konke okwenzeka endabeni ngoba phela umi eceleni.√/ • Akasiyona ingxenye yabalingiswa.√/ • Endabeni usebenzisa isivumelwano somuntu wesithathu u-u no-ba.√/ • Uphinde asebenzise izabizwana zomuntu wesithathu njengokuthi yena/bona.√ (2) 3.8 'Uma bembulele uLindiwe kusobala ukuthi sengiyoshadela ejele noTholi noTholi'√√ (2) 3.9 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Ngingabatshela ukuthi abaziphathe kahle bahloniphe isiko njengokugqoka ngendlela efanelekile uma uzilile. √√/ • Abantu uma besazilile bazibambe bangaqomi. √√/ • Bangangeni ebugebengwini. √√/ • Bangadli izidakamizwa.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 8 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 3.10 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Walahla uLindiwe owayemthanda ngokweqiniso.√/ • Waba nesitha endaweni okunguBhatomu.√/ • Wazithola engasezwani kahle nomndeni wakhe.√ Nokunye okunembayo okungashiwo umfundi. (2) KANYE ISIQESHANA F 3.11 OKUBILI kwalokhu: • Ukukhula kwakhe. √/ • Ubuhle bukamakoti.√/ • Ukuqina kwakhe.√ (2) 3.12 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • UBhekani wafica uTholakele endlini yakhe ehlezi noBhatomu.√/ • Wabacela uxolo wathi ufuna ukukhuluma noTholakele.√/ • Wenqaba uBhatomu, uTholakele wathi uyasukuma uBhatomu wamshaya ngempama. √/ • UBhekani naye washaya kuBhatomu, balwa.√ (2) 3.13 • Yingoba kwathi uBhekani kade ephuphe uyise ethi akathole unkosikazi ngakusasa ekuseni wahlangana noTholakele wamthanda wafisa ukuthi amgane.√/ • UTholakele kule noveli washesha ukuthandana noBhekani okukhomba ukuthi uyashesha ukutholakala.√ (2) 3.14 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Wathi kuBhekani makashise impepho ashweleze kwabaphansi uma efuna ukushada nomfelokazi.√/ • Wathi uma ezimisele ngokushada noTholakele kuyomele kuhlatshwe imbuzi kushwelezwe kwabaphansi ekhona naye uTholi.√/ • Wayembonisa ukuthi makaye kwababonayo ngokwesintu.√ (2) 3.15 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: Baba buhle ngoba: • UTholakele wayengasekho njengoba kwakunguyena owayebangela ukungezwani phakathi kwabo.√√/ • UBhekani wakwazi ukuphinde ahloniphe unina, alalele izeluleko zakhe njengakuqala.√√ NOMA Baba bubi ngoba: • Kungenzeka ukuthi unina wamsola ngesenzo sakhe sokungamlaleli ngesikhathi embonisa njengomzali wakhe. √√/ • Kungenzeka ukuthi unina wayehlale emkhumbuza njalo ngephutha lakhe.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 9 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 3.16 Imibono iyokwahluka. Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: Akwamukelekile ngoba: • Kukhombisa ukungayihloniphi indoda yakho eyashona.√√/ • Akuhambelani nesiko lesintu.√√/ • Kukhombisa ukungaziphathi kahle ungumuntu wesifazane.√√/ • Ungathelela lelo soka lakho ngamabhadi ngoba usenesinyama, ungakagezwa.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) NOMA Kwamukelekile ngoba: • Usuke esekhululekile ngoba owayeshade naye akasekho. √√ • Kubalulekile phela ukuthi naye aqhubeke nempilo. √√ (Nokunye okunembayo okungashiwo umfundi.) (2) 3.17 Imibono iyokwehluka: OKUTHATHU kokulandelayo: Abanye bayothi: • Ngangiyoxoxisana naye ngimncenge ukuthi sibuyelane. √/ • Ngangiyomncenga ukuthi amale lowo muntu asethandana naye.√/ • Ngangingahlala kubo ngingahambi. √/ • Ngangiyocela umama wakhe angikhulumele noBhekani ngoba umama wakhe uyangithanda. √ Abanye bathi: • Ngangiyohamba ngiphindele ekhaya.√/ • Ngangiyokwamukela isimo.√/ • Ngangiyofuna incazelo ezwakalayo namazwi aphuma kuyena okuthi akasangithandi ngempela.√/ • Ngangingazama ukuhlangana noTholakele ngimtshele ukuthi akehlukane noBhekani.√/ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (3) [35] AMAMAKI ESIQEPHU A: 35 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 10 DBE/2018 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU B UMBUZO 4: ABABULALI BANYATHI – RM Mngadi 4.1 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Useyinkosikazi yekhansela.√/ • Amakhosikazi endawo asembingelela ngenhlonipho.√/ • UDuma usezohola imali enkulu. √ (2) 4.2 UShandu√ (1) 4.3 • UDuma uthi uyena owakhethwa abantu.√ • UDuma uthi uyena olawula intuthuko endaweni.√ (2) 4.4 Intando yeningi.√ (1) 4.5 OKUBILI kwalokhu: • Uyahleka, ushaya izandla sakubabaza. √/ • Aphinde ashaye izandla.√/ • Amamatheke. .√/ (Nokunye okufakwe kubakaki esiqeshini sendaba.) (2) 4.6 Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Isikhathi sesishintshile, akusiwona wodwa amakhosi anamandla okuphatha ezindaweni zasemakhaya.√√/ • Sekukhona amakhansela akhethwe ngentando yeningi.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 4.7 • Phela udlame lwake lwabheduka endaweni ngaphambi kokuba kuvotwe, kwafa abantu abaningi.√/ • Lolu dlame lwaluphakathi kwabantu abazwelana nenkosi nalabo ababehambisana noDuma, yingakho-ke uDuma nenkosi babengezwani kahle ngoba babebambelene amagqubu. √ (2) 4.8 • Wayemsola ngokuthi akayihloniphi inkosi.√/ • UDuma wayengathathisi enkosini uma ezoba nemihlangano endaweni.√ (2) 4.9 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Laba bantu bahlala endaweni yasemakhaya, banenkoleloze yokuthi wonke umuntu wesifazane ozalelwe elokishini akanaso isimilo.√√/ • Njengoba uMaShezi wayezalelwe KwaMashu babembona njengomuntu ongenaso isimilo. √√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 11 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 4.10 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Izenzo zikaMaShezi ziyaguquguquka zihambisana nesimo azithola ekuso.√/ • Ngasekuqaleni lapho izinto zibukeka zihamba kahle ugqugquzela umyeni wakhe ukuthi angaceli enkosini uma ezoba nemihlangano. √/ • Uma isimo sesisibi uncenga umyeni wakhe ukuthi akazehlise axolise enkosini.√/ • Waze wahamba wayobonisana noMaNgema ngenhloso yokuthi babambe iqhaza ekuletheni uxolo kule ndawo. √ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 4.11 Isiphetho salo mdlalo siyayixazulula inkinga ngoba: OKUKODWA kokulandelayo: • Inkinga eyethulwe esingenisweni iyaxazululeka uma inkosi uShandu esevuma ukusebenzisana nekhansela uDuma. √√/ • Udlame obelukhona endaweni luyaphela. √√/ • Ubutha obebukhona kubalingiswa buyaphela.√√ (2) KANYE ISIQESHANA H 4.12 4.12.1 D√/Izwe liyadunguzela.√ 4.12.2 A√/Ahola imali eningi.√ 4.12.3 B√/UMbandlwa.√ 4.12.4 C√/Unogada wenkosi.√ (4) 4.13 Ungumqhathi ngoba: • UDlamini uyishoshozela lodlame.√/ • Unamagqubu njalo uma ekhuluma nenkosi ngodaba olufaka uDuma usheshe akhumbuze inkosi ngobubi obabenziwa nguDuma kanye noMbandlwa ngesikhathi sodlame. √/ • Kulo mdlalo uDlamini kusuka ekuqaleni usebenza ngolaka nenzondo noma izinto ziqhubeka zonakala yena akaguquki. √/ • Nguyena ogqugquzela inkosi ukuthi ingayingeni eyokwakha uxolo noDuma.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 4.14 Isifaniso. √√ (2) 4.15 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: Yamukelekile • UMazongolo ungumfundisi owenza imizamo yokwenza uxolo kule ndawo. √/ • Akahluleli muntu kulaba bantu ababehamba phambili kule ngxabano.√/ • Nguyena owayengusihlalo womhlangano wokudala uxolo. √ (2) 4.16 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • UMbandlwa wayengamnikezi uDuma izeluleko ezakhayo. √/ • Wayemgqugquzela ukuba angayilaleli inkosi. √/ • Kwathi noma isimo sesisibi yena waphikelela nokuthi uDuma angazihlanganisi nemizamo yokwakha uxolo. √/ Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 12 DBE/2018 SCE – Imemorandamu • Lesi simo senza ukuthi kube khona udlame endaweni kufe abantu abaningi. √/ • UMaShezi waze waphindela kubo KwaMashu ngoba ebona ukuthi uDuma ulalela uMbandlwa kakhulu futhi wayesezibona engaphephile. √ (2) 4.17 Imibono iyokwehluka. Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: Abazwelana nomphakathi wakule ndawo bayothi: • Abantu bakule ndawo babengayiqondi kahle intando yeningi, ngakho-ke ngesikhathi kubekwa uDuma ukuthi abe yikhansela iningi labantu lambona njengomuntu ozobangisa inkosi. √/ • Babezimisele ngokulwa ngoba bebona inkosi yabo ingahlonishwa. √/ • Le ntando yeningi yafakwa kulezi zindawo zasemakhaya ngaphandle kokuthi abantu bachazelwe kabanzi ngamandla amakhosi ngaphansi kwentando yeningi. √/ • Baphatheka kabi ukuthi abantu bahlukana phakathi, baqala ukungathembani. √ NOMA Abangazwelani nomphakathi wakule ndawo bayothi: • Laba bantu kwakumele bacabangisise ngaphambi kokuthi bathathe izikhali. √/ • Uma bengayiqondi intando yeningi kwakumele bathole ulwazi ngayo kunokuthi balwe. √/ • Abanumzane bendawo kwakumele bahlangane bacele umhlangano ozohlanganisa uDuma nenkosi ukuze kudaleke uxolo endaweni.√/ • Yibona qobo lwabo abazifaka kule mpi bebhekile, babesengayigwema kalula.√ (3) NOMA UMBUZO 5: ICALA ALIBOLI – VM Mbhele ISIQESHANA I 5.1 Babelinde ukubona ukuthi kwenzekani emzini kaMbhele uma engekho.√ (1) 5.2 UNtshangase.√ (1) 5.3 Icala lokubulala uNkosikazi Mbhele. √√/Ukubulala uMaNtuli. √√ (2) 5.4 • Wababaza wase ehlahla amehlo. √/ • Wahlahla amehlo ethi uyaphupha yini. √ (2) 5.5 OKUBILI kwalokhu: • Ngakusasa uSonto ubize uMthofi ekuseni ecabanga ukuthi uMbhele uyovula ezitolo kanti ukwaDlamini noNtshangase bacashile bangabonwa muntu ukuze bakwazi ukubona ukuthi bangobani laba bantu abazenzela umathanda bafika noma nini emzini kaMbhele uma uMbhele engekho.√√/ • Kwaphazamisa uDlamini engena ephefumulela phezulu.√√/ • Balunguza oMbhele noNtshangase ngefasitela njengokusho kukaDlamini.√√ (Nokunye okufakwe kubakaki esiqeshini sendaba.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 13 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 5.6 Ekhombisa ukwethuka. √√ (2) 5.7 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Bobabili bayizigebengu ezingenanembeza.√/ • Bobabili babulala inkosikazi kaMbhele uMaNtuli.√/ • Bayizigebengu ezithengwayo ukuthi zibulale abantu.√/ • Babesabisa uSonto sebefuna imali yabo. √ (2) 5.8 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • UNtshangase ubona ukuthi kungase kwenzeke ukuthi uMbhele udidekile noma akaboni kahle.√√/ • UNtshangase akakholwa ukuthi uSonto angajwayelana nezigebengu ekubeni uyayazi indlela lo mndeni ophila ngayo.√√ (2) 5.9 Ngoba benza izinto angaziqondi noma izinto ezixakile njengokufika emzini wendoda ingekho bephethe izibhamu. √√ (2) 5.10 • Izenzo zikaDlamini ziyaguquguquka zihambisana nesimo azithola ekuso. √/ • Siyamthola ewusizo kuMbhele emtshela ngokwakwenzeka emzini wakhe uma engekho./Uma ethola ithuba lokuzenzela imali esheshayo uyalisebenzisa, simthola esentshontsha imali eyayifihlwe nguSonto egcekeni kwakhe.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi. (2) 5.11 Isiphetho salo mdlalo asiyixazululi inkinga ngoba: • Inkinga yommeleli onguSonto eyethulwe esingenisweni ayixazululeki ngoba ugcina ngokuboshwa.√√/ • Izimfihlo zommeleli onguSonto ziyembuleka , agcine ngokuboshwa. • USonto ugcina etshele umama wakhe lonke iqiniso mayelana nokuthinteka kwakhe ekubulaweni kukaMfundisi kanye nokuthenga izigebengu ezabulala uMaNtuli.√√ (2) KANYE ISIQESHANA J 5.12 5.12.1 D UMthofi noToronto. 5.12.2 C Waboshelwa icala angalenzanga 5.12.3 B Isisusa sodweshu kulo mdlalo 5.12.4 A Indawo yasedolobheni (4) 5.13 UMthofi ungumqhathi... • Ngoba nguye obangela ukuba uSonto axabane noMbhele.√/Nguye odala ingxabano phakathi kukaSonto noMbhele. √/ • Ngoba nguye obangela ukuba uSonto abulale umfundisi.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 14 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 5.14 Isihlonipho/Ukuhlonipha√√ (2) 5.15 Imibono iyokwahluka. Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: Yamukelekile ngoba: • Kwathi noma ebona ukuthi indodakazi yakhe yonile kodwa wayixolela.√/ • Akagcinanga nje ngokuyixolela kodwa waphinde wayinikeza ithemba lokuthi isimo ebhekene naso sizodlula.√/ • Akazange angabaze nakancane ukuthatha umzukulu wakhe ngesikhathi uSonto eseboshiwe.√/ • Uyayithembisa indodakazi yakhe ukuthi uyohlale eyithanda ngaso sonke isikhathi.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) NOMA Ayamukelekile ngoba: • Indodakazi yakhe yayibulele abantu ngakho-ke kwakumele ayiyekele ivune izithelo zezenzo zayo ukuze ithole isifundo. √/ • Kwakungase kuyone indodakazi yakhe bese iphinda futhi yenze ezinye izigemegeme ngoba yazi ukuthi unina uzoyivuna. √/ • Kwakunganikeza isithombe sokuthi akakhombisi ukuzwelana nabantu abagilwe yindodakazi yakhe bese kudaleka ubutha phakathi kwakhe nabo.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo umfundi.) (2) 5.16 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Kwenza ukuthi azi izinto eziyimfihlo mayelana nokuqoqwa kwemali.√/ • Lokhu kwambeka ethubeni lokuthi abe nolwazi lwenani lemali esuke iqoqiwe ngalelo sonto noma ngalolo suku.√/ • Ukufika kwakhe emzini womfundisi sekuhlwile kwenza ukuba umfundisi angaxwayi futhi angasoli lutho ngoba wayemethemba.√/ • Ukuba kuleli komidi kwenza ukuthi namanye amakholwa amethembe, okwamnikeza ithuba lokwenza ubugebengu enganakekile.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 5.17 Ngiyazwelana nomphakathi ngoba: Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: • Umphakathi wase uphila ngokwesaba emva kokushona kukaMaNtuli.√/ • Ukuba khona kwezigebengu ezithengwayo kwakwenza ukuthi wonke umuntu azizwe engaphephile. √/ • Ukushona komfundisi kwabahlukumeza kakhulu abantu emphakathini ngoba wayeyithemba labo.√/ • Lobu bugebengu babungahlukumezi abantu abadala kuphela kepha nezingane ezingenacala zazizithola zisesimweni esibucayi ngenxa yobugebengu babazali. UZinhle uzithola engaphephile ngenxa yobugebengu bukaSonto. √ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (3) NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 15 DBE/2018 SCE – Imemorandamu UMBUZO 6: ISIKO NELUNGELO – N Zulu ISIQESHANA K 6.1 UDumisani usebenza kude nasekhaya.√/ Ngenxa yomsebenzi.√ (1) 6.2 UMondise.√/ uSithole. √ (1) 6.3 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Kwase kushone umyeni wakhe. √/ • Ukuhlala kwaZungu kwakumthunuka amanxeba. √/ • Ukufuna ukukhohlwa ngokushintsha indawo. √ (2) 6.4 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • UThenjiwe wayekhuthele ngoba wayenza imisebenzi eminingi yasekhaya njengokupheka nokuwasha izitsha.√/ • UThenjiwe wayehlonipha ngoba wayekwazi ukunikeza uZungu indawo yakhe.√/ • UThenjiwe wayenothando nobungane kakhulukazi uma exoxa noThabi.√/ • Wayenesimilo esihle ngoba wayethembekile kumyeni wakhe ngesikhathi esaphila noma eseshonile.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo umfundi.) (2) 6.5 OKUBILI kwalokhu: • Kusemini ekhaya kwaZungu. UThenjiwe ugeza izitsha phandle. Kufika uDumisani. √/ • Athi ukukhophoza. √/ • Abuke izitsha. √/ • Abuke uDumisani. √ (Nokunye okufakwe kubakaki esiqeshini sendaba.) (2) 6.6 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Ukukhumbuza umuntu usizi asedlulile kulo.√√/ • Ukubuye ukhulume nomuntu ngesigameko esibi ekade simehlele.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 6.7 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Bobabili abathathi ngolaka uma kunenkinga okumele kukhulunywe ngayo. √√/ • Bayakwazi ukuzwelana nomuntu uma ebhekene nenkinga ethile njengoba babezwelana noThenjiwe. √√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 6.8 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Wayekholelwa ukuthi nguyena owenza ukuthi uThenjiwe abe luhlaza/ abe nenkani emzini.√√/ • Wayenenkolelo yokuthi nguNondumiso owafaka uThenjiwe umqondo wokuthi angavumi ukungenwa. √√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 16 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 6.9 • UThabi uyena oyingane ekhaya kulindeleke ukuthi asize ngokwenza imisebenzi yasendlini.√/ • Wayemzwela ebona sengathi ukwenza kwakhe imisebenzi yasendlini engasizwa muntu kuzomandisela ingcindezi.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo umfundi.) (2) 6.10 • Izenzo zikaSipho ziyaguquguquka zihambisana nesimo azithola ekuso.√/ • Ngesikhathi izinto zisahamba kahle wayegqugquzela uThenjiwe ukuthi angalivumi leli siko lokungenwa waze wagwaza noDumisani evikela uThenjiwe. Kuthe lapho isimo sesisibi evalelwe ejele, washintsha umqondo waxolisa kuDumisani waphinde wacela noThenjiwe ukuthi akalivume isiko lokungenwa.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi) (2) 6.11 Isiphetho salo mdlalo siyayixazulula inkinga yommeleli uThenjiwe ngoba: • Inkinga eyethulwe esingenisweni iyaxazululeka uma uThenjiwe esevuma isiko.√√/ • UThenjiwe ugcina esekuthokozela ukuba semshadweni noDumisani.√√/ • Impikiswano ebeyikhona phakathi kwabalingiswa iyaphela√√. (Nokunye okunembayo okuyoshiwo umfundi.) (2) KANYE ISIQESHANA L 6.12 6.12.1 D√/Abopha uSipho.√ 6.12.2 C√/Weluleka uThenjiwe.√ 6.12.3 B√/Isisusa sodweshu kulo mdlalo.√ 6.12.4 A√Indawo yasemakhaya/.√ (4) 6.13 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: Ungumlamuli ngoba: • Wamtshela ukuthi ayixazulule ngokuthula inkinga yakhe ayebhekene nayo.√/ • Ungumngane weqiniso kuThenjiwe ongamdukisi kwesinye isikhathi.√/ • Wayemeluleka aphinde amsole uma ephambuka.√ (2) 6.14 Ihaba.√√ (2) 6.15 Izimpendulo ziyokwehluka. Yamukelekile ngoba: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Wayengunkosikazi ohloniphayo okwaziyo ukunika umyeni wakhe indawo yakhe.√/ • Akayivuni ingane yakhe kodwa uyayisola uma kufanele.√/ • Uyazama ukumbonisa umyeni wakhe uma embona sengathi uyaphambuka.√ NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 17 DBE/2018 SCE – Imemorandamu Ayamukelekile ngoba: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Akenzanga okwanele ukuvikela izingane zakhe.√/ • Kwakumele alwele ilungelo likaThenjiwe lokuzikhethela ngempilo yakhe emva kokushonelwa ngumyeni wakhe.√/ • Wayengakulweli ngokwanele lokho akholelwa kukho.√/ • Izinto wayeziyekela kumyeni wakhe kakhulu ukuthi kube nguye othatha izinqumo ezithinta wonke umndeni.√ (2) 6.16 Kwaba nomthelela omuhle ngoba: • UThabi nguyena owabona uThenjiwe efaka ushevu etiyeni likaDumisani. Lokhu kwasindisa impilo kaDumisani.√√ (2) 6.17 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo ohlangothini ngalunye: Abazwelana nabafelokazi bayothi: Ngiyazwelana ngoba: • Abanye abantu besifazane basuke bengakuthandi ukungenwa.√/ • Lokhu kuphoqwa kwabo ngaleli siko kubandisela ingcindezi.√/ • Umthethosisekelo awukuvumi ukuthi umuntu athathelwe abanye izinqumo ezimcindezelayo.√/ • Umthetho awubavikeli ngokwenele abesifazane kulesi simo.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi) NOMA Abangazwelani nabafelokazi bayothi: Angizwelani ngoba: • Kubonakala sengathi babeshada belazi kahle ngoba kuyisiko elalilandelwa kule ndawo.√/ • Ukugcina isiko kuqeda umsindo emndenini.√/ • Leli siko livikela izingane uma sezikhona ukuthi zingakhuleli emizini okungeyona eyakubo.√ • Leli siko lalibekelwe ukusiza abafelokazi ukuze bangabi nesizungu. (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi) (3) AMAMAKI ESIQEPHU B: 35 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 18 DBE/2018 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU C: IZINDABA EZIMFISHANE IZINYEMBEZI ZOTHANDO – DBZ Ntuli (Umhleli) UMBUZO 7 7.1 Imfihlo Kamakoti – MT Mkhize ISIQESHANA M 7.1.1 Imoto eyikhumbi.√ (1) 7.1.2 Yingoba wayesazi ukuthi uyisipoki/akasaphili emhlabeni. √ (1) 7.1.3 Yingoba uRebecca wayeshone enemfihlo yemali ayefuna ukuyedlulisela komunye umuntu ukuze alale ngokuthula.√√ (2) 7.1.4 Memfu.√ (1) 7.1.5 D√/UMaSikhosana.√ (1) 7.1.6 Ukwazile ngoba sithola abalingiswa abane kule ndaba okunguRoy, uRebecca, uMaMkhwani noMaKhulu. √√ (2) 7.1.7 Cha, akazitholanga zonke ngoba: Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Wathola imali kuphela. √√/ • Akamtholanga unkosikazi ayemfunela ukuthi azowashela umama wakhe owayesemdala ngoba phela uRebecca wayengasaphili kulo mhlaba.√√ (2) 7.1.8 Kwaba nomthelela omuhle ngoba uRebecca wakwazi ukukhululeka emoyeni wakhe emva kokunikeza uRoy imali.√/ (2) 7.1.9 • URebecca wayebuya emsebenzini.√ • URebecca wagwazwa ngamanye amantombazane bebanga abashayeli bamakhumbi.√ (2) 7.1.10 Yebo, uwulandelile, ngoba izigameko ezibalulekile zale ndaba zenzeka elokishini elilodwa, esiteshini nasemathuneni aseMlazi.√√ (2) 7.1.11 Imibono iyokwehluka : Abanye bayothi ngangingalithatha ngoba: Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Elami/ngalithenga ngemali yami.√√/ • Lalizontshontshwa ngabantu.√√ NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 19 DBE/2018 SCE – Imemorandamu Abanye bayothi ngangingeke ngilithathe ngoba: • Ngangingesaba ukuthi uzongilandela uRebecca.√√/ • Uma selilale emathuneni lingangidalela izinkinga.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) KANYE 7.2 Mhla Liduma Laduma – MJ Mngadi ISIQESHANA N 7.2.1 Ikhompathimenti ayehleli kuyo/indlu yasesitimeleni. √ (1) 7.2.2 NguPhakathi.√ (1) 7.2.3 Yingoba babengamaphoyisa ngakho-ke base befuna ukumbopha.√√ (2) 7.2.4 Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Wayefihle amadayimane ebhakedeni elalinamanabukeni/ elalinemikhwintsho yengane.√√/ • Kwakuthi uma isitimela sifika esiteshini, ibhakede abe eselifihle endlini encane.√√ (2) 7.2.5 Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo: • UPhakathi wathi kuMaDuma akashade noLaduma ukuze bazale uMhlaladuma, kanti uMhlaladuma igama lomyeni kaMaDuma, kwamphatha kabi lokhu uMaDuma ukuthi uPhakathi ubiza igama lomyeni wakhe.√√/ • UPhakathi wayebelesele ngokuthi uMaDuma akantshontshele ingane ekhalayo incence, wathi uMaDuma kuyiphutha lokhu okushiwo nguPhakathi, ngoba sekwaba nezifo eziningi.√√/ • UMaNyandeni wayeqale engakufuni lokho ngoba wayethi incence yakhe akusiyo eyasezitimeleni.√√ (2) 7.2.6 NguLaduma√, ngoba : Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Siyashesha ukumthola esingenisweni sendaba.√/ • Nguyena ovela enenkinga yokwaliwa ngumkakhe esingenisweni.√/ • Indaba ingaye kusukela ekuqaleni ize iyophela. √ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 20 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 7.2.7 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: • Besilindele ukuthi uLaduma uxoxa ngendaba eyenzekayo kanti wayexoxa ngendaba eyenzeka kudala.√/ • Besazi ukuthi UMaNyambose noNyandeni babengabagibeli nje kanti babengamaphoyisa.√/ • UPhakathi wayengesiye unogada wayengumphathi wala maphoyisa ayesesitimeleni.√/ • Kwavela ukuthi uLaduma Mafu, uLaphazima noMaDuma kwakungesiwona amagama abo angempela.√/ • Ingane kwakungeyakhe uMaDumakude owayezibiza ngoMaDuma.√ (2) 7.2.8 Imibono iyokwehluka. Ayibanga yinhle ngoba: Yiphuzu ELILODWA kwalandelayo. • Unina wengane wayeyisigebengu, kungenzeka ukuthi waqhubeka wenza ubugebengu obabungafaka ingane enkingeni/engozini.√/ • Wagcina esekhula engamazi uyise owadonsa iminyaka eyishumi ejele.√/ • Kungenzeka ukuthi impilo ayibanga mnandi ngoba unina wagcina esegane kwenye indawo, wangakuthola ukuphatheka kahle.√ NOMA Yaba yinhle ngoba: • Uyise owayenza ubugebengu wayeseboshiwe.√/ • Wayengase amfundise ubugebengu njengoba wayengumntwana womfana.√/ • Uyise omusha mhlawumbe wayengesona isigebengu.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 7.2.9 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo: Ngiyavumelana: • ULaduma wayephila impilo elukhuni yokuhlala evika amaphoyisa la ayehamba khona.√/ • ULaduma waceba kodwa wagcina ngokuboshwa.√/ • Yaphela yonke ingcebo yakhe.√/ • Walahlekelwa umndeni wakhe, unkosikazi wahamba nengane wayogana engxenye.√/ • Umuzi wakhe wadayiswa.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (3) AMAMAKI ESIQEPHU C: 35 NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 21 DBE/2018 SCE – Imemorandamu ISIQEPHU D: IZINKONDLO AMAHLOKOHLOKO/IZINKWAZI ZOTHUKELA – EJ Mhlanga no JJ Thwala UMBUZO 8 8.1 Ngiyafisa Ukuba Qotho – SB Mlambo 8.1.1 Ngiyafisa ukuba qotho√ Ngibe qotho ezindleleni zami√ (2) 8.1.2 Amaphuzu amabili kwalandelayo: Umuntu okhuluma iqiniso.√/izinto ezakhayo√/,ezinika ithemba.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) 8.1.3 • Imbongi ithi ifisa ukuba qotho kukho konke ekwenzayo/emisebenzini yayo noma ngabe iyakhandleka kodwa yethembeke.√ • Imbongi ifisa ukuthi konke ukona kwayo kwesulwe.√ (2) 8.1.4 Ngihloniphe omdala nomncane.√√ (2) 8.1.5 Ukuze ngitshal’ imbewu√√ (2) 8.1.6 • Ukwethembeka. √/ • Ukujabulisa abanye abantu.√ (2) 8.1.7 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: • Isebenzise isivumelwano senhloko u(ngi-).√√/ • Isebenzise isiqu sobumnini u(-mi). √√ (2) 8.1.8 Imbongi ithi iyafisa/Imbongi isebenzisa igama ngiyafisa kuzo zonke izitanza zayo, okukhomba ukuthi iyalangazelela.√√ (2) 8.1.9 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: Akekho ngoba: • Wonke umuntu uyawenza amaphutha.√√/ • Uma umuntu esahamba emhlabeni owonakele ayikho indlela yokungalenzi iphutha. √√/ • IBhayibheli liyasho ukuthi uma sithi asinasono siyazidukisa.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) NOMA 8.1.9 Ukhona ngoba: • Abazali bami benza konke okuhle. √√/ • Nami anginacala kubantu. √√ (Nokuye okunembayo) (2) KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 22 DBE/2018 SCE – Imemorandamu 8.2 Lobu Bungani Ngiyabuhlonipha – PB Dlamini 8.2.1 Imbongi yabona izimpawu ezayenza yahlonipha ubungani.√ (1) 8.2.2 OKUKODWA kwalokhu: Isisekelo sakho siqine siyitshe.√√/ Ngisinge ngahlonga ngathola iqiniso.√√ (2) 8.2.3 • uQiniso√ • uThembeka√ • uNoluthando√ (3) 8.2.4 • Ukuxhumana siqalo √/ukuxhumana okusekuqaleni√ (1) 8.2.5 Abanye babubuke lobu bungani babuhalela banomona Badideka bagcina bekhuluma izinyoni zabo. (2) 8.2.6 Kufike wena kugula lutho, kwafika wena zinsizi lutho.√ (1) 8.2.7 Isingathekiso√√ (2) 8.2.8 Imbongi ikhuluma ngobungani obuqotho obungenazo izinto ezimbi ezinjengamanga, inkohliso nokunye.√√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) 8.2.9 Yebo iphumelele ngoba ikhulume : Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo. • Ngezimpawu zobungani obuqotho.√/ • Isisekelo sobungani.√/ • Izithelo zobungani beqiniso.√/ • Ukuphathana kwabantu abangabangani.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (3) AMAMAKI ESIQEPHU D: 35 AMAMAKI ESEWONKE: 70 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu FAL

View all