Skip to content

isiZulu HL Grade 12 Paper 3 November 2024 NSC Memo

MemorandumisiZulu HLGrade 12202410 pages

Grade 12 isiZulu HL Paper 3 memorandum from the November 2024 NSC, 10 pages. Read online or get the free PDF download, question paper linked when available.

Free to read online, no sign-up needed

Answer online

Loading document…

Loading document…

November NSC 2024

Questions in this paper

Document textSearch extracted text and jump to a page.
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESITHATHU (P3) LWEZI 2024 UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA AMAMAKI: 100 Lo mhlahlandlela wokumaka unamakhasi ayi-10. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 2 DBE/Lwezi 2024 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMBUZO 1 OKULINDELEKILE MAYELANA NEZIHLOKO ZEZINDABA (ISIQEPHU A) 1.1 Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isihloko. Ukulandisa ngento eyamshayisa ngovalo kwadingeka ukuthi agijime kakhulu ukuze asindise impilo yakhe/ukulwela ukuphumelela. Isb. Ukuhlangabezana nezigebengu, ukubona into ethusayo njengenyoka, ukuguquka kwesimo sezulu, njl. [50] 1.2 Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isihloko. Makachaze ububhoklolo obunhlobonhlobo obudlangile ezikoleni zakuleli. Isb. Ukushaywa kwabafundi, ukuphucwa imali, nokubahlaza ezinkundleni zokuxhumana okwenziwa ngamabhoklolo, njl. [50] 1.3 Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isihloko. Angabhala ngezimo ezahlukene empilweni umuntu angadluka kuzona. Isb. Ubunzima abhekana nabo ngesikhathi ehlelwa umshophi wokudlula kwabazali bakhe esemncane kepha wagcina esephumelele, njl. [50] 1.4 Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isihloko. Ohlolwayo makaveze Ukuvumelana noma ukungahambisani nendaba yokulala isikhathi esingamahora ayi-8 ngosuku. Isb. Ukuvumelna: angabhala ngokuthi umzimba uyadinga ukuphumula ngikwanele uma kade usebenza kanzima, njl. Ukungavumelani: Angabhala ngokuthi ukulala isikhathi esingaka kukhuthaza [50] ukuba abantu babe ngamavila, njl. 1.5 Ohlolwayo makakhethe uhlangothi olulodwa oluzofakazela ukuvumelana noma ukuphikisana nesihloko: Ukuvumelana: Ohlolwayo makaveze izibonelo zabantu abaziphatha kahle ngenxa yokuzibandakanya emidlalweni, neqhaza abalibambile ukuthuthukisa ikhono labadlali abasafufusa. Isb. Bayathuthuka, bavule amabhizinisi abo, bakwazi ukuzithengela imizi yabo, bamele isizwe emidlalweni ehlukahlukene, njl. Ukuphikisana: Ohlolwayo makaveze izibonelo eziveza abantu abangaziphethe kahle ngenxa yokungawasebenzisi amathuba abawatholile okudlala. Baze bagcina sebengelutho empilweni. Isb. Udumo lwenza baqale basebenzise izidakamizwa, badudane nabangane abangalungile, basaphaze imali, baphelelwe ubuntu nenhlonipho. [50] 1.6 Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isihloko. Makachaze ubuhle bokuba nomngani oqotho. Isb. Umngani oba wusizo uma omunye enezinkinga futhi othembekile, ubuhle nokuzinakekela kwabantu besifazane, njl. [50] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 3 DBE/Lwezi 2024 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 1.7 Ohlolwayo makabukisise kahle isithombe bese enika indaba yakhe isihloko esihambisana nesithombe. Makungachazwa isithombe. Isb. Abantu abayi nganxanye bengemanzi, akulungile ukuba yinkomo edla yodwa, yiba nesibindi uzimele ukuze uphumelele uhluke kuquqaba. [50] 1.8 Ohlolwayo makabukisise kahle isithombe bese enika indaba yakhe isihloko esihambisana nesithombe. Isb. Imfundo iyamshintsha umuntu, imfundo isikhali sempilo, ufunda uze ufe, njl. [50] AMAMAKI ESIQEPHU A: 50 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 4 DBE/Lwezi 2024 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU A: INDABA UMBUZO 1 QAPHELA: • Ngaso sonke isikhathi sebenzisa irubhrikhi uma umaka umbhalo wokuziqambela (Iphepha lesi-3, ISIQEPHU A). • Amamaki ukusuka ku: 0–50 ahlukaniswe ngokwamazinga amahlanu ngokwezinkomba. • Okubonwa ngakho: okuqukethwe nolimi, inkomba ngayinye kumazinga amahlanu ihlukaniswe izingxenye ezimbili kuye ngokwabiwa kwamamaki. Kunengxenye engenhla kanye nengezansi. • Isakhiwo sona asithinteki ekuhlukaniseni ngokwezingxenye. Ayikho ingxenye engenhla noma engezansi. AMARUBHRIKHI OKUHLOLA I-ESEYI ULIMI LWASEKHAYA [AMAMAKI ANGAMA-50] Okungabonwa ngakho Okungavamile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akwanelisi OKUQUKETHWE KANYE 28–30 22–24 16–18 10–12 4–6 NAMALUNGISELELO -Impendulo enembayo -Impendulo yakheke kahle -Impendulo eyenelisayo -Impendulo ikhombisa -Impendulo enhlanhlathayo Ingxenye engenhla ngaphezu kobekulindelekile impela -Imibono inakho ukungahlangani -Imibono edidayo (Izimpendulo kanye -Imibono ekhaliphile, -Imibono eshaya ukulandelana nokushaya -Imibono engacacile nenganembi nemibono) echukuluza ingqondo kanye emhlolweni nehlabahlosile emhlolweni nekungeyona -Akuzwakali Ukuhlela imibono uyihlelela nekhombisa ukuvuthwa enokuvuthwa komqondo -Ihleleke ngokusendimeni eyokuzisungulela kunokuphindaphinda amalungiselelo komqondo -Ihleleke kahle kakhulu kanye nokulandelana -Kukhona okukhombisa -Akukho ukuhlela kanye Ukuqonda inhloso, -Ihleleke ngobunyoninco kanye nokulandelana (nokuxhumana) ukuhlela okuncane nokulandelana izethameli kanye nesimo kanye nokulandelana (nokuxhumana) kubandakanya isingeniso, nokulandelana (nokuxhumana) kubandakanya kubandakanya isingeniso, umzimba kanye nesiphetho AMAMAKI ANGAMA-30 isingeniso, umzimba kanye umzimba kanye nesiphetho nesiphetho 25–27 19–21 13–15 7–9 0–3 -Impendulo yinhle kakhulu -Impendulo yakheke kahle -Impendulo eyenelisayo -Impendulo engashayi -Ayikho imizamo kepha intula izimpawu -Imibono ehambisanayo kodwa intula ukucacisa emhlolweni ekhombisa ukuphendula ze-eseyi enembayo nendaba nehlabahlosile -Imibono iyalandelana -Imibono ithanda ukuba ngesihloko Ingxenye engezansi -Imibono ekhombisa -Ihleleke kahle kakhulu ngokusendimeni futhi nhlakanhlaka futhi -Akuhambisani nesihloko ukuvuthwa komqondo kanye kanye nokulandelana iyamukeleka iyadida futhi akufanelene nokukhalipha (nokuxhumana) -Kukhona okukhomba -Ukuhlela kanye -Akuqondene nesihloko -Ikhombisa ikhono lokuhlela kubandakanya isingeniso, ukuhlela kanye nokulandelana akukho futhi kuphithene kanye nokulandelana umzimba kanye nesiphetho nokulandelana (nokuxhumana) kubandakanya (nokuxhumana) isingeniso, umzimba kanye kubandakanya isingeniso, nesiphetho umzimba kanye nesiphetho Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 5 DBE/Lwezi 2024 NSC – Umhlahlandlela wokumaka AMARUBHRIKHI OKUHLOLA I-ESEYI ULIMI LWASEKHAYA [AMAMAKI ANGAMA-50] (ayaqhubeka) Okungabonwa ngakho Okungavamile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akwanelisi ULIMI, ISITAYELA & 14–15 11–12 8–9 5–6 0–3 UKULUNGISA AMAPHUTHA -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ulimi aluqondakali ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama -Ithoni, irejista, isitayela Ithoni, irejista, isitayela, kuhambisana kahle kuhambisana kahle kuhambisana kahle kuhambisana kanye nolwazimagama Ingxenye engenhla ulwazimagama kakhulu nenhloso, nenhloso, izethameli kanye nenhloso, izethameli ngokungagculisi aluhambisani nenhloso, kuyahambisana izethameli kanye nesimo nesimo kanye nesimo nenhloso, izethameli izethameli kanye nesimo nenhloso/umthelela kanye -Ulimi lukhombisa -Ulimi lufanelekile kanye -Ukusetshenziswa kolimi kanye nesimo -Ulwazimagama luncane nesimo, ukuzethemba, nokusetshenziswa ukudlulisa umqondo -Ukusetshenziswa kolimi kakhulu okwenza kube ukukhethwa kwamagama, luyancomeka kakhulu kwethoni ngendlela kusendimeni ukudlulisa umqondo lukhuni ukuqonda ukusetshenziswa kolimi, -Ithoni ekhomba ukuheha efanelekile -Ithoni ifanelekile akugculisi izimpawu zokuloba, uhlelo, kanye namasu obuciko -Kukhombisa ukungabi -Kusetshenziswe amasu -Ithoni nephimbo isipelingi obunembayo namaphutha ohlelweni obuciko ukukhulisa akugculisi -Akunamaphutha sanhlobo kanye nesipelingi okuqukethwe -Kusetshenziswe amasu AMAMAKI AYI-15 ohlelweni kanye nesipelingi -Ibumbeke kahle kakhulu obuciko ngokungagculisi -Ikhombise ikhono ukukhulisa okuqukethwe eliphezulu lokubumba 13 10 7 4 -Ulimi lukhombisa -Ulimi luyahambisana futhi -Ukusetshenziswa kolimi -Ukusetshenziswa kolimi ukuzethemba, lufanelekile okusendimeni okunamaphutha luyancomeka kakhulu -Ithoni iyahambisana futhi nokungahlangani -Imisho enhlobonhlobo -Akunamaphutha ohlelweni ifanelekile okumbalwa imbalwa noma ayikho Ingxenye kanye nesipelingi -Kunamaphutha ambalwa -Ithoni ifanelekile kanye -Ulwazimagama -Ikhombise ikhono ohlelo kanye nesipelingi nokusetshenziswa olunomkhawulo engezansi eliphezulu lokubumba -Ibumbeke kahle kwamasu obuciko okunomkhawulo ISAKHIWO 5 4 3 2 0–1 -Ukuthuthuka kwesihloko -Ukuthuthuka nokugeleza -Ukuthuthuka kwendaba -Amaphuzu ambalwa -Amaphuzu awatholakali Izimpawu zethekisthi, okunembayo kwendaba okusendimeni azwakalayo -Imisho kanye nezigaba ukuthuthuka kwezigaba kanye -Ukucacisa okunembayo -Ukucacisa okuhle, -Imisho, izigaba -Imisho kanye nezigaba kunamaphutha nokwakhiwa kwemisho -Imisho, izigaba kwakheke -Imisho, izigaba kwakheke kahle kunamaphutha -I-eseyi ayinamqondo kahle kakhulu kuyalandelana futhi -I-eseyi isenawo -I-eseyi isenawo AMAMAKI AYISI-5 kuxubile umqondo umqondo noma inamaphutha Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 6 DBE/Lwezi 2024 NSC – Umhlahlandlela wokumaka Amakhodi angasetshenziswa uma kumakwa AMAKHODI AMAMAKI SP – (dwebela)-isipelingi esingamukelekile. Q = 30 PH – uphawu lokubhala olungemukelekile. L = 15 L – (dwebela)- ulimi olungemukelekile. SK = 05 // – khombisa isigaba esisha. 50 NK – inkathi engemukelekile. AP – i-aphostilofi engemukelekile. GL – amagama awalandelani ngokufanele. R – irejista. KM – akwenzi mqondo. ISIV. – isivumelwano esingahambisani. AK – akudingekile. ^ – kunegama noma uphawu olungekho. GN – igama elingcono. NQ – nqamula amagama ngendlela efanelekile ekugcineni komugqa. PND- ukuphindaphinda amagama. – ukuhlanganisa amagama / – hlukanisa amagama  - ulimi oluhle } KM - isigaba esingenzi mqondo OKULINDELEKILE MAYELANA NESAKHIWO SEMIBHALO (ISIQEPHU A) • Isingeniso: Siyaheha, sinamandla, siyisigaba esisodwa, singenisa indikimba, sinobude obukhombisa ukuthi indaba iyethulwa noma iyangeniswa. • Umzimba: (i) Izigaba zinemiqondo ezwakalayo nenikezelanayo. (ii) Zihleleke kahle: Isigaba siqala ngomusho oyinhloko bese siba nemisho esekelayo. Masibe nomqondo ophelele. (iii) Umbhalo nombhalo uhambelana nenkathi okumele ubhalwe ngayo. • Isiphetho: (i) Siyisigaba esisodwa. (ii) Makuvele ukuthi umbhalo usuyagoqwa noma uyasongwa (iii) Selungavela uvo lombhali ngalokho abhala ngakho okungaba ukuxwayisa/ukweluleka/ukuxolisa/ukuncoma Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 7 DBE/Lwezi 2024 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU B: IMIBHALO EMIDE EDLULISA IMIYALEZO INCWADI YOBUNGANI/I-IMEYILI/ISIBUYEKEZO/I-ATHIKHILI YEPHEPHABHUKU/I-INTHAYVU/UMLANDO KAMUFI IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBHALO OMUDE ODLULISA UMYALEZO ULIMI LWASEKHAYA [AMAMAKI ANGAMA-25] Okungabonwa ngakho Okungavamile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akwanelisi OKUQUKETHWE, 13–15 10–12 7–9 4–6 0–3 AMALUNGISELELO & -Impendulo enembayo -Impendulo enhle -Impendulo esendimeni -Impendulo esezingeni -Impendulo ikhombisa NEFOMATHI ngaphezu kakhulu ekhombisa ekhombisa ulwazi eliyisisekelo ekhombisa ukungabi nalo ulwazi kobekulindelekile ulwazi lwezimpawu lwezimpawu zohlobo ulwazi lwezimpawu lwezimpawu zohlobo Impendulo kanye nemibono -Amasu akhaliphile zohlobo lombhalo lombhalo zohlobo lombhalo lombhalo Ukuhlela imibono ukuze kanye nokuvuthwa -Inamathele esihlokweni -Inamathele esihlokweni -Ukunamathela -Umqondo kube namalungiselelo komqondo -Kunamaphushana – inamaphutha kuyabonakala kodwa uyanhlanhlatha Inhloso, izethameli, -Ulwazi olubanzi -Ukulandelana asendimeni kunamaphutha kunamaphutha izakhiwo nezimiso kanye lwezimpawu zohlobo kokuqukethwe -Ukulandelana amaningana amakhulu nesimo lombhalo nemibono, kuchazwe kwemibono -Ukulandelana -Imibono ayilandelani -Umbhalo unamathele kahle futhi kusekela okuqukethwe kwamaphuzu sanhlobo esihlokweni isihloko kufanelekile okuqukethwe kubuye -Ukuchaza okumbalwa AMAMAKI AYI-15 -Amasu akhombisa -Ifomathi efanele -Ukuchaza okumbalwa kungabonakali okusekela isihloko ukuthelelana kanye enamaphushana kusekela isihloko -Ukuchaza okumbalwa -Akasebenzisanga nokulandelana -Ifomathi efanelekile kusekela isihloko nhlobo imithetho -Acacisa ngokusobala kodwa kunamaphutha -Usebenzise yefomathi kanye nokusekela ambalwa ngokunganele imithetho isihloko yefomathi -Ifomathi efanelekile -Kukhona okumbalwa necacile okubalulekile ULIMI, ISITAYELA KANYE 9–10 7–8 5–6 3–4 0–2 NOKULUNGISA -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela AMAPHUTHA ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama kanye nolwazimagama kuhambisana kahle kuhambisana kahle kuyahambisana kunokungahambisani akuhambisani nenhloso, Ithoni, irejista, isitayela, kakhulu nenhloso, nenhloso, izethameli nenhloso, izethameli nenhloso, izethameli izethameli kanye nesimo inhloso/umthelela, izethameli kanye nesimo kanye nesimo kanye nesimo kanye nesimo -Kugcwele amaphutha izethameli kanye nesimo -Uhlelo lufanelekile futhi -Uhlelo lufanelekile futhi -Kunamaphutha -Uhlelo olungafanelekile futhi kuyadida Ukusetshenziswa kolimi lwakheke kahle kakhulu lwakheke kahle ambalwa olunamaphutha -Ulwazimagama kanye nezimiso -Akunamaphutha -Ulwazimagama oluhle -Ulwazimagama amaningi aluhambisani nenhloso Ukukhethwa kwamagama sanhlobo -Kunamaphushana olusendimeni -Ulwazimagama -Umqondo Izimpawu zokuloba kanye -Amaphutha olunganele uyanhlanhlatha kakhulu nesipelingi awawuphazamisi -Umqondo umqondo awusalandeleki kahle AMAMAKI AYI-10 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 8 DBE/Lwezi 2024 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU B: IMIBHALO EMIDE EDLULISA IMIYALEZO UMBUZO 2 Amamaki azocazwa ngale ndlela: OKUQUKETHWE, AMALUNGISELELO NESAKHIWO (15) ULIMI, ISITAYELA, UKUHLELA (10) OKULINDELEKILE 2.1 INCWADI YOBUNGANI Ohlolwayo makaveze la maphuzu alandelayo: • Ikheli elilodwa lobhalayo • Ikheli lobhalayo lihamba nosuku. Isb. (11 Lwezi 2024/11 Novemba 2024/ 11-11-2024) • Obhalelwayo makabingelelwe sakukhuluma. Nomusa, Sakhile • Isigaba sokuqala angaqalisa kanje: Ngiyathemba …, Ngiyaxolisa …, Ngabonga … • Isigaba sesibili masikhulume ngengqikithi yencwadi. (Kumele aluleke uthumbu wakwabo ngokuyeka isikole kepha afunde aqede ngoba kungenzeka kube nobunzima emculweni) • Isigaba sesithathu ukuphetha incwadi • Ohlolwayo makasebenzise ulimi olufanele/irejista efanele. • Makavalelise akhombise ukumazi lowo ambhalelayo Isb. Yimina udadewenu/umfowenu u-Andile [25] 2.2 I-IMEYILI Ohlolwayo makaveze la maphuzu alandelayo: • Ikheli elilodwa lobhalelwayo.Isb: Iya ku: dlamini.leverbothers@gmail.com • Ikheli elilodwa lobhalayo.Isb: Ivela ku: thandeka@gmail.com Isihloko: Ingqikithi yesihloko/asiqonde ngqo Obhalelwayo makabingelelwe sakukhuluma: Mnumzane/Nkosikazi/Nkosazane • Isigaba sokuqala angaqalisa kanje: Ngabonga … • Isigaba sesibili masikhulume ngengqikithi yencwadi (ukubonga ukunikezwa umfundaze.) • Isigaba sesithathu masikhulume ngengqikithi ye-imeyili, ukuthembisa ukuthi uzofunda ngokuzimisela. Ohlolwayo makasebenzise ulimi olukhombisa ukubonga nokujabula • Isiphetho: Makavalelise akhombise ukuhlonipha lo ambhalelayo Isb. Yimina ozithobayo uThandeka Ngcobo (Nkz) [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 9 DBE/Lwezi 2024 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 2.3 ISIBUYEKEZO • Isihloko: Masiveze ukuthi isibuyekezo simayelana nani • Umzimba: Ohlolwayo makaveze la maphuzu abhekise kulo mdlalo kamabonakude omfushane o Imininingwane yohlobo lomdlalo o Uthathe isikhathi esingakanani o Imininingwane yabahleli nababhali balowo mdlalo o Usuku odlalwa ngalo o Isikhathi owethulwa ngaso o Ukuphawula ngabantu abadlala kulo mdlalo. o Ukuphawula ngokuhle kanye nokungekuhle okwenzeka kulo mdlalo • Isiphetho sesibuyekezo: Makuvele umbono wohlolwayo ngalo mdlalo, angancoma noma agxeke [25] 2.4 I-ATHIKHILI YEPHEPHABHUKU • Isihloko okubhalwa ngaphansi kwaso: Umphumela odalwa ukuhlala kwezingane emigwaqeni. • Igama lobhalile lingaba sekuqaleni noma ekugcineni kwe-athikhili. Isb. Ibhalwe ngu-Oyenamenzi wezinto zonke Cele • Ayibe nesakhiwo (isingeniso, umzimba, nesiphetho) • Isigaba sokuqala-Isingeniso: Makuvele ukuthi uyasethula isihloko sakhe • Isigaba sesibili-Umzimba: Makenabe ngesihloko kuvele amaqiniso, aluleke anike izibonelo lapho kudingeka khona • Isigaba sesithathu: Isiphetho: Makaxwayise, anike izeluleko ngesihloko [25] 2.5 I-INTHAVYU Ohlolwayo makaveze la maphuzu alandelayo: QAPHELA: Bathathu abantu okumele bakhulume kule inthavyu. • I-inthavyu mayibe nesihloko. Isb. I-Inthayvu Phakathi KukaSonhlalakahle Nezelamani • Isingeniso/isethulo sifakwa kubakaki, esiveza amagama abo, indawo, isikhathi. • Obhalayo makaveze abalingiswa beqala ukuxoxa namagama abo • Umzimba: Mayikhule i-inthavyu yabo kodwa inamathele esihlokweni abasinikiwe sezelamani zakwamakhelwane ezingaboni ngaso linye • Isiphetho: Makuvele ukuthi kuzothokozelwa ukungenelela kukaSonhlalakahle ukuze kulungiswe lesi simo, njl. • Makasebenzise ulimi olufanele/irejista efanele Makayiphethe kahle i-inthavyu yakhe [25] Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 10 DBE/Lwezi 2024 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 2.6 UMLANDO KAMUFI Ohlolwayo makaveze la maphuzu alandelayo: • Isihloko: Isibonelo sesihloko Umlando kamufi uNtokozo Mabaso ongasekho • Isigaba sokuqala: o Ukuqala ngamagama akhe aphelele o Indawo azalelwa kuyo o Usuku azalwa ngalo o Amagama abazali bakhe (makuvezwe ukuthi basaphila noma cha) o Usuku adlule ngalo emhlabeni • Isigaba sesibili: o Izikole afunde kuzona (amabanga aphansi, aphakeme naphakathi nendawo) • Isigaba sesithathu: o Amagalelo akhe esikoleni/emsebenzini o Iqhaza abelibambe ezinhlelweni zentsha o Iqhaza lakhe emphakathini o Ukuhlabana kwakhe okwahlukahlukene • Isigaba sesine: o Abashiyile emhlabeni Isiphetho: Makukhonjiswe ukuthi usuyaphethwa umlando kamufi. Angasebenzisa la magama Isb: LALA NGOXOLO MTUNGWA. [25] AMAMAKI ESIQEPHU B: 50 AMAMAKI ESEWONKE: 100 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Study this subject

More from Grade 12 isiZulu HL

View all