You're offline
Skip to content
Question paper

IsiZulu FAL P2 Nov 2021 MG_hlayiso.com_.pdf

Subject: Isizulu FalGrade 12202131 pages
Download

Loading document…

Loading document…

Document textSearch extracted text and jump to a page.
Downloaded from hlayiso.com NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12 ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) IPHEPHA LESIBILI (P2) NOVEMBA 2021 UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA AMAMAKI: 70 Lo mhlahlandlela wokumaka unamakhasi ayi-31. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 2 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA:  Ohlolwayo akufanele aphendule imibuzo engaphezulu kowodwa ngohlobo olufanayo lombhalo.  Uma umfundi enikeze izimpendulo ezimbili, maka eyokuqala bese ungayinaki elandelayo.  Uma izinombolo zezimpendulo zingahleliwe ngendlela efanele, maka ngokwememo.  Uma iphutha lesipelingi liphazamisa umqondo, ayingamukelwa leyo mpendulo. Uma lingawuphazamisi umqondo, ayamukelwe impendulo. Uma ohlolwayo engabasebenzisi onokucaphuna lapho kuthiwe akacaphune khona, ungamjezisi ngalokho.  Emibuzweni evulekile, akunganikwa mamaki ngoYEBO/CHA noma NGIYAVUMA/ ANGIVUMI. Kanjalo futhi akukho mamaki okumele anikezwe ngoYIQINISO/ AKULONA IQINISO noma UMBONO/IQINISO. Kumele kugxilwe kulokhu okwesekelwa ngakho impendulo. Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 3 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU A: INOVELI UMBUZO 1: ITHEMBA LAMI – LF Mathenjwa ISIQESHANA A 1.1 UNdebele. √ (1) 1.2 OKUKODWA kwalokhu okulandelayo:  Wayecabanga izinto eziningi ezisabisayo eziyaye zishiwo ngabathandazi laba.√√/  Wayeke ezwe kuthiwa izayoni lezi ziyalumana uma sezivukwe umoya.√√/  Wayesenetwetwe ebona nje ukuthi okwakobani ukugevuzwa ngenye indoda ngamazinyo.√√/  Wezwa kukhulunywa ulimi olingazwakali. √√ (2) 1.3  USandanezwe wayesezace engamathambo, kwammangaza uMbuyisa ukuthi umndeni wakubo wawungayithatheli ngani phezulu indaba yokugula kwakhe kusenesikhathi.√  Zonke izimbilaphu zakhe zazivuvukele kakhulu, wonke umzimba wakhe wawusuvuvukele. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo umfundi) (2) 1.4 Isijeziso kwaba ukuthi kufanele ahlawule ngeshumi lezinkomo.√√ (2) 1.5 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Izidumbu zazingasahlinzwa kubangcwabi ayebasebenzela kodwa zasezithunyelwa eNgwelezane. √√/  AbeLungu ababesanda kuqala emsebenzini babehlolisisa yonke into, kwase kukhona ifomu egcwaliswa abantu abashonelwe uma bezolanda isidumbu, kule fomu babechaza ukuthi umuntu wabo bamthole esenjengoba babemshiyile yini. √√/  Yingoba kugadiwe kakhulu kubangcwabi ngoba kuyaziwa ukuthi kukhona abantu abafika bezoganga. √√ (Nokunye okunembayo) (2) 1.6 Okukodwa kwalokhu:  Umoya wokwethuka nokukhathazeka.√ uSandanezwe nonina babezobona isayoni ngenxa yokuthi uyagula. √/  Umoya wokukhathazeka kwesayoni√ ngoba sibona uSandanezwe ebukeka engumuntu ogulayo. √/  Umoya wokwethuka, √ ngesikhathi isayoni simhlolela samtshela izindaba ezimbi lokhu kwazandisa izinkinga zikaSandanezwe yize lalikhona ithenjana lokuthi isayoni singase sikwazi ukumelapha. √ (2) 1.7 Umthandazo noma inkonzo emfishane.√√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 4 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 1.8 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Umlandi usitshela/uchaza ngesimo ayekuso amakhosikazi ayebambe isiguqo emzini kaNdebele ngesikhathi kufika uSandanezwe nonina kulo muzi. √/  Usitshela/uchaza ngemicabango kaSandanezwe ngesikhathi engena endlini okwakubanjelwe kuyo isiguqo.√/  Usivezela/usilandisa imizwa kaSandanezwe yokwesaba ngesikhathi ecabanga izinto okuthiwa ziye zenziwe izayoni uma sezivukwe umoya. √/  Usilandisa ngemizwa ngokwashiwo isayoni ngesikhathi sihlolela uSandanezwe.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 1.9 Izimpendulo ziyokwehluka. Abathi kuyiqiniso bayothi: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Lo muthi ayewunikezwe nguZabalaza kwakungowentando, kwakungewona owokuthakatha uNokulindela. Ngakho-ke ukugula kukaNokulindela kwadalwa yiphutha elithile elenzeka ngesikhathi efakelwa le mithi. √/  Inyanga yamdonsa ngendlebe uZabalaza ngesikhathi imnika lo muthi ukuthi uma eke wawuphambanisa buyochitheka bugayiwe.√/  UNomgedla yonke into ayeyenza ngesikhathi efaka umuthi ekudleni nasemanzini okugeza kaNokulindela kwakumele asheshise okonyazi ukuze kungabi khona nokuncane okusolisayo. Kungenzeka ukuthi waphambanisa imithi ngesikhathi esheshisa okombani.√/  Ngesikhathi uNokulindela eseqalwa ukugula, kwayena uNomgedla wasola sengathi uphambanise izinkomishi ngesikhathi esheshisa.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) Abathi akulona iqiniso bayothi: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Kungenzeka ukuthi umuntu owaphambanisa imithi inyanga uJiyane. Lokho kungasho ukuthi uNomgedla wathola ulwazi oludukisayo mayelana nokusetshenziswa kwale mithi. √/  Asinaso isiqiniseko sokuthi uJiyane wayenawo ngempela umuthi wentando, kungenzeka ukuthi wanikeza uZabalaza impushana nje yena ayezitshela ukuthi yize kungeyona intando kodwa ngeke ibe yingozi empilweni kaNokulindela. √/  Ukugula kukaNokulindela kwakuyindlela yezidalwa zakubo yokuveza obala abenzi bobubi. √/  Kungenzeka ukuthi naye uZabalaza waphambanisa izinkomishi ngesikhathi enikeza uNomgedla imithi.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo umfundi) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 5 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 1.10 Izimpendulo ziyokwehluka. Abathi kwakuyisenzo esingamukelekile bayothi: Asamukelekile ngoba: Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo:  Lesi senzo sakhe sasikhombisa ukungathembeki kwezothando.√/  Ukulala nabantu abaningi kwandisa amathuba okutheleleka ngezifo zocansi.√/  Wayekhombisa ukungayicabangeli ingoduso yakhe uNokulindela. Phela kwakungenzeka athole izifo eThekwini bese eyothelela ingoduso yakhe emakhaya.√/  Akawucabangelanga umndeni wakhe, ngesikhathi esegula kwakusoleka ukuthi wayephethwe ingculazi. Umndeni wakhe wonke wawukhathazekile futhi wehla wenyuka uzama izinyanga kanye nabathandazi ababengamelapha.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) Abathi kwakuyisenzo esamukelekile bayothi: Samukelekile ngoba: Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo:  Kwakuvamisile ukuthi umuntu wesilisa abe nezintombi eziningi. √/  Kwakuvamisile ukuthi abantu besilisa bathathe isithembu. Wayengagcina esezishadile zonke izintombi ayethandana nazo. √/  Emndenini eminingi sasikhuthazwa futhi sasijatshulelwa isenzo sobusoka. √/  Imiphakathi eminingi yayingakugqugquzeli ukuthi abantu besilisa baziphathe kahle. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (3) KANYE ISIQESHANA B 1.11 Isifo sengculazi. √ (1) 1.12 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Umfo kaMbeje wayesebenza kanzima ukuze athole imithi yokwelapha uSandanezwe.√/  UMbeje wayengafuni ukuthi uSandanezwe abalwe nalolu quqaba okwakuthiwa lunesifo sengculazi.√/  Isu ayenalo emqondweni elokuthintana nomunye kulaba abasebenza kubangcwabi amxazululele le nkinga yokuthola isitho sangasese somuntu wesifazane.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 1.13 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Bobabili babekholelwa ukuthi uSandanezwe washesha ukweqa esibhedlela, engakayiniki imithi yodokotela ithuba lokuthi isebenze kahle. √√/  Bobabili bamtshela uSandanezwe ukuthi bona bathemba kakhulu odokotela kunezinyanga.√√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 6 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 1.14 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  USebenzile lincane iqhaza alibambile kule noveli.√/  Uvela ngenxa yesimo sokuthi uNokulindela wayedinga umuntu azoxoxisana naye ngezinkinga zakhe.√/  Indaba ibingaqhubeka ngaphandle kwakhe.√/  Alukho udweshu oluthinta yena ngqo kule noveli.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 1.15 1.15.1 Inkinga enkulu okunzima ukuyixazulula kalula.√√/into emxakayo engelula ukuyethula. √√ (2) 1.15.2  Imali iyakwazi ukuxazulula izinkinga futhi ikhiphe nomuntu emacaleni anzima. √√/  Abantu abaningi abakwazi ukunqaba uma ubanikeza imali ukuze bakwenzele into ethile. √√ (2) 1.16 Siyaguquguquka: Kule noveli isimo senhlalo asisihle ngoba ... Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Abantu abaphila kule ndawo sebenezinselelo ezinjengezifo ezingaqondakali futhi abakafundiseki ngazo okuyingculazi. √/  Esingenisweni kuvela izinkumbi zabantu zisemzini kaNonkamfela zizocela usizo lokwelashwa. √/  USandanezwe uphethwe isifo esidida odokotela kanye nezinyanga. lokho kwenza angakwazi ukuthola usizo lokwelapheka kusona ngokushesha.√/.  Abanye abantu abasenalo uzwelo ngokugula komuntu njengoba uZabalaza ayehlekisa ngaye entombini yakhe nasezinsizweni zangakubo.√/  Izinyanga azisathembekile, sezithatha imali yabantu yize zazi kahle ukuthi ngeke zikwazi ukuselapha leso sifo.√/  Ubuntu abusekho ngoba emuva kwengozi yebhasi, inyanga eyayelapha uSandanezwe yabona kuyithuba elihle lokuba ithole isitho sangasese komunye wabagibeli owayeshone kuleyo ngozi. √ Kule noveli isimo senhlalo sihle ngoba... Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Ezinye izigameko zikhombisa ukuthi isimo senhlalo sihle lapho uZondiwe ekhombisa ukumkhathalela umzala wakhe uSandanezwe ukuba aye esibhedlela waze wamphelezela. √/  Ingoduso kaSandanezwe ayizange imbalekele nakuba endaweni kwase kukhulunywa ngokugula kwakhe.√/  Izintombi zakule ndawo zisathembekile ngoba ziyakwazi ukulinda amasoka azo asebenza kude aze abuye zingaqomi abanye abantu besilisa. √/  Omakhelwane bayakwazi ukusizana njengoba uSiwela akwazi ukusiza umndeni wakwaMkhumane.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 7 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 1.17 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  USandanezwe akalilahlanga ithemba ngesikhathi egula wahamba odokotela, abathandazi kanye nezinyanga ezama impilo. √√/  USandanezwe wayehlalele ethembeni lokuthi uzosinda yize isifo sasikhombisa izimpawu zokudlondlobala.√√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) [35] NOMA UMBUZO 2: KUSINDA KWEHLELA ENDODENI – SJ Mchunu ISIQESHANA C 2.1 UMgoza. √ (1) 2.2 EDeli wabekwa ukuba abe umabhalane ehhovisi lakhe. √√ (2) 2.3  UManyoba wasebenza iminyaka eminingi engakwazi ukuzijabulisa ngoba efundisa izingane zakhe, efuna ukuba zisebenze kahle zingahlupheki njengaye.√/  Wayefuna ukuthuthukisa umndeni wakhe awukhiphe ekuhluphekeni, awakhele umuzi ozoziqhenya ngawo.√ (2) 2.4 Umlungu kwakwenzeka awuxoshe umuzi uma engasekho umuntu osebenza isithupha/izinyanga eziyisithupha.√√ (2) 2.5 Okukodwa kwalokhu:  UDoda noManyoba babengamathe nolimi ngakho-ke wayengafuni ukuthi aze amelamele noma ambone esesebenza kulo mshini engamazisanga√√/.  Kwakungeke kube kuhle futhi ukuthi uDoda ayizwe ngosizwile indaba yokukhushulelwa kukaManyoba esikhundleni esingconywana.√√ (2) 2.6 Umoya wokujabula. √ UManyoba wayesesebenza eduze nomuzi wakhe. Wasezokwazi ukuhlala nezingane zakhe. Iphupho lakhe lokufundisa izingane zakhe lalibonakala lizofezeka.√ (2) 2.7 Kusho ukuba nomfutho, isifiso kanye nofuqufuqu lokwenza into ezothuthukisa impilo yakho. √√ (2) 2.8 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Umlandi usitshela/uchaza ngothishanhloko uMgoza ukuthi kwakungumuntu onjani. √/  Aphinde asitshele/achaze ngokubuya kukaManyoba eMgungundlovu azosebenzela ngasekhaya eMdlovane. √/  Usivezela /uchaza isimo senhlalo kaManyoba ngesikhathi esebenza eDeli ukuthi kwakungekuhle, isimo sasinzima. √/  Usilandisa/usivezela ngemisebenzi eyafundelwa amadodana kaManyoba. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 8 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 2.9 Izimpendulo ziyokwehluka. Abathi kuyiqiniso bayothi: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Inkosi uSimakade nguye owaqeda izimpi phakathi kwaMaChunu naBathembu. Lokhu inkosi yakwenza ngokuthi ithathe intombi yenkosi yaseBathenjini yayenza umndlunkulu waseMachunwini. Inkosi yaseBathenjini yayingeke isakwazi ukuphaka impi iyibhekise esizweni lapho kugane khona ingane yakhe. √/  Le mizamo yakhe yenza ukuthi kube nokuzwana okukhulu phakathi kwaMachunu kanye naBathembu. √/  USimakade waba yinkosi yokuqala eyaba nomshushisi oneziqu zaseNyuvesi. Lo mshushisi wayekhokhelwa yisizwe. Lokhu kwakhombisa obukhulu ubuhlakani. √ Abathi akulona iqiniso bayothi: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Wayengakwazi ukuletha intuthuko kubantu bakhe. √/  Abantu bakhe babegqilazwa abeLungu emapulazini kodwa engakwazi ukubavikela. √/  Wayengenawo amandla okusiza abantu bakhe ukuthi balime ngokukhululeka. √ (2) 2.10 Izimpendulo ziyokwehluka. Abathi kwakuyisenzo esingamukelekile bayothi: Asamukelekile ngoba ... Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo:  Uma ingane uyivuna ikhula ingayazi into elungile kanye naleyo eyihlazo. √/  Ingane ifunda ngokusolwa, uma uhlale uyivuna ikhula ingenayo imfundiso eyisisekelo yasekhaya. √/  UMaNene wadonsa uninazala ngendlebe ukuthi angaphindi ahluphe indodakazi yakhe ngokuyiyala ngokuhamba ebusuku. √/  Isenzo sakhe sokuvumela indodakazi yakhe ukuthi ihambe umathanda ebusuku sasingakhombisi ubuqotho obulindeleke kumuntu ongumzali. √/  Ingane yakhe yagcina isingene enkingeni yokuvinjezelwa ngumfana yaze yalanyulelwa ngugogo wayo. √/  Ingane yagcina isimsola futhi ingasamhloniphi ngoba yayisibonile ukuthi uyayidukisa. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) Abathi kwakuyisenzo esamukelekile bayothi: Samukelekile ngoba ... Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo:  Umzali uke angathandi ukuthi ingane yakhe ilulekwe abantu abanye ngaphandle kwakhe. Usuke ebona ukuthi bazoyididisa.√/  Wayefuna ukuthi ayinike inkululeko. √/  Wayefuna kube iyona ezithathela izinqumo zayo ukuze ingasoli muntu uma izinto sezonakele. √/  Wayeyilungiselela impilo lapho seyifunda esikhungweni semfundo ephakeme, engasekho eduze kwayo.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (3) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 9 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQESHANA D 2.11 Babengafuni ukuhluphekela ezandleni zezingane zabo. √ (1) 2.12 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  UManyoba uyachaza ukuthi uMfundisi Zakwe bahlangana naye eMnambithi wabathatha wabayisa emzini wakhe ngoba kwase kuhlwile.√/  UMfundisi weluleka uManyoba noMaNdlovu ngokuthi bangaduki nezwe kodwa baye kohlala endaweni egcina abantu abadala abangakutholi ukunakekelwa yizingane zabo. √/  Le ndawo uMfundisi ayebatshela ngayo oManyoba babeyazi futhi ukube babeyicabange kwasekuqaleni, ngabe abazange bacele usizo ezinganeni zabo. √ (2) 2.13 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Bobabili babevumelana ngombono wokuthi babezothenga ukudla baphinde babanike nemadlana encane yokuthenga izinto ezincane. √√/  Bobabili babevumelana ngombono wokuthi kufanele balethele abazali babo ukudla njalo ekupheleni kwenyanga lokhu babezokwenza ngokushintshana. √√ (2) 2.14 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  UNgobese lincane iqhaza alibambile kule noveli.√/  Uvela ngenxa yesimo sokuthi uManyoba wayekhushulelwe esikhundleni esingconywana ngakho-ke lezi zindaba kwakumele azibikelwe yinduna yakhe kuqala. √/  Indaba ibingaqhubeka ngaphandle kwakhe.√/  Alukho udweshu oluthinta yena ngqo kule noveli.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 2.15 2.15.1 Ukuqhamukela kumuntu ungahlosile.√√/Ukufikela kumuntu ungahlosile. √√ (2) 2.15.2 Ukuqamba amanga.√√/Ukukhuluma iphutha. √√ (2) 2.16 Siyaguquguquka ... Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: Kule noveli isimo senhlalo asisihle ngoba ...  Esingenisweni kuvela abantu besebenza emapulazini kodwa bengaholi futhi bengakwazi ukuba nomhlaba wabo. √/  Abakwazi ukusebenzisa umhlaba ukuze bazuze bese bondla imindeni yabo ngakho-ke baba izigqila zabeLungu basemapulazini besebenzela isithupha.√/  Kuze kudingeke ukuthi beqe epulazini uma befuna ukuhola imali ebhekile njengoba kwenza uManyoba mhla eyofuna umsebenzi eGoli.√/  Omakoti abasakwazi ukuhlalisana nomamezala kanye nobabezala njengoba uMaNene wayehlukumeza uMaNdlovu.√/  Izingane azifuni ukondla abazali bazo nakuba sebezifundisile khona ziyobasiza uma sebebadala. Amadodana kaManyoba ayengafuni ukubondla bezihlalelele emzini wabo.√/ Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 10 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka Kule noveli isimo senhlalo sihle ngoba ...  Izinsizwa zangakubo kaManyoba zimsiza emva kokweqa kwakhe epulazini.√/  Ngesikhathi engakawutholi umsebenzi eGoli, zamhlalisa lapho ezazihlala khona ehositela.√/  Izinsizwa zazizwelana bese ziyafakana uma kunezikhala zomsebenzi.√/  Izinsizwa zazingenawo umona uma insizwa yangakubo ikhushulelwe esikhundleni emsebenzini.√/  UManyoba wasebenza, wakwazi ukufundisa izingane zakhe.√/  Amanye amadoda ayethembekile engayilahli imindeni yawo yize ayesesebenza eGoli.√/  UManyoba wawina iLotto eyenza ukuba isimo senhlalo ekhaya lakhe sibengcono.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 2.17 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  UManyoba ukhombisa ukubekezela okukhulu endabeni. Ziningi izinkinga abhekana nazo esakhula, esesebenza nalapho esenomndeni. Kukho konke lokhu kuhlupheka akalilahli themba usebenza kanzima. √√/  Kwaba njalo nangesikhathi esegugile eselahlwa yizingane zakhe ulokhu ebambelele ethembeni njalo nje futhi ugcina ephumelele.√√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) [35] NOMA UMBUZO 3 UMSHADO – N Zulu ISIQESHANA E 3.1 ULindiwe. √ (1) 3.2 Wabona amakopi otshwala ayengesenalutho. √√ (2) 3.3 OKUBILI kwalokhu:  Othisha abaningi baqala ukumbalekela emva kokuzwa ukuthi uthandana nomfelokazi. √/  Abanye babekloloda bebhinqa igama lomfelokazi lingaphumi emilonyeni yabo. √/  Wayecasulwa ukuthi uSfiso umbuza/umtshela izinto ngoTholakele. √ (2) 3.4 Waphupha uyise eza kuye noLindiwe embambe ngesandla. √√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 11 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 3.5 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  UBhatomu wayefuna ukungena uTholakele ngenkani. √√/  UBhatomu wayeyimbangi enkulu kaBhekani. √√/  Njalo uma behlangana uBhatomu wayelwisa uBhekani. √√/  UBhekani wayenalo ulwazi lokuthi uBhatomu uyisiqhwaga ngakho-ke wayembona njengomuntu oyingozi empilweni yakhe. √√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 3.6 Umoya wokwethuka/wokukhathazeka/wokwesaba√, uBhekani nonina babexakwe yile ndaba yokulahleka kukaLindiwe. Babengazi noma amadoda ayehamba ngemoto ebomvu amyise ekhaya noma amdlwengulile yini maqede amshiya kanjalo ehlathini/ambulala.√ (2) 3.7 Lichaza ukuphenya udaba noma ukwenza imizamo yokuthola ulwazi ngento ebucayi/ukusesha. √√ (2) 3.8 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Umlandi usitshela/usichazela ngenkulumo phakathi kukaBhekani nomama wakhe mayelana nokulahleka kukaLindiwe. √/  Usitshela/usichazela ngemicabango kaBhekani ngesikhathi esendleleni eya endlini kaTholakele.√/  Usilandisa/usivezela ngesimo ingaphakathi le ndlu kaTholakele elaliyiso ngesikhathi kufika uBhekani.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 3.9 Izimpendulo ziyokwehluka. Abathi kuyiqiniso bayothi: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Wabaleka emzini esazilile ngoba engahambisani nesiko lokungenwa.√/  Waqoma uBhekani esazilile, umuntu owazisayo amasiko esintu wayengeke asenze isenzo esifana nalesi. √/  Wavumela uBhekani ukuthi amlobole yize wayesazilile. √/  Ngesikhathi uBhekani emtshela ukuthi ngosuku ayovakasha ngalo kubo kuyomele kushiswe impepho abikwe uTholakele kwabaphansi. √/  Ngesikhathi uBhekani etshela uTholakele ukuthi kuyomele kushiswe impepho abikwe kwabaphansi, uTholakele waphendula ngokuthi akezwani nezinto zamasiko. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) Abathi akulona iqiniso bayothi: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Wayekade ezazi izinto eziphathelene namasiko kodwa engahambisani nokuthi kusetshenziswe isiko ukuze kucindezelwe abantu besifazane. √/  Wayekuthanda ukulotsholwa njengoba aze watshela uBhekani ukuthi akathumele ilobolo kuZenze. √/  Bakhona abantu abasebenza imisebenzi lapho khona bengeke bakwazi ukugqoka inzila. Ukungayigqoki kukaTholakele inzila ngendlela, akusho ukuthi wayengezwani namasiko. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 12 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 3.10 Izimpendulo ziyokwehluka. Abathi kwakuyisenzo esingamukelekile bayothi: Asamukelekile ngoba ... Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo:  Wayencisha izingane azifundisayo ithuba lokuthola imfundo efana neyazo zonke izingane.√/  Wayefana nesigebengu esihola imali kahulumeni singasebenzanga ngokwanele nangokuzinikela.√/  Wayekhombisa ukuzicabangela yena nezidingo zakhe. Wakhohlwa ukunaka izidingo zabafundi bakhe. √/  Lesi senzo sakhe sasikhombisa ukuthi wayengeyena uthisha wobizo osebenza ngobuqotho nokuzinikela ngaso sonke isikhathi. √/  Kwakumele aye koqhetha kubo kwesoka lakhe ngesikhathi sakhe angasebenzisi isikhathi sikahulumeni. √/  Isenzo esifana nalesi esenziwa nguLindiwe siyihlazo kubo bonke othisha. IsiZulu siyasho ukuthi zifa ngamvunye. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) Abathi kwakuyisenzo esamukelekile bayothi: Samukelekile ngoba ... Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo:  Wayekade azi ukuthi uphambili ngomsebenzi wakhe ngakho-ke zazingeke izingane zisalele emuva emsebenzini wazo wesikole. √/  Wayebona ukuthi makalungise izinkinga zakhe ukuze zinciphe noma ziphele. Lokhu kwakuzomenza akwazi ukusebenza ngaphandle kokukhathazeka. √/  Abasebenzi banalo ilungelo lokuthatha izinsuku ezithile zomhlabakhefu wokugula ngokomphefumulo noma ngokomzimba. √/  Wayenza imizamo yokuthi impilo yabo noBhekani ihleleke futhi ibuyele esimweni esijwayelekile. √/  Othisha nabo bangabantu ngakho-ke banesidingo sokuthandwa njengawo wonke umuntu. Lesi sidingo asikwazi ukulinda. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (3) KANYE ISIQESHANA F 3.11 Wakhumbula ukuthi konje ufike ahluleke ukubuza uTholi izinto asuke ezizwe ngabantu noma ngomama wakhe. √ (1) 3.12 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Umama kaBhekani umtshela ukuthi ayikho into angabe esayenza manje ukugwema ukushada nomfelokazi onguTholakele. √/  Umyalela ukuba atshele umfelokazi onguTholakele ahlukane nayo yonke le mikhuba ayigilayo uma efuna ukuzogana kwakhe. √/  Uma uTholakele eqhubeka nokwenza izinto ezingafanele, uyosonteka intamo afe uhlangothi.√/  Umama kaBhekani uthi uma idlozi limcasukele ngempela uTholakele ngeke bashade.√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 13 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 3.13 Bobabili abamnikezanga uBhekani impendulo ngoba...  Kwakubonakala sengathi kukhona abakufihlayo abangafuni ukukutshela uBhekani. √√/  USifiso wathi akazi ukuthi uTholakele wabe ephethwe yini. Unesi yena wabika ukuthi kusahlolwa abakabi nolwazi oluphelele. √√ (2) 3.14 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  UNesi lincane iqhaza alibambile kule noveli. √/  Uvela ngenxa yesimo sokuthi uTholakele walaliswa esibhedlela emva kokudla izidakamizwa ngokweqile. √/  Indaba ibingaqhubeka ngaphandle kwakhe.√/  Alukho udweshu oluthinta yena ngqo kule noveli.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 3.15 3.15.1 Ukuhlebela umuntu indaba/ Ukumxwayisa ngesimo esithize alengela kuso.√√ (2) 3.15.2 Ukumangala ukhungatheke ungazi ukuthi uzophendula uthini/ ukungakholwa into oyizwayo√√ (2) 3.16 Siyaguquguquka ... Kule noveli isimo senhlalo asisihle ngoba ... Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Kutholakala abalingiswa abahlala eNyawushane okuyindawo enobugebengu obehlukahlukene.√/  Uma abantu behamba ebusuku kule ndawo, bahamba ngokwesaba ngenxa yobugebengu njengoba uBhekani ahlaselwa abantu ebusuku. √/  OTholakele noPamella babedayisa izidakamizwa. √/  OTholakele noPamela babeqola abantu imali njengoba benza kuBhekani behlangene noZenze. √/  Kwakunezinkulumo zokuthi kukhona imoto ebomvu ethatha amantombazane ayodlwengulwa bese eyabulawa. √ Kule noveli isimo senhlalo sihle ngoba... Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Omakhelwane bakaTholakele beza ukuzolamula ngesikhathi kulwa uBhekani noBhatomu. √/  Kukhona abantu abanobungane beqiniso kule ndawo njengoba uSifiso wayemxwayisa aphinde ameluleke umngane wakhe uBhekani. √/  Abantu basakwazi ukumela iqiniso njengoba umalume kaBhekani wazikhipha ezindabeni zamalobolo ngenxa yokuthi wayengahambisani nesinqumo sikaBhekani. √/  Amaphoyisa akule ndawo asebenza ngokuzimisela nangokuzikhandla ngoba akwazi ukubamba izigilamkhuba ekugcineni. √/  Abazali basakwazi ukuqikelela izinto eziphathelene namasiko kanye nosikompilo njengoba umama kaBhekani wayezimisele ukufundisa indodana yakhe. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 14 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 3.17 Umbhali uphumelele ukuveza uBhekani njengomlingiswa ongakwazi ukulawula imizwa yakhe yothando/yenkanuko. Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  UBhekani bamxwayisa bonke abantu ababesondelene naye ngemikhuba eyayenziwa nguTholakele kodwa yena wayevele abatshele ukuthi akakwazi ukunqamula uthando lwakhe noTholakele.√√/  Kwathi noma esezibonele uTholakele emuncana noPamella amabele waqhubeka yena nokuthandana noTholi. √√/  Nephupho likababa wakhe osewashona lalikucacisa ukuthi akahambisani nokuthi indodana yakhe ithandane nomfelokazi. Yize kunjalo yena waqhubeka nokuthandana noTholi.√√/  UBhekani wayeshiya uLindiwe endlini ahambe aye kuTholi.√√/  UBhekani uzisholo yena ukuthi wayemhalela uTholakele okukhombisa ukuthi wayelawulwa inkanuko.√√/  UBhekani wayethanda ukuthi uma behleli noTholakele abuke amathanga akhe uTholakele. √√/  UBhekani wayethi uma behleli noTholakele ahluleke ukuzibamba bese beyagonana.√√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) AMAMAKI ESIQEPHU A: 35 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 15 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU B: UMDLALO UMBUZO 4: ABABULALI BENYATHI – RM Mngadi ISIQESHANA G 4.1 Inkulungwane yamarandi.√/R1000.00√ (1) 4.2 Wenziwa ukuthi akamhloniphi ubiza imihlangano engamtshelanga.√ (1) 4.3 NguMaShezi √ Nguyena owaya enkosikazini uShandu uMaNgema, eyomnxusa ukuba babonise abayeni babo ukuba baqede udlame endaweni.√ (2) 4.4 UMbandlwa ngamsikaza ngenduku maqede yena wagxuma wazishayisa echosheni lobonda lwekilasi.√√ (2) 4.5 Wayesaba ukuthi izinkomo zizolimala izinselo uma zihamba etiyeleni.√√ (2) 4.6 C√/Isimo sokuxabanisa√ (1) 4.7 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Ukungaceli kukaDuma imvume yokwenza izinto endaweni. √√/  Ukubamba umhlangano nokufaka izaziso zomhlangano ngaphandle kwemvume.√√ (2) 4.8 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: Inkosi uShandu ingumuntu ...  ongabahloniphi abanye abantu ngoba ubiza uMbandlwa ngesilima. √√/  obukela phansi abantu abangenazo izikhundla ababekwe kuzo ngokwenqubo yobukhosi bendabuko ngoba ubiza uDuma ngomfokazana okukhombisa ukumedelela. √√/  osaba ukulahlekelwa amandla akhe, funa ukubambelela kulokhu okudala akujwayele. Ubiza umzabalazo ngedungabantu okukhombisa ukuthi akahambisani nabantu ababelwela umzabalazo. √√/  akayilaleli imibono emisha eqhamuka nabanye abantu. Akamsoli uDlamini ngokushaya uMbandlwa owayenemibono kwezombusazwe eyehlukile kuneyabo. √√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 4.9 Wayeboshelwe ukushaya uMbandlwa ngesikhathi kunomhlangano esikoleni owawubizwe nguDuma, ikhansela.√√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 16 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 4.10 Abathi kwakuyisenzo esihlakaniphile bayothi yebo: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Wayephephisa impilo yakhe kulabo ababefuna ukumbulala.√/  Ayikho enye indawo ayengabalekela kuyona ngaphandle kwasesiteshini samaphoyisa. √/  Babazana nosayitsheni ngakho-ke kwakulula ukuba akhulumisane naye ngenkinga esivelile.√/  Wayeseke wasebenzisana namaphoyisa ngaphambilini ngakho-ke ayekuqonda kahle okwakwenzeka emphakathini. √ NOMA Abathi kwakuyisenzo esingahlakaniphile bayothi cha: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  UDuma nguyena owayeyisisusa sodlame endaweni ngokungathathisi enkosini.√/  Akakhombisanga ukuba ngumholi oqotho ngoba waqhatha abantu wayesebaleka yena eseya emaphoyiseni. √/  Kwasekusele yena kuphela endaweni ongumholi inkosi uShandu isesibhedlela.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 4.11 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo:  Kwakufanele achazele amakhosi nemikhandlu yawo ukuthi yini umbuso wentando yeningi.√/  Kwakufanele uHulumeni ahlanganise iNkosi uShandu neKhansela uDuma kuqala.√/  Kwakufanele ethule izinhlelo nezindlela okwakuzolethwa ngazo intuthuko endaweni.√/  Kwakufanele kuchazwe iqhaza elalizobanjwa yikhansela kanye nenkosi ekuletheni intuthuko endaweni yasemakhaya ukuze bakwazi ukusebenzisana kahle. √/  Kwakufanele ahlele umhlangano lapho okwakuzokwethulwa khona zonke izinhlelo zentuthuko neqhaza okumele libanjwe umphakathi.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (3) KANYE ISIQESHANA H 4.12 Kwamnika ithemba ukuthi isikhulu soMnyango wezeNdabuko sathembisa ngokuthi sizobikela abenhlangano yakhe uDuma emazingeni aphezulu.√ (1) 4.13 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Ukuvikela amalungelo abantu.√√/  Kufanele umuntu alifune ilungelo lakhe bese enikeza abanye abantu ilungelo.√√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 17 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 4.14 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Waphathwa yisiyezi, wawa. √/  Waphuthunyiswa esibhedlela kwatholakala ukuthi uphethwe isifo senhliziyo.√/  Walaliswa esibhedlela.√ (2) 4.15 Umqhathi kulo mdlalo izinguquko kwezombusazwe√ Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Lezi zinguquko zidala ukushayisana phakathi kwabaholi endaweni kanye nabalandeli babo.√/  Akekho ofuna ukuzehlisa noma ukwehlela ngezansi√/  Kuba khona ukushayisana phakathi kwezokubusa kwendabuko kanye nokubusa kwentando yeningi.√/  Abaholi bavuma ukulawulwa ngamashoshozela.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) Umqhathi kulo mdlalo uMbandlwa√ Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  UMbandlwa wayehlohla uDuma ukuthi angayihloniphi inkosi. √/  Babenza imihlangano endaweni yenkosi ngaphandle kokuyazisa. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) Umqhathi kulo mdlalo uDlamini√ Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Wayegqugquzela ukungezwani phakathi kwenkosi noDuma. √/  Washaya uMbandlwa ngesikhathi kade kunomhlangano esikoleni. Lesi senzo sakhe sadala ukuthi kubhebhetheke udlame kule ndawo. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 4.16 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Inkosi uShandu benekhansela uDuma, bahlala endaweni eyodwa lapho bebiza khona imihlangano.√/  UDuma umemezela ngombhobho khona endaweni yenkosi, lokhu kwenza ukuba kube nokushayisana phakathi kukaDuma noDlamini induna yenkosi.√/  Umhlangano owawubizwe nguDuma wawusesikoleni eNdabuzekwayo esisendaweni yenkosi uShandu.√/  Izaziso zazichonywa khona endaweni ababehlala kuyo oDuma noShandu.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 18 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 4.17 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: Inkinga eyethulwa esingenisweni ukushayisana kwezindlela zokubusa endaweni. √ Le nkinga yaxazululwa ngalezi zindlela:  Kwaba ukufundwa kwencwadi eyeyibhalwe yinkosi uShandu ifundwa uMfundisi uMazongolo.√/  Baxolelana abantu ngenxa yokuthi abaholi base bethelelene amanzi.√/  Kwaba khona ukuhloniphana kwanqamuka nodlame endaweni.√/  UMaNgema noMaShezi bahlangana baxoxisana /babonisana nabayeni babo. Bavimba ukuchitheka kwegazi.√ (2) 4.18 Yimbangalusizi√/Imelodrama√ ngoba:  Kunokungqubuzana kwemibono.√/  Kubangwa amandla okuphatha phakathi kwenkosi nekhansela.√/  Abantu bayahlaselana endaweni.√/  Kuze kuphume imiphefumulo esizweni senkosi.√ (2) 4.19 Imibono iyokwehluka: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: Abathi wayeyogculiseka bayothi yebo:  Wayengeke akujabulele ukufa kwabantu endaweni.√/  Ukuqhubeka kwempi kwakuzobeka impilo yakhe nekaDuma engcupheni.√/  Ukuqhubeka kwempi kwakuzomisa izinhlelo zentuthuko endaweni.√/  Inhlangano yabo yayingagcina ibakhiphile ezikhundleni uma kutholakala ukuthi yibona abaqhatha abantu endaweni. √ NOMA Abathi wayengeke agculiseke bayothi cha:  UMbandlwa wayemzonda uDlamini nenkosi uShandu, ngakho-ke wayengeke asijabulele isixazululo sokuthi inkosi isebenzisane noDuma.√/  UMbandlwa naye wayefuna ukuba nesikhundla ukuze ahlonipheke naye emphakathini ngakho-ke ukusebenzisana kwenkosi noDuma kwakuzomnciphisela amathuba. √/  Wayekholelwa ukuthi uDuma ungcono kunenkosi ngoba yena wakhethwa ngabantu, ngakho-ke ukusebenzisana kwakhe nenkosi kwakuzobe kungukuzehlisa.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) [35] NOMA Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 19 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka UMBUZO 5: ICALA KALIBOLI – VM Mbhele ISIQESHANA I 5.1 Imali amkweleta yona.√ (1) 5.2 Yingoba wayesebonile ukuthi kuza uMbhele.√ (1) 5.3 NguDlamini/ubaba wakwamakhelwane. √ Kwavela ngesikhathi uSonto exoxela uMaMkhize emvakashele ejele.√ (2) 5.4 Okukodwa kwalokhu:  Ngizokunikeza enginayo, engingenayo anginayo.√√/  Lalela la! Wena sigebengu ndini ngizokunika imali yakho bese uyaphuma uphele empilweni yami.√√/  Uma uphuma lapha uhlukane nokuphatha isibhamu ngesandla ngoba uzozixabanisa nami. √√ (2) 5.5 Babenenkinga eyayivimba ukuthi bahlanganyele esontweni.√√ (2) 5.6 C√/Ukuphindela emuva√ (1) 5.7 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  USonto waya kummeli uNtshangase eyobheka izimali zamafa omyeni wakhe, wafika wathola ukuthi uMbhele washiya esefake umbandela wokuthi angathintwa amafa akhe engakatholakali umbulali.√√/  Ukufika kukaMthofi noToronto kwaSonto ebusuku bedakiwe bezofuna imali yabo.√√ (2) 5.8 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  UMthofi akahloniphi futhi uyedelela ngendlela akhuluma ngayo noSonto. UMthofi ubiza uSonto ngodoti. √√/  Unesihluku esimenza angasabi ukuzwisa umuntu ubuhlungu enyameni. Uthi uzombhodloza isifuba okukhombisa ukuthi unodlame √√/  Unesibindi sokungena emizini yabantu emini ka bha bese ebathembisa ukubabulala. Uthi uyafa namuhla uSonto okungukumsongela.√√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 5.9 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Wayeboshelwe ukubulala unkosikazi kaMbhele uMaNtuli. √√/  Wayeboshelwe ukubulala uMbhele. √√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 20 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 5.10 Abathi kwakuyisenzo esihlakaniphile bayothi yebo: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Kwakungenzeka ukuthi isonto asonta kulo alibavumeli ukuba abafundisi bashade.√/  Indawo ayanele ukuhlala nomndeni.√/  Kwakungenzeka ukuba wayengakuthandi ukuba nomuntu azohlala naye.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) NOMA Abathi kwakuyisenzo esingahlakaniphile bayothi cha: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Akuphephile ukuba umfundisi ahlale yedwa ngoba sebubuningi ubugebengu bokuhlaselwa.√/  Kungenzeka ahlushwe ngabantu bemcela indawo yokuhlala. √/  Kwakungenzeka ahlushwe abantu besifazane bemheha befuna ashade nabo ukuze babe ngomama bebandla. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) 5.11 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo:  Wayengaya koyiboleka ezindaweni ezibolekisa ngemali noma kubantu abaziyo. √/  Wayengaya kofuna umsebenzi ukuze athole imali.√/  Wayengakhuluma nabomndeni wakhe bamelekelele.√/  Wayengacela ukuyosebenza emabhizinisini omyeni wakhe athole imali.√/  Wayengayofundela umsebenzi wamakhono athile ukuze agcine esezisebenza.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (3) KANYE ISIQESHANA J 5.12 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Wayefuna ukuthi uMaMkhize azi kahle ukuthi kwenzakalani ngoSonto. √/  UMaMkhize wayelokhu ebuza ukuthi ngobani laba ayekhuluma nabo ngaphandle uSonto.√ (1) 5.13 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Ukuboshwa kukaSonto ngobugebengu bakhe obuningi.√√/  Ukulandela kahle umkhondo kukaNhleko aze athole wonke amaqiniso okufa kukaMaNtuli, umfundisi noMbhele.√√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo umfundi) (2) 5.14 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Wagcina esehlala nogogo wakhe emakhaya.√/  Washintsha isikole ayefunda kuso.√/  Akabange esalithola ithuba lokuhlala/lokukhuliswa ngabazali bakhe.√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 21 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 5.15 Umqhathi kulo mdlalo isimo sokuthanda imali ngokweqile.√ Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  USonto wathi ufuna uMthofi ayombulalela uMaNtuli ngoba efuna ukuyongena emafutheni/emalini.√/  USonto wakha icebo lokuthi kubulawe uMbhele ngenxa yokuthanda imali.√ (2) 5.16 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: Izigameko ezenzeka lapho kuhlala khona uSonto edolobheni:  UMaNtuli ubulawela kuyo le ndawo ebulawa ngoMthofi noToronto.√/  USonto wenza ubugebengu njengokuhlangana nezigebengu emzini wakhe uma uMbhele engekho.√/  uMbhele wabulawa eya edolobheni.√ Izigameko ezenzeka emakhaya lapho kuhlala khona uMaMkhize:  UNhleko wafika ezobuza uMaMkhize ngokuvakasha kukaSonto ngobusuku okwashona ngalo uMfundisi. √  USonto wafika ebusuku emzini kamama wakhe ezoshiya uZinhle.√  UNhleko wabopha uSonto esathi uyaphuma emzini kamama wakhe.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) 5.17 Inkinga eyethulwa umbhali ekaMthofi ezobelesela imali yakhe kuSonto.√/ Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Le nkinga ayixazululekanga ngoba uSonto akazange abe nayo imali yokukhokhela izigebengu. √/  Imali ayeseyitholile uSonto wayithatha uDlamini. √/  USonto akayitholanga imali yefa lomyeni wakhe. √/  USonto ugcina eboshiwe ngenxa yamacala akhe awenza.√/  uMthofi noThoronto bayaboshwa kanye naye uSonto emveni kokukhipha amaqiniso ngobugebengu bazo noSonto.√ (2) 5.18 Yimbangalusizi √/Imelodrama √ ngoba:  Umdlalo uqala kubulewe uMaNtuli ebulawa yizigebengu ezazithengwe nguSonto.√/  Kuvela uSonto esongelwa yizigebengu ezabulala uMaNtuli zifuna imali yazo.√/  USonto udubula umfundisi ukuze athole yonke imali yomnikelo abese ekhokhela izigebengu imali yazo.√/  USonto uphinde ahlele nezigebengu ukuthi kubulawe uMbhele ukuze athole imali yamafa.√/  Emva kokufa kukaMbhele izigebengu noSonto bayaboshwa bese kuphuma wonke amaqiniso.√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 22 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 5.19 Imibono iyokwehluka: Abathi wayeyogculiseka uMbhele bayothi yebo Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Wayeyokujabulela ukuthi bagcine betholakele ababulali benkosikazi yakhe.√/  Wayeyokujabulela nokuthi bathole isijeziso esibafanele.√/  Wayeyokujabulele ukuthi uMaNsibande wagcina ephume phambili ecaleni lokubulawa koMfundisi.√/  Wayeyokujabula nangokuvela obala kwenyoka enguSonto abe ehlezi nayo.√ NOMA Abathi wayengeke agculiseke uMbhele bayothi cha: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Kwakuzovela ukuthi wayethandana noSonto esashade noMaNtuli. √/  Ukuboshwa kukaSonto kwakuzokwenza uZinhle asale engenamzali ozomnakekela. √/  Ukuboshwa kukaSonto kwakuzothela umndeni wakhe ngehlazo njengomuntu owayaziwa engusomabhizinisi endaweni.√/  Umndeni wawuzohlukana phakathi kanti wayengumuntu osebenze kanzima ukufika lapho ekhona. √/  Wayezozisola yena ngokuletha inyoka emndenini wakhe.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) [35] NOMA UMBUZO 6: ISIKO NELUNGELO – N Zulu ISIQESHANA K 6.1 NguDumisani√ (1) 6.2 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Yingoba wayeshonelwe ngumuntu ayeze ngaye.√/  Wathi usemncane yena.√/  Yingoba washonelwa umyeni esemncane.√ (1) 6.3 NguNondumiso√ Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Nguyena owaya kwaZungu wathi uyokhuluma udaba lukaThenjiwe.√/  Waxabana nobaba wakhe bebanga le ndaba.√ (2) 6.4 Isibonelo ESISODWA kwezilandelayo:  Uma engeshela nje ngiyomkhombisa ikheli. √/  Ngimbuze ukuthi ungithanda manini nje. √/  Uma enganakile futhi siyodumelana kube kuncane indawo. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 23 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 6.5 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Wayethi uDumisani mncane kunaye.√√/  Abantu bazothi wayevele emthanda kwasekuqaleni.√√/  Wayengahambisani nesiko lokungenwa.√√/  Wayenenkolelo yokuthi umuntu kumele azikhethele umuntu azothandana naye.√√ (2) 6.6 C√/Umuntu osafunda into.√ (1) 6.7 UThenjiwe wabanjwa ezama ukufakela uDumisani ushevu.√√ (2) 6.8 UMaMbatha ungumuntu ... Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Ozicabangela yena kuphela. uthi siningi isikhathi asazosihlala noThenjiwe.√√/  Ongundlovu kayiphikiswa ngokuthathela uThenjiwe izinqumo. Uthi umakoti akashiyi emzini.√√/  Ongenalo uzwelo ngesimo uThenjiwe abhekene naso. Umbuza ukuthi angeke yini esakwazi ukuhlala nabo. √√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 6.9 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  USipho wayeboshelwe ukugwaza uDumisani.√√/  Wonisa UThenjiwe emzini futhi umenza abe nenkani.√√ (2) 6.10 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: Abathi kwakuyisenzo esihlakaniphile bayothi yebo:  Kwakufanele ngoba kwakugcinwa isiko.√/  AbakwaZungu babekhalela izinkomo zabo.√/  Endaweni kuyisiko elaziwayo/elenziwayo.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) NOMA Abathi kwakuyisenzo esingahlakaniphile bayothi cha: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Isiko lisebenza kahle uma lingaphoqwa lamukeleke nhlangothi zonke.√/  Sesiphila esikhathini samalungelo, ukuphoqelela umuntu akusahambisani noMthethosisekelo. √/  Kwakufanele uThenjiwe anikwe ithuba lokuzikhethela loyo azomthanda yena. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 24 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 6.11 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo  Kwakufanele alamule.√/  Akhulume noDumisani ukuthi angambambi umuntu wesimame ngenkani.√/  Kwakufanele acele nabantu ababesesitolo bamlekelele kuvinjwe uDumisani angabambi uThenjiwe ngenkani.√/  Kwakufanele ehlele ngezansi yena angabi nodlame.√/  Abize amaphoyisa ukuthi azobopha uDumisani ngokushaya uThenjiwe. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (3) KANYE ISIQESHANA L 6.12 Kwakuwumngani wakhe omkhulu nokuthi wayemduduza uma ekhumbule uSkhumbuzo√√ (1) 6.13 OKUKODWA kwalokhu:  UThenjiwe noDumisani bagcina beshadile. √√/  Imindeni yomibili yakujabulela okwakwenzeka phakathi kwabantwana bayo.√√ (2) 6.14  UMondise wamphoxa uNondumiso wamthethisa phambi komyeni wakhe. √  Wathi angaphindi alubeke emzini wakhe.√ (2) 6.15 Umqhathi kulo mdlalo isiko.√ Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  UThenjiwe wayehlezi kahle noMaMbatha kungakakhulunywa ngesiko lokungenwa.√/  Konakala emveni kokuba kukhulunywe ngesiko lokungenwa lapho aqala khona ukungahloniphi abasemzini. √ (2) 6.16 Izigameko zenzeka ezindaweni ezahlukene zasemakhaya ngoba... Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  UThenjiwe noNondumiso bagane endaweni yangakubo.√/  KwaZungu akuqhelelene nakwaMondise kuyahambeka ngezinyawo.√/  Kulula ukuthi uNondumiso aye kudadewabo kwaZungu.√/  USipho noDumisani balwela esitolo esingakubo kaThenjiwe. √/  UThenjiwe wafakela uDumisani ushevu etiyeni esekhishini lakwaZungu√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) 6.17 Inkinga eyethulwa umbhali kulo mdlalo eyesiko uThenjiwe angezwani nalo.√ Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:  Emva kokuba uThenjiwe eshonelwe umyeni wakhe, abakwaZungu babefuna ukuthi angenwe uDumisani.√/  UThenjiwe wagcina evumile ukugana uDumisani.√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 25 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 6.18 Yimbangalusizi√/Imelodrama √ ngoba:  Kushona uSikhumbuzo indaba isaqala. √/  Ukugwazwa kukaDumisani egwazwa nguSipho. √/  UThenjiwe uzama ukubulala uDumisani ngoshevu awufaka etiyeni.√ (2) 6.19 Imibono iyokwehluka: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: Abathi wayeyogculiseka bayothi yebo  Wayezomjabulela umngani wakhe uma ekugcineni sekuze kwakhona ukuthula emzini.√/  Wayezomeseka uma eshintsha umqondo egcina egana uDumisani.√/  Kwakuyomjabulisa ukubona umngani wakhe ejabule emveni kokudlula esimeni sokushonelwa ngoba njengomuntu owayekhulele emakhaya, wayeliqonda isiko lokungenwa √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) NOMA Abathi wayengeke agculiseke bayothi cha: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Nakuba wayengumngani kaThenjiwe, kungenzeka ukuba wayemthanda.√/  Wayengeke agculiseke ngoba babesabisa uThenjiwe ngejele.√/  Yize uSipho ayelazi isiko, wayengahambisani nalo, wayebona ukuthi uThenjiwe kuhle azikhethele umuntu amthandayo.√/  Wayezocasulwa amandla nobuqili obasetshenziswa umndeni wakwaZungu ukuphoqelela uThenjiwe ngesiko.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) [35] AMAMAKI ESIQEPHU B: 35 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 26 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU C: IZINDABA EZIMFISHANE IZINYEMBEZI ZOTHANDO – DBZ Ntuli (Umhleli) UMBUZO 7 7.1 Imfihlo Kamakoti: MT Mkhize ISIQESHANA M 7.1.1 KuseSeventini √ (1) 7.1.2 Yingoba baningi befika bembikela ngokuthi babona indodakazi yakhe.√ (1) 7.1.3 '… ingane yami yabe ikuthanda ukuzula ngezinto ezihambayo engangoba yaze yafela khona emakhumbini …'√ (1) 7.1.4 URebecca wahamba noRoy wayomkhombisa lapho ayegqibe khona imali.√√ (2) 7.1.5 Umbhali usivezela ukuthi uRebecca wagcina esegwazwe ngamanye amantombazane ngenxa yokuthanda izinto zokuhamba nakuba ayesexwayiswe kaningi ngunina.√√ (2) 7.1.6 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo: Udweshu lwangaphakathi siluthola lapho uRoy ...  ekhombisa ukukhathazeka ngokufisa ukuganwa, kodwa engenayo imali ngoba wayesanda kwenza isehlukaniso/divosa. √/  ecabanga ngamagama azomehlula ngawo uRebecca uma esemcela ukuthi amgane. √/  ezicabangela ngokuthi uRebecca uyozwana noMaKhulu uma esengumakoti wakhe.√/  eshaywa uvalo khona uma esebona uRebecca okwesibili esiteshini ecabanga ukumbalekela wabuye wazikhuza. √ (2) 7.1.7 Isingeniso siyayilandela imigomo ngoba ... Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  URoy ongumlingiswa omkhulu uvela esingenisweni.√/  Inkinga abhekene nayo iyavela esingenisweni yokuthi unina usemdala sekuyamphoqa uRoy ukuthi makathathe √/  Siqoqekile isingeniso sendaba asinkanti.√ (2) 7.1.8 Ukukhala kakhulu√√ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 27 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 7.1.9 Amaphuzu AMATHATHU kwalandelayo:  Ngangiyobatshela iqiniso ngengane yami engasekho.√/  Ngangiyobonana nabathandazi bangikhulekise.√/  Ngangiyocela usizo lwezinyanga zingisize ukuvala umoya womuntu ongasekho.√/  Ngangiyocela izeluleko kulabo bantu abaziyo isimo esinjengalesi ukuthi senziwa njani.√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (3) 7.1.10 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo: Abazwelana naye bayothi: Ngiyazwelana naye ngoba:  URoy wayethi usiza umuntu wesifazane ohlwelwe ebusuku, engazi ukuthi kanti sekuwukuqala kwenkinga yakhe.√√/  Wayengeke esaba nakho ukukhululeka empilweni ngenxa yemibandela yale mali ayebekelwe yona. √√/  Kwakungaselula ukuthi azwane nomunye umuntu wesifazane ayezogcina eshade naye. √√/  Inkinga yakhe yokufuna ukulekelela umama wakhe yagcina ingaxazululekanga.√√ NOMA Abangazwelani naye bayothi: Angizwelani naye ngoba:  Kwakungalungile ukuhamba egibelisa abantu angabazi ebusuku. √√/  Wahlulwa ukuzibamba ngenxa yokuhehwa intokazi enhle engakayazi kahle esayibone kanye. √√/  Wayejatshuliswa ukuthi akulotsholwa kubokaRebecca. √√/  Wayethanda izinto ezisheshayo futhi zamahhala. √√ (Nokunye okunembayo okungashiwo ngumfundi.) (2) KANYE 7.2 Ilobolo – Sicelo Zimema ISIQESHANA N 7.2.1 Ngunina/ngumama kaMandlenkosi.√ (1) 7.2.2 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo  Wamtshela ukuthi ufuna amelekele ukufihla indodakazi yakhe.√/  Wamtshela ngokuhlupheka kwakhe. √/  Wamtshela ukuthi akanayo imali eyenele ngenxa yokuthi wadilizwa emsebenzini.√/  Wayemtshela ukuthi wethembele kuyena njengomkhwenyana wakwakhe. √ (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 28 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 7.2.3 Yingoba wayeselobolile kepha umkhwe wakhe wagodla ilobolo kanye nomakoti.√/ Waze wagodla nosuku lomshado.√ (2) 7.2.4 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  UMandlenkosi wathola ucingo oluvela kumkhwe wakhe emcela ukuba amsize ukungcwaba indodakazi yakhe.√/  UMandlenkosi wacasuka kakhulu wangamthembisa lutho umkhwe wakhe ngoba ethi wamnika ilobolo.√/  Wakhala ngokuthi wakhipha ilobolo kodwa wagcina engashadiswanga ngenxa yokuqinisa ikhanda komukhwe wakhe.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi) (2) 7.2.5 Imoto ababehamba ngayo yangena enhlekeleleni yengozi.√√ (2) 7.2.6 Izimpendulo ziyokwehluka: Abathi ilobolo lisabalulekile bayothi: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Ilobolo liyingxenye yesiko, ngakho-ke akumele linyathelwe ngezinyawo.√/  Inhloso yelobolo ukwakha ubuhlobo phakathi kwemindeni emibili.√/  Asikho isidingo sokuliyeka uma lenziwa ngendlela engenayo inhloso yokuzicebisa.√/  Ngokwesintu umkhwenyana uhlonishwa ngokwezinkomo zamalobolo.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) NOMA Abathi ilobolo alisabalulekile bayothi: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Alisayifezi inhloso yokuhlanganisa imindeni, abantu bayahlukanisa esikhathini samanje.√/  Abantu sebelisebenzisa kabi bazicebise bona kube sengathi ingane yabo bayayidayisa.√/  Lenza ukuthi abantu besilisa bazibone bengcono kunabesifazane ngoba bazi ukuthi yibona abakhokha ilobolo.√/  Abanye besilisa bagcina sebehlukumeza abantu besifazane ngoba bethi babakhokhele ilobolo.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 29 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 7.2.7 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Le ndaba ikhuluma ngomlingiswa onguMandlenkosi owagcina engaqedanga ukukhokha ilobolo kodwa ejahe ukushada.√/  Umukhwe kaMandlenkosi akazange avume ukuba uMandlenkosi ashade nendodakazi yakhe engakaqedi ukukhokha ilobolo.√/  Ilobolo liyingxenye ebalulekile esikweni lesintu.√/  Usifundisa ukuthi kufanele abantu besilisa babeke imali eyanele uma befuna ukulobola bashadiswe ngempumelelo.√/ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) 7.2.8 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Ufuna ukusikhombisa ukuthi akusibo bonke abantu besilisa abangavuma ukuhlukunyezwa emakhweni abo.√/  Ukuhlukumezeka kuyenzeka kudalwe abasekhweni uma umkhwenyana elungile bese kumenza agcine eba nolaka.√/  Abanye abantu besilisa njengomukhwe kaMandlenkosi bangogombela kwesakhe, kanti ilobolo lisuke likhishelwa ukwakha ubuhlobo.√/ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) 7.2.9 Izimpendulo ziyokwehluka Abavumayo bayothi: Samukelekile ngoba: Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Umuntu wesilisa kufanele akhokhe ilobolo elizogculisa umukhwe wakhe lelo abasuke bevumelene ngalo ukuze ashadiswe naloyo amthandayo.√/  Ayikho into eyayimphoqa ukuthi avume nosuku lomshado, kwakumele kuvunyelwane njengemindeni.√/  Abanye obaba banemithetho eqinile emizini yabo abafuna ihlonishwe.√/  Abanye obaba abafuni ukulawulwa emizini yabo, bafuna kugcine izwi labo.√ NOMA Abaphikayo bayothi: Asamukelekile ngoba:  Kwakufanele acabangele indodakazi yakhe ngoba kukhona okwase kukhishiwe kuyingxenye yelobolo.√/  Umkhwenyana wayesengaqedela noma sebehlala ndawonye.√/  Abazali akumele bavimbe injabulo yezingane zabo zamantombazane uma sezikhulile sezilotsholiwe.√/  Ngokwesiko umuntu wesifazane akaqedwa ukulotsholwa ngoba umkhwenyana isigodo sokuqhuzula. √ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) AMAMAKI ESIQEPHU C: 35 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 30 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka ISIQEPHU D: IZINKONDLO AMAHLOKOHLOKO/IZINKWAZI ZOTHUKELA – EJ Mhlanga no JJ Thwala UMBUZO 8 8.1 UNGUMZALI ONJANI – LMMS Madondo 8.1.1 Igazi lakhe/Izingane zakhe√ (1) 8.1.2 Iwisa√ Isihlangu√ (2) 8.1.3 OKUBILI kwalokhu:  Akawasingathi amachwane akhe. √/  Akawafaki endleleni.√/  Akawakhuseli/akawavikeli ezivunguvungwini.√ (2) 8.1.4 Evikelekile√/ephephile√ (1) 8.1.5 Ahlabane ngaso imizuzwana√ Asitshinge phezulu.√ Imvumelwano siqalo√ Amamaki azokwabiwa ngale ndlela elandelayo:  Imaki lokuqala elokukhipha imisho yomibili.  Imaki lesibili elokudwebela imvumelwano siqalo.  Imaki lesithathu elokubhala uhlobo lwemvumelwano. (3) 8.1.6 Umbuzombumbulu√√ (2) 8.1.7 Adle asuthe kakhulu./Adle aze azenelise.√√ (2) 8.1.8 OKUBILI kwalokhu:  Kungabikwa kwabomndeni.√/  Kungabikelwa osonhlalakahle.√/  Kungakhulunywa naloyo ahlekisana naye ameluleke.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) 8.1.9 Umbhali ubedlulisa umyalezo othi akusona isenzo esincomekayo ukuthi umzali alahle izingane zakhe.√ Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:  Izingane aziyitholi imfundiso uma zingahlali nomzali wazo.√/  Kungumsebenzi wabazali ukunakekela izingane zabo ukuze zizizwe ziphephile. √/  Izingane uma zingenaye umzali eduzane ziyalamba lokhu kungenza ukuthi zigcine sezintshontsha emzini yabantu.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (3) KANYE Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Downloaded from hlayiso.com IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P2 31 DBE/Novemba 2021 NSC – Umhlahlandlela wokumaka 8.2 INHLANSI YAKHO THULI – SB Mlambo 8.2.1 Ngisathwayiza√/Ukuthwayiza√ (1) 8.2.2 Ukushiywa nguNontando√ (1) 8.2.3 Ngasondela, ngakubona ucwebezela√√ (2) 8.2.4 A√/Waqala washela √ (1) 8.2.5  Wamthanda kakhulu lwaya ngokuya lukhula uthando.√/  Wathi uyaziba lwanganqandeka lwakhula kakhulu.√ (Nokunye okunembayo okuyoshiwo ngumfundi.) (2) 8.2.6 Ukuxhumana siqalo√ Ngakubona buqamama √ Ngakubona uyinhlansana √ Ukuxhumana okutshekile/okuyingxemu/okutshekele esandleni sokudla√ Ngakubona uyinhlansana. √ Ngasondela, ngakubona ucwebezela. √ Amamaki azokwabiwa ngale ndlela elandelayo:  Imaki lokuqala elokukhipha imisho yomibili.  Imaki lesibili elokudwebela ukuxhumana.  Imaki lesithathu elokubhala uhlobo lokuxhumana. (3) 8.2.7 Yokhela, yalanguz' ilangabi.√ Ngaziba, lakhula ilangabi.√ (2) 8.2.8 Ukunyamezela kwangiphika.√ Ukubekezela kwanyamalala.√ (2) 8.2.9 Yebo ngiyavumelana, inomoya oxubile wothando nosizi: √  Ngasekuqaleni kwenkondlo, imbongi iyabalisa ngokushiywa nguNontando dengwane. Iyakhala ngenxa yosizi neminjunju yokwaliwa. √/  Uma siqhubeka nokuyifunda inkondlo, imbongi ithobeka (3) amanxeba ngokuthola uthando olusha kuThuli. √ AMAMAKI ESIQEPHU D: 35 AMAMAKI ESEWONKE: 70 Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

Published documents with matching subject and grade metadata.

Matched using subject, grade, language, document type and exam metadata.

More from Grade 12 Isizulu Fal

Explore more published documents in this catalogue.

View all